Kodwa ngoba uNkulunkulu wayesithanda, uNkulunkulu akazange asidele, siphakamisa-ke udumo nokubonga kumdali wethu uJehova owathumela uMprofethi Isaya Shembe, (ukuthula kube kuye.) ukuba azovuselela umbuso kaNkulunkulu emhlabeni.
Intshumayelo yasekuseni ngeSabatha mhlaka 06 May 2023 siyiphathelwe uMshumayeli Skhakhane.
ISIHLABELELO 82
1 Mangibenjengawe Nkosi
Ekulungeni kwakho,
Kuhle ngibenjengawe
Ekulungeni kwakho.
2 Mangibenjengawe Nkosi
Ngezikhathi zonke,
Ngibhekisise kahle
Ekuhambeni kwakho.
3 Mangibenjengawe Nkosi
Ekukhonzeni kwakho,
Awesabanga lutho
Noma bekuhlupha.
4 Mangibenjengawe Nkosi
Noma bekuhlupha,
Nasekufeni kwakho
Awushongo lutho.
5 Mangibenjengawe Nkosi
Ngaleyo misebenzi yakho
Ngibheke ngiqonde
Ekuhambeni kwakho.
1. Ngiphinde ngikhethe iNkosi enkulu yaseKuphakameni, bantwana bokukholwa, bantwana basezulwini, ngibonge esihlalweni sobukhosi, senginikezwe ithuba ukuba ngisondele nami.
2. Ngimubabaze lo Nkulunkulu wethu, ngimubabaze lo Khonzekile uNkulunkulu wethu owasilanda emavukuvukwini, nami ngisho ngithi uyingcwele uphakeme Nkosi, awungangabanye onkulunkulu, nguwe wedwa uNkulunkulu. Emva kwezinto zonke nangaphambi kwezinto zonke uyohlezi uwuNkulunkulu njalo.
3. Isihloko engifisa ukukhuluma ngaso bantwana basezulwini, sithi ‘uShembe ungumvuseleli wombuso kaJehova.’ Ngiphakamisa-ke bantwana basezulwini udumo nokubonga uNkulunkulu uMdali wezulu nomhlaba, nabaprofethi bonke ake wabathumela phakathi kwethu ukuba bezosibuyisela ezindleleni zakhe uJehova.
4. Ngiphakamisa udumo nokubonga ngoBaba u-Abraham owakulwela ukuthi kukhonzwe uNkulunkulu yedwa, owadala ilanga, wadala inyanga, wadala izinkanyezi, wadala yonke imvelo.
5. UBaba u-Abraham wavela ngesikhathi lana okwakukhonzwa khona izithixo kakhulu kodwa wayesema yedwa gelekeqe wathi mina ngiyomkhonza uJehova noma umhlaba usumjikele uJehova kodwa mina ngiyokumkhonza.
6. Ngithi-ke ngiphakamisa udumo nokubonga ngoBaba owaba uyise wamakholwa, uBaba u-Abraham. Amein
7. Ngiphinde ngiphakamise udumo nokubonga kuMdali wezulu nomhlaba uJehova ngo Isaka owaba izibulo embusweni kaJehova, uNkulunkulu wamupha isibusiso u-Abraham wathi inzalo yakho iyakuba ngangezinkanyezi zezulu, nangangezihlabathi zolwandle. Wayesethola u-Isaka esekhulile esemdala kakhulu.
8.U-Isaka waphathiswa isibusiso, wafumbathiswa isibusiso owayezosinikeza oyozala abantwana abayokuba isizwe sika Yah, uYahweh.
9. Ngiphakamisa-ke ukubonga ngo Jakobe owagcina esebizwa ngokuthi ngu-Israel, emva kokulwela isibusiso mhlazane ebambane noNkulunkulu, wathi angeke ngikudedele ungakangibusisi, wagcina esithola isibusiso, wase ebizwa ngokuthi u-Israel. Kwase kuvela isizwe sakwa Israel, lesi esiyiso namuhla.
10.Ngiphakamisa-ke ukubonga nodumo nobukhosi nakho konke nobungcwele uNkulunkulu wethu okwathi okhokho bethu, bese bugqilini iminyaka engamakhulu amane, wase ethumela uMose ukuba abakhulule.
11.UMose-ke waba isisekelo, waba yi foundation yokuzokwenza umthethosisekelo wombuso ka-Yah emhlabeni. Ngiphakamisa-ke udumo nokubonga nangabaprofethi bonke abathumela emva kwaMose, kwaze kwafika kuYeshua, uYeshua naye wase ekhuluma indaba enkulu mhlazane efika.
12.Kwafika abafundi kuye ngelinye ilanga, bebone into enhle kubafundi boMprofethi uJohane, laba bafundi baka Johane, babethandaza umthandazo munye, omuhle.
13. Base beya-ke nabo abafundi baka Yeshua baya kuMfundisi wabo, bathi Nkosi nathi sicela usifundise ukuthandaza. uYeshua wase ekhuluma lamazwi. Ngizocela ukuba siwafunde nathi.
14. Mathew 6 verse 9-11 “9 Ngakho-ke anokhuleka kanje, nithi: “‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso akho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini; usiphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla” Amein.
15. ‘Mayenziwe intando yakho emhlabeni njengalokhu yenziwa nasezulwini’ wathi anothi uma nikhuleka, nikhulekele ukuthi umbuso kaNkulunkulu ufike emhlabeni, uthi uma ufika lo mbuso kaNkulunkulu emhlabeni, bese nentando kaNkulunkulu yenziwa emhlabeni.
16. Okuyinto enkulu kakhulu-ke leyo uYeshua owayeyifundisa abafundi bakhe, ukuba lo mbuso kaNkulunkulu ubuye, siphinde sibuswe la emhlabeni, njengalokhu uNkulunkulu ebusa ezulwini.
17. Ayikho into eyisimangaliso nenhle njengomthetho kaNkulunkulu, umthetho kaNkulunkulu uyinto enhle ngendlela eyisimanga, kodwa nginethemba ukuthi mhlampe sothi uma silokhu siqhubeka sikhulume sizobuveza ubuhle bemithetho kaJehova.
18. Weza uYeshua naye wathi angizile ukuzochitha okwashiwo uMose emthethweni uNkulunkulu ayemunikeze yona nezimfundiso zabaprofethi, kodwa phezu kwalokho ngizogcwalisa.
19. Wathi izulu nomhlaba kungadlula, kodwa akusoze kudlule gamana linye nasicashana sinye somthetho kuze kufezeke konke.
20. Wathi uma kuqhamuka umfundisi, engawugcini umthetho, engawufundisi umthetho, uyakuba mncane embusweni wezulu. Kepha uma kuqhamuka umfundisi ewugcina umthetho, ewufundisa umthetho, uyakuba mkhulu embusweni wezulu.
21. Ngelinye ilanga sekusondele izinsuku nje zokuba uYeshua ahambe emhlabeni, wahamba nabafundi bakhe bebuka ubuhle nobukhazikhazi bomuzi waseJerusalema.
22. Abafundi babethi ‘hawu Nkosi uyawubona lo muzi muhle uyisimangaliso.’ Kodwa uYeshua wabona into ebuhlungu newusizi, ngizocela nje ukuthi ngiyifunde uMathewu 24.
23. Mathew 24 verse 1-2. “1 Kuthe uJesu ephuma ethempelini, emuka, kwasondela abafundi bakhe ukumtshengisa izakhiwo zethempeli. Waphendula, wathi kubo: “Anikuboni konke lokhu na? Ngiqinisile ngithi kini: Akuyikushiywa lapha itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.”
24. Ngithe isihloko engikhulume ngaso Bantwana basezulwini sithi uShembe, uMprofethi u-Isaya Shembe esihlangene ngaye namuhla, waba umvuseleli kumbuso kaNkulunkulu emhlabeni.
25. UYeshua-ke lana bantwana basezulwini uthi anikuboni yini konke Lokhu, nina nibona ubuhle nje beJerusalema, kodwa lo muzi uyobhujiswa, lo muzi uyoqedwa, kuyophela ngawo.
26.Umbuzo okhona ukuthi akwenzekalanga yini lokho? Akwenzekanga yini lokho? Ngo 70AD u-Titus namabutho akhe, bangena eJerusalema, balihlasela, abantwana bakwa Israel bagcwala izinkalo, behlukana, bashona le nale, abanye baya le, abanye baya le.
27. Bangenake laba bamaRoma, bathatha onke amagugu ethu, bathatha onke amagugu aseJerusalema, base beya ezweni lase Rome, e-Vatican City.
28. Zonke izinto ezaziyizinto ezazingcwele eJerusalema, zathathwa, ngisho nezincwadi imbala, the scrolls ezazikhuluma ngombuso kaYah, zathathwa, zathathwa zonke izinto.
29. Inkulu into ekhulunywa ngu C. J Koster, encwadini yakhe ethi “Come Out of Her My People” Uma ethi “The gentiles looted the God of the Hebrews, they even looted the Messiah”
30. Abezizwe babewazonda amaHebheru, beewazonda amaJuda, bezonda uNkulunkulu wawo, bezonda ngisho noMessiah wawo.
31. Bathi-ke uma benza njalo bethatha zonke izinto, base bezishintsha, ngoba babengamufuni lo Nkulunkulu wethu onguJehova, base bemikhipha, ngoba babengamufuni lo Messiah wethu onguYeshua base belikhipha beliqeda lelogama.
32. Bawuqeda umbuso kaNkulunkulu ngokuphelele, base befika ne theology entsha enkolweni ethi asisaphili ngaphansi komthetho kodwa sesiphila ngaphansi komusa.
33. Kwathi uma kwenzeka konke lokho bantwana basezulwini, usuchithiwe umbuso kaNkulunkulu, sebakhe nesithombe esisha soMesiya ongaziwa, balizonda negama lesiHebheru abathi uMesiya bathi no, sizothi uKristu, balizonda negama lakhe bathi sizothi uJesus.
34. Base beshintsha ezinye zezinto ezincwadini, ukuze manje le Nkolo asebeyikhanda manje ethi asisaphili ngaphansi komthetho sesiphila ngaphansi komusa, i-comply, lelilizwi likaNkulunkulu li-comply nenkolo yabo asebeyikhandile.
35. Kodwa ngoba uNkulunkulu wayesithanda, uNkulunkulu akazange asidele, siphakamisa-ke udumo nokubonga kumdali wethu uJehova owathumela uMprofethi Isaya Shembe, (ukuthula kube kuye.) ukuba azovuselela umbuso kaNkulunkulu emhlabeni.
35.UYeshua wayeshiye ethena uma kuqhamuka umuntu engawugcini umthetho, engawufundisi umthetho, uyakuba mncane embusweni wezulu.
37. Wathi uma kuqhamuka umuntu, afike agcine umthetho, bese eyawufundisa lo mthetho, uyakuba mkhulu embusweni wezulu. UBabamkhulu uMprofethi Isaya Shembe ufike wenza njalo.
38. Sizofunda incwadi yomthandazo weSabatha, uvesi 13 and 14. UBabamkhulu bantwana basezulwini uthe uma efika wathi.
39. “Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane; nigcine imithetho yakhe anilobela yona ngenceku yakhe uMoses Ukuze ukudumisa kwenu kwenu kwamukeleke kuThixo Wemikhosi.
40. Ngokuba uma ningamdumisi ngemithetho yakhe akayikuyamukela imithandazo yenu. Akasoze anehlisela izibusiso uma ningayilaleli imithetho yakhe niyigcine.”
41. Lamazwi ke ayisisekelo sobuNazaretha lobu obusibuthile bantwana basezulwini, uma uyiNazaretha lalapha ekhaya, uma ungumNazaretha ophatha lesi sihlabelelo esasinikezwa uBabamkhulu, sokuba kube isona esilawula ukukholwa kwethu, lamazwi kudinga ukuthi uwazisise kahle.
42.Athi “Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane; nigcine imithetho yakhe anilobela yona ngenceku yakhe uMose”
43. Lento ebhalwe lana uBabamkhulu icacile, iqondile, ayidinge otolika, akusiyona into mhlampe efana nenkondlo ezodinga ukuthi ichazwe ngezindlela ezahlukahlukene.
44. Ngithi mina uma ngiyifunda njengoba ngiyifundile mhlampe ngiyichaze ngendlela yami, bese omunye umuntu uma efika afike naye athi hhayi no, ayichazi lento oyishoyo, ichaza ukuthi.
45. UNkulunkulu waqonda ngemithetho asinikeza yona ngeNceku yakhe uMose, ku Exodus 20 uNkulunkulu wazehlela yena kuqala, wafike wawu introduce lemithetho.
46. Wasinikeza imithetho elishumi, ehlukene izimbaxa ezimbili, imithetho emine yokuqala ukuba sibe nobudlelwane obuhle phakathi kwethu noMdali wethu.
47.Imithetho lena elandelayo eyisithupha, ukuba sibe nobudlelwane obuhle phakathi kwethu nabo bonke abantu esakhelene nabo, omakhelwane bethu. Wonke umuntu oseduze kwakho uwumakhelwane wakho.
48. Ungayenzi into komunye umuntu ongeke uthande yenziwe kuwe, umthetho-ke wobuntu lowo, uYeshua usho njalo uma ufunda kuMathewu 7 verse 12 uthi “Do unto others as you like them to do unto you”
49. Wasinikeza-ke lowo mthetho uNkulunkulu, imithetho eyishumi ehlukene izimbaxa ezimbili as an introduction, base bekhala okhokho bethu.
50.Ingakho uNkulunkulu engakwazi ukuthi azivelele yena ebantwini ngoba kwenziwa isivumelwano sokuthi uNkulunkulu ngeke esaphinde azibonakalise nje ebantwini noma kanjani, ngoba bakhala okhokho bethu emva kokuzwa izwi likaNkulunkulu, bathi hhayi Mose, akungabi uNkulunkulu okhuluma nathi, wena ngoba uwena okhuluma noNkulunkulu, khuluma naye bese uyasitshela wena ukuthi uNkulunkulu utheni.
51. Kwase kwenzeka leso sivumelwano ukuthi uNkulunkulu ngeke esazivelela yena uqobo lwakhe, kodwa uyohlala ethumela abaprofethi ukuba bezobuyisa abantu ezindleleni zika Yah, uMdali wezulu nomhlaba uJehova.
52. Imithetho-ke uMose wayibhala njengoba nilizwa iBhayibheli, uma ufunda izincwadi kakhulukazi zika-Levi, zithi uJehova wakhuluma noMose wathi, imithetho eminingi ebhalwe laphana ezincwadini zikaMose, siyatshelwa ukuthi uJehova otshela uMose ukuthi akathini kithi.
53. Uma siyifunda laphana kuLevi 19, siqala nje evesini lokuqala, le ncwadi isihloko sayo kuthiwa ‘imithetho yobungcwele.’
54. “UJehova wakhuluma kuMose wathi, khuluma kuyo yonke inhlangano yabantu bakwa Israel uthi kuyo, niyoba ngcwele ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wenu ngingcwele”
55. Ngiyalibamba nje lapha, ngizama ukuveza bantwana basezulwini ukuthi izinto eziningi ezikhuluma la ezincwadini ezibhalwe uMose, uMose wayezithatha ngqo kuNkulunkulu.
56. Ingakho bonke abaprofethi uma befika phakathi kwethu, basikhombe emthethweni kaMose, noYeshua uma eqala ukukhuluma inkulumo yakhe nje yasentabeni, uyayicacisa lento.
57. Uthi ningadideki ningathi ngizochitha umthetho nabaprofethi, ningadideki! Wachithwake umbuso kaNkulunkulu emhlabeni.
58. UBabamkhulu wase efika elakha lelibandla likaNkulunkulu ngokuthunywa uJehova, wayesethi singamaNazaretha.
59. Ukuthi-ke singamaNazaretha, kusho ukuthi singabantu abampilo yabo yonke yahlukaniselwe uJehova. Abantu abathemba labo lonke likuJehova, akukho okunye esikuthembile ngaphandle kukaJehova.
60. Akukho la esiphephele khona, nala esingasinda khona ngaphandle kokuthi sisinde kuJehova. Ukuthi uyiNazaretha-ke kusho lokho.
61. Angazi abanye uma bezibiza ngokuthi bangamaNazaretha kodwa bese bengahambi ngalendlela yokuthi bathembele kuJehova, kusuke kumi kanjani lapho, angazi ukuthi kusuke kumi kanjani, kuyindida. Ngoba uMprofethi wafike wayicacisa kahle indaba yobuNazaretha ukuthi buyini ubuNazaretha.
62. Abanye bathi hhayi uShembe wayezosibuyisela endleleni yokhokho bethu, emasikweni ethu lawa ayenziwa. Sanqotshwa kanjani ngabezizwe, uma lamasiko ethi kwakuyona ndlela vele okwakumele sihambe ngayo?
63. Sanqotshwa bantwana basezulwini abantu begcina wona lawo masiko. Kodwa uShembe wathi uma efika, wafika nemfundiso entsha, kwaba ukufezeka kwamazwi uYeshua awasho laphana kuJohani 5 uyiqale laphana ko 25 uze ufike laphana ko 29.
64. Uthi laphana uYeshua isikhathi siyeza, kodwa sesikhona namanje, lapho abasemathuneni, bayokulizwa izwi lendodana kaNkulunkulu. Wafike washo njalo uYeshua, wayiprofethi lento wathi isikhathi siyeza kodwa sesikhona namanje, lapho abasemathuneni bayokulizwa izwi le ndodana yomuntu.
65. UBabamkhulu-ke ngo 1927, wawakhuluma lawo mazwi, wathi uBabamkhulu: “Njengoba silana nje, siyakholwa ukuthi kukhona ukungena emzini oyingcwele, la ekubuthene khona abaseKuphakameni, uJehova umninimandla wonke.
66. Uthi kulowo muzi akungeni noma munye ogama lakhe alilotshiwe encwadini yokuphila. Uthi namuhla ngiyafisa ukuba nazi ngabafile ngoba kwelizayo kukhona ukuphila kanye nokufa.
67. Uthi abafile ilaba abangangenile emzini oyingcwele ngenxa yokuhamba kwabo okusebumnyameni, uthi bafumana ubuhlungu okungukufa kwesibili.
68. Uthi kodwa abaphilayo ilaba abazuza umusa, iNkosi ibavuse bengakwembethe ukubola, ibangenise emzini oyingcwele.
69. Uthi ngizwile abanye bethi ofile ufile, angazi noma bake bakufuna yini ukuthi kwakuyini ukuvuswa kukaKrestu, wafunda incwadi laphana ka 1 Petru 3 verse 18-20.
70. Uthi uma uKrestu wavuswa, kukhona ukuvuka kwabafileyo. Uthi uma uKrestu engavuswanga, kushukuthi nokuvuswa kwabafileyo akukho.
71. Uthi uma nina nithi nimunye naye, nikuphika kanjani okuliqiniso? Wayekhuluma namaKrestu la, ngoba lamaKrestu afika ayizi-mission afika afaka imfundisoze ebantwini.
72. Bathi khohlwani ilento yokhokho benu, khohlwani ilento yamadlozi, umuntu ofile ufile!
73. Bonake bayiqhamukela ngaleyo engeli, uBaba uMelusi wake wakhuluma ngalendaba, echaza ukuthi hhayi bona uma bechitha indaba yamadlozi, babechitha ithemba labantu ababethembele kulo spiritually, kodwa hhayi ngoba babeyichitha ngoba nakhu mhlawumbe babefuna ukufezekisa umthetho kaNkulunkulu.
74. Uthi-ke uma nithi nina nimunye naye, nikuphika kanjani okuliqiniso, nikuphika kanjani ukuthi okholwayo egameni likaYise, nelakhe neloMoya naye uyovuka ngokuba emunye nowavukayo.
75. Wabe esethi kithike uBabamkhulu: “Nina bantwana baseKuphakameni yazini lokhu, ubusisiwe ongamthuki uyise nonina bethi bangamadimoni njengokwenza kwabangaqondi bephendukezela ivangeli belenza indaba yabo yomdlalo.
76. Uthi kuhle ukuba nazi ukuthi indawo yabaphilayo ikhona kini kanye neyezingelosi, ohamba ngokulunga iNkosi iyokumvusa imungenise eParadesi, okungumbuso wayo osekuphileni okuphakade.
77. Uthi ngiyazi ukuthi abafile bayisihibe kwabaningi ngenxa yokweqiwa uthanda lwabo, kuhle ukuthanda umzali wakho nesihlobo sakho, lokho akukubi kuJehova kodwa ningabathandi okudlula uThixo, funa niduke, bese nenza okuphambene nomthetho enginiyale ngawo nenayalwa ngawo kuMathewu 10 verse 37.
78. Nizwile emthethweni wayizolo ukuthi anisayikuwakhonza amadlozi, nomthetho wokuthi anisahlangani nabafoweni abenza kanjalo.
79. Bakhala-ke oNkwanyana noMzelemu bathi: “Hawu ithini iNceku yeNkosi, babuzisa kahle ukuthi hawu Nceku yeNkosi angeke sisabahlabele okhokho bethu na?”
80. Wathi uBabamkhulu: “Cha bantwana bakaNhliziyo okweni kuhle ukuba nibakhumbule elatini elikhulu emzini kaJehova eKuphakameni, kunokuba nenze njengalabo abangenaThixo, abangakholwa.”
81. Uthi kunokuba nenze njengabo, kungcono nina nibakhumbule elatini elikhulu emzini waseKuphakameni.
82. Ngithi bantwana basezulwini uYeshua wathi encwadini ngokukaJohani 5 verse 27-29 uthi isikhathi siyeza kodwa sesikhona namanje lapho abasemathuneni bayokulizwa izwi le ndodana yomuntu.
83. Uthi uBabamkhulu bantwana basezulwini uma eqhubeka nendaba, uthi bantabami, ekufikeni kwethu kulomhlaba kwaba ukuzovusa okhokho benu abalele othulini lakulomhlaba.
84. Uthi ekufikeni kwethu kulomhlaba kwaba ukuzovusa okhokho benu, uthi ngabezwa behlabelela bethi: “Deda singene, simkhonze uJehova kade sasivalelwe, namuhla avuliwe amasango.”
85. Avulwa amasango bantwana basezulwini, kwafezeka amazwi kaYeshua. UYeshua waba umlomo ongathethi manga, wayisho lento ukuthi kuyofika isikhathi, labo abalele othulini lomhlaba bayokulizwa izwi le ndodana yomuntu.
86. Nangampela kwabanjalo uBabamkhulu uma efika bantwana basezulwini, uthi wezwa amakhehla aqhamuka esehlabelela ethi: “Deda singene simkhonze uJehova kade sasivalelwe, namuhla avuliwe amasango!”
87. Uthi uBabamkhulu ukube abantu bebazi, ayangithinta lamazwi kakhulu, bebeyobuthana kanye nathi eKuphakameni, sikhalele abasekufeni ngoba basosizini.
88. Besizonxusa ukuba bagezwe bathethelelwe izono zabo bangeniswe emzini oyingcwele. Uthi ukube abantu bebazi, ukube abantu bebazi!”
89. Ngelinye ilanga iNkosi iLanga yakhuluma amanye amazwi, ukuthula kube kuye. Yathi uShembe akasekho manje ngokwenyama, kodwa njengoba asho ukuthi uzolokhu ekhona, uyolokhu ekhona phakathi kwethu.
90. Wake wenza omunye umzekelo, wathi bantabami ningathini, ningathini, nibone umuntu esensimini yakhe, ekuseni uyasebenza lo muntu usensimini, abantu abakavuki. Bethi uma bevuka abantu hawu babona nangu umuntu usensimini.
91. Ngezikhathi zamalansthi emini, hawu nangu umuntu ulokhu esensimini, noma sekuhlwile sekuntambama, lo muntu usensimini.
92. Belokhu bemubuza ukuthi hhayi yini, ethi ayi ngigade ukuthi izinyoni zingezi ukuzodla lapha ensimini yami, emini hhayi ngigade izinkomo ukuthi uma sezikhishwa zingakhishwa bese zingena la ensimini yami.
93. Hhayi ngigade izinkomo ukuthi uma sezibuyiselwa emakhaya, zingafiki zifike ziduke bese ziyafohlwa zingene lapha ensimini yami. Uthi ningathini ngalomuntu bantabami? kubuza uBabamkhulu.
94. UBaba iLanga uthi kwaqhamuka umuntuke esethi, singathi: “Hhayi yeka umuntu ethanda insimu yakhe kangaka!” Uthi uBabamkhulu: “Nami-ke bantwana bami, angeke nginishiye ngohlala nginani njalo.”
95. Ithi iNkosi iLanga, njengoba uShembe engasekho ngokwenyama, ekhona nje ngokoMoya njengoba sesazi, usasebenza namanje.
96. Kwake kwafika omunye uNkosikazi eNhlangakazi, wathi lo Nkosikazi ubone uBabamkhulu egibele ihhashi, ehla enyuka, uthi ihhashi bese limanzi te, wathi ‘awu Baba namanje awukaphumuli, namanje awukayeki ukusebenza?”
97. Wathi uBabamkhulu: hhayi, ngisasebenza mtanami, namanje njengoba ungibona nje ngehla ngenyuka, ngifuna abantu abazoza lapha phambi kwe Nkosi, abantu abazoza bezokhonza uNkulunkulu.”
98. Ithi iNkosi iLanga: “Thina singumlomo kaShembe, sizinyawo zikaShembe, yonke indawo la uShembe afuna ukuya khona uhamba ngathi.”
99. Ngithike lamazwi ayangithinta uma uShembe ethi uma abantu bebazi, bebeyobuthana kanye nathi eKuphakameni, sikhalele abasekufeni ngoba basosizini, besizonxusa ukuba bagezwe, bathethelwe izono zabo bangeniswe emzini oyingcwele.
100. Abantu abazi bantwana basezulwini, basebumnyameni, wake wahlabelela ngelinye ilanga la uMfundisi uNtuli, ethi hambisani lezi ndaba, ulambile wonke umhlaba.
102. Sinjalo-ke bantwana basezulwini sihlalelwe ileyo challenge, yokuthi sibe umlomo kaShembe, sibe zinyawo zikaShembe, sazise abantu ngobungozi bokukhonza amadlozi. Sazise abantu ngengozi yomsamu.
103. Imizi eminingi ichithekile, imizi eminingi ibhubhile umsamu, and uShembe wayikhuluma yonke i-gospel yobuNazaretha, akukho akufihlayo, wakuveza konke wakubeka obala.
104. Ngithi-ke uShembe bantwana basezulwini waba umvuseleli wombuso kaNkulunkulu emhlabeni.
105. Ngizocela abangcwele bangifundele lezi zincwadi ezihambiselana nalenkulumo ukuthi thina asiwakhonzi amadlozi, lokhu uShembe wayekuthatha emthethweni kaNkulunkulu. wayekuthatha emthethweni kaJehova.
106. Uma ufunda laphana incwadi ka Levi 19 verse 31 uthi ningaphendukeli kwabanamadlozi nakubathakathi, uthi ningabafuni ukuba ningcoliswe yibo,
nginguJehova uNkulunkulu wenu!”
107. Amazwi lawa asemthethweni, asezincwadini zomthetho, uJehova asilobela wona ngeNceku yakhe uMose, uShembe athi uma sesaba lo Jehova, simesabe ngokugcina imithetho yakhe asilobele yona ngeNceku yakhe uMose.
108. UYeshua uthi lo umuntu oyohamba efundisa abantu ngalomthetho kaJehova ewugcina naye lomthetho, uthi uyoba mkhulu embusweni wezulu.
109. UBabamkhulu waba mkhulu, nathi uthi uBabamkhulu asikwenzeni lokhu sihambe sifundise abantu indaba kaNkulunkulu, sibafundise abantu ukuthi idlozi alihlatshelwa, kodwa idlozi uyalikhumbula elatini elikhukhulu emzini ka Jehova eKuphakameni. Imfundiso kaBabamkhulu leyo.
110. Siyamubonga uNkulunkulu waseKuphakameni, ngeNceku yakhe, namhlanje isikhumbuzo zomprofethi Isaiah Shembe, is a commemoration ngesilungu la kukhunjulwa khona imisebenzi yakhe uBabamkhulu.
111. Ngithi-ke nami angimukhumbule ngalemfundiso enkulu eyayizosifundisa ukuthi sakhe ubudlelwane obuhle phakathi kwethu noJehova.
112. Yini into eyayingenza ukuthi ubudlelwane bethu noNkulunkulu bungabubuhle,lokhu uBabamkhulu wafike wasifundisa khona wakucacisa kahle?
113. AmaKrestu ethi okhokho bethu amadimoni, okhokho bethu, abantu abafile bafile. uBabamkhulu wathi cha cha cha cha, abantu bakini kuhle nibathande kodwa ningabathandi ukwedlula uThixo. Bakhumbuleni elatini elikhulu emzini kaJehova eKuphakameni.
114. Imfundiso enkulu leyo uBabamkhulu owasifundisa yona ukuthi abantu bakithi siyakwazi ukuthi sibanikelele, sibacelele inhlanhla, sibacelele inhlanhla uNkulunkuklu abakhumbule, bakhishwe esigodini sosizi, bakhishwe emsamu, bakhishwe la abathunjwe khona ngabathakathi. Imfundiso enkulu kakhulu.
115. Abazali bethu nje bahamba sisebancane, uma-ke thina sithi sizohamba siyobalanda emathuneni, bese sithi sizobabeka emakhaya, sizobabeka emsamu, lokho kuphambene noNkulunkulu sibaqhatha noNkulunkulu.
116. Wenza ukuthi manje lolusizi uNkulunkulu ayebathwese lona, lesi sijeziso uNkulunkulu ayebathwese sona, sibe more, siphindeke.
117. Bantwana basezulwini siyamubongake uNkulunkulu ngeNceku yakhe uNkulunkulu ayithumela phakathi kwethu.
118. Le Nceku kaNkulunkulu yayi organized, yayi well prepared ngendaba kaNkulunkulu.
119. Uthi umuntu wasezulwini mhlazane ekhuluma kuBaba uMelusi noMkhokheli omkhulu ngo 2010, uthi kuBabamkhulu kwafika abasezulwini, bafike bamukhombisa ikusasa lalobubuNazaretha.
120. Bathi uyabona ukuthi lobu buNazaretha buyohamba kuhambe buchitheke, uyabona ukuthi lobu buNazaretha kuyohamba kuhambe kuphele and lobubuNazaretha uma buphela kuyobe kuqedwe inzalo yakho? Manje uzomisa kanjani?
121. UBabamkhulu wenza into eyisimanga, eyadida abafundisi bese bengenenwa umoya omubi, uBabamkhulu wakhipha izinkomo eziwu 18 ethenga iNdodakazi yakwaDube, uGogo uLandiwe.
122. Wakhipha izinkomo eziwu 18 wathi ngiyayithenga le ngane, wathi uma eyithenga wase ethi le ngane iyozala abantwana okothi noma bengesibo abakwaShembe ngesibongo, kodwa abayokuba noMoya kaShembe. Namuhla kunjaloke bantwana basezulwini.
123.Siyamubonga kakhulu uNkulunkulu waseKuphakameni ngeNceku yakhe uMprofethi Isaiah Shembe, ukuthula kube kuye.
Inkosi ibusise enikuzwile.