Skip to content

ISIKHUMBUZO SENKOSI ILANGA

Uthi-ke uBaba iLanga:“Kodwa ngiyaniyala ngithi uShembe mudleni, ningamgcobi; ngoba uma nimgcoba uyosuka masinyane. Ngithi funani uShembe kaMoya, ngoba uShembe wenyama uyaphela, uyadlula. Kodwa uShembe kaMoya yena akedluli.” (Source: Izintshumayelo zeNkosi iLanga)

Inkonzo yangesabatha mhla ka17 December 2022.
 
1 Hamba kahle Baba wethu
Usikhumbule Nkosi yethu
Lapho uya khona.
 
Chorus: Amen, amen Nkosi yethu.
 
2 Silileleni bantu nonke
UJehova usilahlile
Sisebumnyameni.
Chorus:
 
3 Ukwenama kuphelile
Buya Baba, buya Nkosi
Siyakukhumbula.
Chorus:
 
4 UJehova usizwile
Ibuyile iNkosi yethu
Siyabonga.
Chorus:
 
5 Jabulani bamthandayo
Isililo nobumnyama
Sebuphelile.
Chorus:
 
6 Sibongiseni zingelosi
Ngokubuya kweNkosi kithi.
Sithi Halala!
Chorus:
 
1.Isikhumbuzo sikaBaba iLanga namhlanje, uBaba iLanga wasishiya mhlaka 19 December 1976. Sijwayele ukukhuluma ngoBaba iLanga, kwesinye isikhathi uma wenza isikhumbuzo somuntu uyaye ungazi ukuthi kufanele ukhulumeni ngaye, noma kufanele ukhulume nge experience yakho noma kufanele ukhulume ngani.
 
2.Kodwa nje kafuphi uBaba iLanga kimi wayefana noBaba wami, ngingasakhulumi ngokoMoya noma ngokobuholi, wayefana nje noBaba wami, ngoba uBabamkhulu wa-adobt umama eneminyaka ewu 11. Kuthe uma uBabamkhulu ngo 1935 ehamba emhlabeni umama wayesesala kuBaba iLanga. Wahlala kuBaba iLanga waze wayogana kwaMpanza. Wagana kwaMpanza esuka kwaShembe. Umuntu owathengela umama zonke izimpahla zomshado kwakuBaba iLanga. Umuntu owayebambe umama ngesandla eyoshada kwakuBaba iNyangayezulu.
 
3.Ngakho-ke nje umama wayengowakwaShembe, akazange aphuma kwaDube njengoba kuthiwa umaDube, kodwa wathi eyogana wabe esengowakwaShembe.
 
4.Kwakuthi uma kuwumhlangano umama eseganile, wayehamba eye ngaphakathi eyosebenza khona. UBaba iLanga wayemkhonze kakhulu umama. Ngicabanga ukuthi nabanye abantu baze baba nomona ngendlela uBaba iLanga owayekhonze ngayo umama ngisho eseganile.
 
5.Umama eseganile kwaMpanza, asizange sahlala kahle kithi, ubaba waganwa ngamanye amakhosikazi wayesemhlopha kakhulu umama. Ngiyakhumbula ukuthi empilweni yami angikaze ngimbone ubaba ekwethu, angizange nje ngaze ngambona nhlobo ekwethu, ngangimazi nje ukuthi uwubaba ehamba lapha, kodwa ukuthi ngimbone eza kwethu akuzange kwenzeke!
 
6.Kodwa into engayibona, ngabona ubaba eshaya umama namakhosikazi akhe amabili, ileyonto engiyaziyo ngobaba. Angilwazi uthando lwakhe kimi! Lwathi uma lukhula usizi lukamama kwaMpanza, uBaba iLanga wase eyambiza umama, eseyambuza wathi, ‘njengoba uhlupheka kangaka nje, kanti awunalo yini ikwenu?’ Wayesethi uBaba iLanga umama akabuyele kubo. Kubo-ke kwakukwaShembe, sase sibuyela eVelabahleke.
 
7.Into eyenza ngibone ukuthi ubaba ungizonda kangakanani, kwakunomfowethu ongaphansi kwami ozalwa kwenye indlu, okwanquma ubaba nonina ukuthi akaye esikoleni, mina ngisale ngelusa izinkomo. Ngaleso sikhathi sase singasekho nakwaMpanza, umama swakhishwa inxiwa, sehlala sodwa nomama. Nangaleso sikhathi angikhumbuli nolulodwa usuku ubaba ekulowamuzi esasesihlala kuwo, umnewethu umfundisi, ngoba wabe esesebenza, nguyena owafuna umuntu wokwakha indlu. Kodwa angizange ngimbone ubaba ekuwo!
 
8.Ngangiye ngivuke ekuseni ngihambe ngolanda izinkomo ngozelusa, lo mfowethu engenzi lutho, noma kuyiwa ediphini ngihambe ngedwa, ngivuke ebusuku ngolanda izinkomo ekhaya elikhulu ngozidiphisa, ngisemncane kakhulu, kodwa lo mfowethu engangiphelezeli ukuya ediphini!.
 
9.Base benquma-ke ukuthi lo mfwethu omncane kimi akaye esikoleni, mina ngisale ngeluse izinkomo, wayesethi umama lokho ngeke kwenzeke. Wayese umama engithengela izingubo engiyisa esikoleni ngenkani. Kuthe uma umama engiyisa esikoleni ngenkani kwase kuba nempi Phakathi kwamama nobaba, esihlanganyela namakhosikazi akhe!
 
10.Lempi yadala ukuba uBaba iLanga asisuse kwaMpanza saya kohlala eVelabahleke. Ngaqhubeka nokufunda sengiseVelabahleke ngoba sahamba ngifunda u-first year (Primary). Uma sesise Vebahleke uBaba iLanga wasondla, kwathi konke ukudla okwamukeliswa oma’, nathi sibe nenxenye esiyitholayo.
 
11.Ngakhula ngihlala eVelabahleke, ngingasenalo ikhaya kwaMpanza kusukela ngineminyaka elishumi. Yonke impilo yami yaba seVelabahleke ngaphansi kukaBaba iLanga. Ziningike izinto uBaba iLanga owasenzela zona ngokwenyama ngingasakhulumi ngokoMoya, ngoba uBaba iLanga wawungeke umqonde ukuthi wayewumuntu onjani. Kodwa nje ngokwenyama sakhuliswa nguBaba iLanga, kanti nomama wayekhuliswe nguBaba iLanga waze wayogana kwaMpanza.
 
12.Sesihlala eVelabahleke, umnewethu wayesecela intombi, eganwa. Umama wabe esebikela uBaba iLanga ukuthi usezophuma eVelabahleke, akhe inxiwa ngoba umnewethu useganiwe. Wayesebuza uBaba kumama ukuthi “Ufuna ukuyokwakha kephi uma uphuma eVelabahleke?” Wayesethi umama ufuna ukuya eMzinkosi, umuzi weNkosi ilanga kodwa oseduze kwakithi emaCekane. Wathi uBaba “Hawu kanti uyisiphukuphuku kangaka, ungaya eMzinkosi lapho okukhona khona abantu bakwa Mpanza? Uma ufika khona bazokubulala, nomakoti babantwana bakho bazobabulala, kodwa ngeke bebabulale abantwana bakho ngoba bafuna ukuba bebe zigqila zabo. Kuncono ukuthi uye eMatshane.”
 
13.EMatshane kulapha eNgelwezane, yayingakabi bikho iNgelezwane ngaleso sikhathi, wathi kuncono ukuthi uyokwakha ematshane. Wayesebuye ethi uBaba,“hhayi kusuduze kakhulu eMatshane, bazokuthola nakhona, kuncono uyokwakha KwaMthethwa.”
 
14.Kuthe esasho njalo uBaba iLanga, umama eseMzinkosi eyosebenza, wavele wahlatshwa yiva onyaweni, wagulela ukuthi efe, kwathi kushada umnwethu, akazange wawubona umshado womnewethu. Wagula kakhulu cishe iminyaka emibili, nathi sesidelile ukuthi uyoke aphile, ngoba kwase kuyinto nje ehlale ilele, ingasakwazi nokuphenduka, sekusele nje ukuthi kuphume umphefumulo. Umnewethu umfundisi waya kofuna uBaba iuLanga, wamthola, wabe uBaba iLanga esebusisa amafutha. Kwathi ewagcobe ntambama, unyawo lolu olwaselulukhulu isimanga, lwavele lwaqhumbuka ubomvu okwagcwala indishi. Waqala lapho ukwelulama waze waphila.
 
15.Esephilile, eyobonga kuBaba eJudiya, wafike wathi uBaba iLanga: “Usuyayibona-ke lento engangikutshela yona.” UBaba iLanga wabiza induna yakwaMthethwa wathi ayisiyise kwaMthethwa, icele inkosi yakwaMthethwa isifunele indawo kwaMthethwa. Wathi kulenduna: “Uyitshele inkosi ukuthi laba bantwana ungamfuni uyise wabo, ngoba bangabami!” saya kanjalo-ke eThembalimbe lapho ngahlala khona noLonda, sase sithoila indawo eMbabe lapho esagcina sesakhe khona. Kodwa konke lokhu kuhamba kusukela kwaMpanza siye eVelabahleke, sisuka eVelabahleke siye eThembalimbe size sakha umuzi, konke kwakwenziwa uBaba iLanga.
 
16.Lapha ngichaza ukuthi uBaba iLanga waba ngubaba kanjani emva kokuba sesilahlwe ngubaba ongizalayo kwaMpanza. Angimazi omunye uBaba ngaphandle kweNkosi iLanga!
 
17.Ngo 1973 ngifunda eDlangezwa, ngake ngaba nesifo esixakile, ngathola emzimbeni wami sekuphuma izintwala ngihlala eBoarding school. Lezi ntwala zaziphuma wonke umzimba, izintwala ngampela, ziphuma wonke umzimba.
 
18.Noma ngangithi ngiyazigeza, within an hour sekuyi mnoyi, 2 hours sekuzintwala, sezikhulile. Zaziphuma emashiyeni, ziphume ekhanda, ziphume nakuma private parts ami, noma ngihleli ngithi ngiyatadisha zitholakale seziqathaka edeskini.
 
19.Lezi zintwala zasezibonwa nangabanye abafundi ngoba zazitholakala zihamba eyembeni, zibonakala nasekhanda, ziqathaka nasedeskini! Omunye umfundi owayengikhonzile, wathi angiye ekhaya, ngofunelwa inyanga, ngoba lezi zintwala zizongibulala. Nempela ngacela esikoleni ngaya ekhaya. Ngathi uma ngifika ekhaya ngitshela umama, wathi umama kumele ngikhumbule ukuthi ngiyiNazaretha, angizihambi izinyanga. Umnewethui wabe esengithatha ngemoto engiyisa enkosini iLanga eyayiseVelabahleke.
 
20.Ngathi uma ngimtshela lento, uBaba iLanga wethuka, kodwa wabuye washonisa umzimba phansi, wayesethi angofuna amafutha. Ngahamba ngafuna amafutha, wawabusisa!
 
21.Umnewethui wabe esengibuyisa eBoarding school. Ngezwa kungasalumi manje, angaze ngazi ukuthi kwenziwa yini. Kuthe ebusuku ngithi ngiyakhumula, ngazifica zishe zonke izintwala, kushe nezinwele ezisemashiyeni nezikuma private parts. Ngashawa luvalo, ngabona ukuthi kuzosha nezinwele ezisekhanda!
 
22.Ekuseni ngavuka kuqala ngiyogeza eshaweni, ngifuna ukubona ukuthi kwenzekani. Ngathi ngiyakhumula, zavele izintwala zaqathaka phansi sezishe zonke kanye neminoyi, nezinwele zishile! Kwathi ntambama ngithi ngiyakhumula ethoyilethi, ngifuna ukubona ukuthi kanti kwenzekani, ngathola sekumila izinwele ezintsha, zonke izintwala zingasekho. Lokho kwenzeka cishe usuku olulodwa ngibuye kuBaba, ngoba emva kokuba ngibuye kuBaba, angibange ngisakuzwa ukuluma, kwaze kwathi ebusuku, ngathola zonke izintwala zifile, zishiswe ngamafutha anganalutho!
 
23.Kodwa lapha ngikhuluma ngokuthi uBaba wayesondelene kangakanani nathi, engumzali wethu, eyiyo yonke ninto kithi! Ziningi izinto esingakhuluma ngazo ngoBaba iLanga. Okunye solokhu sikuveza njew, ngoba uBaba iLanga azipheli izindaba zasezulwini ngaye! UBaba iLanga uyena muntu owenza lelibandla laba nolwazi ngoBabamkhulu, kakhulukazi thina esingambionanga uBabamkhulu, ngoba ngaso sonke isikhathi wayekhuluma ngoBabamkhulu.
 
24.Nakho konke lokhu esikubona kwenzeka ebandleni lamaNazaretha, iNkosi iLanga yaprofetha ngakho. OShembe abaningi abayovela emva kwakhe, uBaba iLanga waprofetha ngakho, nokuthi uyobuya emva kweminyaka engamashumi amathathu kuya kweyamashumi amane, uBaba iLanga wakukhuluma esaphila! Ngiyafisa ukuthi ngikhulume ngenye intshumayelo eyakhulunywa uBaba iLanga, bese niyibuka ukuthi le ntshumayelo yahamba kanjani kuze kufike lesi sikhathi.
 
25.Uthi-ke uBaba iLanga “”Uma thina boShembe sisithela ngale kwaleliya gquma kovela oShembe abaningi. Nalowo uyothi nami nginguShembe, abantu bamlandele; nomunye athi nami ngiwuShembe, abantu bamlandele; nenkawu iyothi nami ngiwuShembe, abantu bayilandele”
 
26.Lesi siprofetho seNkosi iLanga safezeka! Ekuhambeni kukaBaba iLanga emhlabeni, kwaqhamuka oShembe abaningi njengoba namanje besaqhamuka. Kodwa owokuqala owabanga lelibandla kwaba uLonda, sithe sisabheke uLonda kwaba uNsingizi. UNkanyezi wayekufihla ukuthi naye unguShembe, wayeke afake imijiva yobuholi uma eyedwa; angazi ukuthi lelibandla lakhe lalikuphi, kodwa wayekufihla lokho. Kodwa sasikwazi ukuthi abalandeli bakhe babebizwa ngokuthiwa ‘isipeletu’, angazi ukuthi ukuthi ‘isipeletu’ kusho ukuthini, kodwa babebizwa kanjalo. Umuntu ophumele obala waba uShembe kube indodana yakhe uSizwe.
 
27.Ekuhambeni kukaBaba iLanga waba khona uLonda, waba khona uNsingizi, waba khona uNkanyezi abalandeli bakhe ababebizwa nge’sipeletu.’ Kodwa akugcinanga lapho engicabanga ukuthi yaba khona nento ecishe ifane nenkawu yaba uShembe. NoPhakama waqhamuka, noma wayephuza ngokusobala, engakufihli lokho, kodwa naye waba nguShembe. Angisezwa lutho manje ngoPhakama Shembe.
 
28.UBaba iLanga-ke wathi ekuhambeni kwakhe koqhamuka oShembe abaningi, kobe kusaqhamuka nalowo nje wakwaShembe ngesibongo kuthiwe nansi inkosi, nangu9 uShembe, abantu bamulandele, wathi koqhamuka nezinkawu zithi nazo zingoShembe abantu bezilandele.
 
29.Uthi-ke uBaba iLanga:“Kodwa ngiyaniyala ngithi uShembe mudleni, ningamgcobi; ngoba uma nimgcoba uyosuka masinyane. Ngithi funani uShembe kaMoya, ngoba uShembe wenyama uyaphela, uyadlula. Kodwa uShembe kaMoya yena akedluli.”
 
30.Lenkulumo yokuthi asifune uShembe kaMoya akusiyona into evele kithi maNazaretha kaNkulunkulu, nokuthi njengoba silapha silandela uShembe kaMoya, akusiyona into evele kithi, yashiwo uBaba iLanga ukuthi asifune uShembe kaMoya!
31.Uyaqhubeka uBaba iLanga uthi: “Kuzokuhlwa, kuzoba mnyama, baningi abazohamba ebumnyameni. UNkulunkulu uzokwenza inkokhelo lapha eKuPhakameni; kuzoba khona inkokhelo yendoda. Yayingcono ekaMaMthembu ngoba uNkulunkulu wenza iNkokhelo ngoMfazi, namhla uzokwenza inkokhelo yendoda egqoke ibhulukwe njengami, iyophuma emkhonweni wejazi lami.”
 
32.Ekuhambeni kwaBabamkhulu emhlabeni, kwavela inkosiukazi eyathi inguShembe, yaxosha abantu abaningi eKuphakameni. Leso senzo sakhe sasibizwa ngokuthiwa inkokhelo. Uthi-ke uBaba iLanga ingcono ekaMaMthembu inkokhelo ngoba kwakweyomuntu wesifazane, manjena kuzoba khona inkokhelo yendoda efake ibhulukwe njengami, futhi iyovela emkhonweni wejazi lami. Lokho kuchaza ukuthi le nkokhelo yendoda iyoqhamuka enzalweni yakhe uBaba iLanga, njengoba vele emva kwaBaba iLanga kwavela uLonda, walihlakaza ibandla!
 
33.Lapha ngizama ukunichazela ukuthi yonke into eprofethwe nguBaba iLanga yenzeka njengoba eprofethile! Uyaqhubeka uBaba iLanga uthi: “Kodwa emva kweminyaka engamashumi amathathu kuya kweyamashumi amane ngiyobuya, inhlansi iyovuka emlotheni.”
 
34.Le nkulumo kaBaba iLanga yokuthi uyobuya, inhlansi iyovuka emlotheni, ayihumusha ngezindlela ezahlukene. Yilowo nalowo uyaye ekhombe umholi wakhe ethi ngaye sekubuye uBaba iLanga, kodwa wakhonjwa kakhulu eKuphakameni uVukile, kuthiwe sekubuye yena impela uBaba iLanga!
 
35.Angazi noma eBuhleni bake bakusho yini lokho, ngoba lokhu uBaba iLanga wahamba emhlabeni, abantu baseBuhleni abaningi abasayingeni indaba yakhe ngoba sebenonkulunkulu wabo abamkhonzayo. Ngisho ngiseseBuhleni, kwakungasamukeleki kwabanye abantu ukukhuluma ngezintshumayelo zeNkosi iLanga!
 
36.Ngakho-ke angazi noma kulaba baholi baseBuhleni ukhona yini owake wabizwa ngokuthi uBaba iLanga, kodwa uThingo aluzange lwabizwa ngokuthi uBaba iLanga. Angazi-ke kulomholi okhona, uma babengathi uBaba iLanga ngoba kuyini yakhe ongayifanisa neyeNkosi iLanga?
 
37.Kodwa into ebalulekile kithi ngokubuya kukaBaba iLanga, ukuthi uBaba iLanga iminyaka engamashumi amathathu ahamba emhlabeni yayiphela ngo 2006, kodwa ekupheleni kuka 2006, kwafika ingelosi, kwase kuthi ngo 2007 isisistshela ukuthi ithunywe uBaba iLanga, nokuthi njengoba ilapha njena ihamba noBaba iLanga.
 
38.Ngaleso sikhathi lalingakabibikho lelibandla, lelibandla lize laba khona ngo 2010, kodwa ingelosi yafika ekupheleni kweminyaka engamashumi amathathu ngo 2006, yafika ngaso ngqo lesisikhathi uBaba iLanga owathi uyobuya ngaso. Yasitshela futhi ukuthi ihamba noBaba iLanga, uBaba iLanga usebuyile, njengoba kade ngihlabelela nje lesi sihlabelelo, noma singabhalekile kahle, kodwa iyona ingelosi eyasiqamba, nesikhuluma ngesiKhumbuzo seNkosi iLanga.
 
39.Uma lapha sithi uBaba iLanga ubuyile, akuyona into esiyisusela enkolweni noma kwinkolelo, kodwa kwasho ingelosi ukuthi njengoba iphakathi kwethu nje ihamba noBaba iLanga, noma uBaba iLanga singamuboni, kodwa ingelosi siyayibona, iyona eyasitshela ukuthi uBaba iLanga ubuyile!
 
40.Ukuthi inhlansi iyovuka emlotheni, isaga leso, lesi saga sisho ukuthi uBaba uyoqhamuka sebecabanga ukuthi kuphelile ngaye!. AmaNazaretha-ke lenkulumo ayaye ayihumushe ngezindlela eziningi, kodwa ukuthi inhlansi iyovuka emlotheni, kuchaza ukuthi kuyothi becabanga ukuthi sebeqedile ngaye abuye eqhamuke! Ngamanye amazwi inhlansi yomlilo obusuphela, isuke yaya kwenye indawo, yayisifike idala futhi umlilo, kwenzeka kanjalo. Umlilo uthi usucishile lapho, bese kusuka umoya, kusuke inhlansi iyohlala laphana bese futhi kuqhamuka umlilo, ube njengoba unjalo, bese kuthiwa no, le nhlansi le ivuke emlotheni njengoba nibona isibuye yashisa nje.
 
41.UBaba wakubeka kanjalo, wathi inhlansi iyovuka emlotheni, esho ukuthi kothi sekucatshangwa ukuthi kuqediwe ngaye evele eseqhamuka kwenye indawo bese lelivangeli lakhe liqale phansi! kodwa uShembe uvukele kithi, hhayi ukuthi inkolelo leyo, sikutshelwe ingelosi ukuthi njengoba ilapha njena ihamba noShembe.
 
42.Manje-ke ngiyafisa ukuthi ngikubeke kahle ukuthi uBaba iLanga usifundiseni, ngoba uma ngabe sikhuluma izinto sishumayela, kuyaye kube sengathi izinto nje zaseNCG, kanti izinto zonke zaseNCG izinto ezazikhulunywa uBaba iLanga, izinto ezise NCG, izinto ezazikhulunywa uBabamkhulu.
 
43.Uma ngingase ngibheke ku-page 80 wencwadi kaMnyandu, ethi “IZINTSHUMAYELO ZENKOSI ILANGA” ithi: “Ngikhuluma ukuthi uma kwakungadingeki lutho ekukholweni, uNkulunkulu wayengenke athumele uShembe lapha ezweni lakithi. Kodwa uma uNkulunkulu ethuma uShembe emhlabeni, wamthuma kulo leli lizwe labefundisi bezinkolo.
 
44.Uma uNkulunkulu wayengakuboni ukukhonza kwethu kulezi zinkonzo ezamendulelayo uShembe, wayezomthuma kwezinye izindawo ezingazona ezamaWeseli, amaRoma, amaLuthela namaSheshi, izinkonzo ezihlakaniphile.” Amazwi kaBaba iLanga lawo, kodwa engikuqondile lapha ukuthi uBaba iLanga uthi UMA NGABE UNKULUNKULU ENGAMTHUMELANGA USHEMBE. Kodwa uma ngabe thina sesikhuluma ngokuthi uShembe wathunywa uNkulunkulu, kube sengathi sihlubukile.
 
45.Kodwa ngisho uBaba iLanga wayekhuluma ngokuthi uShembe uthunywe uNkulunkulu. Uthi-ke uBaba iLanga uma ngabe uNkulunkulu wayengakuboni, engawaboni amaphutha kulezinkolo esisonta kuzo, zamaLuthela nezamaSheshi, nezamaRoma, wayengeke amuthumele uShembe lapha. Manje sesinokuqonda okucacile ukuthi uShembe wathunywa, ethunywa uNkulunkulu ngoba kwasho uShembe lokho.
 
46.Uyaqhubekake uShembe ku-page 81 uthi:“Manje ngiyathanda ukunikhumbuza, njengoba isihlabelelo senu sisho ukuthi uNkulunkulu uyayenza into enhle njengale yenu, kodwa usuke engayenzeli abantu. UbuNazaretha lobu uNkulunkulu akabenzelanga abantu, wazenzela yena. Sisho njalo isihlabelelo senu sithi: “Idwala elihle lamaNazaretha owazikhethela lona uJehova ngokulithanda kwakhe.” Yinto yakhe le, akusiyo into yabantu, akusiyo futhi into kaShembe, futhi akusiyo into yamadodana ami, noma abafowethu…. ngekaNkulunkulu!”
 
47.Ilokho ukudideka okukhulu okuphethe wonke amaNazaretha akwaShembe nomndeni wakwaShembe ukucabanga ukuthi lobubuNazaretha obakwaShembe. Ilona phutha elikhulu lelo. UBaba iLanga usichazele kahle ukuthi ubuNazaretha akusiyona into kaShembe, akusiyona into kaBaba iLanga, akusiyona into yamadodana akhe, akusiyona into yabafowabo, kodwa into kaNkulunkulu!
48.Manje-ke lezi zimfundiso esiqhuba ngazo la e-NCG ukuthi ubuNazaretha obukaNkulunkulu sizithathele ezimfundisweni zakhe uBaba iLanga, kanjalo nakuBabamkhulu. Uyena uBaba iLanga owakugcizelela ukuthi ubuNazaretha abukhona obakwaShembe, ubuNazaretha abukhona okwakhe, ubuNazaretha abukhona okwabafowabo, ubuNazaretha abukhona okwabafundisi, kodwa ubuNazaretha obukaNkulunkulu!
 
49.Manje-ke kubalulekile ukuthi sikwazi lokho, kuhlale ezinqondweni zethu ukuthi lelibandla elikaMenzi wezulu nomhlaba, and uma kuqhamuka umuntu noma kungathiwa umholi wamaNazaretha, bese ecabanga ukuthi lelibandla elakhe, ungenwe ukugcwaneka, ngoba lelibandla akusilona elomuntu! Njengoba ngimi phambi kwenu njena, lelibandla akusilona elami, alisoze laba ngelami, angilutho, uma ngike ngenza into eliphutha, uNkulunkulu engangijezisa, ngoba ngatshelwa mhla kuthiwa angisungule lelibandla, wathi uBaba iLanga NGAKHELA IBANDLA LIKAJEHOVA!
 
50.Ngamanye amazwi uma ethi ‘ngakhela’ usho ukuthi, uthunywa yimi ukuthi wakhe ibandla likaJehova. And i-mandate yalelibandla icacile. Uthi uBaba iLanga kulelibandla uyofundisa abantu ukuthi uJehova ukhonzwa kanjani, uvuselele imithetho kaJehova, kodwa futhi ngenkathi ufundisa abantu ngoJehova ubafundise nangoBaba ukuthi uBaba wayethunywe uJehova ukuthi elethe ubuNazaretha emhlabeni. Ilokho esikwenzayo!
 
51.Njenganamhlanjena I can say without any fear of contradiction ukuthi umhlaba uyazi manje ukuthi kukhona uMprofethi okwakuthiwa uBabamkhulu and lokho ukwaze ngalelibandla. Umhlaba uyazi ukuthi kwake kwaba khona uMprofethi okuthiwa uBabamkhulu and kwakuwuMprofethi oyisimangaliso. Lokho kube yimfundiso yalelibandla, njengoba sasiyalwe kanjalo ukuthi sikhulume ngoBabamkhulu!
 
52.Umhlaba wonke uyazi ukuthi kwake kwaba khona uBaba iLanga, ibandla elishumayele ngoBaba iLanga yithi, okuseqinisweni ibandla elishumayele ngobuNazaretha i-NCG. Uma ungaya eBuhleni, ibandla laseBuhleni likhulu, kodwa lifana nebandla nje elingekho, alikho khona ibandla likaJehova, kodwa baningi abantu abalandela umholi wakhona, kodwa abangazi lutho ngoBaba iLanga, ngoBabamkhulu, ngisho nangoJehova, ngoba akukho lutho abakufundiswa ngalaba banikazi benkolo!
 
53.Laba bantu noma bebaningi, kodwa bayafana nje nabantu abasebholeni, ngoba akukho lutho abahlangene ngakho okuthinta uNkulunkulu, noma uBabamkhulu, nomholi wabo akasho lutho ngokugcinwa komthetho kaNkulunkulu, okubhekile ukudunyiswa kwakhe!
 
54.INjengoba ingelosi inikeze uMkhokheli incwadi ekuseni, ithi kukhona umuntu oyisiqhwaga ozikhukhumeza ngokuceba, ibikhuluma ngesimo esifana nalesi esisisbukayo sonke! Akesiyifunde lencwadi. AmaHubo 52 verse 7-8. “Bheka nasi isiqhwaga esingamenzanga uNkulunkulu abe inqaba yaso, kepha sethemba ingcebo yaso enkulu, siziqinisa ebubini baso, kepha mina nginjengo mnqumo oluhlaza endlini kaNkulunkulu.”
 
55.Lencwadi siyilethwele ingelosi, njengoba esho nje uMkhokheli ukuthi lencwadi ilethwe ingelosi ekuseni. Njengoba ngiye ngisho ngithi sithi siza lapha ingelosi ifike isinikeze incwadi ukuthi nansi into eniyokhuluma ngayo.
Ngakho-ke kufanele ngikhulume ngalento ngoba sinikezwe incwadi ingelosi ukuthi nasi isiqhwaga esizikhukhumeza ngencebo yaso esingayingeni indaba kaNkulunkulu. Namanjena-ke siyakubona lokho!
 
56.Kodwa kukhona into eyakhulunywa ingelosi yathi “Onke lamabandla angamkhonzi uJehova azohamba ahambe aphele, uzowaqeda uNkulunkulu, ukuthi kanjani, nguJehova owaziyo!
 
57.Awukwazi ukuthi uthi uwumNazaretha, akubhale phansi uShembe ukuthi lelibandla elikaMenzi wezulu nomhlaba, bese kuba uwena ozenza uMenzi wezulu yomhlaba, uqhoshe ngomcebo wakho ebandleni likaJehova, ongaze uphume nangolulodwa usuku uyoshumayeza abantu ngoJehova, ngisho ngesabatha wena ungashumayeli, kodwa unike abantu ukuba bashumayele ngawe, badumise wena ebandleni likaMenzi wezulu nomhlaba! Umuntu usephuce uJehova ibandla lakhe, ngomcebo usezibona emkhulu kunoNkulunkulu!
 
58.Uthi-ke UShembe “Yinto yakhe le, akusiyo into yabantu, akusiyo futhi into kaShembe, futhi akusiyo into yamadodana ami, noma abafowethu…. ngekaNkulunkulu! Kodwa ukuphakama lokhu akusikho okwenu, akusikho futhi okukaShembe lo obonwayo. Okuka Nkulunkulu, okukaShembe osezulwini, ngokukaShembe owakuqalayo lokhu kuhamba.”
 
59.Uma ethi uBaba iLanga lokhu Kuphakama ngokukaShembe owakuqalayo lokhu kuhamba, usho ukuthi ukuPhakama ngokukaBabamkhulu. Uthi ku-page 82 “Kodwa nina eyenu iNkosi ayibonwa, nguNkulunkulu kuphela, ayikho enye! Ngakho nilibambisise lelo lizwi noma nini, noma singasekho thina emhlabeni, nikhumbule ukuthi ubuNazaretha lobu nalomuzi waseKUphakameni, akusikho okomuntu!”
 
60.Niyamuzwa umuntu owayewumholi ngempela eshumayela, niyamuzwa umuntu owayewumholi efundisa, ngoba awukwazi ukuthi ube umholi nje ngokuthi wamukele umnikelelo nje, bese uthi uwumholi kaNkulunkulu, kodwa un gabafundisi lutho abantu ngomgudu wokukholwa!
 
61.Ayikho into oyishoyo, into wena eyakho umnikelo, kodwa alikho izwi lakho ukuthi laba bantu obamemile, ubafundiseni ngoNkulunkulu, akukho lutho! Kuphela nje uqhosha ngemali yakho, uqhoshe ngezimoto zakho, uqhoshe ngobuningi balandeli bakho sengathi ungumholi we Kaizer Chiefs noma i-Orlando Pirates! abanye abantu baye becabange ukuthi uNkulunkulu lento akayiboni, kodwa uNkulunkulu uyinto eyisimangaliso ngoba uma esekushaya, kuba sengathi awukaze ube khona, futhi uthanda kabi ukukushaya lapho ususesicongweni sentaba! B kwenzekani nje ko Joshua, ongqulunga abasebafanisa noMprofethi u-Isaya Shembe? Lolo ludumo lwakhe wathi efa lwase luphelile! Manjena-ke usho njalo uBaba iLanga, uthi lento ngekaNkulunkulu.
 
62.Uma ningase nazi ukuthi lelibandla ngelikaNkulunkulu, ningaziphatha kahle nonke, uma nje ningazi ukuthi lelibandla elikaNkulunkulu. Noma sibancane kangakanani, uShembe ukubhalile ukuthi ukukholwa kwethu kulobubuNazaretha kulidwala elibushelelezi eliyohanjwa ngabambalwa.
 
63.Ukukholwa kwangempela, okuzokuyisa ezulwini, kuyindlela elukhuni ehanjwa ngabambalwa, akukwazi ukuthi zonke iziyingayinga zibe ngamakholwa ngoba ukuze ube ikholwa kufanele ube umuntu ocabangayo!
 
64.Iziyingayinga nezidakwa, nayo yonke inhlobo yomuntu igcwala enkundleni yebhola, ngoba akudingi ukuba uze ube yisihlakaniphi ukuthanda ibhola!
Le ndawo esikuyona akusiyo indawo yamidanso, noma inkundla yebhola, kodwa indawo yokukhonza uNkulunkulu ngeqiniso!
 
INkosi ibusise enikuzwile.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *