Uma njalo ezinkonzweni zethu sihlale sibiza igama likaYeshua, sithi ‘uYeshua uyiNkosi’, kodwa singayilandeli imiyalo yakhe, sigcwalisa lamazwi akhe athi:
“Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yabo ikude nami; bangikhonza ngeze, befundisa izimfundiso eziyimiyalo yabantu.’
Ngalesi senzo yikho mhla sifika kuYeshua eyothi: “Sukani kimi benzi bobubi, anganazi!
Imini yesabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko salenkonzo sithi: “EZULWINI SIYONGENA NGOKUGCINA UMTHETHO KAJEHOVA.”
Hezekeli 3:16-19:
1.“Kwafika kimi izwi likaJehova, lathi: ‘Ndodana yomuntu, ngikuqoke ukuba ngumlindi kuyo indlu ka-Israel, ngakho-ke UYAKUZWA IZWI ELIPHUMA EMLONYENI WAMI, ungixwayisele bona.
2.Uma ngithi komubi, ‘uyakufa nokufa’, bese ungamxwayisi omubi endleleni yakhe embi, ukuba umsindise, uyakufa ngenxa yezono zakhe, kodwa igazi lakhe ngolibiza esandleni sakho.
3.Kepha uma umxwayisile omubi, kodwa angabuyela ebubini bakhe, nasendleleni yakhe embi, uyakufa ngenxa yesono sakhe, kodwa wena uwusindisile umphefumulo wakho.” Amen!
4.Kukhona umehluko phakathi kokuthi ushumayele izwi likaNkulunkulu ngoba ufikelwe ugqozi lokwenza lokho,
nokuba kufike uJehova uqobo lwakhe kuwe, akuthume ukuthi hamba uyoshumyela izwi lakhe!
5.KuHezekeli kwafika uJehova uqobo lwakhe, wamthuma ukuba ayoshumayeza abantu bakhe, nokuthi uma engakwenzi lokho uzomjezisa!
6.Ukuthunywa nguNkulunkulu kungaba inhlanhla, kube futhi isiqalekiso, kuye ngokuthi wena ukuthathe kanjani.
7.Uma uthunywa nguNkulunkulu, kumele wenze njengoba uthunyiwe, ukuze uNkulunkulu angakujezisi!
8.Angifikelwanga ugqozi lokukholwa ukuba ngihlale ngitshela isizwe sakithi ukuba siphile ngezimiso zikaJehova, kodwa ngathunywa uShembe uBaba iLanga ukuba ngikwenze lokhu!
9.Kwesinye sezihlabelelo uShembe uthi: “Inhlaba umuthi wasendle awuthathi lutho ngokubaba kunezwi lakho Simakade ezinhliziweni zabaningi.”
10.Lokho kusho ukuthi abantu abaningi bengakhetha ukudla umuthi, kungakhathaleki ukuthi ubaba kangakanani, kunokuba benze lokho okufunwa nguNkulunkulu.
11.Kulentshumayelo sibonisa ukuthi uShembe, amaNazaretha amazi ngokuthi nguBabamkhulu, wayivusa kanjani inkolo kaJehova owayeyilethe kithi ngoMose esizweni sakwa-Israel entabeni yaseSnayi.
12.Ziningi izinto ezenza sikwazi ukubona ukuthi imfundiso ngomlando wenkolo nesizwe sakithi wahlanekezelwa ngabezizwe!
13.Izincwadi zomlando kaYeshua zikumaGospel amane aku New Testament.
14.Kulama Gospel akufihlekile ukuthi uYeshua wayeyinzalo yesizwe sakwa-Israel, esagcina sesibizwa ngamaJuda, ngoba singaphansi kwendlu kaJuda.
15.Namuhla sesiyazi ukuthi igama likaYeshua, kuyi New Testament okunguJesu, ilona gama likaMesaya owayengu mholi webandla lamaNazaretha!
16.Ngokwemibhalo yemilando, nangokwancwadi yeZenzo, sesiyazi ukuthi uYeshua waze wahamba emhlabeni eshumayela ivangeli ngokwezimfundiso zikaMose, eya enkonzweni ngeSabatha!
17.KuMathewu 10 uYeshua wathuma abafundi bakhe ukuba beyoshumayela. Kuvesi 5-6 uYeshua uthi: “Ningayi kwabezizwe…., kodwa yanini ezimvini ezilahlekileyo zendlu ka-Israel.”
18.Ngokusobala, lonke ivangeli lakhe lalingokugcina umthetho kaMose njengabo bonke abantwana bakwa-Israel!
19.Kanjalo nabafundi bakhe babefundisa ngenkolo kaMose noma yena engasekho emhlabeni. Kuyi-Zenzo 28:22-24, abantu bakhuluma kanje kuSha’ul:
20.“Kepha thina siyathanda ukuzwa ukuthi ucabangani, ngokuba siyazi ngalelihlelo (lamaNazaretha) ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke.
21.(USha’ul) wabacacisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebanxenxa ngoJesu ETHATHELA EMTHETHWENI KAMOSE NAKUBAPROFETHI, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.”
22.Lamavesi ayakucacisa ukuthi uYeshua nabafundi bakhe babeshumayela ivangeli lenkolo kaMose. Nasekuvukeni kwakhe uYeshua abafundi bakhe wabayala ukuba baqhubeke nevangeli lakhe ngokugcinwa komthetho kaMose!
23.UYeshua wahamba emhlabeni engumNazaretha, nabafundi bakhe oSha’ul bashumayela kwabezizwe ivangeli lehlelo lamaNazaretha.
24.KuMathewu 24:1-2 kuthi: “Kuthe uJesu esephumile ethempelini, kwasondela abafundi bakhe, bamkhombisa izakhiwo zethempeli.
25.Waphendula wathi kubo: “Anikuboni yini konke lokhu na? Ngiqinisile ngithi kini: akuyikushiwa lapha itshe phezu kwelinye elingayikudilizelwa phansi.”
26.Lapha uYeshua wayekhuluma ngesizwe sakhe esasizo hlaselwa yisizwe samaRoma, sidilize neThempeli.
27.Nempela ngo 70 A.D, uYeshua engasekho emhlabeni, isizwe samaRoma sayihlasela iJerusalema, sabhidliza neThempeli likaJehova!
28.Uma ufunda iTestamente Elisha ulihlanganisa nomlando wokuhlaselwa kweJerusalema, nokubhujiswa kwethempeli likaJehova ngo 70 A.D, kuyacaca ukuthi isizwe samaJuda sahlaselwa yisizwe samaRoma uYeshua engasekho emhlabeni.
29.Okungaba ngumbuzo-ke ukuthi pho kwenzeka kanjani ukuthi isizwe samaRoma sifike sihlasele isizwe samaJuda, sibhubhise ithempeli likaJehova, bese sithola sekunguYeshua osengumholi wenkolo yesizwe esibhubhise amaJuda?
30.UYeshua wasishiya nini isizwe sakubo ukuze abe ngumholi enkolweni yabezizwe?
31.Ayikho into eyingozi njengokuthi isizwe singagcini ngokuthumba umzimba wakho, kodwa sithumbe nengqondo yakho, ukuze siqede ngawe!
32.Umphumela walokho ukuthi kusetshenziswe wena ukuqeda ngenkolo yakho, njengoba sekwenzeka esizweni sakithi!
33.Asikucacise ukuthi usekhona umsuka wenkolo kaMose, iMosaic faith, namuhla esibizwa ngokuthi iJudasm.
34.Noma lenkolo kaJehova isiqhutshwa abamhlophe, kodwa isanamathele emthethweni kaJehova, njengokugcina iSabatha; ngakho-ke sisangafunda okuningi kuyo!
35.Kodwa kungukuzi khunga ukwamukela inkolo echithe inkolo yakho, ukuvuma isebenzise wena oyinzalo ka-Israel ukuphika lenkolo yakho!
36.Ukuze sishiwe sidideke kakhulu, akushiwo ukuthi uYeshua kulenkolo entsha waba khona nini,
futhi ngenke beze bakusho lokho, ngoba lomsindisi abasifundisa ngaye ungowenkolo esungulwe yibo!
37.Ngakho-ke ukuze zonke izinto zethu ziqonde, kumele sibuyele enkolweni kaJehova njengoba yalethwa kithi nguMose, yaqhutshwa nguYeshua nabafundi bakhe!
38.Okwanamuhla sizogxila ezimfundisweni zikaYeshua, ngoba siyaye sithi singabalandeli benkolo yakhe, yize simkhonza kuphela ngezindebe zomlomo!
39.Okokuqala uYeshua wazisholo ngomlomo wakhe ukuthi usaqhuba inkolo kaMose, nempela wayigcwalisa imithetho kaMose!
40.KuMathewu 5:17-19 uYeshua uthi: “Ningasho ukuthi ngizochitha umthetho nabaprofethi, angizanga ukuzochitha, kodwa ngize ukuzogcwalisa.
41.Ngokuba ngiqinisile ngithi kini, KOKWEDLULA IZULU NOMHLABA, KODWA AKUSOZE KWEDLULA NALINYE IGAMA, NASICASHANA SOMTHETHO, KUZE KUFEZEKE KONKE.
42.NGAKHO-KE OWEQA OWODWA KULEMIYALO EMINCINYANE, AFUNDISE ABANYE KANJALO, UYAKUTHIWA NGOMCINYANE EMBUSWENI WEZULU.
43.KEPHA OYIGCINAYO, AYIFUNDISE, LOWO UYAKUTHIWA MKHULU EMBUSWENI WEZULU!”
44.Uvesi19 awusiyo imfundiso kaMose, kodwa NGUMYALO KAYESHUA OGCWALISA UMTHETHO KAMOSE!
45.NguYeshua owathi ONGAWUGCINI UMYALO WAKHE (OTHI ASIGCINE UMTHETHO KAMOSE), abuye afundise abantu kanjalo, ANGENKE AWUBONE UMBUSO WEZULU!
46.Akagcinanga lapho uYeshua, kodwa kuMathewu 7: 21-23, uthi: “Akusibo bonke abathi kimi: “Nkosi, Nkosi” abayokungena embusweni wezulu, kodwa kuphela yilowo owenza intando kaBaba osezulwini.
47.Abaningi bayothi kimi ngalolo lusuku: “Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amadimoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho na?
48.Khona ngiyakubatshela emehlweni ngithi: “Angizange nginazi, sukani kimi nina benzi bokubi!”
49.Akuqondakali ukuthi uma sithi singabalandeli bakaYeshua ngempela, kuyaye kwenziwe yini ukuthi singanamatheli ezimfundisweni zakhe?
50.Angazi noma ngabe nathi sangenwa ivangeli elithi imithetho kaMose nezimfundiso zabaprofethi ziyisi vumelwano esidala okumele sizi qhelenalise naso?
51.Kodwa isimanga ukuthi zonke lezi zimfundiso ezithi SONGENA EZULWINI KUPHELA UMA SIGCINA UMTHETHO KAMOSE, ZIMFUNDISO ZIKAYESHUA NABAFUNDI BAKHE, ngakho-ke ezingekwazi ukubizwa NGESIVUMELWANE ESIDALA!
52.Uma njalo ezinkonzweni zethu sihlale sibiza igama likaYeshua, sithi ‘uYeshua uyiNkosi’, kodwa singayilandeli imiyalo yakhe, sigcwalisa lamazwi akhe athi:
“Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yabo ikude nami; bangikhonza ngeze, befundisa izimfundiso eziyimiyalo yabantu.’
53.Ngalesi senzo yikho mhla sifika kuYeshua eyothi: “Sukani kimi benzi bobubi, anganazi!
54.Kusho uYeshua ukuthi UMA SINGAWUGCINI UMTHETHO KAJEHOVA UNKULUNKULU WETHU, ASINASABELO KUYESHUA!
55.Pho yini eyenza sicabange ukuthi mhla sahlangana naye ekufeni, angenke asho ukuthi “Sukani kimi benzi bobubi, anginazi?”
56.KuJohane 14:15 uYeshua uthi: “Uma ningithanda gcinani IMIYALO YAMI!” Lelivesi kumele silifunde noMathewu 5:19, lapho khona uYeshua ethi:
57.“NGAKHO-KE “OWEQA OWODWA KULEMIYALO EMINCINYANE, AFUNDISE ABANYE KANJALO, UYAKUTHIWA NGOMCINYANE EMBUSWENI WEZULU;
58.KEPHA OYIGCINAYO, AYIFUNDISE, LOWO UYAKUTHIWA MKHULU EMBUSWENI WEZULU!”
59.Mhlawumbe sibambelele ezimfundisweni zabezizwe ezibizwa ngemfundiso zikaSha’ul, ngazo abezizwe ababeqeda inkolo kaJehova.
60.Kodwa ngophenyo, sengitholile ukuthi lezi zincwadi azibhalwanga ngu Sha’ul owayengumholi webandla lamaNazaretha, nochazwe kuyi-Zenzo 24:5.
61.Lezi zincwadi zanikwa igama likaShaul ukuze zibe nesisindo ekuchitheni inkolo kaJehova!
62.Abafuna ulwazi olwanele ngalokhu, abafunde incwadi kaRav Sha’ul oliJuda, ethi: THE NAZARENE, betrayed, beaten……begotten!
63.USha’ul wayengumholi webandla lamaNazaretha elalikade liholwa nguYeshua; akaze afundise ngento ephikisana nezimfundiso zikaMose nezika Yeshua, ngoba nguye owayeshumayela ngenkolo kaMose!
64.Nanka amazwi kaSha’ul
atholakala kumaHebheru 10:26-28: “Ngokuba uma sona ngamabomu, emva kokuba sesilwamukelwe ulwazi olupheleleyo lweqiniso,
akusekho mhlatshelo ongenziwa ngenxa yezono, kepha kuphela ukulindela ukwehlulelwa okwesabekayo, nomlilo ovutha bhe ozongqongqisa amaphikankani.
65.NNOMA NGUBANI OPHULE UMTHETHO KAMOSE, UYAKUFA ENGAHAWUKELWANGA NGEZWI LOFAKAZI ABABILI NOMA ABATHATHU!”
66.Noma ubani ofunda izincwadi zika Sha’ul ezihlale zicashunwa, uyabona ukuthi ngomunye umphostoli lo okhuluma kulencwadi yamaHebheru!
67.Uma iBhayibheli ulifunda ngokucophelela, uyakwazi ukwehlukanisa PHAKATHI KWEZINKULUMO ZABAFUNDI BAKAYESHUA, NEZEZINCWADI ZABEZIZWE ABAZIBIZE NGOKUTHI NGEZABA POSTOLI UKUZE NGAZO BACHITHE INKOLO KAJEHOVA!
68.Esifundisa ngomthandazo omkhulu uYeshua uthi: “INTANDO YAKHO MAYENZIWE EMHLABENI NJENGOBA YENZIWA EZULULWINI.
69.NguYeshua owathi umthetho kaJehova awugcinwe emhlabeni njengoba ugcinwa ezulwini!
70.Zonke izinsuku sithandaza ngalamazwi ashiwo nguYeshua.
71.Kodwa SIYATHANDA YINI UKUTHI UMTHETHO KANKULUNKULU UGCINWE EMHLABENI NJENGOBA UGCINWA EZULWINI?
72.EZULWINI KUGCINWA ISABATHA, EZULWINI ALIGUNDWA IKHANDA, AYIDLIWA INGULUBE.
73.EZULWINI KUGCINWA YONKE IMITHETHO KAJEHOVA!
74.NGABE THINA SIYATHANDA YINI UKUTHI UMTHETHO KAJEHOVA UGCINWE EMHLABENI?
75.UMprofethi Isaya Shembe kwenye intshumayelo uthi: “Bantabami, ngithanda ukuthi namhlanje nginiyalele indlela eya EMZINI OYINGCWELE, engahambi ekwazini nasekuqondeni komuntu.
76.UKUKHOLWA KWALAPHA UKUGCINA UMTHETHO.”
77.UShembe ufakazela uYeshua ukuthi ezulwini kungenwa ngokugcina umthetho kaJehova!
78.Uthi-ke uShembe: “NGATHI YESABANI USUKU OLWESABEKAYO MHLA KUWE KUFIKA UMHLA WOKUPHELA.
79.Maningi amazulu, nezihogo zikhona, ziningi, kodwa nina ninenhlanhla yokuyalelwa indlela yokuya EZULWINI LIKAJEHOVA nisengapha.
80.Lelizulu uJehova okulo alifani namanye, liyakhanya, amanye amazulu amnyama, ayavuza, anendlala, anayo yonke inhlobo yokuhlupheka!” Amen!
81.INkosi iLanga kwenye intshumayelo ithi: “Ngiyanicela, nibafundise abezwayo, nibayeke abangafuni, ISIHLUNGO SIYOZIHLUNGA.”
INkosi ibusise enikuzwile!
Lentshumayelo iyatholakala ku Youtube nefacebook ethi Rev Mpanza NCG.