ku-Eksodusi 19:4-6 uJehova ethi kuMose:
“Nikubonile engikwenze kwabaseGibhithe, nokuthi nginithwale kanjani ngamaphiko okhozi nganiletha kimi.
Ngakho-ke uma nilalela ngokucophelela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyokuba yisabelo sami esiligugu phakathi kwazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami. Niyakuba ngumbuso wabapristi kimi, nesizwe esingcwele!”
Isihlabelelo 57
1.Sifuna indlela
Yokuya ekhaya
KuJehova iNkosi yethu
uMdali wezulu.
Chorus: INdlela eya ekhaya
Yedlula en gozini.
2.Sifuneleni abathunyiweyo
Ukuhola abaningi
Ukubayisa kuMhlali nezZion
Emzini wokuphumula.
Chorus
3.Ibalimazile abaningi
Abayithandayo,
Ayanqikaza ayesaba amagwala
Athi kungcono ukufela emuva.
Chorus.
4.Qiniselani nina maqhawe
Ngaleyo Ndlela
Ekupheleni kwalezo zihlungu
Niyongena eKuphakameni.
Chorus.
1.Angazi ukuthi kwabanye abantu lesi sihloko esithi sonke simenyelwe umbuso wezulu sibafikiselani.
2.Ayikho into ebuhlungu njengokuthi wazi izinto ezinkulu ngoNkulunkulu, kodwa ungaze waqonda ukuthi lolulwazi uzolwedlulisa kanjani kwabanye abantu, ngoba ngobuwula abazi ukuthi lento obanika yona iphethe izimpilo zabo!
3.Okokuqala uyaye ungazi ukuthi ukuze umuntu akholwe ngomtshela khona, kumele wenzeni?
4.Okwesibili, noma bekuqonda okushoyo, kodwa bakubona kuyinto bona engabathinti! Abazi ukuthi kuza isikhathi lento oyikhulumayo iyogcina ithinta bona ngqo!
5.Ingqondo yabo ngombuso wezulu ifana neyengane esafunda ukukhasa, ngoba ibamba ngisho umlilo, uma uyisusa kuwo bese iyakhala, ngoba ayazi ukuthi ukuyisusa emlilweni ukusindisa yona!
6.Banjalo-ke abantu abaningi uma sekuza endabeni yasezulwini, bayaye babone ukuthi uma ubakhumbuza ngayo, uyabahlupha, kanti wena uyalwazi usizi abasazobhekana ekudluleni kwabo kulomhlaba!
7.Ngiyafisa ukuba sonke sikhumbuzane ngamazwi kaJehova owawasho kubantwana bakwa-Israel, lapho ku-Eksodusi 19:4-6 uJehova ethi kuMose:
8.“Nikubonile engikwenze kwabaseGibhithe, nokuthi nginithwale kanjani ngamaphiko okhozi nganiletha kimi.
9.Ngakho-ke uma nilalela ngokucophelela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyokuba yisabelo sami esiligugu phakathi kwazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami. Niyakuba ngumbuso wabapristi kimi, nesizwe esingcwele!” Amen!
10.Ngiyafisa bantwana baseKuphakameni ukuba sazi ukuthi uNkulunkulu uyasithanda kakhulu; asikho esinye isizwe emhlabeni uJehova osithanda njengabantwana bakwa-Israel!
11.Njengoba uJehova esho, uNkulunkulu umhlaba wonke kanye nezulu kungokwakhe, kuphethwe nguye!
12.Kodwa thina umehluko wethu kuNkulunkulu ukuthi UYASITHANDA KAKHULU NGAPHEZU KWABO BONKE ABANYE ABANTU, wathi SINGABANTWANA BAKHE!
13.Kwesinye isikhathi kuyadinga ukuthi wamukele lokho onikwe khona, ungabuzi ukuthi kunikwe mina ngedwa ngoba nginjani.
14.Kufanele ukwamukele ukuthi unikwe ngoba uthandwa, bese kugcina lapho, ungalokhu uphenya okungaphezu kwalokho, ngoba lokho ngokukaNkulunkulu!
15.Ngake ngachaza ukuthi ngo 2005 ngabona sekufika ingane kimi ngisemzini wami, yathi kuthiwe ayizongibiza. Uma ngifika kulomuzi owawunomuntu onesithunywa, kwase kukhuluma umuntu kuye, wathi: “Mina ngisuka ezulwini, ngangingumshumayeli kaBabamkhulu.
16.Okokuqala angikutshele ukuthi laba bantu bakithi abahleli kulomntwana engikhuluma kuye, isenzo sabo sokuhlala kumuntu asamukelekile, ezulwini akavunyiwe ukuthi umoya wakho ubuyele emhlabeni uzohlala komunye umuntu.
17.Kodwa ngithe akebesuke eduze kwalentombazane ngoba kukhona into ephuthumayo engifuna ukuyedlulisa kuywe!
18.Mina ngingukhokho walomntwana engikhuluma kuye. Lomntwana, engikhuluma ngaye ,naye ngingukhokho wakhe, wena ucabanga ukuthi ukukhonzile, kodwa akunjalo, uthengiwe, ufuna ukukubulala!
19.Kodwa wena akekho umuntu ongakwazi ukubulala, ngoba uyathandwa ezulwini! wena uNkulunkulu uyakuthanda!
20.Kodwa manje ngesaba ukuthi uma kungenzeka ingozi lomntwana agcine ngokukubulala ngomuthi, mina nomndeni wami soxoshwa ezulwini, ngoba wena uyathandwa kakhulu ezulwini!
21.Yangithinta lento egcizelelwa yilomuntu yokuthi ngiyathandwa ezulwini, kodwa angaze ngazi ukuthi ngithandwa ezulwini ngoba kwenze njani, ngamukela lokho lomuntu ongumoya okushoyo!
22.Ziningi nezinye izinto ezakhulunywa yilomuntu engingazange ngiziqonde, kodwa konke ngakushiya lapho!
23.Ungangibuzi lutho-ke ngalenkulumo eyayikhulunywa yilomuntu osengumoya, ngoba nami angazi lutho ngayo, ngalalela lokho okushoyo. Kodwa engikushoyo ukuthi ezinye izinto kumele uzilalele, bese kugcine lapho.
24.Lenkulumo lomuntu wayikhuluma kimi ngo 2005 ngihlala oLundi.
25.Kodwa nempela lenkulumo yalomuntu yafezeka, ngoba ngo 2006 ngabona sekufika ingelosi izohlala nathi, into eyagcina ukwenzeka emandulo, ngesikhathi sabantwana bakwa-Israel!
26.Ngiyacela-ke ukuthi ningethembe, anginikhohlisi uma ngithi lapha ekhaya sihamba nengelosi. Lengelosi yafika kithi ngo September 2006, namanje isahleli nathi! Yiyo futhi eyasungula lelibandla laseNCG.
27.Lengelosi iyasithanda, kodwa angiqondi ukuthi kungani ukuthi kusuke ingelosi izohlala nathi, ibonise uthando oluyisimangaliso kithi, kodwa ngaphandle kokuthi sihlala nayo, akukho olunye esilwazi ngayo!
28.Asikho Isidingo sokwazi ukuthi kungani uNkulunkulu esikhethe phakathi kwezigidigidi zabantu, ukuba ngathi abantu bazi indaba kaNkulunkulu?
29.Kulencwadi engiyifundile, ngethuswa yilamazwi athi: “Nikubonile engikwenze kwabaseGibhithe, nokuthi nginithwale kanjani ngamaphiko okhozi nganiletha kimi.
30.Ngakho-ke uma nilalela ngokucophelela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyokuba yisabelo sami esiligugu phakathi kwazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami. Niyakuba ngumbuso wabapristi kimi, nesizwe esingcwele!”
31.Kulenkulumo amazwi amakhulu asithinta sonke yilapho uNkulunkulu ethi: Ngakho-ke uma nilalela ngokucophelela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyokuba yisabelo sami esiligugu phakathi kwazo zonke izizwe, niyakuba ngumbuso wabapristi kimi, nesizwe esingcwele!”
32.Sonke njengoba sikhona kukhona izinto esizaziyo ngempilo yethu, bese kuba khona izinto esingazazi, kodwa esizazi ngabaprofethi abathunyelwe kithi.
33.Ngike ngezwa omunye umuntu kufacebook ethi akekho umuntu owazi ezulwini, ngoba akekho umuntu owake wafa wabuye wavuka.
Kuye ukuze wazi ezulwini kufanele ufe ubuye uvuke!
Livangeli lelo alishumayelayo, ukuthi ukuze wazi ezulwini kumele ufe ubuye uvuke!
34.IBhayibheli lisitshela ukuthi u-Enock wahlala noNkulunkulu iminyaka engu 300. Manje lomuntu usho ukuthi iBhayibheli linamanga uma lithi u-Enock wahlala noNkulunkulu iminyaka engu 300?
35.Ungasho kanjani kumuntu ohlale noNkulunkulu ukuthi akakaze abe sezulwini?
36.Ikhona incwadi ka-Enock efana nencwadi yeSambulo lapho u-Enock ezikhulumela yena echaza ngombuso wezulu, necace kakhulu kuneSambulo sika Johane.
37.Uma ungase ufunde izihlabelelo nezintshumayelo zikaShembe uBabamkhulu, uyokwazi ukuthi bakhona abantu okuthi belapha emhlabeni, kodwa balazi izulu!
38.Njengoba sihlale sichaza, ingelosi yafika kithi kusukela ngo 2006. Kusukela ngo2006 kuze kufike 2010 sasibona ukuthi ingelosi le esihleli nayo, kodwa kusukela ngo 2010 yaqala yasifundisa ngombuso wezulu, kuze kube namuhla!
39.Kulelibandla sifundiswa ngumuntu osuka ezulwini! Lokho asikukholwa, kodwa siyakwazi, ngoba ingelosi isuke ifundisa thina, hhayi ngephupho, noma ngesibonakaliso, kodwa ifike ihlale nathi physically njengoba kwakwenzeka kubantwana bakwa-Israel.
40.Njengoba silapha singofakazi abaqanda ikhanda ukuthi izulu likhona, izingelosi zikhona, ngoba sihlala nayo ingelosi!
41.Ngakho-ke uma umuntu ethi ayikho lento engukukholwa, sidlala abelungu, mina ngiyaye ngizithulela nje, ngoba yena ukhuluma ngento oyicabangayo, kodwa ongayazi!
42.Kodwa noma ziningi izinto ezingekho esizifundiswe ngabamhlophe, kodwa thina siyazazi izinto ezikhona nezingekho, ngoba sihlala nomuntu wakubo kwaNkulunkulu, sihlala nomuntu wasezulwini!
43.Kithi kufike ingelosi ivela ezulwini, yafike yasitshela ukuthi uNkulunkulu ukhona, izulu likhona, ezulwini kungenwa uma uziphatha kanje nakanje; isihogo sikhona, uya esihogweni uma wenza lokhu nalokhu!
44.Lomuntu osuke esifundisa lokhu akusiye umprofethi, kodwa yingelosi, sihlala nengelosi, sishunyayezwa yingelosi imihla namalanga, isishumayeza ngombuso wezulu!
45.UBabamkhulu wathi uma ungase uthathwe uyiswe ezulwini, bese ubuyiswa emhlabeni; ususemhlabeni bese kuthiwa ukuze ubuyele ezulwini, thatha ummese uzinqume intamo, ngokukhulu ukushesha ungawuthatha ummese uzinqume!
46.Lokhu kukhuluma kumuntu ongayazi indaba kaNkulunkulu engathi umzekeliso, kanti cha akunjalo, liqiniso!
47.Njengoba sihlala nengelosi, isifundisa ngesimo sasezulwini, ayikho into njengamanje yasemhlabeni enginendaba nayo, akukho buhle basemhlabeni engibuthandayo ngaphezu kwalobu buhle bombuso wezulu ingelosi ekhuluma ngawo!
Uma kufika isikhathi sizohamba ngabanye siye ekhaya lethu laphakade!
Kuhle kangaka ekhaya lethu
Lapha siya khona
Igolide nesiliva elihle
Alithathi lutho!
48.Ilokho nje okusihlalisile, sihlalele ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu kuphela!
49.Uma sekufike isikhathi sokuba uNkulunkulu asithathe, uyosithatha njengabo bonke abantu bakhe, asise lapho kuthanda khona yena!
50.Kodwa mina anginaluvalo lokulahlwa, ngoba sonke lesi sikhathi uNkulunkulu engithume ukuba ngenze umsebenzi wakhe, ngiwenze njengokuthunywa kwami!
51.Nani-ke nizethembe ekukholweni kwenu, anenzi sono ngalokho!
52.Ayikho into yasemhlabeni eke yangikhanga ngendlela yokuthi ngize ngingawenzi umsaebenzi engiwuthunywe ezulwini!
53.UJehova ungibonise ubuhle bezulu ngiselapha emhlabeni, ngakho akukho okwasemhlabeni engisenendaba nakho, ngoba siwutshengisiwe umuzi wamaNazaretha okhazimula ngaphezu kwelanga nenyanga!
54.Manje kulowo othi akekho umuntu oke waya ezulwini, thina nomkhokheli siyaya ezulwini noma siselapha emhlabeni, ngoba uma usuke uhlala nengelosi, usuke usezulwini!
55.Nonke njengoba nilapha nisezulwini, ngoba nihleli nomuntu wasezulwini!
56.Ukuthi aniyiboni ngamehlo ingelosi akusho lutho, kodwa ngaphandle uma uthengwe nguSathane, akekho umuntu olapha endlini ongathi akakulangazeleli ukuya ezulwini!
57.Ngiyafisa ukuthi sonke uNkulunkulu asiphe amehlo asezulwini, asenze ukuthi sibe namehlo omoya, nokucabanga kwethu sonke kube ngokwasezulwini!
58.Sonke uJehova akasikhanyisele ngombuso wezulu, sazi ukuthi izulu ilona khaya lethu laphakade!
Isihlabelelo 195.
1.Ngiyalithanda ngokulizwa
Lelo lizwe elizayo
Ngokukhululwa ngilibone
Wenhliziyo yami.
2.Ngokwenama kangakanani
Uma ngilibona lelo lizwe
Engilithanda ngingalibonanga
Wenhliziyo yami.
3.Wenhliziyo yami
Ungamdeli uJehova
Ulidwala lenhliziyo yami
Ungumthunzi wokuphephela.
4.Nguyena owangithanda
Ngalithanda ngokulizwa
Lelo liwe elizayo
Wenhliziyo.
5.Wenhliziyo yami ngisize
Unamathele kuJehova
Selikhalile elokuqala
Sengilindele elesibili.
59.Njengoba ngike ngasho, enye into uyaye uyazi, kodwa ungaze wazi ukuthi isimo sobuhle bayo uzosedlulisa kanjani kubantu.
60.Ngeshwa abantu abahlakaniphile kakhulu, njengososayensi, baba zidomu ezixakile uma sekuza endabeni kaNkulunkulu! Ukuhlakanipha kwabo kwasemhlabeni kubenza bebe zidomu ngolwazi lwezomoya!
61.Ngenxa yokuthi bayazi ukuthi bahlakaniphile bese bethatha ukuhlakanipha kwasemhlabeni bethi yikhona kodwa ukuhlakanipha, kodwa bengenakho ukuhlakanipha kwasezulwini!
62.Ngomunye unyaka ngangiyimantshi eKimberly, kuyimi ngedwa umuntu omnyama, zonke ezinye izimantshi kungabamhlophe.
63.Sasixoxa ngecala labantu ababulale umuntu ngoba bethi uyathakatha. Manje lento ilihlaya kulaba abamhlophe.
64.Yabe enye imantshi yesifazane isingibuza ukuthi ngiyakholelwa yini ekuthakathini. Ngathi mina, ngiyazi ukuthi ukuthakatha kukhona.
65.Ngathi uma ngisho njalo, bonke abelungu babhekana emehlweni, bemangaliswa ukuthi imantshi yase Regional Court ithi ikholelwa ubukhona bokuthakatha!
66.Manje ngoba ngiyimantshi kwase kufanele ngiphike engikwaziyo ngithi angikwazi!
67.Ngathula isikhashana, ngithe ngisuka ngase ngibuza kulemantshi yesifazane ukuthi iyakholelwa yini kuyi Satanism.
68.Ngokukhulu ukuzethemba, yathi iSatanism ikhona, ifunde kakhulu ngayo.
69.Yangitshela ukuthi amaSatanists ahamba kanjani ngesinkwa nangomshanelo befike beginqe izimoto namabhasi, bebulale abantu ukuze bethole igazi labo.
70.Ngase ngithi kulaba belungu, ubuthakathi ne Satanism yinto eyodwa, umehluko ukuthi igama lokuthakathi lande esizweni esimnyama, kanti iSatanism ivela kwabamhlophe. Ngabachazela ukuthi zifana ngani lezi zinto ezimbili.
71.Bathula, ababe besakwazi ukuphika ukuthi ubuthakathi bukhona. Ngathi uma ukholwa ukuthi iSatanism ikhona, kusho ukuthi uyakholwa ukuthi ukuthakathi bukhona!
72.Kunabantu abayaye befundiswe ukuthi bekholwe ukuthi into ethize ikhona, kodwa ibe ingekho, babuye bafundiswe ukuthi into ethize ayikho, kodwa ibe ikhona!
73.Lokho kusuke kunenhloso ethize, abafundiswayo bengayiboni, kwenzelwa ukuthi ingqondo yazi yazi lokhu ofundiswe khona ukuthi ukwazi, uchithe lokhu abangafuni ukuba uk wazi!
74.Iningi labantu bakwamanye amabandla abakholelwa ebukhoneni bamadlozi, noma abangasekho, bafundiswe ukuthi umuntu ofile ngenyama akavuki ngokomoya, ngakho umuntu ongumoya womuntu osewafa ulidlozi!
75.Kubona ukungakholelwa ebukhoneni kwabafile yikhona kukholwa okuyikho! Bafundiswe ukuthi baphike into ekhona bathi ayikho!
76.Ngisho umuntu kade ehlabela amadlozi, uma esekholwe kulama bandla uyaye ashintshe, bese eshumayela ukuthi abafile ngamadimoni. Le imfundiso yabamhlophe
77.Kodwa isizwe esimhlophe isona esinezinkinga eziningi nezinkulu ngokuhlaselwa yimimoya yabafile bomndeni noma labo abasuke bethenge imizi yabo besaphila, okuthi sebefile babuye bazohlala kuyo!
78.Uma ungakwazi lokho, bheka iChanel 179, bese ubona ukuthi zingakanani abamhlophe abahlushwa imimoya yaba kubo asebafa!
79.Laba abasuke bebasiza bayaye beye kusomlando wakulelo dolobha, beyofuna umlando walomoya ohlasela kulomuzi, befune nokwazi ukuthi ngenkathi efa, wafa kanjani, nokuthi wayenazinkinga zini?
80.Manje uma umuntu ofile engavuki, lomoya osuke ubahlupha basuke bewufunelani umlando wawo, ngoba phela lomoya usuke ungewona walo osewafa?
81.Ubese uyaxakeka ukuthi ngoba yibo abafundisa ukuthi umuntu ofile ufile, laba asebe khuluma nabo bavelaphi, bakhuluma kanjani nomuntu osewafa bephila bona, befune inkinga yakhe? Kuphela abangakwazi ukukwenza ukukhulula lomoya osuke ubahlupha, kodwa bayasho ukuthi lo umnikazi walendlu asebehlala kuyo!
82.Abantu abamnyama abazi ukuthi abamhlophe ngo 1833 bahlangana eBelgium, base bevumelana ukuthi abamnyama abafundiswe ukuthi ayikho into ewumoya womuntu ofile.
83.Lokho bakuchaza ukuthi benzela ukuthi abamnyama bengakholelwa ebukhoneni kwabafile, ngoba imimoya yabafile ukubalekelela ngokulwa nabo uma besihlupha; ngakho kumele ifundoiswe ukuthi abafile abakho, okuba khona ngamadimoni!
84.Lokho kwahlelwa ukuthi abafundisi abamhlophe abasifundise ukuthi awukho umoya womuntu ofile, bese befuna amavesi angathi shu, babambelele kuwo! Konke lokhu ubuqili!
85.Ngiyazi ukuthi sekunabazothi ngikhuluma ngiyaziphikisa, manje sengivuma ubukhona bamadlozi. kodwa abanye abantu uthi ukhuluma bebe bengezwa ukuthi uthini.
86.Ngokungezwa noma ngobudomu babo, bese bethi nguwena okhuluma uziphikisa!
87.UNkulunkulu uthe singawahlabeli amadlozi, noma abangasekho. Akashongo ukuthi asebafa abekho, noma bangamadimoni!
88.UNkulunkulu uthi akukhonzwe yena yedwa, uma kukhona ofuna ukukwenzela abangasekho, kwenze via yena. Kodwa akasho ukuthi abafile abekho! NoShembe wasifundisa ukuba sibanikelele!
89.Kodwa imfundiso yamanye amaKholwa ithi ofile usefile, akasekho, kodwa okungasilo iqiniso, kwabona basho into abangakholelwa kuyo, kodwa abafuna ukuthi kube yithi esikholelwa kuyo!
90.Into esikholelwa ukuthi ikhona, kodwa ingekho, nguJesu! Ubukhona bukaJesu njengomuntu owake waba khona emhlabeni, kuyinto engekho, kodwa eyenziwe ngabamhlophe ukuba ibe khona!
91.Umuntu owaba khona emhlabeni, engumprofethi kaJehova, kwaba ngu Yeshua ongumJuda, hhayi uJesu lo omhlophe!
92.Kodwa ngenxa yokuthi abanye sebeyabona ukuthi ngempela lo ochazwa kuyiTestamente Elisha nguYeshua owabe engumJuda, ezalwa nguMaria noJosefa! Ukuzivikela sebaye bethi “uJesu” ngelinye igama likaYeshua! Kodwa ilumbo lelo, uYeshua akaze abe nguJesu, futhi akaze abe ngumlungu!
93.Kuyishwa ke ukuthi njengesizwe esimnyama sifundiswe ukuthi sithathe okukhona sithi akukho, bese kuthi okungekho sifundiswe ukuthi kukhona!
Isihlabelelo 73
1.Ngiyakholwa kuYise
Onamandla onke
KuMdali wezulu namhlaba
NakuMoya oyingcwele.
2.Nakuyo iRamente eyingcwele
Yama Nazaretha
Nobudlelwane babangcwele
Base Nazaretha.
3.Idwala elihle
Lama Nazaretha
Owazikhethela lona uJehova
Ngokulithanda kwakhe.
4.Useze wahloba ngabo kathathu
Lobu buNazaretha
Phambi kwamazulu onke
Unyaka umunye.
5.Ngigeze ngehisop
Yasezulwini,
Ngikhanye ngokukhanye
Ebusweni bakho.
iNkosi ibusise enikuzwile!