Uthi uMkhokheli omkhulu uma sisebenzela uJehova abanye abayisweli imali, baswele uthando, leyonkulumo leyo iyisigaxa, okudinga ukuthi uyibuke ukuthi uma kuthiwa awuyeswele imali ekubeni ungasebenzi weswele uthando, kanti lento kufanele isebenze kanjani.
Lento ngiyishiya kumuntu ngomuntu ukuthi azihluphe ngayo, ayibuke ukuthi uma kuthiwa kweselakela uthando kusuke kukhulunywa ngani.
Intshumayelo yangeSabatha ekuseni mhlaka 18 May 2024 besiyiphathelwe uNkosana Mduduzi Zulu eNqobizitha.
1.Ngiyayikhetha iNkosi yaseKuphakameni. Ngiyabonga bantwana basezulwini ukuthi uNkulunkulu ungivumele ukuthi nami ngihlanganyele nabangcwele ngalolusuku lwakhe olungcwele lweSabatha.
2.NgeSabatha lesikhumbuzo sikaBabamkhulu (04 May 2024) ngesizathu sokuthi ngangingalitholanga ithuba lokuthi ngizohlangana nabangcwele, izwi lasezulwini laselisibizile.
3.Kodwa namhlanje uNkulunkulu ungikhumbulile, nami ngaphinde ngalithola ithuba lokuthi ngize ngoba bese lishilo izwi ukuthi uBabamkhulu usekhona phakathi kwethu, abantu abeze kuBabamkhulu.
4.Izwi-ke bantwana baseKuphakameni elisibuthileyo lithena sisesikoleni, sizofunda, kwasuka umuntu ezulwini wazosifundisa indaba yasezulwini.
5.Namhlanjeke kukhethwe mina ukuthi phakathi kwabafundi, angizo present nami ukuthi kwesesikufundisiweyo yini mina engiyizwile.
6.Akukhoke ekutheni bantwana basezulwini okusho engizokukhuluma njengoba sengishilo ngathi ngizokwenza i-presentation, i-presentation yami izoba ngalokhu esesikufundisiweyo, akukho okuzovela kumina.
7.Ngiyamubonga uJehova bantwana basezulwini njengoba selishilo izwi lathi sisenyangeni yesikhumbuzo sokukhumbula uMprofethi kaNkulunkulu uBabamkhulu.
8.Ngiguqe lapha namhlanje, ngangike ngaguqa la ngonyaka odlule kwakuyiyo inyanga ka-May kuyiso isikhumbuzo sikaBabamkhulu.
9.Nanamhlanje futhi izwi lasezuwini liphinde langikhomba ukuthi angiguqe ngayo inyanga ka-May kuseyiso isikhumbuzo sikaBabamkhulu. Ngiyakubonga kakhulu lokho ngoba ngicabanga ukuthi kuyinhlanhla.
10.Kodwa ngiyacela ukuthi uNkulunkulu waseKuphakameni abe seduze kwami ngesikhathi samanje ngoba ngiyazi ukuthi la sihamba noNkulunkulu, uma ngabe usuguqe lapha kwenzeka noma yini.
11.Ngiyacelake ukuthi uNkulunkulu waseKuphakameni ahlale olimini lwami, omubi asuke la eduze angangifunzi amazwi avela kuye kodwa ngikhulume konke okuvela ezulwini.
ISIHLABELELO 115
12. (1).Ngivukile ngezwi lakho
Mina ebengifile,
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Abafile njengami.
13. (2)Abafile ngezwi lakho
Bosinda ngani na!
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Basinde ngezwi lakho
14. (3) Ngenhlanhla engiyiphiweyo
Ngalowo musa wakho,
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Abangayiphiwanga.
15 (4).Bename kanye nabo
Abavela emafini,
Abangubo zahlanzwa
Zenziwa mhlophe.
16. (5) Inanelo yaba Ngcwele
Yabathanda ukulibona,
Siyethemba bayokulibona
Lelozwe elizayo.
17.1Siyabonga bantwana basezulwini, ngihlabelela le ngoma ngenhloso yokubonga ngoba njengoba sihlangene lapha akekho umuntu osilandileyo, kodwa silandwe uNkulunkulu sonke ngendlela yakhe.
18.Lento ihlale inkulu kakhulu enhliziyweni yami, noma ngixoxa angilenzi iphutha lokuthi ngingayixoxi ukuthi njengoba sihlangene lapha kuvuswa inkolo kaJehova nje, akekho umuntu owayehamba engena imizi ngemizi esibiza.
19.Kodwa kwavela izwi elivela ezulwini, kwasuka abaholi abaphambi kwethu, baya emsakazweni, baya ku-Facebook bafike bakhuluma kwase kuthinteka inhliziyo yami nawe sase siyasuka seza phakathi kwalendawo.
20.Lelizwi bantwana basezulwini lifika kubantu abaningi, kodwa lifika lingayenzi lento eliyenza kithina. Manjeke kuyisimangaliso kimi ngezikhathi zonke ukuthi lelizwi uma lathi uma lifika kimi, ngangaba umlandeli walo, kodwa ngalemukela ngenhliziyo evumayo, umoya wami wavuma nenhliziyo yami yavuma. Ngase ngiyasondela ngazoba ingxenye yabangcwele.
21.Isihlabelelo 36 sithi “1 Ngofa ngingenani Mina ngedwa soni Ngofela esandleni sakhe Owathunywa nguwe. 2 Lokhala icilongo Lokwamukela umoya wami Songena entokozweni, Yaba khethiweyo. 3 Hayi umusa kaJehova Ngami mina ngedwa, Ebengingafanele lutho Okhukhweni lwakho 4 Namhla sengicambalele Kanye nabaNgcwele, Abamagama alotshiwe Ebusweni bakho.”
22.Sihlangene ngaleyontoke bantwana basezulwini, njengoba ngishilo ekuqaleni ukuthi sisenyangeni yesikhumbuzo soMprofethi Isaiah Shembe, (ukuthula kube kuye.) Esekuchazwe izikhathi eziningi kwavezwa ubufakazi obungaphikiseki ukuthi ngampela wayenguMprofethi kaJehova.
23.Ngifisa ukuxoxa bantwana basezulwini indatshana encane ethinta mina ngenhloso yokukhanda isithombe esithize, ikakhulukazi kubantu abasebancane abakhona phakathi kwethu nabakhona kulendlu.
24.Ngoba njalo uma ngibuka abantwana abancane abamalunga ebandla lamaNazaretha kaNkulunkulu, okuyibona abalingana nathi, ngiyaye ngibadabukele ngesizathu sokuthi ngingumuntu okhuliswe ngokukholwa, ngikhulelele ebandleni lamaNazaretha, mhlawumbe ngingabizwa ngabantu okuthiwa bayinzalo yamaNazaretha.
25.Kodwa into engifike ngayibona la ukuthi ukuhlangana nobuNazaretha kungaba inhlanhla kuphinde kube yishwa kumuntu ikakhukazi osuke emncane.
26.Ngoba uma wenza izinto ebuncaneni, ikhona ingozi yokuthi uthi umncane kodwa uhlangane nento enkulu, bese ekuhlanganeni kwakho, ukuhamba kwakho kwenze ukuthi ulahlekelwe ilento enkulu bese ungaphinde uyithole.
27.Njengoba ngisho bantwana basezulwini, ngikhululele ebandleni lamaNazaretha, ngibuya ohlangothini lwamaNazaretha lolu olukhulu, ngafika lapha ngilethwa izwi elisibuthileyo.
28.Ekukhuleni kwami angikhumbuli kahle kufundwa izincwadi eziningi zebhayibheli, kodwa sasikholwa khona, sazi ukuthi lento esikuyo iyaphila, nasemizweni yethu sizwa nje ukuthi cha lento esikuyo iyaphila.
29.Kodwa azikho izifundo esasinikezwa zona, angazi noma ngiyaphosisa yini, uma zazikhona abazethula, mhlawumbe ngangisuke ngilele noma kwakunenkingana kumina, kodwa angikhumbuli kakhulu sifundelwa ibhayibheli, sasike sitshelwe nje ukuthi uShembe mkhulu kube ukukholwa leyonto leyo bese kuphela kanjalo, and sasikholwa ukuthi uShembe mkhulu futhi mhlawumbe lento esasifundiswa yayingesiwo amanga.
30.Kodwa ingozi enkulu ukuthi abantu befundiswe ubukhulu bento, kodwa singabi khona isisekelo sombhalo esisekela leyonto leyo, kwenza ukuthi iwe noma inini noma kanjani.
31.Ngaphambi kokuba ngiye kude, ngiyafisa ukwethula isihloko sokukhuluma kwami, isihloko sithi ‘masifunde siqondisise umlando wenkolo yethu.’
32.Ngithike bantwana basezulwini sasikholiwe, sikhuliswa ngokukholwa, sitshelwa ubukhulu bukaShembe, kodwa ayikho into esasifundiswa yona engumbhalo.
33.Ngisho iSabatha ngangingakubulala ngkubulalele ukuthi awuligcini iSabatha, kodwa yayingekho incwadi engangingayifunda, ngikufundele yona ukuthi no, leliSabatha engithi aligcinwe, nakhu la uNkulunkulu ethi aligcinwe khona.
34.Ngithike angazi noma yimi engangisuke ngilele noma kwakwenzakalani, kodwa angikhumbuli kwenzeka into enjalo. Kodwa uma kukube ababesifundisa bakwenza lokho, ngocela ukuthi uNkulunkulu angithethelele kulokho.
35.Kodwa ngila endabeni yethu ikakhulu thina esibancane lapha ebandleni lamaNazaretha kaNkulunkulu, ukuthi ngiyafisa ukuthi sifunde ngempela umlando wenkolo yethu.
36.Yonke into esiyenzayo siyazi ngokombhalo ukuthi lento le isukela la iphele la. Ngoba uma singekwenze lokho ukuthi sifunde umlando wenkolo yethu, yonke into esiyikhulumayo ibe isisekelo sombhalo, sizoba sentweni enkulu njengale, kodwa isengozini yokuthi ihambe ihambe iphele.
37.Lokho ngikukhulunyiswa ukuthi ngibonile sisentweni enkulu, kodwa yahamba yahamba yaphela, ngesizathu sokuthi besivele nje sifundiswa ukukholwa, kodwa singabikhona isisekelo sombhalo.
38.Manjeke ileyonto engithi ngiyayifisa ukuthi ikakhulu abantwana balapha ebandleni lamaNazaretha kaNkulunkulu abasebasha, siyinake indaba yokufunda umlando wenkolo yethu, ikakhulu ibhayibheli.
39.Ukuze uma sithi akugcinwe iSabatha, kungabi sengathi sizithandela amakhaza noma asifuni ukubasa, kodwa umuntu nomuntu azi ukuthi leliSabatha esithi aligcinwe, libuyaphi.
40.Uma ekhaya kuthiwa ikhanda ungaligundi, kufanele umuntu nomuntu wakulelibandla ikakhulu abantwana abasebasha, sikwazi lokho ukuthi ikhanda aligundwa nje kwenzenjani.
41.Yonke into ngoba lithi ilizwi elisibuthileyo uyofundisa abantu indlela eyiyo yokukhonza uJehova, uthathele ezimfundisweni zoMprofethi Isaiah Shembe, efundisa amaNazaretha, kuthiwa uyophatha izincwadi ezimbili kuyoba ibhayibheli nesihlabelelo samaNazaretha.
42.Ngiyafisake bantwana basezulwini ukuthi, njengoba ngishilo ngathi ngizo present esikufundisiweyo. Izwi elisibuthile selishilo bantwana basezulwini lathi le nkolo evuswa namhlanje okuyinkolo kaJehova akusiyo inkolo entsha.
43.Kodwa beyofika ngaphambilini izitha zayo ziyivukele bese ziyichitha iphele nje. Le nkolo uJehova wayehlisela kuMose entabeni yaseSinayi, umlando usivezela lokho uBaba uMelusi asifundele wona.
44.Kodwa ngokuhamba kwesikhathi abezizwe, bayichitha le nkolo kaJehova, bashaya imithetho ephambene nemithetho yenkolo kaJehova beyichitha ngayo.
45.Uthike uBaba uMelusi lemithetho ibizwa ngama-Creeds, useyifunde izikhathi eziningi. Kodwa ngifisa ukuthi ngifunde i-Creed uBaba uMelusi ajwayele ukuyifunda eyashawa ngabezizwe bechitha ngayo inkolo kaJehova.
46.Le Creed ifundeka kanje: “Ngiyayichitha yonke imikhosi, amadili, nemithetho ukudla isinkwa esingenamvubelo, iminikelo yamawundlu eyenziwa ngamaHebheru, ngichitha nayo yonke imikhosi yamaHebheru, imithandazo, ukulinda, ukuzila, ukuzingcwelisa kanye nokudumisa kwabo.
47.Ukuzila kwabo, imikhosi yabo yokweshwama, amaSabatha, nenkoloze, amahubo, nezaga, nokuya kwabo ukuyokhonza emathempelini kuchithiwe. Mina ngokwami ngithi angikufisi nakancane ukuthi ngibuyele kwinkoloze yamaJuda.
48.Noma ukutholakala ngidla namaJuda, ngenza imikhosi kanye nabo, ngandlela thile kukhulumywa nabo ngasese ekuphikiseni nokugxekwa kwabo inkolo yobuKrestu, kunalokho uma kukhona ukukhuluma nabo kufanele kube ukuthi bayatshelwa ngokusobala ukuthi bashiye lo msangano wabo wenkolo yamaJuda” Amein. Source: https://en.wikipedia.org/wiki/Nazarene_(sect).
49.Le Creed bantwana baseKuphakameni iwukhiye, ngoba iyona abezizwe abachithe ngayo inkolo kaJehova. Ngiye ngithi uma abantu bekuphika ukuthi le creed iyichithile inkolo kaJehova, kufanele sibheke ukuthi basekuyo yini inkolo kaJehova.
50.Uma sikubheka lokho, asibheke indlela abahamba ngayo uma bethi bakhonza uJehova ukuthi ayihambi yini njengoba le Creed isho. Kufanele kusho indlela abahamba ngayo ukuthi iyaphikisana yini noma iyavumelana yini nale Creed.
51.Ngoba uma ethi umuntu le Creed ayikho, kufanele aveze ukuthi indlela akhonza ngayo iyavumelana yini noma iyaphikisana nale-Creed. Kufanele sikubheke lokho.
52.Ngiyafisake bantwana basezulwini ngoba sisesikhumbuzweni soMprofethi, ngifisa ukuthi sibheke ukuthi uMprofethi u-Isaya Shembe usifundiseni. Le Creed ikhuluma ngeSabatha, ukuthi abezizwe balichithe iSabatha likaJehova, nemikhosi kaJehova nakho konke esekubaliwe.
53.Ziningi izinto ezibhaliwe, kodwa ngiyafisa ukuthi Njengamanje sibheke endabeni yeSabatha. Ngaphambi kokuba sibheke endabeni yeSabatha, ngizocela ukuthi sifunde izincwadi ezimbili encwadini eyodwa.
54.Incwadi yokuqala kuzoba u Hezekeli 3 verse 17-19, eyesibili kube u Hezekeli 2 verse 3-5.
Hezekeli 3 verse 17-19:
55.“Ndodana yomuntu, ngikwenze umlindi kuyo indlu yakwa-Israyeli; ngalokho yizwa izwi emlonyeni wami, ungixwayisele bona. Lapho ngithi komubi: ‘Uyakufa nokufa,’ bese ungamxwayisi, ungakhulumi ukumxwayisa omubi ngendlela yakhe ukuba umsindise, yena lowo omubi uyakufela ezonweni zakhe, Kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.
56.Kepha wena, uma umxwayisa omubi, angaze abuya ebubini bakhe nasendleleni yakhe embi, uyakufela ezonweni zakhe, kepha wena uwophulile umphefumulo wakho.”
57.Hezekeli 2 verse 3-5. Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantwana bakwa-Israyeli, izizwe ezambukayo ezingihlubukile; bona nawoyise baphambukile kimi kuze kube namuhla. Bangabantwana abanobuso obulukhuni nenhliziyo enqala; ngiyakuthuma kubo; uyakuthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:’
58.Bona-ke, noma bezwa noma benganaki, ngokuba bayindlu ehlubukayo, bayakwazi nokho ukuthi kade ekhona umprofethi phakathi kwabo” Amein.
59.Ilokho bantwana basezulwini esikuthunyiweyo, ukuthi sithunywe kubantu abanezinhliziyo ezilikhuni, ezinqala, kodwa kufanele sibaxwayise ngoba sithunywe lokho ukuba sibaxwayise.
60.Ithike le ncwadi lena, noma bengaphendukanga, kodwa bayokwazi ukuthi kwakukhona uMprofethi phakathi kwabo.
61.Ileyonto leyo bantwana baseKuphakameni esizoyigcizelela ukuthi njengoba siguqe lapha, sihlangene lapha endlini kaJehova, sizovusa inkolo kaJehova owayeyithumele uMprofethi Isaiah Shembe inceku yakhe.
62.Sifuna ukuthi abantu bazi ukuthi uJehova ukhonzwa kanjani, sifuna ukuthi abantu bazi ukuthi uMprofethi u-Isaya Shembe, kwakunguMprofethi kaJehova.
63.Ithike le creed esikade siyifunda bayichitha inkolo kaJehova, balichitha iSabatha likaJehova. Kodwa bantwana basezulwini njengoba ngisho ukuthi sihlangene lapha ngevangeli loMprofethi Isaya Shembe okunguyena Iselabuyisela kuJehova.
64.Ngifisa ukuthike sibheke ukuthi uMprofethi wathini mhla esibuyisela kuJehova. Ngicela sifunde incwadi yomthandazo weSabatha kuvesi 3 and 4 ngoba sesikufundile ukuthi abezizwe bayichitha inkolo kaJehova.
65.I-creed abachitha ngayo umthetho kaJehova sesiyifundile, kodwake sithi uMprofethi Isaiah Shembe uyena osibuyisele kuJehova, asizwenike ukuthi uMprofethi Isiaah Shembe wathini kithi mhla esibuyisela kuJehova.
66.Ngoba uthi uMfundisi uNtuli ngesonto eledlule akusakhulunywa lutho ngoMprofethi, kodwa sesinikwe nje isithombe seguzi elishunqa intuthu sengathi kwakungekho uMprofethi, kodwa kukhona iguzu elishunqa intuthu.
67.Manjeke asifundeni sizwe ukuthi lo muntu esithi uwuMprofethi kaJehova, sithi uwuMprofethi kaJehova ngani, wathini kithi:
68.Umthandazo weSabatha verse 3-4. “Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane; nigcine Imithetho yakhe anilobela yona ngenceku yakhe uMoses, ukuze ukudumisa kwenu kwanu kwamukeleke kuThixo Wemikhosi.
69.Ngokuba uma ningamdumisi ngemithetho yakhe akayikuyamukela imithandazo yenu. Akasoze anehlisela izibusiso uma ningayilaleli imithetho yakhe niyigcine.”
70.Iloke ivangeli loMprofethi leli bantwana basezulwini, lo Mprofethi ophambi kwethu, wayewuMprofethi kaJehova, ewuMprofethi wasezulwini, wafika nezwi phakathi kwethu elithi, asesabe uJehova, simesabe ngokuthi sigcine imithetho yakhe asilobela yona ngeNceku yakhe uMose.
71.Uma sesikufundile lokho kufanele sihambeke bantwana basezulwini siye phela emthethweni kaMose, sizwe ukuthi uthena uMose.
72.Ngithena ngifisa ukuthi sibheke nje into eyodwa indaba yeSabatha, kule Creed ngoba abezizwe bachitha umthetho nenkolo kaJehova, phakathi kwezinto abazichitha, ithi le Creed bachitha imikhosi base belichitha neSabatha.
73.Uma kukuthi amakholwa ayakuphika ukuthi iSabatha lachithwa, kufanele sizwe ukuthi uma likhona ligcinwa kanjani?
74.Le ndlela eligcinwa ngayo bayenza yini ngayo, uma bengenzi ngayo, bakuphika kanjani pho ukuthi lachithwa iSabatha likaJehova.
75.Sifunda incwadi ka-Exodus 35. Ngoba useshilo uMprofethi Isaiah Shembe ukuthi sizokwesaba uJehova sigcine imithetho yakhe asilobela yona ngeNceku yakhe uMose.
76.Ngithike manje, uMprofethi Isaiah Shembe uvusa iSabatha leli esishilo i-Creed yathi lichithwe ngabezizwe. Nanku umyalelo weSabatha: Exodus 35 verse 1-3.
77.“UMose wabutha yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, wathi kuyo: “Yilawa mazwi awayalile uJehova ukuba niwenze. Izinsuku eziyisithupha kosetshenzwa umsebenzi, kepha ngosuku lwesikhombisa kuyakuba kini usuku olungcwele, lube yisabatha lokuphumula likaJehova; bonke abenza umsebenzi ngalo bayakubulawa. Aniyikubasa mlilo ezindlini zenu ngosuku lwesabatha.”
78.Umthetho weSabatha ovela kuJehova, leliSabatha i-Creed yenkolo yabezizwe ethi alichithwe. Umbuzo wami uthi uma amakholwa ekuphika ukuthi iSabatha likaJehova lachithwa, bayaligcina yini, uma beligcina baligcina kanjani.
79.Ngoba seyishilo incwadi yathi ngosuku lweSabatha umlilo akufanele ubaswe ezindlini zabantu abakholwa kuJehova.
80.Manje uma uyikholwa, kufanele ubheke ukuthi ngosuku lweSabatha okuwusuku lwesikhombisa, wena endlini yakho umlilo uyacishwa yini noma awucishwa.
81.Uma ungacishwa umlilo ngosuku lweSabatha ungakuphika yini ukuthi ucheme nenkolo yabezizwe ngoba isishilo i-Creed yathi inkolo kaJehova iyachithwa, phakathi kwemithetho echithwayo, kuchithwa neSabatha.
82.Umuntu obasa umlilo endlini yakhe engakuphika yini lokho ukuthi ucheme nabezizwe, uchitha inkolo kaJehova ngoba abantu baye bethi ‘I cannot do it, it is too cold’, angikwazi ukungaliphuzi itiye, umuntu ebale lokhuya nalokhuya izinto ezithandwa uyena.
83.Akukhona ukuthi kuyabanda, kodwa ushweqile, ucheme nabezizwe, hhayi ngoba kubanda, kodwa uchitha inkolo kaJehova, hhayi ngoba kubanda, akusikho ukuthi uthanda itiye, kodwa ugcina umthetho wenkolo yabezizwe ethi akuphuzwe itiye ngosuku lweSabatha.
84.Sithike bantwana basezulwini uNkulunkulu wasithanda wasithumela uMprofethi Isaiah Shembe, wasibuyisela kuJehova, ngenkathi esibuyisela kuJehova wafike walivusa leliSabatha.
85.Ngizocela ukuthi sifundeke manje mhla kuvuswa iSabatha kwenzakalani. Ngizofunda lapha encwadini kaBaba u-Advocate Mnyandu. Isihloko sayo sithi Indaba ka-Isaya Shembe, umquli wokuqala.
86.Sizofunda siqale laphaya ku page 109, 50 verse 1. Kukhuluma u Aron Gumede noPetros Dlomo. “Kwathi sisentabeni eNhlangakazi, ngoMasingana ka-1922, uShembe wathi;
87.“UBaba ezulwini nami safihla into lapha entabeni ngesikhathi imibuso emikhulu yasemhlabeni ibulala usuku lukaJehova, ISabatha.
88.UNkulunkulu owadala izulu nomhlaba nezinto zonke, waphumula ngosuku lweSabatha, wathi anogcina usuku lweSabatha niphumule ngalo.
89.Ngenxa yemithetho enzima yeSabatha, imibuso yasemhlabeni yalichitha basiqokela usuku abalithandayo isonto, bathi badumisa ukuvuka kweNkosi uJesu ngalelolanga.
90.Kodwa iSabatha kwakuyisibuso esikhulu kulabo ababelugcina. Uma umuntu ecela into kuNkulunkulu, uNkulunkulu wayephendula ngaso leso sikhathi ngenxa nje yosuku lweSabatha.
91.Ibandla lase licela kuMqaliwendlela uShembe ukuba uNkulunkulu alubuyise kubo lolusuku, uShembe waphendula wathi, cha bantwana bami ngiyesaba ukuletha lesi sicelo senu kuJehova ngoba uma into ilahlekila ekhaya ayikwazi ukubuya.
92.Uma lolusuku lubanzima ukuligcina, niyokwenzenjani, balichitha lolusuku ngeke lubuye, uma ningaligcini luyobulala nina nabantwana benu kanye nezizukulwana ezilandelayo. Negakhoke ngiyseba impela ukunicelela kuJehova”
93.Kwakuxoxa uMprofethi ehamba nabo, kuliwa nendaba yokuthi kubuye usuku lukaJehova. Ngiyifunda lento ukuze umuntu nomuntu acacelwe ukuthi njengoba sihlangene lapha sihlangene ngani, kwenzakalani.
94.Ibandla lakhala ngoba befuna ukuthi lokusuku lweSabatha lubuye kubo njengoba bese bezwile ngemithetho nangezibusiso zalo.
95.Bathembisa ukuthi bayozama kakhulu ukugcina umthetho nezimiso zeSabatha.
96.Kwathi emveni kwezinsuku ezimbalwa, ibandla lenze lesisicelo, sisekhona entabeni, uShembe wasukuma kulo ibandla wathi;
97.“Bantwana bami ngiyanazisa ukuthi uJehova usamukele isicelo senu sokunipha usuku lweSabatha, kodwa angazi ukuthi kuzokwenzeka kanjani, kusukela namuhla usuku lweSonto ebenikhonza ngalo, alusekho phakathi kwenu.
98.Namuhla sibuyela kusuku lukaNkulunkulu iSabatha owaphumula ngalo, emveni kokudala izulu nomhlaba, wayaleza ukuba nathi siphumule ngalo.
99.Namuhla ngibeka lelijoka phezu kwamahlombe enu, abantwana benu nezizukulwana ezizayo.” Ibandla lawemukela wonke lawomazwi, iSabatha laqala kanjaloke lapha eKuphakameni, kwakungunyaka ka 1922, Amein.
100.Lento ngiyifundela ukuthi kucacele namakholwa angaligcini ISabatha ukuthi iSabatha akusikho nje ukuthi nathi sivele nje sazenzela, kodwa kwaba nenxoxo phakathi koMprofethi nabantu ayehanba nabo, bafaka isicelo ukuthi siyele kuJehova usicelele lolusuku.
101.UMprofethi wathi ukwenqaba kancane njengoba sesifundile, kodwa wagcina evumile, wahamba wayobacelela kuJehova, wavuma uJehova ukuthi alubuye usuku lweSabatha, lwabuya njengoba sihlangene ngalo nje namhlanje.
102.Siyamubonga uNkulunkulu ngalokho bantwana basezulwini. Ngithena uma ngiqala ngiyaye ngibe buhlungwana uma ngibuka abantwana kakhulu balelibabandla abasebancane ngoba inkolo kaJehova sasibe nenhlanhla yokuthi siyifundiswe abazali. Kodwa kwahamba isikhathi bona futhi abazali bethu basiphendukela bathi cha akusenjalo.
103.Ngenxa yokuthi sasingafundi abanye bethu bakwazi ukuthi bephenduke bayichitha nabo imithetho kaJehova, ngoba kwase kuphenduke abazali bakhe.
104. Kubantu abasebasha bakulelibabandla, abafunde kungabi ukuthi umuntu ugcina iSabatha ngoba uthena umzali aligcinwe, kodwa umuntu akazi ukuthi njengoba sicisha umlilo nje kwenzenjani, njengoba ikhanda lingagundwa nje kwenzenjani.
105.Ngoba uma umuntu engeke ekwazi lokho, engeke ekwazi ukukufunda lokho ngokwazi, ikhona ingozi ezokwehla ukuthi ngokuhamba kwesikhathi lento ingase iphele.
106.Ngicela ukuthi sifunde futhi kwenye incwadi ka-Advocate Mnyandu, isihloko sayo sithi “ISikhonzi senhlupheko” isakhuluma ngayo indaba yeSabatha.
107.Le ndaba ekhulunywa lapha nathi yintsha, nathi esisebancane ukuthi kubaluleke ngani ukuthi sifunde, njengoba ngishilo ngathi, masifunde siqondisise umlando wenkolo yethu, kufanele into nento esiyenzayo siyazi ukuthi ivelaphi, siyazi ukuthi yenzakale kanjani.
108.Sizoqala lapha ku 28, iNkosi iLanga iyilanda kanje indaba yokuqala kweSabatha eKuphakameni:
109.“UShembe wathatha isikhashana kule lizwe, wayesengenisa iSabatha. Esafika lapha wayesonta ngosuku lokuqala ngeSonto. Kuphekwa nokudla okushisayo, kudliwe ngeSabatha. Wabehlenga abantu wabe esengenisa iSabatha. Waqala wababuza aBefundisi, wabavulela nezincwadi.
110.Nami wake wangibuza, ngangisafunda eManzimtoti ngaleso sikhathi kwakunguJulayi. Wangivulela incwadi wangibuza, kwafumaniseka ukuthi angazi lutho, angiyazi indaba yencwadi yeBhayibheli.
111.Wabuza ukuthi: ‘Uthini wena, uthi leli langa esisonta ngalo yilo yini?’ ngase ngithi mina: ‘yilo Baba’. Wayesengivulela incwadi esethi: ‘uthini ngale ncwadi?’ uma ngiyifunda ithi ilanga lesikhombisa, yileli lanamhlanje (iSabatha) okufanele kuphunyulwe ngalo. Leli okusontwa ngalo, iSonto, ilanga okufanele kusetshenzwe ngalo, usuku lokuqala.
112.Wayesethi: ‘uyabona, awunaki, uma uyifunda incwadi ngabe ubukwazi lokhu, mina ngikwaze kanjani ngoba wena ufundisiwe, mina angifundisiwe? Kodwa sengikutholile lokhu. Uma ufika kusasa sengisonta ngeSabatha ngingasonti ngeSonto, uzakwenzenjani na?’
113.UBabamkhulu wayebuza indaba enkulu. Uthi uBaba iLanga “hhayi ngizokwenza lokhu uBaba asethe akwenziwe” Manje ngithike kubafowethu abasebasha kulelibandla likaJehova, asifunde, ukuze singenzi njengoba kwenziwa, kodwa senze njengoba kusho incwadi.
114.Uyaqhubeka uBaba uthi “Ngathi mina: ‘cha, ngokwenza lokhu uBaba akwenzayo’. Wathi: ‘Hawu! Kanti ulandela mina, awulandeli uNkulunkulu na?’ angabe ngisamphembula.”
115.Ngathi ngibuya eKuphakameni, kwakungasabaswa ngeSabatha, kwakungasadliwa ukudla okushisayo, kwasekubaswa ngeSonto, kwase kusontwa ngelanga lesikhombisa, ngeSabatha. Laqala kanjalo-ke iSabatha lapha eKuphakameni”
116. ISIHLABELELO 188: (Wakhipha lokhu kubonga kwalesi sihlabelelo, wayegula kakhulu ngaleyo mini ebonga inkosi sengathi akaguli. Wayengakwazi nokusukuma phansi.
117.Kuhle ukubonga uJehova noma umuntu esosizini, asiyikuphiwa okuhle kodwa.
118.Lesi sihlabelelo safika esikhonzini senhlupheko uShembe eZibindlela ngo December 4, 1931.
119.(1) Simenyiwe thina sonke
Simenywa yiNkosi yeSabatha
Size sisindiswe
Ngaleli Sabatha.
Chorus: Amen. Amen. Amen.
120.(4) Besonile thina sonke
Sikhonza izithixo zethu,
Wasihlenga wena Nkosi
Ngalo leli Sabatha.
121.Angihlabeleli bantwana basezulwini ngixoxa indaba yoMprofethi ukuthi uMprofethi wafike wakhuluma phakathi kwethu, wakhuluma yona lento esiyikhulumayo ukuthi asibuyeleni kuJehova, asibuyeleni osukwini lukaJehova sisuke osukwini lwabantu okuyiSonto kodwa sibuyele eSabatheni likaJehova okuwusuku lwesikhombisa.
122.Ngizobuyela kancane kule Creed ngoba le Creed ikhuluma indaba enkulu ukuthi inkolo kaJehova bayichitha kanjani.
123.Phakathi kwezinto le Creed le ezibalulile ilibulalile iSabatha, kodwa kukhona into evela lapha ngemuva, ithi ichitha ngendlela amaHebheru ayedumisa ngayo uJehova. Ithi ichitha konke, ichitha imikhosi, ichitha nemigidi.
124.Sibe nenhlanhla enkulu bantwana basezulwini njengoba ngifunda le Creed, uma kubuya iSabatha, kukhona indaba engxoxile kaBabamkhulu uma kubuya iSabatha.
125.Ngathi kwaba khona ingxoxo phakathi kukaJehova noBabamkhulu nabantu ayehamba nabo wabacelela ukuthi alibuye iSabatha.
126.Leyonto bantwana basezulwini iphinde yenzeka phakathi kwethu njengoba isho le Creed, iphinde yenzeka phakathi kwethu lento, njengoba sengishilo ukuthi kubalulwa nemikhosi nendlela esidumisa ngayo uJehova nemigidi kuchithwa konke.
127.Kodwa zonke lezizinto uMprofethi Isaiah Shembe wazibuyisa, imikhosi kaJehova wayibuyisa, imigidi kaJehova wayibuyisa, njengoba isho le Creed ukuthi yonke lento iyachithwa. Kodwa uMprofethi Isaiah Shembe wayibuyisa yonke lento phakathi kwethu.
128.Ngifisa ukufunda bantwana basezulwini laphaya ezinkonzweni zikaBaba uMelusi ezindala, kunenkonzo eyenziwa ngomhlaka 02 October 2018, iNkonzo ibhalwe phansi. Isihloko sayo sithi “Ingelosi eyabonwa uMprofethi ikhona” Asifundenike sizwe ukuthi yini ingelosi eyayenza.
129.Bese kuchithiwe bantwana basezulwini, kwachithwa konke, kodwa ingelosi yakubuyisa konke. Abantu engifisa bengilalele kahle la, abantu abangamantombazane kulelibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu.
130.Ngoba lento eyenzeka eSabatheni yabehlela nabo ngesikhathi sekufika ingelosi ivusa inkolo kaJehova. Ngesikhathi uMprofethi esevuse yonke lento kodwa zaphinde zafika izangoma, zachitha nazo njengoba babenzile abezizwe.
131.Kwachithwa yonke into, yonke into uMprofethi ayesifundise yona, yachithwa, imigidi uMprofethi ayesifundise yona yachithwa, imigidi yathathwa kwathiwa seyifanele abantu abathize, ayibafanele abantu abathize, kwathiwa umuntu othize akasakwazi ukuthi agide kufanele kugide abantu abathize, kukhuluma abantu bantwana basezulwini bekhuluma into abangayazi.
132.Kunesihlokwana laphaya esithi umgidi wamantombazane, kwakukhuluma umama uMfundisikazi ophakathi kwethu, ufundeka kanje;
133.“UMkhokheli uMaNxumalo ngelinye ilanga wabuza ukuthi njengoba lamantombazane asenabantwana engena esontweni, eya ku 14, enikela, kodwa bese kuthiwa angeke angene eZulwini uma engaganile, lomnikelo wawo ka 14 uwasiza kuphi?”
134.Kwakubuza uMama uMfundisikazi nangu ukhona phakathi kwethu, ubuza engelosini ekhona nayo phakathi kwethu, asizweke ingelosi yathini, angithi sizwile kuBabamkhulu kwathiwani.
135.Kukhuluma uBabamkhulu nabantu ayehamba nabo, bafuna usuku lweSabatha lubuye, uthi uBabamkhulu ngisazoya kobuza kuJehova.
136.Ngithi mina lento eyenzeka mhla kubuya usuku lweSabatha iphinde yenzeka phakathi kwethu sekufike ingelosi eyayivela ezulwini owawuchithwe ngabezizwe, njengoba isho nje i-Creed.
137.Asizweke ingelosi iphendula “INgelosi ayiwuphendulanga lowo mbuzo, yathi izohamba iyowubuza kuBaba iLanga, izobuya nempendulo yawo. Kodwa emva kwezinsuku ezintathu yabe isifika ithi: “Ngenxa yokuthi ngesikhathi soMprofethi amaNtombazane anabamntwana ayengasonti aze agane.
138.Kwathi uma esethethelelwa engeniswa enkozweni, kwase kulibaleka ukuba kuqondiswe inqubo eqondene nawo. Yathi iNgelosi ayikho lento yokuthi uma ungaganile awungeni eZulwini. Leyo yindlela yabesilisa yokuxhaphaza amantombazane.
139.Yathi akufanele ukuthi uma umuntu esethethelelwe, wangena esontweni, bese kuthiwa khona omunye umkhosi ka Nkulunkulu angazu kwamukeleka kuwo. INgelosi YABE isiyenzela amantombazane anabantwana imvunulo yawo, esesina namakhosikazi.
140.Yathi leli gama lokuthi AMANTOMBAZANE ENTETHELELO liyinhlamba ngoba awukwazi ukuthi umuntu umthethelele, bese umqamba ngokuthi kumele aziwe ngokuthi wathethelelwa. Yabe isithi igama labo elisemthethweni elithi, AMANTOMBAZANE, abasezona izintombi.”
141.Angazi noma abantu abangamantombazane kulelibandla likaJehova ayayinaka yini leyonto leyo, ngike ngikhulume nabanye ngithi ngiyakubona ukhona kodwa awuvunuli awusini, wenzani?
142.Uyazi yini ukuthi abantu basemhlabeni behlangene nezangoma bafike bawuchitha umgidi njengoba wawuchithe ngabezizwe, bathi anikwazi ukuthi nisinele uJehova ngenxa yendaba yezinyongo nokuthi aniganile.
143.Manje uma ungasini kulelibandla likaJehova, ngiye ngibuze ukuthi uyazi ukuthi wenzani? Abantu baye bebe nezizathu zabo nje athi hhayi akukahlangani, kwasho kwacima, kwathini kwathini kwathini, yebo zikhona lezo zizathu.
144.Kodwa ngaphezu kwalezo zizathu awuthule ucheme nabezizwe ngoba bawuchitha umgidi kaJehova, nansi i-Creed isho njalo, awugcinile ngokuchema nabezizwe, ucheme nezangoma ngoba kwathi uMprofethi esewubuyisile umgidi kaJehova, zafika izangoma zawuchitha zathi akekho umuntu ongakwazi ukuthi asinele uJehova ngoba akaganile.
145.Manje uma usubuyele kuJehova bese futhi ungasini, awuhlukene nomuntu osahambisana naleya Creed, futhi awuhlukene nomuntu ocheme nezangoma ngoba awukwenzi lokho athe uJehova asikwenze.
146.Sekwenzeke isimangaliso kwafika ingelosi evela ezulwini kwanengxoxo phakathi komholi nengelosi, yathi ingelosi, no, angikaze ukuphendula, ngizohamba ngiyobuza ezulwini, yahamba yayobuza ezulwini uyabuya nempendulo, yabuya nemvunulo. Still leyonto leyo ayisho lutho kangako kodwa kunezizathu nje ezingazwakali kahle.
147.Mhlawumbe kuzothiwa I don’t understand and maybe yes, I don’t.
148.Uthi uMfundisi uNtuli uma ekhuluma ngicabanga inkonzo ayenza e-Newcastle, uthi ngafika lapha bantwana baseKuphakameni ngihluphekile, ngigijima, ngizwe lelizwi ngingasebenzi.
149.Uthi ngaya kowokuqala, ngathi yeyi awungisize sengishoda ngeshethi, lapho kwashethi lalingekho, wathi ngizame ngesiketi, wangizama ngesiketi, waya komunye wathi isiketi senginaso, sengishoda ngamasokisi, wanginikeza amasokisi omunye, yaze yaphelela imvunulo, ngangena emgidini ngingasebenzi nginjalo.
150.Kwakudalwa yini lokho, uthando nokuqonda ukuthi sibuya kuphi, sesikephi njengamanje, uma ungenzi kunesizathu siyezwakala, kodwa mina I don’t understand, I don’t understand!
151.Uthi uMkhokheli omkhulu uma sisebenzela uJehova abanye abayisweli imali, baswele uthando, leyonkulumo leyo iyisigaxa, okudinga ukuthi uyibuke ukuthi uma kuthiwa awuyeswele imali ekubeni ungasebenzi weswele uthando, kanti lento kufanele isebenze kanjani.
152.Lento ngiyishiya kumuntu ngomuntu ukuthi azihluphe ngayo, ayibuke ukuthi uma kuthiwa kweselakela uthando kusuke kukhulunywa ngani.
153.Silapha nje bantwana basezulwini sibuya emazweni akude, mina ngibuya e Rustenburg, kukhona ababuya eGoli, kukhona ababuya kuphi nakuphi.
154.Besingenayo imali, kodwa izwi beselishilo lathi uBabamkhulu usekhona, abantu abeze, manje besizolenza icebo.
151.Ithi enye intombazane lapha emsebenzini, ithi yeyi Zulu abantu abaphuzayo benza imihlola, abantu abaphuzayo, ufike atsheleke imali ngoba akakabi nayo, ufuna ukuyophuza ngoba inyanga iphelile, bese umnikeza.
152.Uma kuphela inyanga ayibuyise ngenzalo ethi eyibuyisa, ephinde ethi nginika ngoba ngiyashoda, akakwazi ukuthi ukulinda ukuze aphuze, ngoba uyabudinga lobutshwala, basebenzela izulu labo.
153.Nami ngiyacela ukuthi uNkulunkulu waseKuphakameni angisize ngibe nothando olungavinjwa ilutho, noma ngabe bekuswelakele kodwa loluthando lusebenze, lwenze ukuthi ngikwazi ukuthi ngifinyelele kuJehova noma ngabe kunjani.
154.Bantwana basezulwini bengikhuluma indaba kaBabamkhulu ukuthi uNkulunkulu wasenzela isimanga wasithumela umprofethi phakathi kwethu, wasibuyisela kuJehova njengoba abezizwe base besisusile, ningithethelele bantwana basezulwini izwi lami libuye linqamuke.
155.Abezizwe base besisusile kuJehova, kodwa uMprofethi wase esibuyisela kuye. Sesifundile ukuthi wasibuyisela ngayiphi incwadi, verse 3&4 umthandazo weSabatha, wasibuyisela ezincwadini zikaMose.
156.Sasifunda isihlabelelo, isihlabelelo esikade sisifunda njengamanje, sithi besonile thina sonke, ebusweni bukaNkulunkulu sikhonza izithixo zethu, kodwa uJehova wasihlenga ngeSabatha.
157.Nathi njengoba silapha bantwana basezulwini njengoba ngisho kumakholwa angaligcini iSabatha ukuthi abazifune, befunisise, bebuyele, noma kuthiwa kunzima, bezame ukuthi babuyele esabatheni likaJehova, okungenani iSabatha ngoba lachithwa.
158.Nathi salifica lingekho sasizikhonzela ngesonto sabuyiselwa, asisho ukuthi kulula kodwa asizame sonke ukuthi sibuyele.
159.Sithike lesisihlabelelo sika 188, sonke besonile, sikhonza izithizo zethu, uNkulunkulu wasihlenga, wasibuyisela ngeSabatha kuJehova.
160.Manje bantwana basezulwini ikhona inkinga enkulu esike yasehlela nathi sisebandleni lamaNazaretha, lapho khona abantu besisusile kuJehova, basibuyisela ezithixweni zabo, basikhonzisa amadlozi basenzisa konke.
161.Ekubeni eseshilo uMprofethi wathi lezi zinto ningazenzi, niyosaba uJehova ngokugcina umthetho wakhe anilobele wona ngoMose.
162.Ngiyafisa sifunde incwadi ngokushesha ka Exodus 22 verse 20. “Ohlabela abanye onkulunkulu ngaphandle kukaJehova yedwa uyakubhujiswa nokubhujiswa.”
163.Incwadi lena kaMose, lena uMprofethi asiyalele kuyo kodwa amaNazaretha awakwenzi lokho, amaNazaretha athatha imihlatshelo ayihambise kwabanye onkulunkulu leyonto leyo uNkulunkulu akayifuni, wathi singayenza.
164.Enye into ebuhlungu amaNazaretha ayenzile ephambene nomthetho kaJehova, athathe izinto eyinkulu zikaJehova, ayifaka ebandleni lawo.
165.Ake sifunde incwadi ka Deuteronomy 18 verse 9 sibone ukuthi amaNazaretha enzenjani wona. “Nxa usufike ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, awuyikufunda ukwenza izinengiso zalezo zizwe.
166.Makungafunyanwa kuwe umuntu odabulisa indodana yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni, noma umbhuli, noma ohlola imihlola, noma owenza imilingo, noma umlumbi,
167.Noma owenza iziphonso, noma obhula emadlozini, noma umthakathi, noma umlozikazana.
168.Ngokuba yilowo nalowo ozenza lezi zinto uyisinengiso kuJehova; ngenxa yalezi zinengiso uJehova uNkulunkulu wakho uyabaxosha phambi kwakho.” Amein.
169.Enye yezincwadi uMprofethi asithumele kuyo bantwana basezulwini esiyalayo ukuthi uma singabantwana bakaJehova, singazihlanganisi nabantu abanemimoya engcolile, imimoya yezangoma.
170.UShembe uMprofethi ophakathi kwethu njengamanje, wasifundisa ukuthi asahlukaneni nezangoma, azamukelekile ebandleni likaJehova.
171.Waphinde wasifundisa ukuthi uma singabantwana bakaNkulunkulu, akusifanele ukuthi sibe nomoya wobungqingili lo osukhona phakathi kwabantu njengoba isho incwadi esebhayibhelini ezincwadini zikaMose, ngithi uLevi 20 verse 13 uma ngingaphosisi.
172.Kodwa akuvumelekile ukuthi ebandleni likaJehova sibe nomoya wobungqingili, sibe nomoya wobungoma. UMprofethi ophakathi kwethu uShembe wasiyala wasitshela wathi isitha esikhulu sikaJehova isangoma. Wathi ningasivumeli ukuthi singene phakathi kwethu.
173.Ikhona intshumayelo yoMprofethi, abangcwele bayozifundela emakhaya ngoba isikhathi asisekho. Kodwa uMprofethi siyamubonga ngoba wasixoshela izangoma phakathi kwethu, azibuyisa amaNazaretha, yafika ingelosi yaphinde yaphinde yazikhipha futhi.
174.Ngicela ukufunda bangcwele incwadi yokugcina, incwadi yamahubo 136 ngizoqala lapha kuvesi 1. AmaHubo 136 verse 1:
175. “Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade. Bongani uNkulunkulu wawonkulunkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade. Bongani iNkosi yamakhosi, ngokuba umusa wayo umi phakade” Amein
177.Bantwana basezulwini ngifunda le ncwadi phambi kwaBabamkhulu, ngifunda le ncwadi phambi kwezithunywa zonke zasezulwini.
178.Ngalencwadi ngiyathobeka ngiyabonga kuNkulunkulu waseKuphakameni, ukuthi phakathi kwezimpofana zakhe nami ungikhumbulile bantwana basezulwini.
179.Safika lapha sinezinto zonke ezazisihluphile, mina ngiyaye ngithike akukho okutheni okwakungihluphile ngoba lelizwi langifica ngimncane, ngangingakabi bikho esigabeni sokuhlupheka, kodwa kwasekufanele impilo iqale.
180.Kuthe impilo uma kufanele iqale, izinto zabheda bantwana ngifike kulelibandla ngo 2015, ngafika eGoli nakhona ngigijima ngenxa yalo izwi elase lingibizile langikhipha kithi ngashiya umama nabafowethu izinto zangahamba kahle bantwana basezulwini.
181.Ngaphoqeleka ukuthi ngizimele, ngaphoqeleka ukuthi ngifune umsebenzi izikhathi zingakafiki.
182.Ngiyakhumbula ngiyofuna umsebenzi, ngathi ngfuna bangibonise la ekutholakala khona umsebenzi ngepasi ngoba ngangingeke ngisakwazi ukulinda uku apply kuthiwe ngilinde impendulo nama interviews ngoba ngangidinga ukuthi ngidle ngiphile ngaleso sikhathi.
183.Kusuke lapho ngingenile ebandleni likaJehova akaze kuhambe kahle bantwana basezulwini, ngabathe ngiyacela umsebenzi ngangawuthola, ngazibuza ukuthi uNkulunkulu kanti muphi, kumi kanjani.
184.Kodwa ngalokhu ngidonse njalo, ngancenga, ngancenga, ngancenga, kuthe sekuphele iminyaka nje ngithi engaphezu kuka 7, kwayikhani uNkulunkulu eyiphendula imithandazo yami, wangikhumbula nami, ngezwa sengibizwa kwathiwa e Rustenburg, kwathiwa Nkosana uZulu nanku umsebenzi, wangithatha uNkulunkulu wanginikeza umsebenzi, kunamuhla ngiyasebenza.
183.Ngalencwadi nje ngilethe udumo kuNkulunkulu, ngithi uNkulunkulu uyindoda yempi, akekho onjengaye, nami phakathi kwabangcwele, ungikhumbulile, wangipha umsebenzi, Kwathi zonke izibopho ebezibophe umoya wami zaqaqwa, makabongwe uJehova.
184.Ileyontoke bantwana basezulwini ezithelo zokuthi ngihambe ngalendlela uNkulunkulu athe angihambe ngayo, ngoba ngenhlanhla bese ngizifundile izincwadi ukuthi njengoba sihlangene lapha sisesikoleni, asizelanga ukuthi sizonikezwa izinto, asizelanga ukuthi sizokholwa uma kukuhle, asizelanga ukuthi sizokholwa uma imali ikhona.
185.Noma imali ingekho sizomkhonza uJehova ngoba ayikho enye into esasizele, ayikho enye into esayizwayo, sezwa izwi sathi sizoligcina izwi likaJehova.
186.Uthi uMprofethi esiphambi kwakhe namhlanje u-Isaya Shembe, uthi “Nkosi nika izindlebe zethu Ukuzwa izwi lakho, Sibambe singayeki imiyalo yakho Noma sibamba liphunyuka Masingayeki. Ngokuba ludondolo oluhle Imiyalo yakho, Lubanika ithemba abaluphetheyo Sibambe singayeki ngethemba”
187.Nami ngisho njalo bantwana basezulwini ngithi imiyalo kaJehova angeke isinikeze imisebenzi, ngeke isinikeze noma yini esiyidingayo kodwa isinikeza ithemba lokuthi silokhu sihambe njalo, sihambe njalo.
188.Uye uzwe umuntu ehlehla ethi hawu ukuthi nokuthi angikutholi, kodwa ushilo uMprofethi wathi thatha imiyalo kaJehova uhambe ngayo, thatha leliSabatha uhambe ngalo, udondolozele ngalo, ayikho into uNkulunkulu angeke aze akwenzele yona. Noma engekwenzele lutho lapha emhlabeni, kodwa umvuzo wakho mkhulu ezulwini.
189.Ilelovangeli bantwana basezulwini uMprofethi asibuyisele kulona balichithake abalichithayo, ngenhlanhla uNkulunkulu waphinde wasikhumbula wathuma ingelosi phakathi kwethu, yalivusa bantwana basezulwini yenza izimangaliso ezesabekayo phakathi kwethu ivusa lona lelizwi likaJehova.
190.UMprofethi esifundise into eqondile, wathi uma sifa lapha emhlabeni, siyohamba siye ezulwini, sibe ngabangcwele, sihlale noBongekile iNkosi yezulu.
191.Usho njalo ezintshumayelweni zakhe ukuthi amadlozi ilabo abangekho emzini oyingcwele, thina esiphakathi emzini oyingcwele singabangcwele ngoba sihlezi nongcwele ebungcweleni bakhe.
192.Ingelosi ephakathi kwethu nayo iphinde yakhuluma izwi elifanayo uma ifika isibhalela isihlabelelo, ithi Nkosi ngipha amandla, Nkosi ngiphe amandla okunqoba uSathane, ngoba ezulwini kuyayiwa, ezulwini kuyayiwa, kodwa kuhlala abangcwele.
193.Ithi ubungcwele buqala khona lapha emhlabeni, ithi ubungcwele buyasetshenzelwa, ithi emuva kasisayi, kodwa siya phambili, ithi ukukholwa kwami kuyangisebenzela.
194.Lento ekhulunywa ingelosi iyafana nekhulunywa uMprofethi ukuthi asibe ngcwele lapha ukuze samukeleke embusweni wezulu.
195.Ileyonto esiyibhekayo bantwana basezulwini ukuthi noma kungafika noma ubani noma kungafika siphi isithunywa, siyalalela ukuthi siyenanela yini noma sikhuluma okuhlukile nabaprofethi, asikwazi ukukuthatha ngoba leso sithunywa sizokwazi ukubona ukuthi asiveli ezulwini leli esifuna ukuya kulo.
196.Kodwa sinobufakazi obuphelele ukuthi ingelosi ekhona phakathi kwethu ivela ezulwini, ngoba isibuyisele emthethweni kaJehova, isibuyisele ebungcweleni.
197.Ngiyamubonga kakhulu uNkulunkulu bantwana baseKuphakameni, nami ngicela ukuthi ngime lapha, lapho ebengiphiwe khona ngicela ukubuyisela khona.
198.Uma kukhona lapho ngiphazamile khona ngiyacela ukuthi uNkulunkulu angithethelele, uma kukhona lapho engenze khona kahle uNkulunkulu andise, angehlisele izibusiso.
INkosi ibusise enikuzwile.