Ekukholweni akuvumelekile ukuthi uzihlanganise ngokukhuluma nomuntu osuke sewafa. Lokho uNkulunkulu ukuthatha ngokuthi awusakhonzi yena yedwa, kodwa usunabanye onkulunkulu, okusho ukuthi usenamanye amathemba ngaphandle kwakhe!
Amakholwa axhumana nabangasekho ngoNkulunkulu kuphela! Uthi-ke uShembe, nguNkulunkulu kuphela owaziyo ukuthi umuntu osefile ukuphi.
1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko sale nkonzo sithi: “Usiko lwasezulwini namasiko abantu.”
2.Incwadi kaLevi 18:29-30: “Noma ngubani oyokwenza lezi zinengiso, lowo muntu uyokunqunywa kwabakubo.
3.Ngalokho gcinani umyalo wami ukuba ningenzi nalinye lalawo masiko anengekayo, ayenziwa ngaphambi kwenu, ningazingcolisi ngawo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.” Amen!
4.Ngaphambili isizwe sakwa-Israel sasinonkulunkulu esibakhonzayo njengazo zonke izizwe.
5.Kodwa ekuletheni kukaJehova inkolo yakhe ngoMose eNtabeni yaseSinayi, kwadingeka ukuba lesi sizwe sishiye onke amasiko ababewalandela eGibhithe, bese siphila ngokwezimiso zikaJehova!
6.Emva kwaMose, bonke abaprofethi bakwa-Israel babeyaye bevuselele zonke izimiso zikaJehova kulesi sizwe ezifundiswe nguMose!
7.NoYeshua, ekufikeni kwakhe wagcwalisa imithetho kaMose, njengoba kubhaliwe kuMathewu 5:17-19.
8.Umbuso wakwaJuda wagcina kuYeshua nabapostoli, kodwa emva kwakhe, ngo 70 A.D., ekunqobeni amaJuda, isizwe samaRoma sayichitha inkolo yamaHebheru, okuyinkolo kaJehova!
9.Enzalweni kaJakobe, uMprofethi emva kwaYeshua owavuselela inkolo kaMose kwaba nguMprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye), kulentshumayelo esimbiza ngoShembe, ngoba kakade kwakuligama lakhe lelo.
10.UShembe wakushicilela phansi ukuthi isisekelo sebandla lamaNazaretha ngumthetho kaJehova owawuletha kithi ngeNceku yakhe uMose!
11.Kuvesi 3 womthandazo weSabatha uShembe uthi: “Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane, nigcine imithetho yakhe owanilobela yona uJehova nganceku yakhe uMose, ukuze ukudumisa kwenu kwamukeleke kuThixo wemikhosi.”
12.Sikhuluma ngosiko lwasezulwini namasiko abantu. KuMathewu 15:2-3, kuthi: “AbaFarisi bathi kuYeshua: yini ukuba abafundi bakho beqe isiko labadala na?
13.Kepha (uYeshua) waphendula wathi kubo” “Nani, yini ukuba neqe umyalo kaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu na?”
14.UYeshua usagcwalisa okushiwo nguJehova ngomlomo kaMose ukuthi umthetho kaJehova kumakholwa ungaphezulu kosiko lwabantu!
15.UShembe kuvesi 21, woMthandazo weSabatha uthi: “Khumbula ukuthi namuhla usuwenze isivumelwano noJehova uNkulunkulu wakho sokuthi uyohlala endlini kaJehova kuze kube sekupheleni kwezinsuku zakho!”
16.Le mfundiso kaShembe ngesifungo sokukholwa, iyisiqiniseko sokuthi uma usukhethe inkosi, usuke usuthathe isifungo sokuthi kukho konke okwenzayo usuyobuswa umthetho kaNkulunkulu uze ufe!
17.Umthetho kaNkulunkulu wehlukaniswe izigaba ezimbili. Kunemithetho uJehova oyibekele ukudumisa yena yedwa, bese kuba nemithetho ebekelwe ukubhekela ukuhlalisana kahle kwabantu.
18.KuMathewu 22:37-40, kuthi: “UJesu wathi kuye: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho. Yilowo umyalo omkhulu nowokuqala.
19.Owesibili ofana nawo uthi: “Wothanda umakhelwana wakho njengalokhu uzithanda wena.
20.Kuleyo miyalo yomibili kubambele umthetho wonke nemfundiso yabaprofethi.” Amen!
21.Umthetho kaNkulunkulu osesigabeni sokuqala ilo othi ubothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngenhliziyo yakho yonke nangomphefumulo wakho wonke.
22.Umthetho osesigabeni sesibili yilo othi, thanda umakhelwana wakho njengoba uzithanda wena.
23.Kule ntshumayelo asizugxila kumthetho osesigabeni sesibili, ngoba kuwo uphoqwa umphakathi ukuba uwugcine.
24.Kodwa sizogxila emthethweni osesigabeni sokuqala, ngoba uphoqwa ngunembeza wokukholwa kwakho ukuba uwugcine.
25.Umthetho othi uma uwephula kuhlukumezeke uNkulunkulu yedwa, kodwa umphakathi ungathinteki, lowo mthetho usho ukuthi ngokuwugcina kwakho ukhonza noma udumisa uNkulunkulu ogama lakhe nguJehova.
26.Ukunikeza isibonelo. Uma ethi uNkulunkulu, “Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami,” uma uba nabanye onkulunkulu, ngaleso senzo uchaza ukuthi usumhlubukile uJehova!
27.Ngokugcina lomthetho sisuke sibonisa ukuthi uNkulunkulu simthanda ngenhliyo yethu yonke nangomphefumulo wethu wonke!
28.Njengabantu abamnyama sinamasiko esizwe sethu, kodwa njengokusho kukaYeshua, uma ungumNazaretha, umthetho kaNkulunkulu, okulusiko lwasezulwini, ungaphezulu kosiko lwabantu!
29.Kodwa nguwena ozikhethelayo ukuthi empilweni yakho uzobuswa ngumthetho kaJehova, okulusiko lwasezulwini, noma uzobuswa amasiko esizwe sakini.
30.Ukuhlabela abaphansi kulusiko lwethu, kodwa lolu siko luphambene nomthetho kaNkulunkulu.
31.Entshumayelweni kaShembe yango 1931 uMprofethi wakhuluma lamazwi: “Ngiyazi ukuthi abafile bayisihibe kwabaningi, ngenxa yokweqiwa uthando lwabo. Kuhle ukuthanda umzali wakho nesihlobo sakho; lokho akukubi kuJehova.
32.Kodwa ningaweli ekubathandeni okwedlula uThixo, funa niduke, nenze okuphambene nomyalo enginiyala ngawo, nenayalwa ngawo ku-Mathewu 10:37.
33.Nizwile emthethweni wayizolo ukuthi anisekuwa khonza amadlozi, nomthetho othi anisahlangani nabafowethu abenza okunjalo; ngoba abenza okunjalo bayanengeka kuJehova.
34.Okwenu kuhle ukuba nibakhumbule elatini elikhulu, emzini kaJehova eKuphakameni, kunokuba nenze njengalabo abangenaye uThixo.”
35.Kule ntshumayelo uShembe uchaza ukuthi thina maNazaretha ngokosiko lwasezulwini izihlobo zethu esezasishiya sizikhumbula kuphela ngokuzinikelela, sicele kuNkulunkulu ukuthi azikhumbule lapho zikhona, azithethelela nezono zazo, ezazenza zisesemhlabeni!
36.Ekukholweni akuvumelekile ukuthi uzihlanganise ngokukhuluma nomuntu osuke sewafa. Lokho uNkulunkulu ukuthatha ngokuthi awusakhonzi yena yedwa, kodwa usunabanye onkulunkulu, okusho ukuthi usenamanye amathemba ngaphandle kwakhe!
37.Amakholwa axhumana nabangasekho ngoNkulunkulu kuphela! Uthi-ke uShembe, nguNkulunkulu kuphela owaziyo ukuthi umuntu osefile ukuphi.
37.Kuyincwadi yomngcwabo uShembe wabhala kanje: “Namhla lo muntu uya lapho ukuqonda kwethu ngaye sekuphelile!”
38.Njengoba singazi lutho ngokuthi umuntu osefile ugcinwaphi, kanjani, kodwa nguNkulunkulu yedwa owazi sonke isimo somuntu osengumoya!
39.Ngakho-ke thina makholwa okumele sikwenze ukubhekisa konke okwabafile kuNkulunkulu, okunguye owazi konke!
40.Uthi-ke uShembe soxhumana nongasekho ngokumnikelela enkonzweni, umnikelo wethulwe elatini kuJehova eMzini waseKuphakameni.
41.Njengoba kungaseyithi sonke esiseKuphakameni, yonke indawo eyilati okwethulwa kulo iminikelo, leyo minikelo iyafinyelela kuNkulunkulu!
42.Yonke iminikelo ehambe ngokwedlula kuNkulunkulu ayikwazi ukungafiki kobenikelelwa, futhi ayikwazi ukungabi nomphumela omuhle kuwe onikelayo, nakulowo onikelelwayo! Lolu usiko lwasezulwini abalele esibakhumbula ngalo!
43.Abantu-ke bayaye bebe nemibuzo yokuthi amasiko njengokukhulisa umntwana, nemicimbi efana naleyo kumele uyenze kanjani uma ungasakwazi ukukhuluma nabalele?
44.Usiko lwasezulwini lokwenza noma yini lulula kakhulu. Okokuqala unoBaba oyedwa, okhona uphila noma usufile, futhi nalowo ofile onguBaba wakhe!
45.Okuhle kakhulu ukuthi uNkulunkulu unguSomandla, osukubike kuye akukwazi ukubuye kuphikiswe nanoma yisiphi isidalwa, futhi ayikho into ekukhulumeni noNkulunkulu okuke kuthiwe ayenzekanga kahle!
46.NjengamaNazaretha kaNkulunkulu, selulekwa yingelosi ukuthi ungabi bikho umcimbi esiwenzayo, noma singathi ulusiko, kodwa ungaziwa ezulwini!
47.Asinawo ama Birth Day parties, ngoba lo ngumcimbi esiwuthathele kwezinye izizwe! Wena nabantwana bakho nikhuliswa nguJehova, ngakho-ke ngaso sonke isikhathi kumele sibonge yena!
48.Ithi-ke ingelosi: “Uma ufuna ukubonga ingane yakho ngokuqeda unyaka iphila, lokho kwenze ngokuthatha umnikelo uyobonga kuNkulunkulu, ngoba nguyena obeyivikela unyaka wonke!
49.Ingelosi yasitshela ukuthi iBirth Day ngumcimbi obukela phansi uJehova, ngakho-ke thina esifundiswe kabanzi ngokukhonza uJehova, singawenzi!
50.Vele-ke into eyi Birth Day party okuseqinisweni ayikaze ibe khona ebandleni lamaNazaretha; kanjalo noKhisimuzi nemikhosi enjalo uShembe wayenqaba!
51.Ingelosi yathi isipho noma umcimbi okumele uwenzele umntwana wakho kulapho ehlabene khona ngokuzuzile okufanele ahalaliselwe kukho!
52.Ngokosiko lwasezulwini usishintsha kanjani isibongo uma kunesidingo sokusishintsha? Ithi ingelosi, isibongo sakini nesasekhakonyoko zibongo zakho zombili, ngakho-ke asikho isidingo sokuzihlupha ngokushintsha lezi zibongo.
53.Kodwa uma kunesidingo
sokushintsha isibongo, uma ulikholwa lokho ungakubiki emsamo. Okumele ukuthi ukwenze ukuba uthathe umnikelo uyobikela uBaba wakho osezulwini, onguYise nowabafile!
54.Mazise isizathu sokushintsha isibongo, bese ucela ukuthi ngokushintsha lesi sibongo, mawungavelelwa lutho olubi! Shintsha-ke ipasi lakho ku Home Affairs!
55.Akusekho lutho-ke olubi olungakuvelela ngokushintsha isibongo! Kukho konke themba uNkulunkulu!
56.Kunemicimbi eyaye yenzelwe abantwana uma sebekhulile, ikakhulukazi abesifazane. Ngosiko lwasezulwini yonke leyo micimbi ayikho, ngoba njalo ngonyaka uyamnikelela umntwana wakho, ubonga kuJehova ukuthi umkhulisile.
57.Kwejwayelekile ukuthi sihambe sihambe sakhe noma sithenge omunye umuzi, bese siwushiya umuzi omdala. Lokhu sikwenza ngokubikela abadala!
58.Kodwa ekukholweni okumele ukwenze uma uthenge umuzi, noma imoto, ukuba uwuvule ngokumema amakholwa uma uthanda.
59.Kodwa ingelosi yathi nalokho kuyingozi, ngoba nakumakholwa bakhona abathakathi. Kodwa okumele ukwenze ukuthi umuzi, imoto, noma yini ke oyithengile ubikele kuNkulunkulu ngomnikelo.
60.Ufune amanzi abusisiwe, noma wena uzibusisele wona. Ekubusiseni uyacela ukuba kulo muzi kuhlale uNkulunkulu nabakini abasebungcweleni, abazovika izitha zenyama nezomoya.
61.Ucele ukuthi lo muzi awenganyelwe zingelosi, kuhlale kudunyiswa uJehova kuwo, kungangeni nasinye isifo!
62.Nemoto oyithengile ungayigibeli ungayibikanga kuNkulunkulu, ucele ukuba akhiphe yonke imimoya emibi ekuyo, ihlale iphila, nawe akuvikele ezingozini ezingakwehlela kuyo!
63.Kuvamile ukuthi ubulale umuntu, ngabomu noma ngephutha. Intethelelo yokubulala umuntu awuyitholi komunye umuntu, noma kuNkulunkulu, kodwa uyithola kumuntu ombulele!
64.Noma lokho ukwenze ngephutha, kodwa intethelelo yokukhipha igazi uyithola kombulele! Uthi-ke lo muntu wasezulwini, ayikho into edlula ukungenisa umuntu osefile ezulwini, ngoba wonke umuntu ofile ufuna ukuya ezulwini.
65.Uma umuntu ongasekho umnikelela, umcelela kuNkulunkulu intethelelo, lowo mnikelo uwesusa wonke amacala akho kombulele!
65.Ithi-ke ingelosi, isono sokubulala umuntu sinomphumela omubi owehlela nasesizukulwaneni sakho! Ngakho-ke ubocela intethelelo kombulele ngokuyomnikelela! Usiko lwasezulwini lelo!
66.Kukhona into okuthiwa ngumkhokha, ukuphindeka kwesimo esake sehlela umndeni. Wena-ke cela ngomnikelo ukuthi uNkulunkulu akawuqede lo mkhokha, ebakhulule abafa bekuleso simo.
67.Bese ucela futhi lo okulesi simo naye akhululeke, umkhokha ungaphinde ubuye. Ngokwenze njalo umkhokha uyonqamuka!
68.Abantu abaningi bayathanda ukuhunyushelwa amaphupho abo. Ithi ingelosi singawahumushi amaphupho.
69.Uma uphupha iphupho ongalazi, thatha umnikelo uyochazela uNkulunkulu ukuthi uphuphe iphupho elinje. ‘Ngalo mnikelo ngicela uma kuliphupho elibi, ulixoshe, kodwa uma lilihle ulichumise!’
70.Uma lilibi omubi uyobaleka engabheki ngemuva, kodwa uma livela ezulwini, liyochuma!
71.Kodwa okumele ukwazi ukuthi uNkulunkulu unguyise wabamkhonzayo, akathengwa ngeminikelo kuphela, kodwa ukhonzwa ngokumdumisa ngezenzo!
INkosi ibusise enikuzwile
Lenkonzo iyatholakala ku Youtube othi: Rev Mpanza NCG.