Usho njalo uJesu, uthi uma ungalungile ngokwabanye abantu, ubani ozokunika okwakho ukulunga? Uma ungangcwele ngokwabanye abantu, ubani ozothi ungcwele? Uzobuthathaphi obakho ubungcwele wedwa?
Isihlabelelo 130
1.Sibuthene lapha
Ebusweni bakho Nkosi
Sincida izembe lezwi lakho
Silincinde ngokugcina.
2.Sitshele zonke izizwe
Umkhondo wezwi lakho
Ufunwa ngabalithandayo
Bavule izinhliziyo zabo.
3.Lingene lingathiwa
Ezinhliziweni zabo
Balithande baligcine
Lelo lizwi lakho.
4.Sanibona makholwa
Nina zitsha ezinhle
Zokuphatha leli lizwi
Zisinde zonke izizwe.
5.Niyothokoza ngokubongwa
Nibongwa nguSimakade
Ngokugcina leli lizwi
Zosinda zonke izizwe!
ASIFUNE INHLIZIYO ENOMOYA WASEZULWINI
1.Ngaphambili ngake ngachaza ukuthi ngakhula ngingayiyo lento abantu abayaye bethi ngiyiyo. Abantu abaningi bayaye bethi nginenhliziyo enhle, angazi-ke noma nginjalo yini ngokwasezulwini.
2.Kodwa ekukhuleni kwethu sakhuliswa ngokukholwa, ngathi ngiqamba ngibheka sasihamba isiguqo, sithandaza!
3.Ngisenemi nyaka eko 4 umama wayaye ehambe nathi ukuya esiguqweni eyothandaza. Ngaleso sikhathi sasingakakwazi ukuthandaza, ngaleyo ndlela ngangiyaye ngisho lokho okushiwo ngumama.
4.Kodwa ngelinye ilanga umama wasitshela ukuthi emhlanganweni uBaba iLanga eshumayela, wathi: “Ngaso sonke isikhathi ubothi uma usesiguqweni ucele kuNkulunkulu izinto ezimbili.
5.Okokuqala ubocela ukuthi uNkulunkulu akuphe ukuhlakanipha kwasezulwini, ukwazi ukwahlukanisa okubi kokuhle.
6.Okwesibili, wathi uBaba iLanga ngaso sonke isikhathi ubocela ukuthi uNkulunkulu akukhumbule ngezinsuku zakho zokugcina ulapha emhlabeni, ukuze kuthi ngosuku lokufa, umphefumulo wakho ungayi ethuneni, kodwa uvele uqonde ezulwini.
7.Ngicabanga ukuthi lemfundiso yengelosi yokuthi sihlale sinikelela ukuthi kuthi uma sifa umphefumuo wethu ungayi ethuneni, kodwa uvele uqonde ezulwini, yimfundiso futhi esayifundiswa iNkosi iLanga!
8.Ekukhuleni kwami ngangingumuntu ohlale efunda, ngisho ngidla, ngangithi ngiphethe isipunu, ngesinye isandla ngibe ngiphethe incwadi ngifunda. Ngangilifunda cishe ngaze ngaliqeda iBhayibheli nezihlabelelo zamaNazaretha.
9.Ngelinye ilanga umama engibona ngifunda iBhayibheli, ngingenasikhathi nesokudla, wabe esethi: “Ngaso sonke isikhathi uhlale ufunda iBhayibheli, uyathanda yini ukuya ezulwini? Ngathi mina: “Yebo mama ngiyathanda.” Wabe esethi:
10.“Kodwa wena angenke ungene ezulwini ngoba unolaka, wathi uBaba iLanga umuntu ulaka luyamvimbela ukuba angene ezulwini.”
11.Ngethuka, ngase ngithi kumama: “Njengoba ngidaliwe ukuba nolaka, ngingazishintsha kanjani?” Ngakhula nginenhliziyo engenhle esheshe izwele kakhulu, nginolaka owayehlala ekhononda ngalo umama.
12.Wabe esethi: “HHayi mntanami, ungaluqeda, akakho umuntu odalelwe ukuhlale enza isono! Uma ufuna ukuluqeda lolulaka lwakho, uboya esiguqweni, uma uthandaza ufike uthi:
13.“Nkosi, ngicela ukuba uluqede lolulaka enginalo, Nkosi ngicela ukuba ungiphe ukuhlakanipha kwasezulwini, Nkosi ngicela ukuba ungikhumbule ngezinsuku zami zokugcina ngilapha emhlabeni.”
14.Ngase ngiqala-ke ukuba nomthandazo wami ongancikile kokushiwo ngumama, njengokungi luleka kwakhe. Ngathi ngibona lwaluphela lolulaka, kwaphela inyanga ngingakaze ngiphatheke kabi; ngabona kuphela izinyanga ezimbili, ezintathu, kuze kuphele unyaka ngingakaze ngithukuthele.
15.Kwase kuthi uma kufika ukuthukuthela bese ngishawa likhanda elibi, manje ukuze ngivike lelikhanda, kwamele ngingakuvumeli ukuthukuthela, ingqondo yami bese iyasuka kulokhu okungiphethe kabi. Ngase ngifunda ukuthi ukuze ngingaphathwa yilelikhanda, angivike ukuthukuthela!
16.Kodwa ukuhlale ngithandaza ngicela ukuba nokuhlakanipha kwasezulwini akugcinanga lapho, kwahamba kwahamba kwaba nomphumela omuhle.
17.Ngelinye ilanga omunye umngani wami wathengelwa ngabazali bakhe into enhle, angisazi ukuthi kwakuyini. Mina-ke ngizihluphekela, kungekhonto engingathengelwa yona.
18.Ngazithola sengigula kakhulu, kodwa ngangazi ukuthi lokhu kugula kuvelaphi. Ngase ngizwa sengathi kunomuntu okhuluma lapha ngaphakathi kimi, uthi: “Awuguli, into nje uphethwe umona!”
19.Ngakuzwa lokhu kukhuluma, ngase ngithi: “HHawu kanti nginomona, ngongena kanjani ezulwini nginomona?” Lahlala enhliziweni yami lelizwi elithe nginomona.
20.Kwathi uma ngiya esiguqweni, ukuthandaza kwami kwase kuba kuningi, kodwa ngisemncane impela, mhlawumbe ngiko standard 2. Ngabe sengithi uma ngithandaza ngithi:
21.“Nkosi, ngicela ukuba uqede umona enhliziweni yami, ngingaba nawo umona ngento yomunye umuntu. Ngicela ukuba uqede ulaka, ngingaphatheki kabi ngeze, ngicela ukuba ungiphe ukuhlakanipha kwasezulwini, ngikwazi ukwahlukanisa okubi kokuhle.
22.Nkosi ngicela ukuba ungikhumbule ngezinsuku zami zokugcina, umphefumulo wami ungayi ethuneni, kepha uze kuwe ezulwini!’
23.Kusukela ngaleso sikhathi inhliziyo yami yashintsha impela, noma ngingabona into enhle kanjani kumuntu, ngimjabulele kube sengathi ngeyami. Kwaphela impela lokhu buhlungu benhliziyo okwakwenzeka uma ngibona umuntu enento mina engingenayo!
24.Kuze kube namuhla ngaziwa njengo muntu onenhliziyo enhle, ongathuku theliswa wubala. Nase msebenzini ngaziwa njengomuntu onenhliziyo enhle kakhulu!
25.Empilweni yami w into engaphela impela umona! Kwaqala ngokuthi uma umuntu enento ngingabi nandaba, kodwa kwakhula, kuthe kugicina kwase kuthi uma umuntu ethola into, kujabule mina kakhulu, kube sengathi lento itholwe yimi!
26.Ngokuhlale ngicela ukuhlakanipha kwasezulwini, ngakhula singekho isici ongasikhomba kimi!
27.Ngiyaye ngisho ukuthi ekukhuleni kwami angikaze ngishawe muntu, ngisho abazali bami angikhumbuli bengishaya. Nasesikole akakho uthisha owake wangibiza wafike wangishaya.
28.Ngisho ukuthethiswa yinto eyayayingenzeki kimi, ngoba izikhathi eziningi kusukela ekukhuleni kwami kwakungalula ukungithola ngisephutheni!
29.Njengoba ngangingakaze ngishawe umuntu, kanjalo futhi mina akakho umuntu engake ngamshaya, ngisho ingane yami angikwazi ukuyishaya, ngaphandle kokuyithethisa.
30.Empilweni yami angikhumbuli ngibaleka, angazi ukuthi kubalekwa kanjani, ngaphandle kokuthi ngake ngabalekela amaphoyisa eNewcastle efuna ukungibopha ngingaliphethe ipasi!
31.Nasesikoleni angikaze ngishawe, angikaze ngithethiswe ngingedwa, ngoba lezi zinto zazikude nami. Ngakhula ngihlupheka, umama wangifundisa ukwesaba ukwenza okubi, nokuthanda uNkulunkulu kuphela!
32.Noma umama esenkonzweni wayaye ahlale esinikelela ukuba sihlale sinamathele ekukholweni. Angikaze ngibe umntwana owayedlala kakhulu nezinye izingane. Akukho lutho engingakuxoxela lona ukuthi ngangilwenza ngisakhula.
33.Empilweni yami angikaze ngibe mdibi nabantwana abangangami ukwenza noma yini eyenziwa ngabantwana abakhulayo!
34.Into engangiyenza ukuhlala ezincwadini zami, ngihlala ngokufunda. Ukuhlale ngifunda yimpilo yami kusukela ebuntwaneni bami!
35.Ngisho sengisebenza, ngize ngathatha impesheni ngingakaze ngilithethe icala emsebenzini. Asikho isikhulu esake sangibizela ehovisi sazongithethisa amacala!
36.Sengiye ngizwe ngithukwa uma ngifunda kofacebook, ngithukwa ngamaNazaretha nabantwana babo, bethi nginguSathane! Kungethuse kakhulu lokho.
37.Ngimangale ukuthi ngobunjani lobu buSathane esekungiqala sengiyoguga, ngoba ngakhulela kulelibandla, nakhona angikaze ngithethiswe cala lokuthi kukhona into embi esengiyenzile?
38.Njengoba ngimi phambi kwenu nje, angizikhethelanga, ngathunywa ezulwini ukuthi nginifundise ukukholwa, futhi nginibheke!
39.Uma sekuthiwa angiyeke, ngokwenza njalo, ngoba lelibandla akusilo elami, ngingumfana nje ofana nomfana wezinkomo, engithunywe ukuba ngineluse!
40.Ngikukhulumelani konke lokhu, ukuthi ngiyafisa ukuba nibe njengami ekukholweni nasekuziphatheni. Noma ungaba ngumntwana omncane, ungasho ukuthi ngoba usemncane asikho Isidingo sokuba ukholwe ngokuphelele.
41.Ungasho ukuthi uyokholwa usumdala. Mina lokhu ngazalwa ngikholiwe, ngakho-ke uma ukholwa usemncane uyobe ungenzi into engakaze yenziwe muntu, noma eyenziwa ziwula!
42.Ubokwazi ukuthi mina mholi wakho ngakhula ngimesaba uNkulunkulu, namanje ngiyamesaba kakhulu uNkulunkulu, kunezinto zonke!
43.Yini eyenza ukuthi ngesabe uNkulunkulu? Kungenxa yokuthi ngafundiswa ukuthi njalo uma ngithandaza angibothi: “NGICELA UKUHLAKANIPHA KWASEZULWINI!
44.Uma usuwembethwe ukuhlakanipha kwasezulwini, usuke usuthole yonke into, ngoba ukwazi ukubona isono lapho abantu abaningi bejabule bebona ubuhle, bebona ukubusa nokungcebeleka! Ungazejwayezi ukujabula kakhulu okungenasidingo!####
45.Njengoba silapha, sonke sinezitho zomzimba esona ngazo, ngaso sonke isikhathi uzibale izitho zomzimba wakho, bese ucela ukuthi zonke zisebenzele uNkulunkulu!
46.Zonke izono zethu ziqala enhliziweni, ziqala emcabangweni yethu enge mukelekile ezulwini. Ngakho-ke ngaso sonke isikhathi, ekulaleni nasekuvukeni kwakho, ubothi:
47.“Nkosi ngicela ukuba UQOQE INHLIZIYO YAMI. Ngenze ukuba ngingakucabangi okuzothi uma ngikucabanga, wena udumale ngami!
48.Bese uza ezithweni zakho zomzimba ozibonayo! Uthi: “Nkosi, qoqa ULIMI LWAMI, ngingayikhulumi into okuzothi uma ungibona ngiyikhuluma bese uyadumala ngami!”
49.“Nkosi, QOQA AMEHLO AMI, ngingalangazeleli ukubuka into engizothi uma ungibona ngiyibuka, wena bese uyadumala ngami!
50.“Nkosi, QOQA IZINDLEBE ZAMI. Ngenze ngingalangazeleli ukuzwa into okuzothi Wena uma ungifica ngiyilalele, bese uyadumala ngami!”
51.“Nkosi, QOQA IZANDLA ZAMI, ngenze ngingayiphathi into, okuzothi uma ungithola ngiyiphethe, bese uyadumalangami!” “Nkosi, QOQA IZINYAWO ZAMI; ngingayihambeli into okuzothi uma ungifica ngikuyo, bese Wena Nkosi uyadumala ngami!”
52.Uma ingqondo yakho uhlale uyiqoqa ngaleyo ndlela, angenke usenze isono ngamabomu. Yebo ungasenza isono ngephutha, ngoba necala kuyaye kuthiwe livula ingubo lingene! Nesono-ke singayivula ingubo singene kanjalo.
53.Kodwa angenke ube nesono osenze ngokusiphoqa! Ngalendlela yokucabanga, uyakwazi ukuqonda noma sikhona yini isono osenzile noma qha, ngoba izono uzibala ngokwezitho zakho zomzimba!
54.Ngakho, njalo ngosuku uyakwazi ukubona ukuthi uhambe kanjani phambi kwaNkulunkulu!
1.Ngonile ebusweni bakho
Nasebusweni bezulu.
Iso lami lingonisile
Ngayephula imithetho.
2.Ngehlulwa ngowokuqala
Emithethweni eyishumi.
Owesibili ngingewunamathe
weNkosi yoxolo.
3.Abaphula lemithetho
Bayakhandwa ngamatshe
Abazange bahawukelwe
Ngoba yini mina soni.
4.Sengonile nangolimi lwami
Ngakhuluma inkohliso
Sengonile nangenhliziyo yami
Ngacunuka ngayo.
5.Sengonile nangesandla sami
Ngaphatha okungafanele
Sengonile nangonyawo lwami
Ngahamba ehlazweni.
55.Ngisakhuluma ngezibusiso, ngeSabatha eledlule ngikhulume ngentshumayelo uBaba iLanga owake wayikhuluma ngokuthi umuntu ukholwa ngokuthatha izaluleko zabantu. Ithi-ke iNkosi iLanga:
56.“Akekho umuntu okholwa yedwa, akekho umuntu olunga yedwa. Uma umuntu elungile, ubonwa ngabanye. Uma abantu bethi umubi, ubani ozothi umuhle?
57.Uma abantu bethi uyisigangi, ubani ozothi awugangi? Akukho ukukholwa komuntu yedwa, ukukholwa okuhle ngokwabantu ohlala nabo, ukuba bakutuse bathi umuhle, uhamba kahle!
58.Noma ngumfundisi angenke akholwe yedwa, nomshumayeli ngenke akholwe yedwa, noma ngubani nje! Ukukholwa kwethu sonke ngokwabanye abantu, akulutho ngizithethelela mina ngithi anginazono.
59.Uma nithi nina lomfundisi unezono, niqinisile, abawaqambi amanga abantu. Kufanele ngicabange uma niza kimi nithi asikufuni lokhu nalokhu. Kufanele ngibuze ukuthi ngenzenjani? Uma ningitshela, bese ngikwenza lokho.
60.Uma ngingakwenzi, ngizofika le phambili ngimiswe, kuthiwe, awubezwanga yini abefundisi baseKuphakameni bekutshela na? Awubezwanga yini abakhokheli bekumisa na, awubezwanga yini ukuthi bayakusola?
61.Ngezwa! Pho wayenzelani into abathi abayithandi? Bese-ke ngingabe ngisazi ukuthi ngizokwenzenjani.
62.Usho njalo uJesu, uthi uma ungalungile ngokwabanye abantu, ubani ozokunika okwakho ukulunga? Uma ungangcwele ngokwabanye abantu, ubani ozothi ungcwele? Uzobuthathaphi obakho ubungcwele wedwa?
63.Uma abafowenu bethi umubi, ubani ozothi umuhle? Uma izenzo zakho zithi umubi, ubani ozothi ungcwele? Akukho muntu ozothi ungcwele!” Amen!
64.Ngakho-ke kumele sazi ukuthi uma unikwa abantu ukuba ubaphathe, indlela ophethe ngayo akube ngeyamukelekile kubantu osebenza nabo!
65.Ukungabahloniphi abanye abantu, kakhulukazi uma ubaphethe, ezulwini lokho kuba nomphumela omubi ngawe, ufike ubuzwe ukuthi lokhu nalokhu awukwenzanga ngani, kodwa kutholakale ukuthi awukwazi ukuzivikela!
66.Ngiya kulelizwi elithi umuntu ungeniswa ngabantu ezulwini, kanti futhi umuntu ukhishwa ngabantu ezulwini!
67.Uthi umfundisi uMthethwa uJosaya, wayengudriver weNkosi iLanga. Uthi uBaba wabe esembuza ethi: “Mthethwa, sengihambe nawe isikhathi eside, awungibuza ngani ukuthi umuntu ungena kanjani ezulwini?
68.Uthi-ke uBaba iLanga: “Ubovama ukwenza okuhle kubantu, ngoba yibo ekugcineni abayokungenisa ezulwini! Ngaso sonke isikhathi ubofuna ukuthola isibusiso kumuntu ngento omenzele yona.”
69.Uyaqhubeka uBaba iLanga uthi: “Umuntu unezingelosi ezimbili, enye ibhala ubuhle obenza kubantu bese bekunika izibusiso, kanti enye ingelosi ibhala iziqalekiso ozinikwa ngabantu ngendlela obaphethe ngayo.
70.Uma umuntu umphatha kahle, noma engashongo kuwe ukuthi iNkosi ikubusise, kodwa ingelosi iyakwazi ukuzwa ukuthi inhliziyo yalomuntu iyajabula ngawe ngendlela omphathe ngayo, bese ibhala isibusiso!
71.Uthi-ke uBaba, leso sibusiso sesogcinwa kuyimisebenzi yakho emihle, okothi uma ufika ezulwini, kubukwa imisebenzi yakho, bese kubukwa ukuthi zingaki izibusiso ozithole kubantu ngenxa yemisebenzi yakho emihle usesemhlabeni!
72.Noma ubuwugcina umthetho kaNkulunkulu, kodwa uma ungenzanga okuhle kubantu, uyakulahlelwa lokho ezulwini, ulahlelwe nje indlela abantu obubaphethe ngayo, kungabe kusabalwa ukuthi ubuyigcina yonke imithetho kaNkulunkulu, uya enkonzweni ngeSabatha, unikela, usina, uhlonipha yonke imithetho kaNkulunkulu.
73.Kodwa bese kubhekwa ukuthi ubumthanda yini umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena, ubunendaba yini nomuntu?
74.Uthi-ke uBaba: “Uvame ukubaphatha kahle abantu, ngoba isibusiso umuntu usithola kwabanye abantu!”
75.Noma umuntu angamubi kanjani, ekufeni kwakhe aye ekulahlweni, kodwa isibusiso okunike sona asiyi ekulahlweni!
76.Sona silandela lowo onikwe sona, sikhuluma ngisho umnikazi waso sewafa, esesihogweni, kodwa sona sithi, cha wena awufanele ukulahlwa!
77.Lenkulumo kamfundisi uMthethwa yangibusa isikhathi esiningi, ikakhulukazi sengisebenza!
78.Ekuqaleni kwami ukusebenza ngaba umabhalane ophethe ukuxazulula izinkinga zabantu, i-Complaints Officer. Ngangibhekana nazo zonke izinkinga zesifundankantolo. Kungagcini lapho, ngangiyi maintainance ofiicer, ngixazulula izinkinga zabantu abangasondli, abantu abaphika izingane, nezinto ezinjalo.
79.Njengoba sengishilo ngangifundisiwe ukuthi ngaso sonke isikhathi umuntu ngimphathe kahle! Ngangithi uma ngingena ehovisi lami, bese ngivala emnyango, ngithandaze ngithi: “Nkosi ngicela wonke umuntu ozongena lapha ephume enelisekile, ungiphe ukuhlakaniphi kokuxazulula izinkinga zabantu.”
80.Nempela ngasebenza kuleli-office isikhathi eside, asikho isikhathi lapho okwake kwaba nomuntu odlulisa inkinga yakhe emantshini ngoba engeneliswanga yisinqumo sami, noma ngendlela engimphathe ngayo!
81.Kwakuba nolayini omude okumele ngibhekane nawo. Mina ngangingayi etiyeni noma elantshini ngingakabaqedi abantu abeze kimi.
82.Uma umuntu eyinkinga, esehlule wonke umuntu, abanye babecela mina ukuba ngikhulume naye, konke lokho ngikwenze ngempumelelo, ngoba ngifuna isibusiso!
83.Ayikho into edlula ukufuna isibusiso! Ukweba akwamukelekile, kodwa umuntu onokuhlakanipha uyaseba isibusiso, kodwa engatholi sijeziso!
84.UJakobe owagcina esengu-Israel, waba yinto enkulu emhlabeni nasezulwini, kodwa isibusiso wayesi ntshontshe kumfowabo owayenge nakho ukuhlakanipha kwasezulwini!
85.Uma nifuna ukungena ezulwini ngosuku lokugcina, anohlale nifuna isibusiso, anohlale nilwela ukuthi ningalokothi nithi nikholiwe nibe nesiqalekiso!
86.Empilweni yakho ungalokothi ukhalise umuntu omdala, ngoba isiqalekiso somuntu omdala siyahlala kuwe! UNkulunkulu uzishayela yena umuntu ohlukumeza umuntu omdala!
87.Ungalokothi uphathe kabi intandane nomfelokazi. Kunalokho, uma ubona intandane nomfelokazi, ulwele ukuthola isibusiso kuye, ngoba umuntu ophathe kahle umfelokazi, noma intandane, uNkulunkulu uzibusisela ngokwakhe lowo muntu!
88.Ungalokothi weyise umgcotshwa kaNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu uyamhlabekela umgcotshwa wakhe. Kodwa ngaso sonke isikhathi ulwele ukuthola izibusiso kuye, ngoba uNkulunkulu uhlale eseduze kwakhe!
1.Ngivukile ngezwi lakho
Mina ebengifile.
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Abafile njengami.
2.Abafile ngezwi lakho
Basinda ngani na.
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Basinde ngezwi lakho.
3.Ngenhlanhla engiyiphiwe
Ngalowo musa wakho.
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Abangayiphiwanga.
4.Bename kanye nabo
Abavela emafini
Abangubo zahlanzwa
Zenziwa mhlophe.
5.Inanelo yabangcwele
Yabathanda ukulibona
Siyethemba bayakulibona
Lelozwe elizayo.
iNkosi ibusise izwi layo!