Lendaba yokuthi singamaHebheru ayehli kahle nasenkolweni yoMdabu, ngoba lokho kusho ukugcina umthetho kaJehova! Ngokomthetho kaJehova kumele sigcine iSabatha, singawahlabeli amadlozi, singazisondezi ezangomeni.
Isihlabelelo 180
1.Wozani nonke zizwe
Selibasiwe lelo ziko
Ziyalotha zonke izizwe
Yizani badingayo.
2.Bamenywa wozani
Ifa lenu livuthiwe
Nikhalelani niliphethe
Sekwanele lidlenini.
3.Lincishwa abangalithandi
Abalithandayo wozanini.
Amasango alelo lifa
Avulelwe nina.
4.Lelo lifa ligciniwe
Ligcinelwe nina
Izulu nalomhlaba
Lalingakabi bikho lona.
ISIZWE ESIMNYAMA SIDWANGUZA OSWINI
1.UYeshua kwenye yezinkulumo zakhe uthi: “Kungalokhu ngikhuluma kubo ngemifanekiso, ngokuba noma bebona, kababoni, noma bezwa, kabaqondi.”
Ungathi lokhu kukhuluma kuyisisho nje, kodwa kunjalo, abantu abaningi bayaye bethi bebona, kodwa befane nezimpuphuthe, bethi bezwa, kodwa befane nezithulu!
2.Kulabo ababonayo nabezwayo, ngifisa ukubuye ngichaze ukuthi lendaba yokushumayela kwami, nokuhlala ngenza ucwaningo ngezenkolo yaqalaphi, iqala kanjani, futhi ibhekephi, ngoba ngiyabona ukuthi bonke abantu, amaKrestu namaNazaretha badwanguza oswanini.
3.Okokuqala ngathi kwafika ingelosi kimi, yathi ithunywa nguShembe uBaba iLanga, uthi ANGIMAKHELE INDLU KAJEHOVA. Yayisithi INDLU KAJEHOVA-KE LIBANDLA.
3.YATHI KULELIBANDLA UYOBUYISELA ABANTU KUJEHOVA, UBAFUNDISE INDLELA EYIYO YOKUKHONZA UJEHOVA. LOKHO UKUTHATHELE EBHAYIBHELINI NASEZI MFUNDISWENI ZOMPROFETHI EFUNDISA AMANAZARETHA.
4.Lomyalezo ngawuthola ngo 2010. Ngabuye ngachaza ukuthi ingelosi ayivelanga yashiya umyalezo, kodwa yahlala nathi isifundisa konke okufanele sikwazi ngeBandla likaJehova kusukela uJehova waliletha kubantwana bakwa-Israel ngoMose kuze kufike kuYeshua nabafundi bakhe. NAMANJE ISAHLELI NATHI
5.Ngachaza nokuthi lelibandla likaJehova abezizwe balichitha kanjani ngo 70 A.D, base beli replace ngelabo elalinemfundiso echitha imithetho kaJehova, kodwa ngobuqili bethi lokhu kwenziwa ngabaprofethi bakaJehova.
6.Mina angisenguye umuntu omncane, sengimdala, uma ngangiyisishoshovu sezenkolo ngabe lokho ngakwenza ngisemncane, ngoba ngiyinzalo ekukholweni, bekungethi lapho sengigugile bese kulapho ngiqala umsebenzi onzima kanje.
7.Umuntu ocabangayo kufanele abone ukuthi engikwenzayo angizisukeli, nolwazi enginalo alisuki kimi, KODWA NGITHUNYWE NGOKWASEZULWINI UKUTHI NGIQONDISE INKOLO KAJEHOVA EYAFIKA NOMOSE, YAQEDWA NGABEZIZWE EMVA KWA YESHUA, YABE ISIZOVUSWA NGUSHEMBE.
8.NGITHUNYWE NGUSHEMBE UKUTHI NGIVIKE UKUTHI LOMSEBENZI OWAHAMBA EMHLABENI ESEWUQALILE UNGASHABALALI, ANGINGENWE WUGQOZI LOKUSHUMAYELA, KEPHA NGENZA UMSEBENZI ENGAWUTHUNYWA KUSUKELA MHLA KA 4 JANUARY 2010!
9.Noma ngakhula ngibusebenzela ubuNazaretha, kodwa angikaze ngibe umuntu okwakungathiwa uyisishoshovu senzenkolo. Yebo ‘I have always been a religious scholar’, kodwa bekugcina lapho. Kukhona umehluko phakathi kwesishovu sezenkolo ne scholar!
10.Ngachaza ukuthi ngenkathi iqala ukusifundisa ingelosi, yasifundela uvesi 3, woMthandazo wesabatha, lapho ethi khona uMprofethi: MESABENI UJEHOVA ZIZUKULWANE NGEZIZUKULWANE, NIGCINE IMITHETHO OWANILOBELA YONA UJEHOVA NGENCEKU YAKHE UMOSE, UKUZE UKUDUMISA KWENU KWAMUKELEKE KUTHIXO WOMKHOSI.”
11.Ingelosi yahlala kulelivesi, isibonisa ukuthi isisekelo sobuNazaretha imithetho kaMose. Ngakho-ke ukuze yonke imfundiso yami iqonde, kumele ngigxile EMITHETHWENI KAJEHOVA OWAYILETHA KITHI NGOMOSE!
12.Ukulandela imithetho kaMose kwakusho ukuthi kumele ngichithe izimfundiso zamaKrestu nezamaNazaretha eziningi ezingahambisani nomthetho kaMose!
13.Ngasho ukuthi nganginge nazo izintshumayelo zikaBabamkhulu, ngaphandle kwezihlabelelo zamaNazaretha.
14.Kodwa ngathi ngibona ngabe senginezi ntshumayelo eziningi engangingazi ukuthi zivelaphi, zivele kanjani!
15.Isilima sodwa esingacabanga ukuthi lokhu kushumayela kwami kunenhloso yokuhlasela ubuKrestu, kulabo abangamaKrestu, nokuthi ngihlose ukuhlasela abaholi bamaNazaretha, kulabo abangamaNazaretha.
16.Ngabe namanje umuntu osile akakaboni ukuthi lapha sikhuluma ngebandla likaJehova elalethwa kithi nguMose, lachithwa emva kwaYeshua, nokuthi lelibandla engiliqondisayo libandla lamaNazaretha elaliholwa nguBabamkhulu, kodwa elingasazilandeli izimfundiso zikaShembe?
17.Okwesibili, ngachaza ukuthi kwavela impikiswana eningi yamaNazaretha maqondana nomuzi waseKuphakameni nowaseBuhleni.
18.Kulokho kuphikisana, ingelosi yabe isithi: “Ngiyawabona nje amaNazaretha ephikisana ngekomkhulu lamaNazaretha, kodwa ikomkhulu lebandla likaJehova ezulwini iJerusalema.
19.Yathi: “Kuza isikhathi okothi lapho abantu sebeyazi kahle indaba kaNkulunkulu, zonke izizwe kanye ngonyaka zohlangana eJerusalema!”
20.Lenkulumo yayingaqali ukushiwo yingelosi, kuHezekeli 36:24-28 kuthi: “Ngiyakuni thabatha ezizweni, nginibuthe emazweni onke nginiyise ezweni lakini. Ngiyakunifafaza ngamanzi ahlambulukileyo, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu., nakuzo zonke izithombe zenu.
21.Ngiyakuni nika inhliziyo entsha, ngifake phakathi kwenu umoya omusha, ngikhiphe inhliziyo yetshe enyameni yenu, ngininike inhliziyo yenyama.
22.Ngiyakufaka umoya wami phakathi kwenu, ngenze ukuba nihambe ngezimiso zami; nayakugcina izehlulelo zami. NIYAKUHLALA EZWENI ENGALINIKA OYIHLO, nibe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu!”
23.Ku-Amos 2:14-15, lapho uJehova ekhuluma ngokubhujiswa kweJerusalema, uthi: “Onejubane uyakuswela ukubaleka, onbamandla akayikuqinisa Amandla akhe, neqhaqwe aliyikuzikhulula!
24.Ku-Isaya 66:4, Ujehova uthi: “ngalokho ngiyakubakhethela izinhlupho, ngibehlisele abakwesabayo, ngokuba ekubizeni kwami kwakungekho ophendulayo, nasekukhulumeni kwami abezway, kepha benza okubi emehlweni ami bakhetha lokhu engingathokozi ngakho.”
25.Ku-Isaya 60:1-3, UJehova uthi: “Vuka ukhanye, ngokuba ukukhanya kwakho kuyeza; inkazimulo kaJehova iphumela phezu kwabo, ngokuba bheka, ubumnyama buyasibekela umhlaba,nesigayegaye abantu.
26.Kepha uJehova uyaphuma phezu kwakho, nenkazimulo yakhe iyakubonakala phezu kwakho. Izizwe zikuhamba ekukhanyeni kwakho, namakhosi ekukhazimuleni kokuphuma kwakho.
27.KuJoel 3:10-12, uJehova uthi: “Khandani amakhuba enu abe yizibkemba, ocelemba benu babe yimikhonto, obuthakathaka asho ukuthi ngiyiqhawe.
28.Sheshani nifike nina abezizwe zonke nxazonke, nibuthane, wehlisele khona amaqhawe akho, Jehova. Mabazivuse abezizwe,benyukele esigodini sikaJehoshafathi, ngokuba ngehlulele bonke abezizwe nxazonke!”
29.KuJeremiya 31:1-7, kuthi: “Ngaleso sikhathi, usho uJehova, ngiyakuba nguNkulunkulu wemindeni yonke yakwa-Israel, yona ibe ngabantu bami. Usho kanje uJehova uthi: “Abantu abasele enkembeni bafumana umusa ehlane, lapho u-Israel eya khona ukuthola ukuphumula kwakhe.
30.UJehova wabonakala kimi ekude, wathi: “Ngikuthandile ngothando oluphakade; ngalokho ngikudonsile ngomusa.
31.Ngiyakubuya ngikwakhe, wakheke wena Ntombi ka-Israel; uyakubuye uvunuliswe ngezigubhu zakho, uphumele ekusineni kwabathokozayo.
32.Uyakubuye utshale izivini ezintabeni zaseSamariya; abatshali bayakuzi tshala, badle izithelo zazo. Ngokuba kuyakuba khona usuku abayakumemeza ngalo abalindi entabeni yakwa-Efrayemi ukuthi: “Sukani, sikhuphukele Esiyoni kuJehova uNkulunkulu wethu.
33.Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Hlabelelani kuJakobe ngokujabula, nimemezele inhloko yezizwe, nizwakalise, nidumise nithi: “Jehova sindisa abantu bakho,INSALI YAKWA-ISRAEL!”
34.Ithi-ke ingelosi kuza isikhathi lapho okoba nabantu ABAYINSALI YAKWA-ISRAEL, bohamba ngokwezimiso zikaJehova, njengoba kwenza okhokho bethu bengakamhlubuki uJehova.
35.Ingelosi yasinika incwadi kaJoshua 24:14-15, lapho uJoshua ethi: “Manje mesabeni uJehova, nimkhonze ngobuqotho nangeqiniso, nibasuse onkulunkulu ababekhonzw okhokho benu besengaphesheyo komfula naseGibhithe, nikhonze uJehova.
36.Uma kukubi emehlweni enu ukukhonza uJehova, khethani namuhla ukuythi ubani eniyakumkhonza, noma ngonkulunkulu ababekhonzwa ngokhokho benu bengaphesheya komfula, noma ngonkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo, KEPHA MINA NENDLU YAMI SIYAKUMKHONZA UJEHOVA.”Amen!
37.Ngakuchaza ukuthi lenkulumo yengelosi yokusibuyisela eJerusalema ayehlanga kahle kimi, ngoba mina ngangazi ukuthi iJerusalema lihlangene nabantwana bakwa-Israel, okuyisizwe esimhlophe, ngingazi ukuthi kanti yithi abantwana b akwa-Israel!
38.Ngelinye futhi lLanga, ingelosi yathi kimi: “Wena uyinzalo kaJuda, ngabantu abamnyama abangamaHebheru!
39.Lokhu kukhuluma-ke kwangiqeda ubuthongo, ngoba ngiyazi ukuthi ingelosi yazi yonke into, ngoba yabe isingibonise konke ngokuzalwa nokukhula kukamama aze agcine esekuMprofethi, kanye nokukhula kwami, ukuthi yayihlale inami.
40.Kodwa ngangingaqondi ukuthi ubuqiniso balendaba engiyitshelwa yingelosi ngingenza kanjani ukuthi abantu bayikholwe ngaphandle kobufakazi okubambekayo okuzokwaziwa yibo bonke abantu.
41.Ingelosi ayigcinanga lapho, kodwa yafakazisa ngezihlabelelo nezintshumayelo zikaShembe uMprofethi ukuthi yithina isizwe sakwa-Israel, yabuye yaveza izihlabelelo njengalesi esiku 106 esithi: “Imikhosi edumileyo yabapostoli, yabafela izwi lakho, ize phakathi kwakho Kuphakama.”
42.Ithi-ke ingelosi: “Abapostoli bakwa-Israel bobe bezokwenzani eKuphakameni uma nina ningayiso isizwe esisodwa nabantwana bakwa-Israel?”
43.Kuyisihlabelelo 77 esithi: “Ningabi njengoyihlobenu ababulala abaprofethi ababethunyelwe kubo ngegama leNkosi.” Ithi-ke ingelosi: “Uma ningayiso isizwe sakwa-Israel, oyihlomkhulu babebabulala nini abaprofethi?”
44.Kuyisihlabelelo 74 uShembe uthi: “Imbangi yokusa yomndeni kaJuda ibasindisile abaningi, wozani nisindiswe.”
45.Ithi-ke ingelosi: “Lapha uShembe wabe ezisho yena. Pho uma ningayiwo amaJuda, uShembe uzibiza kanjani ngokuthi uyimbangi yokusa yomndeni kaJuda?”
46.Ziningi ezinye izihlabelelo ezibonisayo ukuthi yithi isizwe sakwa-Israel, kodwa kunezintshumayelweni lapho uMprofethi wakusho wakuqondisa ukuthi yithina isizwe sikaJehova esikhethiweyo, njengoba nesihlabelelo esikade sisihlabelela sisho!
47.Kuyintshumayelo yaseRosboom yomhla ka 26 August 1933, uShembe wakhuluma kanje:
48.“Fundani nizwisise kahle sizwe sakithi; ningakhonzi izitha zenu. Lithini lelizwi elithi uJehova uyakukulethela isizwe sakude sasekugcineni komhlaba?
49.Nolimi lwaso awuyukuluzwa! (Duteronomi 28:48). Udutoronomi 28:48 uthi:“Uyokuzikhonza izitha zakho uJehova ayokuzithumela kuwe ngokulamba, ngokoma, ngobunqunu nangokweswela izinto zonke, uyobeka ijoka lensimbi entanyeni yakho, aze akubhubhise.”
50.Uthi-ke uShembe: “Wathi uJehova lesi sizwe siyakudla inzalo yezinkomo zakho nenzalo yezimvu zakho, asiyikukushiyela nommbila.
51.KuDuteronomi28:51 kuthi: “Lesi sizwe siyokudla isithelo semfuyo yakho, nesomhlabathi wakho, uze ubhujiswe, asiyikushiya okusanhlamvu, iwayini elisha, amafutha amasha, amankonyane, amazinyane ezimvu zakho, size sikushaye sikubhuqe.”
52.Uyaqhubeka uBabamkhulu uthi: “Nina ke Ndlu kaSenzangakhona HLOLISISANI ENIKUFUNDAYO; NIZWISE, NINGAKHONZI IZITHA ZENU AKHULUMA NGAZO UJEHOVA KINI EMANDULO.
53.Uthi uJehova uyonilethela isizwe sakude, kuleso sizwe uyokhonza izithixo zemithi namatshe.
54.KuDuteronomi 28:36 kuthi: “UJehova uyokuyisa wena nenkosi oyibeke phezu kwakho kuso isizwe ongasazi, wena nokhokho bakho niyokhonza lapho abanye onkulunkulu bokhuni nabamatshe.”
55.Kodwa kukhona umuntu omnyama othi uJehova akakhulumi naye, kodwa angenke asikhombe lesi sizwe esiyizigqila kuzo zonke izizwe ezimhlophe, naseziqhingini! Akaboni ukuthi kulenkolo yabezizwe ukhonza khona onkulunkulu bokhuni namatshe!
56.Lezithombe zoMaria ababaziwe ziyini? Yena loJesu osezintanyeni, ezindlini nasemasontweni ethu uvelaphi, ungubani, noma uyisithixo esavelaphi?
57.Kade ngangichaza ukuthi uJesu ongumuntu akakaze abekhona. Lokhu akusuki kimi, kodwa kusemibhalweni yabamhlophe. Thatha incwadi kaDr Koster ethi: COME OUT OF HER MY PEOPLE. Inkolo yobuKrestu inkolo yaseBabylon, ayihlangene noJehova uNkulunkulu wethu; akusho mina, kusho izwi elivela ezulwini!
58.KuyiSambulo 18:1-4 kuthi: “Emva kwalokho ngabona enye ingelosi yehla ezulwini, inamandla amakhulu, nomhlaba wakhanyiswa ngoku khazimula kwawo.
59.Yamemeza ngezwi elinamandla, yathi: “Liwile, liwile iBhabhiloni elikhulu, selibe yindawo yokuhlala amademoni, nendawo yokubopha bonke omoya abangcolileyo, nendawo yokubopha zonke izinyoni ezingcolileyo nezizondekayo.
60.Ngokuba izizwe zonke ziphuzile iwayini lobufebe balo, namakhosi omhlaba afebile nalo, nabathengisi bomhlaba bacebile ngamandla okutamasa kwalo.” Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini lithi: “Phumani kulo, bantu bami!”
61.UMprofethi owaba khona ethunyelwe nguJehova kithi, kwaba nguYeshua iNdodana kaNkulunkulu, ozalwa nguMaria, uyise okunguJosefa!
62.Kodwa abezizwe, emva kokunqoba amaJuda ngo 70 A.D, yachithwa inkolo kaJehova, lasulwa enkolweni yabezizwe igama likaJehova nelika Yeshua, nelika Sha’ul; bachitha nebandla lamaNazaretha!
63.Base bakha inkolo yabo, bantshontsha impilo kaYeshua sebeyinika isithixo sabo abasibiza ngokuthi ngu Iesis, namuhla osekungu Jesus noma uJesu!
64.Kunabantu-ke abamnyama abalwela ukuthi kungavezwa lobu buqili besizwe samaRoma. Kodwa amaqiniso okuthi yini eyenziwa ukwakha ubuKrestu sikuthola kuyimilando ebhalwe yibo abamhlophe!
65.Abantu abaningi abamhlophe sebekushiyile ubuKrestu, bajoyina i-Islam, ngoba iyona nkolo okwamanje ehamba ngezimiso zikaJehova, engakhiwanga ngabantu, ukuze ngayo banqobe umhlaba ngokwezombusazwe!
66.Laba abathi asifihle ubuqili babezizwe abakwenza kithi, abahambe beyokufa!
67.Uthi-ke uBabamkhulu: “Wathi kuleso sizwe ayokulethela sona uyakuba isimangaliso, uyakuba isiga; ukuthi uyakuba isiga kusho ukuthi uyoba into yokuhlekisa. Futhi negama lakho liyokuba elokuntela(Duteronomi 28:37).”
68.Ukhona yini umuntu omnyama ongakuphika ukuthi siyisiga ngezinto eziningi phakathi kwezizwe. Ayikho into esiyaziyo ngaphandle kokudlwengulana, sibulalane, sishise impahla yethu, senze izinto eziningi ezibonisa ukuthi sifana nabantu abasangene. Siyisiga, siyinto okuhlekiswa ngayo!
69.Kwenziwa yini lokho? Kwenziwa ukuthi salahla uNkulunkulu wethu, sakhonza onkulunkulu bezinye izizwe, salandela imikhosi yezithixo, oSunday, oKhisimuzi, ama-Easters, nokuningi okungasithinti, sase silahla lokhu uJehova othe uma sikugcina siyoba ngabantwana bakhe, asenzele konke esikudingayo!
70.Kunabantu-ke asebadla intando yabezizwe, ongenke ubatshele lutho ngisho into ingaba sobala kanjani!
71.Bafana nendoda edliswe umfazi intando, angenke uyitshele lutho ngisho umfazi wayo eseyihlupha kanjani. Uma uke wayibuza ukuthi uyabona yini ukuthi awusewedwa, igijima iyokuceba kumfazi wayo! Bakhona-ke abantu abangafundiseki, abalalela obasi babo kuphela!
72.Ithi-ke incwadi ka King Leopold11, “Labo abaphuma endleleni yethu nibanyundele kubantu bakubo, nibenze abantu ababi nabedukile.”
73.Izimishini zenza njalo kuShembe, kwathi engasekho emhlabeni, base bemnyundela kubantu bakubo, bathi wafa ezama ukundiza!
74.Nempela abantu abamnyama basizakala, kwase kuba yibo abaqhuba lelivangeli eliyilumbo abalifunzwe ngabamhlophe!
75.Uthi ke uBabamkhulu: “Wena ke muntu onsundu, vula izindlebe zakho uzwe, namehlo akho abone igama okuntelwa ngalo lapha emhlabeni ukuthi elasiphi isizwe na?
76.Akuwena muntu omnyama na, umuthi ongenazithelo usizani kowutshalileyo na? Uma ukukholwa kwenu kunithelela usizi kusizani na?
77.UJehova wathi uyozala amadodana namadodakazi, kodwa awuyikuthokoza ngawo. Akasho kuwe muntu omnyama na? (Duteronomi 28:41).
78.Akusewena yini ofundise indodana yakho kahle esikoleni na? Ekuqedeni kwayo ukufunda leyo ndodana yakho, yathi ke uma ibuya yakulandela wena yise na?”
79.UShembe uchaza lento okwafundiswa abefundisi bezimishini ukuthi bayenze kubantwana bethu! Nanka amazwi ka King Leopold 11:
80.“Ukwenza kwenu kuyobhekiswa ikakhulu kwabancane ngoba ngenke banivukele uma lokho okushiwo umfundisi wabo kuphambana nalokho okuyizimfundiso zabazali babo.
81.KUFANELE IZINGANE ZABO NIZIFUNDISE UKULALELA LOKHO OKUSHIWO WUMFUNDISI WASEMISHINI, LOWO ONGUYISE WEMIPHEFUMULO YAZO!
82.KUFANELE NIGCIZELELE UKUBA ZINITHOBELE NGOKUPHELELEYO, FUTHI ZINILALELE; NIGWEME UKUTHUTHUKISA IMIMOYA YAZO EZIKOLENI, NIFUNDISE ABAFUNDI UKUBA BAKWAZI UKUFUNDA, KODWA BANGACUBUNGULI LOKHO ABAKUFUNDAYO. (TEACH THEM TO READ, BUT NOT TO REASON).”
83.Uyaqhubeka uyMprofethi uthi: “Yake yabuya ukusenga izinkomo lapha ekhaya na, noma yake yawabambela amazinyane ezimbuzi ancela na?
84.Ayizange ibuye, yahamba yaya kwesinye isizwe yayosebenzela abafazi abangesibo nina, namadoda angesibo oyise!
85.Lagcwaliseka-ke izwi lomlomo ongathethi manga uJehova, lokuthi ‘uyozala amadodana namadodakazi, kodwa awuyikuthokoza ngawo, ngokuba uyothunjwa (Duteronomi 28:41).
86.Namuhla intombi yakho ikhuleliswa yiNdiya liyitshinge phansi njengamafinyila, ngokuba kuyintombi yesithunjwa!
87.Intombi yakho namhlanje ikhuleliswa umlungu, ayitshinge phansi njengefinyila ngoba iyintombi yesithunjwa!
88.Konke lokhu uyakubona uphele amandla, ungenakusho lutho, ngokuba awumkhonzanga uJehova, wakhonza izitha zakho!
89.UJehova wakuyekela khona lapho ezinyaweni zezitha zakho zikunyathele zikuxove njengesitini(Duteronomi 28:46)
90.Wafundisa indodana yakho uyifundisela ukuba ibe umfundisi kaNkulunkulu, yake yakufundisa na? Yeza endlini yakho yathi: “lalela esinye isizwe kepha ungamhloniphi uJehova.’
91.Yathi, ‘thengisa ngale nkomo’ engazange ayeluse esibayeni sakho. Wayithengisa ke nawe. Awubuzanga nokuthi, Ndodana yami, yilobu bufundisi engakufundisela bona na?’
92.Yaya kunina yathi, ‘Khipha imali yenyangantathu yethikithi nemali kaRhona.’Nonina akabuzanga ukuthi, ‘Mntanami yilobu bufundisi engikufundisela bona na?’
93.Yayibopha ngeduku yahamba nayo yonke leyo mali eyithathe kuyise nakunina, eyithathe ngobuqili wayoyinika enye indoda yesinye isizwe esingaziwayo(Duteronomi 28:36).
94.Yashiya unina ehlubule engembethe lutho, ayizange ibuyise lutho ngalobo bufundisi bayo emzini kayise. Kepha uyise wathintitha konke okusesandleni sakhe, kodwa ayizange ibuyise lutho.
95.Wayeyifundisa ibe umfundisi kaNkulunkulu, kanti uyifundisela ukuba ibe yisitha sikaJehova.
96.Nonina ekufundiseni kwakhe le ndodana, wathengisa ngocansi lwakhe efundisa le ndodana yakhe. Ibuya yona izothatha imali kanina iyoyinika lo mfazi ongaziwayo wesinye isizwe, engazange ayihluphekele ngalutho.” Amen!
97.Ukufakazela lento eshiwo nguBabamkhulu, nazi izeluleko zika King Leopold 11 kubafundisi bezimishini: “Bakhokhiseni intela masonto onke uma beze ezinkonzweni zamabandla enu. Sebenzisani imali ebekelwe abampofu ukwakha ngayo izikhungo ezinkulu zamabhizinisi”
98.Ekuqaleni ngichazile ukuthi angifikelwanga ugqozi lokushumayelo, futhi kwasempilweni yami angikaze ngibe isishoshovu sezenkolo noma sezombusazwe.
99.Ngiyafisa namuhla ukuveza ukuthi ocwaningweni lwami kusukela ku 2010 yiliphi iqiniso engalithola.
100.Okokuqala ngathola ngokweqiniso ukuthi yithina isizwe sikaJehova, eBhayibhelini esibizwa ngokuthi SINGABANTWANA BAKA-ISRAEL!
101.Lokho nje kukodwa KWAKUYISHINTSHA YONKE INDLELA ESIQONDA NGAYO ISIMO SOBUZWE KANYE NENKOLO YETHU!
102.Lokho kusho ukuthi uYeshua esifundiswe ukuthi ungumlungu, akunjalo, uYeshua umuntu omnyama.
103.Akugcini lapho, ngathola futhi ukuthi lo osebizwa ngokuthi ‘UJESU KRESTU’ yisithixo nje sabezizwe. Kodwa kusukela esaphila aze afe, the so called ‘UJESU KRESTU’ esizweni sakhe wayaziwa ngokuthi NGUYESHUA ONGUMESAYA.
104.Ukuthola ukuthi siyisizwe sakwa-Israel ‘becomes a threat’, hhayi ezizweni ezimhlophe kuphela, kodwa ngisho ezizweni zakithi!
105.KumaKrestu, ngisho engabesizwe esimnyama, lokho kusho ukuthi yonke lenkolo ngoJesu wabezizwe, imfundiso enobuqili Phakathi!
106.Lokhu akushintshi kuphela uJesu ukuba ebuyele egameni lakhe langempela, okungu Yeshua, kodwa ngisho i-System yenkolo iyashintsha, ngoba yonke lemfundiso yokuthi ASISAPHILI NGAPHANSI KOMTHETHO KAJEHOVA.
107.NOKUTHI KUKHONA ISIVUMELWANA ESISHA, yinto engekho, kodwa kwakuyindlela yabezizwe yokusixabanisa noJehova ukuze sihlale sizigqila zabo ngoba uJehova onguNkulunkulu wethu sesimlahlile!
108.Abezizwe babazi kahle ukuthi ngokuka Dutoronomi 28, kokwenzekani kithi uma silahla uJehova!
109.Ngakho-ke bekuqonda ukuthi ukuqeda ngathi kuyoba impumelelo kuphela uma sihlubuka uJehova!
110.Le ‘threat’ ayikho kwabezizwe kuphela, kodwa nengxenye enkulu yabamnyama ayisafuni ukukuzwa nokukuzwa lokho, ikakhulu abefundisi bamaKrestu, amafanatics obuKrestu namafanatics ebandleni lamaNazaretha, kanye nabenkolo yoMdabu!
111.I-‘fear’ yamaKrestu iyezwakala, futhi isobala! Akakho umuntu ongashiya kalula indlela okhuliswe ngayo!
112.Abanye bayaye balemukele ushintsho, uma sebethola okuyiqiniso, kodwa abanye ngokwesimo sabo bayayizonda i-transformation, kungakhathaleki ukuthi inhle noma imbi!
113.Abantu abaningi ngokwembathwa umoya womubi bayaye bethathe lokho okudumisa usathane bese kuba yikho abakwenza impilo yabo.
114.Ayikho into abantu abayesaba njengokugcina iSabatha, ukugunda, ukungayidli ingulube, kanye neminye imithetho kaNkulunkulu!
115.Kwamanye amaNazaretha ukugcizelela uvesi 3 womthandazo weSabatha kubaphoqa ukuba bagcine umthetho kaJehova, bahambe ngokwezimfundiso zoMprofethi, kanti sebezenzele o-nkulunkulu babo abangayikhulumi indaba yokugcinwa komthetho kaJehova!
116.Lendaba yokuthi singamaHebheru ayehli kahle nasenkolweni yoMdabu, ngoba lokho kusho ukugcina umthetho kaJehova! Ngokomthetho kaJehova kumele sigcine iSabatha, singawahlabeli amadlozi, singazisondezi ezangomeni.
116.Lokho kuyinkinga ngoba unkulunkulu onguMvelingqangi akanamthetho, bagcina nje amasiko, bese benza abakuthandayo ngoba babuswa IZWI LABANTU!
117.Ngalokho-ke ibandla likaJehova alithandwa emhlabeni, ngaphandle kwalabo abakhethiweyo ukuthi ekufeni kwabo bayobona umbuso wezulu!
118.Kodwa isizwe esimnyama kumele sazi ukuthi ukuziqhelelanisa kwaso noJehova kusho ukwamukela izijeziso ezikuDutoronomi 28, nokuthi ngokwezimfundiso zikaYeShua angenke siwubone umbuso wezulu!
119.Okumele sikuqonde ukuthi senza isivumelwano noJehova ukuthi sohlala singabantwana bakhe, yena esenzele lokho esikucelayo! Leso sivumelwano ‘was sealed’ ngegazi!
120.Lokho kufana nomakoti ochelwe ngenyongo, ngokwenze njalo usuke esenze isibopho sokuthi usengowalapha ekhaya aze afe!
121.Nokhokho bethu-ke lesi sivumelwane noNkulunkulu sahlanganiswa ngegazi! Ku Dutoromi 24:7-8 kuthi:
122.“(UMose) wayesethatha incwadi yesivumelwano, wayifunda belalele bonke abantu, bathi: KONKE UJEHOVA AKUKHULUMILE SIYOKWENZA, SIKUHLONIPHE.”
123.UMOSE WATHATHA IGAZI WAFAFAZA NGALO ABANTU, WATHI: “BHEKANI, LELI YIGAZI LESIVUMELWANE UJEHOVA OSENZE NANI NGAWO WONKE LAMAZWI!”
124.Lesi isivumelwane esiphakade, okhokho abasenza noJehova kanye nezizukulwano zabo, okusho thina!
125.Ngakho-ke uma lesi sivumelwano sokukhonza uJehova sisaphula, akukho lutho oluyosilungela kanye nabantwana bethu!
126.Ngaphezu kwalokho, labo abaphula umthetho kaJehova, nasekufeni kwabo, ngenke bawubone umbuso wezulu!
127.Lento engiyikhulumayo ayiveli kimi, kodwa kusuke umuntu ezulwini wazohlala nathi, wasifundisa ngakho konke okudingwa nguJehova ukuze kusuke ukuhlupheka kithi siselapha emhlabeni, noma sesifile siwubone umbuso wezulu!
128.Uma ucabanga ukuthi ngiyadlala, uzozibonela, ngeshwa ngenke useza kithi uthi, cha, ngiyaxolisa, ngangithi uyadlala, manje sengisosizini!
129.UShembe kwenye intshumayelo wakhuluma lamazwi: “Kunjalo ukuphika ubukhona buka Thixo, uyojeza uthanda noma ungathandi, akukhalelwa muntu esigodini sosizi.
130.Nani bemindeni yabo akukho eniyobenzela khona uma sebendlulile emhlabeni, kuphela ngumlilo ubusuku nemini, aninandlela yokubakhulula ngaphandle kokubacelela intethelelo eNkosini ngeminikelo, nangemithandazo. Nani niyoze nidlule emhlabeni nikwenza lokho,
131.Nina abakholwayo dlanini lokho unkulunkulu anilungisele khona, nibonge uMdali ngazo zonke izikhathi.
132.Uninqabelile uThixo ukuba nidle ingulube, ububende, ingcuba, futhi nalokho OKUKHULEKELWE KWABANYE ONKULUNKULU!(Inyama ehlatshelwe abaphansi).
133.Labo abafihla iqiniso elithize emthethweni ka Jehovah ayiloba ngenceku yakhe uMoses, noma bekushintshe, noma bekuzibe, labo badla umlilo uqobo, futhi uNkulunkulu akasoze akhulume lutho nabo ngosuku lokuvuswa kwelizayo!
134.Nina bakholwayo emthethweni nakuba prophet niyisizwe esihle esiphakanyisiwe ngaphezu kwezizwe zonke.
135.Ukuba bonke abantu abasontayo babekholwa ngeqiniso ngabe kuhle kakhulu emhlabeni, manje iningi labo lithi liyakholwa kodwa bayizaphula mthetho, usizi lukhulu kubo, noma kukuphi lapho bekhona.
136.Noma behlabelela sibabona behlabelela bejabhile, amashwa abongamele, lokhu kudalwa ukungakholwa yimibiko ka Nkulunkulu nakuba prophet!
137.Bavuma izimfundiso zabantu nje, baphika izimfundiso zezithunywa zaseZulwini, uma ungababuza ukuthi lendoda noma umama lona abamlandelayo ubatshelani ngo Jehovah, noma ngomhla wokuphela, ngeke bakuphendule.
138.Baguqula imithetho ka Nkulunkulu ngamasiko abantu angasizi ngalutho, kuphela aletha ukuhlupheka emhlabeni,
nokubhubha esihogweni kwelizayo!
139.Abefani bonke, kuneqembu eliqotho nakubo, eliyizamayo imithetho ka Jehovah ukuyenza, labo yilaba abakholwayo ku Mdali weZulu nomhlaba; nokuthi uyedwa, nokuthi lukhona usuku lokuvuswa kwelizayo, nokuthi zikhona izingelosi kanye noMoya ongcwele.
140.Noma yinike abayenzayo labo enhle, uNkulunkulu uyayibona futhi uyabazi labo bantu,
141.Labo abangakholwa, umcebo wabo ngeke ubasize ngalutho kanye nezingane zabo, kuphela bazibasela umlilo omkhulu abazobhukuda kuwo, omkhulu ohlula lona okwangena kuwo o Daniel no Mishach no Abednigo, lapho bakhishwa khona yi ngelosi ka Nkulunkulu!
142.Kufana nomnikelo wabo labo, mubi, awamukeleki emazulwini, ngoba bona benzela ukubonwa yizwe, abafundanga yini embhalweni ukuthi wathini uJesu kubo
143.” O’ Nina bangakholwa uma upha umuntu oswele isipho, kumele kwazi nina nobabili kuphela.
144.Manje nina bangakholwa nibiza abezindaba bezothathela, nifuna ukubonwa yizwe lonke, phela lizonibonga izwe, lokho kusho ukuthi senisitholile isibusiso senu emhlabeni, anisenandawo emzini weNkosi oyingcwele kwelizayo!
145.Nina bakholwayo ningabi ngabangani nabangakholwa, banenzondo enkulu nani, bajabuliswa ngukuhlupheka kwenu, baqapheleni!.
146.UNkulunkulu uJehovah uveze iqiniso eliphelele ngemithetho yakhe ebhalwe phansi, wayifundisa nangaba prophet kanye naba Priest, ngakho labo abangavumelani nemithetho ka Mose, baya ekulahlweni!” Amen!
INkosi ibusise izwi layo!
Isihlabelelo 85
1.Ngonile ebusweni bakho
Nasebusweni bezulu
Iso lami lingonisile
Ngayephula imithetho.
2.Ngehlulwa ngowokuqala
Emthethweni elishumi
Owesibili ngingewunamathe
WeNkosi yoxolo.
3.Abaphula lemithetho
Bayakhandwa ngamatshe
Abazange bahaukelwe
Ngoba yini mina soni.
4.Sengonile nangolimi lwami
Ngakhuluma inkohliso
Sengonile nangenhliziyo yami
Ngacunuka ngayo.
5.Sengonile nangesandla sami
Ngaphatha okungafanele
Sengonile nangonyawo lwami
Ngahamba ehlazweni.