1 kaJohane 2: 3: “Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi yena, UMA SIYIGCINA IMIYALO YAKHE. LO OTHI NGIYAMAZI, KODWA ENGAYIGCINI IMIYALO YAKHE, UNGUMQAMBI MANGA, AKANALO IQINISO.
KODWA OGCINA IZWI LAKHE, IMPELA UTHANDO LUKANKULUNKULU LUPHELELISIWE KUYE. LOWO OTHI UHLALA KUYE, UFANELE AHAMBE NJENGALOKHU AHAMBE YENA(UYESHUA!)”
Isihlabelelo 19
1.Thixo Mkhululi
Khulula umoya wami
Ngakhe Phakathi kwezizwe
Ezizonda umoya wami.
Choirus: Weyise wamakholwa
Khulula umoya wami.
2.Ngaphakathi kwami ngewdwa
Kukhona izitha zami
Ezilwa nayo yonke
Imvumelwana yakho.
Chorus.
3.Inhlangano yobubi
Angizange ngiyimeme
Kepha ngithe ngibona
Ngase ngiphakathi kwayo.
Chorus.
4.We Mthandi wenkoliswanoi
Wendlela nene
Ngithande ungikhulule
Mina, mina soni.
Chorus.
ASITHOLE UKUKHOLWA KWASEZULWINI
1.Angazi ukuthi bangaki abantu abakwaziyo ukwahlukanisa phakathi kokukholwa kwasemhlabeni nokukholwa kwasezulwini.
2.Baningi onkulunkulu, kodwa uNkulunkulu onguMdali wezulu nomhlaba munye, igama lakhe nguJehova!
3.Ziningi emhlabeni izinkolo, kodwa inkolo kaJehova uMdali wezulu nomhlaba, yinye, inkolo yobuNazaretha!
4.Maningi emhlabeni amabandla, kodwa ibandla likaJehova uMdali wezulu nomhlaba, linye, ibandla lamaNazaretha! UNkulunkulu alikho igama owalinika ibandla, kodwa uMprofethi uJohane wathi liBandla lamaNazaretha, okuyilo elagcina seliholwa nguYeshua noSha’ul, namuhla eseliholwa nguShembe!
5.Ngaphambi kokuthi uthi ulibandla noma usebandleni likaMenzi wezulu nomhlaba, kumele wazi ukuthi ibandla lasezulwini lehluke ngani kumabandla abanye onkulunkulu?
6.Ibandla likaJehova uMdali wezulu nomhlaba liqhuba inkolo yalo ngokwezimiso zikaJehova esazithola ngoMose, kanti amanye amabandla aqhuba inkolo yawo ngokwezimiso zawo, azesusela kubasunguli bawo, kodwa ezingafani nezenkolo kaJehova!
7.Ithini inqubo yebandla likaJehova? Ku Dutoronomi 10:12-15 uMose wakhuluma lamazwi: “Manje-ke Israel, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe ngaphandle kokuba umesabe, uhambe ngezindlela zakhe, umthande, umkhonze uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho, ugcine imiyalo kaJehova nezimiso zakhe engakuyala ngakho ngalolo suku ukuba kube kuhle kuwe na?
8.“Bheka izulu nezulu lamazulu lingelikaJehova uNkulunkulu wakho, nomhlaba nakho konke okukuwo.
9.Nokho uJehova wanamathela koyihlo, wabathanda, wakhetha inzalo yabo emva kwabo, yebo, nina ngaphezu kwabantu bonke njenganamuhla!” Amen!
10.Enkonzweni yasoKhozini sithe ngaphezu kwayo yonke imithetho yemvelo esiyigcinayo, ukukholwa kuJehova ukugcina imithetho yakhe esesigabeni sokuqala somthetho kaJehova, lapho uMose no Yeshua bethi: THANDA UJEHOVA NGENHLIZIYO YAKHO YONKE NANGOMOYA WAKHO WONKE!”
11.Kungani kuyisigaba sokuqala esibonisa ukuthi ukhonza uJehova? Okokuqala ukulandela umthetho osesigabeni sokuqala kusuka othandweni lwakho, ngalo obonisa ukuthi uyamkhetha uJehova, akukho muntu ongakujezisela ukuthi awuwugcini lomthetho!
12.Okwesibili, lomthetho awutholakali kwezinye izinkolo, noma kwabanye onkulunkulu noma emithethweni esingathi ngeyemvelo! Akukho nkolo eyothi gcina iSabatha, akukho nkolo eyothi ungaligundi ikhanda lakho!
13.Kodwa lokho, nokunye okuningi, kwenziwa ngabakhethe ukuba ngaphansi kwenkolo kaJehova, abaphoqwe muntu, kodwa ukulalela okushiwo nguJehova kusuka othandweni olusezibilini zabo!
15.Ukugcina lemithetho kwenza uJehova ngayo akwazi ukubehlusa abakhe! Ukhumbule ukuthi zonke izinkolo zinemithetho noma inqubo elandelwayo uma ukholwa kuzo! EkaJehova-ke ile esencwadini engcwele esiyinikwe nguMose!
16.Uthi-ke uMose, uma uthi ukhonza uJehova, yenza lokhu okulandelayo: “Mesabe, uhambe ngezindlela zakhe, umthande, umkhonze uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho, ugcine imiyalo kaJehova nezimiso zakhe engakuyala ngakho ngalolo suku ukuba kube kuhle kuwe.”
17.Lemithetho etholakala kuyinqubo yokukholwa kukaJehova kuphela, ibizwa ngokuthi IMITHETHO ENGCWELE, nabayigcinayo babizwa ngokuthi NGABANGCWELE!
18.KuMathewu 5:17-18 uYeshua ugcizelela umthetho kaMose, ephendula abaFarisi ababehlala bebheke amaphutha kuye, uthi: “Ningasho ukuthi NGIZOCHITHA UMTHETHO KAMOSE NEZIMFUNDISO ZABAPROFETHI. ANGIZELANGA UKUZOCHITHA, KODWA NGIZOGCWALISA!”
19.Usewugcwalisa-ke uYeshua umthetho kaMose! Wawugcwalisa kanjani? Uthi uYeshua: “KUZE KWEDLULE IZULU NOMHLABA, AKUSOZE KWADLULA GAMANA LINYE, NESICASHANA SINYE SOMTHETHO.”
20.Akaze asho uMose ukuthi umthetho kaNkulunkulu umi nguna phakade, KODWA LOKHO KWAGCWALISWA NGUYESHUA!
21.Kuvesi 19 uYeshua uthi: “NGAKHO-KE OWEQA OWODWA KULEMIYALO EMINCINYANE, AFUNDISE ABANYE KANJALO, UYAKUTHIWA OMNCINYANE EMBUSWENI WEZULU; KEPHA OYIGCINAYO, AYIFUNDISE, LOWO UYAKUTHIWA MKHULU EMBUSWENI WEZULU!”
22.UMose akaze akhulume ngombuso wezulu, akaze asho ukuthi uma ungawugcini umthetho kaMose, ubuye ufundise ukuthi abantu abangawugcini umthetho kaMose, angenke ungene ezulwini!
23.KODWA NGUYESHUA OFIKE WAGCWALISA UMTHETHO KAMOSE NGOKWENEZELA KULOKHO UMOSE OWABE ENGAZANGE AKUSHO!
24.Lapha sizama ukuba abantu bakithi babone ukuthi uYeshua akagcinanga ngokusho ngomlomo ukuthi uzogcwalisa umthetho kaMose, kodwa wawugcwalisa, ngoba wenezela kulokho obekukhulunywe nguMose!
25.Kodwa lokhu esikuveza lapha, enkolweni yobuKrestu kufihliwe, ngoba lenkolo ngokwabasunguli bayo, inenhloso yokuqeda ngenkolo kaMose.
26.Okokuqala bayiqeda ngama Creeds, okuthe uma sebakha iNew Testament, base befundisa abantu ukuthi yaqedwa ngabaprofethi, sebekhomba izinto ezingabhalwe ndawo, sebethi kune Sivumelwano esisha esiqeda isivumelwano esidala!
27.Kodwa abantu bakithi abakulenkolo abakuboni lokho, abazi nokuthi kunama Creeds abezizwe ngawo ababeqeda inkolo kaJehova! Bayaye bethathe kuphela ivangeli labezizwe elinobuqili bese belifunza abantu bakithi!
28.Inhloso yalenkonzo ukuvula amehlo isizwe sakithi, ukuthi ivangeli labafundisi babo balihlaziye, ngoba laba befundisi banikwe ivangeli lokuba liqede ngenkolo kaMose, okuyiyona nkolo yesizwe sakithi!
29.Benza sengathi lokhu abakufundiswayo inkolo, kanti cha, ipolitiki, basebenzisa inkolo ukusibhubhisa ngokwezepolitiki! Kodwa amakholwa akakuboni lokho!
30.Ungazifunda zonke izintshumayelo zikaYeshua, uYeshuia ugcizelela ukugcinwa komthetho kaJehova owawuletha kithi ngoMose, uYeshua ushumayela ngokugcinwa kwezimfundiso zabaprofethi!
31.Kodwa lapha emasontweni akusakhulunywa ngezimfundiso zikaYeshua, kodwa kugcizelelwa ukuthi ngokubethelwa kukaYeshua esiphambanweni, wachithwa umthetho kaNkulunkulu! Bayazi ukuthi uma beveza izimfundiso zikaYeshua, bazobe bavusa umthetho kaMose abawuchitha ngamaCreeds!
32.Ekubethelweni kukaYeshua esiphambanweni, babekhona abafundi bakhe oPetro noJohane, kodwa konke esesikutshelwa emabandleni obuKrestu akuvumelani nalokhu okushiwo ngabafundi bakaYeshua ababekhona uYeshua ebethelwa, nabaziyo ukuthi yena wathini kubo!
33.Nanka amazwi kaYeshua abathi abafundi bakhe wawasho ekuvukeni kwakhe kwabafile: Mathewu 28: 18-19: “NGIPHIWE AMANDLA ONKE EZULWINI NASEMHLABENI; NGAKHO HAMBANI NENZE IZIZWE ZONKE ABAFUNDI, NIBABHABHATHIZE EGAMENI LIKAYISE NELENDODANA NELIKAMOYA ONGCWELE; NIBAFUNDISE UKUGCINA KONKE ENGINIYALE NGAKHO.”
34.Lemfundiso kaYeshua ebhalwe lapha iphambene kakhulu nalokhu esikufundiswa emasontweni!
35.Kafuphi uYeshua uthi: “Hambani niyoshumayela, nenze abezizwe amakholwa, uma sebephendukile nibabhabhadise; NIBAFUNDISE LOKHO ENGINIFUNDISE KHONA!”
36.Kodwa amaKrestu akafundisi lokho uYeshua owayefundisa khona abalandeli bakhe; esikhundleni salokho, bafundisa ukuthi izimfundiso zikaYeshua azichithwe ngoba zisemthethweni kaMose!
36.Abakusho lokho ngomlomo, kodwa ngezenzo bayakusho! Ngeshwa, ngoba isizwe sakithi sithatha noma yini abayifunzwa ngabamhlophe, abakuboni lokho!
37.Akukho ezimfundisweni zikaYeshua nasezimfundisweni zabaPostoli emva kwaYeshua ezithi asisaphili ngaphansi komthetho kaMose. NoPaul, lo abamakha, ukhuluma eziphikisa, ngoba vele lo Phawuli yinto eyakhiwe yibo, engavelanga kuShaul, lo owabe kade engumfarisi, wase egcina esingumholi wamaNazaretha, njengoba kubhaliwe ku-Izenzo 24:5!
38.Ku-Izenzo 28: 22-23 kuthi: “Kepha thina siyathanda ukuzwa ukuthi (wena Paul) ucabangani. Ngokuba siyazi ngaleli hle la(lamaNazaretha) ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke(Njengoba nanamuhla liphikiswa nje).
39.(UPawuli) baya kuye endlini ngobuningi, wabacacisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebanxenxa ngoYeshua ethathela emthethweni kaMose nakubaprofethi!” Amen!
40.Emva kokubethelwa kukaYeshua abaPostoli baya kwabezizwe beyobashumayeza ngombuso kaNkulunkulu, bebachazela nangoYeshua bethathela EMTHETHWENI KAMOSE NAKUBAPROFETHI.
41.Manje lenkolo yobuKrestu esifundisa abantu ukuthi ifundisa okuku Testament Elisha, kuphi lapho uYeshua esimkhonzayo ethi umthetho kaMose uyisivumelwano esidala?
42.Kuphi lapho abafundi bakhe ababekhona elengiswa emthini, abathi khona umthetho kaMose uyisivumelwana esidala esichithwa yisivumelwana esisha?
43.Nazi izimfundiso zikaJohane owazifundisa engasekho uYeshua, 1 kaJohane 2: 3: “Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi yena, UMA SIYIGCINA IMIYALO YAKHE. LO OTHI NGIYAMAZI, KODWA ENGAYIGCINI IMIYALO YAKHE, UNGUMQAMBI MANGA, AKANALO IQINISO.
44.KODWA OGCINA IZWI LAKHE, IMPELA UTHANDO LUKANKULUNKULU LUPHELELISIWE KUYE. LOWO OTHI UHLALA KUYE, UFANELE AHAMBE NJENGALOKHU AHAMBE YENA(UYESHUA!)”
45.Lenkulumo ibhekiswe kumaKrestu ahlale ethi anoJesu, kodwa engahambi ngokwezimfundiso zakhe! Uma uYeshua esaphila engakaze afundise ngokuchithwa komthetho kaNkulunkulu njengesi vumelwano esidala,
nabaPostoli ababekhona uYeshua ebethelwa esiphambanweni, bengakaze bafundise ngomthetho kaMose njengomthetho osesivumalanweni esidala,
pho safundiswa ngubani ukuthi kukhona isivumelwano esisha esichitha isivumelwana esidala? Lombuzo abazalwane kumele bawuphendule!
46.Ngiwubuzelani lombuzo kumaKrestu? Lapha angimele ibandla lamaNazaretha, kodwa ngimele umbuso wezulu!
47.Noma amabandla angaba nemithetho ehlukene, kodwa indlela yokukholwa uma ufuna ukungena ezulwini, inomthetho owodwa! Uma ethi uJehova ukuze singene ezulwini asigcine iSabatha, ukuthi ibandla lakho likufundiseni, akusebenzi lokho, kodwa ukuze uhlanganyele nabangcwele, gcina isabatha!
48.Kubalulekile-ke ukuthi ngeluleke, ngiqondise lapho abantu bethi bakholiwe, kanti benza okuphambene nokuhamba kwasezulwini, ngoba ezulwini kugcinwa umthetho kaMose kuphela, okungu mthetho owavela ezulwini kuNkulunkulu!
49.Lombuzo engiwubuzayo, ezinsukwini zakho zokugcina UMEHLULELI UYOKUBUZA WONA. NGAKHO ZAMA UKUWUPHENDULA NAMUHLA, NGOBA USAZOHLANGANA NAWO KWELIZAYO!
50.Kuza isikhathi lapho usazohamba kulawo mahlane uwedwa, bese ufika lapho okomele uziphendulele ngemisebenzi yakho oyenze uselapha emhlabeni!
51.Kuza isikhathi lapho osazoke ubhekiswe emuva, bese uyoboniswa umonakalo owenzile ngokufundisa abantu imfundiso eholela abantu esigodini sosizi! Uzobuzwa ukuthi uzowulungisa kanjani lomonakalo?
52.Uyocela ukuba ubuyele emuva uyowulungisa. Kodwa kukhona impendulo oyoyithola ezulwini, lapho ususesimweni sikaDivas!
53.Kothiwa: “Sikhiphe ingelosi yaya emhlabeni, lezi zindaba zasezulwini ingelosi izishiye kumfundisi uMpanza!
54.Benimlalela ekhuluma, kodwa anizange nikwamukele anitshela khona, yize ayenifundela okubhalwe emaBhayibhelini enu eniwaphethe.
55.Kodwa awuzemukelanga izexwayiso zakhe, ngakho-ke imuva alisasizi lutho, indawo yakho ile esesigodini sosizi!
56.Mhlawumbe uMahluleli angakusho lokho, kodwa, njengoba ingelosi iyaye isitshele, uyovele ethi: ‘Kulungile, buyela emhlabeni uyofundisa abalandeli bakho ngalokhu okwakufanele ubafundise khona ngokugcinwa komthetho kaJehova!”
57.Uyogcina ubuyela emhlabeni, kodwa uvukele ethuneni! Kobe sekuphelileke njalo ngawe!
58.Kunabafundisi abaye bathi bangaba profethi, lokho okusho ukuthi abaku shumayelayo baku thunywe ngu Nkulunkulu!
59.Kodwa nanku umbuzo labo baprofethi okumele bawuphendule:
60.Umuntu usuke engumprofethi wamuphi uNkulunkulu uma eshumayeza abantu ephuce ikhanda, engazi lutho ngeSabatha, ngoba ezulwini likaMenzi wezulu nomhlaba kugcinwa iSabatha, futhi khona akakho umuntu ongangena egundile?
61.Ngiyabakhalela labo bafundisi abakhohlisa abantu, bethi abaye enkonzweni ngeSonto, besusa abantu emthethweni kaNkulunkulu bebasa ekulahlweni!
62.Ngiyabakhalela labo bafundisa bami, kukhona isikhathi lapho enizoqonda khona ukuthi uJehova unguNkulunkulu ononya kanjani uma uhlubula abantu kuye, ufundisa izimfundiso ezingamanga nobuqili!
63.Ngiyaphinda futhi ngithi angimele ama Nazaretha, ngakhishwa kuma Nazaretha ngoba njengamaKrestu, amaNazaretha ayakwazi ukuhlubuka kuJehova ngenkani, bazakhele owabo uNkulunkulu!
64.Nanka amazwi kaShembe uMprofethi kaJehova owawa khuluma eshumayeza ama Nazaretha ukuthi umuntu umlahla kanjani uNkulunkulu, bese ezakhela abakhe onkulunkulu, ahlubuke uNkulunkulu ngenkani!
65.Uthi-ke uShembe: “Bantabami uSathane usebenza ngomuntu ukona nokuchitha ubungcwele ukuze achithe uMbuso ka Nkulunkulu uma wehliselwe kubantu.
66.Njengoba uJehova namuhla engithumile phakathi kwenu ukuba nginilethele uMbuso wakhe oyifa lokuphila kwaphakade, kanjalo no Sathane ufinyelela kubantu ngezithunywa zakhe ukuba zilethe imbubhiso yaphakade kubantu.”
67.“Bantabami, omubi usebenza ngezangoma nabo bonke abavuma ukuba yizimbongolo zemimoya engcolileyo, ngokuba umthombo wayo ngu Sathane.
68.Yikho lokhu izolo ngithe kini yemukelani uMoya oyingcwele kuphela, ngoba ungoka Nkulunkulu, ningemukeli noma munye umoya ofuna okuphambene nalencwadi ka Nkulunkulu.
69.Xwayani izangoma ngokuba ziyiladi nesihlalo sika Sathane phakathi kwabantu!
70.Ningasi ngenisi isangoma ngama sango emizini yenu, nalapha eKuphakameni nakuyo yonke imizi ka Nkulunkulu nize ningasingenisi, ningaganiselani nezangoma bantabami, ningemukeli lutho esandleni saso.
71.Nanxa sicela utho kuwe uphoqeka ukuba usinike, ungasiniki esandleni saso, kepha ukubeke phansi sizithathele sona, ukuba ungathinti inyama yaso ehlezi imimoya yama dimoni engcolileyo.
72.NOMA IMUPHI UMUNTU OKHULUMA NABAFILEYO NGOKWAKHE NINGAZIHLANGANISI NAYE ngandlela zonke, ngokuba lowo uyisihlalo semimoya yobumnyama eyaliwe eZulwini, yabuya ngaye lowo ukuba yonakalise umhlaba ukuze kwande uMbuso wobumnyama emhlabeni ngokuba isebenzela ukuthobisa uJehova!
73.Bantabami uma nike nangenisa isangoma, naba nemimoya engcolileyo kulobu buNazaretha, nibokwazi ukuthi kusukela ngalelo langa lobu buNazaretha sebufile, abusekho! Ngokuba isitha sokuqala sika Nkulunkulu yisangoma!
74.Ngokuba kuye kuthi nxa uJehova eshaya umthetho ngomlomo woMprofethi bese no Sathane ashaye umthetho ophambene noka Jehova ngomlomo wezangoma neyabo bonke abakhothama emimoyeni enqatshiwe ngu Jehova.
75.Bantabami ayikho ingozi enkulu engase inehlele ukwedlula ingozi yokuba nivumele isangoma singene phakathi kwenu, uma nike nasingenisa bantabami niyobe nibubulele ubuNazaretha, niyobe nimxoshile uNkulunkulu phakathi kwenu!
76.Uma isangoma sike sangena phakathi kwenu ngenkani nibothatha amagugu ka Nkulunkulu niphume nawo nisishiye sodwa, ngokuba uma nihlalile naso, uJehova ehambela phakathi kwenu, impela niyakwehlelwa ngokubi!
77.Ngokuba uJehova uyakuloba ukuba nimhlubukile ngalolo suku nangenisa isitha sakhe phakathi kwendlu yakhe eyingcwele nadla naso, naphuza naso.
78.KHONA UMOYA WOBUNGOMA UYAKUNEHLELA NONKE NABANTWANA BENU, NOMA NITHANDAZELWA UKUBA USUKE LO MOYA KINI NABANTWANA BENU, KHONA ANIYIKUSINDA, NGOKUBA NIYOBE SENIMXOSHILE UJEHOVA OSINDISAYO, NAMUKELA UMOYA WESANGOMA UKUBA UBUSE ENDLINI KAjEHOVA!
79.Ngalolo suku uyakuphela umthetho ka Jehova phakathi kwenu, kubuse umthetho ka Sathane ofike ne sangoma enisingenise endlini ka Jehova ukuba nixoshe uJehova ngaso, ngokuba uJehova akahlali lapha kubusa khona isangoma!
80.Khona ngalolo suku abantwana benu bayongenwa imimoya engcolileyo ewukufa, kuthi labo abayenqabayo ibehlisele okubi, abanye ibabulale ngokuba niyobe senimxoshile uJehova phakathi kwenu.
81.Ukonakala kwezinto lapha eKuphakameni niyokubona ngokuncipha kwamandla okukhipha imimoya yama dimoni neyobungoma kubantu, niyokwazi-ke ngalolo suku ukuthi seniphumile endleleni ka Nkulunkulu.
82.Khona kuyakuqala kuvele abaziphuphisa amaphupho besho ukuba avela eNkosini yenu enithengileyo, kepha ningawemukeli uma ephambana nalomthetho ka Jehova.” Amen!
83.Ekuqaleni ngithe angimele ibandla lamaNazaretha, kodwa ngimele UMBUSO WEZULU, NGOBA INGELOSI YAFIKE YATHI ITHUNYWE UKUBA INGITSHELE NGIFUNDISE ABANTU NGOMTHETHO KANKULUNKULU, OKUYIWONA OKOTHI NOMA NGUBANI OWUGCINAYO ANGENE EMBUSWENI WEZULU!
84.Mhlawumbe amakholwa obuKrestu angcono, ngoba abanye babo benza izono bengazi. Kodwa ibandla lamaNazaretha seliyi Sodoma neGomora! HHayi ukuthi amaNazaretha adidekile, kodwa amhlubukile uJehova!!
85.Yonke lento ebalwe nguuBabamkhulu ukuthi iyokwenzeka uma sivumela izangoma zingena phakathi kwethu, isiyenzeka ngokugcwele kwelinye lamabandla aseKuphakameni!
86.Kulobu buNazaretha sekubusa izangoma nongqingili, ayisakhulunywa indaba yokugcina umthetho kaNkulunkulu!
87.Uthi uShembe:” Ngalolo suku uyakuphela umthetho ka Jehova phakathi kwenu, kubuse umthetho ka Sathane ofike ne sangoma enisingenise endlini ka Jehova ukuba nixoshe uJehova ngaso, ngokuba uJehova akahlali lapha kubusa khona isangoma.”
88.Kwelinye lamabandla amaNazarethai, awusekho umthetho kaNkulunkulu, yonke imikhuba ehlekisa ngoJehova isitholakala emzini kaNkulunkulu!
89.Angenke ngikwazi ukubala izinto eseziyinhlekisa ngalelibandla ezenzeka emzini kaNkulunkulu. Kodwa esezibonwa ngabantu bonke, ngisho abangakaze bakholwe, zintathu:
90.Ukubusa kwezangoma, ebandleni lamaNazaretha sekubusa izangoma. Kunaba fundisi, abavangeli, abashumayeli, abakhokheli abayi zangoma ngokusobala, abanye bangogobela! Uma inazaretha kade liye ephehlweni liyothwasa, kuphuma ithempeli liyomkhipha ngomgidi!
91.Iminikelo yabantu ihlanganiswa neyezangoma kuyonikelwa kumholi webandla! Konke lokhu okuphambene nomthetho wobuNazaretha, njengoba esho uShembe ukuthi uma isangoma singena ngenkani, sithathe izitsha zikaJehova siphume nazo!
92.Kulo lelibandla lamaNazaretha ongqingili bayazicanasela, singemangale uma ngelinye ilanga kulelibandla sibe nomholi ongungqingile!
93.Lomholi sekuyena omkhulu kunabo bonke abaholi balelibandla abangaphambili, usebizwa ngoNkulunkulu, ngoJehova; naye akuthakasele lokho, azibize ngonkulunkulu!
94.Ngiyinzalo yobuNazaretha, sasino Babamkhulu, sineNkosi iLanga, sineNkosi iNyangayezulu kanye noThingo, akukaze laba baholi bebizwe ngoNkulunkulu.
95.Nalabo bantu ababeke bekwenza lokho, kwakuba ngabaholi uqobo abakuqondisayo ukuthi abasiye uNkulunkulu.
96.Ngisho sithandaza, ngangizwa abazali bethu bethi: Nkulunkulu kaShembe, noma bethi “Shembe.” Kodwa asikaze sithi “Babakhulu, noma Mqaliwendlela”, njalo njalo.
97.Kodwa namuhla amaNazaretha ngisho ethandaza abiza lomholi, akaboni ukuthi lesi senzo sabo sifaka lelibandla kwenkulu inhlekisa emhlabeni, njengoba sekwenzeka nje emdlalweni okuTV, UMKHOKHA!!
98.Njengoba uMprofethi washo, iningi lamaNazaretha sekuyi zangoma, lomoya usuphethe ngisho abantwana.
99.Akakho ongake azame akhiphe lomoya wobungoma osubusa esontweni, ngoba awusa thandazeleki, nobaphethe, abanye uyabagulisa begcine ngokufa!
100.Baningi engibaziyo abagula bagcina ngokufa, bebulawa yilomoya wobungoma! Kodwa uShembe wasixwayisa ukuthi lokhu kokwenzeka uma sivumela izangoma zibe sendaweni engcwele!
101.Ngalesi senzo esenzeka kulelibandla, bonke ubuholi bamaNazaretha kusazo bhekana nolaka lukaJehova, begcine ngokungawuboni lomuzi ongcwele uShembe osimemele kuwo!
Isihlabelelo 28.
1.Uyeza, uyeza
Umhla wokuphela
Uyokuma phambi kwakho
Noma ungasathandi.
Amagquma nemimango
Ayolelezeka.
2.Hhayi abaphel’ amandla
Ekukholweni kwabo
Bayogijima bekufuna
Ukukholwa kwabo
102.UHUBO
3.Ngiyakukhalela
Wentombi nawe nsizwa
Uyokuthola ngasiphi isikhathi
Ukukholwa kwakho.
4.Icilongo lokuqala
Selizwakele
Umhlaba wonke
Wazamazama
Uyogijima uzifihlephi
Nanti ilizwe selisongwa.
5.Wemhlaba uyozifihlaphi
Nazo zonke lezo zoni
Balekani zidindi
Uyeza uJehova.
103.kuHezekeli 3:16-19, kuthi: Izwi likaJehova lafika kimi lathi: “Ndodana yomuntu, ngikwenze umlindi kuyo indlu ka-Israel, ngalokho yizwa izwi emlonyeni wami; ungixwayisele bona.
104.Lapho ngithi komubi uyokufa nokufa, bese ungamxwayisi, ungakhulumi ukumxwayisa omubi ngendlela yakhe ukuba umsindise, yena lowo omubi uyokufela ezonweni zakhe, kepha igazi lakhe ngolibiza esandleni sakho!
105.Kepha uma wena umxwayisa omubi, angaze abuya ebubini bakhe, nasendleleni yakhe embi, uyakufela ezonweni zakhe, kepha wena uwephulile umphefumulo wakho!”
106.Namuhla lamazwi ngezwi lengelosi uJehova uwabhekise kithi, sithunywe ukuba sibuyisele bonke abantu enqubeni yokukholwa uJehova owayehlisela kokhokho bethu eNtabeni yaseSnayi!
107.Labo esebemhlubukile uNkulunkulu bazakhela onkulunkulu babo, sithunywe ukuba sibabuyise endleleni, ngoba uma singakwenzi lokho, igazi lesono sabo lisezandleni zethu!
108.Lelivangeli silibhekise kumaKrestu, kumaMoslem, kuma Nazaretha nakubo bonke abakholwa kuNkulunkulu oyedwa, uJEhova!
109.Noma ngubani ofuna ukuya ezulwini ukuze ahlangenyele nabangcwele, akenze uJehova yedwa abe nguNkulunkulu wakhe!
110.Bantwana bokumkhonza uJehova, ayikho indlela enqamulelayo yokungena ezulwini, ngaphandle kokuthi sihambe ngomkhondo wezwi lakhe sise lapha emhlabeni!
111.Emva kwaYeshua abezizwe bayiqeda inkolo kaJehova, kodwa ngoba uJehova wasithanda kwasemandulo, wabuyisa uShembe umprofethi wethu onguMoya ongcwele ukuba azothatha indawo yabaprofethi basendulo, kuhlanganisa noYeshua!
112.Ngakho-ke ukuze silibone elizayo, asifele ezimfundisweni zakhe ngombuso wezulu, yena ahlale elubhaqa lokukhanyisa indlela yethu yokuya kwelizayo!
Isihlabelelo 36.
1.Ngofa ngingenani
Mina ngedwa soni.
Ngofela esandleni sakhe
Owathunywa nguwe.
2.Lokhala icilongo
Lokwamukela umoya wami
Songena entokozweni
Yaba khethiweyo.
3.Hhayi umusa kaJehova
Ngami mina ngedwa
Ebengingafanele lutho
Okhukhweni lakho.
4.Namhla sengicambalele
Kanye nabangcwele
Abamagama alotshiwe
Ebusweni bakho.
INkosi ibusise enikuzwile!