Okokuqala sihlengiwe sasuswa evangelini elingaqondene noJehova, labantu lokuyohleba lokuyokhuluma nabantu esingababoni, esingabazi nokuthi bahamba emhlabeni uJehova wababekaphi, noma bakuphi lapho bedunguza khona.
Sathi uma sithola lelilizwi savuma, sase siyamulandela uNkulunkulu, sesizofunda njengoba sihleli lapha endlini yokufunda.
Intshumayelo kaMfundisikazi Nomcebo Mpanza ngeSabatha mhlaka 15 July 2023 eNqobizitha.
ISIHLABELELO 152.
1 Jerusalema Betlehema
Izazi zisitshelile,
Umsindisi usezelwe
Kwelase Betlehema.
2 Siyibonile inkanyezi yakhe
Ise Mpumalanga,
Yaze yangena eJerusalema
Izazi zayi landela.
3 Ukungena kwezazi
Lanyakaza iJerusalema,
uHerodi iNkosi yaba Juda
wakhathazeka yena.
4 Naweke Betlehema
Awusiye omncinyane,
Kunaba busi bakwaJuda
Wena Betlehema.
1.Ngiyababingelela abangcwele, ngibabingelela ngiyikhetha iNkosi yaseKuphakameni. Isihloko salenkonzo sithi: “Khumbulani isivumelwano uJehova asenzile nani.” Lesi isihloko bantwana baseKuphakameni sosuku lwanamuhla kuyiSabatha elingcwele likaJehova.
2.Ngingakushiyike emuva ukubonga, ngibonga ngingenalo ulwazi lokuthi lenqola okuthiwa angiyishayele, ngizakuyishayela kahle yini, angizukufika yini senginamathikithi esengiwabekwe ngabaphathi bomthetho.
3.Ngiyazicelelake eNkosini enkulu yaseKuphakameni ukuthi kube kuhle ukuguqa kwami, bantwana baseKuphakameni, kuyiSabatha kuphinde kube umhlangano, uJehova awubiza yena kubantwana bakhe abamkhonzayo. Njengoba sizwa uMprofethi kaNkulunkulu uShembe esitshela ukuthi uNkulunkulu noma uJehova unguyise wabamkhonzayo.
4.Bantwana baseKuphakameni konke esibhekene nakho kulelibandla, sibhekene nokuthi sibheke ukuthi uJehova akahambi yini asishiye, njengoba abashiya nasemandulo ababengasenzi ngendlela yena afuna ngayo.
5.Sihlala sibhekile ukuthi ngabe uJehova usathokoza yini ngathi, ukuthokoza kukaJehova akufuna kubantu abangabaholi ababeke phambi kwabantu ukuthi bafundise ngaye, ukuthokoza kwakhe kusekufundiseni abantu abafuna ukufunda, kusekuphaseni kwabantu abathi uma bephasa bethole izitifiketi zokuyongena emzini oyingcwele.
6.UShembe asitshele ngawo ukuthi uma kuba senzile kahle phambi kwaJehova, siyakudlula ekufeni kodwa siye kulowa muzi okhazimula ngaphezu kwelanga nenyanga. Makabongwe uJehova.
7.Bantwana baseKuphakameni, siyazibongela ukuthi kuthe uma sezicima izibani, kuqala kuba mnyama emhlabeni, kodwa uJehova wakhetha ukuthi umlilo wevangeli awubase ngathi, bonke abawufunayo bezowotha kithi ngoba bese kucishile, noma inhlansi ivukile emlotheni, kodwa bese kucisha, oMubi wase esebenzile eseqedile.
8.Kungakho ebhekene nathi ngoba uyafuna ukwazi ukuthi ngobani laba abazongonela umsebenzi wami sengisebenzile sengiqedile kodwa uJehova wamenza ukuthi abone ukuthi akakaqedi ngoba akazange asipende sonke, akazange akwazi ukupenda izinhliziyo zabantu bonke. Wabapenda abanye baba ngabakhe.
9.Kodwa thina sasala, sisalela ukuthi sibe ingxenye ezokwakha indlu yokudumisa uJehova, ezovuselela lelivangeli uShembe ehla ezulwini azolivuselela, lase licishwa uSathane, elicisha ngezinto ezabazinhle emehlweni abantu, kanti kwakuyizinto zokubabhubhisa, zokubaxosha emnyangweni wezulu, zokubaxosha phambi kwaJehova, kanti ubanikeza izinto zokuthi badumise yena.
10.Ngithike bantwana baseKuphakameni njengoba kuwumhlangano, umhlangano awubi nje solimini lo muntu uma ethi umhlangano, kodwa umhlangano uba senhliziyweni yomuntu onesifungo phambi kwaJehova.
11.Umhlangano uba kuye, noma esemzini wakhe, umhlangano uba senhliziyweni yakhe, nezingane zakhe
noma zithi zenza igidigidi ekhaya, azikhuze athi ngomhlangano kaJehova akube nokuzotha Phakathi komuzi ngoba namuhla le nyanga inyanga yomhlangano, uJehova uzile kithi, unomhlangano nathi.
12.Ngalokho bantwana bami hambani ngokuhlonipha Phakathi kwalamagceke, ngoba lamagceke namuhla akusiwona awethu, kodwa awumuzi kaThixo, uzakufika uThixo esihambela nasemakhaya, kufanele akufice konke kusho ukuthi ngumhlangano.
13.Kuphinde kube umhlangano nasekudleni okudlayo, kuba ngumhlangano kuwe, noma ungena esitolo inhliziyo iyakukhumbuza ukuthi kepha wena ungumNazaretha kaThixo, awuyikudla okuncolileyo phambi kwaNkulunkulu wakho ofungile ngawe.
14.Uyazikhetha izitolo ongena kuzo uyothenga ukudla, ngoba wena ungumuntu ongcwelisiwe, awuze wathatha lutho lapho okunalesi silwane khona uJehova axwayise ngayo, awunayo into ongayidla kuleyondawo.
15.Uye uhambe uyofuna izitolo ozokwazi ukuthi noma uphethe ukudla, wazi ukuthi Lokhu kudla kuhlambulukile, Lokhu kudla akunansila yalesi silwane ngoba wena ungumuntu kaJehova, akufanele uhambe ungena nomaphi.
16.Umhlangano bangcwele usenhliziyweni yomuntu, umhlangano ukhona ngisho ezembwathweni ozembathwayo kungesilona iSabatha.
17.Ngisho abantwana bakho uyabatshela ukuthi cha ngeke nikwazi ukumbatha lokhu ngoba nina seningabantwana bakaNkulunkulu, noma nanikumbatha lokhu kodwa namuhla seningabantwana bokukholwa, anisafanele ukugqoka izinto eziphikisana noJehova, ezenziwa uSathane ezodukisa abantu, efuna ukuthi abantu baphuthume bakhonze yena, bamukhonze nangezembatho uJehova eshilo ukuthi abantu abangazigqoki izinto ezigqokwa ngobaba.
18.Kodwa uSathane wazithunga wa-design, wazijikelela abantwana bethu ukuthi laba bantwana babe ifa lakhe, ngoba akekho umuntu oyifa likaJehova ongagqoka ibhulukwe, ngoba uNkulunkulu ukubhale phansi ukuthi uma uwumama ungayigqoki into yobaba.
19.Noma ngabe lithungwe kwathiwa ngelomama, kodwa akushiwo kuwe mama oyikholwa, kushiwo labo abawinwa uSathane, wena ungumntwana kaNkulunkulu awunakuzihlanganisa nama fashion enziwe nguSathane.
20.Izingane zakho awunakuzivumela ukuthi zibe lapho wena ozobe ungekho khona, awunakuba nazo izingane ezokucela ukuyovakasha uma kuvalwe izikole, iye lapho wena ozobe ungekho khona, lapho futhi okuzobe kungadunyiswa khona, lapho kkhona okuzobe kukhulunywa lelivangeli uNkulunkulu abhale phansi wathi akalifuni ngoba liwukukhonza abanye onkulunkulu.
21.Uma uthathe umtanakho uthi akaye ekhaya konini ngoba nakhu izikole zivaliwe amaholidi, ingane zalapha kulelibandla azinawo amaholidi.
22.Ngoba izingane ezaziba namaholidi, ngoba lamabhulukwe awalahlwa, asazi noma abazali bezingane ebezigqoka amabhulukwe, lawo amabhulukwe, bayawalahla yini.
23.Kodwa abanye abawalahlanga, kuye kuthi uma ingane ihamba iyovakasha ezihlobeni bese bezipakishela wona ngoba sesiya kwabanjalo, ukunikela ngomtanakho kuSathane ukuthi yena akabe yifa likaSathane noma wena usendlini kaNkulunkulu.
24.Ngithike bantwana baseKuphakameni, kuyihlazo kabi ukuthi uyikholwa ube nengane engekho emhlanganweni ube uyikholwa, iyovakasha, ngaphandle kokuthi ikuhlulile, kodwa evalelise kahle yanikwa nanguwe imali ukuthi ayihambe iyovakasha.
25.Iliphi iholidi eledlula leliholidi esilinikezwe uNkulunkulu ngoba uthi sonke nabantwana bethu, uze akhulume ngisho nangeSabatha, uthi konke okwakhe makudumise uJehova. Kodwa uma ke usho njalo uthi konke okwakho kudumise uJehova kodwa ingane yakho idumisa uSathane, ishebheza ngamabhulukwe, ixhume izinwele zabezizwe, inikwe nguwe imali, ukuthi ayihambe iye kubantu abanjalo.
26.Ngithi bantwana baseKuphakameni akube umhlangano ezinhliziyweni zethu nasemehlweni ethu, noma ngabe kuphakathi neviki, noma ngabe usemsebenzini, kube umhlangano ngoba wena ungumuntu kaNkulunkulu.
27.Noma sekuyophuza itiye, sekukhulunywa lokhuya nalokhuya, wena uyazicwecwa ngoba wena ungumntwana kaNkulunkulu, wena ulusiwe, wena unomuntu wasezulwini onikwe yena ohamba nawe, okulalelayo ukuthi uthini uma usemzini wakho, uthini uma usemsebenzini.
28.Ukhuluma indaba kaNkulunkulu noma ngabe uphuza itiye, awubafihleli abantu osebenza nabo ukuthi umhlangano kaThixo.
29.Ningamangali bangcwele ningibona ukuthi mhlawumbe ngiyanishalazelela, cha, umhlangano, umhlangano usenhliziyweni yami lapho uJehova ahleli khona.
30. Bantwana baseKuphakameni iSabatha namuhla, bantu nonke nina enimesabayo, nina nabantwana benu, gcinani iSabatha likaJehova. Njalo, noma uhlezi emzini wakho ubozibuka lezo zinto uShembe azibhala, ebese ubona ukuthi uvumelekile yini ukudedela ingane yakho, noma iyintombazane, noma iwumfana, ukuthi ingabi semhlanganweni kaJehova, ithathe amaholidi, iye lapho ozobe ungekho khona, iye lapho ekuzobe kudliwa khona ingulube, iye lapho okuzobe kudunyiswa uSathane ubusuku nemini.
31.Uma ingane yakho ithi baba ngoba izikole zivaliwe ngicela ukuhamba, ebese uthatha isihlabelelo sikaShembe, ebese uyafunda, imithetho eminingi isemithandazweni yeSabatha, kodwa lelilizwi elithi “ISabatha namuhla bantu nonke nina enimesabayo uJehova, nina nabantwana benu, gcinani ISabatha likaJehova”
32.Ukuthi kungabe uligcinile yini, ngoba uthi nina nabantwana benu, wena usuvumela umtanakho ukuthi akahambe aye lapho okungadunyiswa khona uNkulunkulu.
33.Ngithike bantwana baseKuphakameni uNkulunkulu uyathokoza uma ebona abantwana bethu, ebona nathi sikhona, siza nezingane zethu nasenkonzweni yeSabatha, sizolalela ukuthi ikuphi okufunwa uNkulunkulu, zifunde njengoba zifunda ezikolweni, nalapho kufanele ukuthi zibe sesikoleni.
34.Lamazwi engiwakhulumayo, awasuki kimi, angiqali ukuwakhuluma, yasho njalo ingelosi, yathi musani ukungena isikole nodwa.
35.Izingane njengoba zifunda ziphasa, nabanye abadala bayafunda, baya esikoleni zemfundo ephezulu emanyuvesi, baphasa, bathola ama degree, zingahlulwa yini ukuthi nalapho ebandleni izingane zizithole izitifiketi nathi esibadala siwathole ama degree okugcina umthetho kaNkulunkulu?
36.UNkulunkulu uyathokoza uma esibona sinabantwana bethu, uyajabula uma ebona ukuthi sizwile abanye bayakhuluma, ziyabahlula izingane ngoba uma ngabe ibivele ikuphethe, ayizukuba bese iyashintsha uma isingena lapha ngoba yanikwa uwe igunywa lokuthi ikuphathe.
37.Nomake sewuthi namuhla sesiya kuNkulunkulu, ingane izoza mhla ithanda ngoba vele izwi elivela kuwe, ayilazi nokuthi liyini, ayisabi lutho ukuthi ubaba uthe, umama uthe, ngoba yakhula iphathiswe okweqanda yazi kahle ukuthi angeke yenziwe lutho.
38.Ukukholwake akusiyo impoqo, kodwa ingane uma isesezandleni zakho, akucace ukuthi akukabakhona kumayiphathe, kodwa isaphethwe mzali owenze isifungo noJehova, ovumile uma izwi lithi iSabatha namuhla bantu nonke nina enimesabayo uJehova, nina nabantwana benu gcinani ISabatha.
39.Bese uyabonake ukuthi kuyakufanela yini ukuthi ingane yakho ingaligcini iSabatha, kuyakufanela yini ukuthi ingane yakho ibe nokuvakasha kuyiSabatha, kuyakufanela yini uma usaphila.
40.Kufanale ukusho ukuthi hamba kwamayibuse, lapha kusemzini kababa, hamba uye kwamathanda, wedelele uJehova ungekho la, ukuze ulaka lukaJehova lungasehleli sonke. UNkulunkulu uyobona ukuthi ingane ikuhlulile.
41.Ngiyacela bantwana baseKuphakameni ukuthi sike sibheke amazwi, sibuyela khona kuJeremiya, njengoba nangeSabatha eledlule sike safunda khona ku-31, kodwa ke ngiyahlehla kancane, ngeSabatha eledlule ngifunde lapho khona kuthi
(31:31-34): “Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli nendlu kaJuda, (32).Kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyise mhla ngibabamba ngesandla ukubakhipha ezweni laseGibithe, isivumelwano sami abasaphula noma ngangiyinkosi yabo,” usho uJehova.
(33) “Kepha yilesi esiyisivumelwano engizakusenza nendlu ka-Israyeli emva kwalezo zinsuku,” usho uJehova: “ngiyakufaka umthetho wami ezibilinini zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo, ngibe nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami;
(34).Abasayikufundisana, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe, kube yilowo nalowo umfowabo, ngokuthi: ‘Yazi uJehova,’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabakhulu babo,” usho uJehova”
42.Amazwi lawo akade ngiwafunda ngeSabatha eledlule ngikhumbuza ukuthi ingelosi ithi yithi labo okwenziwe isivumelwano nabo. Kodwa namuhla ngiyahlehla bantwana baseKuphakameni, noma izoba namavesi amanimgi, kodwa ngiyacela ukuthi uNkulunkulu anike izindlebe zethu, anike nezinhliziyo zethu ukugcina, izindlebe zilalele ukuthi uNkulunkulu uthini.
43.Jeremiya 31 verse 10-14 “10 “Zwanini izwi likaJehova nina zizwe, nilimemeze eziqhingini ezikude, nithi: ‘Owamhlakaza u-Israyeli uyakumbutha amlondoloze njengomalusi umhlambi wakhe.’ (11)Ngokuba uJehova umhlawulele uJakobe, wamhlenga esandleni sonamandla kunaye.
44.(12) Bayakufika, bahlabelele ngokujabula ekuphakameni kwaseSiyoni, bagobhozele kukho okuhle kukaJehova, yebo, emabeleni, nasewayinini, nasemafutheni, nakuwo amazinyane ezimvu nawezinkomo, umphefumulo wabo ube njengensimu eniselweyo, bangabe besaba nosizi futhi.
45.(13) Khona intombi iyakuthokoza ekusineni, nezinsizwa nabadala kanyekanye; ngiyakuphendula ukukhala kwabo
47.Kube ngukujabula, ngibaduduze, ngibathokozise, bangabe besaba nosizi. (14) Ngiyakudelisa umphefumulo wabapristi ngamanoni, abantu bami basuthe ngokuhle kwami,” usho uJehova.
48.Ngithike bantwana baseKuphakameni, ngiyathemba ukuthi izintombi ziyezwa, ayeza amakhosazana, njngoba ebesina ngesonto, kuthiwake ukuthokoza kwabo, kuyakuba sekusineni, kanye nezinsizwa kanye nabantu abadala njengoba kuzoba njalo.
49.Ukuthike uma ngabe intombi ezalwa nguwe, ingenakho ukuthokoza ngokusina, ithokoza ngani ngoba uthi uJehova intombi iyothokoza ngokusina, ithi nensizwa nayo iyothokoza ngokusina nabadala, ukuthi yona iyothokoza ngani.
50.Nawe mnakwethu kaNkulunkulu, wena ozitshela ukuthi akunandaba, ngiyeza enkonzweni nginyabonwa, kodwa uma ungathokozi ngokusina, kuze kufike izinsuku zakho ungazange umvunulele uThixo, ungazange umsinele. Abasinayo ezulwini, abahlangabezana ngomgidi bayokukuhlangabeza kanjani?
51.Kungakho ithe ingelosi emnyakeni edlule, uma umuntu ehamba emhlabeni, engazange asine, kungeke nje ukuthi uthena eqeda nje ukufika, wabe esedlula. Kodwa umuntu ebe ezihlalele, ngoba udumo lokusina akakaze ahlangane nalo.
52.Akagcinanga futhi ukungazihlanganisi nokusina, akafuni ngisho ukuzoshaya ihlombe, uphelela lapha ngeSabatha, kusasa kuyisonto, uziyela lapha athanda khona, kuyahamba laba abasinayo, ibo okufanele babe lapha.
53.Kodwa sizwa lapha uJehova ethi, nensizwa nayo, ithokoza ngokusinela uJehova, ukuthi uma ngabe wena ungathokozi ngokusinela uJehova, uyosinela bani futhi kuyosinwa kanjani mhlazane uhamba.
54.Futhi lomgidi uShembe akhuluma ngawo, athi abantu bamukelwa ngomgidi wena uyomukelwa ngani ngoba umgidi bewuyisisinda sawo.
55.Anginayo imvunulo, kodwa ukungabi namvunulo akusho ukuthi uma kuwumhlangano uhambe lapho uthanda khona, ungayi emhlanganweni ngisho ukuyoshaya ihlombe, ungayi ngisho ukuyosebenza.
56.Ngithike bantwana baseKuphakameni ngithokoziswa ngamazwi athi “zwanini izwi likaJehova nina zizwe, : ‘Owamhlakaza u-Israyeli uyakumbutha amlondoloze njengomalusi umhlambi wakhe.’ Ngokuba uJehova umhlawulele uJakobe, wamhlenga esandleni sonamandla kunaye”
57.Ilawa mazwi engithi asikhumbule izivumelwano uJehova azenzile ngathi ngoba usho yena, uthi wabe esihlakazile wasinikela kwabanamandla phezu kwethu, kodwa uthi namhlanjena owayemhlakazile u-Israel useyamubutha namuhla.
58.Kithike bantwana baseKuphakameni esibuthekile, othe uma uJehova esebuya eseze kubantwana bakhe ayekade abahlakazile wabe eseyasibutha nathi, sase siyabutheka.
59.Asaze sagilwa imisamo, azange sigilwe indaba yamadili ebekade yenziwa singakazi lutho, kodwa manje uJehova useshilo ukuthi wayenikelile ngathi kwabanamandla phezu kwethu, uthi kodwa namuhla useyabuya, uthi usemhlawulele, uthi usemhlawulele uJakobe, waphinde wamuhlenga.
60.Yithi bantwana baseKuphakameni esihlengiwe, siyibandla elihlengiwe bangcwele, ngikusho lokho ngingabi nakho nakuncane ukunanaza ngoba ukuhlengwa yini kanti.
61.Okokuqala sihlengiwe sasuswa evangelini elingaqondene noJehova, labantu lokuyohleba lokuyokhuluma nabantu esingababoni, esingabazi nokuthi bahamba emhlabeni uJehova wababekaphi, noma bakuphi lapho bedunguza khona.
62.Sathi uma sithola lelilizwi savuma, sase siyamulandela uNkulunkulu, sesizofunda njengoba sihleli lapha endlini yokufunda.
63.Okwesibili sihlengiwe lapha kulelibandla, kuthe uma ngabe kwehla impi eyayizobhubhisa umhlaba, i-covid19 bafa abantu ngapha nangapha.
64.Noma sasilila nathi ngokufa kwabantu, kodwa uJehova wasihlenga wakhombisa ukuthi lamazwi awabhale lapha, uqinisile ukuthi useyasibutha, sabuthwa uJehova, wasihlenga, Kwathi kukhalwa ngapha nangapha, thina sasikhalela bona sithi ‘Nkosi yami uNkulunkulu akabahawukele.’
65.Kodwa thina wavula amaphiko akhe, sangena njengamatshwele phansi kwesikhukhukazi, sahlengwa bantwana baseKuphakameni, akabongwe uJehova.
66.Kwaphinde futhi kwafika izwi, yathi ingelosi nikelani, ninikelele ukuthi uNkulunkulu asivikele nasezingozini zomgwaqo, nangempela, ngoba yayisibonile ingelosi ukuthi uSathane uyacathama, kukhona afuna ukubathatha ngezimoto.
67.Kodwa ngenxa yokuthi safunda uma ethi uShembe lalelani nenze, ningalaleli nje, ningenzi, sase siyenza, sanikela, noma kuthiwa asinikele, sangeze sasho ukuthi engani izolo sinikelile, sakhipha sanikela, sakhuluma lokho esasifundiswe khona.
68.Nangampela le Ngozi yehlile, kuthe sekufanele ukuthi kube khona ofayo, wasinda uMaNkomo, wasinda, bafa abanye aye nabo, wasinda ngamnikelo ayewunikelile, waphakama, waphakama khona laphana, kulengozi, sekufanele afe, umnikelo wase uma phambi kwakhe.
69.UJehova wase eyakhumbula ukuthi Kambe lona nguye owanikela, naye wacela ukuthi avikelwe engozini yemoto, noma yamulimaza, kodwa asizange sikhale ngoba uJehova wawuphephisa umphefumulo wakhe, akabongwe uThixo.
70.Kubuye kwaphinda bantwana baseKuphakameni, ngoba omubi akafuni ukuhlehla yedwa, ufuna kube khona afike nakho lapho ayokweyisa khona uJehova, kuphindile futhi umam uMtolo yamshaya imoto, kwafanele ukuthi ngabe siyakhala siyalila, ngabe useshiye abantwana bakhe, uMfundisi usesele yedwa!
71.Kodwa waphakama umnikelo, waphakama khona sekufanele ukuthi afe, wase eyakhumbula uJehova ukuthi konje wanikela wacela ukuthi Nkosi ungikhumbule ezingozini, ungivikele, noma elimele kodwa umphefumulo wakhe ayizange ingozi ihambe nawo. Akabongwe uJehova!
72.Siyibandla elihlengiwe, asihlengwangwa nje kuphela ukuthi sibe ngabantu bese siyadumisa, kodwa uNkulunkulu uyasilekelela ngisho kwezempilo.
73.Ngithike bantwana baseKuphakameni uma uNkulunkulu, uma uJehova ekhuluma ethi bangabe besaba nosizi futhi khona intombi iyakuthokoza ekusineni, leligama elithi bangaba basaba nalo usizi lukhulu kabi. Uthi ngiyakuphendula ukukhala kwabo, kube ngukujabula, ngibaduduze, ngibathokozise, bengabe besaba nosizi.
74.Konke lokho uNkulunkulu ukusho kubantu labo anguyise wabo, njengoba ethi uMprofethi unguyise wabamkhonzayo.
75.Lamazwi uJehova wazenza lezi zivumelwano ezenza nabantu abangakuye, abazogcina umthetho wakhe, nabawugcinaye umthetho wakhe.
76.Ngithike bantwana baseKuphakameni, siyibandla eluphokophele lokho, yinye into efunwa uNkulunkulu kubantu asuke ebathumile, ufuna ukuba abantu bafundiswe ngaye, bafundiswe ukudumisa yena yedwa.
77.Ngithike bantwana baseKuphakameni ngiyamubonga uJehova ukuthi waba nathi, ngiyamubonga futhi uNkulunkulu ukuthi asivule ingqondo ngalelivangeli elase lisiqedile, wasibuyisela kuye, sabuyela kuye, saphuma ekubholofitheni, sibholofithwa ngamanga.
78.Namuhla kukhona abathi umuntu unguNkunkulu, noma ukhethwe uNkulunkulu, kodwa kukhona abathi uyaphushwa, kufanele umphuphe, kufanele ukuthi umphuphe, noma ngabe ubani nje, kodwa uma esethena uwuNkulunkulu, kodwa uma umphuphile, kusho ukuthi ngempela uwuye uNkulunkulu!
79.Yasisiza ingelosi yathi singakholelwa emaphusheni, yasisiza yasikhipha osizini olwesabekayo. Namhlanjena uma sifunda “Isililo sesibili ivesi 14, sizwa lapha kufundeka kanjena.
80.Isililo 2 verse 14 “Abaprofethi bakho bakubonele imibono eyize, nobuwula, abambulanga ukona kwakho ukuba babuyise ukuthunjwa kwakho, kepha bakubonele iziprofetho eziyize neziyinkohliso.
81.Sikhishiweke lapho, sikhishwa nguye uJehova. Sakhishwa kulezi nkohliso, uthi lapha abambulanga ukona kwakho. Umehluko phakathi komuntu onoMoya kaNkulunkulu nomuntu onmoya wedlozi. Isangoma sigcinelwe ukuthi sikugqugquzele ukuthi wesabe abantu abangasekho, isangoma ngeke ufike kuso sithi wone kuNkulunkulu, kodwa sithi wonile kwabaphansi kufanele ushweleze, asikutsheli ngisho ububi bakho.
82.Kodwa uMoya kaNkulunkulu ukhuluma ngoNkulunkulu, yikho okwenza ukuthi sibone ukuthi ingelosi lena, ngoba yayizihlaba izinto zabantu ezisusa abantu kuNkulunkulu, kodwa yayisitshela ngo Nkulunkulu!
83.Kuyoze kube phakade asikho isangoma esingakuxwayisa sithi qaphela uNkulunkulu uzosuka kuwe uma ngabe ungaqondisi izinyawo zakho, njengomuntu ke obonayo.
84.Kodwa isangoma sigcinelwe ukukwesabisa ngamadlozi, sithi uma ungabaphekeli, uma ungayi ukokubonga kubo lokhu onakho, uma sibona ukuthi unakho, sithi uma ungayi ukokubonga kubo, bazokuthatha.
85.Asisoze sathi hamba uyobonga kuJehova, angikaze ngisizwe isangoma sithi uNkulunkulu uyakuthanda, angikaze ngisibone isangoma esithi cela intethelelo kuNkulunkulu kodwa sithi isangoma cela intethelelo kubantu abalele.
86.Siphinde sithi bonga kubo labo ongabazi ukuthi bahamba babekaphi, kodwa sithi hlaba inkomo ubonge kubo. Ngalokhoke umoya walabo bantu, uMprofethi kaNkulunkulu ukhuluma ngoNkulunkulu, athi uJehova uyosuka kuwe.
87.Ilokho okwenza ukuthi uMprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye), okwamenza waba nomehluko kubo bonke abaprofethi ababethi bangabaprofethi kulelizwe.
88.Nguye yedwa owafika wakhuluma ngo Jehova, nguye yedwa owasitshela ukuthi uma singamesabi uJehova kuyovelani, nguye yedwa othena simesabe, nguye yedwa othena sigcine iSabatha, wathi liyimini kaNkulunkulu wathi lingumkhosi kaJehova, lingumkhosi wentethelelo.
89.Akekho omunye uMprofethi owake wakhuluma lokho, nguye ositshelile ukuthi akukho ukukhalelana esihogweni, nguye yedwa ositshele lokho kubaprofethi abakhona namhlanjena, nguShembe okhulume ngo Jehova.
90.Kuhlukana laphoke lapho okufanele kuhlukane khona inhloko nesixhanti uma ngabe uqhathanisa umuntu othi unguMprofethi, baningi abaprofethi abamnyama abakhona abanye abanamabandla amakhulu, kodwa kuyahlukana lapho emahlukaneni ezindlela ukuthi bathini kubantu, bathi abantu abesabe bani ngoba uShembe wafike wathi asesabe uJehova.
91.UShembe wasitshela ukuthi uma ngabe singawugcini umthetho kaJehova, wasitshela ukuthi uJehova akanakusinikeza izibusiso, ngeke asehlisele, wathi ngeke awuthathe umthandazo wethu uma sesikhala kuye, sihluphekile, wathi nezibusiso ngeke asinike uma ngabe singawugcini umthetho.
92.Nguye yedwa osavelile wafakaza ngoJehova, futhi angikaze ngimuzwe uMprofethi ekuthiwa wathi uthunywe uJehova, bonke nje abaprofethi bafakaza ngabantu bakubo ukuthi bamele abantu bakubo abangasekho. Okudala ukuthi nabantu abajoyina lelobandla bafike bajoyine abantu abangasekho.
93.Kodwa uShembe yena uthi yesabani uJehova, aphinde athi gcinani umthetho kaJehova, uma ngabe ningawgcini, ngeke ayemukele imithandazo yenu, futhi angeke anehlisele izibusiso, uma ngabe ningawugcini umthetho kaNkulunkulu.
94.Kunjalo kuhlukana lapho bantwana baseKuphakameni, wasebenza umsebenzi omkhulu ebhala, ngoba ukube ayibhalwanga ngabe asazi lutho ngoShembe, waze wenza ukuthi sihlabelele ngazo lezi zinto ukuze zingasuki zingagezeki ezinhliziyweni zethu.
95.Akusizo izihlabelelo lezi, kodwa inkumbuzo ezikhumbuza abantu abangabantwana bakaNkulunkulu ukuthi behlale njalo bekhumbula uJehova ukuthi uma bengawugcini umthetho, ngeke ayemukele imikhuleko yabo futhi ngeke abehlisele izibusiso.
96.Ngithike bantwana baseKuphakameni, lelibandla liyisikole, uma ngabe usaxhakasile, ungezi, ngoba lelibandla limukela abantu abazofundela ukungena ezulwini.
97.Uma ngabe uzohlangana nathi, kufuneka uzazi ukuthi zonke izinto obuzidumisa uzilahlile, kodwa usuzodumisa uNkulunkulu kuphela, uNkulunkulu akadunyiswa kujatshuliwe kuphela, noma ngabe uhluphekile, noma awunalutho, uyadunyiswa uNkulunkulu.
98.Noma ungaba notho, uNkulunkulu akuphe, ube injinga, kodwa uNkulunkulu uyadunyiswa, adunyiswele khona lokho. Ukuthi Nkosi bayahlupheka abantu kodwa mina ungenze ngangahlupheka ngoba Nkosi lokho kuchaza ukuthi uyawemukela umkhuleko wami, futhi awugcini ngokuwemukela, uphinde ungehlisele nezibusiso.
99.Ube sewuguqa uthi Nkosi alibongwe igama lakho, akekho ongangawe emhlabeni.
100.Ngithike bantwana baseKuphakameni, ngiyacela ukuthi uNkulunkulu waseKuphakameni asenze ukuthi sesabe yena, asenze ukuthi sizifune izindlela zakhe, singazicasukeli, kodwa sizifune ngoba umthetho kaNkulunkulu mude. Siwucinge ukuba siwugcine.
101.Senzele ukuthi uNkulunkulu asikhumbule ezinsukwini ezifihliweyo ngoba noma ungaba njani noma ungeswele lutho, noma ngabe ungaba ngakanani, kodwa kukhona izinsuku ezifihliweyo, lapho ukuhlakanipha kwakho ungayeseyukuba khona, lapho oyobe usuwedwa khona, lapho oyobe sewume phambi kwamahluleli, ungesenamngani, asephelile amahlathi.
102. Asala khona la emhlabeni amahlathi, lapho oya khona alikho ihlathi ozobaleka uzifihle kuwo.
ISIHLABELELO 152.
5 Wozanini wezazi
Nizobona uMsindisi
Eselele emkhombeni wezinkomo
Kwelase betlehema.
6 URakeli isikhulu sakwaJuda
Sakhala singenakuthuliswa,
Ukuphuma kwenkemba kaHerodi
Eyayifuna uJesu Krestu.
103. Ilawo mazwi uNkulunkulu waseKuphakameni ebngiphathise wona, sengithi khumu bantwana beNkosi.
INkosi ibusise enikuzwile.