Nalo lelizulu lomndeni, baye bethi uma ngabe sebekhuluma ngalo benze sengathi kuyabuswa khona, kodwa ithi ingelosi izulu lakhona olosizi, ngoba abantu abakulelozulu bayalamba, futhi bayoma, bese befuna ukuphekelwa la emhlabeni befune nokugayelwa utshwala.
Lapha kulelibandla ingelosi yathi angabakhona umuntu oyophuza utshwala, kanjalo neNkosi iLanga yakhuluma kaningi ngotshwala. Uma umuntu esephuze utshwala, usuke engasesiye umntwana kaNkulunkulu
Intshumayelo yangeSabatha mhlaka 22 July 2023 eNqobizitha, siyiphathelwe uMfundisikazi Nomcebo Nxumalo Mpanza.
1 Nina nonke eniphuma eKuphakameni
Ngokwehlulwa yimithetho,
Siyobabona bengena abaningi
Befuna yona leyomithetho.
Chorus: Mangethwase Nkosi yami
Ngibemusha emoyeni,
Ngibafuze abaNgcwele
Abasebusweni bakho.
2 Ushonjalo uJesu Krestu
KuJuda kaSimoni,
Uthi hawu mntakaSimoni
Akwaba awuzalwanga.
Chorus:
3 Ngiyanele leyongubo
Yalowo mushado
Eyabaphunyuka abaningi
AbabeseKuphakameni.
Chorus:
4 Abaphuma bejabhile eKuphakameni
Imbuyiselo yoxolo,
Kubo yizinyembezi
Umvuzo womusa uyimbhubhiso.
Chorus:
1.Ngiyababingelela abangcwele, ngiyabonga, ngibonga eNkosini yaseKuphakameni, ethe nanamuhla yase ingikhetha ngezwi lobunhloli, ukuthi ngibe umuntu ozoguqa phambi kwabangcwele, abese ekhuluma lokho akuguqele.
2.Isihloko senkonzo sithi: “Khumbulani incindezi yendlela eya ngasekhaya.” Ngithike bantwana baseKuphakameni kusile siyamubonga uJehova, simubonga asikhawuli, simubonga ngemilayezo ayithumela kithi ngengelosi.
3.Lokho kusenza siphephe ezintweni engabe ziyasehlela, ngoba zithi ziqala zenzeka thina sibe sesitsheliwe ukuthi lezi zinto zizokwenzeka.
4.Bangcwele ngimubonga uNkulunkulu nangesimemezelo sesonto eledlule lapho okwathiwa khona asinikele, sicele ukuvikelwa embanini wezulu nasekusheni nje, yaze yathi ingelosi nogesi uyayenza ingozi uqubuke ubulalele abantu.
5.Sase siyanikela. Akusikho lokho kuphela kodwa ngigxila kulokho ukuthi sanikela, sakwenza lokho ingelosi eyayikushilo, akuzange kwaphela nesikhathi esingakanani, sezwa ukuthi kuqhumile eGoli, sezwa ukuthi kwenzeka isimangaliso.
6.Sase siyabona ukuthi uJehova uyasithanda, ngoba uma kuzokwenzeka into eyingozi, uyaye asithumelele ngalomuntu wakhe.
7.Kungasekho khona okokuqala, njengoba ngihlale ngisho ngithi ngisazocula ngaleso sigigaba se-COVID19, esasibulala noma ubani, singabheki ukuthi ungakanani, singabheki ukuthi unani, singabheki nokuthi uhlonishwa kangakanani, kodwa ivele nje ishaye nje lento, futhi engathi yayifuna bona, engathi yayithunyelwe emakhosini nakubantu abawusizo indlela eyayilwa ngakhona.
8.Kodwa nayo sasingayazi, wathi kukhona isifo, wathi asikakashiwo, asikakabi nagama, wathi siyeza, wathi siyingozi ukwedlula isifo esake sabakhona sengculaza, wathi sasingcono, wathi lesi siyingozi.
9.Wathi nikelani, nicele kuJehova ukuthi anikhumbule kulezo zinsuku, sabe sesiyakwenza lokho, sase siyanikela. Akuzange kuphele nesikhathi esingakanani, sezwa kuthiwa lokhu kufa sekuqubukile kwelamaShayina. Sathi sizwa sezwa kuthiwa sesilapha eNingizimu Africa.
10. Bawa abantu esasibathanda, ababekade bephethe emsebenzini womphakathi, kwahamba amakhosi, kwahamba iSilo sakithi esasisithanda, sahamba naso.
11.Ngithi bantwana baseKuphakameni, lokhu kuwumlando okufanele ubhalwe phansi, ukuthi ngomunye unyaka, uJehova wake waziveza kithi siyibandlana njena eledelelekile, kodwa waziveza kithi.
12.Sathi sesilapha waphinde wathi nikelani, saphinda futhi sanikela bantwana baseKuphakameni, sinikela sesazi, sesizwile ukuthi yini igama laso.
13.Ngempela bantwana baseKuphakameni satheleka nalapho kithi KwaZulu, saba imbubhiso, sabhubhisa, sathatha inhloko yesizwe sakithi KwaZulu, sabuya sabhubhisa abefundisi, sathatha inqwaba yabakhokheli, ebandleni lamaNazaretha abafundisi ohlangothini lwaseBuhleni.
14.Sakhala nalabo kuJehova, kodwa lapha uNkulunkulu wasikhoselisa njengesikhukhukazi sikhoselisa amatshelwe aso, akuzange kufe ngisho oyedwa, kwathiwa lesi sifo sigadla kakhulu kubantu abadala, kodwa nampa bakhona akuzange kufe ngisho oyedwa.
15.Nabancane akekho owake wafa ebulawa ilesi sifo ngoba ingelosi yayihambe phambili yasitshela ukuthi asicele kuJehova ukuthi asikhumbule uma ngabe lesi sifo sesifikile, ngempela bantwana baseKuphakameni uJehova wasikhumbula.
16.Ngithike bantwana baseKuphakameni ngiyamubabaza uJehova, ngiyohlala njalo ngimubabaza ngaleso sigigaba, ngoba wasenza ngoba esithanda, ethanda thina, hhayi ukuthi ngoba nakhu siyakholwa, kodwa wasithanda.
17.Engikholwa ukuthi uJehova wasithandela into eyodwa, ukuthi lathi uma limemeza izwi ngengelosi, lithi ithi iNkosi iLanga akwakhiwe indlu, wathi ithi iNkosi ngakhele indlu kaJehova, yase isitshela ukuthi indlu kaJehova ibandla.
18.Ngoba iNkosi yase ibonile ukuthi ibandla likaJehova alisekho, yabona ukuthi ibandla likaJehova selihlwithiwe ngoMubi, lathi noma selakhiwe, lakhiwa lelibandla, engithi lingumpheme wokuya ezulwini, lakhiwe laba isikole, alinjengamanye amabandla, linjengawo ngezembatho, kodwa izwi ongeke ulithole kwezinye izindawo.
19.Sase bantwana baseKuphakameni silalela, lamemeza izwi, wathi uma uBaba uMelusi elisho lelizwi ukuthi ingelosi ithi ithunywa uShembe iNkosi iLanga ukuthi kwakhiwe indlu kaJehova, basukuma abantu bathatha amacansi abo, base beyahamba ngoba yayivele isikushilo ukuthi uJehova ukhonzwa kanjani.
20.Yakuchaza ukuthi uma sesikhonza uJehova asisenakuphinda sibe nabo abanye oNkulunkulu esicela kubo, nesibonga kubo, balizwa lelo abantu abaphethe inkolo yesizulu okungeyona inkolo kaNkulunkulu, baphuma abanenkolo yesizulu, basala abezwa, bayihlonipha iNkosi iLanga.
21.Bathi ngeke sileqe izwi uma iNkosi iLanga seyimemezile, nathi sizoba kuyo lendlu iNkosi iLanga ethena ayakhiwe.
22.Ngithike bantwana baseKuphakameni, sehlukana lapha, sashayelwa umthetho, sanikwa, ingelosi yasifica sihluphekile, singenalutho, nalomuzi sasingenawo thina, nabanye babengenayo imizi.
23.Bantwana baseKuphakameni, yasitshela ukuthi thina njengoba sesibalisa ukuthi uShembe akasisizi, yathi ingelosi uwumuntu kaNkulunkulu, uShembe uMoya kaNkulunkulu.
24.Yathi uShembe, wanibhalela, wanibhalela phansi ukuthi nenzenjani, waninikeza izihlabelelo namavesi ukuthi uma ngabe nihluphekile nenzenjani.
25.Waphinda wanibhalela futhi ukuthi uma ngabe nijabula nibonga, nihlabelele nithini, nake nakwenza nini lokho ngoba uMprofethi wathi ngosuku lwenhlupheko. nimubize uJehova uyakuza kuwe akusindise uma uyendlela inhliziyo yakho emikhondweni yezimemezelo zezwi lakhe.
26.Uthike nake nayendlala yini yona leyo nhliziyo uShembe akhuluma ngayo, wabe eseqala esitshela ukuthi kusukela namuhla phumani emavangelini abantu.
27.Enzani okwashiwo uShembe wakubhala phansi, noma nihluphekile, nibothatha isihlabelelo, nifunde zonke izinto ezabhalwa uShembe, niyophenduleka.
28.Uthike uma senihluphekile, buyelani kuJehova njengoba uShembe asho, nifike nibike ukuthi kukhona into enihluphile, noma niyagula nifike nisho ukuthi niyagula niyacela ukuthi anisindise.
29.Wasikhipha, yasikhipha ingelosi evangelini lomsamu, yasikhipha ekukhonzeni obabamkhulu, yasitshela amaqiniso ukuthi obabamkhulu badinga ukunikelelwa, badinga ukucela intethelelo ezweni abakulo.
30.Yasichazela yathi akukho sibusiso eningasithola koyihlomkhulu bekhala betshiyoza befisa, becela intethelelo befuna indlela eya ezulwini.
31.Yase isitshela ingelosi ukuthi asikhulume noNkulunkulu yedwa, yayiqeda imikhosi yabantu kithi thina esavuma ukusala endlini.
32.Ngoba sasingakhali kuJehova kodwa sasihamba siyokhala emsamu yakithi, kulapho esahlukaniselwa khona ukuthi umsamu unamabandla ahlukene amaningi kabi.
33.Uma uya emsamu wakini kufanele wazi uya ebandleni elahlukene, elizikhawu ezihlukene, yathi ingelosi bakhona ababenomoya omuhle, bakhona ababelungile, ababengenasihle.
34.Kodwa futhi kukhona abanye ababe bulala abantu, wathi wazike ukuthi uma uya lapha, awuyi kuNkulunkulu, kodwa uya lapho okunalaba bantu, kuyothi ukhuluma, kuqubuke laba ababebulala abantu, uvukwe ilukuluku usukele abantu, uvele ukhiphe isibhamu, njengoba izibhamu sezichaphakele, udubule umuntu umbulale kanti umukelwe ngulomuntu owabulala abantu.
35.Ngithike bantwana baseKuphakameni sakuzwa lokho, wabuya wasitshela wathi kulelibandla uma senivumile ukuba ibandla likaNkulunkulu, aniyikuhlanganyela nezangoma, aniyikuwamukela umnikelo wesangoma, aninakusivumela isangoma ukuba singene endlini kaNkulunkulu.
36.Ngaleso sikhathi sasingakayitholi incwadi eyabhalwa uBabamkhulu, kuthe nje kungekudala, yase iyavela incwadi eyabhalwa uMprofethi kaNkulunkulu, ukuthula kube kuye.
37.Uma uBabamkhulu ethi ningasonti nezangoma, uthi uma isangoma singene ngenkani, uthi phumani nisishiye kulelo thempeli, nithathe amagugu kaJehova nihambe nawo.
38.Ngalawo mazwi bantwana baseKuphakameni, wasitshela uShembe ukuthi isangoma siyilati likaSathane, uSathane uchitha ngaso umthetho kaJehova.
39.Noma sekunjalo, sema kuleliqiniso abantu abangalifuni, abantu bayalithanda ukuthi baqambe amanga, abantu babamba imbuzi bayokhuluma noyisemkhulu, bacele izinto kubo, ngesinye isikhathi uNkulunkulu uyabahawukela abaningi, bese bebona ukuthi banikwe oyisemkhulu.
40.Kodwa uma sebeguqile phambi komkhandlu kaJehova uzwe umuntu athi ngiyamubonga UShembe wangenzela ukuthi nokuthi, kodwa uthi ubonga uShembe
nje, useke wawisa ngisho inkabi ethi ubonga kwabakubo. Ukukholwa esisuka kubo bekunhlakanhlaka.
41.Uma uthi uyabuza ukuthi nifike nithi Shembe ngoba bekushiwo njalo, kuza kanjani nifike nithi akukho okwehlula uSHembe kodwa nibonakele seniyoguqa koyihlo mkhulu, babevele bakuqalekise ngaso leso sikhathi.
42.Asikazi simthole umuntu osinikeza amazwi ashiwo uMprofethi, asikaze sikuzwe, sikuzwe ngengelosi ukuthi uShembe wayefuna ibandla likaNkulunkulu lethembele kuJehova, waze wakubhala phansi lokho. Akazange asho nokuthi kuthenjelwe kuye kodwa wakhuluma ngoJehova.
43.Ngithike bantwana baseKuphakameni indlela yencindezi kufanele siyikhumbule, sasisencindezini, incindezi eyayiba khona, wawuthi noma uthi unothando, uthi uyayilalela indaba kaShembe, kodwa bese kuba khona abantu abathi uma beshumayela, bathi ngisho abakini, ngisho uShembe esethanda ukuthi bakungenise ezulwini, bathi angeke uShembe akwazi ukukwenza lokho uma abakini bengafuni.
44.Saqhubeka saba iziphukuphuku sangakwazi ukuthi siyibone lento ukuthi lento le esiyilandelayo akuseyona le evela kuShembe, kodwa lento iyinto ekhandiwe, yayikhandwe uSathane.
45.Ngithike bantwana baseKuphakameni, asikaze sikulangazelele nokuthi lelibandla libe likhulu, ukuthi singawusho umthetho wokuthi izangoma azidingeki, nanokuthi kungasakhulunywa nabantu abadala.
46.Ngoba lelibandla alisilo elethu, futhi alisilona ibhizinisi lokuthi umnikazi walo afune abantu abaningi ngoba uyazi ukuthi uma kunabantu abaningi uzoceba, kodwa uyazi ukuthi ibandla likaNkulunkulu.
47.Ingelosi yathi uma ngabe niwugcina umthetho kaJehova, uma ngabe niyakumlalela uShembe ezintweni azibhalile, enizifunda njalo kodwa ningabe nandaba nazo, uma niwugcina umthetho kaNkulunkulu, uNkulunkulu uyokuzwa noma nithandaza.
48.Uthi uShembe wanitshela wathi uma ningawugcini umthetho kaJehova, noma nithandaza, uNkulunkulu uJehova akayikuyamukela imithandazo yenu, futhi akasoze anehlisele izibusiso.
49.Sase siqala bantwana baseKuphakameni ukubhekisisa izihlabelelo, namaculo sabuyiselwa ingelosi kuwo ukuba sifunde ukuthi uShembe wayefunani, wayezokwenzani, inhloso nempokophelo yakhe, wayephokophele ukuthi kwenzakaleni.
50.Sase siyathola ukuthi uShembe wayephokophele ukuthi abantu ababe kuJehova, baphile impilo yasezulwini belapha emhlabeni, bayenze intando yakhe njengoba yenziwa ezulwini beselapha emhlabeni.
51.Bantwana baseKuphakameni sahlekwa umhlaba wonke, sahlekwa ukuthi siyibandlana nje labantu abathathu, kwathiwa lizakuphela emva kwezinyanga ezintathu.
52.Sithike bantwana baseKuphakameni noma abantu behoshuka, asikaze sishintshe, asikaze saqamba amanga, ngoba ingelosi yaxwayisa ukuthi kulelibandla lingaphathwa ngamanga, ngoba uJehova uyakuhamba phakathi kwethu uma ngabe sisebenzisa amanga entweni kaNkulunkulu.
53.Wathi abakhe abakhethiweyo abanakuhamba, niwethule wonke umthetho kaNkulunkulu, akuhluleke abantu hhayi ukuthi kuhluleke nina ukukhuluma.
54.Ngampela bangcwele sabatshela abantu esasisele nabo, bayamukela ngazo zombili lemithetho bavuma ukuthi bayabuyela kuJehova.
55.Sakhuzwa ukuthi singayihambeli ngisho imingcwabo eba ngeSabatha, yathi ingelosi uma ngabe kusemndenini, uyohamba phakathi neviki, ufike ubalilele, uma ngabe ungasebenzi, Uhlala hlale, ngoLwesihlanu uphinde emuva, uyolungisa uyokhonza uJehova.
56.Ngaphandle kokuthi umzali wakho, yasivumela ukuthi uma kuwuyihlo noma kuwumzali wakho, uyokuba khona, ngezizathu salokho sokuthi nguyihlo.
57.Yathi ingelosi singayihambeli imicimbi eba ngeSabatha, singayihambeli imicimbi engenalo igama likaJehova. Nangampela bantwana baseKuphakameni, sabatshela abantu bakwemukela. Yakhuphukwake lentaba yomthetho kaNkulunkulu.
58.Ayigcinanga lapho nina beNkosi, yahamba yazogxila kwezomshado, yase iqala ingelosi, ibhekisisa amahlelo, ukuthi ahlelekile yini, maqondana nokuganana.
59.Yase iyathola ukuthi awahlelekile amahlelo, yaseke ingelosi isho ukuthi uma umshado sewushadiwe esontweni, ngegama likaJehova kufanele ukuthi labo bantu bazi ukuthi sekusemthethweni ukuganana kwabo, wathi umakoti engajiki abuyele kubo esehlanganisiwe.
60.Wasikhipha kulomshado okuye kuthi iNkosi isisikhiphile isibusiso sabashadayo kodwa bese kufanele ukuthi nihlehle ngoba awakwakishwa amacansi, amacansi kushuthi angaphezulu kwezwi likaShembe ongumholi wethu lapha emhlabeni, naphambi kwaNkulunkulu simelwe nguye.
61.Uma ngisho-ke uShembe ngisho uBabamkhulu njengoba oShembe sebaba inxanxathela, sebaba i-Mall, ufike uzikhethele wena ukuthi uyakmuphi, ngikhulumake ngoMprofethi.
62.Nezingane yathi ingelosi sizifundise ukuthi uma kuthiwa uShembe kushiwo uMprofethi. Ngithike bantwana baseKuphakameni, kuthi lapho iNkosi isikhiphe isibusiso, kodwa kuhlehlwe bese kuza iphoyisa le Nkosi yesizwe, selizobusisa lo mshado obusisiwe phambi kwelati likaJehova, kubusiswe ngisho ama-ring.
63.Yathi ingelosi nake nambonaphi umuntu ofake i-ring ngoba i-ring isho ukuthi lo sebeganene, uhlehlelani umuntu ofake i-ring aye kubo.
64.Impendulo yathi bahlehla ngoba bathi basafanele bamise amacansi. Yakuvala kulelibandla yathi kungenzeki lokho ngoba lokho kuhambelana nabanye onkulunkulu. Yasivala ingelosi ukuthi kube khona amacansi alukwayo nomabo, yakuvala lokho.
65.Yathi kulelibandla angaba khona umntwana othi uhamba uNomkhubulwane, wathi ngoba unomkhubulwane, akakhulumi lutho ngeSabatha, akakhulumi ngoNkulunkulu, ungomunye nje unkulunkulu oqhamuka kwelinye izwe lapho aqhamuka khona, akakhulumi lutho nje ngoNkulunkulu, wenza imicimbi ngamaSabatha uJehova ethena kungasetshenzwa.
66.Yathi konke okwakho akudumise uJehova, wathike zingayi izingane zethu lapho kuNomkhubulwane ngoba i-address yakhe ayibhekile kuNkulunkulu uMdali wezulu nomhlaba. Wathi namathelani kulokhu okwashiwo UShembe, lokhu akubhala phansi.
67.Sase siyavuma bantwana baseKuphakameni, abantwana bethu bagana, bahlanganise lapha ebandleni, akekho umuntu oyocikoza athi uthunywe iNkosi, le Nkosi iyiNkosi ingaphezulu kwaJehova yini ngoba kusuke sekubizwe uJehova kushadiswa laba bantu.
68.Baqale phansi abantu babuzwe ukuthi bayathandana yini, kodwa lona omunye usefake i-ring, ungamufaka kanjani i-ring umuntu ongamthandi?
69.Yadlula bantwana baseKuphakameni lapho, iza emgidini, yathi uma ifika emgidini, izobheka ukuthi amahlelo omgidi asahlekele ngendlela yini uShembe asho ngayo, yathola ukuthi akusenjalo.
70.Ukusina, kwakuthathiwa kwenziwa ifa lomndeni ongasekho, kwakusengathi umgidi wawulethwe ngabangasekho, kanti umgidi mdala, ngisho ufunda ibhayibheli uyathola ukuthi uNkulunkulu wayesinelwa, uShembe wakuthatha khona. lokho okufike kukhombise ukuthi uShembe wayethunywe uNkulunkulu.
71.Kuthiweke iNkosana ingasini uma umkayo engazange aletha amacansi, iboshwe ngisho ikholwa, kuze kuthi ngisho amathempelini, umuntu akholwe, uyibone iNkosana ukuthi iyamuhlonipha uNkulunkulu.
72.Kodwa bakhethe ukusibekela umuntu ongenandaba noNkulunkulu, kuthiwe ngoba umkakhe waba, kuthiwe uqhoyisile, hhayi ukuthi uyakholwa, kuthiwa uqhoyisile!
73.Ngithike bantwana baseKuphakameni bagcobe umuntu ongazi lutho, kuthiwe ngoba umkakhe wawaletha amacansi, kulahlwe umuntu okholwayo, umuntu omesabayo uJehova alahlelwe ukuthi umkakhe akabanga!
74.Ukwaba, akusiyo into ongayenza nje, ongathi uma uphethe u-R20 ungakwenza, ufuneka ube nemali enkulu, abanye abazali bahluphekile abanalutho.
75.Aboshwe umuntu angangeni esidlweni, inkosikazi nomyeni wayo iboshwe bangangeni esidlweni kuze kube sekugcineni komphefumulo wabo uma bengenabo.
76.Yeza ebhandeni lika-14, yahlola yathi, akuhlelekile, ibhande lika 14 lafika noShembe, liyingubo yokukhonza, kusho ingelosi.
77.Yathi akusilona elezingqoko, akusilona elokungena ezingqokweni zomndeni, akusilo elokungena ezithebeni zomndeni. Kodwa uShembe wathi amakhosikazi ahlanganisile eParadisi kufanele ukuthi abe eseyalibopha lelibhande.
78.Asimuzwa uShembe ekhuluma ngokuqhoyiswa, akekho namunye kulaboShembe asebeke baba khona, angazike laba abanamuhla ngoba baqubuke sengingasekho, kodwa angikaze ngimuzwe uShembe ekhuluma ngokuqhoyisa.
79.Ngithike bantwana baseKuphakameni, wayesekusho lokho ukuthi ibhande lafika noShembe, ngalokhoke liwela engubeni yenkolo, aliweli ezandleni zomsamu.
80.Ngithike bantwana baseKuphakameni, wakuqondisa wathi bonke abantu abavunule basinele uJehova. Wathi abantu abahlulwe izono zabo, bengahlulwa umthetho obekiwe phambi kwabo ongabekwanga uNkulunkulu, kodwa umthetho osinda ukwedlula lona obekwe uNkulunkulu!
81.Ngithike bantwana baseKuphakameni ngibala izinto ingelosi eyafike yasivikela kuzo, yabuyisela konke uBabamkhulu ayethena akwenziwe.
82.Saqalake kulelibandla ukungabinaye umuntu ozobopha ibhande, alibophele ukungena ezithebeni zakwakhe, kwaba khona ibhande lokungena ezithebeni zasezulwini.
83.Ngithike bantwana baseKuphakameni ingelosi yasho njalo, yathi abantu akungabe kusabhekwa ukuganwa, kodwa kubhekwe ukukholwa. Yasikhipha yasinikeza inkululeko.
84.Ayigcinanga lapho, yase idlulela nasemantombazaneni lawa anabantwana, yase ingelosi ithi amantombazane njengoba ekhona phakathi ethempelini, njengoba kuthiwa awahlambulukanga, angenelani ethempelini uma engahlambulukanga ngoba umthetho uShembe asinika wona wathi umuntu ongahlambulukanga angangeni ethempelini.
85.Izwi lathi basuke sebethethelelwe, wathi uma umuntu ethethelelwe uvinjelwani ukuba adumise uJehova ngomgidi, uvinjelwani ukuthi aye esidlweni, ngoba uthethelelwe kwathiwa akangene esontweni.
86.Ngithike bantwana baseKuphakameni yaphelela lapho insoyi esasikade sibuzwa yona, komunye umfula abase bewethe igama bathi kuseHuze, lapho okwakufike kumiwe khona, kubhekwe ekhanda ukuthi insoyi ikhona yini.
87.Ingelosi yeza yadlulela emvunulweni yobaba, yakhuluma ngemvunulo, imvunulo le yakwaZulu, yathi ingelosi ayingabe isafakwa lapha ngoba lapha ibandla likaNkulunkulu.
88.Imvunulo lena yamabheshu, iyimvunulo yesizwe, wonke umuntu uyazi ukuthi imvunulo yesizwe samaZulu, ngisho umuntu ongasilo INazaretha uyayivunula leya mvunulo ngoba vele iyimvunulo yesizwe.
89.Yathike kufanele bonke abantu noma ngabe umuntu uMsuthu, kufanele afike akhululeke, yathi nakho lokho akukho emthethweni ukuphoqa abantu ukuthi bembathe imvunulo yesinye isizwe, bembathe imvunulo yamaZulu bengasiwona amaZulu, benqatshelwe ukumbatha eyabo abanayo. Kwabonakala ukuthi aseyaphela amahlathi.
90.Yayisithi futhi nabomama abangabe besasina ngezidwaba zezikhumba, ngoba uma kuqhamuka omunye umuntu eqhamuka kwesinye isizwe, akanakukwazi ukuvunula ngalemvunulo, sase siyayeka-ke.
91.Yathi ingelosi abanye baye bathi uma sebesina obaba, lamabheshu ebese enza umsebenzi wawo ukuthi umuntu ogqoke ibheshu wenzanjani.
92.Akekhoke oye angababoni ngisho kuyimbizo ukuthi benzani uma sebegqoke lento. Beseke abantu noma kusemgqidini bese bekhumbula abantu bakubo bese bekhumbula amabutho akubo!
93.Asine umuntu ubone ukuthi lokhu kusina akusesikhonal lokhu uShembe akusho, kodwa sekuwukusina kwasemabuthweni lapho kuphathwa khona umkhonto kubalwe abantu ngawo.
94.Ngithike bantwana baseKuphakameni yasikhipha kulokho, yathi asisilona ibandla elingabizwa ngokuthi ibandla lesizwe samaZulu, futhi akuyona inkolo eyakheke phansi kweNgonyama, kodwa inkolo eyakhiwe phansi kwaJehova. Ngithike bantwana baseKuphakameni saphephake.
95.Kwakuyeke kukhulunywe ngalo ibheshu, kuthiwe umuntu ongalifakile ibheshu akazukukwazi ukuya eNhlangakazi, beseke besala lapha phansi abahluphekile ngoba nalo lelo bheshu libiza, akusiyo imali encane!
96.Abantu beqeda kufika esontweni bejabulile, bethi bajabulele ukuyokhuphuka le ntaba abezwa umlando wayo, bese bevinjwa ibheshu, kuthiwe nje ngoba ibheshu awunalo awukwazi ukukhuphuka le ntaba.
97.Bayiphendule intaba bayenze intaba yamabheshu nezidwaba, yangaba isaba intaba yabantwana bakaNkulunkulu.
98.Ngithike kwaphelake lapha sangaba nakho ukuthi kube khona inkolo yamabheshu nezidwaba, le mvunulo esivunula ngayo, ngisho umlungu omhlophe engafike angene avunule, kobaba nakomama engangena evunule.
99.Ingelosi yakuvala ukuthi amakhosazana asine eqimbile ngenhla, yathi abakhelwe imvunulo yamakhosazana, kodwa baphume kuleyamvunulo. Ngoba leya mvunulo nayo iyimvunulo yesizulu, iwela ngaphansi kwesizwe.
100.Sase siqalake sibuyela kulezi uShembe ebezishilo ngoba zikhona izimvunulo, ziningi izimvunulo zamakhasazana zomgidi.
101.Ngithike bantwana baseKuphakameni asiyikhumbule incindezi yendlela eya ekhaya ukuthi nesango lakhona lincinyane, lingenwa ngamandla.
102.Lelibandla-ke ligxile kuJehova yedwa, asihambeli imikhosi eyenziwe emindenini yokuhlaba izinkomo bethi bahlabele obabamkhulu, asiyidli ngisho leyonyama, ngoba thina sesingabantwana bakaNkulunkulu, asisakwazi ukuhlehla.
103.Ngikhalela laba abanezinhliziyo zokungathuthi emanxiweni, ukuthi bayohlala njalo behlupheka.
104.Njengoba ngike ngakhuluma ngathi nalomuzi wawungekho, bengingakhulumi amanga, akekho layindlini ongathi sengiyazisola ukuthi ngavumelani ukugcina umthetho kaNkulunkulu.
105.Izinsizwa zakulelibandla ezinye zafika zihluphekile zingenamizi, kungasho ukuthi azisebenzi, zisebenza, zihluphekile zihamba ngezinyawo kodwa zisebenza, ngoba yayithi imali uma ikhona, bese behamba beyothelela usizi, baluthelele emsamu, baphinde bayoluthelela kulezi zangoma esezigqoke ingubo emhlophe ukuze ziwine ibandla likaNkulunkulu.
106.Ngithike sanele saphuma lapho, namuhla ngisho abathakathi bomndeni, bayathe bayasifuna emakhaya kithi abasitholi, bathe bayasifuna emakhaya komama abasitholi.
107.Ngoba sabanikelela kuJehova, siyabanikelela sibacelela intethelelo, lapho ezibayeni ababiza khona, babiza ubala ngoba abasakwazi ukusabela emsamu nasezibayeni, ngoba sayikhuluma indaba yabo noNkulunkulu waseKuphakameni.
108.Ngithike bantwana baseKuphakameni uNkulunkulu akasisize singasuki ekumkhonzeni.
109.Namakhosazana, wathi leya mvunulo ayisalungile ngesikhathi sanamuhla, ngoba kukhona abantu abangenaso isimilo, lokho kuyowaphephisa amakhosazana.
110.Ikho nje lapha, ungeke uthole kunamakhosazana amaningi, asheshe agane, amaningi angapha komama ngoba azisekho lezi zintaba ezazibekelwe abantu, uthi noma usulobolile, ubekelwe intaba enkulu ukuthi uyothenga izibizo, asinazo izibizo la.
111.Kodwa noma kunjalo, asimemezi abantu ukuthi bafike bakhethe iNkosi ngoba bethi bafuna ukuganwa, bazoganwa kalula lapha ngoba kulula, cha, ngeke uShembe avume, asikuvumi nathi lokho.
112.Kubi kabi ukuthi umntwana okungowethu thina, uJehova akhe indlu yakhe ngathi, ayogana umuntu owathi engena kulendlu, wangena ngoba ethi uzoganwa, engangenelanga ukuba ethanda uNkulunkulu.
113.Ikhona enye indaba engake ngayizwa ekuthiwa yashiwo uBabamkhulu, eyisho kwiSilo, kuSolomoni kaDinizulu, uBabamkhulu kuthiwa akuzange kumphathe kahle ukuthi iNgonyama ifike ibone intombi kuShembe.
114.Kodwa uBabamkhulu inhloso yakhe wayehlose ukuthi iNgonyama uSolomoni ibone uNkulunkulu, ukuze lelivangeli likaJehova libe khona naseNdlunkulu, sonke isizwe samaZulu siphenduke sibe ngabantwana bakaNkulunkulu.
115.Ngithike bantwana baseKuphakameni, ingelosi yasisusa ezintweni ezazingamatshe phezu kwethu kodwa futhi zingaqondene noNkulunkulu.
116.Ngithike nina beNkosi nathi engathi singahlala njalo sikhumbula ukuthi uJehova uthembele kithi lapha emhlabeni, ukuthi njengoba sesiqhamukile saba ngabokuqala ukuba ibandla likaNkulunkulu yedwa.
117.Singamjabhisi, sihlale njalo izinhliziyo zethu zomele izwi lakhe, sihlale njalo sikhumbula izinkonzo zakhe, singahawukeli lutho lokhu okuke kwaba umqansa, kodwa ongumqansa oya ezulwini lomndeni.
118.Nalo lelizulu lomndeni, baye bethi uma ngabe sebekhuluma ngalo benze sengathi kuyabuswa khona, kodwa ithi ingelosi izulu lakhona olosizi, ngoba abantu abakulelozulu bayalamba, futhi bayoma, bese befuna ukuphekelwa la emhlabeni befune nokugayelwa utshwala.
119.Lapha kulelibandla ingelosi yathi angabakhona umuntu oyophuza utshwala, kanjalo neNkosi iLanga yakhuluma kaningi ngotshwala. Uma umuntu esephuze utshwala, usuke engasesiye umntwana kaNkulunkulu.
120.Ayigcinanga kulokho, yadlulela kuzo izangoma ukuthi singazamukeli nomnikelo wazo, yadlulela ezinsizweni eziyitabane, nasemakhosikazini nasemakhosazaneni, kulezi zigaba, yathi into okufanele siyiqaphele kakhulu ngoba ingenye ingxenye kaSathane ahliphiza ngayo umthetho kaJehova.
121.Asibadingi ongqingili, noma bazeka ukuthi banikela umnikelo ongaphezulu kwezintaba nemimango yabo, asibadingi lapha ongqingili, asibafuni bona nabantwana babo.
122.Noma bangobaba, noma bangomama, wathi uNkosazana uma ngabe kwenzeka iphutha nambona esengaphakathi, bese nisho ngazwilinye nithi Fire! Fire! Fire! Fire Fire!
123.Uthi uJehova uyoshisa umlilo, siyokusha isitabane, ngeke sihlale la, siyokusha, siyobathe siyahlala, kungahlaleki, kube khona izinto ezisigwazayo ngoba uJehova uyobe esethi asiphume sihambe.
124.Ziyakwazike ukuzifihla kodwa ke kithi, hhayi kuNkulunkulu. Yathi ingelosi uma siyoba khona kulelibandla, wathi ngeke sikhule, wathi siyosheshe sife, iminyaka ebesizoyiphila ngeke sisayiphila, sizosheshe sife ngoba sizongcolisa izwi likaNkulunkulu.
125.Ngiyawathanda amazwi omongameli waseZimbabwe, owathi laba bantu babulawe uma betholakele, wathi ngoba benza isono esingenziwa nayingulube!
126.Ngithike bantwana baseKuphakameni bengibala izinto, ngikhumbuza abangcwele izinto ezashiwo ingelosi eyathi azidingeki.
127.Izidwaba sazingazigqokeli uNkulunkulu waseKuphakameni kodwa sezigqokelwa abantu basemzini. Engingazi ukuthi kwakubaluleke ngani ukuthi bazohlotshelwa ngomhlangano kaNkulunkulu, noma ngeSabatha likaJehova, bahlotshelwa kanjani abantu?
128.Lokhu saphuma sashawa umoya, namuhla usuyakwazi ukuthi noma unemali, uhambe uyozithengela into onayo, saphuma kulamanga ayekade eqanjwa.
129.Bagubazele ngenansuka uze uthembe, athi umuntu ngingubabamkhulu wakho, ubabamkhulu wakho ukhuluma kumuntu wokuhamba, uhlulwe yini ukukhuluma kimi noma womunye womndeni?
130.Kodwa uma uthi uyabuza ukuthi lobabamkhulu ubani, sivele isangoma sidinwe sithi ngeke usinde uma unochuku, uvele nawe uthule ukuthi bekuwuchuku ukubuza ukuthi manje lobabamkhulu ungubani igama lakhe, ngeke ulithole.
131.Kodwa uyakuthola ukuthi kufanele umphekele, kufanele umhlawule, nalelocala uma ulibuza ukuthi yini akekho okutshelayo.
132.Kodwa nje wawusebenza nje usebenza nje ukhokha i-instalment ekuyoze kube phakade sikhokhwa nangabantwana bakho abayosala, bayosala nalesi instalment somsamu, esinganqamuki.
133.Ngithike bantwana baseKuphakameni, bengithi namuhla ake ngibonge kuNkulunkulu, Ngibonge ukuthi wasikhipha emakhamandela!
134.Nomgidi wakwenqaba uNkosazana ukuthi sisine njengabantu abasinela abantu, njengabantu abasine ezitshadweni, abalindele ukuthi kube khona ijaji elizojaja ukuthi ibaphi abagide kakhulu.
135.Wasenqabela wathi uma abantu besina, izinhliziyo zabo azibheke kuJehova, umuntu akhumbule uShembe, akhumbule uJehova, akhumbule ezulwini ngoba lomgidi usuka ezulwini.
136.Akuvumelekile ukuthi ukhumbule oyihlomkhulu, ubakhumbule ngomgidi kaNkulunkulu!
137.Ngithike bantwana baseKuphakameni ingelosi yasikhipha kulokho, yathi singaphindi siyokhonza abanye onkulunkulu!
138.Ingelosi yathi ngisho abaholi abezayo uma kuwukuthi bayovuma ukuthi kungena abantu, yaze yasho yathi uma umuntu esengenwe uSathane, uyaye athi hhayi sekuyokhuluma uNkulunkulu phambili, konke sekuyojaja uNkulunkulu.
139.Uma ngabe kuzojaja uNkulunkulu umeleni yena phambi kwabantu, ungumholi wani, yini angahlali naye angab yilutho ngoba kuyojaja uNkulunkulu?
140.UNkulunkulu wayebathumelelani abaprofethi, yena uShembe wayebagcobelani abafundisi nabavangeli nabashumayeli nabakhokheli uma ngabe kuyokhulunywa phambili, wayeze abagcobeleni?
141.Ithike ingelosi ibandla likaNkulunkulu, umholi athi angasho njalo, bese limshaya uma esho enkonzweni yasekuseni, limtshele ukuthi angabe esabuya kwelasemini, bathi akaseyena umholi, uhlulekile ukuba umholi walelibandla ngoba kuzongena yonke into!
142.Uma uthi nje ubungoma kuyokhulunywa phambili, ungazibona ezilapha zingathi hawu sibonwa yini, ngeke siphinde sihlupeheke siye eBuhleni kude kangaka, nasi esinye sesakhe eduze kwethu la eduzane!
143.Ungababona ongqingili bengena lapha bephethe amathawula sebecwebezela begcobhoza beya lapha ngoba selithe izwi kuyokhulunywa phambili.
144.Lapha akukhulunywa phambili, kuzokhulunywa khona la, ikho uShembe ebeke umholi waphinde wabeka abafundisi, ebeke abeshumayeli wabeka abakhokheli!
145.Ubabekele ukuthi baqaphe ukuthi lezi zinto uJehova athi akazifuni, zingenzeki uma kutholakala umuntu onjalo, aphume lapha kulelibandla, ngoba lelibandla aliphokophele ukuthi libe likhulu babe baningi abantu kodwa bangamazi uJehova bangawugcini umthetho kaJehova!
146.Yathi ingelosi umuntu ola, ongumNazaretha kaNkulunkulu akavumelekile ukuganwa isithembu, ngaphandle kokuthi abafika, bafika sebenabo.
147.Kodwa umthetho kaNkulunkulu nje ingelosi iwubekile yathi, into eyenza ukuthi isho lokho, isho ngoba izigaba eziningi umuntu oganwa isithembu, ugcina engenalo iqiniso. Okwesibili uyashesha ukufa ngoba uyabangwa.
148.Okwesithathu ungena esontweni akahlambulukile, engazazi yena ukuthi akahlambulukanga ngoba inkosikazi enye seyigijime yahamba yaya kubantu, yamugayela enzela ukuthi manje ezwe yona, kodwa yena usuke engasahlambulukile ngoba ungena endlini kaNkulunkulu.
149.Wathi asivumelekile, kakhulukazi kubagcotshwa, yathi akekho umholi kulelibandla okuyothiwa unamakhosikazi amabili, akayikuba khona. Ngoba umholi oyohola lelibandla kufanele kube umuntu okwazi ukugcina umthetho kaNkulunkulu, umuntu okwazi ukuqinisela nasendlini yakhe.
150.Ngoba incwadi ithi uma umuntu ehluleka, ehlulwa umndeni wakhe, ibandla likaNkulunkulu lona uzoliphatha kanjani. Ngoba uma ngabe uwumholi usuke uzobhekana nezinkinga ebandleni zabantu abasuke bexabana beganene, uyoyixazulula kanjani inkinga ngoba nawe wahluleka wabaleka. Usuyoze uthi abanye abangabaleki kanjani?
151.Lokho kuyogwema ukuthi kube khona ababalekayo kulelibandla, kube khona abantu abaqotho, abantu abangabaleki, njengoba singabalekanga nje!
152.Siyaziqhenya ngalokho ukuthi sabhekana nesinyokotho samaNazaretha, kodwa asizange size senziwe lutho, until baze bavukelane bodwa bona!
153.Thina sisabambelele kuyo leyo nsika yalowo mlilo eyasilanda emazweni akithi!
INkosi ibusise izwi layo!