Umyalezo omkhulu kaShembe uthi asesabe uJehova, lokho sikubonise ngokugcina imithetho yakhe owayelitha emhlabeni ngoMose. Uthi ke uShembe, uma senze njalo uNkulunkulu uyoyamukela imithandazo yethu, asehlisele nezibusiso.
Konke ke ukukholwa komNazaretha kwakheke phezu kwalesi sisekelo.
Isihlabelelo 73
1.Ngiyakholwa kuYise
Onamandla onke
KuMdali wezulu nomhla
Naku Moya oyingcwele.
2.Nakuyo iHamente eyingcwele
YamaNazaretha
Nobudlelwane babangcwele
baseNazaretha.
3.Idwala elihle
Lama Nazaretha
Owazikhethela lona uJehova
Ngokulithanda kwakhe.
4.Useze wahloba ngabo kathathu
Lobu buNazaretha
Phambi kwamazulu onke
Unyaka umunye.
5.Ngigeze ngeHissop
Yasezulwini
Ngikhanye ngokukhanya
Ebusweni bakho.
ISIMO NEMPILO YOMNAZARETHA.
1.Igama elithi umNazaretha lisuselwa egameni lesiHebheru elithi “Nazir.” Okusho umuntu ompilo yakhe yonke uzahlukanisele kuJehova. Ngesingisi sithi: “One whose life is wholly separated unto God.”
2.EBhayibhelini siqala ukuhlangana nomNazaretha kuNumeri 6:1-8, lapho kuthi: “UJehova wakhuluma kuMose wathi: “Yisho kubantu bakwa-Israel uthi:
3.“Uma owesilisa noma wesifazane enza isithembiso esithile sokuba ngumNazaretha, ukuza hlukanisela kuJehova, uyakuza hlukanisa newayini, nophuzo oluna mandla.
4.Akayikuphuza uviniga wewayini, noviniga wophuzo olunamandla, angaphuzi okwezithelo zomvini, futhi engadli izithelo zomvini ezimanzi nezomileyo.
5.Zonke izinsuku zobuNazaretha bakhe akayikudla lutho olwenziwe ngewayini lezithelo zomvini kusukela ezimbumbulweni kuze kufike emakhasini. (Kwamanye amaBhayibheli kuthi umNaziri, kodwa konke kusho into eyodwa).
6.Zonke izinsuku zesithembiso sakhe sobuNazaretha KUNGASONDELI MPUCO EKHANDA lakhe; UYAKUBA NGCWELE zize ziphelele izinsuku azahlukanisela ngazo kuJehova, AVUME ISIHLUTHU SEZINWELE ZEKHANDA LAKHE SIKHULE.
7.Zonke izinsuku engumNazaretha kaJehova AKAYIKU SONDELA ESIDUNJINI. Akayikuzi ngcolisa ngoyise, noma ngonina noma ngomfowabo nxa befile, ngokuba isethembiso sakhe sobuNazaretha SISE KHANDA LAKHE.
8.Zonke izinsuku zobuNazaretha kwakhe UNGCWELE KUJEHOVA!
9.Lokhu kuchaza ukuthi zintathu izinto umuntu ongumNazaretha okungafanele azenze: ukuphuza utshwala, ukuthinta isidumbu nokungagundi ikhanda lakhe.
10.Ekuqaleni ukuba ngumNazaretha kwakuba yisikhashana, kodwa ngokuhamba kwesikhathi kwase kuba nabantu abazalwa bengamaNazaretha, baze bafe bengamaNazaretha. (I-short time ne long time Nazarite).
9.Encwadini yabaHluleli 13:4-5: kuthi: “Ingelosi yathi kunkosikazi kamaNowa: “Qaphela ukuthi ungaliphuzi iwayini nophuzo olunamandla,
futhi UNGADLI LUTHO OLUNGCOLILE, ngokuba uzakukhulelwa uzale indodana, awukuliphuca ikhanda layo,
ngokuba umfana uzakuba ngumNazaretha kaNkulunkulu KWASESI BELETHWENI; nguye oyakuqala ukukhulula u-Israel esandleni samaFilisti.”
11.Omunye umuntu owabe engumNazaretha nguMprofethi uSamuweli, ku Samuweli wokuqala 1:11 kuthi:
12.“Wenza isethembiso wathi: “Jehova wamabandla, uyakubona ukuhlupheka kwencekukazi yakho, yiphe umntwana womfana.
13.Ngiyakumnikela kuJehova zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, AKAYIKUTHINTA INSINGO EKHANDA LAKHE.”
14.Baningi abanye abantu ababengamaNazaretha eBhayibheli engingababalanga lapha.
15.Nabapristi babeba ngamaNazaretha ku Levi 21:5: kuthi: “Abapristi abayikuphuca ikhanda abo emaceleni, noma baphuce izilevu zabo emaceleni, abayakugcaba imizimba yabo.
16.Bayakuba ngcwele kuNkulunkulu wabo, bangahlambalazi igama likaNkulunkulu wabo, ngokuba banikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova isinkwa sikaNkulunkulu wabo, ngalokho bayakuba ngcwele.”
17.Ekuqaleni sikhulume ngomNazaretha owayethatha isifungo sesikhashana, kwase kuba nomNazaretha ozalwa engumNazaretha empilo yonke yakhe aze afe engumNazaretha.
18.Kwahamba kwahamba esizweni sakwa-Israel kwase kuba namahlelo noma ama sects ehlukene. amaHlelo ayedumile kwakungaba Farisi, abaSadusi namaNazaretha, ekuqaleni ababe kade bengama Essenes.
19.Kodwa kuyiTestamente Elisha lelihlelo okuthiwa ngamaNazaretha lalifihliwe, esikhundleni salo kwase kuthiwa ngamaKrestu.
20.Lalifihlwelani leliHlelo? Isizathu ukuthi kwakulihlelo likaYeshua. Njengoba noYeshua base bemchithile, neBandla lakhe balichitha!
21.Kodwa uma ufunda ngokucophelela uyathola ukuthi kukhona into engaqondile lapha. Ku Izenzo 24:5 kuthi:
22.“Lendoda siyithole iluhlopho, iphehla udweshu kubaJuda kulo lonke izwe, ingumholi wehlelo lamaNazaretha.”
23.Ngoba kucacisiwe ukuthi lapha kukhulunywa ngompostoli uSha’ul noma uPawuli, ungaba nokumangala ukuthi lelihlelo lamaNazaretha uPawuli owayengumholi walo selivelaphi manje, ngoba ufundiswa ukuthi uPaul wazingela amaKrestu, nokuthi waphendukela ebuKrestwini?
24.Manje uPawuli wabe esengumholi wamaNazaretha nini, futhi liqhamukaphi lelihlelo okuthiwa ngelamaNazaretha?
25.Ku-Izenzo 28:22-23, kuthi: “Kepha thina siyathanda ukuzwa ukuthi ucabangani, ngokuba siyazi NGALELIHLELO ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke.
26.Sebemmisele usuku, baya kuPawuli endlini ngobuningi, wabacacisela, efakaza ngombuso kaNkulunkulu,
ebanxenxa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwaba kusihlwa.”
27.Lapha lelihlelo abasalibizi ngegama, kodwa ukuthi yihlelo lamaNazaretha usizakala uma wafunda ku-Izenzo 24:5.
28.Njengoba nangesikhathi sikaYeshua iBandla lamaNazaretha laliphikiswa, namanje uma selivuswa nguShembe lelibandla lisaphikiswa!
29.Yonke leminyaka sasithi ibandla lamaNazaretha uShembe walivusa esusela encwadini kaNumeri 6, singazi ukuthi noYeshua wayengumNazaretha, ehola ibandla lamaNazaretha.
30.Lelibandla lamaNazaretha kaShembe lingukuqhubeka kwebandla lamaNazaretha elaliholwa nguYeshua!
31.Encwadi ka Rav Sha’ul, naye oliJuda, ethi THE NAZARENE: kuyikhasi 10 kuthi: “Namhlanje amaNazaretha aseyaphinda futhi ukuba seqhulwini uma kucatshangwa ngenkolo.
32.Kodwa abantu abaningi sebeqala ukuqonda ukuthi abalandeli bakaYeshua kwakungama Nazaretha, hhayi amaKrestu, okuyigama lenkolo yabezizwe!”
33.Kumele siphaphame singazenyezi ngenkolo yethu. UbuNazaretha njengenkolo kudala kunobuKrestu, ngakho-ke akumele sivume ukucindezelwa abezizwe,
kutholakale sebevimba ukufundisa isizwe sakithi ulwazi esesilutholile ngobuzwe nenkolo yethu esayinikwa nguJehova entabebi yaseSnayi!
34.Uyaqhubeka uRav Sha’ul uthi “Ngokutholakala kwama Dead Sea Scrolls okuyimibhalo yamaHebheru emidala eyabakhona noYeshua engakazalwa, nasekhulwini leminyaka yokuqala, sesinolwazi ngebandla lamaNazaretha elaliholwa nguYeshua.”
35.Ekhasini 25 lale ncwadi kuthi: “Siyazi ukuthi ibandla lamaNazaretha lasungulwa nguMprofethi oMkhulu, Johane uMbhaphathizi owanikwa wuJehova “indlela yoSindiso.
36.Umsebenzi kaJohane kwaba kungukufundisa uYeshua, emcijela ukuba nguMpristi oMkhulu aphinde emfundisa nge”Ndlela.”
37.Lesi sisho esishiwo ngamaNazaretha ethi SHEMBE IS THE WAY, asiqalanga kulelibandla lamaNazaretha kaShembe, kodwa nakumaNazaretha ngesikhathi sikaYeshua abalandeli bakhe babethi YESHUA IS THE WAY.
38.Leligama elithi THE WAY linencazelo ende, kodwa-ke esingazungena kuyo okwanamuhla!
39.Siyazi-ke ukuthi uYeshua wathatha umsebenzi wobuHoli bamaNazaretha kuMprofethi uJohane. UYeshua wahola amaNazaretha akuqala.
40.Ekuhambeni emhlabeni kukaYeshua, lomsebenzi wokuhola ibandla wabe usuthathwa nguSha’ul!
41.Nempela ke sivezelwe kancane kuyiZenzo 24:5 ukuthi uMpostoli uSha’ul wayengumholi webandla lamaNazaretha, kodwa safihlelwa ukuthi lobu buholi wayekuthathe kuYeshua!
42.Njengoba onke amagama esiHebheru achithwa, ayesenikwa amagama abezizwe, igama lika Mesaya nalo kuyinkolo yabezizwe lashintshwa!
43.KuJewish Bible kuyiZenzo 11:26 kuthi abalandeli bakaYeshua (njengoba wayebizwa ngokuthi ngu Mesaya), kwathiwa ngama Messianics, okuthe uma sekuhunyushelwa emibhalweni yabezizwe, kwase kuthiwa ngamaKrestu!
44.Ngesikhathi abapostoli bephuma eJerusalema boshumayeza abezizwe, babengaphansi kwenkolo kaMose, namuhla ehambisana neJudaism. Ngaleso sikhathi kwakungakabi bikho ubuKrestu okwasungulwa ngu Constantine ngo 325 A.D.
45.UYeshua wahamba emhlabeni ko 36 A.D; abafundi bakaYeshua cishe baphuma eJerusalema ukoshumayela ubuNazaretha ko 40 A.D.
46.Ngakho-ke abantu kumele beqonde ukuthi uYeshua wayengumholi webandla lamaNazaretha, elaqedwa ngabezizwe, kwase kuthi esikhundleni salo abezizwe baqhamuka nobuKrestu.
47.Ukuze singagcini silahlwa ngenxa yokweswela ulwazi, kumele umlando ngenkolo nebandla likaMenzi wezulu nomhlaba siwulandele!
48.Uma sikhuluma ngesimo sobunazaretha, sikhuluma ngomlando, ukuthi ubuNazaretha kwaqalaphi njengoba namuhla sekuyithi amaNazaretha!
49.Okokuqala kwaba nabantu ababa ngamaNazaretha isikhashana, kwahamba kwahamba kwase kuba nabantu abazalwa bengamaNazaretha.
50.Ekugcineni uMprofethi uJohane wabe esesungula ibandla lamaNazaretha, okwathi ekufeni kwakhe laholwa nguYeshua, engasekho uYeshua labe seliholwa nguSha’ul.
51.Emveni kukaSha’ul kwaba nempi ka70, lapho amaRoma anqoba amaJuda, base bechitha inkolo kaJehova, bechitha noYeshua, sebezakhela owabo umsindisi abambiza ngokuthi nguJesu!
52.Kodwa inkolo kaMose onguMprofethi kaJehova, inoYeshua, naye onguMprofethi kaJehova uNkulunkulu wethu!
53.UbuNazaretha esikubo kwavuselelwa nguMqaliwendlela uMprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye).
54.Manje-ke sesikhuluma ngempilo yomNazaretha, ukuthi isisekelo sobuNazaretha siyizincwadi ezinhlanu zeTestamente elidala, iTo-rah.
55.Lokhu kufakazelwa ngumthandazo weSabatha verse 3-4. Lapho uShembe ethi:
“Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane, nigcine imithetho yakhe anilobela yona uJehova ngenceku yakhe uMose; ukuze ukudumisa kwenu kwamukeleke kuThixo wemikhosi.
56.Ngokuba uma ningamdumisi ngemithetho yakhe, akayikuyamukela imithandazo yenu; akasoze anehlisela izibusiso uma ningayilaleli imithetho yakhe niyigcine.”
57.Njengoba sike sachaza ngaphambili, igama elithi ‘ubunazaretha’, noma ‘umnazaretha’ lesuselwa egameni lesiNgisi elithi ‘nazarite’, lona elisuselwa egameni lesi Hebheru elithi, ‘nazir’ okusho umuntu impilo yakhe yonke uyahlukanisele uNkulunkulu.
58.Ukuthi umuntu impilo yakhe uyahlukanisele uNkulunkulu, kuchaza ukuthi ngaso sonke isikhathi lowo muntu uphila impilo yasezulwini, ungcwele!
59.Uma lapha sikhuluma ngempilo yomNazaretha, sichaza impilo yekholwa eliphila ngokwemfundiso yoMprofethi u-Isaya Shembe, esiyibiza ngokuthi ubuNazaretha, okuyimpilo yasezulwini, nengaziwa kuwo wonke amakholwa, ikakhulukazi amaKrestu.
60.Ngakho-ke ubuNazaretha akusiyo inkolo, kepha indlela yokuphila yasezulwini. Iyafana ne-Islam kuma Moslems.
61.UJehova ku levi 20:26 uthi: ‘Niyakuba ngcwele kimi, ngokuba mina Jehova ngingcwele, nginahlukanisile nabanye abantu, ukuba nibe ngabami.”
62.UShembe kusihlabelelo 32 uthi “Anginjengawe Baba ngozama ngiphelele ukuba ngibe njengawe” UShembe uzisholo yena ukuthi akafani noJehova.
63.Kodwa ngaphambi kokuba sichaze kabanzi ngempilo yomNazaretha, kumele sichaze kafuphi ngoShembe uMprofethi, ngoba kunabantu okuyaye kuthi ngoba bangabakwaShembe ngesibongo, bese becabanga ukuthi nabo bafana noBabamkhulu, abanye beze bethizwe ngonkulunkulu!
64.Labo kulunkulu ke uJehova ubabiza ngokuthi, ‘ngabanye onkulunkulu.’ Kanjalo futhi, bakhona abaprofethi okungasibona abakaJehova, kodwa abangabaprofethi babanye onkulunkulu, njengaba profethi baka bhali. Labo baprofethi kuthiwa ngabaprofethi bamanga.
65.Noma umuntu engazibiza ngokuthi unguMprofethi, kodwa uma engesiye umprofethi othunywe nguJehova, futhi engahambi ngokwezimiso zikaJehova, UNGUMPROFETHI WAMANGA!
66.Kuyingozi ke ukukhuluma ngempilo yekholwa, ngaphandle kokuchaza ukuthi lelo kholwa likholwa kumuphi unkulunkulu.
67.NoShembe kubalulekile ke ukuthi simchaze ngendlela naye owazichaza ngayo uma efika phakathi kwabazali bethu;
ngoba noNkulunkulu, ngaphambi kokwethula inkolo, waqala wazichaza yena ku- Exodus 20:3 lapho ethi: “Ngingu Jehova uNkulunkulu wakho.’ uJehova wazichaza yena ukuthi unguNkulunkulu.
68.NoShembe baningi, ngoba ukuthi Shembe isibongo. LaboShembe bayaye behambise igama likaShembe phambili ukudida abantu, ngesibongo; kodwa bebe bengenawo uMoya kaShembe, uShembe onguMoya ongcwele!
69.Kwenye intshumayelo uthi uBaba iLanga kovela abaholi abaningi abangoShembe, kodwa bengenawo uMoya kaShembe, bese bedukisa lokhu kuhamba kwaseZulwini.
70.Nangesikhathi sikaYeshua babebaningi oYeshua, ngoba kwakuligama elejwayelekile, kodwa uYeshua iNdodana kaNkulunkulu wayeyedwa, aziwa ngokuthi uMesaya!
71.Ngenxa yezimfundiso zabantu abahlanakenezela ubuNazaretha, bethi uShembe nguNkulunkulu, kuba nokudideka kubantu abangenalwazi ngoShembe, ukuthi ngabe uShembe yena unabudlelwane buni noNkulunkulu onguJehova.
72.Ngabe uShembe ungomunye unkulunkulu noma uyiNceku nesikhonzi sikaNkulunkulu obizwa ngokuthi uJehova?
73.Impendulo ithi uShembe akasiye uNkulunkulu onguJehova, futhi akasiye omunye unkulunkulu; njengokusho kukaJehova ku-Exodus 20 verse 3, lapho ethi uJehova,
“Ungabi ngabanye onkulunkulu ngaphandle kwami.” Kodwa uShembe ungumprofethi kaJehova, uyinceku kaNkulunkulu ogama lakhe nguJehova, uyisiKhonzi sikaJehova!
74.Wazichaza kanjalo ezincwadini zakhe, noma enza isimangaliso, wayaye athi: “Seniyabona ke ukuthi uJehova ungithumile!”
75.Uma sikhuluma ngezimfundiso zika Shembe, lokho akusho ukuthi lezi zimfundiso zavela kuShembe, kodwa zimfundiso zika Jehova ezifike zavuselelwa kithi nguShembe.
76.Yikho uShembe ethi: ‘Gcinani umthetho kaJehova owawuloba ngeNceku yakhe uMose.”
77.Lapha uShembe wabe eqondisa ngokukholwa kwethu, efuna kucace ukuthi sikholwa kumuphi uNkulunkulu, nokuthi loNkulunkulu simkhonza kanjani.
78.Kuwo wonke amabandla engiwaziyo nengake ngafunda ngawo i-Afrika yonke, ngicabanga ukuthi libandla lamaNazaretha kuphela elinemfundiso-nkolo noma i-dogma eyakhelwe phezu kwesisekelo senkolo kaJehova.
79.Kubalulekile ukuthi le mfundiso-nkolo ibe sobala, umhlaba uyibone, uyazi, bese uyabheka noma lelibandla uShembe walisusela engqondweni yakhe, noma wayethunywe nguNkulunkulu.
80.Konke lokho angenke sakuqonda ngaphandle kokuba zonke izimfundiso zikaShembe zibekwe obala, ukuze bonke abantu bakwazi ukuzicwaninga.
81.Inyanga kaJanuary yinyanga ebalulekile kakhulu ebandleni lamanazaretha, ngoba yinyanga uMprofethi owaqala ngayo ukuhlangana noNkulunkulu entabeni yaseNhlangakazi, wamukela kuJehova imithetho yobuNazaretha njengoba ekuqaleni yayinikwe uMose!
82.I-basic principle yobuNazaretha ukuthi umuntu ongumNazaretha uyohlale egcine umthetho kaJehova impilo yakhe yonke. UShembe waze wakubhala phansi kumthandazo wesabatha, wathi: “Khumbula ukuthi namuhla usuwenze isivumelwano noJehova ukuthi uyohlala endlini kaJehova kuze kube sekupheleni kwezinsuku zakho.”
83.Izihlabelelo zamanazaretha ziyiTestamente lenkolo yobunazaretha ngoba ziqukethe imibhalo ethinta impilo yomNazaretha!
84.Umyalezo omkhulu kaShembe uthi asesabe uJehova, lokho sikubonise ngokugcina imithetho yakhe owayelitha emhlabeni ngoMose. Uthi ke uShembe, uma senze njalo uNkulunkulu uyoyamukela imithandazo yethu, asehlisele nezibusiso.
85.Konke ke ukukholwa komNazaretha kwakheke phezu kwalesi sisekelo. Ngaleyo ndlela awukwazi ukwahlukanisa ubuNazaretha neBhayibheli, ikakhulukazi iTestamente elidala, ngoba ubunazaretha kwakheke ezimfundisweni zika Jehova owaziletha kithi ngoMose.
86.Okokuqala into esobala ngomNazaretha ukungagundi izinwele noma ikhanda lakhe. Lona umyalo kaJehova owawushayela wonke umuntu ongumNazaretha.
87.KuNumeri 6:5 uJehova wakubeka ngokusobala ukuthi umNazaretha angaligundi ikhanda lakhe. Kanti ku Levi 21:5 uJehova lomthetho wokungagundi wawubekela abafundisi. Ku Levi 19:27 umthetho wokuthi kungagundwa, uJehova wawubekela abantu abazigcinele ubungcwele!
88.Umthetho wokungagundi nanamuhla amaJuda asawulandela, kanti nama Nazaretha kaYeshua, ayebizwa ngokuthi ngama Early Christians ngoba kucashiswa igama lokuthi ngama Nazaretha, ayengagundi!
89.Le mfundiso kaJehova ukuthi umuntu olikholwa engagundi, namaMoslems amaningi ayayigcina, ngoba iyimfundiso yoMprofethi wawo, yena ayitshelwe uJehova.
90.Isizathu sokungagundi, uthi uJehova ku-Numeri 6:7 kungenxa yokuthi isethembiso sobunazaretha sisekhanda, ngaleyondlela-ke ukungagudi kungumthetho kaJehova otholakala kuzo zonke izinkolo ezingaphansi kwaNkulunkulu obizwa ngokuthi uJehova.
91.UmNazaretha uma ethinte isidumbu somuntu ofile, uba ngongcolile (ritually unclean) aze ahlanjululwe, nalona umthetho kaJehova otholakala kuNumeri 6. Kanjalo, isidumbu somuntu ofile asingeni endlini yeSonto ngokobuNazaretha, ngoba isidumbu asihlanzekile kuJehova.
92.Kuvama ukuba nemibuzo-ke ukuthi kungenzeka kanjani ukuthi ungasithinti isidumbu?
93.Ngenxa yokuthi sekunamaNazaretha asehlale engamaNazaretha kusukela ubhajadiswa, uyasithinta isidumbu, bese uba ngongcolile izinsuku ezingu 7, emva kwalokho bese uhlambuluka, usungangena-ke enkonzweni uma usuhlambulukile!
94.Noma ngabe ungudokotela, uhlale uphethe izidumbu, kodwa kumele kuthi uma ungena enkonzweni uqale ngokuhlambuluka.
95.UmNazaretha akazidwebi emzimbeni wakhe ukwenza amatatoo, akagcabi, akazipendi izinzipho nomlomo.
96.Okuseqinisweni awuvunyelwe ukwenza noma ntoni emzimbeni wakho. Awuzifakeli izinwele zezinye izizwe ekhanda lakho. UmNazaretha kufanele ahlale azi ukuthi umzimba wakhe nekhanda lakhe kuyithempeli likaJehova!
97.Ukugcina isabatha ngenye yempilo umNazaretha osheshe abonakale ngayo. ISabatha kukhulunywa ngalo kakhulu eBhayibhelini.
98.Incwadi ebalulekile ekugcineni iSabatha, ileyo ka Exodus 35 verse 3 ngoba ithi ungabaswa umlilo ngeSabatha.
99.Lokhu kuchaza ukuthi umnazaretha akanakudla ukudla okushisayo ngesabatha, ngisho ngabe ugcine ukushisa kuyi flask.
100.Akugibelwa emthini ngesabatha, awuthwali ngesabatha, awubhukudi ngesabatha!
101.Awunakuvula iheater, ngisho i-heater yemoto ngesabatha. Ukushisa okubhekeke kumNazaretha ngeSabatha, ukushisa okwenziwe imvelo kuphela.
102.Isabatha liqala ekushoneni kwelanga ngoLwesihlanu, liphele ekushoneni kwelanga ngesabatha. Ngaphambi kokungena kwesabatha ugeza umzimba, uhlambulukele iSabatha.
103.Awuyi ocansini nomunye umuntu ngeSabatha, ukwenza lokho kungukungcolisa iSabatha. Inkolo esagcina iSabatha iJudaism, ngoba isalandela inkolo kaMose, iMosaic faith!
104.Umuntu ongumNazaretha akakuphuzi utshwala; lokhu kuhlanganisa noma yini ebilisiwe ngisho amahewu.
105.Lomthetho ususelwa encwadini ka numeri 6, lapho uJehova ekubeka ngokusobala ukuthi umNazaretha angakuphuzi utshwala.
106.UShembe, kakhulukazi uBaba iLanga, wakubeka kwacaca ukuthi umNazaretha angagcini nje ngokuthi angakuphuzi utshwala, kodwa utshwala angakuthinti, futhi engasondeli endaweni enotshwala.
107.Ngaleyondlelake umNazaretha akakwazi ukufaka utshwala emzini wakhe nangayiphi indlela.
108.Ngaphandle kwatshwala, umNazaretha akawubhemi ugwayi, lokho kusho noma nhloboni kagwayi.
109.Abanye abantu-ke bayaye babuze ukuthi yini amaNazaretha engawubhemi ugwayi, ngoba iBhayibheli alikhulumi lutho ngogwayi.
110.Abantu bakwa Israel babengazi lutho ngokubhema ugwayi, ngoba umkhuba wokubhema wavela muva. Yikho-ke okwenza iBhayibheli lingakhulumi lutho ngogwayi. UNkulunkulu wayengeke akhulume ngento engekho aze ayishayele umthetho.
111.Lesi simo singasifanisa nomkhuba wokuhushula izisu. Awukho umthetho kaNkulunkulu othi abantu abangazihushuli izisu, ngoba lona umkhuba omusha owawungaziwa kudala. Kodwa awudingi ukutshelwa yiBhayibheli ukuthi ukuhushula isisu kuphambene nomthetho kaNkulunkulu.
112.UShembe wasenqabela thina njengamaNazaretha ukuba sidle noma sisebenzise umuthi.
113.Njengokubhema ugwayi, miningi imibuzo eyaye ivele kubantu ngendaba yokungawudli umuthi.
114.Owokuqala umbuzo uyaye uthi iBhayibheli alikhulumi lutho ngokungadli umuthi, okwesibili kube indlela yokuchaza umuthi. Kuliqiniso ukuthi iBhayibheli alikhulumi lutho ngomuthi.
115.Okuseqinisweni alikho igama eliseBhayibhelini noma esingisini elithi ‘umuthi’ ngoba ngomuthi asisho i-medicine kuphela ngoba leligama lichaza into ewumkhuba kakhukazi otholakala kubantu abamnyama, yikho ngesingisi kube negama elingumfakela elithi ‘muti’
116.Okuyikho ukuthi uMprofethi wayesenqabela ukuba sidle umuthi, futhi sasiphila ngaphandle kokudla umuthi. Mina ngaqala ukuya kudokotela sengaqeda u matric.
117.Siyazi-ke ukuthi kulesi sikhathi samanje sekulukhuni ukuchaza umuthi. Kodwa ngesikhathi soMprofethi kwakungenjalo, ngoba nezibhedlela zazingakandi ngaleso sikhathi.
118.Umuntu ongumNazaretha akabhuli, akahloli, akathwasi, akazihlanganisi nobungoma futhi akawahlabeli amadlozi.
119.Lo mthetho ususelwa eBhayibhelini kuLevi 19 verse 31; Levi 20 verse 27; Deuteronomy 18 verse 9-14, 1 Izikronikha 10 verse 13-14 kanye nezincwadi eziningi zebhayibheli.
120.Ngalendlela thina esazalelwa ebuNazaretheni, sakhula sifundiswa lokho, nokho emva kwesikhathi kutholakala sekunamaNazaretha amaningi esehamba phambili ukwenza lemikhuba ephambene nenkolo kaJehova!
121.NoShembe ukhulume kakhulu ngokuthi umNazaretha akawahlabeli amadlozi, futhi akazihlanganisi nobungoma!
122.Kuthe uma kufika ingelosi yafike yalwa nathi, isibuza ukuthi lo mkhuba ungene kanjani ebandleni lamaNazaretha ngoba akukaze kube imfundiso yoMprofethi.
123.Yabe isiseluleka ngokuthi kumele sibuyele ezimfundisweni zomprofethi. Sesikhulume kakhuluke sichaza lokhu, engingasiboni isidingo sokulokhu ngikuchaza.
124.Umuntu ongumNazaretha akayidli inyama yesilwane othe uJehova ingadliwa. Lona umthetho kaJehova oqondile, otholakala kuLevi 13 verse 1-47. Ingakho umNazaretha engayidli ingulube ngoba kuLevi 13 verse 7-8 uJehova uyasenqabela ukuba siyidle.
125.UmNazaretha akalidli igazi lesilwane ngoba uJehova uyasenqabela ukwenza lokho ku Levi 17 verse 10-14.
126.Kanjalo futhi umNazaretha akayidli incuba njengokusho kukaJehova ku Levi 17 verse 15-16. Incuba isho inyama yesilwane esizifele. Ngisho ngabe kuthathe iminithi elilodwa ifile ingakaqedelwa, isiyincuba!
127.Kunoku khuluma kwamanye amaNazaretha okuthi umNazaretha akayidli inkukhu, noma ngomhlangano umNazaretha akayidli inkukhu.
128.Lowo umthetho amaNazaretha azishayela wona, kodwa iBhayibheli alikhulumi ngenkukhu, noShembe akaze asho ukuthi umNazaretha engayidli inkukhu.
129.Kuyisigaba sokuqala sencwadi ethi IZINDABA ZIKASHEMBE ebhalwe ngu-Advocate Mnyandu, nanka amazwi kaBabamkhulu ngenkukhu:
130.“Ngelinye ilanga, ngo 1925, uShembe uthi wayehlezi egcekeni lomuzi lapho okwakufuywe khona izinkukhu. Kwaqhamuka isangoma esasizidlulela ebaleni, sashaya ikhala sifinya, amafinyila awela phansi.
131.Saphinda futhi sakhwehlela sakhipha isikhwehlela sawela phansi egcekeni. Zagijima izinkukhu zayokudla konke lokho kungcola.
132.Kusukela ngalolo suku uShembe wagcina ngci ukudla inyama yenkukhu. UShembe uthi: ‘Ngangivele ngigule uma ngizwa iphunga lenyama yenkukhu, ngisho kuthiwa ibilisiwe, iphunga layo lalingigulisa.
133.“Bantabami, inyama yenkukhu iyinyama engcolile ngoba izinkukhu zidla zonke izinto ezingcolile. Kungcono ukuzifaka ehhokweni ukuze zingadli izinto ezingcolile.”
134.Nathi sakhula sazi ukuthi uma inkukhu izohlatshwa igcinwa endlini iboshiwe idla umbila izinsuku ezingu 7. Konke lokhu osekushiwo ngamaNazaretha asikwazi!
135.UmNazaretha akawadli amagilebhisi. Amanye-ke amaNazaretha ayaye athi eKuphakameni awukho umthetho othi singawadli amagilebhisi.
136.Baqinisile, ngesikhathi sikaBabamkhulu, cishe nangesikhathi seNkosi Langa ayengekho amagilebhisi KwaZulu, ese Cape kuphela.
137.Ekuqaleni izitolo lapha kwaZulu zazingazi dayisi izithelo. Nami ngikhule kungekho zithelo ezidayisa ezitolo. Izithelo zaqala ukudayisa ezitolo ngokufika ko Checkers no Pick and Pay.
138.Ngakho-ke uShembe wayengenke ashaye umthetho ngento vele engekho, ngoba nakwa-Israel uJehova wayengawushayi umthetho ngento engekho. Kodwa iBhayibheli likucacisile ukuthi umNazaretha akawadli amagilebhisi.
139.Wonke umuntu wesilisa ongumNazaretha kumele asoke, ukusoka komNazaretha akusilo usiko, kodwa kungumthetho kaNkulunkulu osuselwa kuGenesis 17 verse 10-12.
140.Njengokomthetho kaJehova ingane isokwa kusukela inezinsuku ezingu 8 izelwe.Thina e-NCG siyakwenza lokho, asiyi kosoka ehlathini njengokosiko lwabantu. Sisoka esibhedlela bese sihlambuluka.
141.UmNazaretha akayifuyi inja, abanye abantu baye babuze ukuthi uShembe wakuthathaphi ukuthi inja ingafuwa, ngoba lokho akukho eBhayibhelini?
142.Kwa-Israel izinja zazingafuwa, kuyisilwane sasendle njengamabhubesi, izingwe, amankentshane nezinye izilwane. Kwakungenke-ke uJehova eshaye umthetho ngesilwane vele esingafuwa.
143.Kodwa inja uma ingafuyiwe iyefana nengwe nebhubesi, ngoba indla inyama, iyamudla nomuntu ngokwemvelo yayo!
144.Isilwane esidla umuntu asihlambulukile ukuthi sifuywe umuntu ongumNazaretha. Ziningike ezinye izizathu engingezibale lapha.
145.Umuntu ongumNazaretha akagcabi, akabetheli, akaziqinisi, akayenzi into ezosebenzisa umuthi, ukufaka umuthi emzimbeni uliNazaretha ukuzingcolisa umzimba olithempeli likaNkulunkulu.
146.Ibandla lamaNazaretha ligcina imikhosi kaJehova enesinkwa esingenamvubelo ebizwa ngokuthi umhlangano ongcwele njengokuyala kukaJehova ku Exodus 23 verse 14-15.
147.Ngalemihlangano wonke umNazaretha uyalinda ngokungazihlanganisi nocansi futhi engasidli isinkwa esinemvubelo inyanga yonke yomhlangano. Okungu January, July no-October.
148.Lokhu kulinda kwenzeka ngisho umuntu engekho emhlanganweni. Kulemihlangano kwamukeliswa isidlo.
149.NgokobuNazaretha isidlo samukeliswa ebusuku, siwubungcwele okwethanyelwa ilabo abasidlayo kuphela.
150.Umuntu ozomukeliswa isidlo uyalinda usuku lonke engadli, eze edle emva kwesidlo. EbuNazaretheni isidlo asinalo iwayini ngoba umNazaretha akaliphuzi iwayini.
151.Kunakho konke uShembe wasifundisa ukuthandaza, umthandazo wokuqala siwuthandaza ekuseni lingakaphumi ilanga, owesibili siwuthandaza uma sekushone ilanga, kanti owesithathu siwuthandaza uma siphaphama ebusuku.
152.Isikhathi esiningi lo mthandazo siwenza ezindaweni ezingaphandle komuzi, esizibiza ngokuthi iziGuqo.
153.Ukuthandaza kuyisisekelo sanoma iliphi ikholwa, futhi ikhona okwenza ukuthi nanoma yini oyicelayo kuJehova ugcine uyitholile.
Nkosi, Nkosi kubusise
Lobu buNazaretha
Uchoboze izitha zabo
Zingabuvukeli.
Vuka, vuka wena Nkosi
Mabulwelwe nguwe
Uzuhambe phambi kwabo
Zingabuvukeli.
INkosi ibusise enikuzwile.