Skip to content

INHLIZIYO ENOTHANDO AYINAKUMDELA UJEHOVA

Kodwa uNkulunkulu ungumngani omuhle ngoba akanakukudela uma ngabe ukuye. UNkulunkulu noma engakwenzela into akanakufakaza ngayo kubantu. Noma ungabikani kuye uthi Nkosi kunjena, noma ngenza isono, ngenza kanjena, akanakuhamba ekhuluma ngawe, akasho.

Instshumayelo yasekuseni ngeSabatha mhlaka 10 December 2022, siyiphathelwe uMfundisikazi Nomcebo Mpanza.
ISIHLABELELO 96
 
1 Ngiyeduka ebusweni bakho
Imihla yonke yokuphila kwami,
Inhliziyo iyangedusa
Ngiyancipha ebusweni bakho.
 
Chorus: Siza siza nkosi Baba
Uhawukele umoya wami.
 
2 Khuluma wena Nkosi yami
Khuluma wena nenhliziyo yami,
Mina ngedwa seyingehlulile
Ngiyeduka ebusweni bakho.
Chorus:
 
3 Ukuzama kuphelile
Akuyenelisanga inhliziyo yami
Ngiyashona imihla yonke
Ngiyayephula imithetho.
Chorus:
 
1.Ngiyababingelela abangcwele. Isihloko senkonzo sithi INHLIZIYO ENOTHANDO AYINAKUMDELA UJEHOVA. Bantwana baseKuphakameni sesiphinde sahlangana kuyimini enkulu yeSabatha uJehova akhulume ngayo okokuqala esizweni sakhe ukuthi ukuba ngowakhe kuqala ekugcineni iSabatha.
 
2.Bantwana baseKuphakameni inhliziyo enothando ayimdeli uJehova njengoba ngake ngasho ngibonga ngathi bayajabula abantu abanamehlo avulekile ezinhliziyweni zabo. Ngikhuluma-ke ngokubona odokotela beza kulelibandla, uma ngikhuluma ngabantu abafunde ema university, bafunda iminyaka ngeminyaka, imfundo yabo ibenzela konke abakufunayo, bayahlonishwa emhlabeni wonke.
 
3.Kodwa labo bantu bahamba babuka ukuthi noma sisitholile isibusiso sokufunda, noma singanakho konke, kodwa asinalutho uma singenaye uNkulunkulu. Bazidela beza bazoshiswa ilanga, bazohlala endaweni nje edelelekile, bazoguqa ngamadolo. Uma bengena emphakathini bayasukunyelwa ngenxa yemfundo yezikhundla abakuzona. Kodwa lokho abazange bakunake, banaka indaba kaNkulunkulu ukuthi noma lapha emhlabeni sibakhulu, kodwa iphambili lethu alinalutho uma ngabe singenaye oyosivulela amasango lapho siya khona.
 
4.Babona ukuthi imfundo iphelela lapha emhlabeni, kodwa basifuna futhi isikole sokufundela ukungena ezulwini, sebezenze zonke izifundo zasemhlabeni ezibenza babe bakhulu nomaphi ngoba bafundile, abaswele lutho, kodwa beza nje bazoba ngabantu nje. Ngithi-ke ngiyababongela bona abakubona lokho. Kukhona abantu abaye bemthande uJehova, bamthandele izinto ezithile, abamthandela ukuthi bathole imisebenzi, abanye bayagula, abamthandela ukuthi abasindise kulokho kugula kwabo.
 
5.Kodwa kunabantu abangaswele lutho, abashiye yonke into, nemizi yabo emihle, babuya bazothi nabo noma sinayo yonke imfundo, kodwa sizofuna i-class elizosifundisa ngokuyongena ekhaya kithi lapho esaqhamuka khona. Bazibona ukuthi noma befundile, kodwa abayiso isizwe sikaNkulunkulu ngoba isizwe sikaNkulunkulu sigcina iSabatha nomthetho kaJehova wonke.
 
6.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni inhliziyo enothando ayimdeli uJehova. Lokho kusho ukuthi kuye kube khona abantu abaye babekhona phambi kwaNkulunkulu, bahlanganyele nabo bonke abantu ngoba bemthanda uJehova ngokusho kwabo. Kodwa mhlazane ehlelwa ukuhlupheka, noma ephelelwa umsebenzi noma kwehlani nje, ebese eyamdela uJehova, bese ethi kwakuncono ngalesi sikhathi ngingakhonzi, manje sengihlupheka kakhulu.
 
7.Ngithi inhliziyo-ke enothando ayikwenzi lokho, ayimdeli uJehova. Ngikhumbula bantwana baseKuphakameni amakhosi amabili engiwaziyo kulelibandla nengangijwayele ukuthi ngizisondeze kuwo. Engiwaziyo, amanye akhona, bayovela abayokhuluma ngawo abawaziyo, mina ngikhuluma ngamakhosi nje amabili, iNkosi yamaQadi, neNkosi yaseMaChunwini. Lamakhosi bantwana baseKuphakameni, kwakungamakhosi ayenoMoya kaNkulunkulu wokukhonza, amakhosi ayekhuluma iqiniso.
 
8.Ngenye imini iNkosi yamaQadi yathi ishumayela yathi “Bayajabula abantu ababusisekile, abangene nezingane zabo phansi kwalompheme.” Yase iyasho ukuthi inosizi ngabantwana bayo ababhubhudla etshwaleni. Bafundile kodwa abafuni ukuzofunda indaba kaNkulunkulu. Akazange asho ukuthi ngoba bazalwa nguye, akabonanga ezokwehla isithunzi uma ekhuluma lamaqiniso ebandleni.
 
9.Ngithi bantwana baseKuphakameni, wabala wathi amantombazane, wababiza ngamagama, wathi uzibanibani nozibanibani, wathi nginabo la, kodwa abafana, wathi angivunanga lutho ngokokukholwa. Wathi ngiyacela ukuthi iNkosi yaseKuphakameni ingene eMaqadini. Ngisho ukuthi-ke ngabona iqiniso, nokungambozi, kungasho ukuthi ngizophoxeka ngiyiNkosi, kodwa wakhuluma iqiniso ukuthi abantwana bakhe baphuza utshwala, abenzi kahle.
 
10.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni lamakhosi, ngoba ngangivame njalo ukuwabona, kusuka umhlangano phansi noma usuyophela. Nganginosizi enganginalo, ngangikhuleka, ngicela ukuthi uJehova eluchithe lolusizi. Kodwa bantwana baseKuphakameni, ngenxa yokwazi ukuthi isibusiso esitholakala kumuntu omdala, kwakuye kuthi noma ngiyonikela, ngithole amasango esevaliwe, kuthiwe cha, sekuyisigaba sokugcina lesi. Mhlawumbe ngithi ngithi ngithi, ngithole sengingasakwazi ukuthi ngiyofika kuBaba.
 
11.Kodwa bantwana baseKuphakameni ngoba ngase ngizwile ukukhuluma kwabantu bakulelibandla abadala, ngase ngilalelile ngaloMkhokheli owayengiphethe uMkhokheli uGcinekile Maseko, owayegane kwamaZibuko. Ngangilalela indlela yokufuna izibusiso, kwakuthi uma ngabe abantu abaphathiswe umsebenzi kaNkulunkulu bengasakhumbuli ukuthi bazisebenzi zikaNkulunkulu, kodwa sebeqashwe nguSathane ukuthi abasebenzele, bavele bahlukumeze abantu abeze kuNkulunkulu ngoba lithe izwi wozani phambi kwami.
 
12.Kodwa uma sewuthi uya phambi kwakhe bese kuba khona izisebenzi zakaSathane ezizokuchitha ukuthi musa ukuya kuye, kodwa babeze basho abanye bethi bika khona lapha kimi. Bantwana baseKuphakameni uMoya kaNkulunkulu wasebenza kimi khona ngihluphekile. Ngangithi ngiyayibona iNkosi yaseMaqadini ngigijime ngejubane, ngiwumama. Kwesinye isikhathi ngithi, ngithi, ngihahamezwe izinduna zamadoda ayo indawo yaseMaqadini, bethi, uyaphi kuNdabezitha? Ngenze ngathi angibaboni.
 
13.Ngifike ngiguqe, ngifike ngibingelele, ngithi hawu sawubona Baba, ijabule iNkosi ithi yebo mtanami, ngibuze impilo, aphile. Ebese iyabuza ukuthi ngingakusiza ngani. Ngiciphize izinyephezi, ngithi ngicela ukuthi ungicelele kuShembe ukuthi angikhumbule, ngoba ngangiba lusizi. Ithi iNkosi hhayi, yayinamalimi, ithi hhayi akakabi ndaba, ngisabheka mtanami, ngihambe. INkosi yaseMaChunwini, ngangilazi idokodo layo, ngangithi uma sengehlelwe ilolusizi, ngibone ukuthi angikwazi ukufika kuBaba, ngithathe, ngithenge amapuleti amabili, ngiwathenge nje ngoba ngase ngifuna yonke indawo lapho ngingasizakala khona.
 
14.Ngawathenga amasha, ngithathe umnikelo, ngiwufake phakathi ne tray, kube ngathi ngilethe ukudla. Iphume induna yeNkosi yaseMaChunwini, ithi ngingakusiza ngani Mama. Ngithi ngilethe nakhu engikulethe eNkosini, ngicele ungicelele isibusiso, ukuthi uShembe angikhumbule. Bese iyathatha-ke induna, ingene, ivule iNkosi ibone ukuthi akusikho ukudla umnikelo. Iphume ngaso leso sikhathi ithi ufuna ngikwenzeleni mtanami. Ngithi ngicela ungicelele kuShembe, uma ngithi ngiyaya, akungeneki. Ngicela ukuthi ungicelele kuShembe ukuthi angikhumbule kulolu sizi engibhekene nalo. Ngangikwenza njalo.
 
15.Kwesinye isikhathi ngigijime ngibone ukuthi uma ngiya edokodweni lami, kukude, sekugcwele, sengihhahhanyezwa. Ngigijime, ngifike nje ngiguqe phambi kwayo, ngithi. Ngicela nje ukuthi ungicelele kuBaba ukuthi angikhumbule, ngizokunikeza nanka amanzi, ngicela ukuthi uphuze amanzi. Ithathe iNkosi ithi uJehova akukhumbule, akwenzele konke lokhu okucelayo. Ngase ngaziwa, nezimfindo nazo sezingazi ngoba idokodo lazo laliseduze lapho esasihamba khona siyokha amanzi.
Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni lokhu kwenza njalo kwangisiza ngoba lezi zibusiso engangizicela ngagcina ngizitholile ngoba ngangizifuna kubantu abakholelwa kuNkulunkulu. Ngizifuna kubantu engibaziyo ukuthi babushiyile ubukhosi babo, beza kuNkulunkulu.
 
16.INkosi yaseMaChunwini kwakuyiNkosi ehlukile. Ngoba noma yayisindala, wawuthi noma uya esiguqweni, ngangisihamba isiguqo ngoba ngangihamba noMkhokheli owayenaka kakhulu, uMkhokheli uGcinekile, wayevama ukusifundisa ukuthi asovama ukuthi singazikhetheli kuzo zonke izinto uShembe azibekile, athi sihambe nasebusuku, siye laphana siyokhuluma noNkulunkulu.
 
17.Sasiyifica iNkosi yaseMaChunwini isihleli phakathi ethempelini, kodwa kuwumuntu omdala. Sasihamba siye eNhlangakazi kodwa iNkosi yaseMaChunwini, yayikhuphuka intaba isindala, ihambe yakhe idokodo. Njalo ebusuku phakathi kwamabili yayingalovi, yayihlala ikhona izokhonza uJehova. Awukho umhlangano esingazange sibe nayo ngawo, sengisho umhlangano onzima kakhulu waseNhlangakazi. INkosi yaseMaChunwini yake yehlelwa isehlo esibuhlungu sokuhanjelwa amakhosikazi. Ehambe uNdlonkulu, kwaze kwahamba noMaMthembu engangihlala edokodweni lakhe.
 
18.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni kodwa iNkosi yaseMaChunwini ayizange imdele uJehova, yamkhonza ngisho seyisele noNdlunkulu oyedwa waphinde wahamba naye, yasala yodwa, ayizange imdele uJehova, yaba khona kuyo yonke imihlangano, iphuma ihamba noma isihamba kancane, kodwa yayitholakala ikhona endaweni kaNkulunkulu. UMoya kaNkulunkulu wangiholela kuyo ukuthi angikhulume kuyo ukuthi ayingicelele kuJehova ngoba wayewumuntu kaNkulunkulu. Uma esendaweni yokukhonza, wayengaba yiyo iNkosi yesizwe, wayeba ubaba nje ofana nobaba bonke.
 
19.Ngithhi-ke bantwana baseKuphakameni inhliziyo enothando ayimdeli uJehova, noma sekwenzeke konke iNkosi yamaChunu ayizange imdele uJehova. Ngiyaye ngikuthole lapha uBaba uMelusi ekhuluma ngayo ethi yakhuluma ngokuxabana kwesizwe. Kodwa sesixabana isizwe sibulalalana, iNkosi yamaChunu, yabona uJehova eyisixazululo, yasukuma yahamba yayothekela amandla kaJehova. INkosi iLanga ayizange inqene ukuhamba nayo iyongena nayo egunjini, ngoba yayihamba nomuntu owethembele kuJehova, yamveza phambi kobuso bukaJehova!
 
20.UNkulunkulu wamunikeza lokhu owayezokucela, zaphela izmpi EmaChunwini, ziqedwa inhliziyo enothando, engamdeli uJehova. Nathi-ke makholwa engathi uNkulunkulu engenza ukuthi lamakhosi engikhuluma ngawo, ngoba aniwazi, ngingasho ukuthi amanye awalutho, kodwa bayovela nabanye abawaziyo lawa amanye bakhulume, nami ngikhuluma ngalawa engiwaziyo. INkosi yaseMaQadini yenza umsebenzi omkhulu, yakhethwa ukuzondwa, yakhethwa ukuthukwa, yalenga esiphambanweni senzondo, ilengela ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu uqhubeke.
Yakwazi ukufihla uBaba iNyangayezulu emzini wayo, yaphinda futhi yakhipha indawo lapho ibandla lamaNazaretha lizoba nendawo okuzokhonzelwa kuyo kube sekubizwa ngokuthi kuseBuhleni.
 
21.Yaphinde yabona ukuthi kuzothi ekuhambeni kwayo kube khona inkinga, yase indawo iyathengwa, kwakhishwa umnikelo owawufunwa ukuthi indawo yaseBuhleni kube indawo yamaNazaretha, kungabi indawo yesihle. Kodwa yona inkosi yayenza isihle. Ayigcinanga lapho, yaphinda futhi yayisika indawo yaqhubeka yaya phezulu yanikela ngayo kuShembe. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni noma kwakukhona okwakuhamba kuyihluphe iNkosi yamaQadi, kodwa uthando lokuthanda uJehova alizange liphele, yayiNkosi eyayikwazi ukukhuluma iqiniso ngisho nangezingane zayo, kwakuyiNkosi engakwazi ukumboza into.
 
22.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni engathi lo Moya wothando kulamakhosi amabili ebengivamile ukuthi ngibe nawo emhlanganweni nomaphi. Ngithi uNkulunkulu ekenze ukuthi usembathe, singathi uma sehlelwa izehlo ebese siyamdela uJehova. Sicele ukuthi uNkulunkulu lowo Moya awushiye kithi, sikwazi nathi ukwenza izinto ezihle.
 
23.Noma uNdabezithi waseMaChunwini, kungekho engikwaziyo ukuthi kunjani kodwa ezweni lakhe ukhona umuzi lapho ekuthiwa kuseMzimoya okuwu muzi kaNkulunkulu. Kodwa iNkosi yaseMaQadini yangena esizibeni esinengwenya okungabuyi muntu kuso. Yaboshwa iboshelwa ukuthanda uBaba iNyangayezulu, ukugcina uBaba, yadlula ezigigabeni ezinzima, kodwa uthando lukaJehova aluzange luhlehle, nanamuhla ukhona umuzi waseBuhleni owakhishwa iNkosi yaseMaQadini Lelibandla lakheka ngoba indawo yayisikhona, kukhona umuntu kaJehova phambili, onoMoya kaNkulunkulu, ongawakhohlwanga amazwi, ababekhona bathi yathi uma ingena emanzini ibhabhadiswa, iLanga lajabula lathi namuhla ngithole umfowethu.
 
24.Lawo mazwi eNkosi iLanga afezeka ngalesikhathi iNkosi yamaQadi ifukamela amaNazaretha, ifukamela isikhukhukazi sasezulwini esasithunyiwe ukuthi sizokhuluma indaba kaNkulunkulu. Sabanawo umuzi obizwa ngokuthi kuseBuhleni ngenxa yokukholwa kweNkosi yamaQadi. Engathi uJehova engama phambi kwakhe, noma esethule. Ingelosi iyaye isho njalo, ithi ubovama ukuthi wenze into enhle, uNkulunkulu kuyothi noma sewenze kabi, kodwa uNkulunkulu akanakukudela okuhle okwenzile kuye. Uyakukubuka lokhu okuhle, ngakho lokhu okuhle owakwenzayo, bese kuqeda lokhu okubi!
 
25.Ebese uyangena ngoba uNkulunkulu uyobe ekubona ukuthi wehlelwe ilokhu, kodwa kungakakwehleli wenzani phambi kwakhe. Ngithi ngiyacela lowo moya wabo omuhle wokungamdeli uJehova, bengamakhosi, bengaswele lutho, bekhonzwa bekhothanyelwa, besebenzele uNkulunkulu. Ngithi-ke inhliziyo engamdeli uJehova ileyo okuthi noma wehlelwa yini bese ukhumbula ukuthi noma kungehlani, noma kungaba amatshe amangakanani noma ngingaphelelwa yikho konke, kodwa uJehova yena akapheli. Nguyena enizosala naye, abangani bayaphela bengafile, uma sewuhluphekile, bayakuhlehlela, ubona ngabo uma izinto zingasahambi kahle, baye bahlehle, bekushalazelele, benze sengathi abakwazi. Ingoba sebebonile ukuthi awusenalutho.
 
26.Kodwa uNkulunkulu ungumngani omuhle ngoba akanakukudela uma ngabe ukuye. UNkulunkulu noma engakwenzela into akanakufakaza ngayo kubantu. Noma ungabikani kuye uthi Nkosi kunjena, noma ngenza isono, ngenza kanjena, akanakuhamba ekhuluma ngawe, akasho. Kodwa uma uke wakhuluma kumuntu noma eguqile uyisho inkinga yakho, uzwa abantu sebekhuluma ukuthi engabe namanje, kwagcinaphi kuleyandaba owawuyikhuluma, wagcina uzikhokhile yini izikweletu owawukhuluma ngazo. Kodwa uNkulunkulu yena uba nesihawu, impendulo yakhe iye ibe nesihawu ekukhaleni kwakho, engakudeli, umbone ngakho ukuthi ekukhaleni kwami kuye uJehova wangizwa, izinyembezi zami aziphalalanga phansi.
Njengoba nami namuhla ngikhumbula abantu engangithi uma sengixakekile, ngigijimele kubo ngoba ngangazi ukuthi bona banoMoya kaThixo ngoba ngangibabuka ukuthi laba bantu abangamakhosi kodwa abayeka konke ngeSabatha bezohlala phansi. Laba bantu abangamakhosi abakhothanyelwayo kodwa bayashiya bezokhothamela uNkulunkulu.
 
27.Ngangazi ukuthi konke lokhu engikucelayo, uma kufika ngabo laphana, uJehova uzongizwela. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni kwangazathi singeze samdela uJehova ngoba omunye uyamdela, abanye abantu, esinye isigaba, engiye ngisibuke ukuthi engathi uNkulunkulu nami engangipha lolo thando, ngibone ukukholwa kubantu. Abanye abantu baye bakholwe bakholelwe izingane zakhe, asho umuntu nokusho ukuthi ngikholelwa izingane zami. Kodwa kukhona abantu abangakaze babe nabo abantwana selokhu bazalwa. Labo bantu bakholwe, bese ngifisa ukuthi nami engathi uNkulunkulu engangipha lokhu kukholwa kwabo, ngoba kukhona abanjengathi abanjengabantu abazele, abathi bona bakholelwa izingane zabo. Kodwa egodini elisuke limbiwe, akekho ongena nabantwana bakhe, ungena wedwa.
 
28.Ngithi-ke ngibabona bekholwa, omunye umuntu uyaye athi uma ngabe ebona ukuthi ucelile abantwana akabatholi, ebese luyamphelela uthando, ebese athi akekho kwayena lo Jehova okukhulunywa ngaye, akhohlwe ukuthi ukuba nomntwana akusona isixazululo somuntu. Akusho ukuthi ngoba uthola abantwana usunakho konke noma uyongena ezulwini. Kwesinye isikhathi umuntu uma engamtholi umntwana, uNkulunkulu kusuke kukhona akubonile ukuthi kuzohamba kube wrong.
 
29.Omunye unkosikazi wacela izingane khona lapha eKuphakameni, ngangizwa kukhuluma abakhokheli abadala, wacela ingane, angisakhumbuli ukuthi ikumuphi umuntu, noma nguBaba iLanga noma uBaba iNyangayezulu. Kodwa bathi yafika ke inkosikazi yacela. Wase uyasho umuntu wasezulwini wathi cha, ake ume ukucela manje, abantwana abakhona manje akusibo abantu izilwane. Mana ukucela manje, ngiyobuye ngikubize uma sekufike abantwana abangabantu.
 
30.Yaduba inkosikazi yahamba, ngoba yayizwe ngabantu ukuthi uma ufika kuShembe uyakwazi ukuthi noma ungabatholi abantwana ubathole. Yase iyasuka inkosikazi kuShembe, yase ihamba ibuza kubantu, bafike abantu bayiyalela, bathi hhayi ukhona umuntu olaphana, unezimbiza ezinzima kabi futhi ungumthandazi. Bamthatha bamuyisa khona. Kuthiwa-ke wathi esefike khona wazithola lezo zimbiza, ngempela zamusebenzela lezo zimbiza, kwaphela inyanga, enya inyanga wazibona engangeni endaweni yakhe, waya kodokotela bamutshela ukuthi usekhulelwe. Wajabula, waze wakhipha igama wathi ngachitha isikhathi ngaya kuShembe
 
31.Wamuthola umntwana, wathola umntwana womfana, umntwana wamkhulisa, wamkhulisa umntwana. Wagcina uyise womfana ehambile emhlabeni, wasala nalomntwana. Le ngane eyayihlala lapho, izalwa udadewabo kayise walomfana, nayo yagcina ihambile nayo iya kubo basala nonina. Yakhula yaze yangena ebunsizweni.
Bantwana baseKuphakameni ngithi inhliziyo enothando ayinakumdela uJehova. Wakhula umntwana, wabonakala umntwana engathandi ukuhamba namantombazane, engazihlanganisi nje namantombazane, abangangaye kwafika isikhathi lapho beganwa khona, yena wangazihlanganisa nje nabantu besifazane.
Kodwa bangcwele okubuhlungu okwehlela le nkosikazi, kwathi kusuka njena ingane yabe ingena embhedeni kayise ngenkani, yazolala khona, yakhiya, yangena embhedeni kayise, yenza unina ukuthi abe inkosikazi yayo.
 
32.Yakwenza lokho ekufihla lomama, imphathele ummese, ithi uke wayikhuluma le ndaba ngokuqeda nje ngawo. Emini abe ngunina, ebusuku abe ngumkayo. Wagcina ehambile wayotshela omakhelwano ukuthi lo mntwana, njengoba nimubona nje angisaphili nje kahle, lomntwana ebusuku uyaphenduka abe ngumyeni wami kodwa ngimuzele. Babuza abantu ukuthi kwenzeka kanjani lokho, wathi ukwenza ngenkani. Uyangitshela ukuthi uma ngike ngayikhuluma lento uyongibulala, futhi ngiyabona ukuthi uyongibulala, ngoba uma enza lomkhuba uyangiklinya.
 
33.Uthe uShembe mana ukucela ngoba abantwana abakhona manje bayizilwane, weqa waya kubantu abaphangisayo, waze wakhipha igama, wathi ngazichithela isikhathi ngaya kuShembe, kanti uthole isilwane lesi uShembe owayesisho ukuthi abantwana abakhona ozobathola izilwane. Kuhle ukulinda uJehova bantwana baseKuphakameni into mawuyicelile, ungazifuni izinto eziphuthumayo, ngoba ziyakukhula ziphuthume umphefumulo wakho.
 
34.Kwahamba kwahamba lo mama, waya emaphoyiseni, wayombophisa lo mntwana, wacela ukuthi engakhishwa esaphila, mhlazane kuphuma umphefumulo, mhlazane engcwatshwa, esengene enhlabathini, bamkhiphe ngaso leso sikhathi. Kodwa uShembe wayeshilo wathi akusibo abantu abantwana abakhona manje, weqa izwi likaShembe, waya kubantu abangabuki, abantu abangazi, abakhanda nje izinto ezenza izinto ube nomntwana kodwa abangalazi iphambili lalowo mntwana.
 
35.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni baningi abantu okuyaye kuthi umuntu uma engenawo umntwana, bamubone lowo muntu engelutho. Kodwa maningi amathuna alele abantu ababulewe ngabantwana babo. Abanye baphile, kodwa abalali emzini yabo sebekhoseliswa ngabantu, bakhishwa izingane zabo abazizala bona, abazithwala izinyanga eziwu 9, abasakhululekile!
 
36.Ngithi-ke bangcwele, isipho osiphiwe uNkulunkulu, noma ukuphila umntwana leso sipho sihle, kodwa futhi uNkulunkulu uma engakuphanga umntwana kukhona lapho akugcinele khona, wabona ukuthi esizalweni sakho kungase kuhlale isitha sakho, esiyokugijimisa sikuphuthumise ethuneni, bese uNkulunkulu athi ukuphila kwakho akuqhubeke, ngaphandle kokuba nabantwana.
 
37.Ngiye ngizwe abantu ngibone behleka kodwa ekugcineni uthole ukuthi ekugcineni bavuna ucucuza, bona bathi banabantwana kodwa bavuna ukufa. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni ngiye ngikuphakamise ukukholwa kwabantu abangakholelwa izingane, kodwa abakholelwe ukuthi bathole umthetho kaNkulunkulu, bakwazi ukungena ekhaya laphakade. Akusikho khona ukuba nomntwana okukwenza ungene ezulwini, futhi noma unomntwana akukwenzi ukuthi ube mkhulu kumuntu ongenamntwana.
 
38.UNkulunkulu ohlola izinhliziyo, owehlulela ngento esenhliziyweni, akahambi kanjalo. Ngithe-ke bantwana baseKuphakameni namuhla kuyiSabatha elingcwele ngiyacela ukuthi siwacabange amazwi abhalwa uMprofethi u-Isaya Shembe, lapho athi khona “khumbula ukuthi namhlanje wenze isivumelwano noJehova uNkulunkulu wakho sokuthi uyohlala endlini kaJehova kuze kube sekupheleni kwezinsuku zakho.” Ukuhlala endlini kaJehova bantwana baseKuphakameni kuyinto enkulu ngoba awuhlali ngeSabatha kuphela. Kufanele noma uhlangana nezimpi, uhlangana nezitha zakho, uhlangana nokusolwa nokuzondwa, uphelelwa nawumsebenzi, kodwa inhliziyo yakho ihlale endlini kaJehova, ukuze uJehova akubone ebese uyakuzwela kulokho.
Ngiyazicelela nami bantwana baseKuphakameni ukuthi lokhu esengikhulume ngakho amakhosi amabili. INkosi yamaChunu, sithe sesihleli khona, uBaba esebenza enkantolo yakhona eMaChunwini eMsinnga, ingelosi yafika nendaba enkulu, yathi niyawubona umuzi ozohlala iNkosi yamaChunu, yathi ubukeni ukuthi muhle kanjani.
 
39.Njengoba sihlale sisho ukuthi uyaye evule izandla uma efuna ubone into ngisho efuna ukuthi ubone umuntu uma ethandile. Ekutshela ukuthi uyazi ukuthi ubani wenza lokhu nalokhu, uma usola bese evula isandla ethi uyamubonake lo muntu, muthembe, kodwa uyamubona-ke ukuthi wenzani?
 
40.Ngithi-ke wenzenjani, wasivula isandla, ngabona umuzi omuhle ngendlela eyisimangaliso, kwathiwa umuzi weNkosi yaseMaChunwini, ngangithi mhlawumbe kulowo nyaka iNkosi iyahamba, kodwa yaqhubeka yahlala iminyaka eminingi kabi emveni kwalokho. INkosi yona yayingazi, angazi noma nakuyo uNkulunkulu wakuveza yini, nesizwe sayo sayibeka lapho esayibeka khona, kodwa asazi ukuthi iNkosi uma ivuka iyaphi, kodwa thina ngoba sihamba nengelosi yasitshela ukuthi nawu umuzi, yasitshengisa ukuthi nawu umuzi, okuyothi iNkosi yamaChunu uma isihambile, iyongena ngalamasango, umuzi wayo lo!
 
41.Ngithi bantwana baseKuphakameni nami ngiyazicelela phambi kaShembe ukuthi iNkosi ize ingikhumbule, nami ngibe muhle phambi kwaJehova. UJehova muhle ngendlela yokuthi akakweqi okuhle okwenze kuye, noma ngabe sewone kangakanani kodwa uJehova uyaye ebheke ukuthi yini oyenzile, kodwa ngesinye isikhathi thina silapha emhlabeni asisabe sisabuka into eyenziwe umuntu enhle, sibe sesibuka lokhu ukuthi nangu umuntu kuthiwa manje utholakale laphayana esegqekezile, nangu umuntu utholakalele laphayana kuthiwa ulwile washaya umuntu kodwa singabe sisakukhumbula okuhle.
 
42.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, sengigcina, izwi lithi asibafundise abantwana bethu ukukhonza uJehova, singakwenzi ukuthi uma siza phambi kukaNkulunkulu izingane sizikhiyele, ngoba ithi ingelosi uSathane kade afika, uyokuthola kuye umntwana wakho ngoba umshiye endlini noma intombazane. Uyofika uSathane athi ngoba uyihlo ngoba akababikho uyahamba uyesontweni, yini ungalethi isoka lakho nibuse kulomuzi ngoba nisuke niwunikiwe lo muzi. Uthi-ke ngaphandle kwalokho umfana avele abe umnumzane, adonse, aze adonse ngisho amakhosikazi abantu ngoba unikezwe nguyise ukuthi akangayi yena ukuyodumisa uJehova, akasale alalele uSathane.
 
43.Uthi-ke uma ilizwi lithi mesabeni uJehova, alisho abantu abadala, uthi uShembe ushilo wathi siwafundise kahle amadodana ethu namadodakazi ethu ukwesaba uJehova! Ngalokho abantwana kufanele bangene kulesisikole, uSathane engakwazi ukubusa nabo, engakwazi ukuthi asichithe kuJehova ngaso. Ngesinye isikhathi uthi uhleli umtanakho, usontile, uzwe kuthiwa usedutshuliwe, engaswele lutho, kuthiwe kade esehamba nabanye abayizigebengu bayogqekeza endaweni ethize, engaswele lutho, umkhiphile uSathane, wathi wena ushiyelwe mina, ngalokho uzokwenza engikushoyo, uthi uhleli usedutshuliwe umtanakho, udutshulwe ngamaphoyisa kade sebegqekeza endaweni ethile.
 
44.Bantwana baseKuphakameni iNkosi ibe nathi, ngiyazicelela nami ukuthi engathi uJehova noma sengonile, kodwa engathi engakukhumbula, angikhumbule ngokuhle engikwenzileyo kuye, ngoba inhliziyo enothando ayimdeli uJehova, kukho konke ukuhlupheka okuke kwangehlela, angizange ngimdele uJehova. Namanje bekufanele ngingezi ngihleli lapha endlini ilesi simo esikhona sempilo, kodwa uthando lukaJehova lwangamdela uJehova. NoBaba washo ukuthi cha, uzophila uma usungene endlini yesonto ngoba omubi uyalwa, uyafuna bantwana baseKuphakameni, uthi ngamgudluza, ngisuke ngoba zonke izimemezelo zifika kimi zempilo yabantu nezixazululo zempilo yabantu. Bantwana baseKuphakameni sinesihlabelelo esithi ukukholwa kwethu kuyangisebenzela. Bangcwele ngiyamubabaza uNkulunkulu sengigcina, ngimubabaza ngokukholwa kwethu okusisebenzelayo.
 
45.Kukhona uNkosikazi owacela, wacela kuBaba ukuba amcelele imoto kuShembe, kulo leliviki liphakathi, wafika, iNkosikazi yaseMsinga, uMaGabela, wafika ngemoto ngendlela eyisimangaliso, iveni bantwana baseKuphakameni entsha, weza lapha ezokubonga ukuba uBaba wamcelela imoto kuNkulunkulu waseKuphakameni, kuyasisebenzela ukukholwa kwethu! Ngithi bantwana baseKuphakameni ngigcina, ngibabaze kuShembe ukuthi uMkhokheli uMaMpanza, uSindiswa ubusisiwe noMshumayeli uMpungose ngomntwana wesibili umfana.
 
46.Lo mntwana wanikwa amagama amabili(yingelosi), kwathiwa Nguzithel’ezinhle, wanikezwa negama lokuthi INkosi’ingiphabahle. Ngiyakubabaza bantwana baseKuphakameni lokho, kuyizithelo zokuhlonipha kwalomntwana, owaba nothando, wamuthanda umyeni wakhe engasebenzi, wamgana engasebenzi, abantwana bamanje abakwenzi lokho. Waya wagana, uSindiswa wafunda e-University, akazange azibone kuyihlazo ukugana umuntu ongasebenzi, wahlala naye kunjalo, bondliwa unina, kuze kube manje uhleli. Namuhla uNkulunkulu useyamuholela lo mntwana ngoba wabona ukuthi akasiyena uNomafa, kodwa unothando olupheleleyo.
 
47.Akukho akuzele kwaMpungose ukuthi uzothola lokhu, kodwa waba nothando nje olumsulwa, umyeni wakhe uqeda kuthenga isimangaliso semoto, namuhla kwehla umntwana obizwa ngoZithel’ezinhle. Kungekudala uNkulunkulu uzobanikeza ikhaya, aphume uSindiswa, aphume emzini wakhe, umyeni wakhe konke kulunge ehlupheka noSindiswa.
 
48.Engathi uMshumayeli engekukhohlwe lokho, ngoba bakhona abantu ababanjalo, kuthi uma izinto sezizinhle bese befuna abantu abazobusa nabo, bese bemukhohlwa umuntu obenabo behluphekile. Lo mntwana uyalalela, lo mntwana uyaphatheka, lo mntwana uma umkhuza ukuthi Sindiswa ungakwenzi loku, akakwenzi, ngisho uMamezala wakhe ukhuluma izinto ezinhle kabi ngalomntwana.
 
49.Ngithi-ke lunjalo uthando oluqinisileyo, uNkulunkulu alumdeli, wazi uSindiswa ukuthi uNkulunkulu amkhonzayo uyohamba ahambe amuphe umyeni wakhe umsebenzi naye aphile impilo ephilwa ngabanye omama. Namuhla uNkulunkulu useyamupha, akenzanga ngamlingo, akenzanga ngalutho, kodwa wenze ngothando analo ngomyeni wakhe. UNkulunkulu waseKuphakameni akanakuhlala angababusisi abantu abanjalo. Nasekukholweni akakaze uSindiswa abe necala, asikaze sizwe lutho, uma uthi nje Sindiswa ungalokothi wenze ukuthi, akakwenzi lokho, akasho ukuthi ngobani, uvele akuyeke. Namuhla-ke useyabusiswa, uzongena ngemoto enhle, esekhona ehamba nezingane zakhe ezimbili, ezizithelo zokuhlonipha kwakhe, ezizithelo zokusekela kwakhe umyeni wakhe noma ehluphekile nokuhlonipha uninazala.
 
50.Ngithi-ke uNkulunkulu waseKuphakameni abenathi sonke bangcwele, ngiyazicelela phambi kwenu ukuthi nangezinsuku zokugcina ngiyafisa ukuthi abayobe bengidabukela, kuyoba ilabo abayobe besina ngoba ngiyawuthanda kakhulu umgidi. Ngiye ngithi uShembe uyongizwa ngakho. Ngiye ngisine ngingedwa lapha endlini, ngoba ukusina ikhona engabona ngakho uNkulunkulu waseKuphakameni, babi abantu okuthi uma sekwehlile bese belibala ukukhala bese bengasakwenzi okukhombisayo ukuthi lo muntu ubeyini. Ngifisa ukuthi kusinwe bantwana baseKuphakameni. Ngicelelwe ngomgidi, ngemukelwe ngomgidi, ngeke umukelwe ngomgidi ungangenanga ngawo.
 
51.Namanje siyahamba siya emhlanganweni, kukhona abantu abazikhethelayo bona ukuthi abazukusina kulomhlangano, bazosina kulowa. Ilokhu ngafika kulelibandla angikaze ngiphuthe emgidini, angikaze ngiwuphuthe umhlangano, ngoba kulapho engixhumana khona noNkulunkulu, kulapho engamubona khona uNkulunkulu kaShembe. Ngiyacela bantwana baseKuphakameni ukuthi uMoya walamakhosi akhonza uJehova kwaze kwaba sekucgineni, wehlele kithi sonke. Nabodokotela abangazange babe nandaba nemfundo yabo, befundile kodwa babona ukuthi imfundo yabo abanaso isisekelo sabo ngaphandle kwaNkulunkulu!
 
52.Nathi asiphe lowo moya ukuthi simkhonze nje uJehova noma sesinakho konke, singamulahli, ngoba uNkulunkulu ebesifundisa, uNkulunkulu kade eqonde ukuthi sifunde kulabo dokotela ukuthi uyakhonzwa uNkulunkulu noma ungahluphekile ungaswele lutho. Uyafunwa uNkulunkulu, uyaye afunwe, umuntu uyaye ayifune indlela eya ekhaya kubo, angathi ngoba usunakho konke ebese ekhohlwa ikhaya lakhe. Bafunile ukuthi bazoba isizwe sikaNkulunkulu phakathi kwethu, futhi labo dokotela bazogqugquzela abantwana bethu ukuthi bagcine befunde nabo, ngoba kuhleli abantu abafunda, baqala phansi, baya kuma high school, badlulela e-university bahlala iminyaka ngeminyaka ukuze babe ngodokotela.
 
53.UNkulunkulu uzosithelela isibusiso, uthe uMfundisi uKhathi ngenye imini enikwe inkonzo, wathi uDr Mabaso, wathi ngoba ngihamba naye, wathi ngiyazi nami sengizogcina nginemoto ngoba kufike umfundisi onemoto ohamba ngemoto njengoba ngihamba nemoto. Namuhla nomfundisi uKhathi usenemoto njengoba washo! Nasekufundeni, siyazi ukuthi uNkulunkulu uzogcina eyidonsa eyiletha abantwana bebone ukuthi kanti noma ufundile uyakholwa, abantwana bethu abasezukuba nawo amahloni e-UNIVERSITY ukuthi babe ngamakholwa ngoba babonile abantu abafunde ema university beza bezokhonza uNkulunkulu.
 
54.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni amazwi nawo, ngowokuthi uMoya weNkosi yaseMaChunwini, iNkosi yaMaQadi, engangibabona bethanda uNkulunkulu bengaswele lutho, nothando lwabantu abangadokotela abangaswele lutho. Abangazange basho ukuthi njengoba nje sijwayele amabandla amakhulu, lelibandla leli elincane, kodwa babona nje ukuthi uNkulunkulu ula. Ngithi akwehlele kithi sonke.
 
INkosi ibusise enikuzwile.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *