uHezekeli 2 vesi 4-5: Bangabantwana abanobuso obulikhuni nenhliziyo enqala; ngiyakuthuma kubo; uyakusho kubo: isho kanje iNkosi uJehova, ithi: bona-ke noma bezwa, noma benganaki ngokuba bayindlu ehlubukayo, bayokwazi nokho ukuthi kade ekhona uMprofethi phakathi kwabo.”
Bona-ke noma bengabantu abanganaki abahlubukayo, kodwa bayokwazi ukuthi kade ekhona uMprofethi phakathi kwabo.
Inkonzo yesabatha lomhlaka ethempelini eNgwelezane mhla ka 11 May 2024: Ngumfundisi uSabelo Ntuli.
Ngiyayikhetha iNkosi yaseKuphakameni. Ngiyabonga bantwana baseKuphakameni ukukhonjwa ngumunwe wasezulwini; ngiyacela uNkulunkulu angithwale ngengoma ka 34 ivesi elilodwa, Amein.
ISIHLABELELO 34
Kwafika izazi
ziphuma eMpumalanga
Zathi uphi lowo
OyiNkosi yabaJuda
Chorus: Kunjalo-ke namahlanje
Emagqumeni asoHlange.
1.Ngiyabonga bantwana baseKuphakameni, ngiyabonga bangcwele ukungiphelekezela ngalengoma. Bantwana baseKuphakameni sisesikhathini noma sisezinsukwini lapha khona izinhliziyo zethu zihlehla zibuyela lapha khona mhla uJehova esithanda, esikhumbula, ezoselula, ezositakula lapha sasibhajwe khona ngenxa yokungazi. Siyohlale simkhumbula njalo bantwana bokukholwa uMprofethi Isaiah Shembe, Amein.
2.Ngihlabelela lengoma ngoba ithi lengoma kunjalo namahlanje emagqumeni asoHlange. Uma iqhubeka bantwana baseKuphakameni ixoxa indaba yokufika komkhosi omkhulu womuntu ovela eZulwini. UShembe lapha wayebabaza ukuthi izithunywa ezivela eZulwini ziba yisimanga uma zifika lapha ezweni lasemhlabeni, namahlanje nathi sisho njalo sithi kunjalo namhlanje emagqumeni asoHlange, ufikile uMthokozisi, ufikile uMprofethi wabantu abamnyama uzolanda abantu lapha babedukiswe khona bedukiswe ngabezizwe futhi bedukiswe nangemikhuba eyase ifikile phakathi kwabo.
3.Bantwana baseKuphakameni singabantu abanomsebenzi omkhulu kakhulu. Ngizodlula nje ngixoxe ngixoxe kafushane ngohambo ekade sinalo, sike sahamba sithunywe yizwi labaholi oLundi bantwana baseKuphakameni, siyosho into eyodwa ukuthi abantu basoLundi kumele bazi ukuthi kwakukhona uMprofethi futhi kumele bazi ukuth kwake kwafika isimangaliso somuntu waseZulwini wazokwakha ubuNazaretha.
4. Wazobubumba wazobu vuselela lapha ezweni lakithi, sasiyoxoxa lokho bantwana baseKuphakameni, siyoxoxela amaBhinca akuleliyazwe, siyoxoxela amaKrestu akuleliyazwe, siyoxoxela zonke izihlobo zabantu bakuleliyazwe ukuthi kumele bazi ukuthi kwake kwafika indaba enkulu lapha ezweni lakubo. Angazi noma siye sehlulwe ubugagu yini bokuyixoxa yini lento. Siye sehlulwe yibo ngoba ithi ingoma kaShembe: “Ngeswele imilomo yabahlakaniphileyo” ukuthi siyikhulume lendaba.
5. Bantwana baseKuphakameni sayixoxa lendaba oLundi, sedlula sashona eMpumalanga sibizwe ngabantu abathena noma bengekho phansi kwehlelo esiyilo thina maNazaretha kaNkulunkulu kodwa balizwa Izwi likaBaba limemeza base bethi lokhu kukhuluma akukhona okwasemhlabeni, noma singekho phakathi kwalabantu kodwa lento abayikhulumayo iyasithinta ngoba iyizwi lezulu, base benqonqoza bengithuma noMshumayeli bethi angiyonqonqoza esihlalweni sobukhosi bethi bayalicela leliphunga abalizwa ezintabeni zase Pinetown ukuthi ligijime liyofika ezintabeni zakubo eMpumalanga.
6. Bantwana baseKuphakameni, sagijima saya esihlalweni sobukhosi safike saguqa, lathi izwi hambisani iphunga lapha elifuneka khona sase siyahamba ke bantwana bokukholwa. Uma sifika kuleyandawo bantwana baseKuphakameni samukelwa ngesasasa eliyinqaba, samukelwa ngabantu esasiye kubona sibesaba, siqhaqhazela singazi ukuthi njengoba sibizwa yilabantu nje bazibiza kanjani?
7. Bakhona abanye phakathi kwethu ababethi akaze yenziwe lento eniyenzayo, musani ukuya laphana, ngase ngithi mina ayikho into esizoyenza uma besishayile bayobe basishayile kanti siyaqala yini ukushaywa? Sase siyangena bantwana baseKuphakameni basemukela ngodumo sazizoxa lezindaba zaseZulwini.
8. Sizixoxela abantu ekade sibesaba, sixoxela abantu esaphuma kubona ngoba sikhishwa ukuthi sesiyizwile indaba kaNkulunkulu, sesiluzwile udumo luduma emagqumeni ase Pinetown, sabashiya bantwana bokukholwa seza lapha emagqumeni ase Pinetown. Base bayasibiza bathi akenizoyi xoxa lendaba enayithola e Pinetown. Awu bantwana baseKuphakameni sayixoxa ngoba indaba exoxekayo lena esikuyona hhay ukuthi indaba ekumele ucabange uma uzoyixoxa.
9. Noma ungavuswa ulele kuthiwe khukuma lendaba kubalula bantwana baseKuphakameni ngoba kwehle Izwi lazosifundisa. Akudingekanga ukuthi sibe ngabahlakaniphile futhi akudinganga ukuthi sibe ngabaziyo ngoba belizele khona lokho ukuthi asazi.
10. Sasiyoxoxa lendaba kwasukuma umama omdala wathi ngiyalenga ngilenga amahlamvu ngilenga yonke into manje bengicela ukuzwa ukuthi kungenzeka yini ukuthi ngikwazi ukuqala phansi? Bazongifakazela ababekhona.
11. Kwagijima omunye wathi singenzenjani kodwa? Kusho abantu bantwana baseKuphakameni esaya kubona sibesaba sithi kazi bazosenzenjani, siyesaba kodwa sathi noma besishayile kanti kunani ukushaywa? Bantwana baseKuphakameni selibasiwe iziko.
12. Isimangaliso bantwana bokukholwa ngoba akusekho lapha sizichaza khona kabanzi ngoba abaholi sebewenzile umsebenzi kodwa thina okwethu sekungukuba hlangabeza nje abantu ukuthi sikhona njalo sivela kulowo mthombo ompompoza ePinetown, bese bethi hawu niqhamuka lapho? Asho kanjalo amadoda aseMtubatuba athi besihlale sifisa ukubona umuntu olandela uBaba uMelusi ngoba siyamlandela nathi kuKhozi FM.
13. Kusho abefundisi abangu 21 bathi siyajabula ukubona umuntu ovela kuMelusi. Bantwana bokukholwa seswele wona amajubane okugijima ngoba thina asisashumayeli kodwa sesivele sithi sisuka kuBaba uMelusi, ngalokho nje usushumayelile. Bathi abaseMtubatuba sicela ukuthi sikunike ithuba nje sintshontshe esikhathini sikahulumeni, lelithuba sikunikela ukuthi uvela kuBaba uMelusi, babesho kanjalo bantwana bokukholwa bathi sikunike lelithuba ngoba uvela kuMelusi ngoba akukwazi ukuthi ungahamba ibanga elingaka bese ungalitholi ithuba.
14.Sase siyaguqa bantwana baseKuphakameni sase siyahlabelela babazani zizwe nonke ngoba okwethu bantwana baseKuphakameni ukuthi sime ezintabeni sibabaze ukuthi nansi indaba evele phakathi kwethu, bese niyizwile yini? Ngibabaza lokho bantwana bokukholwa nodumo esemukelwe ngalo eMpumalanga. Sithena uma siphuma khona base beyangithuma bethi gijima ubuyele kuBaba uMelusi uthi siyacela ukuthi ngo August nibuye nize lapha. Ngakubika kwathi ngisakubikile ngoba liyalindwa Izwi baphinde babuya bathi angazi noma siqale yini sifake ama post ukuthi niyeza, ithini date?
15. Ngathi mina hhayi ngisafake izwi, Ithi ke lendoda ngizofaka izincwadi, wonke amathempeli akulelizwe ngizowatshena ukuthi kuza indaba enkulu, kuza indaba kaNkulunkulu yase Pinetown, uthi ngijahe ukufaka ama poster emathempeleni alabo engikhonza nabo. Isimangaliso bantwana bokukholwa. Uthi ngizomema uMshumayeli, uMvangeli nabefundisi, uthi
ngifuna bezoyizwa lento ekhulunywa lapha.
16. Eyi bantwana baseKuphakameni ngishawe uvalo uma bethi “silenga amahlahla, besingayazi thina lento.” Izalukazi ezindala ezikhiphe amaphepha zibhala izincwadi zithi lencwadi lena niyifundaphi lencwadi ethi ningazihlanganisi namadlozi? Niyifundaphi lencwadi ethi akuhlatshelwa abafile, sicela nisibhalele phansi. Abantu abathi kade sakholwa thina, izalukazi zamaNazaretha!
17. Bantwana baseKUphakameni asisashumayeli, sesisthi nje sivela kuMelusi bese abantu bekholwa, bekholiswa ilokho. Ngixoxa lokho bantwana baseKuphakameni ukuthi indaba yethu iyisimangaliso bantwana baseKuphakameni. Kodwa zonke lezi zindawo bantwana baseKuphakameni sihambela into eyodwa, sihambe sibatshela ukuthi kwakukhona uMprofethi.
18.Kukhona uMprofethi kaJehova, asifunde incwadi kaHezekeli; uHezekeli 2 vesi 4-5: Bangabantwana abanobuso obulikhuni nenhliziyo enqala; ngiyakuthuma kubo; uyakusho kubo: isho kanje iNkosi uJehova, ithi: bona-ke noma bezwa, noma benganaki ngokuba bayindlu ehlubukayo, bayokwazi nokho ukuthi kade ekhona uMprofethi phakathi kwabo.”
19. Bona-ke noma bengabantu abanganaki abahlubukayo, kodwa bayokwazi ukuthi kade ekhona uMprofethi phakathi kwabo. Nanso indaba bantwana baseKuphakameni esihamba siyitshela abantu ukuthi ukhona uMprofethi oke waphila phakathi kwethu wasibuyisela kuJehova, ukhona owayevela eZulwini; ofike wasiqoqa lapho sasichitheke khona sichithwe ngamasiko aphambana noJehova.
20. Sizosho lokho bantwana baseZulwini sizothi ukhona uMprofethi ovela eZulwini. Noma ningabantu abahlubukayo benenhliziyo eqinile elukhuni, kodwa bantwana baseKuphakameni kumele bazi benjalo ukuthi kuke kwakhona uMprofethi phakathi kwethu, izwi lakhe likhona liyaphila phakathi kwethu. Namhlanjena lishintsha iziqu lokhu lizivuselela lona kithi ngoba kufanele bazi abantu ukuthi wake wafika uNkulunkulu phakathi kwendlu emnyama, wake wafika uMprofethi phakathi kwendlu emnyama.
21.Noma bengabantu abahlubukayo bengabantu abanenhliziyo elukhuni kodwa kumele bazi ukuthi kwakukhona uMprofethi amein. Sihambela lokho bantwana baseKuphakameni nakulelizwe sizothi kwakukhona uMprofethi bantwana baseKuphakameni. Kuthe noma sekufika abantu, kwakungcono ebuKrestwini ngoba kwaqhamuka abelungu bangena phakathi kwabo, bazoyichitha inkolo, bazoyihlakaza inkolo, bayenza yonke into abayenza yona.
22. Kodwa lapha ebuNazaretheni bantwana bokukholwa kube yishwa ngoba akuzange kwafika Mlungu akuzange kwafika muntu owayeqhamuka emazweni, kodwa kuvele kwavuka abantu phakathi ethempelini base beyichitha lento. Usizi bantwana bokukholwa olusehlele lapha, bangcono abayokhala bethi seduswa abantu abafika phakathi kwethu, thina siyothi sangenwa umoya wokuhlubuka.
23. Ayothi amaNazaretha angenwa umoya wokuhlubuka ayichitha lento, kwavuka bonke abantu kwavuka abantu abasha kwavuka abantu abadala bavukela ukuyichitha lento, bavukela ukuyilahla lento. Kwathi zonke izinto ayethe uShembe ziyigugu ziwubungcwele bukaJehova, bathi bona lezi zinto azisengcwele. Kwakungcwele bantwana bokukholwa enkolweni yobuKrestu noma kwabakubi kodwa kwafika abantu babachithisa inkolo, akuvukanga abantu ababengaphakathi.
24.Bantwana baseKuphakameni wathi uYeshua efikile phakathi kwabantu ezofundisa inkolo, ezofundisa ukukholwa, wathi uma esehambile kwase kufika abantu babafundisa ukuthi zonke izinto uYeshua azenzile azikho ezikhona ezabo abafika nazo, wathi uYeshua ebafundisile ukuthi uma ungowesilisa kufika esigabeni esithile bese uyahamba uyothatha isifungo. Amanazaretha ajwayele ukuya entabeni uma eyokwenza lokhu okwenziwayo.
25.Wathi uYeshua ekwenzile lokho usiko lokusoka bafika bonbakhanda inkolo bathi akusekho lokho la, bakuchitha bantwana bokukholwa. Wathi uYeshua ethe uma ebhajadiswa wangena emanzini wabhajadiswa, bafika ababeqhamuka kude bathi ukubhabhadisa kukaYeshua siyakuchitha kulenkolo akusekho. Base beqhamuka nezindlela zabo zokubhajadiswa ezifunwa yibo. Kwase kuchithwa konke ukubhajadiswa sekuphumelela okwabo.
26.Usizi bantwana baseKuphakameni olwehlele inkolo, kodwa kwakufikaabantu bezobachithisa inkolo, kwakungazange kube ukuhlubuka ukuvuke kubo, bakufundiswa ukuhlubuka uNkulunkulu. Kwathi uma uYeshua ekhonza ngeSabatha ebashiye begcina iSabatha kwase kufika abantu bathi iSabatha alisekho, bathi isabatha sekuyinoma iluphi usuku oluthandwa
yithi, base beziqokela amalanga abo, amalanga okukhonza izithixo base bedumisa ngawo base belulahla usuku lukaJehova base belulahla usuku lukaYeshua belulahliswa ukuthi sekufika abazobafundisa ukuthi lolusuku alubalulekile.
27. Base beluchitha, bathe sebeluchithile base bethi asilwazi ukuthi linini. Elami iSabatha lingomsombuluko wathi omunye “ olwami lungoLwesibili” wathi “elami lingeSonto” , kodwa lamaSabatha angamaSonto, umsombuluko anomlilo phakathi abawucishi umlilo ezindlini zabo, kodwa iSabatha likaJehova lithe kucishwa umlilo ngosuku lweSabatha.
28. Awabo amaSabatha bazikhethele wona awanamthetho ukuya nje esonweni uphinde ubuye, balichitha leliSabatha elalinomthetho ngo balenyanya bantwana bokukholwa. Sibhekene nalolo lusizi bantwana baseKuphakameni, sithunywe lokho ukuthi noma beyisizwe esihlubukayo noma bengabantu abalikhuni kangaka, kodwa kumele bazi ukuthi kwakufike uMprofethi lapha ezosifundisa indaba kaNkulunkulu.
29.Bantwana baseKuphakameni kwaba yinto efanayo nakumaNazaretha, bathi befundisiwe imikhosi yaseZulwini, kwathi efundisiwe imikhosi eyingcwele, kwathi efundisiwe ukuthi uJehova ukhonzwa kanjani, ase ethatha konke uMprofethi owayekuchithile izangoma bayifaka esontweni baliphikisa izwi loMprofethi elithi isangoma asingemi la, balichitha bantwana bokukholwa.
30. Wathi uMprofethi eshilo ukuthi lelibandla bantwana bokukholwa uJehova wathi angimakhele lona ngelakhe ELIKAMENZI WEZULU NOMHLABA. Bathi uma befika bona bathi lelibandla akusilo elikaMenzi weZulu nomhlaba, base beqoqa izingane zakwaShembe, base bethi elalezingane lelibandla. Ngixoxa into eyenzekile bantwana bokukholwa. Bakuphika ukuthi lelibandla elikaMenzi weZulu nomhlaba, bakwenqaba, kwayicala ukukusho.
31. Kwathi uma usushumayela uthi ibandla likaJehova leli kwavuka abantu bathi lento oyishoyo ayikho, bathi lelibandla leli nangu umnikazi walo. Kwasuka amakhosi ezizwe athi “uyangicasula umuntu oze aqede ukushumayela angashongo ukuthi usibani-bani lona wethu ungunkulunkulu, uyangicasula umuntu oshonjalo, uma uze uhlale phansi ungashongo ukuthi umholi wethu ungunkulunkulu, angiyifuni leyonto.”
32. Basho njalo bantwana baseKuphakameni, ibandla esisuka kulona, bantwana basekuphaKuphakameni, usizike lolo. Bathe sebekwenzile konke base bebona ukuthi nansi iNCG, nanka amaNazaretha kaNkulunkulu ayabahlupha ngoba lokhu ecaphuna izincwadi zoMprofethi zithi uMprofethi wathi, uBaba ILanga wathi, uBaba iNyangayeZulu wathi, uBaba uThingo wathi.
33. Uma bejika bathi “Hhayi lona ophambi kwethu uyena owayethume uMprofethi”. Bakwenzelani lokho bantwana baseKuphakameni? Benzelukuthi bethi lona okhulumayo njengamanje yilo owayethume lona enimu quota(yo) nina, bazobuqeda ubuNazaretha, babuqeda finishi! Bazokwenza bube yinto engekho ngoba uma ngabe ethi umuntu uMprofethi wathi, bathi bona cha uMprofethi wayethunywe yilo.
34. Ismangaliso bantwana bokukholwa, base bayalicisha negama elithi uMprofethi Isaiah Shembe, base bekhuluma nje engathi bakhuluma ngezitimela, laqedwa impela igama kwase kuthiwa uBhombela. Kumuntu ongazi noma sekubekwe izithombe zaloBhombela kuvele kubekwe isitimela esishunqa intuthu, bafuna abantu bengazi ukuthi kwakukhona uMprofethi kaNkulunkulu, babebona iguzu lesitimela esithutha amalahle kuphela.
35. Bantwana baseKuphakameni sikhulu i strategy sokuchitha indaba kaNkulunkulu esikhona. Ngithe kubuKrestu kwaqhamuka abantu ngaphandle bazobuchitha, babafundisa ukuhlubuka uNkulunkulu. Kodwa ebuNazaretheni kufundiswe abantu ngaphakathi, bamchitha uNkulunkulu bamchitha uMprofethi bamu replace ngezingane zakhe bathi naba ababemthumile uMprofethi, besho izingane zezingane zakhe.
36. Usizi bantwana baseKuphakameni esibhekene nalo. Bathatha ngisho izithombe zabo bazisusa, uma bememezela izibizo zabo benza ama flag angeke usibone isithombe soMprofethi uyobona iguzu lesitimela esishunqa intuthu, uthi kodwa yini loBhombela? Iyaqedwa indaba kaMprofethi ngoba namhlanjena wayethunywe yilo asebethi ungunkulunkulu wabo.
37. Ngiyixoxa lento bantwana baseKuphakameni ngoba usizi. Silaphaezweni lakwaZulu, ezweni lakithi bantwana bokukholwa. Eh ngike ngahlala kulendawo esikuyona ngeminyaka yoma 2002, ngangiSabatha kwelinyei iThempeli lapha okuthiwa yiBethiside ngaphansi kwaMvangeli uMthethwa, ngangiphethwe uMphathi okwakuthiwa uGumede Khuzwayo khona lapha eduzane.
38. Ngizokhuluma ezweni lakithi bantwana bokukholwa, ngizokhuluma ngoMprofethi, ngizothi bantu bakithi yazini ukuthi ukhona uMprofethi kaNkulunkulu owafika wazosifundisa lento. Ngizobakhumbuza ukuthi namhlanjena sekubekwe izitimela sekungathi manjena uMprofethi Isaiah Shembe akazange wabakhona kwavele kwakhona izitimela nje. Sizothi namhlanjena wafika owayevela uZulwini, wafika owayethunyiwe wazoyifundisa lento.
39. Usizi bantwana baseKuphakameni esibhekene nalo. Bantwana baseKuphakameni uma sikhuluma ngoMprofethi Isaiah Shembe sikhuluma isimangaliso, ngiyakhumbula ngelinye ilanga uma ngifunda ezindabeni zikaShembe kuthiwa wake wafika lapha eNkosini yasemaNzimeleni, kwabonakala ehla egijima ehlabelela ehamba ngehashi lakhe elimpunga bantwana baseKuphakameni ekhuphuka ngomgwaqo. Ithi lendoda exoxa indaba kaShembe, ithi ‘sayibona lendoda esasingayazi singabafana, uthi sase sigijima emva kwayo ngoba wayenomayibuthe waseZulwini.
40. Wayethi uma ehamba bonke abantu bezizwe sengathi abamlandele. Bayokwazi ukuthi kwakukhona uMprofethi Isaiah Shembe. Bantwana baseKuphakameni ithi lendoda wakhuphuka wathi uma efika wangena emzini waseManzimeleni, eNkosini yaseManzimeleni, uthi wathi uma efika khona wase ethi ngithunyiwe lapha ngithunywe yizwi leNkosi endala.
41. Kuthiwa lendoda igulelwa yindodana yayo lana. Yathi uma ifika eManzimeleni yafika inkosi yakhona igula kakhulu, ibambekile; bathi yayingasakudli ngisho ukudla. Wathi uma efika wase eyithandazela yase iyaphila. Kuthiwa bafika basina egcekeni basina bakhomba ngapha nangapha, bathi uma beqeda ukusina bathi ameni, behla ngokhalo. Yaphila iNkosi yaseManzimeleni. Base buyangena UbuNazaretha eManzimeleni bangena kanjalo.
42. Yehla bantwana baseKuphakameni, bathi yehlela emfuleni yafika yahlala phansi namaNazaretha base beyaphumula, uthi lona oxoxayo sasibona intuthu iqhamuka ehlathini ukuthi lomuntu kaNkulunkulu usekhona lapha. Uthi kwagijima uAunty, udadewabo weNkosi wathi, yini uShembe akasafuni ukunishiya yini, kwangathi anihalalisanga kahle uShembe efike phakathi kwenu.
43. Base begijima, yathi iNkosi thumelani izigijimi wase eyobizwa umuntu waseZulwini, wafika bantwana baseKuphakameni wase eth,i ngiyabonga ngoba lapha sengithole iNazaretha. Wathi uma efika ezobhabhadisa iNkosi
yaseManzimeleni, base bethi akangene wathi angiyikungena kulendlu ngoba lendlu lena inezikhonkwane ezimbi. Wase eyabona owaseZulwini wase enqaba.
44. Wathi hawu uShembe uyenqaba, wathi anginakungena kulendlu yakho nkosi ngoba lendlu inezikhonkwane ezimbi. Wathi lezikhonkwane zakho ziyamxosha uNkulunkulu uma engena lapha, ziyamchitha uNkulunkulu engihamba naye. Wase ephindele emuva waya kwaVelabahleke, kuthiwa wathi ekhona yase isala iNkosi ingena endlini ikhipha izikhonkwane, kuthiwa kwakugqitshwe imvu endlini ephilayo.
45. Bathi uma beyikhipha leyomvu yabona iNkosi yaseManzimeleni ukuth womunyeke lona ofika akhulume into esayenza engekho ukuthi sigqibe imvu lapha iphila, bantwana basekuphakameni yase ebhajadiswa, wonke umndeni waseManzimeleni wase ungena usuba ngamaNazaretha usukhetha iNkosi, siyakubonga lokho bantwana baseKuphakameni.
46. Siyombonga njalo uBaba wethu uMprofethi Isaiah Shembe uBabamkhulu. Siyohlala simubonga njalo bantwana baseKuphakameni ngoba wathi akuzange kwahlangana amadoda ase emthuma athi hamba uyovula ibandla ezweni laseNatal, kodwa kwafika uNkulunkulu ongumdali weZulu nomhlaba wakhuluma naye wathi namhlanjena siyakuthuma sikuthuma ukuthi uyovusa lento kwaZulu.
47. Wahlushwa ngazo zonke izihlupho ezihlale zikhulunywa phakathi kwethu, ehlushelwa ukuthi ezophemba lento kulelizwe, namhlanje sekuvuka abantu abazoyichitha, sekuvuka abantu abathi konke lokhu ayekuzele akusekho, konke owayekushiye ekwakhile namhlanjena bathi kuyize. Sebechithe baze bachitha ngisho imigidi eyehla ezulwini bantwana baseKuphakameni, ilethwa zithunywa namhlanje leyomgidi isiphenduke inhlekisa, sekuyinto abahambe beyisina beqimbile.
48.Beyisina bephethe izinduku zokulwa izimpi, iziqwayi, imshiza yokulwa, besina ngayo, sebawalahla namashoba lawo balahla konke uShembe owayesina ngakho, izambulela bayazenyanyake zona kakhulu ngoba bayasiphikisa bathi lezambulela nizithathaphi. Masithi sizithatha kumprofethi, abayifuni into enoMprofethi phakathi, benyanya ngisho imiNazaretha eyayimhlophe esasiyinikwe uMprofethi bahamba bayozakhela eyabo eluhlaza.
49. Akukho bantwana baseKuphakameni abangakwenyanyanga, konke okukaMprofethi bakuchitha bantwana baseKuphakameni bakulahla base bezakhela okwabo okuphambene nalokhu uMprofethi akade ebatshele khona. Ngisho ukuhlabelela bayakwenyanya, imigidi bayayenyanya, imiNazaretha bayayenyanya, abafuni lutho. Ifodo lika Mprofethi abangalithanda bathatha izitimela bafaka zona bamkhipha uMprofethi waphela sebeswele isibindi sokuthi izihlabelelo zabo zingabi naye uMprofethi nhlobo.
50. Sibheke nalokho bantwana baseKuphakameni, size lapha KwaZulu sizokhuluma lezondaba bantwana baseKuphakameni,sizothi bayohlala bazi ukuthi wayekhona uMprofethi, ukhona owafika lapha owayethun ywe uNkulunkulu, ukhona owafika lapha evela ezulwini ezovuselela ubuNazaretha, ezovuselela inkolo yasemandulo ,ezokwethula imithwalo kokhokho bethu ababedusiwe beduswe izizwe zizobachitha zizobakhipha endabeni kaNkulunkulu.
51.Size ngalokho bantwana baseKuphakameni, size ngendaba enkulu, sizothi sibuyela kuwena Nkosi yamakhosi, sibuyela kuwena siyalithatha izwi owehla ezulwini ulithunywe. Siyalithatha lelizwi owathi ma ukhishwa ezintabeni zasenhla mhla ukhishwa ulethwa lapha eNatali uzosifundisa lelizwi syalemukela siyalithatha, liwukuphila kwethu, noma silala ezinganeni zethu syolifundisa lelizwi noma sivuka syolifundisa lelizwi ngoba lingukuphila kwemiphefumulo yethu.
52. Ithi ingoma kaShembe ‘akusindi inyama yodwa kodwa nemiphefumulo yethu’. Sizosho njalo bantwana baseKuphakameni sizothi syacela ukuthi Nkosi ubekhona phakathi kwethu, sizocela Nkosi. Siyabonga Nkosi Umthandazo weSabatha owasifundisa wona wasichazela wathi iSabatha lingumkhosi omkhulu kaJehova wathi leliSabatha leli lingumkhosi wentethethelo.
53. Wathi leliSabatha leli salanzelwa uMenzi wethu, siyabonga siyohlala sikukhumbula njalo Mprofethi wethu ngayelomfundiso. Wadlula uMprofethi wethu wasakhela umthandazo wokuvuka.
54. Wandlula uMprofethi wethu wasakhela imithandazo yokuvuka, wasifundisa ukuthi usuku lonke singenza kanjani ukuthi sibe nobudlelwane noNkulunkulu. Wasifundisa ukuthi noma sisebenza emasimini ethu, esikhumbuza ukuthi amandla esisebenza ngawo siwanikwe uJehova asimudumise njalo. Noma sesiyolala wasifundisa ukuthi nansi imithandazo okuyothi uma seniyolala bese niyifunda bese niba nobudlelwano noNkulunkulu uJehova uMdali weZulu nomhlaba.
55. Noma nilele ezindlini zenu ningalali njengabantu bomhlaba, nithi nilele nina nibe nobudlelwano noJehova. Wathi niyiphathe kahle indlu enilala kuyo ukuze uJehova angacunuki ukuza kuwe ngephupho. Wase esifundisa ukuthi uma silala siyalungisa, sisuse lokhuya, sisuselokuyana, ngoba singabantu abathi uma belele bavakashelwe uJehova. Siyohlala sikukhumbula njalo, bantwana baseKuphakameni ngalemgidi. Siyohlale sikukhumbula ngakho konke owathi uma efika phakathi kwethu wase esakhela khona, wayesesishiya nakho kwayifa laphakade bantwana baseKuphakameni.
56. Asiyikuhlehla noma sekuqhamuke abantu phakathi kobunazaretha, babuvukela
ubunazaretha, siyoma sithi siyazi ukuthi wafika umprofethi wasifundisa lokho, wasifundisa lokho. Amen. Bantwana baseKuphakameni sizoxoxa lokho, siibuyela kuJehova ngezwi loMprofethi owafika phakathi kwethu owayeyisimanganiso. Bathi wathi uma efika laphana enkosini yakwaNzuza, kuthiwa waqhamuka amadoda ehleli phansi kwezihlahla ephuza utshwala, eneme ejabule. Wayesefika, wathi madoda kukhona yini phakathi kwenu ongase
anginike indawo yokulala, ngikhathele kakhulu ngifisa ukuphumula. Ase ebuza lamadoda, athi uze ukhathale nje uqhamukaphi? Wathi ngisuka le ezweni lasenhla, ngithunywe uNkulunkulu lapha ukuba ngizofundisa indaba yakhe.
57. Abuza lamadoda: “Ngoba akhona nje amabandla lapha, yini le ozoyifundisa wena eyehlukile?” Wathi ngizofundisa lokho uNkulunkulu athe angikufundise, wathi ngilethe lokho uNkulunkulu athe angikufundise. Bantwana baseKuphakameni lamadoda lawa amthandabisauMprofethi, Uthi kwasuka intombazane eyodwa yaKwaCele (umama oyedwa wakwaCele), wathi muntu kaNkulunkulu ikhona mina indawo engingakulalisa kuyona, angazi noma ungalala yini endlini yami? Kuthiwa wase ethi; hhawu mntanami ngingalala kodwa angilali ngezingubo ezilale umuntu angilali endlini elale umuntu.
58.Kuthiwa bantwana baseKuphakameni kwafike kwalungiswa, kwakhiwa uutshani bandlalwa phansi kulendlu, kwase kuqhubekwa kuthathwa izingubo ezintsha, wase elala khona bantwana baseKuphakameni. Wase evuka ekuseni waya enduneni, wafika enduneni wathi ngithwel umuzi kaNkulunkulu. Wathi ngiphethe indaba enkulu bantwana bokukholwa, wathi ngiphethe umuzi kaNkulunkulu. Ngifuna indawo lapha yokubeka umuzi kaNkulunkulu.
59.Bantwana baseKuphakameni kwakuyisimangaliso somuntu. Ngaphambi kokuba siqaleukukhuluma savele sabatshela isimangaliso, sathi ningibona njengoba ngihamba lapha nje nduna ngiphethe umuzi kaNkulunkulu, ngiphethe indaba enkulu. Bathi hhawu ubunjani lomuzi?
Bamkhombisa amaqele, bamkhombisa amahlane. Wathi: “cha, akusiyona lendawo lena uNkulunkulu athena angimakhele umuzi, wathi lo muzi ubuseduze kwehlathi.
60. Wathi lo muzi ubusehlathi uNkulunkulu angithume wona. Bahamba bantwana baseKuphakameni baze bawuthola umuzi obizwa namuhlanje ngokuthi iJudiya, laphana ezweni lakithi enkosini yaKwaNzuza. Bantwana baseKuphakameni wahamba uMprofethi ethiengithwele umuzi kaNkulunkulu. Sixoxa lezo ndaba bantwana baseKuphakameni. Sizomemezalapha, sizomemeza bantwana bokukholwa, sithi:Ufikile olandelwa izizwe ufikile simzwile Babazani wemadoda Babazani zizwe nonke. Ufikile abakhuluma ngaye Abaprofethi Babazani wemadoda Babazani zizwe nonke. Ufikile uMthokozisi Mlandeleni zizwe nonkeMlandeleni makhosikazi akithi Mlandeleni zintombi zakithi.
61. Sake sawabona bantwana baseKuphakameni amadoda ayeyixoxa lendaba bethi sasibona isimangaliso saseZulwini, Babekhona oShoba ezweni lakithi ngapha eMpumalanga eZweni laseShowe kunomuzi okuthiwa iseMpumalanga babexoxa ngayo bethi sake sayibona bantwana bokukholwa ikhuphuka izintaba zakithi lapha eSamumu kuthiwa yayingathi uma ikhuphuka izintaba zakhona bathi oShoba masiyibuka kwakungathim ayinyatheli etsheni.
62. Kuthiwa yayilibeka laphana unyawo, ilibeke laphana unyawo, uthi siyothi siyagijima sizingane syoyibona isisilinde phezulu. Babesichomela bantwana baseKuphakameni bethi sake sabona isimangaliso somuntu bantwana baseKuphakameni. Angazi abantu uma lento beyithatha kalulabasuke bethi bathathani basuke bethi benzani.
63. Uthi bantwana baseKuphakameni sazisixoxela izinsizwa zakithi uMshumayeli uMkhize wasezweni lakithi uthi ngangidonsa iHhashi likaMprofethi, uthi ngangihamba phambi kwalo uthi sasizingane sihlabelela sithi ‘Nkosi sikelela uBaba, noma ezula ezintabeni’ uthi sathi uma sihlabelela lengoba uthi leliHhashi lalisina, lisina ihhashi lize limise imilenze uthi bantwana baseKuphakameni sake sayibona indaba enkulu sake sasibona isimangaliso ngamehlo.
64. Uthi niyangibona bantabami sengihambile emva kaShembe ngihambe ngimfuna kodwa lesisimanga engasibona senza ngazi ukuthi angimazi uShembe nanamhlanjena sengiyaguga bantabami ngoba ngabona umuntu owayevela ezulwini. Ah bantwana baseKuphakmeni asixoxela lamadoda amadala athi bantwana naseKuphakameni ngelinye ilanga yake yathi ibophe imithwalo indoda endala okwakuthiwa uShinga ibheke eKuphakameni uthi kwenzeka isimanga.
65. Yathi uma isuka esitimeleni igijima ingena ngaphakathi, yathi uma isingaphakathi yathi yase ithi hawu Shembe ngalishiya isaka lami ngalishiya esiteshini yathi Shembe ngiyofika ngidleni phambili. Uthi mangabe esehleli esitimeleni eyaluza elunguza emawindini, uyaye umbone umuntu uma eseshiye impahla esitimeleni uyakhathazeka, uyangapha aye ngapha.
66. Uthi kwathi lapha isitimela sihamba emahlane savele sama, wasibona sima isitimela uthi wathu Hawu Nkosi yami ngizokwehla kanjani ngiphindelemuva ngoba sime esigangeni wathi ngizokwenzanjani, uthi wavela ngamawindi, uthi wabona indoda bantwana baseKuphakameni iza, uma ethi uyayibona lendoda uthi hawu nansi lendoda iphethe isaka lami lamadumbe.
67. Wathi Nkulunkulu wami lansi lendoda iphethe isaka lami, uthi kayigijimi ngani? Uthi ngiyiqhwebe uthi uma ngiyiqhweba lendoda ivele ifulathele ibheke lena, uthi bantwana basekuphakameni lendoda yayala ukuthi ingiyiqhwebe. Uthi uma ngiyikhombisa ngithi ayigijime uthi lendoda yayivele ibheke lena, uthi ngikhathazeke ngehla ngenyuka esitimeleni ngingazi ngizokwenzenjani ngithi shisha sizongishiya isitimela, ivele ibheke lena lendoda, iza kancane bantwana baseKuphakameni iza kancane.
68. Usekhohliwe bantwana baseKuphakameni ukuthi loBhombela izimbongi zaseKuphakameni zathi usitimela samampondo esama lapho kungemunga khona kungemthole ngoba kwake kwenzeka ethi ubheka sase siyamiswa isitimela simiswa uJehova zase zithi izimbongi uBhombela isitimela samaMpondo esama lapho kungemunka khona kungemthole, bantwana basekuphakameni uShinga ukhuluma indaba ecishe ifane naleyo.
69. Uthi ngathi sengikhathazekile enhlizweni yami ukuthi ngizokwenzenjani ngase ngiyibona indoda iza namadumbe ami, ngase ngiyazibuza ukuthi ngizokwenza kanjani, ngizokwenja kanjani ukuthi lendoa igijime nalomthwalo wami, bantwana baseKuphakameni, esezwile umabizwa asabele, esezwile uShembe ukuthi ukhona umuntu okhala ngomthwalo
wakhe laphana wayesesuka yena esewuletha.
70. Yaze yathi indoda kusho uShinga yafika yawubeka lomthwalo phambi kwakhe, yathi uma isiwubekile uthi wase ethi uyajabula, uyajabula bantwana baseKuphakameni kanti lendoda uthi wayibona isinyamalele,
uthi Hawu kanti bekunguShembe obesezwile ukuthi isaka lakhe
lamadumbe selisele wayesemlethela lona. Sixoxa ngoShembe onjalo ke bantwana baseKuphakameni.
71. Siza kuShembe owazodabukela ababehluphekile, sikhuluma
ngoShembe owazothwala izinhlupheko zethu, sikhuluma ngoShembe abathi sebesivalele ezulwini bathi asikufanele thina ukungena eZulwini uma sifa thina siba ngamadlozi sihlale ezibayeni, sifa siba ngamadlozi sihambe sintunta emathuneni. Wafika uShembe wavula isango lalezo
ziboshwa wathi nina namhlanjena nani nizongena eZulwini, sase
siyangena, wase elivula isango nathi uma sifa wase esakhela umuzi
wamaNazaretha okhazimula ngaphezu kweLanga neNyanga, wathi uma nifa nina maNazaretha noyongena kulomuzi.
72. Kwaphela ukuhlala ezibayeni lwaphela usizi esasinalo kwaphela konke bantwana baseKuphakameni nathi lasifanela iZulu. Sixoxa ngaleyondaba enjaloke bantwana baseKuphakameni. Sixoxa ngoShembe, soxoxa ngomuntu waseZulwini, sixoxa ngowayevela eZulwini ngoba singumsebenzi
wezandla zakhe singumthombo bantwana baseKuphakameni kaShembe ongasekucisha, kuthe uma sebewucishile wase evuka bantwana baseKuphakameni.
73. Kumele siyibambe lento siyibambisise ngoba izele ukuthi ngoba njalo lendaba ifika ngabantu baseZulwini ifika abantu basemhlabeni beyichithe,
siwumthombo bantwana basekuphakameni engeke ngisho ukuthi owokugcina kodwa okhona manje emhlabeni kuwowonke umhlaba wobuNazaretha ohilayo, kumele sibubambe bantwana baseKuphakameni singayeki, sibubambe bantwana basekuphakameni singabudedeli.
74. Bantwana baseKuphakameni ngizocela nami ukwehlela ngezansi
ngibuyisele umsebenzi kaNkulunkulu esihlalweni saseZulwini.
INkosi ibusise enikuzwile. Amein.