Incwadi kaJeremiya 17:9-10:
“Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi ayelapheki; ngubani ongayiqonda na?
Mina Jehova ngiyayiphenya inhliziyo, ngihlole nezinso; ukuba nginike yilowo nalowo njengokwezindlela zakhe nanjengezithelo zezenzo zakhe.”
Isihlabelelo 103
1.Sivumele wena Nkosi
Isichaka sakho
Sishumayele izwi lakho
Ezizweni zonke.
2.Zibheke endleleni
Zonke lezo zizwe
Zilindele leyo nqola
Yalelo lizwi lakho.
3.Sivumele wena Nkosi
Isithunywa sakho
Sishumayele izwi lakho
Ngalowo Moya wakho.
4.Sithumele wena Nkosi
Leso sichaka sakho
Sibuthele sigcwalise
Ngalowo Moya wakho.
5.Sihambise izwi lakho
Ezizweni zonke
Zivuke zikulandele
We Msizi wazo.
Incwadi kaJeremiya 17:9-10:
1.“Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi ayelapheki; ngubani ongayiqonda na?
2.Mina Jehova ngiyayiphenya inhliziyo, ngihlole nezinso; ukuba nginike yilowo nalowo njengokwezindlela zakhe nanjengezithelo zezenzo zakhe.”
3.Ngomunye unyaka iNkosi iLanga yakhuluma yajula ngenhliziyo embi, inhliziyo engenalo uthando lomunye umuntu, umuntu ozithanda yena kuphela.
4.Uthi-ke uBaba kwakunengelosi enkulu ezulwini egama layo ngu Lucifer. Lengelosi yayihlakaniphile kakhulu, futhi iyinhle kakhulu, kanjalo futhi ikhuthele kakhulu.
5.Kodwa lengelosi yinye into eyayingenayo, uthando, yayingenalo uthando lokuthanda omunye umuntu ngaphandle kokuzithanda yona.
6.NoNkulunkulu yayingamthandi, isola konke akwenzayo, ibona sengathi yona lokhu okwenziwa nguNkulunkulu ibizokwenza kangcono!
7.Ekugcineni leNgelosi yamvukela uNkulunkulu, yafuna ezinye izingelosi ezizoba ngakuyo, bese zisusa uNkulunkulu esikhundleni, izulu liphathwe yiyo!
8.Nempela lengelosi yagcina isinamabutho ezinye izingelosi, ithi izobhekana noNkulunkulu, ilwe naye ize imnqobe.
9.Yalwa nezingelosi ezazingakuNkulunkulu, kodwa lezi zikaLucifer, owayaziwa ngokuthi uSathane, zagcina ngokwehlulwa!
10.Uthi-ke uBaba iLanga, ayikho into eyinkinga njengomuntu onganalo uthando lomunye umuntu, kodwa ozithanda yena.
11.Umuntu ongenalo uthando akaba nalo uthando ngisho lomzali wakhe, ngisho labafowabo noma lodadewabo.
12.Akabi nalo uthando ngisho lwabantwana bakhe, kodwa uzithanda yena kuphela!
13.Ukungabi nalo uthando lomunye umuntu kuhamba nenhliziyo embi, kuhamba nomona; umuntu ozithanda yena kuphela, akakwazi ukungabi nawo umona, ngoba yonke into ufuna kube ngeyakhe, nodumo lukaNkulunkulu kube ngolwakhe!
14.Umuntu onenhliziyo embi akanakukholwa, akanasikhundla esontweni noma emsebenzini ongasifuni, ngoba yonke into enkulu uyaye ayibona ifanele yena!
15.UBaba iLanga wakhuluma ngomfundisi owayekhona lapha eKuphakameni. Uthi ngelinye ilanga wabizwa nguBabamkhulu, wabe esebuza ukuthi lomfundisi umbona enjani? Uthi uBaba iLanga, ngathi: “Baba ngimbona lomfundisi elungile, futhi sengathi uyabathanda abantu.”
16.Uthi wathi uBabamkhulu: “Mntanami, uma uthi lomfundisi ulungile, wenziwa ukungane, yebo uliqhalaqhala lokukhuluma, kodwa akalungile, nawe ngelinye ilanga uyoze umbone ukuthi akasiyo lento ocabanga ukuthi uyiyo!
17.Uthi uBaba ngelinye ilanga kwase kugula umshumayeli, uthe esegula uBaba iLanga waya kulomshumayeli. Uma efika kuye umshumayeli wabe esethi: “Nkosana, ngiyagula, futhi ngiyabona ukuthi ngizohamba emhlabeni.
18.Kodwa ngicela ungitshelele uBaba, (esho uBabamkhulu), ukuthi ngabizwa ngumfundisi usibanibani, wanginika amasi, ngithe ngiwaqeda lawo masi ngahlanza, kusukela ngaleso sikhathi angibange ngisaphila.”
19.Wathi ebuya uBabamkhulu eKuphakameni, lomshumayeli wabe eseshonile. Uthi-ke uBaba: “Ngamtshela uBaba ukuthi lomshumayeli utheni ngaphambi kokufa.”
20.Wabe esethi uBabamkhulu: “Uyakhumbula ngikubuza ngalomfundisi, wathi wena ulungile, usuyakubona-ke ukulunga kwakhe?
21.Ngakutshela ukuthi lomfundisi akalungile, futhi uma eqhubeka nalesi senzo, engaphenduki, ikusasa lakhe alilihle!”
22.Uthi uBaba iLanga, esontweni uBabamkhulu wabe esekhuluma ebalisa ngalomshumayeli osefile, wathi:
23.“Hhayi bangiyala ababulale umshumayeli wami. Lomshumayeli ubekhuthele engakhela izindlu, futhi alikho nephunga ayenalo ngamantombazane, yize wayehlala phakathi kwawo, sengizokwakhelwa ngubani izindlu?”
24.Lomfundisi wabe eseshawa isazelo salento embi oyenzile, wabe esehlubuka elishiya ibandla.
25.Kuthe esephumile kulelibandla, wagula kakhulu, kodwa engafi. Uthi uBaba wagcina esevutha manje uma kusebusuku, abantu sebesaba ukusondela eduze kwakhe.
26.Kuzwakale ebalisa yedwa ethi: “Umuntu owabulala umshumayeli kaShembe mubi kakhulu!” ekuseni kuze kuye abakwezinye izinkonzo, amaKrestu, efike ethi: “Hamba uyoxolisa kuShembe!” athi lomuntu:
27.“Angenke ngiye kuShembe, uShembe wanginuka wathi ngibulale umshumayeli wakhe, angenke ngiye kuye, angamane ahlale nezulu lakhe, kodwa mina angenke ngiye kuye!”
28.Uthi-ke uBaba, lomfundisa wagula isikhathi eside esepoka umphefumulo usekuye, kodwa njalo ebusuku ezwakale ekhuluma yedwa ethi:
29.“Umuntu owabulala umshumayeli kaShembe mubi kakhulu!” Kodwa emini uma sekunabantu athi: “Angenke ngiye kuShembe ngoba wanginuka wathi ngibulale umshumayeli wakhe!”
30.Uthi-ke uBaba iLanga: “Injalo-ke inhliziyo embi, izifunela okwayo kuphela. Lomfundisi wabulala lomshumayeli ngoba ebona ekhonzwe nguShembe, kwase kuyamcasula lokho, wabe useyambulala!
31.Wabulala umshumayeli yena engumfundisi. Wagcina lomfundisi ngokufa, kodwa akazange wasivuma lesi sono, waxolisa. Waxolela ukufa naso!”
32.Uthi-ke uBaba: “Injalo-ke inhliziyo enonya, engafuni ukubona omunye umuntu enza into enhle, noma ngabe ngumntanakhe. Inhliziyo embi izazi yona, izithanda yona!
2.Ngaphakathi kwami ngedwa
Kukhona izitha zami
Ezilwa nayo yonke
Imvumelwano yakho.
WeYise wamakholwa
Khulula umoya wami.
Chorus.
3.Inhlangano yobubi
Angizange ngiyimeme
Kepha ngithe ngibona
Ngase ngiphakathi kwayo
Chorus.
33.Ngelinye ilanga eshumayela, uBaba wakhuluma ngendaba yomfana owakhulela lapha eKuphakameni, kodwa ngelinye ilanga wenza isigemegeme sento!
34.Uthi-ke uBaba iLanga lomfana wabe eliphoyisa khona lapha eKuphakameni. Kuthi njalo uma sekuhwelela abese eza kuBaba ethi uzombona. Ahlale lomfana lapha endlini kuze kube sebusuku.
35.Uthi uBaba ngangize ngijumeke ngilale elapha endlini, kodwa ngiphaphame engasekho.
36.Kanti lomfana uza lapha endlini nje, ufuna ukubulala uBaba iLanga. Kodwa ethi uma esefike kuye bese uyesaba, asuke ahambe.
37.Kwagcina sekunokukhuluma, abanye bethi, hhayi bo leliphoyisa lisuke liyokwenzani njalo ebusuku kuBaba. Ngalesi sikhathi cishe kwakungu 1938, uBabamkhulu esanda kuhamba emhlabeni.
38.Lensizwa eyayaziwa ngokuthi nguMdolomba, yavuka ekuseni yalola insabula yommese, okwathi iwulola yabe ikhuluma ithi kuBaba iLanga:
39.“Usuku lokugcina lolu, ngizokubulala namuhla. Nempela isiwulolile, yaqonda endlini kaBaba ithi isiyombulala. Angazi ukuthi kwakwenzenjani ukuthi ingakwazi ukumbulala iyodwa endlini, bese ithi iyombulala emini kugcwele abantu.
40.Ngendlela eyabe isisyisilwane ngayo, akekho owayesakwazi ukusondela kuyo. Yaqale yashawa ngamakhosazana ngamatshe, okwathi kusuka yayithelekelwa abantu bonke ngamatshe yaze yawa phansi, base beyithelekela beyiogxoba ngamatshe yaze yafa.
41.Amanye amaKrestu akujabulela kakhulu lokho, bathi uhulumeni akalivale lelibandla ngesenzo elisenzile. Kodwa ngenhlanhla alaze lavalwa.
42.Kwathi ntambama, kade lomuntu ebulawa ekuseni, kwase kuba namantombazana amabili okwaba sengathi ayahlanya, egijima eya lapho okade kulele khona isidumbu salomuntu, afike akhothe igazi lakhe.
43.Kwase kobikwa kuBaba iLanga okwasekwenzeka. Lamantombazane abanjwa akhulekwa. Uthe uma uBaba ethi uyawathandazela kwase kukhuluma lomuntu kuwo, esengumoya. Ekhuluma kuwo njengoba kukhuluma umsakazo, ekhuluma kanye kanye.
44.Uthi lomuntu kuBaba iLanga: “Uyohamba usinda, bengithi ngiyakubulala namuhla!” Uthi-ke uBaba: “Ubuze ufune ukungibulala nje ngoba ngenzeni?” Uthi lomuntu: “Bengifuna ukuba kube yimi umholi walelibandla!” uthi uBaba: “Kanjani, ngoba wena awusiye nomshumayeli, uyiphoyisa?”
45.Uthi lomuntu osekhuluma esengumoya, ekhuluma kulamantombazana: “Vele kade ngangisifuna lesi sikhundla. Mina-ke uma ngiyifuna into ngiyayithola.
46.Ngangifuna ukuphatha ibandla likaBaba esefile, kwase kufanele size kuBabamkhulu. Yikho-ke bengifuna ukuliphatha naleli bandla uma uShembe engasekho emhlabeni!”
47.Uthi uBaba: “Lesi sibindi esingaka wasithathaphi?” Uthi lomoya: “Ngasithola ngisakhula.
48.Mhla uBaba efile, ngangena endlini lapho isidumbu esasilele khona, ngafike nganquma umunwe wakhe ngase ngihamba ngawowosa, ngawudla ukuze ngithole isibindi sokwenza noma yini engifuna ukuyenza!!
49.Uthi uBaba: “Hhawu wosa umunwe kababa wakho, wabe usuyawudla?” lithi leli dimoni: “Yebo, ngawosa ngawudla ngoba ngifuna ukuba nesibindi!”
50.Lomuntu wakwenza lokho kuyise owabe engumprofethi, okunguye owamemezela ukufika kukaShembe. Lomfana wabe esebona ukuthi ngoba uyise ubengumprofethi, naye akahole leli bandla lamaNazaretha, abe ngumprofethi!
51.Lenkulumo yamshaqisa uBaba iLanga, wabe esebiza amakhosazane amadala afika nalomfana, esebuza ukuthi washona kanjani uMfazwe?
52.Bathi ‘washona kahle, kodwa okwamangalisa ukuthi kwathi eseyoncwatshwa, omunye umunwe wakhe watholakala ungasekho, lase linukana kakhulu ibandla.’
53.Wayesethi uBaba iLanga lelidimoni aliphinde lokhu ekade likukhuluma kuye. Nempela laphinda idimoni, bashaqeka abantu ababekhule nalomuntu, ukuthi kanti babehamba nesilwane!
54.ULucifer kwathi uma esexoshiwe ezulwini, umoya wakhe wabe usubuyela emhlabeni, ususebenza kubantu abaningi. NoMdolomba wayenomoya kaLucifer! Noma esewafa umoya wakhe wabuya wazohlala eKuphakameni, wangena kubantu abaningi khona eKuphakameni.
55.Uthi uBaba iLanga kwathi kade encgcwatshwa emini, kwathi kuhwelela wabonakala umoya wakhe eseyisipoki uphuma kwaBhekabezayo uzongena eKuphakameni.
56.Wayebonwa ngisho ngamaNdiya angomakhelwane, evutha ephuma kwaBhekabezayo eyongena eKuphakameni!
57.Inhliziyo embi injaloke, umuntu onomoya omubi uyaye angazibuki ukuthi lento ingifanele yini, yonke into uyaye ebone ifanele yena.
58.Ithike ingelosi uma nibeka umuntu noma uba ngumshumayeli, noma ngumfundisi, noma ngumkhokheli, noSathane uyaye abeke owakhe ozophikisa lo obekwe ngokusemthethweni. Athi mina ngibeka lo!
59.Uma esesho njalo, bese uyaqala lomuntu uyalwa, uthi bekufanele kubekwe mina, hhayi lo! Lo obekwayo ungedlula ngani, agcine ngokumbulala lowo muntu!
Isazelo singishiye ngedwa
Anginamkhululi wami
Chorus
Ngisize Jehova
Ngisize Jehova
Ukhulule umoya wami
Ukhulule umoya wami.
Ngababheka abafowethu
Bonke bayizitha zami.
Chorus
Ukwethemba kwenhliziyo yami
Namhla sekuphelile.
Chorus.
60.Ngikhuluma ngenhliziyo embi. Uthi-ke uNkulunkulu: “Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi ayelapheki; ngubani ongayiqonda na?
61.Mina Jehova ngiyayiphenya inhliziyo, ngihlole nezinso; ukuba nginike yilowo nalowo njengokwezindlela zakhe nanjengezithelo zezenzo zakhe.”
62.Ngike ngafunda kufacebook abanye abantu, engingazi noma bekuzingane, noma ngabantu abadala, bethuka umntwana wakwaPhindangene, bejabulela nokuthi uyagula, bemfisela nokuthi kungcono ukuba usefile!
63.Ngamangala, ngathi usathane uhamba ngezinyawo esizweni esimnyama. ngazibuza ukuthi uma umuntu ethuka uMntwana wakwaPhindangene, umuntu omdala kangaka, nosisebenzele kangaka isizwe sakithi, usuke edaleke kanjani?
64.Lapha angikhulumi ngokwamaqembu ezepolitiki, angihlangene nepolitiki, kodwa ngibuka uMntwana wakwaPhindangene as a personon, ukuthi umuntu othuka lowamuntu usuke edalwe kanjani?
65.NoMandela ngakhuluma ngaye, abanye abalandeli beNkatha bangithuka, bethi ngeseka i-ANC, noMsaholozi ngakhuluma ngaye ngendlela amacala athinta yena athethwa ngayo, ngathi angazi ukuthi izinkantolo zaseSouth Afrika, ikakhulukazi yona iConcourt iyaye iwathethe kanjani amacala abhekene noMsholozi.
66.Ngangikusho lokho njengomuntu nami owaziyo umthetho, ukuthi lento eyenziwa i-Concourt kumacala abhekene noMsholozi, iyinhlekisa kumuntu owazi umthetho, ukuthi umuntu olijaji, eku Concort nokwenza, enganikeza amajugdement anje?
67.Siyambonga uNkulunkulu ukuthi ekugcineni usekwazile uMsholozi ukukhululeka, noma singazi noma usekhululeke ngempela yini?
68.Kodwa lapha ngikhuluma ngoMntwana wakwaPhindangene. Mina ngaqala ukusebenza noMntwana wakwaPhindangene eseno Dr Bhengu. Yimina engathayipha uMthethosisekelo weNkatha.
69.Nokuxabana koMntwana wakwaPhindangene no Dr Bhengu ngiyakwazi, ngoba ngangingumabhalane eDlangezwa High School.
70.Nabafana bentsha yeNkatha abavukela uMntwana wakwaPhindangene, abanye bagcina sebewelele phesheya, ngiyakwazi konke lokho.
80.Kodwa kukhona into ebonisa noma ubani oyaziyo indaba kaNkulunkulu ukuthi umntwana wakwaPhindangene ufana noMprofethi, uNkulunkulu nezinyanya zakwaZulu zihlale ziseduze kwakhe, zimbhekile!
81.Lokhu waqala uShenge ukuhola iNkatha, akekho umuntu owake wabhekana naye wangamnqoba, kuzo zonke izigameko omelana nazo, noma ngabe kungamacala, kuyaye kunqobe uMntwana wakwaPhindangene!
82.Abaningi ababebhekana naye babefa, uma bengafanga, begcine bengelutho! Wayengababulali, kodwa babebulawa uSomandla, ngoba engafuni naye! Nabazama ukumbulala behluleka!
83. Ngoba uMandela wayeneqiniso, wakuvuma ukuthi uMntwana wakwaPhindangene ubehlulile!
84.Angenke ngibabale abagcina ngokufa. Kodwa oDr Bengu ababhala izincwadi ezinkulu bethi bayamhlambalaza, lezo zincwadi zabolela emashalofini, angiboni ukuthi namanje uDr Bengu engabe esayifunda lencwadi owayibhala ehlambalaza uDr Buthelezi, ngoba yagcina ingasho lutho!
85.Sengiye ngizwe kukhulunywa ngoNobleman Nxumalo, uMzala, kubatshazwa incwadi owayibhala ngoMntwana wakwaPhindangene, bese kuyacaca ukuthi lezi zingane azazi lutho ngo Nobleman!
86.UNobleman Nxumalo mina ngiyamazi, ngangifunda naye iklasi elilodwa eDlangezwa High School. Lowamfana wayehlakaniphile kuyipolitiki, angazi ezifundweni zakhe.
87.Kodwa into eyayimeqile kwakunguku phapha. Angikaze ngimbone umuntu owayephaphe njengo Nobleman Nxumalo.
88.Sonke isikole sasimazi, simazi nje ngokuphapha okuyisimanga! Ngiyakhumbula engitshela ukuthi yena uma ebhala incwadi akakubukezi okubhalile, ngoba akalenzi iphutha.
89.Manje ngoba wabhala incwadi eyayihlasela uMntwana wakewaPhindangene useyinto enkulu!
90.Kodwa angikholwa ukuthi ukuba wake waphila, ekukhululekeni kwe South Afrika, wayeyoba ilento osebatshazelwa yona ngokuhlasela uMntwana wakwaPhindangene!Abanye abantu bake badume ngokweyisa, bekwazi nokweyisa abantu abakhulu, kodwa bona bengelutho!
91.Ukuba wake waphila, wayeyozifanela nabo bonke abantu okwakuthi ngoba babuya ekudingisweni bese bezibona beyizinto ezinkulu.
92.Baphi oSbu Ndebele ababehlale behlasela umntwana? Baphi oLekota? Ngingababala bedlule emashumini amabili okwathi ngoba babuya ekudingisweni base behlasela umntwana wakwaPhindangene, kodwa usekhona uMntwana, baphela bona!
93.UMntwana wakwaPhindangene umlwele umuntu omnyama! Kungethi ngoba indlela obelwa ngayo yehlukile neyabanye bese ethukwa! UGandhi owayelwela amaNdiya wayelwa nge non-violence, kuyiphilosophy yakhe leyo. Kodwa waduma ngayo i-Non-violence!
94.Nomntwana wakwaPhindangene ube nendlela yakhe yokulwela inkululeko, lokho akusho ukuthi sekufanele athukwe zingane, zijabulele ukuthi afe!
95.Umntwana wakwaPhindangene uma kufika isikhathi sakhe sokufa, uyofa aye ezulwini, kodwa bonke labo abamthukayo, okokuqala angenke bakhule, okwesibili, sebefile, bazoya ekulahlweni, ngoba bathuka umuntu omdala engenze lutho kubo!
96.Ungabomthuka umuntu omdala, ikakhulukazi othandwa nguNkunkuku njengoMntwana wakwaPhindangene! Ubofuna izibusiso kuye!
97.Njengamanje uMntwana usekhulile, bonke abantu abaphiwe ukuhlakanipha kwasezulwini basondela kuye, befune kuye izibusiso, ngoba ulidlozi elihle nelinesibusiso!
98.Ngiyaye ngidabuke uma ngibuka inkululeko eyatholwa ngumuntu omnyama, ukuthi kulenkululeko abantu bangaziqhenya ngokwazi ukulwa kuphela, akukho okunye!
99.Uthi uBaba iLanga: “Iyokhululeka iSouth Afrika ibuyele kubantu abamnyama, kodwa lapho isikhululekile, iyophathwa ikati!”
100.Angazi ukuthi wayesho ukuthini ngalokho, kodwa yena wakusho lokho! Akagcinanga lapho. Ubaba iLanga wahamba emhlabeni ngo 1976, engicabanga ukuthi yayingakapheli iminyaka elishumi ingonyama ihleli esihlalweni.
101.Ngobukhosi bakwaZulu uthi uBaba iLanga: “Lenkosi isingeyokugcina, emva kwayo buyophela ubukhosi bakwaZulu!” Nalapho asazi ukuthi wayesho ukuthini.
102.Kodwa uma ubuka ukwenzeka kwezinto, uyaye uzibuze ukuthi ngabe sekungukuphela kwakho yini ubukhosi bakwaZulu?
AmaNazaretha namaKrestu
AmaNazaretha namaKrestu
AmaNazaretha namaKrestu
Mababe libumba kuJehova!
Sekuphele iminyaka edlulile sikhuluma into eyodwa, ukuthi wonke umuntu olikholwa akazi ukuthi uShembe noYeshua zithunywa zikaJehova, sonke ngokwezimfundiso zabo asinamathele kuJehova!
Ithi ingelosi kithi: “Uma abantu sebekholwe ngempela, bobuthana bonke eJerusalema bezokhonza uJehova, ngoba uNkulunkulu wethu wehlela kwa-Israel, indlu kaJehova yaqala ukwakhiwa eJerusalema!
Njengoba nathi sihlangene lapha, sizokwakha indlu kaJehova. Washo njalo uBaba iLanga, wathi asimakhele indlu kaJehova!
Siyakha indlu,
Siyakha indlu,
Siyakha indlu yeNkosi!
Bafana sisizeni
Mantombazana sisizeni
Siyakha indlu yeNkosi
iNkosi ibusise enikuzwile!