Thina ingelosi isibonisile ukuthi yonke into esifunda ngayo eBhayibhelini ukuthi yayenzeka kubaNtwana bakwa-Israel namanje iyenzeka uma sisahamba ngokwezimiso zikaJehova!
Thina singaba ntwana baka Nkulunkulu, asikhulumi ngesiku kholwayo, siyazi ukuthi uNkulunkulu ukhona, siyazi nokuthi kumele siziphathe kanjani uma sifuna uNkulunkulu ahlale nathi!
Isihlabelelo 36
1.Ngofa ngingenani
Mina ngedwa soni
Ngofela esandleni sakhe
Owathunywa nguwe.
2.Lokhala icilongo
Lokwamukela umoya wami
Songena entokozweni
Yaba khethiweyo.
3.Hhayi umusa kaJehova
Ngami mina ngedwa
Ebenginga fanele lutho
Okhukhwini lwakho.
4.Namhla sengicambalele
Kanye nabangcwele
Abamagama alotshiwe
Ebusweni bakho.
INKINGA NGOKUNGAQONDI UKUBUYA KUKAJESU NEZINSUKU ZOKUGCINA EMHLABENI
1. KuHoseya 4:6 uNkulunkulu uthi: “Abantu bami bayabhujiswa ngokweswela ulwazi, nami ngiyenqaba ukuba ube ngumpristi wami. Ukhohliwe wumthetho kaNkulunkulu wakho, nami ngiyakuba khohlwa abantwana bakho.” Amen!
2.Ayikho into eyinkinga njengokungazi, bese ukungazi kwakho kukwenze ucabange ukuthi uyazi, uze ufundise abangtu ngokungazi kwakho, ufundise abantu into engekho!
3.Enkonzweni yaso Khozini ngikhulume ngomfundisi obeshumayele kuma kholwa amaningi ethi asikho isono esingasenza, bese kuthi ngaso siye ekulahlweni, ngoba uJesu wasifela izono zethu!”
4.Lenkulumo ayidingi ukuthi uze uyiphikise ngamavesi aseBhayibheli, ngoba iyodwa nje ayiwakhi umqondo, akukhathaleki ukuthi uyichaza kanjani, iyinkulumo practically engenke ize yenzeke!
5.Ngalenkulumo ufundisa ibandla ukuthi noma ungabulala, webe, udlwengule abantu besifazana, wenze noma yisiphi isono, kodwa awunakujeziselwa sona ngoba uJesu wafela izono zakho! Inhloboni yokukholwa okugqugquzela amakholwa ukuthi akangasesabi isono?
6.Lelivangeli liyashunyayelwa kakhulu, kodwa alinazincwadi zikaJesu elesuselwa kuzo! Ziningi ke izinkulumo ezingayilo iqiniso kodwa okuyaye kuthi ngokuhlubuka uNkulunkulu, kube yileli vangeli lokuhlubuka elihamba phambili!
7.Ngike ngezwa omunye udadewethu obukeka efundile, ethi ku tick tock uma kunomuntu othi akathandaze onkulunkulu babezizwe, uNkulunkulu ka-Abraham noma uNkulunkulu ka-Israel, yena akanakukwenza lokho.
8.Uthi yena akanaku suka kuNkulunkulu wokhokho bakhe bese ebiza uNkulunkulu wabezizwe, uNkulunkulu ka-Abraham noma ka-Israel!
Angazi ukuthi uJehova, uMdali wezulu nomhlaba, uba nguNkulunkulu wabezizwekanjani?
9.Lomuntu akazi ukuthi akazi, ngoba akaze alwenze ucwaningo ngomlando walabo khokho okhuluma ngabo! Manje uvula isikole sokufundisa ngokungazi kwakhe ukuze bebe baningi abantu abanolwazi lokungazi!
10.Ngibe sengibheka ukuthi labo khokho bakhe othi ubiza uNkulunkulu wabo, bangobani, okuyena Nkulunkulu wakhe ngubani? Ngeshwa akazange amusho!
11.Uthi-ke uNkulunkulu: “Abantu bami bayabhujiswa ngokweswela ulwazi, nami ngiyenqaba ukuba ube ngumpristi wami”
12.Lentokazi ayinalwazi ukuthi u-Abraham no-Israel yibona ngqo okhokho bethu, abakho futhi abanye oyobuye abathole!
13.Iningi lethu ekukhulumeni ngomlando wethu, siyaye siqale ngomlando oqala eminyakeni yo 1600 A.D, bese singazihluphi ngokufuna ukuthi ngo 1st A.D, nangaphambi kwalokho, sasikuphi?
14.Asikwazi ukusho ukuthi ngo 10th A.D, kusekhona uJesu noma uYeshua, okhokho bethu babekuphi, bengobani?
15.Siyaye senze sengathi isizwe esimnyama siqale ukuba khona emhlabeni ngo 1600 A.D, saqala ukudalwa ngezikhathi zoJama noSenzangakhona!
16.U-Israel wayekhona eminyakeni yo 1400 B.C. Uma sikuphika ukuthi u-Israel ngukhokho wethu, pho kwakungubani ukhokho wethu owayephila ngesikhathi sika-Israel?
17.Iqiniso ukuthi asazi, futhi asikaze sizihlupha ngokukufuna lokho! Kodwa kuyaye kuthi umuntu owenze ucwaningo olunzulu ngomlando wethu, bese sivele simphikise, sizikhulumele into esuka emakhanda ethu!
18.Besikhuluma ngenkinga yosuku lokwahlulelwa nelokubuya kwe Ndodana yomuntu. Kuhlale ukukhulunywa ngokubuya kukaJesu, lokhu abanye bakwenza kube yinkolo, baze bakubuze ukuthi uyakholwa yini ukuthi uJesu uzobuya?
19.Kodwa ngokweziprofetho zikaJesu, ukubuya kwakhe kulusuku lokwahlulela, usuku lokubhubha kulabo abamhlubukile uJehova, akuzona izinsuku zokuhalalisa!
20.Akesizwe okushiwo nguYeshua ngesiprofetho sokubuya kweNdodana yomuntu. KuMathewu 24:1-51 kuthi: “Kuthe uJesu esephumile ethempelini wahamba, kwasondela abafundi bakhe, bamkhombisa izakhiwo zethempeli.
21.Waphendula wathi kubo: “Anikuboni yini konke lokhu na?” Ngiqinisile ngithi kini ‘AKUYIKUSHIWA ITSHE PHEZU KWELINYE ELINGENAKUDILIZELWA PHANSI.” (Lokhu kuchaza ukuthi kohamba kuhambe ithempeli likaJehova libhidlizwe.)
22.Esahleli entabeni yeminqumo, abafundi beza kuye ngasese bathi: “ Sitshele ukuthi lokhu KUYOKWENZEKA NINI, FUTHI SIYOBA YINI ISIBONAKALISO SOKUFIKA KWAKHO, NOMHLA WOKUPHELA NA?
23.UJesu waphendula wathi: “Qaphelani ningadukiswa muntu, NGOKUBA KUYAKUFIKA ABANINGI NGEGAMA LAMI BATHI, MINA NGINGUKRESTU, BADUKISE ABANINGI.
24.NIYAKUZWA NGEZIMPI NAMAHEMUHEMU EZIMPI, nina ningethuki ngokuba kumele ukuba lokhu kwenzeke, kodwa ukuphela kuyobe kungakafiki, isizwe siyovukela esinye, nombuso uvukele omunye.
25.KUYAKUBA KHONA INDLALA NOKUZAMAZAMA KOMHLABA IZINDAWO NGEZINDAWO. KEPHA KONKE LOKHU KUNGUKUQALA KOMHELO! Ngaleso sikhathi bayonikhaphela osizini, banibulale, nizondwe yizizwe zonke ngenxa yegama lami.
26.Abaningi bayakukhubeka, bakhaphelane, futhi bazondane, kuyakuvela abaprofethi-mbumbulu abaningi badukise izindimbane zabantu. Luyakuphela uthando ngenxa yokwanda kokubi.
27.Kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni, nguyena oyakusindiswa. Lelivangeli LOMBUSO LIYAKUSHUNYAYELWA EZWENI LONKE, KUBE UBUFAKAZI EZIZWENI ZONKE ANDUKUBA KUFIKE UMHLA WOKUPHELA!
28.Ngalokho-ke UMA NIBONA AMANYALA ANYANTISAYO, AKHULUMA NGAWO UDANIEL UMPROFETHI EMI ENDAWENI ENGCWELE, OFUNDAYO MAKAQAPHELE UKUTHI KUSHO UKUTHINI.
29.AbaseJudiya ababalekele ezintabeni, ophezu kophahla lwendlu, makangehli ukuyothatha okusendlini yakhe, osensimini makangabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe.
30.Maye kwaba khulelweyo naba ngcelisayo ngalezo zinsuku. Khulekani ukuba UKUBALEKA KWENU KUNGABI SEBUSIKA NANGE SABATHA, ngokuba kuyakuba khona usizi olukhulu olungakaze lube khona kwasekuqaleni kwezwe, kuze kube manje, futhi olungasebuye lube khona.
31.Ukuba lezo nsuku bezinga finyezwanga bekunge sindiswe muntu, kodwa ngenxa yaba khethiweyo ziyakufinyezwa.
32.Uma umuntu ethi kini: “Bhekani nangu uKrestu, noma ethi nanguya, ningakholwa, ngokuba kuyovela oKrestu-mbumbulu naba profethi bamanga.
32.Bayakuveza IZIBONAKALISO EZINKULO NEZIMANGALISO UKUZE BADUKISE UMA KUNGENZEKA NABAKHETHIWEYO.
33.Niyabona-ke ngini tshela kunga kenzeki lokho. Ngakho-ke uma bethi kini, nango usehlane, ningayi lapho, noma bethi, nangu, usendlini, ningabakholwa.
34.Njengonyazi liphuma empumalanga lubonakala ngisho entshonalanga, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu. Noma kuphi lapho kunesidumbu khona kulapho amanqe ebuthana khona!
35.Masinyane emva kosizi lwalezo zinsuku, ilanga liyofiphazwa, inyanga ayiyi kukhanya, izinkanyezi ziyakuwa emkhathini.
36.Khona kuyaku bonakala isibonakaliso seNdodana yomuntu ezulwini, bese zikhala zonke izizwe zomhlaba. Zonke ziyakuyi bona iNdodana yomuntu iza emafini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu.
37.Iyaku thuma izingelosi zayo ngokukhala kwecilongo okukhulu, ZIQOQE ABAKHETHIWEYO BAYO EMAGUMBINI OMANE OMHLABA.
38.Fundani emzekelisweni womkhiwane, uma igatsha lawo selithamba, kuhlume amacembe, nisuke senazi ukuthi seliyathwasa. Kanjalo nani, lapho kwenzeka konke lokhu, yazini ukuthi iNkosi iseduze ngasemnyango.
39.Ngiqinisile ngithi kini, lesi sizukulwane asiyikwedlula kungakwenzeki konke lokhu. Izulu nomhlaba kuyakwedlula, kodwa amazwi ami awasoze edlula!
40.Kepha mayelana nalolo lusuku, nalelo hora, akekho owazi utho ngalo, ngisho izingelosi zasezulwini, neNdodana uqobo, nguBaba kuphela!
41.Ngokuba njengasemihleni kaNowa, kuyakuba njalo ukufika kweNdodana yomuntu. Njengezinsuku EZANDULELA UZAMCOLO, BABEDLA, BEPHUZA, BEGANWA, BENDISWA, KWAZE KWAFIKA USUKU UNOWA ANGENA NGALO EMKHUNJINI.
42.Abazanga; kwaze kwafika uzamcolo wabakhukhula bonke; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu. Kuyakuba khona ababili ensimini, omunye athathwe, omunye ashiwe.
43.Ngakho-ke lindani, ngoba anazi ukuthi iNkosi yenu iyakufika ngaluphi usuku. Ngakho-ke nani hlalani nimi ngomumo, ngokuba iNdodana yomuntu iyofika ningazelele!”
44.Ngaphambi kokuba sisicubungule kabanzi lesi siprofetho, kunamaqiniso acashile okumele siwaveze!
45.Okokuqala, owayekhuluma lapha nguYeshua ongumJuda nongumuntu omnyama; akusiye uJesu njengoba kubhaliwe kuyiTestament Elisha.
46.Njengoba sihlale sichaza, uJesu ligama elafika nabezizwe, futhi lingachazi uYeshua, kodwa bazakhela uJesu wabo ababe sebemhlobisa ngomprofethi wethu, sebemcisha loYeshua oyiNdodana kaNkulunkulu!
47.Okwesibili, lomprofethi okhuluma lapha akusiye loJesu ongumlungu esihlale sibona izithombe zakhe, kodwa uYeshua unesithombe somuntu omnyama!
48.Okwesithathu, uYeshua wayekhuluma namaNazaretha, okwakulibandla lakhe. Lokhu sesikuchaze kaningi ukuthi ibandla likaYeshua kwakungama Nazaretha, hhayi amaKrestu!
49.Ubufakazi balokhu sikuthola kuvesi 20, lapho uYeshua ethi asikhulekele ukuthi lobu bunzima kungasehleli NGESABATHA.
50.NgamaNazaretha agcina iSabatha, amaKrestu alichitha iSabatha, futhi ngaleso sikathi kwakungakabi bikho ubuKrestu.
51.Kanjalo, uJesu no Shembe ngokomoya kuchaza umuntu oyedwa, lokhu sikufakazelwa nguye uBabamkhulu kuvesi 6-7 wesihlabelelo
50, lapho uShembe ethi: “Sukani kukhulume uJesu, niyakusha emlilweni lapho nanisebenzela khona, ebuhlungwini nasesililweni.
52.Jabulani nina bantabami, uyosho njalo kwabanye. Shiyani umhlaba, wozanini eKuphakameni!”
53.UShembe uthi uJesu uyobuyela eKuphakameni, okuyiJerusalema elisha, okungumuzi wakhe uYeshua njengomholi wamaNazaretha!
54.Njengoba ngake ngasho, uShembe wakwazi kudala ukuthi uJesu wayengumholi wamaNazaretha, nokuthi esebuya uyobuyela ebandleni lamaNazaretha eKuphakameni!
55.UShembe akagcini lapho ukucacisa ngobudlelwane obukhona phakathi kukaYeshua naye. Kuvesi 4-5 wesihlabelelo 7 uShembe uthi:
56.“Kwavela abaprofethi base Nazaretha, beza neNkosi yabo yembethe amafu. Basuka abangcwele base Nazaretha, behlangabeza iNkosi yabo iza ngamafu!” Lesi sihlabelelo sisakhuluma ngosuku lokufika kweNdodana yomuntu!
57.UShembe wayazi ukuthi uYeshua uyohlangabezwa ngamaNazaretha lapho esebuya, ngoba naye wayengu mholi webandla lamaNazaretha, egcina iSabatha, engagundi, engayidli ingulube, ephila ngokwemiyalo kaMose, futhi eyifundisa!
58.Ngama Nazaretha afundiswe ngoku baluleka kwe Sabatha, kodwa enkolweni yobuKrestu iSabatha lachithwa ngama Creeds!
60.Kodwa uYeshua, njengoba wayebuswa imithetho kaMose, wayegcina iSabatha njengoShembe!
61.Lapha asikhulumi ngesikukholwayo, kodwa sichaza umlando kaYeshua njengoba unjalo, ukuze abanganalwazi baqonde ukuthi umlando kaYeshua ushintshwe kanjani ngabezizwe, base begcina ngokushicilela KuTestamente labo okungayikho!
62.Angize ngakhuluma kakhulu ngeziprofetho, ngoba ngiyaye ngikhulume lokho engikuzwa kukhulunywa yingelosi.
63.Ingelosi ngaso sonke isikhathi ikhuluma ngombuso wezulu, isifundise ukuthi kumele siziphathe kanjani ukuze uNkulunkulu ahlale eseduze kwethu, abe nguNkulunkulu wethu!
64.Ngokubuka kwami, kungathi ingelosi izovusa ibandla loMprofethi uBabamkhulu.
65.Lokho ngikusho ngoba ngaso sonke isikhathi ukwenza kwethu ingelosi iyaye iku qhathanise nesaku fundiswa ngu Babamkhulu, isivulele izihlabelelo zama Nazaretha isikhombisa ukuthi lapha nalapha uMprofethi wayefundise kanje!
66.Uma kungenjalo ingelosi isifundele iBhayibheli, ithi encwadini kabani isahluko bani, evesini likabani ngomprofethi usibanibani uNkulunkulu uthi.”
67.Kodwa ngalokhu kukhuluma ingelosi isuke ifundisa thina, bese kuthi ekufundisile thina kumele ukuba sikwedlulisele kubantu bonke!
68.Thina siphila impilo yobungcwele, singcwele! Ngiyazi ukuthi abantu abaningi abazi ukuthi umuntu ongcwele ngonjani.
69.Umuntu ongcwele ngumuntu ophila impilo yasezulwini ngokugcina izimiso zikaNkulunkulu. Awukwazike ukuhlala nengelosi ungekho ngcwele!
70.Akengiveze imithetho emibalwa yobungcwele: Njalo ngeSabatha awuzihlanganisi nocansi ngoba usuke ulindile; ngezinsuku zika 14 nezinsuku zika 23 awuzihlanganisi nocansi; ngezinsuku zomhlangano awuzihlanganisi nocansi.
71. Umuntu ophila impilo yobungcwele, engowesilisa noma ngowesifazane, cishe ngenyanga uba ngolindile ngokuzahlukanisa nocansi izinsuku ezingu 12, ngonyaka izinyanga ezintathu!
72.Ayikho into ekhululeke njengokuphila impilo yobungcwele, kodwa namuhla angikwazi ukuchaza kabanzi ngalokho.
73.Yingakho ngithi thina siyi PILOT PROJECT YASEZULWINI, ngathi umhlaba ungafunda ukuthi umuntu uhlala kanjani noNkulunkulu njengesikhathi uNkulunkulu esahamba nabantwana bakwa-Israel!
74.Thina ingelosi isibonisile ukuthi yonke into esifunda ngayo eBhayibhelini ukuthi yayenzeka kubaNtwana bakwa-Israel namanje iyenzeka uma sisahamba ngokwezimiso zikaJehova!
75.Thina singaba ntwana baka Nkulunkulu, asikhulumi ngesiku kholwayo, siyazi ukuthi uNkulunkulu ukhona, siyazi nokuthi kumele siziphathe kanjani uma sifuna uNkulunkulu ahlale nathi!
76.NgeSabatha eledlule kuthe sise Ngwelezane sokwenza inkonzo, kanti umkhokheli ngephutha useshiye isikhwama sezingubo zenkonzo endlini.
77.Kuthe uma sesithi siya enkonzweni, wathola ukuthi zonke izingubo zenkonzo azikho. Lokho bekusho ukuthi akasakwazi ukuba senkonzweni yasekuseni, wabe esehlala emnyango.
78.Sibe sesithuma uSnako ukuba abuyele eThekwini eyosilandela lezi zingubo.
79.Uthe umkhokheli esahleli emnyango, wabona isikhwama sezingubo zenkonzo sesiphambi kwakhe.
80.Esamangele ukuthi kwenzekani, wabona ingelosi uHlaleleni nayo isimi phambi kwakhe, isimbuza ukuthi wenzeleni ukuthi ethathe uhambo lokuya enkonzweni engayifakile ingubo yesonto?
81.Ngithe ngithi umkhokheli uhleli emnyango, ngambona esengena enkonzweni esegqokile, ingelosi isihambe yona ngokwayo yayolanda izingubo zikamkhokheli!
82.Uma thina sikhuluma ngokuthi uNkulunkulu ukhona, sisuke sikhuluma ngento enje, ngento enobufakazi obuba phambi kwabo bonke abantu!
83.Ngikhuluma ngalesi siprofetho sikaYeshua ngokubuya kwakhe, ngoba ingelosi ikhulumile ngaso, yathi iyamangala ukuthi kukhona abantu abangaboni ukuthi sesisezi nsukwini zokugcina, umhlaba usuyasongwa!
84.UMprofethikazi wase-Amerika uCelestial naye usekhulume kakhulu ngalezi zinsuku zokugcina.
85.Abantu abafuna iziprofetho zasezulwini, nezintshumayelo ongathi uma uzilandela uwubone umbuso wezulu, abalandele izimfundiso zaloMprofethikazi, ngoba ngokuqonda kwami kusenguye yedwa uMprofethi kaJehova enkolweni yobuKrestu!
86.Kulesi siprofetho uJesu wakhuluma ngezehlakalo ezimbili ezahlukene ngezikhathi ezahlukene.
87.Kuvesi 2 walesi siprofetho uJesu wayeprofetha ngesibhicongo esenzeka ngo 70 A.D, lapho amaRoma ahlasela iJerusalema abhidliza ithempeli likaJehova, abulala amaJuda abalelwa esigidini!
88.Lezo kwaba yizinsuku ezinzima kakhulu esizweni samaJuda uma uzwa ngesihluku amaRoma asenza kulesi sizwe! UYeshua wahamba emhlabeni ko 33 A.D, lempi yaba ngo 70 A.D, okuyiminyaka engu 37 uYeshua engasekho. Yikho-ke uYeshua ethi lesi sehlo sizokwenzeka kuso lesi sizukulwane!
89.Kodwa futhi uYeshua wakhuluma kabanzi ngezinsuku zokugcina, wachaza ukuthi uma sekufika lezo zinsuku sobona ngani nani. Uthi-ke uYeshua:
90.“Qaphelani ningadukiswa muntu, NGOKUBA KUYAKUFIKA ABANINGI NGEGAMA LAMI BATHI, MINA NGINGUKRESTU, BADUKISE ABANINGI.
91.NIYAKUZWA NGEZIMPI NAMAHEMUHEMU EZIMPI, nina ningethuki ngokuba kumele ukuba lokhu kwenzeke, kodwa ukuphela kuyobe kungakafiki, isizwe siyovukela esinye, nombuso uvukele omunye.
92.KUYAKUBA KHONA INDLALA NOKUZAMAZAMA KOMHLABA IZINDAWO NGEZINDAWO. KEPHA KONKE LOKHU KUNGUKUQALA KOMHELO!
93.Ngaleso sikhathi bayonikhaphela osizini, banibulale, nizondwe yizizwe zonke ngenxa yegama lami.
94.Abaningi bayakukhubeka, bakhaphelane, futhi bazondane, kuyakuvela abaprofethi-mbumbulu abaningi badukise izindimbane zabantu. Luyakuphela uthando ngenxa yokwanda kokubi.
95.Kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni, nguyena oyakusindiswa. Lelivangeli LOMBUSO LIYAKUSHUNYAYELWA EZWENI LONKE, KUBE UBUFAKAZI EZIZWENI ZONKE ANDUKUBA KUFIKE UMHLA WOKUPHELA!
96.Ngalokho-ke UMA NIBONA AMANYALA ANYANTISAYO AKHULUMA NGAWO UDANIEL UMPROFETHI EMI ENDAWENI ENGCWELE, OFUNDAYO MAKAQAPHELE UKUTHI KUSHO UKUTHINI.”
97.Njengoba sengichazile, okwenzekayo manje angikuchazi kuphela ngokuthi kufakazela okwashiwo nguJesu, kodwa ngikufakaza ngoba okokuqala kushiwo yingelosi, okwesibili ngakuzwa futhi kuchazwa kabanzi nguMprofethikazi uCelestial.
98.Kungumsebenzi wami ukuthi uma ingelosi iveza ukukhuluma, bese ngikulandela, ukuze ngixwayise abantu ngakho!
99.Sibhekene nesikhathi esinzima, lapho abantu bengamesabi nhlobo uNkulunkulu, ohlale ubezwa benza amahlaya ngoNkulunkulu, abanye beba nemibuzo eminingi ngoNkulunkulu, behlekisa nangemibhalo yeBhayibheli.
100.Kodwa kumthetho wesithathu emithethweni elishumi, uNkulunkulu uthi: “Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba akayikumyeka angamjezisi ophatha ngeze igama lakhe.
101.Ayikho into abantu abahlale behlekisa ngayo njengoNkulunkulu nemithetho yakhe. Abanye bahlale benemibuzo kuNkulunkulu sengathi uNkulunkulu uyise, ufana nje nabo.
102.Bayakhohlwa ukuthi uNkulunkulu ngomzuzu engakwenza ube yisilima ugxaze amathe, engakwenza ube isishosha, ube yisithulu, ube yimpumputhe!
103.Esikhundleni sokuthi uhlale umbonga uJehova usenethuba lokumbonga, uthi ‘ngiyakubonga Nkosi ngoba ungenze ngaba umuntu, wangangenza ngaba yisilwane, ngaba yinkomo, ngaba yinkukhu, ngaba yimbongolo.
104.Nkosi ungiphe abazali, awungenzanga ngaba yintandane; ungenze ngafunda, wangangenza ngaba umahlalela; ungenze ngaganwa, ngagana; ungenze ngaba nomuzi abaningi ababethanda ukuba nalezi zinto, abazange baba nenhlanhla yokuba nazo.
105.Kodwa ngoba uyisilima, uyisiwula, uhlalela ukuhleka uNkulunkulu, ukubhuqa uNkulunkulu, wenza amahlaya ngoNkulunkulu! Ubuswa imicabango yobuwula, ukudlala ngento okungadlalwa ngayo, ngento okungantewa ngayo!
106.Ungalokothi wenze ukuchoma, ukunteya, noma ukwenza noma luhlobo luni lwehlaya ngoNkulunkulu, ungazami ukuba nemibuzo engathi shu ngoNkulunkulu, kuyisono esibi lokho kwenza! UNKulunkulu unguMdali wakho, ngakhoke ungamenzi intanga yakho. Njengoba ungenke uhlekise ngomzali wakho, kangaka nani-ke ngoNkulunkulu?
107.Iziwula aziboni ukuthi sesisondela ekupheleni kwezwe, sekuseduze ukuba sihlangane nesikhathi sikazaMcolo wasendulo!
108.Nangaleso sikhathi iziwula zazidansa, ziphuza, zenza konke okuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu! Kodwa ngikhathazwa lusizi esisazo bhekana nalo, siphila noma sifile!
109.Lolusizi abantu basePalestine ababhekene nalo, sisazobhekana nalo sonke, ungalubukeli kude!
110.Namuhla kunokuzamazama komhlaba okungakaze kwenzeke emhlabeni; kuwa izitezi, umhlaba uzamazama ngendlela yokuthi kungakwazi ukuhamba ngisho kwemoto!
111.Kunezinkanyamba zemimoya ezindizisa ngisho izimoto ziyotshingeka kude zinabantu phakathi.
112.Kunezikhukhula ezenza imizi yabantu ivele ngophahla, idolobha lonke libe ngaphansi kwamanzi, abantu abangasakwazi nhlobo ukungena kuyo, kodwa asebehamba emizini yabo ngezikebhe ngoba isiphenduke amadamu amanzi!
113.Lezi zikhukhula zimukisa izimoto sengathi kumuka amahlamvu! Akakho osenendaba nemoto kumbe nendlu yakhe, kuphela uma kuvikeleke umphefumulo wakhe! Lesi simo siza kithi sonke!
114.Kuqhuma izintaba zimboze imizi yabantu, kwesinye isikhathi konke lokhu kwenzeke belele. Cabanga uthole ukuthi yonke inhlabathi yentaba ikumboza nomuzi wakho wonke nilele!
115.Zonke lezi zehlakalo wathi uYeshua sobona ngazo ukuthi sekufike isikhathi sokugcina! Sesiphila esikhathini SEVANGELI LOMBUSO KASATHANE, lapho bonke abantu bechazwa yiyo yonke inhlobo yamanyala ezwe, lapho abesifazane benza noma ntoni abazi ukuthi ngayo bazokhanukelwa ngabesilisa!
116.Ukugqoka kowesifazane uveze umzimba sekuyinhlobo yokugqoka okwamukelekile!
117.Uthi-ke uYeshu: “Ngalokho-ke UMA NIBONA AMANYALA ANYANTISAYO AKHULUMA NGAWO UDANIEL UMPROFETHI EMI ENDAWENI ENGCWELE, OFUNDAYO MAKA QAPHELE UKUTHI KUSHO UKUTHINI.”
118.Ayisakhulunywa-ke eyabaprofethi-mbumbulu, nasebethi bangonkulunkulu. Bonke banehloso yokudukisa NABAKHETHIWEYO!
1.Sifuna indlela
yokuya ekhaya
KuJehova iNkosi yethu
UMdali wezulu.
Chorus. Indlela eya ekhaya
Yedlula engozini.
2.Sifuneleni abathunyiweyo
Ukuhola abaningi
Ukubayisa kuMhlali neZiyoni
Emzini wokuphumula.
Chorus.
3.Ibalimazile abaningi
Abayithandayo
Ayanqikaza ayesaba amagwala
Athi kungcono ukufela emuva.
Chorus.
4.Qiniselani nina maqhawe
Ngayo leyondlela
Ekupheleni kwalezo zinhlungu
Niyongena eKuphakameni.
Chorus.