Ezulwini akwamukelekile ukubiza uMprofethi ngokuthi “uBhombela” ngoba leligama waliqanjwa ngabantu, alivelanga kuyise, liyizibongo nje!
Ithi-ke ingelosi ezinye izinto zazibekezelelwa noma eqinisweni zazingemukeleki ezulwini, ngoba uBabamkhulu wayeshumayela, ezintweni eziningi wayesasi cathulisa!
Isihlabelelo 220
1.Yaze yafika leyo mini
Enkulu eyesabekayo
Zafika izithunywa
Zilande uThumekile
Hamba kahle, hamba kahle
Baba wami oyingcwele.
2.Umhlaba wazamazama
AmaZulu abikelana
Izulu laduma lona
Izinkanyezi zalila
Kwesabeka, kwesabeka
Iyemuka iNkosi.
3.Wena muzi okhethiweyo
WaseMikhayideni
Mawuhlobe ngeziqhamo
Umsinele uSimakade
Uyi Nkosi yamakhosi
Wena Mkhululi wami.
4.Izintombi nezinsizwa
Zadabuka zikhala
Abafazi namadoda
Baphelelwa yithemba
Nkulunkulu Nkosi yethu
Usishiyela bani.
5.Nkosi yethu Simakade
Uphinde usikhumbule
Thina’boni abalusizi
Siwele ezandleni zakho
Khala Ntombi khala nsizwa
Khala nawe ntandane.
6.Nkosi yama’zulu nomhlaba
Masinyane uzongibiza
Ungabalibal’ abantu bakho
AmaNazaretha ayingcwele
Ngumthandazo way’ Nkosi
Nxa ishiya lomhlaba.
7.Vus’muny’ endlini yami
Ahole abantu bakho
Umnike inhliziyo
Efana nay’ eyakho
Umphathe umgcobe
Ngamafutha omusa.
8.Inyama yami ikhathele
Izolala ethuneni
UMoya wami uzovuka
Wembath’inyama entsha
Kwaphakade bengizelwe
Nanini ngiyakuba khona.
9.Mbekeni elibeni
Emzini oyingcwele
Ngezikhumba musongeni
Aphumule kamnandi
Lala kahle, lala kahle
Ndodana kaNhliziyo.
10.KuPhakama ulidwala
Umi nguna phakade
Amathambo ayingcwele
Uwalondoloze wena
Mazokhelwe izibani
Kube nguna phakade.
11.Baba wami ongithandayo
Uze ungikhumbule
Mina ngane yakh’ encane
Ngisasele emhlabeni
Ngiyathanda baba wami
Ukuba ngibe nawe!
UMLANDO NGOMPROFETHI U-ISAYA SHEMBE
1.Inyanga kaMay inyanga lapho esisuke sikhumbula khona uMqali wendlela yobuNazaretha, uMprofethi u-Isaya Shembe, uBabamkhulu.
2.Okwanamuhla asizukuchaza ukuthi igama elithi uBabamkhulu lavela kanjani, kodwa ligama lakhe nasezulwini amaNazaretha ambiza ngalo!
Kuyisihlabelelo 219, kulapho esizwa khona amaNazaretha angasekho emhlabeni ebiza uMprofethi ngoBabamkhulu!
3.Nengelosi ifike yasifundisa lokho, yathi abasezulwini uMprofethi bambiza ngokuthi UBABAMKHULU.
4.Nathi-ke esiselapha emhlabeni asimbize kanjalo, ngoba ilona gama abizwa ngalo ezulwini.
5.Ezulwini akwamukelekile ukubiza uMprofethi ngokuthi “uBhombela” ngoba leligama waliqanjwa ngabantu, alivelanga kuyise, liyizibongo nje!
6.Ithi-ke ingelosi ezinye izinto zazibekezelelwa noma eqinisweni zazingemukeleki ezulwini, ngoba uBabamkhulu wayeshumayela, ezintweni eziningi wayesasi cathulisa!
7.Yikho wawungenke umuzwe uBaba iLanga neNyangayezulu ekhuluma ngoBhombela.
8.Nami abazali bami abakhuliswa nguBabamkhulu angikaze ngibezwe bekhuluma ngoBhombela!
9.Kodwa ngokwasezulwini akufanele uMprofethi kaJehova abizwe ngezibongo sengathi uyinsizwa yomgangela!
10.Mhlawumbe lokho kwakunga bekezelwa esekhona emhlabeni, ngoba abantu bakwaZulu babejwayele ukubongela umuntu ngokuhlabana kwakhe,
kodwa njengamanje asisebenzise esikufundiswe yingelosi, ngoba yona ivela ezulwini!
11.Noma amanye amaNazaretha ephikisa noma yini esiyifundiswe yingelosi, kodwa thina maNazaretha kaNkulunkulu asenze lokho esiyalwe ngakho.
12.Amagama oMprofethi amukelekile yilawa: uMqaliwendlela, uBabamkhulu, uThumekile, iNceku yeNkosi, noma isiKhonzi senhlupheko!
13.UBabamkhulu wazalelwa eNtabamhlophe esifundankantolo sase-Escourt, KwaZulu-Natal. Kulinganiselwa ukuthi kwakungu 1865, kodwa asinalo iqiniso ngoba abazali bakhe babengafundile, naye futhi engakaze aye esikoleni.
14.Uyise kwakunguMayekisa, kaNhliziyo, kaMzazela, kaSokhabuzela, kaNyathikazi.
15.Ukuthi “U-SHEMBE”, uMprofethi leligama waliqanjwa nguyisemkhulu uNhliziyo; lafika ngesibonakaliso uShembe engakazalwa.
16.Noma umlando uthi abakwaShembe ngabakwaKhumalo, kodwa umlando uthi kwaqala ngoMzazela ukuba negama elithi uShembe, nakuye elafika ngesibonakaliso.
17.Unina woMprofethi kwakungu SITHEYA wakwaRadebe, khona entabamhlophe.
18.Cishe uShembe eneminyaka eko 9-10, uyise uMayekisa wasuka eNtabamhlophe wayokwakha entabazwe eduze kwase Harrismith, e-Free state. UShembe-ke wakhulela entabazwe.
19.UMayekise wayakhe ePulazini lomlungu owayesebenza kulo. UShembe wakhula elusa imfuyo yalomlungu, amankonyane izimvu, amahhashi, nezinkomo.
20.UShembe eneminyaka cishe engu 12, kwathi elusile endle, wezwa kuduma izulu, kwashaya umbani phambi kwakhe, kwase kukhuluma izwi lithi: “Guqa, ngoba umi phambi kweNkosi yakho!” wase eguqa uBabamkhulu. Lase lithi lelizwi: “Thandaza!” wathi uShembe: “Angikwazi ukuthandaza.”
22.Khona lapho uShembe wasezwa into enjengesondo iphenduka esifubeni sakhe, waba semoyeni, wazithola esethandaza, kodwa engazi ukuthi lamazwi okuthandaza avelephi.
23.Sikhumbule ukuthi uShembe wayezalwa ngabantu nje ababengakholwe ndawo, ngaphandle kwenkolo yomdabu; engathandazi, futhi engazi lutho ngobuKrestu, neBhayibheli engakaze alibone.
24.Kwadlula izinsuku, labuya futhi leli lizwi, lifika ngombani nokuduma, lathi: “Hlabelela!” Wathi uShembe: “Angazi ukuthi ngizohlabelela ngithini.”
25.Wezwa futhi sekuphenduka lelisondo esifubeni sakhe, wazithola esehlabelela ihubo owayengazi ukuthi livele kanjani.
26.Waqeda ukuhlabelela, wathandaza! Kwathi uma lima lelisondo, wabuya futhi waba sesimweni sakhe!
27.Kubalulekile-ke ukuthi sonke sazi ukuthi uNkulunkulu waqala ukufundisa uShembe UKUTHANDAZA, kwalandela UKUHLABELELA! Waqala ukuthandaza esentabeni, wagcina sekuthi nantambama athandaze esibayeni sezinkomo!
28.Kwathi ngelinye ilanga ethandaza entabeni, wabonwa ngenye intombazana asebenza naye. Lentombazane yafika yaxoxela isikwata enkopholo ukuthi uShembe imthole ethandaza. Kwahlekwa kakhulu lapha enkopholo, isikwata sase sithi okusho ukuthi lomfana kaMayekisa ufuna ukujoyina ibandla likaBasi!
29.Ngelinye ilanga ntambama ethandaza esibayeni, kwaduma izulu, kwase kukhuluma izwi lithi: “UNGAKAKUYEKI UKUHLOBONGA ANGENKE UNGIBONE.”
30.Ngenkathi izulu liduma, wabaleka wangena nezicabha endlini enkopholo. Yambuze enye insizwa ukuthi ubalekelani? Kodwa wathula,wangachaza lutho, kepha eveva luvalo!
31.Kodwa ngakusasa uShembe wayibuza lensizwa ukuthi YINI UKUHLOBONGA? Yamthethisa lensizwa, ibuze ukuthi njengoba esemncane nje ukubuzelani lokho?
32.Kodwa yagcina imchazele. UShembe wangaqonda ukuthi izwi belikusholani lokho ngoba wayesemncane, engazi lutho ngokuhlobonga.
33.Ukuthi njalo ukushona kwelanga amaNazaretha eba nendawo aguqa kuyo athandaze, ebizwa ngokuthi ISIGUQO, kyinto abayithatha kuMqaliwendlela, uBabamkhulu!
34.Ngelinye ilanga uShembe kwadingeka ukuba ayosebenza endlini yomlungu nenye intombazane yona eyayivele isebenza khona.
35.Elapha endlini esebenza, lentombazane yabe isimtshengisa iBhayibheli elalisetafuleni libhalwe ngesingisi. Yabe isithi: “Le incwadi equkethe izindaba zeNkosi.” Ekuzwa lokho, wethuka kakhulu, kwabuya kuye lelizwi elafika kuye imfundisa ukuthandaza.
36.Kusukela lapho uShembe yamhlupha kakhulu lento, efuna ukwazi ukuthi iNkosi ikhuluma ithini kulencwadi? Phela wayengafundile, futhi leliBhayibheli lalibhalwe ngesingisi!
37.Ngelinye ilanga uthe elele, wazibona esezulwini efundiswa iBhayibheli. Leliphupho lafika izinsukwana.
38.Ekugcineni kwafika izwi khona ephusheni, lathi akavuke eye kwelinye ipulazi elabe libu qamama nabo. Kulelipulazi kwasekuna makholwa aseWeseli!
39.Lathi-ke izwi akavuke aye kulomuzi afike acele iBhayibheli. Nempela wavuka wathatha ihhashi waya kulelipulazi.
40. Uthe efika kulomuzi, wahlangabezwa indoda esikhulile, isibuza ukuthi ufunani. Wathi: “Ngithunywe iNkosi yezulu, ithe angize kini, nizofike ninginike iBhayibheli.”
40.Lendoda yabe isithi: “Hawu okusho ukuthi leliBhayibheli lalibekelwe wena, ngoba ngalinikwa umfundisi kudala, kodwa angikaze ngilisebenzise. Lendoda yaya endlini, yabuya naleli Bhayibheli elalingakaze lisetshenziswe!
41.Yamnika uShembe, walivula, yabe isibuza ukuthi uyakwazi yini ukufunda. Wathi: “Qha, angikwazi.” Kodwa uthe uma elivula, wavele walifunda engakaze ekwazi nhlobo ukufunda.
42.Yathi lendoda: “Mfana, okusho ukuthi uthunywe iNkosi ngempela.” Yase imcela ukuthi ngeSonto iye naye enkonzweni.
43.Nempela ngeSonto lendoda yamthatha uShembe yaya naye enkonzweni yamaWeseli, yafike yaxoxa ukuthi lo ngumfana oyisimanga, oze kuye wathi uthunywe kithi yiNkosi ukuba ezofuna iBhayibheli, othe uma elivula, wavele walifunda engakaze aye esikoleni!
44.Angazi ukuthi uShembe waya kangaki enkonzweni, kodwa ngelinye ilanga amaWeseli abe esethi inkonzo ayiphathwe nguye. Wasukuma wahlabelela isihlabelelo esithi: “Wahazulwa ngenxa yami.”
45.Wathi uyaqala uyahlabelela, kwavuka amadimoni, abanye abantu bawa phansi, abanye baphuma ngamafastela bebaleka enkonzweni.
46.Lento eyayenzeka akakho owayeke wayibona ngaphambili, ngaphandle kokuthi bafunde ngayo eBhayibhelini. amaWeseli athatheka kakhulu ngalesi simanga somfana.
47.NgeSonto elilandelayo amadoda aseWeseli aya kumfundisi eyocela ukuba uShembe abuye anikezwe inkonzo.
48.Kodwa umfundisi womlungu wakwenqaba lokho, wathi: “Lomfana useqale nini ukuba ingxele yaleli bandla ukuba usengalokhu enikwa inkonzo?
49.Kanti umfundisi usengenwe uvalo nomona, wabona ukuthi lomfana unoMoya ongcwele, uma evuma ukuba ashumayele, bonke laba bantu bazomshiya lomfundisi, balandele uShembe.
50.Wabe umfundisi esebiza uShembe, esethi kuye: “Mfana, ngiyabona ukuthi uMoya ongcwele uphezu kwakho. Ngakho-ke asisekho Isidingo sokuba uze lapha enkonzweni. Hamba uye ezintabeni ushumayele kumaqaba, bese abaphendukile ubaletha lapha enkonzweni.”
51.UShembe wagcina lapho ukuza enkonzweni yaseWeseli. Kodwa esuka lapho akakwenzanga lokhu akutshelwe umfundisi, esikhundleni salokho, wabuyela enkopholo, waqhubeka nempilo ebevele eyiphila.
52.Kodwa yinye into ongabange esayiyeka noma engasonti ndawo, wayehlale efunda iBhayibheli, ntambama ahambe ayothandaza!
53.Ebunsizweni bakhe uShembe wayelisoka, ethandawa zinsizwa, zintombi nangamakhehla. Nomlungu owayesebenza kuye emthanda kakhulu. Wayenesiphiwo sokuhlabelela, eshaya inkosithini njengo Maskandi. Bonke abantu begijime beze kuye bezolalela lenkositini.
54.Ngisho kunodwendwe, kwakuthi kunezinsizwa ziza nezinduku, yena engaphathi nduku, kodwa ezwakale eqhamuka kude eshaya inkostini yakhe; bonke abantu bakuyeke konke abebekwenza bezolalela lensizwa enhle nehlabelela ngephimbo elipholile, nelimnandi isimangaliso!
55.Wayenesiphiwo sokuthandwa zilwane ngendlela engakholeki. Abanye bethi unomuthi, ngoba wayeke ehlale phezu kwehhashi, noma lingakaze ligitshelwe, kodwa livele lithobe kuye. Abelungu bamapulazi amahhashi abo babewaletha kuShembe uma esaqala ukugitshelwa!
56.UShembe waganwa ngamakhosikazi amane njengazo zonke izinsizwa zakwaZulu. Kodwa le yesine ayibanga isihlala naye ngoba kwathi isanda kugcagca, uNkulunkulu wafika ngezinkani manje kuShembe!
57.Njengoba sesishilo ukuthi noma wayengasonti ndawo, kodwa akabuyanga wehlukana neBhayibheli kanye nokuthandaza, ngenye intabama, ekushoneni kwelanga, waphuma ekhaya wayothandaza ngaphandle enhla komuzi.
58.Wathi esathandaza, kwavele kwafika ubuthongo, walala eguqile ethandaza. Wazibona ehamba emkhathini, ngaphezu kwakhe kunesixuku sabantu ababembethe izingubo ezimhlophe befake amabhande amnyama okhalweni. Bebahle kakhulu laba bantu. Ingubo emhlophe nebhande elimnyama elifakwa ngamakhosikazi ka 14 kwaqala ukuvela kulesi sibonakaliso, kodwa ekuqaleni kwakungamadoda ayefaka leli bhande.
59.Wathi uma eya kubo, wazama ukubafica, kodwa wangakwazi, noma yena wayehamba, bona bemile. Kwathi esacabanga ukuthi kwenziwa yini engabafici, esifubeni sakhe kwaphuma umuntu ofana nabo laba bantu, kanjalo nasemahlombe akhe kwaphuma omunye umuntu.
60.Khona lapho kwaphuma ababili futhi kulesiya sixuku, bahlangana nalaba ababili abaphume kuye. Kulaba ababili, emahlombe abo wabona kubhaliwe ukuthi SHEMBE.
61.Wabezwa bekhuluma bodwa bethi: “Asimtshele ukuthi kwenziwa yini engakwazi ukuhlangana nalaba bantu.” Base bekhomba ngeminwe yabo emhlabeni.
62.Kulemine kwaphuma umbani owakhanyisa isidumbu sakhe esasilokhu siguqile. Uma esibheka, wasibona sisibi, siphethuza izimpethu!
63.Base bethi: “Uyasibona isidumbu sakho?” wathi uShembe: “Yebo ngiyasibona, sibi!” Base bethi: Yikhoke ungakwazi ukuhlangana nathi, ngoba usahlala esidunjini esingcolile!
64.Laqhubeka izwi lathi: “Uyakhumbula ngithi kuwe uma ungakakuyeki ukuhlobonga ngenke ungibone!” wavuma uShembe ngekhanda, esejabhile.
65.Khona lapho wabona abantu besifazane abane bebangisana ngento okwakungathi indwangu, 0kuthe uma ebhekisisa, wabuye wabona ukuthi babangisana ngengane; ababili bayibambe izandla bayadonsisana, nababili bayibambe izinyawo bayadonsisana.
66.Wathi uma ebona ukuthi ingane le, wamemeza wathi: “Hhayi bo, nizoyilimaza leyo ngane!” Kwase kuphuma izwi kulaba bantu lithi: “Uyayidabukela yini lengane?” wathi uShembe: “Yebo.”
67.Bathi laba obabonayo ngabafazi bakho, lengana nguwe, babanga wena. Yikho ungenke ukwazi ukuhlangana nathi, ngoba usesesidunjini esingcolile, usabangwa ngabafazi.”
68.Laqhubeka izwi lathi: “Uyakhumbula ngikutshela ukuthi uma usahlobonga angenke ungibone?” Wavuma uShembe ngenhliziyo, kodwa ephatheke kabi.
69.Sekwenzeke okuningi kulesi sibonakaliso, laba ababili babuyela esidunjini sikaShembe, kwathi laba abebevele besemkhathini, bamkhomba ngeminwe eyaphuma umbani, wehla wabuyela esidunjini sakhe, waphaphama ekuseni eseze waba nesiyeza ukuguqa.
70.Kusihlwa uthe uya kunkosikazi wakhe omdala, wezwa eshawa luvalo, lase livela futhi lelo lizwi lithi: “Phuma kubafazi bakho ngoba ngifuna ukukhuluma nawe!” Wathi uShembe: “Ngibenze njani abafazi bami?”
71.Lathi izwi: Othanda ukuyogana engahamba eyogana kwenye indawo, othanda ukuhlala engahlalsa, kodwa wena phuma kubafazi bakho uhlale wedwa, ngoba angikwazi ukukhuluma nawe usahambela abafazi bakho.”
72.Wathi uBabamkhulu: “Nkosi kungcono ubabulale, ngoba angenke ngikwazi ukubekezelela ukubona umkami eyogana enye indoda ngikhona.” Laphendula izwi lathi: “Ngiyezwa.”
73.Wabiza wonke umndeni wakhe uShembe, wawazisa wathi: “Kunezwi likaJehova elikhuluma nami, lithi angehlukane namakhosikazi ami ngoba yena ufuna ukukhuluma nami.”
74.Wathi unina: “Kodwa awungenwa ukuhlanya mntanami, uzobalahla kanjani abafazi bakho?” Wathi uShembe: “Angazi mama, kodwa mina angikholwa ukuthi ngingenwa ukuhlanya!”
75.Kusukela lapho uShembe waphuma ezindlini zamakhosikazi akhe, wabe esakha idokodo ngaphandle komuzi wakhe, ehlala khona yedwa. Amanzi ewanikezwa ingane yakhe ngoba kungekho umuntu wesifazane ongabe esasondela lapho okhona. Kwaduma indawo yonke ukuthi indodana kaMayekisa ingenwa ukuhlanya!
76.UShembe wabe engumuntu ocebile kakhulu, enomuzi omkhulu, izinkomo, izimbuzi namahhashi kugcwele umuzi.
77.Ngelinye ilanga wabophela izinkabi ukothwala umhlanga, wase ehlelwa endleleni, ngoba kwakulibangana elide. Uthe esalele ngaphansi kwenqola, wabona izinkabi sengathi kukhona okuzethusayo, ziphambanisa amajoka.
78.Uthe uthi uyabheka ukuthi izinkabi zethuswa yini, wabona kunomuntu ogibele ihhashi, ephethe umkhonto emkhomba ngawo.Uuthe esamangele ukuthi uqhamukaphi lomuntu, wavele lomuntu wanyamalala, kwaba mnyama futhi!
79.Wabuyela ekulaleni. Zaqala futhi izinkabi zethuka, zishayanisana ngamajokwa, kwaba nokukhanya okuyisimangaliso. Wambona futhi lomuntu ophethe umkhonto ohamba ngehhashi, umkhonto ewubhekise kuye! Wabuye wanyamalala. UShembe wesaba kakhulu, awabe esalala.
80.Kuthe sekusemini, wabona kuqhamuka insizwa yangakubo izomazisa ukuthi akabuyele ekhaya ngoba kunengane yakhe egula kakhulu.
81.Wabuyela ekhaya, wayifica nempela ingane igula. Kuthe ebusuku, elele, wambona futhi lomuntu egijima emafwini, enamahhashi amabili edonsa ikalishi. Wabuye lomuntu wamkhomba ngomkhonto, wabe esethi: “Iyafuneka leyo ngane!”
82.UShembe wavuka esenovalo waya kuNkosiukazi wakhe, nempela wayifica ingane isigula kakhulu. Wabe esetshela umkakhe indaba yalomuntu. Wabe esethi kungcono baye enyangeni. Wathatha ihhashi bahamba nalengane khona ebusuku. Kuthe besahambe ibangana, ingane yavele yafa endleni, babuya nesidumbu!
83.Kwaphela izinsukwana, kwahlabeka futhi eyakwenye indlu, nayo yashona. Kwathatha isikhashana, kwagula enye, nayo yashona futhi, kwaba ngumntwana weshumi oshonayo!
84.Kule yokugcina, uShembe wazivalela nesidumbu endlini, wabuza kuNkulunkulu ukuthi kanti wenzeni? Kodwa ingane ayizange ivuke!
85.Kwabizwa umlungu wepulazi, okunguye owafike wagqekeza isicabha, wangena endlini, isidumbu esasesinuka wephucwa sona,
sekuphele izinsuku ezintathu esigonile engafuni songcwatshwa, ecabanga ukuthi ngokukhala kwakhe uNkulunkulu uzoyivusa ingane yakhe!
86.Sathathwa kuShembe isidumbu, sayongcwatshwa!
87.Esuka lapho uShembe waya ehlathini wafike wahlala khona, ethandaza ethi uNkulunkulu akamthathe eyohlala naleziya nsizwa owazibona esibonakalisweni zigqoke okumhlophe. Wathi uma engamthathi, uzozibulala ngokwakhe. Eseyiphethe nentambo, esesikhombile nesihlahla ozozikhunga kuso.
88.Kwathi esathandaza, kwase kuvela izwi lithi akabheke phezulu. Wathi uma ebheka emkhathini, kwaqhamuka umuzi omkhulu nomuhle isimanga.
89.Lathi izwi: “Lowamuzi ngowakho, kodwa uma uzibulala angenke ungene kuwo, kodwa uyoboshwa isikhathi esingangesikhathi obuzosiphila emhlabeni.”
90.Laqhubeka leli lizwi lathi: “Shembe, uyakhumbula mhla ngithi kuwe yehlukana namakhosikazi ungilandele, wathi wena kungcono laba bafazi bakho ngibabulale kunokuba ubabone begana amanye amadoda uphile.
91.Mina-ke ngenza okwacelwa nguwe. Esikhundleni sokubulala amakhosikazi akho asenezono, ngikhethe ukubulala izingane zakho. Lezi zingane zimele abafazi bakho. Abafazi bakho-ke sebefile, Sukuma ungilandele!”
92.UShembe wabuyela ekhaya wabiza wonke umndeni wakhe wawazisa ukuthi uJehova usemehlule, usezolandela okushiwo nguJehova. Lapho esevalelisa, kwasuka esikhulu isililo amakhosikazi, izingane nonina belila!
93.Umakoti owayesanda kushada wayesevele esemphindelise kubo. Wathatha ubhoko lwakhe, neshumbu lamanzi, wangathatha lutho olugqokwayo, ngaphandle kowayevele ekugqokile!
94.Wawashiya kanjalo onke amakhosikazi akhe nemfuyo yakhe eyayiningi kakhulu; wamshiya nonina, wasukuma wabaxhawula naye ekhala, waphuma wahamba, engazi ukuthi uyaphi. Wathi nje, uJehova nguyena owaziyo ukuthi ungisaphi!
95.Unina wamphekezela ehamba ebalisa ethi: “Mntanami ungazibulali, kulungile uhambe uzula ezintabeni, noma ngingakuboni, kodwa ngokweneliswa ukuthi usaphila!”
1.Besethweswe thina yiNkosi
Ijoka lemiphefumulo yethu
Savuma thina salethwala
Singephinde silethule!
2.Lingukuphila kwemiphefumulo yethu
Liyindlela yemiphefumulo yethu
Noma siphila, noma sifa
Singephinde silethule.
3.Qiniselani nina webakhonzi
Mnikeni isibindi
Ize lona liza lodwa
Noma sekunjalo.
96.Kwagcwala indawo yonke ukuthi ukuhlanya kugcine kuyenela indodana kaMayekisa, ngoba kwase kuthathe isikhathi vele engasahlangani namakhosiikazi akhe, esehlala edokodweni olakhe ngaphandle komuzi!
97.Ephuma ekhaya, wahlangana nezinsizwa zaseWeseli, wabe esehamba nazo ehamba eshuymayela, ephilisa abantu. Ngesikhashana kwaduma yonke iFree State ngaloMprofethi wezimanga owayehamba eshumayela abuye asindise abantu kuzo zonke izinhlobo zezifo!
Mina ngabizwa izwi lakho
Ngasuka ngakulandela
Ngashiya izwe lakithi
Ngasuka ngakulandela.
Wangibiza Nkosi ngezwi lakho
Ngalilalela izwi lakho
Ngashiya inzuzo ngezwi lakho
Ngasuka ngakulandela.
Ubaba waba yize kimi
Ngalalela izwi lakho
Umami nodadewethu
Ngabashiya ngakulandela.
INkosi ibusise enikuzwile.