I-Constitution yasezulwini yinye, nebandla lasezulwini linye! Ngakho-ke awukwazi ukuthi ufike lapha emhlabeni wakhe ibandla lakho elinendlela yokukholwa okusungulwe nguwe, bese uthi libandla liNkulunkulu! Lelo libandla lakho, futhi liqhuba ngendlela yakho!
Kodwa amabandla amaningi anjalo, afike abe nemithetho ephambene nowenkolo kaJehova, kodwa bese bethi leli libandla likaNkulunkulu!
Isihlabelelo 195
1.Ngiyalithanda ngokulizwa
Lelo lizwe elizayo
Ngokukhululwa ngilibona
Wenhliziyo yami.
2.Ngokwenama kanganani
Uma ngilibona lelo lizwe
Engilithanda ngingalibonanga.
Wenhliziyo yami.
3.Wenhliziyo yami
Ungamdeli uJehova
Ulidwala lenhliziyo yami
Ungumthunzi wokuphephela.
4.Nguyena owangithanda
Ngalithanda ngokulizwa
Lelo lizwe elizayo
Wenhliziyo yami.
5.Wenhliziyo yami ngisize
Unamathele kuJehova
Selikhalile elokuqala
Sengilindele elesibili.
Amen, amen, amen.
IBANDLA LASEZULWINI NAMABANDLA ASEMHLABENI.
1.Incwadi yeSambulo 4:2-Masinyane ngaba kuMoya. Bheka isihlalo sobukhosi sasimi ezulwini, nohleziyo ukubukeka kwakhe kufana netshe lejaspi nesardiyo, nothingo lweNkosazane oluhaqe isihlalo sobukhosi ukubukeks kwalo kufana nesimaragidu.
2.Nesihlalo sobukhosi sasihaqwe yizihlalo zobukhosi ezingu 24, naphezu kwezihlalo zobukhosi kwakuhlezi amalunga angu 24, embethe izingubo ezimhlophe, enemiqhele yegolide emakhanda awo.
3.Esihlalweni sobukhosi kwaphuma imibani, namazwi, nokuduma, nezibani zomlilo eziyisikhombisa, zivutha phambi kwesihlalo sobukhosi, kukhona izidalwa ezine zinamehlo agcwele ngaphambili nangemuva.
4.Isidalwa sokuqala sasifana nengonyama, esesibili sifana nethole, esesithaththu sasinobuso obufana nobomuntu; isidalwa sesine sifana nokhozi olundizayo.
5.Yileso naleso kuyizidalwa ezine sinamaphiko ayisithupha; emaceleni nangaphakathi zigcwele amehlo. Imini nobusuku zilokhu zithi: “Uyingcwele, uyingcwele, uJehova iNkosi umNinimandla onke, owayekhona, nokhona, nozayo!
6.Amalunga angamashumi angu 24 awa phansi phambi kwakhe ohleli esihlalweni sobukhosi, ekhuleka kuye ophilayo kuze kube phakade; aphonsa imiqhele yawo phambi kwesihlalo sobukhosi, ethi:
7.“Ufanele wena Jehova Nkulunkulu wethu ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba nguwena owadala izinto zonke, nangenxa yentando yakho zaba khona, zadalwa!” Amen!
8.Ngalenkulumo ekuSambulo umpostoli uJohane wayechaza ukuthi waboniswa kanjani uNkulunkulu okunguMdali wezulu nomhlaba. Nokho angikucacise ukuthi ‘phyisically awukwazi ukubona uNkulunkulu!
9.Yebo ungambona uNkulunkulu ngesibonakaliso, njengoba uMpostoli uJohane esho.
10.Nokho isimo sengelosi asifani nesikaNkulunkulu, ngoba yona uyayibona physically. Kodwa nakuyo awusiboni isimo sengelosi enamaphiko, kodwa iyaye ithathe isimo somuntu uma izohlala nomuntu!
11.Kunomehluko phakathi kwesimo sengelosi nesimo sikaNkulunkulu, kanjalo futhi phakathi kwengelosi nomoya womuntu ofile.
12.Ingelosi ingumuntu, kodwa onesimo esingaphezu kokuqonda komuntu osemhlabeni!
13.Kodwa njengomuntu, ingelosi iyahlala nawe, yenze konke okwenziwa ngumuntu, ngaphandle kokuthi yona ihlale igcine isimo sobungcwele bayo!
14.Kodwa umoya womuntu osewafa awunjalo. Ungavela kuwe isikhashana uthathe isimo somuntu osenyameni, kodwa bese ubuye unyamalala.
15.Njengoba ngisho, ingelosi yafika yazohlala nathi kusukela ngo 2006. Ihlala nathi isesimweni somuntu njengeNgelosi uGabriel, kwa-Israel owayehlala nabantu.
16.Ekuhlaleni nengelosi, isichazele izinto eziningi ngobukhona bukaNkulunkulu kanye nombuso wezulu, njengoba kuchaza uJohane encwadini yeseSambulo.
17.Njengoba echaza uJohane, ingelosi ithi izulu LINGUMBUSO, njengemibuso efana nomuso wase UK. Umbuso wezulu ungaphansi kweNkosi yezulu nomhlaba, igama layo okunguJehova!
18.Njengoba kuchazwa ngezikhulu ezingu 24 ezihlala noJehova, nengelosi yasichazela lokho. Lezi zikhulu zingabehluleli, zimele izizwe ezilishumi nambili zakwa-Israel.
19.Noma lezi zikhulu zihlala noNkulunkulu, kodwa azilingani naYe. Nazo zihlale zikhuleka kuNkulunkulu. Uthi-ke uJohane:
20.“Amalunga angu 24 awa phansi phambi kwakhe ohleli esihlalweni sobukhosi, ekhuleka kuye ophilayo kuze kube phakade… ethi:
21.“Ufanele wena Jehova Nkulunkulu wethu ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba nguwena owadala izinto zonke, nangenxa yentando yakho zaba khona, zadalwa!”
22.Njengoba ngaphansi kweKing kunezikhulu ezifana noPrime minister kanye nongqongqoshe abehlukene abaphathele iKing, nasezulwini kunjalo.
23.Kunezikhulu eziningi zasezulwini esingathi ngongqngqoshe emisebenzini eyahlukene, nazo ngaphansi kwazo okunezisibenzi eziningi! UShembe, uYeshua nabaprofethi abaningi esesike saphila nabo, ezulwini bayizikhulu ezihlala neNkosi yezulu nomhlaba!
24.Yikho uma ugcina ubungcwele ngokuphelele uselapha emhlabeni, iBhayibheli lithi uyohlala ngakwesobunene sikaNkulunkulu!
25.Nempela ezulwini uyaye uhlale nabakhethiwe abayizindlamafa zezulu! Ukukholwa kwakho nokusebenzela uNkulunkulu uselapha emhlabeni, ezulwini kukunika isikhundla sokuba uhlale ngesokunene kuNkulunkulu!
26.Satshelwa yiyo ingelosi ukuthi yona ingaphansi kweNkosi iLanga, yaveza okuningi ngeNkosi iLanga!
27.Ithi-ke ingelosi, ngenkathi uJohane echaza ngeSambulo 19:11-16, ngowayegibele ihhashi elimhlophe obizwa ngokuthi ngoThembekile, nowanegama elisengutsheni yakhe, lowo kwakuyiNkosi iLanga!
28.Ngesimo SOMBUSO WEZULU, ngifisa ukuchaza kabanzi ngawo, ngoba kunombandela wokuthi uye noma ungayi ezulwini!
29.Ingelosi ithi IZULU NOMHLABA, ZINDAWO EZAHLUKENE, KODWA EZIBUSWA YINKOSI EYODWA! UJehova uhlala ezulwini, kodwa umhlaba uyisihlalo sezinyawo zakhe!
30.Zazivele zikhona izidalwa zasezulwini ezihlala noJehova, kodwa kwakungekho muntu okulomhlaba okwakuthi uma efa aye ezulwini.
31.UJehova wakhetha inzalo ka-Israel ukuthi ekufeni kwayo iye ezulwini. Abanye bazobuza ukuthi bengakayi ezulwini, kanti abantu babeyaphi?
32.Namanje maningi amazulu, njengoba bebaningi nonkulunkulu, kodwa lamazulu akafani nezulu likaMenzi wezulu nomhlaba!
33.Kodwa emva kokuba uJehova ehlele emhlabeni, wahamba nabantwana bakwa-Israel, wanquma ukuthi ekufeni komuntu, abahamba ngenqubo yasezulwini bazoya ezulwini, okuyi Paradise!
34.Kodwa ukuze kuthi uma ufa uye ezulwini, impilo yasezulwini kumele uqale ukuyiphila uselapha emhlabeni. Kanjani?
35.Njengoba yonke imibuso inama Constitution yayo, lemithetho isuselwa kumthethosisekelo wasezulwini. LomThethosisekelo uJehova emhlabeni wawehlisela kithi ngoMose, wabe usufundiswa ngabaprofethi!
36.KuMathewu 5:17-19, uYeshua wachaza kabanzi nge Constitution yasezulwini. Okokuqala umthetho kaJehova umi ngunaphakade, awunaku shintshwa ngumuntu.
37.Kodwa ungachibiyelwa ngumprofethi uma sekukhona lapho ongasakwazi ukugcineka khona ngenxa yokushintsha kwezikhathi.
38.Ukunika isibonelo: Umthetho weSabatha ku-Eksodusi 35:3 uthi singawubasi umlilo ngeSabatha. Kodwa ngenkathi uJehova esilethela lomthetho, wawungakabi bikho ugesi.
39.Manje miningi imibuzo eyaye ibuzwe ngabantu ukuthi njengoba ugesi usuwathatha indawo yomlilo, ikuphi okufanele sikwenze nokungafanele sikwenze ngogesi ngesabatha?
40.Umuntu onesaluleko esiqondile nguMprofethi, ngoba yena uyaxhumana noJehova. Thina siyaye selulekwe yingelosi.
41.I-Constitution yasezulwini ibusa wonke umuntu osemhlabeni ofuna ukuya ezulwini, ngoba iyona ekufundisa ukuthi impilo yasezulwini ihamba kanjani.
42.Njengoba uNkulunkulu lapha emhlabeni ekhuluma ngabaprofethi, kumele ukwazi ukubona umprofethi kaJehova, ngoba baningi abaprofethi abavela kwabanye onkulunkulu!
43.Abaprofethi bakwa-Israel baphela emva kokufa kukaYeshua. Amva kokuphela kwenkolo kaJehova, akabuyanga wabakhona umprofethi. Inkolo yabezizwe inomgomo wokuthi iqede ngenkolo kaMose, (iMosaic Faith), njengoba amaCreeds esho njalo!
44.Emva kwaYeshua umprofethi owaba khona nguMohamed, noma engayiyo inzalo kaJakobe. Emva kwaMahomed kube ngu-Isaya Shembe, kodwa yena, njengo Yeshua, uyinzalo kaJakobe!
45.Kodwa njengamanje usekhona uMprofethi enkolweni yobuKrestu, okungumprofethikazi uCelestial, ovela e-USA! NgoMprofethi sisho umuntu othatha umyalezo ngqo kuNkulunkulu. Sizobuye sichaze ngalomprofethikazi!
46.I-Constitution yasezulwini yinye, nebandla lasezulwini linye! Ngakho-ke awukwazi ukuthi ufike lapha emhlabeni wakhe ibandla lakho elinendlela yokukholwa okusungulwe nguwe, bese uthi libandla liNkulunkulu! Lelo libandla lakho, futhi liqhuba ngendlela yakho!
47.Kodwa amabandla amaningi anjalo, afike abe nemithetho ephambene nowenkolo kaJehova, kodwa bese bethi leli libandla likaNkulunkulu!
48.KuMthandazo omkhulu, uYeshua uthi:
“UMBUSO WAKHO MAWUZE, INTANDO YAKHO YENZIWE EMHLABENI NJENGOBA YENZIWA EZULWINI.”
49.Lokhu ngolimi oluzwakalayo kuthi: “Umbuso kaNkulunkulu osezulwini awube khona nasemhlabeni; umthetho noma inqubo yokuphila okuphilwa ngayo ezulwini, nabasemhlabeni abaphile ngaleyo mpilo!
50.Ukunika isibonelo: Uma umthetho kaNkulunkulu uthi asigcine iSabatha njengoba kubhaliwe kumthetho wesine emithethweni elishumi, awukwazi ukuthi wena ebandleni lakho uthi awuzukuligcina isabatha, kodwa futhi ube uthi ungaphansi kwenkolo kaJehova! Usuke udukisa amakholwa!
51.Inkinga-ke enkolweni yobuKrestu yileyo, ukuthi abantu bafike bajoyine inkolo echitha inkolo kaJehova, kodwa futhi babuye bathi bangaphansi kwenkolo kaJehova, kodwa ngezenzo bayizitha zokuqala zikaJehova!
52.Baningi abaholi bezenkolo enkolweni yobuKrestu abayaye bethi bangabaprofethi. Kodwa uma ulifunda iBhayibheli, uyobona ukuthi laba ngabaprofethi-mbumbulu!
53.Ngeshwa amaKrestu akulula ukuthi bashunyayezwe ngumuntu ongum Nazaretha, ikakhulukazi ngoba namuhla lama Nazaretha ayisi bonelo esibi kumuntu olikholwa, ngoba iningi labo benza izinto ezaziwa noma ngubani ukuthi ziphambene nenkolo kaJehova!
54.Ngokuthumela umprofethikazi uCelestial enkolweni yobuKrestu, amaKrestu afuna ukukholwa kweqiniso azoqonda ukuthi ezulwini awukho umehluko phakathi komNazaretha nomKJrestu, ngoba okubalulekile ukuthi uyahamba yini ngokwezimiso zikaJehova njengoba wazishiya kuMose?
55.Lapha ngikhiphe ezinye zezintshumayelo zika Celestial ezifakazayo ukuthi uNkulunkulu wamaNazaretha noNkulunkulu wamaKrestu nguNkulunkulu oyedwa!
56.UCelestial ngumprofethikazi kaJehova, ohlale evuselela indlela eyiyo yokukhonza uJehova. Ivangeli lakhe liyefana naleli laseNCG elafika nengelosi, nelivuselela inqubo yokukholwa kukaJehova!
57.Ngenxa yokufinqa isikhathi, izinkulumo zika Celestial ngizifinqe kakhulu!
58.Uthi-ke lomprofethikazi: “INkosi iyoyijezisa inkolo yamanga bese wena uza usukhala njengembuzi engenamnikazi ngenkolo yobuKhatolika?’
59.Yingoba lenkolo ingu mfanekiso ongcolileyo wenkolo yamanga! Yilabo aba hlakaniphileyo abaziyo ukuthi ingcolile, nokuthi yesekelwe phezu kwenkonzo kaDagoni, unkulunkulu wamanzi oyinhlanzi.” Amen!
60.Kuhle manje ngoba sekukhuluma uMprofethi wamaKrestu ukuthi ubuKhatholika inkolo yamanga eyesekelwe phezu kwenkonzo kaDagoni unkulunkulu wamanzi!
61.Sesikuveze kaningi ukuthi inkolo kaJehova yaqedwa yinkolo yamaRoma eyagcina isibizwa nge Christianity.
62.Futhi yiyo lenkolo ngobuqili eyapenda bonke abaprofethi bakwa-Israel, kanye noYeshua, yafundisa ukuthi ama-Israel ngabelungu!
63.Yibo futhi abenza ama Creeds, ngawo abachitha inkolo kaJehova! Uthi-ke uJehova, wena obambelele kulenkolo, uyoza kuYe usukhala njengembuzi engenamniniyo!
64.Uyaqhubeka uCelestial uthi: “Lenkolo yakhelwe phezu kwezi ndlela zobunyoka; icwiliswe egazini loku hlukunyezwa kwezingane kanye nokulalana kwamadoda.
65.Manje nawe usafuna ukuzihlanganisa nakho konke lokho!! Why? Yingoba usuze wagugela kwinkohliso yakho, futhi ufuna ukufela kuyo!!
66.Awufuni ukugezwa nguMoya oNgcwele? Ucabanga ukuthi kufanele yehluke indlela imizwa yakho ebukwa ngayo, kube nevangeli lakho elehlukileyo?
67.AmaSunni namaShite uma sebeza kuKrestu, abambiza ngo-Isa, babeka eceleni zonke izimfundiso zoyise, ukuze bangene ngendlela encanyane, hhayi le ndlela ebanzi eholela ekubhujisweni, bahamba kule encane!!
68.Bakubeka eceleni konke lokho ababekholwa yikho, ukuze bahambe endleleni okuyiyo kuphela, eholela ensindisweni, kodwa wena ufuna ukulwela ukuba kwemukelwe inkohliso yakho, ukukhonzwa kwezono, ukukhonza izimpawu zesiphambano nokuthandaza kuMariya!
69.Ufuna ukuzi thethelela ngesono, awazi ukuthi uma iNkosi isizokwehlulela zonke izinkolo zamanga, ekaMormon iyoya echibini lomlilo kanye nabo bonke abenzi bemisebenzi yabo, baze bayivune, kuze kufike ukwahlulela, nobuKhatolika ngokunjalo.”
70.Lapha uNkulunkulu ngomlomo kaCelestial ubala nebandla lama Mormons ukuthi nalo libandla elidukisa abantu!
71.Ngiyakhululeka uma uNkulunkulu ekhuluma ngaleli bandla, ngoba kwakuhlale kungimangalisa ukuthi uma uJoseph Smith wahlangana noNkulunkulu onguJehova, kwenziwa yini ukuthi ebandleni lakhe kwenziwe zonke izinto eziphambene nomthetho kaJehova?
72.Lelibandla aliligcini iSabatha, liyagunda, lingena neicathulo endlini kaJehova, kodwa kunakho konke, lidla ingulube!
73.Noma engavela kusiphi isizwe, akakho uMprofethi kaJehova ongafundisa ukuthi lingagcinwa iSabatha, futhi engaba namthetho onqaba ukudliwa kwengulube! Ezulwini ayilokothwa ngisho ukuphathwa ngesandla ingulube!
74.Lokhu kuyafakazisa ukuthi uJoseph Smith wayengumprofethi ovela kwabanye onkulunkulu!
75.Ezulwini-ke leli bandla lika Joseph Smith lifaniswa nebandla lamaKhatholika; libandla eliyogcina ngokwehlulelwa kabuhlungu!
76.Uyaqhubeka uCelestial uthi: “Empeleni uNkulunkulu ufuna abantu abakulungele ukuhlangana naye; ngeke kube yiwona wonke umuntu oyokulungela lokho.
77.UNkulunkulu uthi abantu bathanda isono, futhi bahlale benokusivumela. Nakhu abakushoyo: ‘Masingahluleli ngoba awuzazi izinselelo zomuntu omhlulelayo. Masingamsoli umuntu, akazange yini uJesu wathi masithethelele?’
78.Lenkulumo kaJehova ngomlomo kaCelestial nathi sihlale sihlangana nayo. Uma uthi usola ukwenziwa kwesono, kube kusho uNkulunkulu ukuthi lesi isono esibi okumele utshele abantu ukuthi basiyeke, bese uvinjwa ngokuthi uyehlulela!
79.Uthi-ke uCelestial: “Lezi yizaba abazithethelela ngazo abaFarisi bezinsuku zanamuhla – abavuni besono banamuhla!
80.Uma uNkulunkulu ethi ‘ungakwenzi lokhu, kunezinga eliphindwe kabili okumele ufinyelele kulo: awukwenzi lokho futhi aweseki namunye okwenzayo. Awenzeli namunye owenza lokho izaba.
81.Bavaleke amehlo; ababoni ukuthi uma abaholi bekhohlakele, ibandla lizobhubha liphele!
82.Ababoni ukuthi uma abaholi bengene shi esonweni socansi, yonke indlu engcwele iyangcoliseka, nokuthi ugcobo luzosuka kubo. Bangabantu abatotosa isono!
83.UNkulunkulu uthi abantu bathanda isono, futhi bahlale benokusivumela.
84.Uma ungumKrestu, kodwa ube ulalela uBeyonce, uma ungumKrestu kodwa ube ulalela laba bantu abenza umculo onezinhlamvu ezingcolileyo!
85.Uthathe ubuso bakho ulandele uFranklin ohamba izwe lonke edansa ngendlela enokungcola, edansa ngokutshikiza njengo mqwayizi, kodwa wena uzothi ‘ungahluleli.’ Amen!
86.Izinto ezenziwa ngabesifazane abasebancane, zishaqisa umzimba. Bashaya ingoma ngokusantuza into ongayazi! Sekuyi fashini ukuthi ekugqokeni owesifazane aveze iphenti, into ekade ilihlazo kanje. Ngaso sonke isikhathi badlalela abesilisa izinqe, bebavezele amathanga! Ubundindwa lokho!
87.Ukuziphathisa kuka nondindwa kungukuhlakanipha okufanele izingane zethu ziyibukele kukho impilo! Ukufa sekuphenduke kwaba yimpilo, isihogo sibizwa ngezulu!
88.Uyaqhubeka lomprofethikazi uthi: “Uma ke sekunesibhicongo endlini yakho, ufuna ukubuyela ku Nkulunkulu usugaqa ngamadolo, usuzocela umusa, kube sengathi kukhona okweletwa khona!”
89.Lamazwi akhulunywa yingelosi, yathi: “Bayaye bengixake uma sebesezinkingeni, bese begijimela kuJehova. Bamazelaphi uNkulunkulu, yini uNkulunkulu obakweneta yona? Sekuzothi ngoba sebesezi nkingeni bese bekhumbula uNkulunkulu ukhona?”
90.Uthi uCelestial: “IBhayibheli lithi melana nakho konke ukungalungi. Melana nanoma yiliphi iphunga lokungalungi, gwema konke okubonakala kukubi!
91.Kuthi kunamadimoni awu 54 kulama khonsathi okungcola, nawe ubonakale ulapho uhlanganyela emikhubeni yokungenisa abantu ebuthakathini.
92.Ukulama khonsathi ukuze ukhombise ukungathembeki kuNkulunkulu, njengalokhu ufuna ukuba njalo!!
93.Manje ke ufuna ukubuyela kuNkulunkulu ukhulume kuye ngezidingo zakho, …ngabantwana bakho ababi?
94.Uwena umntwana omubi! Awuqondakali! Unobu mnyama nokukhanya! Ayikho indawo yabantu abanjalo eMbusweni weZulu!
95.Nengelosi ihlale igcizelela ukuthi awukwazi ukuthi ngelinye ilanga ube ngcwele, ngelinye ilanga ube ngumuntu wasemhlabeni ohamba imidanso engcolile!
95.Uthi-ke uCelestial: Awukwazi ukudlala kanjalo noNkulunkulu ucabange ukuthi uyohlala ekubekezelela!!
96.Wenza kanjani ukuba ugqoke ngendlela echukuluza imizwa yenkanuko, uveze umzimba wakho kubantu, bese uthi ‘cha, inkanuko isenhliziyweni yakhe; bagcwele inkanuko, kuvela inkanuko yakho!’
97.Ubufebe bakho nemvelo ka Delilah yikho okuchukuluza inkanuko!!
98.Kodwa-ke abesifazane balesi sizwe bazolinga abantu bese bethi, ‘ngizigqokele mina!’
98.Awugqokele yena, futhi awuzigqokele wena; ugqokele ukuthatha amehlo abantu!
99.Abazenzeli bona konke lokho; benziwa wumoya wempigogo okubo, benziwa umoya ka Leviyathani okubo! Benziwa wubufebe bukaJezebheli okuyibo obugqokisa abesifazane baleli zwe!
100.Abantu abakhohliswa yilo moya osebenza kubo yibo abesifazane uqobo; namadoda uqobo lwawo!
101.Ubani okutshele ukuthi usathane unendaba nemiphumela yempilo yakho? Ubani okutshele ukuthi usathane unendaba nemiphefumulo yethu kuleli zwe?
102.Ubani okutshele ukuthi uNkulunkulu kufanele azitshwe kanje, ashaywe indiva kanje, akhishwe inyumbazane kanje, alinyazwe kanje, adelelwe kanje?
104.Yisiphi isizwe esingenza izinto enginitshela ngazo bese siqhubeka. Ngitshele ukuthi yisiphi leso sizwe!
105.Siyakwazi yini isizwe ukushintshana ngonkulunkulu bese siqhubeka? Kungenzeka lokho? Kukhona lokho eBhayibhelini? Usuke wakuzwa lokhongaphambili? Angakufundisa lokhu usathane?” Amen!
106.Kodwa abantu abamnyama benze lokho, balahle uJehova, okunguNkulunkulu wabo, base bemshintsha ngoJesu abamakhelwe ngabezizwe!
107.UCelestial ube esekhuluma eqondisa kubafundisi bezinkonzo zaseMerika, wabeka kanje:
108.“Umfundisi waseMelika angathela usulubha eBhayibhelini futhi abantu basazohlala kulelo sonto.
109.Umfundisi waseMelika anganukeka ngezinsolo zobunkonkoni kodwa abantu bazothi ‘sinawe Mfundisi, siyakuthanda.’
110.Umfundisi waseMelika angabisha odakeni lwezi nhlobonhlobo zamahlazo okungathembeki kumkakhe, kodwa inkundla yakhe ye social media ilahlekelwe abantu abayisithupha kuphela noma-ke babe yishumi nesithupha uma kuthiwa baningi!
111.Isizathu sokuba ngisebenzise abefundisi yingoba abefundisi basezingeni eliphakemeyo lokumela iNkosi ezweni. Empeleni laba kufanele engabe bangaba qaphi bezingange esizweni seNkosi.
112.Umfundisi waseMelika angakhwela estage nesibhamu aqale ukukhomba khomba ngaso kubantu ngokuthi usisebenzisela ukufundisa ngaso, kodwa abantu bazohlala kulelo sonto!
113.Umfundisi waseMelika angakhahlela iBhayibheli khona estage, kodwa abantu bazohlala kulelo sonto.
114.Umfundisi waseMelika angashada nendoda bese eyibiza ngomyeni wokuqala weGreater Baptist Tabernacle noma yini okunjalo, kodwa abantu bazohlala kulelo sonto.
115.Umholi wendumiso waseMelika angenza imidanso engcolileyo kuma stadium agcweleyo, kodwa abantu bazoqhubeka nokumlandela, bambize ngoMKHONZI WENKOSI.
116.Ngakho-ke uthi indoda eyenzisa okweciko elingakholwayo, isaphaza umjuluko wayo lapho igqoke okuyisiliva, iwusaphazela kwabesifazane abomileyo abahleli phambili.
117.Ayehlukile kosaziwayo bomculo, kodwa abantu bazothatha lowo muntu bathi uhambisana ngcimishi nencazelo yesimo uNkulunkulu azichaza ngaso.
118.Uma kukhona ozama ukuthi kunokunga xhumani okubanzi phakathi kwalezi zinto ezimbili, uzothola icala!
119.Abase Melika bazothi ‘kungani wehlulela njengo mehluleli? Ungamehluleli umuntu ngoba awuyazi inhliziyo yakhe!’
120.Ngenxa yokuthi abaseMelika abalifundi ngokwe neleyo iBhayibheli, ukuze bazi ukuthi iBhayibheli lithi awudingi ukwazi inhliziyo yomuntu, ngoba kunendlela engcono yokwazi ukuthi ungubani futhi lokho kungezithelo zabo!
121.Empeleni ivesi lapha lithi ‘niyobazi ngezithelo zabo.’ Liphinde lifanise izithelo ezivezwa ngumuntu ngoku bonakalayo, bese lithi niyokwazi ukubona ukuthi kuyingcebo enhle yini leyo ayikhipha enhliziyweni yakhe eyimfihlakalo noma kuyingcebo engcolileyo leyo ayikhipha enhliziyweni yakhe?
122.Asidingi-ke ukwazi inhliziyo yomuntu, ngoba ingcebo nezithelo zizosi tshela kalula ukuthi kuyini lokho akuvezayo.
123.Kodwa abantu bahlala kulezi zindawo ngoba abantu uqobo abanakho ukulunga. Empeleni abantu bayamzonda uNkulunkulu!” Amen!
124.Lapha ngicaphune izintshumayelo ezimbalwa zoMprofethi uCelestial! UMprofethi uyaye afundise ngendaba kaNkulunkulu, njengoba kwenza uCelestial.
125.Uyazi ukuthi into ebalulekile kumuntu othunywe nguNkulunkulu ukuyekisa abantu isono, hhayi ukuvuna isono, hhayi ukutshela abantu ukuthi ngokufelwa uJesu asisenasono, yinto engekho leyo!
126.Amabandla amaningi aphelelwe yinto abazoyitshela abantu ngoba ngaso sonke isikhathi banemfundiso engamakhi umuntu enkolweni!
127.Ungathola umfundisi egijima indlu yonke, ejuluke waba manzi te, ebhongisa okomuntu onedimoni; engasho lutho ngaphandle kokugijima ethi uyashumayela, kodwa ebe ehlekisa abantu!
128.Ukushumayela ukufundisa, usuke ufana nothisha efundisa abantwana besikole! Ngakho-ke awukwazi ukuthi uthi ufundisa ube ugijima iklasi lonke. Abafundi bazohleka, ngoba abazi ukuthi wenzani!
129.Okuseqinisweni ukuthi usuke ungazi ukuthi lapha enkonzweni uzokwenzani, usuzama uku- entertain amakholwa!
130.Ngethemba ukuthi uma amaKrestu ezozilandela izimfundiso zika Celestial, indlela ababuka ngayo ukukholwa izoshintsha!
131.Mina into engijabulisile kuloMprofethi ukuthi i-Amerika uyibekela amaqiniso njengoba siyaye sifundiswe yingelosi ukuthi uma ufuna ukuya ezulwini kumele ugcine imithetho kaJehova!
132.Ingelosi yathi ngaso sonke isikhathi uma sishumayela singakhohlwa ukuchitha izangoma nongqingili, ngoba uma ekukhoweni kusabusa izangoma, kubusa ongqingili, akulo ibandla likaJehova lelo!
Isihlabelelo 153
Nanti ilizwi elomemo
Liyamema bonke abantu.
Alikhethi noma munye
Liyamema bonke abantu.
Abansundu nabamhlophe
Libamema kwana njalo.
Alikhethi noma munye
Liyamema bonke abantu.
Zimpumputhe nani zinyonga
Sabelani niyabizwa
Lolu memo ngolwezulu
Ziyamenywa zonke izizwe.
Alikhethi noma munye
Liyamema bonke abantu.
INkosi ibusise izwi layo.