Ngiyacela maNazaretha kaNkunkulu ukuba umuntu nomuntu akake azibheke ukuthi wenza okufanelekile yini phambi kukaJehova, engabhekwa omunye umuntu, azibheke yena ukuthi wena wenza okufanelekile yini phambi kukaJehova. Kusifanele yini ukuba sisabalalise izwi likaJehova umhlaba wonke, kufanele siqonde ukuthi ukuba phakathi kwabangcwele ungekho ngcwele akukwenzi ukuba nawe ube ngcwele.
By Mfundisi Mabaso
ISIHLABELELO 208 verse 4.
4 Thuthuka, thuthuka
Thuthuka buNazaretha
Thuthuka, thuthuka
Izizwe zomile,
Zifuna ukuphuza kuwe
Zikholwe zichichime
Ngezwi lakho.
1.Isihloko salentshumayelo yanamhlanje ekuseni sithi isikhungu esisabalalisa izwi lezulu. Ziningi izikhungo ezikhona kodwake namhlanje sizogcina ngesikhungo esisabalalisa izwi lezulu. Ngokujwayelekile uma abazali befuna ukuhambisa abantwana ezikhungweni zemfundo ephakeme, baye babheke ukuthi bazozihambisa kuziphi izikhungo. Uthola abantu abakwaZulu Natal bekhetha izikhungo ezile kude, izikhungo ezikwamanye ama province nakwamanye amazwe, kwesinye isikhathi. Ngabe kudalwa yini lokho, sike sizibuzeni ukuthi kudalwa yini?
2.Uzwe umzali ethi eyami ingane izofunda e-Cape Town, eyami izoya kofunda e-Wits, kodwa lokho afuna ukuthi ingane ikufundele kukhona khona lapha eThekwini, kukhona khona lapha eMpangeni, kukhona khona lapha eMlazi. Zonke lezi zikhungo zithola uxhaso kubakhokhibentela, zithola uxhaso kuhulumeni, isikhathi esiningi-ke bantwana bokukholwa, sikhetha ngoba silandela usikompilo lwaleso skhungo, sibheka ukuthi leso skhungo siphila siko luni lwempilo.
3.Kungabe ingane yami uma ngiyiyisa kulesiya sikhungo izoluthola yini usikompilo oluphilwa kulesiya skhungo, izoncela yini kuso isikhungo leso. Usikompilo lwaleso skhungo senza abantu abangaphakathi kuso leso skhungo baphile okumelelwe isikhungo. Isikhungo sizimele nje, asincikile kubantu abathize, asincikile futhi nase zikhulwini ezithize, isikhungo nje siyi institution, sizimele.Kodwa futhi uma sizimele isikhungo sinosikompilo lwaso, uma kuhamba umphathi waso eya kwenye indawo, siyaqhubeka isikhungo sisebenze ngoba sinosiko Mpilo lwaso.
4.Ngapha kwezenkolo khona kumi kanjani, sizikhetha kanjani izikhungo zenkolo okumele sizilandele? Engabe sibheka ukuthi uNkulunkulu ukhona yini kuleso sikhungo noma sibheka ukuthi sizotholani umuntu ngamunye ngamunye? Sizotholani thina siqu sethu kuyisikhungo sezenkolo? Ingabe uma siya ngokweziqu zethu phela sivele sithi hhayi thina asisaphili ngaphansi komthetho, thina sesinowethu uNkulunkulu esimkhethileyo, esizakhele yena? Kungabe thina sibhekani kahle kahle uma sithi silandela isikhungo sezenkolo?
5.Encwadini kaMathewu 13 verse 1-14. Angizowufunda wonke, nizozifundela nje khona singezukubambezeleka. “Ngalolo suku uJesu waphuma endlini, wahlala phansi ngaselwandle. Kwase kubuthana kuye izixuku eziningi, waze wangena emkhunjini, wahlala phansi, uquqaba lonke lumi ogwini. Wakhuluma kubo okuningi ngemifanekiso,” Ku-verse 11 kuthi “Waphendula-ke, wathi kubo: “Nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu; kodwa bona kabakuphiwanga.
6.Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, kuvame; kodwa lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho. Kungalokhu ngikhuluma kubo ngemifanekiso, ngokuba noma bebona, kababoni, noma bezwa, kabezwa, kabaqondi. Kugcwaliseka kubo isiprofetho sika-Isaya sokuthi: “‘Ngokuzwa niyakuzwa, ningaze naqonda; ngokubona niyakubona, ningaze nabonisisa;”
7.Inhloso yami yokufunda le ncwadi kaMathewu 13 verse 1-14, noma ngingawafundanga wonke amavesi, kodwa ngikhethe lawo nalawo, ukucacisa ukuthi uYeshua wabe esebenza ngaphansi kwesikhungo esithize. Kulesi sikhungo uYeshua owabe esebenza ngaphansi kwaso, sabe sikhulume le ndaba yasezulwini, kuvisi 11 walencwadi esiyifundile uthi. “Nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu kephi bona abaphiwanga” Lapha uJesu wayephendula abafundi bakhe ababebuza ukuthi yini indaba yakhulume ngezingathekiso, ngezifaniso uma ekhuluma noquqaba lwabantu owayekhuluma nabo.
8.Useyaphendulake uYeshua uthi, hhayi ninenhlanhla phela nina ngoba niyakwazi ukuba niqonde, niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu kepha bona abaphiwanga, Ingakho nje uma ekhuluma nabo enze isikhangathekiso sezinto ezilula kubona ukuba bezizwe. Kulesi sikhungo uYeshua owabe esebenza ngaphansi kwaso, kwakukhona isakhiwo, kwakuyi structure, lapha siyathola ukuthi uYeshua wabe enabafundi bakhe, siyathola ukuthi wabe eshumayela izwi lezulu.
9.Kungabe babeshumayela izwi lezulu beqhamuka emakhaya abo, bengekho ngaphansi kwe structure noma isakhiwo esithize. Yini eyayibanikeza umkhombandlela wezinto okumele bazenze, bazitshele abantu? Isakhiwo esigqamile esitshelwa ngaso, kwakungabafundi bakhe, abafundi baka Yeshua, babeyishumi nambili. Babeyi structure, babeyisakhiwo esasenza ukuthi uYeshua aqhube umsebenzi okumele awuqhube emhlabeni. Ibhayibheli lisitshela ukuthi isikhathi esiningi uYeshua lapho ayehamba khona wayesuke ehamba nabo abafundi babo. Siyathola ukuthi uYeshua wabe efakazisa ngeziprofetho zabaprofethi ababemandulele, abaprofethi bakaJehova.
10.Uvesi 14 walencwadi engiyivulile ngenhla uMathewu 13 verse 1-14, u14 uthi: “Kugcwaliseka kubo isiprofetho sika-Isaya sokuthi: “‘Ngokuzwa niyakuzwa, ningaze naqonda; ngokubona niyakubona, ningaze nabonisisa;” Siyatholake lapho ukuthi kwakunenqubomgomo nosiko Mpilo ababephila ngaphansi kwalo uYeshua nabafundi bakhe, wena luthini olwakho usikompilo, njengoba uyingxenye yebandla lamaNazaretha kaNkulunkulu, iHamente eyingcwele kusukela namhlanje, olwakho usiko mpilo luthini, lumi kuphi?
11.Siyathola ukuthi uYeshua wayenabafundi bakhe, babesesikhungweni esithize ababeqhuba khona usiko oluthize. Kodwa esinesiqinisekiso sakho ukuthi usikompilo ababeluphila kwakuwukushumayela izwi lezulu. Wena luthinike olwakho usikompilo.
Kujwayelekile ukuzwa amakholwa ethi ‘eyi ngiyayithanda inkolo yobuNazaretha ngoba incike kakhulu kumasiko’ yeyi imihlola, Ingakho nje kugcwele omasakandi ebuNazaretheni. Usuthi uyabona uma kuhlangene oMaskandi, hawu manje kwase kusiniswa, kuthathwa usikompilo lobuNazaretha kodwa uyabona khona lapho ukuthi akusiwo amaNazaretha lawa, oMaskanda laba.
12.Kujwayelekile ukuzwa amakholwa ethi thina asisaphili ngaphansi kwemithetho, noma siphila ngaphansi kwemithetho kodwa siyayikhetha, sesenza thina okuthandwa yithi. Thina sesine structure noma sesine institution noma sesinesikhungo sethu kodwa sibe sincike kakhulu emsebenzini kaJehova, sidukisa abantu sibe sincike kakhulu emsebenzini kaJehova. Siyayishintsha inkolo kaJehova, ihambisane nathi, ihambisane nokuthandwa yithi, bese siyenza enye into, sifundise abantu into ethandwa yithi, sifundise abantu ukuthi thina sizizwa kanjani ngezikhathi ezithile, sifundise abantu ngemizwa yethu hhayi ngenqubomgomo kaJehova.
13.Ubezwa abantu sebayalwa, omunye nomunye uthi uyena umholi webandla, kunomsindo kunokuxokozela entweni kaJehhova, ingoba sifuna okuthandwa yithi kodwa sibe sisebenzisa isakhiwo sikaJehova. Uzwa abantu abangakholwa, nabahlubuke uJehova bethi bakhuphula abadala, bakhuphula abadala asebahamba emhlabeni, besho abantu bakubo asebashona, ubezwe bethi babakhuphula isiNazaretha. Hawu kahleni bo, inguqbo mgomo yesakhiwo leso, inqubomgomo yesakhiwo sikaJehova, inqubomgomo yesakhiwa esisabalalisa izwi likaJehova emhlabeni wonke, babakhuphula isiNazaretha ngoba amaNazaretha iwona ahamba phambili ekuhlubukeni uJehova.
14.Azengamele imicimbi yomubi, imicimbi yabantu abamelene noJehova, Ingakho befuna ukuninda ibandla likaJehova, amaNazaretha, bayawaninda ngodaka. Uzwe umuntu ongakholwa ethi hhayi kade ngikumprofethi thizeni noma umthandazi thizeni wamaNazaretha, ezongikhuphulela abadala noma ezongilethela abadala lapha ekhaya, sibangenisa ngobuNazaretha. Inqubomgomo yasiphi structure, inqubomgomo yayiphi i-institution leyo yokungenisa abadala isiNazaretha?
15.Abagcini nje ngokuhlubuka kuJehova, aze afundise nabangakholwa ukuthi uma sebeqala ukukholwa, mabakholwe enkolweni ephikisa uJehova. Ukwenza nje kwabantu ngendlela ehlukile kule efunwa uJehova, ngendlela ehlukile kulena uMprofethi uBabamkhulu asifundisa ngayo, kwenza ukuthi abantu abasibukayo nabalalelayo esikukhulumayo bafune ukulandela into okungesiyo. Wake walibona iNazaretha elihamba liyokhipha izithebe zenyama ehlatshelwe abangasekho, lilawule, likhiphe imkhono, liyihlahlele yonke inyama? Lithi lena hhayi soyidla kanjani, kodwa le nyama lena ihlatshelwe abantu abangasekho, kuthiwa siyabangenisa, sibafaka kurawondi, sibafaka eqhugwaneni!
16.Isihloko salentshumayelo yanamhlanje ithi isakhiwo esisabalalisa izwi lezulu. Ngizodlula encwadini kaMathewu 12 verse 1-2. “Ngaleso sikhathi uJesu wadabula amasimu ngeSabatha, abafundi bakhe babelambile, baqala ukukha izikhwebu badla, kepha abafarisi bebona lokho bathi kuye, Bheka abafundi bakhe benza okungavunyelwe ukuba kwenziwe ngeSabatha” Le ncwadi isitshela ukuthi uJesu nabafundi bakhe, kukhona umthetho owawukhona okhuluma ngokumele kwenziwe nokungamele kwenziwe uma kuwusuku lwe Sabatha. Kahle kahle siyathola ukuthi kunempilo nengqubo mgomo ababebhekeke ukuba bayiphile, kunengqubo mgomo nosiko Mpilo izitha zabo noma abantu ababemelene nabo ababegade ngayo ukuthi eyi uma bake bathi thuphazi nje ngokuqonda kwabo okufishane, bazobahlasela, sebebatholile. Underline, uma bake kwathi nje qwazi ngokuqonda kwabo okufishane, bazobakhela babaxine ngayo leyo mbuzo bethi hawu bheka abafundi bakho benza okungavunyelwe ukuba kwenziwe ngeSabatha. Inkoloni le, inqubo mgomo yini le eseniyiphila manje. Siyazi ukuthi abafarisi kwakungelinye lamahlelo ezenkolo ezabe zikhona ngaleso sikhathi, kukhona okulindelekile ukuba abantu abangaphansi kwalesi sakhiwo, ababengaphansi kwaso oYeshua nabafundi bakhe ukuba bakugcine.
Abantu-ke ngokuba senyameni bayathanda ukuthi bacaphune lapho abacabanga ukuthi kuvuna khona bona ukuhlasela isakhiwo sikaNkulunkulu.
17.Baningi abantu abangayiqondi imibhalo ngendaba kaNkulunkulu onguJehova. Abafarisi laba siyathola ukuthi nje bakha phezulu nje bathi uyababona yini abafundi bakhe ukuthi benzani ngeSabatha. Kodwa uma uqhubeka naleyoncwadi ufunda, uyabona ukuthi hhayi akusikho lokhu ababekucabanga bona abafarisi, ukuthi bayakwenza, kodwa babebhizi beshumayela behambisa izwi lezulu umhlaba wonke.
Kodwake bona labo ngokuqonda kwabo okuncane nokuzama ukufeza izinhloso zabo, bafuna ukubeka amabala nalapho angekho khona. Encwadini ka Mathewu 22 verse 23-30. Angizukuwafunda wonke, kunengizama ukukucacisa. Uvesi 23 uthi “Ngalolosuku kwafika kuye abasadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bamubuza, 24 bathi Mfundisi, uMose wathi uma umuntu efa enganabantwana, umfowabo amungene umkakhe, avusele umfowabo inzalo. 25. kwkakukhona kithi izelamani eziyisikhombisi, owokuqala wafa engenanzalo washiya umkakhe kumfowabo, kanjalo nowesibili nowesithathu kwaze kwabe nowesikhombisa. Emva kwabo bonke wafa umfazi, pho ekuvukeni kwabafileyo uyokuba ngumkabani kwabayikhombisa lokho bonke babenaye na?
18.Kepha uJesu waphendula wathi kubo, nidukile ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu, ngokuba ekuvukeni kwabafileyo abaganwa, abendiswa, kodwa banjengezingelosi ezulwini” Lapha ngizama ukucacisa ukuthi uma kunesakhiwo, kunesikhungo esihambisa izwi lezulu, njengesakhiwo nesikhungo uJesu owayengaphansi kwaso, kanye nabafundi bakhe abayishumi nambili, kuye kube khona abantu abazishaya sabagadi mthetho, abantu abazi kancono ezenkolo nemibhalo esebhayibhelini. Sitholile ekuqaleni ukuthi abafarisi bambuza uYeshua bathi hawu benzani laba ngeSabatha na, kodwa wakwazi ukubaphendula.
19.Sesiyathola futhi manje ukuthi sekunabaSadusi nabo futhi abathi wathini uMose kumthetho wakhe, abaziyo vele ukuthi kumele ngabe lesi sikhungo esimele uYeshua nabafundi bakhe bayawugcina loya mthetho kaMose. Okunye eskutholayo kule ncwadi nokungajwayele ukuqhakambiswa emabandleni amaningi ukuthi uJesu noma uYeshua wabe engumfundisi. Isikhathi esiningi baye baphakamise ukuthi mthathu emunye, naye uwuNkulunkulu, uBaba neNdodana bayinto eyodwa, Kepha siyathola ukuthi uJesu uwuMfundisi. AbaSadusi bathi kuye, Mfundisi, uMose wathi uma umuntu efa engakabi namntwana, umfowabo amngeke umkakhe avusele umfowabo inzalo.
Siyaqonda yini ukuthi akukho lapho esithola khona embhalweni eyingcwele ukuba uYeshua kukhona lapho aphikisa khona ukuthi uwuMfundisi.
20.Uyaba yini uMfundisi ungenaso isakhiwo noma i-structure osebenzela ngaphansi kwaso, ube uMfundisi nje ohamba yedwa onganabandla ongalutho, kuyenzeka yini kanjalo uma kuwukuthi ukhuluma izwi lezulu. Kule ncwadi eyandulela lena, sitholile ukuthi kwabe kunabaFarisi ababuza uYeshua ngokuqonda kwabo nenqubo mgomo elawula usuku lweSabatha. Usuku olungcwele, lolusuku esihlangene ngalo namhlanje lapha endlini yokukhonza uJehova. Kulena kaMathewu 22 verse 23-30 siyathola ukuthi kunehlelo labaSedusi nalo elinembuzo mayelana nemithetho kaJehova owayishaya ngeNceku yakhe uMose. Siyatshela akulencwadi ukuthi uYeshua wabe enguMfundisi. Kule ncwadi siyatshelwa ukuthi uYeshua wabatshela abasedusi ukuthi badukile, ngabe thina maNazaretha kaNkulunkulu siyakwazi yini ukuba sime, siyilwele iNkolo kaJehova esikholelwa kuyona, sime sodwa sibatshele abantu ukuba badukile uma besitshela noma uma bezama ukuhumusha imibhalo kaJehova ngendlela okungesiyo.
21.Siyama yini simele isikhungo sikaJehova, simele isikhungo esisabalalisa izwi lezulu umhlaba wonke? Njengamanje ngicabanga ukuthi sesingasho singananazi ukuthi uYeshua wayefundisa abantu ngezwi lezulu, wayefundisa abantu ngoJehova kulesakhiwo owabe engaphansi kwaso. Okwamanje ngisibiza ngesakhiwo noma nge Institution ngoba abakasinikezi igama layo, ukuthi lesi sikhungo yini igama laso lesi sikhongo. Siyabona khona kwakushunyayelwa izwi lezulu kulesi sikhungo. Uma uqhubeka uya kuvesi 33 kuyo lencwadi kaMathewu 22, kuthi “Kwathi izixuku zingakuzwa lokho zamangala ngokufundisa kwakhe.” Ukufundiswa kwakhe-ke kwakuwukufundisa kwezwi lezulu, abatshele ukuthi badukile, indlela abahumusha ngayo imithetho nemibhalo, akusiyo le eqondile ngokwazi kwabo.
22.Bangcwele, isihloko salentshumayelo sithi isikhungo esisabalalisa izwi lezulu. Incwadi kaMathewu 22 verse 34-37 ithi “Abafarisi sebezwile ukuthi uJesu ubathulisile abaSadusi babuthana ndawonye” Ngabe kukhona yini esikufanisa nakho kulesi sizukulwana samanje esiphila ngaphansi kwaso, siyisizukulwana nathi njengoba siphila manje. Isizukulwana sabaSadusi nabaFarisi nempilo kaYeshua nabafundi bakhe kwakuyisizukulwane esithize, nathi-ke manje siphila kwisizukulwana samanje, ngabe kukhona yini esikufanisayo, indlela ezenzeka ngayo manje nathi thina esishumayela izwi lezulu, nabanye abashumayela ezinye izinkolo, abamele ezinye izakhiwo? “Omunye wabo, isazimthetho, wamlinga, wathi: 36“Mfundisi, ngumuphi umyalo omkhulu emthethweni na?” 37 UJesu wathi kuye: “ ‘Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.’”
23.Niyawuzwa umthetho omkhulu ukuthi imuphi? UJesu wathi kuye: “ ‘Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.’” Kukho konke okwakushiwo uJesu akukho lapho sithola khona ebukela phansi uJehova uMdali wezulu nomhlaba kepha uqhakambisa ukuthi uma udumisa uJehova, kumele umdumise kanjani. Lapha-ke uYeshua uphendula abaFarisi nabaSadusi. UYeshua ugcizelela ukwenza kahle ngaso sonke isikhathi phambi kukaNkulunkulu uJehova. UYehsua wabe engaphansi kwesikhungo esithile, lapho khona enguMfundisi khona, lapho khona owayenabafundi bakhe abayishumi nambili ngaphansi kwaso. Ngaphansi kwalesi sikhungo uYeshua wabe esisebenzela eqinisekisa ukuthi izwi lezulu liyasabalala, kulabo okumele lisabalale kubona, lisabalale umhlaba wonke.
24.Ingakho kulesi sihlabelele esiqale ngaso, isihlabelelo 208, uMprofethi uBabamkhulu uyakhuluma uthi abuthuthuke ubuNazaretha, izizwe zonke zomile zifuna ukuphuza. Azifuni nje ukuphuza noma ikuphi, zifuna ukuphuza kubo lobubuNazaretha. Obanike namanje uma ubheka, ngokweqiniso, ubheka uthulula imibhalo, abangahambisi ngemizwa, abangahambisi ngokweduka kwasemhlabeni, kodwa abamele umbuso kaJehova lapha emhlabeni, ngokwakho ukuba ujaje? Engabe thina maNazaretha kaNkulunkulu sisuke kakhulu yini kulokho okumelwe uYeshua nabafundi bakhe? Sengishilo ukuthi uYeshua nabafundi bakhe babengaphansi kwesikhungo esithize beshumayela izwi lezulu.
25.Kwakunamahlelo abaFarsi nabaSadusi nabo babengaphansi kwamahlelo abo, bemele ababekumele, kodwa uYeshua nabafundi bakhe, babekhuluma Izwi lezulu. Babeqhamuka bethi bazobaxina ngolwazi labo olufishane, abaphenduke baxakeke, baze bahlangane, baze baletha isazimthetho. Ngicabanga ukuthi kwakuwummeli wakhona, ukhokhovula wommeli wakhona, ethi uyamphica wavele wamuphendula kalula nje, wajabha! Kungabe thina maNazaretha kaNkulunkulu sihlukile yini kunaleso sikhungo esasimelwe uYeshua nabafundi bakhe?
26.Bantwana bokukholwa kanti yini isikhungo, sengikhulume kakhulu ngesikhungo esasimelwe noma uYeshua nabafundi bakhe ababengaphansi kwaso, siyini isikhungo kanti, sikhuluma ngani uma sikhulume ngesikhungo? Ngamafuphi isikhungo isakhiwo, esisungulelwe ukuqhuba izinhlelo ezithize, njengezenkolo, ezemfundo, ukuthuthukisa umphakathi njalo njalo. Ngamafuphi isikhungo into enjalo, isakhiwo esisungulelwe ukuqhuba izinhlelo ezithize, ezinjengezenkolo ezemfundo, ukuthuthukisa umphakathi nokunye okunjalo, okufuze lokho. Isikhungo-ke bantwana bokukholwa siphathwa ngabanikazi baso isikhungo noma siphathwa ngabagunyaziwo umthetho wokusiphatha.
27.Laba bantu esibabonayo ikakhulukazi ezikhungwini zezenkolo, baye basicacisele yini ukuthi banegunya yokuba bashayele lesisikhungo imithetho. Njengoba sengike ngasho, isikhungo siphathwa ngabanikazi baso, uma kungesibona abanikazi baso, kuba ilabo abagunyazwe umthetho ukusiphatha.Thina kakhulukazi maNazaretha kaNkulunkulu wobani abanikazi bethu, siyaqonda yini ukuthi thina abanikazi bethu uJehova uMdali wezulu nomhlaba? Siyaqonda yini thina ukuthi isikhungo sethu kunesikhungo esingaphakathi kuso. Lesi sikhungo esingaphakathi kuso ngisho ukuthi kunama levels of governance, of management ngaphakathi kuso isikhungo.
29.Lapha ngiqonde ukuthi kulesi sikhungo sikaJehova, uJehova uphathisile izithunywa zakhe, uphathisile abantu abakhethwe nguye abakhethwe nguye, abakhethwe nguye ukuba zihole lesi sikhungo. Hhayi abantu abathandwa amakhosi ethu, hhayi abantu abathandwa izikhulu zikahulumeni bethu, hhayi abantu abathandwa yithi, senginokuzwa nje abanye bethi amakhosi anamandla, hhayi anamandla! Amakhosi anamandla(Chiefs), anegunya yini lokuba azinikeze umthetho wokukhetha abaholi. Balithathaphi igunya, balinikezwe ngubani ngoba phela uma sikhulume ngesikhungo esisabalalisa izwi lezulu umhlaba wonke, sikhuluma ngesikhungo sikaJehova la, asinakuzikhethela thina noma ngabe kuthiwa sithanda kangakanani. Angeke sizikhethele.
30.Uma kuwukuthi uJehova kwenzekile kwangababikho ovelayo ukuthi ubani okumele alandele umholi thizeni, kuye kube khona inqubo elandelwayo kwezomthetho, umthetho ukhona, wawukhona nasemandulo, kulandelwe umthetho. Bantwana bokukholwa isikhungo esiphatheke kahle, siyaye sibe nomthetho sisekelo olawula ukuqhutshwa komsebenzi kaJehova, olawulwa ukuqhutshwa kwesikhungo nezwe. Kokunye isikhungo siyaye sibe nento ebizwe ngokuthi i-statute, okanye siba nama rules and regulations abheka ukuba kulesi sikhungo sizohambisa kanjani, thina siyisikhungo sikaJehova, siyisikhungo esisabalalisa izwi lezulu emhlabeni wonke.
31.Siyayazi imithetho okumele siyilandele, asizisunguleli yona, imithetho ekhona, futhi asifuni ukuba siyiphule, siyi bend noma siyi amend khona kuzofezeka lokhu thina esifuna kwenzeka ngentando yethu. Isikhungo sinabaholi baso, isikhungo sinamalunga aso. Lapha e-South Africa kunezikhungo zenkolo yomdabu, kunezikhungo zezenkolo ezimelene nezwi likaJehova, ezimelene nezwi lezulu. Kunezikhungo muva nje ezizibiza ngezikhungo zamabhinca, ngithi angigxile ngihlale kulezi zamabhinca ngoba sekukaningi emathempelini esijwayele sibona kuthiwa amathempeli kaJehova, sibone sekugida amabhinca. Awagcini ngokugida amabhinca laphana, agcina eseba nomthethelelo ukuthi uJehova ugidelwa kanjani.
32.Kunesikhungo sezenkolo esithuthukisa ulwazi kubantu abafuna ukudumisa uJehova uMdali wezulu nomhlaba. Kuzona zonke izikhungo ezikhona nesengizibalile ngenhla, thina maNazaretha kaNkulunkulu siyisikhungo esithuthukisa ulwazi kubantu abafuna ukudumisa uJehova uMdali wezulu nomhlaba. UMprofethi Isaiah Shembe, ukuthula kube kuye, kusihlabelelo 71 kuthi:
ISIHLABELELO 71
1 Nkosi yami ubungithanda
Zingakaqini izintaba,
Kwaphakade wangigcoba
Ngiwukuqala kwendlela yakho.
2 Ngingumsebenzi wakho wasendulo
Ingakaqini imimango,
Nemithombo yamanzi
Ingaka mpompozi ngamandla.
33.Lapha uMprofethi uyasitshela ukuthi uwubani yena, thina kulesisikhungo samaNazaretha kaNkulunkulu, sishumayela izwi lezulu umhlaba wonke. Uma sishumayela izwi lezulu sikuthathela kwesasikufundiswa uBabamkhulu, kokwakufundiswa uBabamkhulu akushayisani nakacane nokwakunikwe uYeshua nabafundi bakhe ngesikhathi beshumayela izwi lezulu. Ngakho-ke bantwana baseKuphakameni asizibambe ziqine, sisimele lesi sikhungo esisabalalisa izwi lezulu umhlaba wonke, sihlukile asifani nabantu.
34.UBaba uMelusi uyaye ethi sengathi iNkosi ingakugcina, ukuze aqinisekise ukuthi kulesi sikhungo bayanda abantu abayi quality abafuna ukukholwa, abantu abathanda ukudumisa uJehova, abantu abamesabayo uJehova. Isikhungo esisabalalisa izwi lezulu umhlaba wonke. Incwadi kaJeremiya 7 verse 25-26: 25 “Kusukela osukwini oyihlo abaphuma ngalo ezweni laseGibithe kuze kube namuhla ngithumile kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngibathuma imihla ngemihla njalonjalo. Nokho abangilalelanga, ababekanga izindlebe zabo, kepha benza lukhuni izintamo zabo; benza kabi kunawoyise.”
35.Lapha uMprofethi kaJehova ucacisa ukuthi uJehova wathuma abaprofethi esizwe sakwa Israel, isizwe sikaNkulunkulu esikhethiweyo, ithina labo. Kuningi esikwenzayo, asilaleli, senza kabi okudlula obaba bethu, isho njalo incwadi uJeremiya 7 verse 25-26. Thina maNazaretha kaNkulunkulu siyibandla likaMenzi wezulu nomhlaba, usho njalo uBabamkhulu kumthandazo wokuvuka, umthandazo wokulala Nomthandazo weSabatha. UBabamkhulu uthi bandla likaMenzi wezulu nomhlaba, aphinde athi bandla elithobekileyo nelihloniphekileyo likaMenzi wezulu nomhlaba. Sifanelekile yini ukuba sithi siyibandla elihloniphekileyo likaMenzi wezulu nomhlaba, yindaba sizibona sifanelekile ukuba thina sithi siyibandla likaMenzi wezulu nomhlaba?
36.Ngiyacela maNazaretha kaNkunkulu ukuba umuntu nomuntu akake azibheke ukuthi wenza okufanelekile yini phambi kukaJehova, engabhekwa omunye umuntu, azibheke yena ukuthi wena wenza okufanelekile yini phambi kukaJehova. Kusifanele yini ukuba sisabalalise izwi likaJehova umhlaba wonke, kufanele siqonde ukuthi ukuba phakathi kwabangcwele ungekho ngcwele akukwenzi ukuba nawe ube ngcwele. Ukuthi nje uphakathi kwe Hamente eyingcwele kaJehova akukwenzi ukuthi ube ngcwele ekubeni ungekho ngcwele. Ukuba phakathi kwabangcwele ungekho ngcwele kwenza ukuba uJehova asuke phakathi kwabangcwele, uma uphakathi kwethu ungekho ngcwele, usin gcolisa sonke phambi kwaJehova! Uma uphakathi kwethu uyisangoma, uphakathi kwethu uwungqingili, awukho ngcwele uyasincolisa, uJehova uzosuka kithi.
37.Sizozibona sesithanda okwezwe, sizozibona sesithanda omaskandi, sizozibona sesithanda izinto eziyisinengiso ekukholweni ngoba siyavumela ukuba sihlanganyele nabantu abangekho ngcwele. Kodwa ukuba ngcwele kwehamente akunamthelela kuwe uma wena ungcolile, kodwa ukungcola kwakho kunomthelela kwi Hamente likaJehova elingcwele ngoba uJehova uyasuka kwiHamente eyingcwele. Okubalulekile ukuthi ngaso sonke isikhathi uthandaze kuJehova, ucele iphunga elihle, labangcwele ukuba likwengamele. Njengoba sikwi Hamente engcwele siyiphunga elihle phambi kukaJehova. Ingakho-ke kubalulekile bantwana bokukholwa ukuba ngaso sonke isikhathi uthandaze ucele ukuba iphunga elihle labangcwele likwengamele, size sibaleke nesitha sikaJehova esingaphakathi kuwe sixoshwa iphunga elimnandi lasezulwini.
38.Uma sonke sesinephunga elihle lasezulwini, lokho kobe kuchaza ukuthi uJehova uyathokoza ngathi, kuyosenza ibandla elihloniphekile ngampela lika Jehova, leli uBabamkhulu akhuluma ngalo kumthandazo wokulala, kumthandazo wokuvuka nomthandazo weSabatha. Uma uJehova ethokoza ngathi uyakusehlisela izibusiso, siyokwazi ukunqoba omubi namadlela ndawonye akhe, siyokwazi ukukholwa ngezwi lakhe.
39.Ingakho nje ngiye ngithi lesi sihlabelelo sisho lukhulu, silekelela isakhiwo sikaJehova, silekelela izwi lezulu umhlaba wonke. AmaNazaretha kaNkulunkulu ayibandla likaMprofethi u-Isaya Shembe, amaNazaretha kaNkulunkulu agcina izimfundiso zikaYeshua, izimfundiso zabaprofethi abathunywe uJehova, izimfundiso zabaholi bethu uBaba uMelusi noMfundisikazi.’ Izimfundiso zabaholi bamaNazaretha kaNkulunkulu, izimfundiso zeNkosi iLanga, izimfundiso zikaBaba iNyangayezulu. Sengizokwehlela ngezansi kunesihlabelelo engisithanda kakhulu, angazi noma ngizokwazi yini ukusicula, kodwa nje ngizovele ngithi ivesi elilodwa. Isihlabelelo 88.
88. ISIHLABELELO
1 Yizani nina zizwe nonke
Siye EkuPhakameni
Siyogcotshwa sanele
Ngamafutha omusa.
Chorus: Soyana soyana
Soyana kweliphezulu
3 Yizanini webakhonzi
Siye ekuPhakameni,
Siye kuyikhonza
Inkosi yezulu.
Inkosi ibusise izwi layo.