Ngokutholakala kwama Dead Sea Scrolls, okuyimibhalo yamaHebheru emidala, eyaba khona noYeshua engakazalwa, nasekhulwini leminyaka yokuqala, sesinolwazi ngebandla lamaNazaretha elaliholwa nguYeshua.” (From incwadi kaRev Shaul ethi The Nazarene Betrayed, Beaten & Begotten)
Isihlabelelo 73
1.Ngiyakholwa kuYise
Onamandla onke
kuMdali wezulu nomhlaba
NakuMoya oyingcwele.
2.Nakuyo iRamente eyingcwele
Yama Nazaretha
Nobudlelwan babangcwele
Base Nazaretha.
3.Idwala elihle
lamaNazaretha
owazikhethela lona uJehova
ngokulithanda kwakhe.
4.Useze wahloba ngabo kathathu
Lobu buNazaretha
Phambi kwazulu onke
Unyaka umunye.
5.Ngigeze ngehissop
Yasezulwini
Ngikhanye ngokukhanya
Ebusweni bakho
UBUNAZARETHA LIBANDLA LASEZULWINI
1.Kukhona umehluko phakathi kokushumayela nokufundisa. Uma ushumayela isikhathi esiningi uba nokukhuluma okuthinta imizwa yabakulalele, intshumayelo yakho abantu bayilalele ngemizwa, hhayi ngengqondo.
2.Abantu abaningi bayaye bethi abakulungiseleli ukushumayela, athi umuntu konke oyokusho kozifikela ngokuqhutshwa ngumoya!
3.Uma ushumayelo ngemizwa, nabalalelayo, balalela ngemizwa. Lokho kusho ukuthi ngisho bengaphinda ndaphinda u-Amen, kodwa lowo Amen usuke ujabulisa wena, hhayi ukuthi kukhona okutheni abakufundayo ngentshumayelo eno-Amen abaningi!
4.Kodwa uma ukhuluma into ehlala ezingqondweni zabantu, u-Amen uyancipha.
5.Lay’ ekhaya siyafundisa, yikho zonke izintshumayelo zethu ziba nesihloko, ngoba kufanele ukuba ungakangeni enkonzweni, wazi ukuthi abantu uzobafundisani entsha abangayazi, noma uzobakhumbuzani abayaziyo!
6.Abanye abefundisi bayayilungiselela inkonzo, kodwa ekushumayeleni kwabo, umuntu ekhulume lokho owakufundiswa ukuthi akayokukushumayela.
7.Kwamanye amabandla umfundisi uthola i-time table yonyaka, ukuthi kulelisonto uyovula lencwadi ufundise lokhu nalokhu, kuze kuphele unyaka ufundisa lokho okukhethelwe ngabakhulu bakho ukuba ukufundise.
8.Yikho-ke okuyaye kudale ukuthi abanye abefundisi bethi befike ngisho e-University ngokwe mfundo, kodwa uthole ukuthi abazi lutho ngeBhayibheli, ngoba bayayi khethelwa into okumele bayishumayeze abantu!
9.Ngingumuntu isikhathi esiningi obe senkantolo ngithetha amacala. Inkinga ebakhona ekuthetheni icala ukuthi kuba nabantu ababili, kodwa abakhuluma izinto ezahlukene ngesehlakalo esisodwa.
10.Inkinga-ke ukuthi wena ongumahluleli usuke kade ungekho kwenzeka lokhu osekufanele wehlulele ngakho.
11.Ngaleyo ndlela kusuke sekufanele usebenzise ubuciko bemfundo yakho kwezomthetho ukuze ukopolote iqiniso emangeni!
12.Lokho ukuthola ngokuthi izinkulumo ezimbili zingahlangani, kodwa ibe ikhona eliqiniso, bese kumele uthole engamanga!
13.Naseku kholweni-ke ziningi izinto esizifundiswayo, kodwa ezingayilo iqiniso, kodwa okungamanga ukuthola uma usuqhathanisa nenye inkulumo, bese iqiniso ligcine ngokuzivelela!
14.Ngenxa yokuthi angishumayeli, kodwa ngiyafundisa, yikho izintshumayelo zami ngizibhala phansi, bese ngimema abantu ukuba babuze lapho bengezwa khona!
15.Intshumayelo enjalo ikuvula umqondo, ngoba kusuke kufana nokuthi olalele usesikoleni, uyafunda!
16.Namanje-ke ngiyacela ukuthi abantu bakulalelisise engizoku khuluma kulenkonzo, bese bebuza lapho bengezwa khona, ngoba ngiqonde ukukhulisa ulwazi lwethu ngokwenkolo!
17.Esikhathini esiphambili igama elikhuluma ngamaNazaretha ngangilazi kuyiTestament elidala, kuNumeri 6, lapho kukhulunywa ngomuntu othatha isifungo sobuNazaretha.
17.Ngangazi ukuthi ubuKrestu inkolo eyasungulwa nguYeshua, lo amaKrestu ambiza ngoJesu, ngoba sasifundiswa lokho. Kodwa engithe uma sengifundisisa, ngathola ukuthi yonke lento engithi ngiyayazi, ayisilona iqiniso!
18.Lokho ngikuthole ekufundeni izincwadi eziningi zoSomlando ezibhalwe yibo abamhlophe!
19.EBhayibhelini kunencwadi yeZenzo 24:5, lapho kuthi khona: “Ngokuba lendoda siyifumene iyishinga ivusa ukwambuka phakathi kwabaJuda ezweni lonke, IYINHLOKO YEHLELO LAMANAZARETHA.”
20.Lenkulumo yayikhulunywa ngamanye amaJuda eyibhekise kuPaul, ukuthi UYINHLOKO YEHLELO LAMANAZARETHA.
21.Yangethusa lenkulumo eyayehlukile kakhulu kulokhu engihlale ngikutshelwa uma senza iBiblical Study, ngacabanga ukuthi isihumusho esingaqondile, kodwa nasesingisini ngathola kunencazelo efanayo, noma ngesingisi IBANDLA libizwa nge SECT.
22.Kodwa kulo lonke iTestamente Elisha akukhulunywa lutho ngeBandla lamaNazaretha, kanye nokuthi uPaul wayeyinhloko yebandla lamaNazaretha.
23.Okuseqinisweni siyaye sifundiswe ukuthi UPAUL WAYEZINGELA AMAKRESTU, NOKUTHI EKUSHAWENI NGUMBANI WAPHENDUKA WABA NGUMKRESTU!
24.Ngiyethemba sonke sifundiswe kanjalo. Kodwa kuthe uma sengifunda ukuthi uPawuli wayeyinhloko yehlelo lamaNazaretha, lelivesi langidida kakhulu, kodwa noma kunjalo, ngagcina ngokufunda kwaphelela lapho!
25.Kodwa njengomuntu ojwayele ukuhlaziya izinto uma seziphambana, ngabona ukuthi kukhona okungaqondile ngaleli vesi!
26.UNkulunkulu-ke uma kukhona ofuna ukwazi, uvele eliqhamukise iqiniso ngendlela engaqondakali!
27.Into eyanginika ugqozi ngokucwaninga engikufunda eBhayibheli, kwaba ngamazwi engelosi, eyavele yathi: “Wena uyinzalo yomndeni kaJuda, yabe isigcina lapho.
28.Ngangazi ukuthi ingelosi ayinakuli khulumi iphutha, kodwa noma kunjalo, ngangazi ukuthi lokhu kukhuluma ngizothi kusho ukuthini!
29.Ngabona sengithola izincwadi ezikhuluma ngamaqembu noma amaSects ayekhona ngesikhathi sikaYeshua, noma uJesu.
30.Kwabalwa ABAFARISI, kwachazwa ukuthi babesunguleke kanjani, bekholelwani; kwabalwa abaSadusi, nabo kwachazwa ukuthi babeyi Sect ekholelwa kukuphi.
31.Kwase kubalwa ama-Essenes agcina esengamaNazaretha, kwachazwa ukuthi le Sect yayiholwa ngu Yeshua, okwathi ekuhambeni kwakhe yaholwa nguPaul! Ngase ngiyabona ukuthi le Izenzo 24:5 zichaza lokhu, nokuthi kuningi esifihlelwe khona kuleli Testamente!
32.Lenkulumo iyakufakazela lokhu engikufunda kuyiZenzo 24:5, ukuthi kanti ngempela uPaul wabe engumholi webandla lamaNazaretha.
33.Kwase kuyaphambanake, ngoba thina sifundiswe ukuthi uPaul wayengumKrestu, futhi angikaze ngiwezwe amaKrestu ezibiza ngamaNazaretha! Kwaziwa ukuthi amaNazaretha libandla lakwaShembe!
34.Kwangimangalisa ukuthola ukuthi kanti noYeshua wayengumNazaretha, ehola ibandla lamaNazaretha!
35.Lezi zincwadi zachaza kabanzi, zasiphika isihumusho kususelwa kuyisiHebheru esithi uJesu wayengumNazaretha ngoba wakhulela edolobheni iNazareth.
36.Zathi ulimini lwesiHebheru luqondisile ukuthi uJesu wayengumNazaretha, hhayi ngoba wakhulela edilobheni iNazareth.
37.Zathi lezi zincwadi okokuqala akekho umuntu ongamkhomba obizwa ngendawo akhulele kuyo!
38.Manje sekuyacaca ukuthi lokhu ukuthi ungumNazaretha ngoba wakhulela eNazareth, kwakufihlwa ukuthi ungumNazaretha, njengoba kwafihlwa ukuthi uMesaya kwakunguYeshua, hhayi uJesu, kanjalo noPaul igama lakhe lesiHebheru okungu Sha’ul!
39.Uma ufunda encwadini yeZenzo 28:22-23, uPaul uvela engumuntu owaye shumayela ngenkolo kaMose, kodwa uma usufunda lezi zincwadi okuthiwa ngezakhe, uthola futhi yena loPaul sekunguye ochitha imithetho yenkolo kaMose!
40.Ubuqili okwakwenziwa ngabezizwe ukuthi uma bebona ukuthi umuntu ubalulekile enkolweni yamaHebheru, babemsusa emlandweni, bese bakha owabo okuzoba sengathi kuseyilowaya okukhulunywa ngaye enkolweni yamaHebheru!
41.Lenkulumo kaPaul ikwenza uzibuze imibuzo engaphenduleki ukuthi kwenzekani lapha, ngafunda ngomuntu oyedwa kodwa ekhuluma izinto ezimbili eziphikisanayo?
42.Lesi simo ebese siyakuphoqa ukuba wandise ulwazi lwakho ngalento oyifundayo! Ekugcineni bese uyathola ukuthi indaba kaPaul iyefana nendaba kaJesu, kuthathwe umuntu oyedwa wehlukaniswa kabili ukuze ungaqondi ukuthi kukhulunywa ngobani.
43.UmJuda owathi engumFarisi ezingela amakholwa washawa ngumbani, igama lakhe kwakungu SHA’UL, waphenduka waba ngumNazaretha, ngoba ngesikhathi sikaSha’ul kwakungakabi bikho ubuKrestu!
44.Ku-Izenzo 11:26 kuthi “KWAQALA E-ANTIYOKIYA UKUBA ABAFUNDI BABIZWE NGAMAKRESTU. “
45.Nalenkulumo ingakudida ukuthi kushiwo kanjani ukuthi ubuKrestu basungulwa nguConstantine ngo 325 A.D, uma kanti ngesikhathi sabafundi bakaYeshua, okwakuko
40 A.D, kwase kukhona ubuKrestu?
46.Nalapho senziwa izilima nje! Abezizwe bamchitha uYeshua owabe eliJuda nowabe ebizwa ngokuthi uMesaya, base leligama elithi Mesaya sebelihumushela olimini lwesiGriki, sekuthiwa ngu Kristo!
47.Abalandeli bakaMesaya amaJuda ayebabiza ngama Mesianics, kususelwa egameni elithi uMesaya! Abezizwe naleligama elithi MESIANIC balihumushela kuyisiGriki sebethi CHRISTIANITY.
48.Njengoba sesichazile, lenkulumo ekuyiZenzo 11:26 yayikhulunywa ngamanye amaJuda, ngakho-ke uma ufunda iBhayibheli lesiHebheru lithi: “KWAQALA E-Antiyokia ukuthi abafundi kuthiwe ngama Mesianics!
49.Kodwa ngake ngaphikisana nomfundisi ongu dokotela enkolweni yobu Krestu, ethi lamavesi akuyiZenzo 11:26 afakazisa ukuthi abafundi bakaYeshua babeyo shumayela ubuKrestu!
50.Kodwa uma ungakaze uzihluphe ngokucwaningisisa okufundayo, ungacabanga ukuthi iZenzo 11:26 zikhuluma ngabuKrestu lobu obasungulwa ngo Constantine, ngakho-ke ubuKrestu babukhona ngesikhathi sabapostoli, kanti cha, kwakungama Mesianics akwaJuda!
51.Sifundiswe ukuthi ubuKrestu basungulwa nguJesu, kodwa uYeshua wahamba emhlabeni cishe ngo 36 A.D, ubuKrestu basungulwa ngu Constantine ngo 325 A.D!
52.Yonke incwadi yeZenzo ikhuluma ngabafundi bakaYeshua, okwaku ngamaJuda odwa, aphuma eJerusalema eyoshumayeza abezizwe ngenkolo kaMose.
53.Nawe ungazibuza ukuthi ngoba uYeshua wayezalwa amaJuda abe ecindezelwe ngamaRoma, nakuMathewu 10 uthi abafundi bakhe bengaba shumayezi abezizwe, wasuka nini enkolweni kaMose wabe esesungula inkolo yabezizwe echitha inkolo yakhe?
54.Yikho-ke ku New Testament ingafakwa iminyaka, ngoba iminyaka izobonisa ukuthi yonke lento okukhulunywa ngayo ayikho! UYeshua wazalwa ngo 6 A.D, wahamba emhlabeni ko 36 A.D. kodwa lokho akuphathwa kulenkolo, ngoba iminyaka izobonisa ukuthi ubuKrestu babakhona engasekho uYeshua emhlabeni!
55.Inkulumo eqondile ile kaDr Koster othi abezizwe babewazonda amaJuda, bezonda noNkulunkulu oku Old Testament, kodwa ngoba nabo babemfuna umsindisi, base bezisungulela umsindisi wabo okwasaGriki!
56.Angenke ukholwe ukuthi lenkulumo yashiwo ngumlungu olapha eSouth Afrika, futhi ongumKrestu wokuqina!
57.Incwadi yakhe ke ithi: COME OUT OF HER MY PEOPLE. Ngesizulu kuthi: “Phumani kuleliBhabhiloni bantu bami.”
58.KuMathewu 10:5-6 kuthi: “Laba abangu 12 uJesu wabathuma, wabayala wathi: “Ningayi kwabezizwe,…. Kodwa yanini ezimvini ezilahlekileyo zendlu ka-Israel!”
59.Manje ngoba uYeshua esaphila wayala abafundi bakhe ukuba beshumayele kuphela abantwana bakwa-Israel, wabe eseba ngumKrestu nini, ngoba ubuKrestu inkolo yabezizwe, bona laba owathi uYeshua bengashunyayezwa?
60.Abanye bayaye bethi, hhayi wakusho lokho ekuvukeni kwabafileyo. Kodwa abapostoli baphuma eJerusalema baya kwabezizwe beyoshumayela ngenkolo kaMose, hhayi ngobuKrestu! Akakho uMpostoli owake wakubona, noma waba ngaphansi kwenkolo yobuKrestu!
61.Umbuzo ongazibuza wona ukuthi uma ubuKrestu babukhona ngesikhathi sikaPaul, pho kuyiZenzo 24:5 kushiwolani ukuthi uPaul wayeyinhloko yabandla lamaNazaretha, kungashiwo ukuthi wayeyinhloko yebandla lamaKrestu? Aseqhamukaphi manje amaNazaretha?
62.Ngithe okokuqala ngethuswa ilenkulumo ekuyizenzo 24:5, ethi uPaul wabe engumholi webandla lamaNazaretha.
63.NeZenzo 28:22-23, lapho kuthi uPaul wayefundisa ngomthetho kaMose nabaprofethi, enza lento eyayenziwa nguYeshua kuMathewu 5:17-19.
64.Ngisadidwe yilokho, ngase ngithola umbhalo ka Jerome okwabe kuyisikhulu eRome esasiwunobhala kaPope, nokwakuyiso esihumusha izincwadi zamaHebheru sizisa kuyisiLatini.
65.UJerome uthi: “Kufanele esikhathini samanje sike sibhekisise lamahlubuka abazibiza ngokuthi bangama-Nazaretha.
66.Ngisho ubabheka nje uyabona ukuthi bangamaJuda, ayikho enye into.
67.Abasebenzisi i-Testament elisha kuphela, kodwa baphinde basebenzise nalelo elidala lama-Juda.”
Okusho ukuthi amaKrestu akufanele basebenzise iTestamente Elidala!
68.Abayichithi imithetho yamaJuda, nabaProfethi nemibhalo yabo.” Njengoba esho uJerome, kuyinkolo yamaKrestu ukuchitha imithetho kaMose!
69.NalamaNazaretha kaShembe asebenzisa iTestamente Elisha neLidala, futhi akayichithi imithetho kaMose!
70.Uyaqhubeka uJerome uthi: “Ngalokho, kwenza ukuthi bamukeleke kumaJuda njengoba bengehluke ngalutho kuwona.
71.Basho zonke izinto lezi ezifundiswa emabandleni amaJuda, okwehlukile ngabo kumaJuda ukuthi bona bayakholelwa kuMessiah (uJesu Krestu).”
72.NoShembe wayekholelwa kuYeshua ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu, kodwa futhi wakubhala phansi ukuthi isisekelo sobuNazaretha ngumthetho kaMose!
73.”Bafundisa nokuthi kukhona uNkulunkulu oyedwa kodwa, uJesu (Yeshua) yena uyindodana yakhe.”
74.Bafunde njengawo amaJuda lawa, futhi balandela nemithetho yonke yamaJuda nabaProfethi babo.
75.NaseBandleni lamaNazaretha kaShembe sikholelwa kuNkulunkulu oyedwa uJehova, uShembe wasifundisa ukuthi uYeshua wayeyiNdodana kaNkulunkulu!
76”.Bona okubenza behluke kwamanye amaJuda ukuthi nje bayamemukela uMessiah, kodwa ngale kwalokho belandela imithetho yonke yamaJuda, okufaka phakathi ukusoka, iSabatha, namanye amadili amaJuda.”
77.NasebuNazaretheni bukaShembe silandela imikhosi kaNkulunkulu, siyasoka ngokokukholwa, sibuye sigcine iSabatha!
78.Lenkulumo kaJerome iyacacisa ukuthi amaKrestu achitha umthetho kaMose ngoba eliJuda! Manje thina sizwe esimnyama sibuswa imithetho yesizwe samaRoma, okungabamhlophe, simhlophe yini? Lokhu kufakazela ukuthi lelibandla lama Nazaretha ka Shembe ilona elivuse ibandla likaYeshua!
79.Ukucacisa lokhu okushiwo nguJerome, okokuqala akuwo wonke amaJuda emukela uYeshua owayebizwa ngoMesaya, okusho uMgcotshwa kaNkulunkulu, njengoba namanje kungasiwo wonke amaZulu amukela uShembe njengoMprofethi kaJehova!
80.Ngenkathi abaPostoli beyoshumayela, babeyoshumayela ngoYeshua owayekade engumholi wamaNazaretha, nabo bengamaNazaretha, lokhu esifihlelwe khona!
81.Okuyaye kungidide ukuthi uShembe wazi ngani ukuthi uYeshua wabe engumholi wamaNazaretha, ngoba lokhu kucashisiwe eBhayibhelini?
82.Okwesibili njengama Nazaretha kaYeshua, kwathi kanti uShembe uyakuvuma evangelini lakhe ukuthi uYeshua ungumfeli wezono zethu, kodwa wakuphika ukuthi ukubethelwa kwakhe kwakuchitha umthetho kaJehova!
83.Ileyo inkinga abezizwe abanayo, ngoba manje sebefuna ukusebenzisa ukubethelwa kukaYeshua njengesizathu sokuchitha umthetho kaJehova. Kanti kwakungenjalo ekuqaleni, babengamfuni uJehova ngoba enguNkulunkulu wamaHebheru!
84.Ngobuqili sebethi ngoba sonke siyavuma ukuthi uYeshua wafela izono zethu, ngakho-ke sonke asikwamukele ukuthi ukubethelwa kwakhe esiphambanweni kuchitha umthetho kaMose, kodwa okuseqinisweni basisusa kuNkulunkulu wethu!
85.Kube sengathi ukuchitha umthetho kaJehova isivumelwano esisha esisuselwa encwadini kaJeremiya 31!
86.Umbuso wamaRoma lenkolo kaMose wayiqeda ngamaCreeds. lamaCreeds afundeka kanje:
87.“Ngiyayichitha yonke imikhosi, nemicimbi, nemithetho, ukudla isinkwa esingena mvubelo, iminikelo yama wundlu eyenziwa ngamaHebheru.
88.Ngichitha nayo yonke imikhosi yamaHebheru, iminikelo, imithandazo, ukulinda, ukuzingcwelisa kanye nokudumisa kwabo.
89.Ukuzila kwabo, imikhosi yokweshwama, amaSabatha, nenkoleloze, amahubo, nezaga, nokuya kwabo ukuyokhonza emathempelini.
90.Mina ngokwami ngithi angikufisi nakancane ukuthi kube khona ukubuya kulenkoleloze yamaJuda, noma ukutholakala ngidla namaJuda.
91.Noma ngenza imikhosi kanye nabo, noma ngandlela thile kukhulunywa nabo ngasese kuphikiswana noma kugxekwa inkolo yobuKrestu.
92.Kunalokho uma kukhona ukukhuluma nabo kufanele kube ukuthi bayatshelwa ngokusobala ukuthi bashiye lomsangano wabo wenkolo yamaJuda.
93.Uma eke wabakhona otholakala enza lokho noma yimina uqobo, ngiyacela isiqalekiso sikaKhayini noma isifo sobulepheru buka Gehazi sivele sehlele kimi ngaleso sikhathi.”
94.Kulentshumayelo sicacisa ukuthi abezizwe bayiqeda kanjani inkolo kaJehova.
95.Okokuqala bayiqeda ngamaCreeds, kodwa emva kwesikhathi base bakha iTestament Elisha, ngaleliTestament base befundisa ukuthi isivumelwano phakathi kwaJehova nabantwana bakwa-Israel saqedwa ukubethelwa kukaYeshua.
96.Ngalendlela sebenze ukuqedwa kwenkolo kaJehova kwaba yinkolo; ukuthi uma ukholwa ukuthi uYeshua wafela izono zakho, ngakho-ke akufanele ugcine umthetho kaMose ngoba uyisivumelwano esidala!
97.Lenkolo kaMose kuthe uma isiqedwe ngamaRoma, yase ivuswa ngamaJuda amhlophe.
98.Wonake akabanga nankinga okulwiswa ngoba vele akayiso isizwe esimnyama, abezizwe bebezonda isizwe esimnyama!
99.Kodwa kwasisiza ukuvuswa kwalenkolo ngamaJewish Ashkenaz, ngoba ukuba akavelanga, ibisiphelile nya lenkolo kaMose!
100.Ngenxa yokuthi lenkolo kaMose lamaJuda ayithatha ngokuthi ngeyawo, abe esenza uphenyo olunzulu ngayo.
101.Kunencwadi ebhalwe ngu Rav Sha’ul oliJuda elimhlophe, ethi: “THE NAZARENE: Betrayed, beatean and forgotten.”
102.Lencwadi iveza izinto eziningi ebesifihlelwe zona ngalenkolo kaJehova. 103.Kuyikhasi 10 lalencwadi, nanka amazwi kaRav Sha’ul: “Abantu abaningi sebeqala ukuqonda ukuthi abalandeli baka Yeshua kwakungamaNazaretha, hhayi leligama labezizwe, okuthiwa ngamaKrestu.
104.Ngokutholakala kwama Dead Sea Scrolls, okuyimibhalo yamaHebheru emidala, eyaba khona noYeshua engakazalwa, nasekhulwini leminyaka yokuqala, sesinolwazi ngebandla lamanazaretha elaliholwa nguYeshua.”
105.Ekhasini 25 uSha’ul uthi: “Siyazi ukuthi ibandla lamaNazaretha lasungulwa nguM profethi uJohane.
106.Ngu Johane owafundisa uMesaya, okunguYeshua, wamcijela ukuba abe nguMpristi omkhulu!
107.UYeshua wakuthatha kuJohane ukuphatha ibandla lamaNazaretha. Okwathi ekugcineni lelibandla lamaNazaretha laholwa nguMpostol uSha’ul.” Amen.
108.Ekuqaleni ngithe uNkulunkulu uke evele njengomlingo ekuhlomisa ngazo zonke izikhali.
109.Ukutholakala kwalencwadi kwenza ukuba umuntu azibone ukuthi abamhlophe basenze iziphukuphuku isikhathi eside kangakanani!
110.Ngo 1946 kwatholakala ama Scrolls ayebhalwe ngamaHebheru uYeshua engakazalwa, eminye ebonisa ukuthi yayibhalwe kuze kufike ku 70 A.D uYeshua sewazalwa.
111.Noma lemiqulu yayinomlando wezenkolo, kodwa lalingekho igama likaJesu kuyo, esikhundleni sikaJesu kunoYeshua, futhi kungekho lapho kukhulunywa ngamaKrestu kulo.
112.Kodwa esikhundleni samaKrestu, kukhulunywa ngamaNazaretha. Yikho-ke uRav Sha’ul ethi:
113.Ngokutholakala kwama Dead Sea Scrolls, okuyimibhalo yamaHebheru emidala, eyaba khona noYeshua engakazalwa, nasekhulwini leminyaka yokuqala, sesinolwazi ngebandla lamanazaretha elaliholwa nguYeshua.”
114.Lencwadi kaSha’ul yaqale yesusa umsindo omkhulu kwa-Israel, ngoba iJudaism ibinamathele kumaKrestu ngoba beyizitha ezinkulu zamaMoslems, abakwa-Israel abalwa nawo!
115.Kodwa noma kunjalo, amaJuda abuke abuka athi akakwazi ukucisha iqiniso ngobuqili babasunguli bobuKrestu, bazozixabanisa noNkulunkulu ngoba yibona abasagcina imithetho kaMose!
116.Kuwo lonyaka, kwethusa wonke umuntu uma uhulumeni wakwa-Israel esechitha ubuKrestu ezweni labo! Lento yagcwala emaphepheni, kodwa ezindabeni zeT.V nasemsakazweni ayaze yathintwa!
117.Okubuhlungu ukuthi isizwe esisahamba ngokwezimiso zikaJehova ngama Jewish Ashkenaz kuphela!
118.Ngokugcina umthetho kaJehova, zonke izibusiso uJehova owayethe uma sigcina umthetho wakhe zokwehlela kithi, zehlele kumaJuda amhlophe!
119.Asikho isizwe esicebe njengamaJuda umhlaba wonke, kodwa lamaJuda agcina yonke imithetho kaMose!
120.Thina esawulahla, siyahlupheka, siyinhlekisa emhlabeni wonke njengoba wayeshilo uJehova kuDutoronomi 28 kusukela kuyivesi 15.
121.Sithe isihloko salentshumayelo sithi, ubuNazaretha libandla lasezulwini.
122.Lokhu kokuba uShembe esungule ibandla lamaNazaretha, elifanayo ngenqubo negama neebandla likaYeshua, kodwa owayengazi lutho ngalo, ngoba lalifihliwe, kuwubu fakazi okunga phikiseki ukuthi lelibandla lamaNazaretha libandla lasezulwini!
123.Njengama Nazaretha kaNkulunkulu, siyambonga uJehova ukuthi inkolo yakhe ayivuse ngathi lapha emhlabeni! Mhlawumbe ngalelivangeli lasezulwini abaningi bayosinda!
Isihlabelelo 208.
1.Thabani, thabani,
Bufikile ubuNazaretha
Thabani, thabani
Izizwe zosinda
Ebezihlakazekile
Zizula emahlane ngezwi lakho.
2.Thabani, thabani
Bufikile ubuNazaretha
Thabani, thabani
Izizwe zosinda
Buphelile ubumnyama
Jabulani nithokoze
Zizwe nonke.
3.Izizwe eziningi
Eziphansi kwezulu
Sizibona zihlakazekile
Zihlabelela zijabhile.
4.Thuthuka thuthuka
Thuthuka buNazaretha
Thuthuka, thuthuka
Izizwe zomile
Zifuna ukuphuza kuwe
Zikholwe zichichime
Ngezwi lakho.
INkosi ibusise lokho enikuzwile.