Uma uhamba uyonikela, uze usho uthi ayi mina, bayanikela abantu basho yonke into, mina nje cha, ngiyanikela lapha angiboni lutho cha, awuboni lutho.
Kodwa vula ifayela le nhliziyo yakho, ucele kuJehova ukuthi akukhumbuze ukuhamba kwakho uma usukhohliwe, wenze iziguqo eziyisikhombisa, ubuza kuJehova uthi Nkosi ikuphi lokhu okungivimbayo, kodwa ngaso sonke isikhathi thina bantu sithi asazi senzeni.
Intshumayelo kaMfundisikazi Nomcebo Nxumalo mhlaka 01 July 2023 eNqobizitha ngeSabatha ekuseni.
ISIHLABELELO 156
1 Vuthelani icilongo
Batsheleni sesilizwile,
Icilongo lezwi lakhe
Mazilazi zonke izizwe.
2 Nikuphiwe maqhawe
Hlabani lomkhosi,
Umkhosi wezwi lakhe
Mazilazi zonke izizwe.
3 Bavuseni abaleleyo
Lizwakaliseni izwi lakhe,
Nibavuse nabafileyo
Liyakudunyiswa ngabanjalo.
4 Vuthelani icilongo
Zililindele zonke izizwe,
Ema Mpondweni makubenjalo
Mazilazi zonke izizwe.
5 EMpumalanga makubenjalo
NaseNtshonalanga makubenjalo,
Mazilazi zonke izizwe,
Ziyosheshiswa nguMsindisi.
1.Ngiphinde ngikhethe iNkosi yaseKuphakameni, ngiyabonga ukunikezwa ithuba lokuguqa phakathi kwabangcwele, engiye ngicabange ukuthi bazi kakhulu kunami, nokukholwa kwabo, ngibone ukuthi bayakholwa bona kakhulu kunami.
2.Bantwana baseKuphakameni usufundiwe umthandazo wezwi elisibuthileyo esihlangene ngalo, sesikhunjuziwe ngokuzinikela kwethu kuJehova; obefunda umthandazo ushilo ukuthi khumbula ukuthi namuhla sewenze isivumelwano noJehova uNkulunkulu wakho sokuthi uyohlala endlini kaJehova kuze kube sekupheleni kwezinsuku zakho.
3.Lawo mazwi ngamazwi asikhumbuzayo, asikhumbuza mhla sizihlanganisa noJehova ngezwi likaShembe.
4.Bantwana baseKuphakameni sizwa uShembe ekhuluma laphana noma sihlabelela, asazi ukuthi bangaki asebelizwakalisile leli lizwi, asebawuhlabile umkhosi wezwi lakhe.
5.Ngithike zikhonzi ezinhle zikaThixo, isihloko sodaba sithi KWATHIWANI KUWE.
6.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni ake sifunde amazwi ka Zakharia 3 verse 1-7.
7.“1Wayesengibonisa uJoshuwa umpristi omkhulu emi phambi kwengelosi kaJehova, noSathane emi ngakwesokunene sakhe ukumelana naye. 2 UJehova wathi kuSathane: “UJehova uyakukukhuza, Sathane, yebo, uJehova olikhethile iJerusalema uyakukukhuza; lo akasiso isikhuni esophulwe emlilweni na?”
8.(3 UJoshuwa wayembethe izingubo ezingcolileyo; wayemi phambi kwengelosi. 4 Yathatha yasho kwababemi phambi kwayo, yathi: “Mkhumuleni izingubo ezingcolileyo.” Kuyena yathi: “Bheka, ngidedisile kuwe ububi bakho; ngiyakukwembathisa ezobukhosi.”
9. (5) Ngase ngithi: “Mababeke isigqoko esihlanzekileyo ekhanda lakhe.” Base bebeka isigqoko esihlanzekileyo ekhanda lakhe, bamembathisa izingubo, ingelosi kaJehova isemi khona.
10. (6) Ingelosi kaJehova yagomela kuJoshuwa, yathi: “Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine inkonzo yami, uyakwahlulela endlini yami, ugcine namagceke ami; ngiyakukunika ukuba uhambe phakathi kwalaba abemi lapha.”
11.Ngithike bantwana baseKuphakameni namuhla uNkulunkulu esizomcela ukuthi avume ukusivulela umhlangano wakhe awubiza yena wathi enyangeni yesikhombisa wathi niyakuhlangana nenze umhlangano.
12.Ngithike bantwana baseKuphakameni lawa mazwi, ngamazwi ayefundelwa umuntu owayenikezwa uNkulunkulu ukuthi ahole abantu bakhe.
13.Uma ngabe uphethe abantu, kodwa angekho lamazwi ezindlebeni zakho nasenhliziyweni yakho ayisikhumbuzo kuwe ukuthi uJehova wathini kuwe mhlazana ugcotshwa ubekwa ukuthi uhole abantu baNkulunkulu ukuthi bangene ngawe ezulwini ngokubafundisa umthetho kaJehova.
14.Uma ngabe awuzange ukhunyulwe izingubo ezingcolileyo zilahlwe, uma ngabe ungazange umbeswe izingubo ezihlanzekileyo, uzimbeswa uMenzi wezulu nomhlaba ekugcoba ukuthi umphathele abantu bakhe!
15.Bantwana baseKuphakameni indaba yesigqoko, ihambe ihambe ibe yimpi kulelibandla, kodwa lamazwi ayasichazela ukuthi isigqoko saqhamukaphi, isigqoko sithwala ngabantu abakhethiwe, abathunyiwe nguJehova!
16.Uma uJehova emthuma umuntu, umnikeza amazwi, lamazwi ayoba isikhumbuzo kulona othunywayo, ukuthi uJehova mhla engigcoba wathi kufanele ngihambe kanjani.
17.Lapha kulamazwi uthi uma ngabe uhambe kahle, wenze kahle konke, njengoba sengikugcobile, Uthike ngiyakukunika ukuthi uhambe phambi kwalaba abemi lapha.
18.Ngoba uma ungahambanga kahle awuvumelekile ukuba uhambe phambi kwalaba bantu abemi lapha, usho njalo UJehova.
19.Uma ngabe uhola abantu ungenawo amazwi ashiwo uJehova kuwe, uma ngabe uhola abantu ungazikhunyulwanga izingubo ezingcolileyo, uyoba hola ngazo izingubo ezingcolileyo. Lesi sigqoko owazethwesa wena sona, esingenamyalezo ovela kuJehova!
20.Uma ngabe umuntu ephethe abantu engenawo amazwi akhulunywa lapha namuhla, unjengemoto engenawo ama break engalimaza abantu noma ngasiphi isikhathi. Uma ngabe uJehova ekubekile usuke ehlose ukuthi ufundise abantu bakhe izindlela zakhe.
21.Njengoba uJehova ezowuvula umhlangano wakhe afisa ngawo ukuthi simdumise futhi ngawo, uzolalela futhi uzobheka futhi uzolalela kusukela akubeka wena ohola abantu ukuthi wakhulumani kubo, wathini ngaye, wathi uyini kubo, wathi uyini kuwe!
22.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni namhlanjena usuku lokuqala enyangeni yesikhombisa, silindile thina bandla likaJehova, silindile thina esiholwa ngamazwi esawanika uMprofethi kaNkulunkulu, owasifundisayo ukuthi ngalolusuku lwanamhlanjena usuku lwani.
23.Uma ngabe uthe uma ubekwa, kwaba khona amazwi uJehova awabeka kuwe, usuke enzela ukuthi noma usuphuma endleleni kodwa ushawe uvalo bese uyakhumbula ukuthi uJehova wathini kimi ngezinsuku angibeka ngazo, wathi uyokwenzani kimi uma ngabe sengenze into engafanele.
24.Kufika kuwe ukuthi uma sengizidumisa mina, uJehova wathi indawo yami ikuphi, sithike namhlanjena, bonke abaholi bebandla lamaNazaretha, namuhla umhlangano uzovulwa uNkulunkulu kithi thina esikhonza uNkulunkulu uJehova. Uyovulwa ngabaholi ezindaweni ezithile.
25.Ngithike bantwana baseKuphakameni njengoba sibuthwe izwi lasiqoqa izwi lo muntu kaNkulunkulu uShembe, ukuthula kube kuye.
26.Uyena owamemezela indaba kaJehova, uyena owasifundisa ukuthi masidumise yena ngezikhathi zonke, uyena futhi owasitshela ukuthi uJehova unguyise wabamkhonzayo.
27.Wonke umuntu uyazi ukuthi uma engamkhonzi uJehova akayena uyise wakhe, kodwa uJehova unguYise wabamkhonzayo.
28.Kungakho bantwana baseKuphakameni kungafanele ukuthi welule isandla sakho uthathe umnikelo ovela kumuntu ongamazi ukuthi okuphathise lomnikelo yena uyaphi. Athi usuyofike unginikelele umnikelo ka-14, uyonginikelela umnikelo ka-23.
29.Ngithike bantwana baseKuphakameni, uJehova ufuna wena, uNkulunkulu ulinde ukubona wena umdumisa, ulinde ukuzwa izwi lakho umdumisa, akekho umuntu ongakholelwa imali, akekho umuntu ongahamba aye lapha athanda khona, bese ethi thatha nanku umnikelo uyakufika ungibeke, umbeke yena uma eyaphi, uyofike uthi wathi uyaphi yena.
30.Ngithike bantwana baseKuphakameni usuku lokweluleka, usuku lokukhumbuza lokuthi sikhumbuzane, ukuthi uNkulunkulu waseKuphakameni owathuma uShembe wathi kufanele Senzeni.
31.Uma ngabe sekungena inhlangano. Kwabakholwayo, inhlangano ingena enhliziyweni, uzwa yena emzimbeni ukuthi sekungumhlangano kaNkulunkulu, angisezukukwazi ukuthi ngidle ukudla noma yini engithandayo. Kodwa sengizokudla ukudla okuvumelene nomhlangano kaJehova.
32.Njengoba kungumhlangano bantwana baseKuphakameni, akavumelekile umuntu onenhliziyo enamagqubu, ebophe umuntu ngoba ethi wanginyathela emhlanganweni owedlule, uJehova akayikwemukela umthandazo wakho neminikelo yakho akayikuyemukela.
33.Ngithike bantwana baseKuphakameni waphela umbuso esasiwunikezwe ngomubi, lapho esasingena khona ngejubane, sijabulela ukuyohlala sibe baningi sibuke izinto ezenzakalayo. Kodwa sasinganandaba nokuthi uJehova udunyiswa kanjani.
34.Sasingazi eqinisweni lonke ukuthi uShembe usho ukuthini uma ethi ngeke yemukeleke imithandazo yethu, ngeke sehliselwe nezibusiso, kodwa saqala ukukwazi lokho mhlazana uNkulunkulu esithanda, esithumelela umuntu wasezulwini ingelosi, iyona eyasibuyisela emazwini kaShembe.
35.Ayizange ikhulume nangebhayibheli, yathi incwadi yabhalwa uShembe, fundani yona, yathi iyona ezoniholela emazwini abhalwe ebhayibhelini.
36.Yathi wathi uShembe ngosuku lwenhlupheko ubobiza uJehova, yathi manje nina nimbiza nini uJehova, akekho ongazi ukuthi sasibhajiwe, sibhajwe evangelini lasemsamu, evangelini elalifike nababi, lalifike nomubi, ngoba naye uShembe waliphika wathi akalazi.
37.Lafika noSathane wagasela ngalo esisusa kuNkulunkulu, siyamubonga uJehova, thina esikhethiweyo saba ngabantwana bakhe, sanikezwa ukudumisa yena yedwa, akabongwe uJehova!
38.Bantwana baseKuphakameni, iyeyithi ingelosi ningazikhazimulisi ngoba uma nizikhazimulisa nina niyakufika le phambili nithelwe izintuli zemisebenzi yenu.
39.Nibe njengaleliya bandla, libe njengaleliya butho owalibona lapha, anginakuyeka bantwana baseKuphakameni ukukhuluma lokho ukuthi kwaqhamuka abantu.
40.Ngaleso sikhathi ingelosi ihambe nami, kwaqhamuka abantu, akusona leso kuphela isigigaba esaba khona, kodwa namuhla ngiyafisa ukuthi ngikhulume ngaleso sigigaba noma sengike ngakhuluma ngaso.
41.Sokuthi kwaqhamuka abantu ababeyibutho begqoke izingubo ezimhlophe njengeqhwa, kodwa bathi uma sebesondela phambi komuntu owayehleli engangingamazi, futhi engingazange ngifike phambi kwakhe, engangingazange ngibubone nobuso bakhe.
42.Bathi uma sebefika khona, zase ziyashintsha nezambatho, kwaphela ukuba mhlophe, izambatho zaba zimbi zashintsha, kodwa ilizwi elalikhuluma lapho, nomuntu owayememezela lokho, ngize ngimazi.
43.Washo wathi laba ilaba abazikhazimulise bona, abazenze bona ukuthi babe bahle, kodwa imisebenzi yezinhliziyo zabo ingekho mhlophe.
44.Wathi konke lokhu njengoba kushintsha izingubo zabo, kuqopheka izinhliziyo zabo.
45.Kwabuye kwaqhamuka elinye ithimba elaliqhamuka limbethe imiNazaretha eyayingemihle, yayibonakala iminazaretha engathi inodaka, kubonakala engathi abantu ebebehamba belala bembethe.
46.Kodwa bathi uma sebeyofika lapha kulowa muntu, zase ziyashintsha izembatho zaba mhlophe ngendlela emangalisayo, kwathiwa laba ilaba abenze kahle, izinhliziyo zabo, sebeyakhazimuliswa lapha, sebeyenziwa ukuthi izingubo zabo zibe mhlophe. Noma bekuncole umnazaretha izinhliziyo zabo zazimhlophe kwase kuyakhanya konke okwabo.
47.Singakhohlwake bantwana baseKuphakameni ukuthi konke esikwenzayo kuyaqoshwa, yathi ingelosi ngelinye ilanga umuntu ucetshwa ingelosi yakhe ayinikwa mhla ezalwa.
48.Wathi wonke umuntu uma ezalwa ekhula, unikezwa umuntu ombhekile ongabonwa umuntu, ingelosi yakhe iyona emcebayo, iyona ephethe umsebenzi wakhe wemihle ngemihle, iyona ephethe ifayela lenhliziyo yakho.
49.Iyona esuke ikubona, iyona ehamba nawe nomaphi lapho ukhona, noma sewungenaphi ingena nawe, iyakubona ukuthi la ungena khona uyendaweni enjani, uyofunani lapho.
50.Ngezinsukuke zakho iyakuvula ngoba yanikwa nguJehova ukuthi ibhale yonke imisebenzi yemihla yakho yokuphila. Kuye kuthi umuntu uma ngabe ehamba eyoganga, athi uma eboshwa, ebese athi ilona engikhulume naye engimhlebelile ngoba bayazana abantu. Ebese efuna inkabi athi nangu umuntu owangishisela emaphoyiseni.
51.Ngikhuluma ngamakholwa bantwana baseKuphakameni, ngikhuluma ngabantu abazinikele kuJehova kodwa bese bephambuka bephambukela ebubini, njengakho nje ukungenelwa ukweba izimoto uyikholwa, uyophendukelaphi ngoba ababengakwazi lokho baphendukela kuNkulunkulu.
52.Ngoba ababengakwazi lokho baphendukela kuNkulunkulu, bathi Nkosi ngangingakakwazi, ngenkathi ngingakakwazi ngenza lokhu nalokhu, wena uyophendukelaphi wena ozophuma manje uphathe isibhamu, uyokhomba abantu, udubule abantu ngoba unenhloso yokuthi ubephuce imoto, nakho konke abakuphethe.
53.Ithi-ke ingelosi uyophendukela kuphi, ngoba umuntu osuke engakholwa, mhla uNkulunkulu evela kuye, usuke evelela ukuthi aphenduke, ayeke lezo zinto lezo.
54.Kodwa wena oyikholwa, uma ngabe usukwazi ukuphuma, uyoma emakhoneni, uthathele abantu izimoto egameni likaNkulunkulu, ithi ingelosi uyophendukela kuphi, uyophendukela kubani uma usukwazi ukuyobulala umuntu, umbulalela ukuthi umbona ekwedlula, noma uyala ukuba njengawe, uyophendukela kumuphi uNkulunkulu?
55.Ithike ingelosi bonke abantu abenze noma isiphi isono kodwa mhlazane waphenduka, ezivuma phambi kwaJehova, uNkulunkulu uye abathethelele ngoba basuke bengazi lutho ngomthetho kaNkulunkulu nangokukhonzwa kukaJehova, kodwa wena uyakuphendukela kumuphi uNkulunkulu uma uphuma endlini kaJehova uhamba uyokwenza izinto owazi kahle ukuthi azivumelekile.
56.Bantwana baseKuphakameni ngeke sikushiye ukwelulekana ngokomthetho wokuziphatha kuyinyanga yomhlangano noma kungesiyo.
57.UShembe wathi bonke abantu abashadile abangamaNazaretha bayophuma ezindlini zabo, bayakuba ngcwele ngaphambi kokuba lufike usuku lomhlangano.
58.UShembe wathi abantu uma sebevumelene ukuba bakhe umuzi kufanele bahlanganiswe, bahlanganiswe ngegama le Nkosi ukuze kube semthethweni kaNkulunkulu ukuganana kwabo.
59.Uyophendukela kumuphi uNkulunkulu uma ngabe uqala namuhla ukuba isoka, kodwa amasoka ayabaleka ebusokeni basemhlabeni, aphakamisa izandla eza kuNkulunkulu lona wena okuye, athi Nkosi ngithethelele ngangingazi ukuthi akufanele ngibe nje.
60.Wena uyophendukela kumuphi uNkulunkulu, uyoziphakamisa kumuphi uNkulunkulu izandla uma ngabe wena ulapha endlini kodwa ube nje isoka?
61.Ngithike bantwana baseKuphakameni umhlangano bantwana baseKuphakameni awungene ezinhliziyweni zethu, zifanele bantwana baseKuphakameni ukuthi singene kulenqola sihlanzekile.
62.Noma ungathi awubonwa kodwa ukhumbule ukuthi uNkulunkulu useduze kwakho, ingelosi yakho eyabekwa ukuthi ikubheke, iyabhala, izulu lamasoka lisesihogweni.
63.Ngoba ukuba isoka, kuchaza ukuhamba uzala izingane kubantu abahlukene ongashadile nabo futhi ongeke ubondle nalabo bantwana, abantwana abazalwe ngendlela yesiqalekiso. Kukhulunywa nabantu abaguqa bathi namuhla sebeyohlala endlini kaJehova, abantu abanesifungo.
64.Uma uhamba uyonikela, uze usho uthi ayi mina, bayanikela abantu basho yonke into, mina nje cha, ngiyanikela lapha angiboni lutho cha, awuboni lutho.
65.Kodwa vula ifayela le nhliziyo yakho, ucele kuJehova ukuthi akukhumbuze ukuhamba kwakho uma usukhohliwe, wenze iziguqo eziyisikhombisa, ubuza kuJehova uthi Nkosi ikuphi lokhu okungivimbayo, kodwa ngaso sonke isikhathi thina bantu sithi asazi senzeni.
66.Khona nje ukuthi uyinsizwa yaseKuphakameni uhambe ukhalelwa izingane ngapha nangapha, izingane ozizala kubantu ongashadile nabo.
67.Uma ngabe sewuya embengeni uyonikela, izinhliziyo zabanomzane abazali lezingane odlala ngazo, ziyakumangalela phambi kwa Jehova.
68.Ngake ngakhuluma ngalento, ngikhuluma ngendaba yomthetho kaNkulunkulu ogudla umngcele, ongagudliswa uNkulunkulu ogudliswa ngabantu.
69.Ngake ngakhuluma ngabantu abagcotshwa babe ngabashumayeli, kodwa phakathi esontweni kunengane eyakhishwa yagxoshwa, kwathiwa ayisafanele ukuthi ibe laphana ngoba yathola umntwana, yabuza yakhomba yena.
70.Akazange aze akhishwe, kwathiwa akakwazi ukukhishwa ngoba umntwana womgcotshwa, akugcini ngalokho uyagcotshwa abe umshumayeli, angene kuzo zonke izindawo ezingcwele kodwa intombazane yona ixoshiwe ime ngaphandle kuthiwa yona.
71.Ngithike bantwana baseKuphakameni kuyihlazo khona lokho ukuthi kuxoshwe umuntu okhohlisiwe, kusale umuntu okhohlisile, kunalokho agcotshwe abe umgcotshwa. Kodwa uyikhohlisile ingane yomuntu.
72.Mhlazane eganwa ahambe ayofuna iNkosazana, kujatshulwe kukhuzwe ubungcwele, ushada neNkosazana kodwa leya ngane ayiphuca ubukhosazana bayo, akekho namuntu oyikhuzelayo, abazali bayo babukela umshado womshumayeli ozoshada neNkosazana kodwa emzini wabo bondla ingane yalomshumayeli ayithola ngokwesiqalekiso ngoba waphula umthetho, washela iNkosazana.
73.Ayishelwa iNkosazana, iyacelwa, ngoba kufanele ikugane, uma usufuna ikuqome, usuke sewenza isono.
74.Ngithike bantwana baseKuphakameni sesiya emhlanganweni, namantombazane nawo, kufanele bazi ukuthi njengoba bathi bacela intethelelo kuJehova, bayolinda isibusiso abasiphiwa uNkulunkulu.
75.Nakuba lapha kulelibandla singenazo izimfundiso ezingamanga ezithi umuntu ungena ezulwini ngoba engeniswa indoda ayiganile, kodwa lokho akuwaniki amantombazane lawa ahlala ngale kithi ithuba lokuthi ahambe lapha athanda khona.
76.Akusho ukuthi lezi zinto uNkulunkulu athi zingenziwa izinsizwa, zingenziwa omakoti nomama, nobaba ukuthi abantombazane wona asala ngaphandle.
77.Noma ngabe usunomntwana, ziphathe kahle ube nesimilo, ukhombise nakubazali bakho ukuthi awumtholanga umntwana ngoba udelela bona kodwa wakhohliseka kuleso sikhathi.
78.Khombisa kuJehova osewuzihlanganise naye, ukuthi wawungadeleli yena mhlazana uthole lomntwana kodwa wakhohliseka. Amanyeke amantombazane aye ahambe lapha athanda khona athi awaganile.
79.Kuyicala ukuthi ube nesoka, uma intombazane ihlala nomuntu yenza isono ngoba umuntu kufanele kube umuntu ohlanganisile naye.
80.Ukubuyiswa kwawo, kwathiwa sebeyolinda isibusiso, intombazane uma isiqoma lokho akukho emthethweni.
81.Uma usuyintombazane uyalinda, ulindele isibusiso ozosiphiwa uNkulunkulu ukuthi ugane, awubi umuntu okhululekile kubafana.
82.Ngithike bantwana baseKuphakameni uma ngabe uShembe athi abashadile, abaphume ezindlini zabo, bese amantombazane wona, akipitile emkhukhwini, ebese engena enhlanganweni kaJehova nodaka, uNkulunkulu athe abantu ababe ngcwele ngalenyanga le.
83.Kufanele wazi ukuthi umnikelo wabo uyoba isono phambi kwaNkulunkulu, ngeke uJehova asehlisele izibusiso ngoba sebeyazi, awukwazi ukuba nesoka ulindile, waphakamisa izandla kuNkulunkulu wathi uyaxolisa ngowakwenza phambi kwabazali bakho.
84.Bese uphinda futhi wena usuyoba nesoka osuyohlala nalo, umnikelo wakho uzoba isono! Lokhu engikushoyo angikusho ngolwazi kodwa ngisho amazwi engivama ukwatshelwa ingelosi, ukuthi umuntu uma esezihlanganise noNkulunkulu, uyatshelwa wonke umthetho.
85.Ngoba siba nabo emgidini njengabantwana, kufanele ukuthi nabo babengcwele, lelizwi elithi phumani ezindlini zenu, alikhulumi nabashadikazi kuphela, likhuluma nomuntu osuke eyibandla likaNkulunkulu, nawo amantombazane ayibandla likaNkulunkulu uma ngabe ehlanganyela nathi engena lapho kulendlu.
86.Ngalokhoke nabo bazosithola isijeziso uma ngabe bengcolisa inhlangano kaNkulunkulu ngoba bethi kukhulunywa nabantu abashadile.
87.Angazi futhi ukuthi ubuyela kanjani uyoba nesoka ekubeni wakhohliswa kuqala wathola umntwana, ubuyela kanjani futhi uvume ukuyokipita, kanti wathi mhla ufunga uthi uNkulunkulu akakuthethelele, wathi uyolinda isibusiso, isibusiso akusikho ukukipita.
88.Umuntu uma ngabe eza kuwe ngokokukholwa uma ngabe kuwumuntu okholwayo, akakwazi ukuyokipita nawe uma ngabe eyikholwa, kusho ukuthi usuke usanqotshwa nguye uSathane laphayana phambili.
89.Insizwa yalapha eKuphakameni ayikwazi ukuthi ingavuma ukukipita uma ngabe inevangeli likaNkulunkulu.
90.Bakhonake abantu abambatha umnazaretha bangene ebandleni, bangena kuwo wonke amabandla, uma ngikhuluma ngabandla, ngikhuluma ngamabandla wonke kaMprofethi ukuthi bakhona abantu abagqoka umNazaretha, bewugqokela ukuba ngamasoka, bewugqokela ukuzoshela.
91.Kodwa bazi ukuthi kulelibandla akushelwa, kuyacelwana, ngisho intombazane seyinomntwana kodwa iyacelwa nayo kubakhokheli, iyacelwa ngoba usuke ufuna ukuthi ikugane.
92.Uma ukwazi ukukipita, uyikholwa ukipite nomuntu, kuwukumgebenga emini ngoba uma sekukhona ukungaboni ngaso linye kuyoba lula ukuthi umlahle ngoba vele ubukipitile naye.
93.Ngisho lokhoke bantwana baseKuphakameni, nezintombike, zikhona ezinye ezisuke ezinye zike zingene zingezile ukuzokholwa kodwa zizoqoma kodwa zizowuthola umvuzo waso.
94.Ithi ingelosi, umnikelo wakho uyoba isono phambi kwaNkulunkulu, angeke ukuvune okuhle, lapho abantu bevuna okuhle kuJehova, ngoba umdelela ngamabomu.
95.Nawe ntombazane nawe nsizwa njengoba uShembe eshilo ethi khalani nimpompoze ngamahlazo asuke enehlele.
96.Ngithike bantwana baseKuphakameni izeluleko ngoba abanye abazi, omunye kade ekipitile engakakholwa, sowukholiweke nsizwa, buza ukuthi kuhanjwa kanjani, bakhona abashumayeli, uyasho ukuthi hhayi ukhona umuntu ekade ngikipite naye.
97.Buza ukuthi kwenziwa njani, bazokutshela ukuthi kufanele wenzeni manje njengoba usunalomuntu, kufanele lo muntu abe negama elihle lokuthi ungumkakho.
98.Ngithike bantwana baseKuphakameni, sifika lapho uJehova ezosibheka ukuthi kusukela le nyanga ingakafiki simdumise sagcinaphi.
99.Ngithike bantwana baseKuphakameni inkulumo yami iyizigaba ezimbili, eyokuqala ikhuluma ngabaholi, ukuthi uma ngabe ubuholi bakho bungenawo amazwi kaJehova mhla ugcotshwa, ukuthi uJehova akunike amazwi, lawo mazwi azokwazi ukukulawula kuyo yonke into oyenzayo.
100.Uma ungazange ukhunyuliswe izembatho zakho ezingcolileyo umbeswe ezihlambulukile, awuyikukwazi ukufundisa abantu indaba kaNkulunkulu, ngoba izambatho zakho ezingcolileyo zisayokudonsa zikuse lapho ezazingcole khona!
101.Awuyikusho lutho kubantu, awuyikukhuluma ngesono kubantu, awuyikuxwayisa abantu nanoma yini uJehova angayifuni, ngoba vele isikhundla okuso asinamyalezo, akukho mazwi owanikwa wona, akukho sifungo owafungiswa ngaso, noma wawufunga wawufunga kubantu, ufungiswa ngabantu!
102.Kodwa le ndaba ikhuluma nabantu abahola amabandla kaNkulunkulu.
103.Ngithike bantwana baseKuphakameni bonke abantu bazwile ukuthi isigqoko savela kuNkulunkulu, saqhamuka kuJehova esibeka phezu komuntu amthuma kubantu ukuthi abafundise ukuba kudunyiswe yena.
104.Sengikhulumake ngendaba yokuziphatha nje emhlanganweni sisonke, siyabahlonipha abashumayeli abasiphethe nabavangeli nabafundisi, siyabahlonipha abakhokheli uma besikhuza, sihlehle kulokho abasikhuza kukho njengoba bebekiwe ukuthi babe izisebenzi nabo zikaNkulunkulu.
105.Uma uzokholwa, uyalalela uma utshelwa, kodwa uma ngabe uzele lezi zinto engizishilo ngoba ayikho into ongayikhuluma nomuntu eyinsizwa, umuntu ofuna ukuba isoka, aze abe isoka lamakholwa, waba isoka le lapha abekhona, kodwa akasuthanga, usafuna futhi ukuba isoka lamakholwa, abantu ababizwa ngamakholwa?
106.Aze ahambe abala ukuthi naloya, naloyana, naloya kodwa akekho amthathayo phakathi kwawo ngoba inhloso yakhe ukwedelela nokweyisa umthetho kaNkulunkulu obekiwe.
107.Uma esehlupheka, athi akazi ukuthi ngonani, athi akazi ukuthi yini le eyenza ukuthi nginikele ngingayitholi izinto.
108.Ithi ingelosi uma ucela into ungayitholi, uboba nezigqugqo eziyisikhombisa, ubuza kuNkulunkulu uthi uJehova, uyokuvezela ukuthi yini le eyenza ukuthi leyonto ungayitholi, uma ngabe ulokhu ucela ungayotholi, uyokuvezela!
109.Engathike izinhliziyo zethu zingaba ngezicwebileyo bantwana baseKuphakameni, izinsizwa zakulelibandla, zilizwakalise leli lizwi likaNkulunkulu, ngoba uShembe walendlala, uBaba uMelusi walithatha kuShembe, nina nilithatha kuBaba uMelusi, nilizwakalise, munye umuntu odunyiswayo, uShembe asinika yena, wathi siyakudumisa sesabe uJehova!
INkosi ibusise enikuzwil