Skip to content

USHEMBE ONGUMOYA USHUMAYELA ESWAZINI

Bayothi, kodwa sasikhipha amadimoni, siprofetha ngegama lakho, senza imisebenzi emikhulu ngegama lakho, manje wenqabelani ukuba singene ezulwini?

Uthi-ke uJesu, ngoniphika ngithi anginazi ngoba nobe ningakwenzanga engathi kuMathewu 5:19 kwenzeni, OKUNGUKUGCINA UMTHETHO KANKULUNKULU!

03 December 2022.
 
130. ISIHLABELELO
1 Sibuthene lapha
Ebusweni bakho Nkosi
Sincinda izembe lezwi lakho
Silincinde ngokugcina.
 
2 Sitshele zonke izizwe
Umkhondo wezwi lakho,
Ufunwa ngabalithandayo
Bavule izinhliziyo zabo.
 
3 Lingene lingathiywa
Ezinhliziyweni zabo,
Balithande balingcine
Lelo lizwi lakho.
 
4 Sanibona makholwa
Nina zitsha ezinhle,
Zokuphatha leli lizwi
Zisinde zonke izizwe.
 
5 Niyothokoza ngokubogwa
Nibongwa nguSimakade,
Ngokugcina leli lizwi
Zosinda zonke izizwe.
 
1.Esikhathini esiphambili kusekhona iNyangayezulu kwaba nesimemo eNdlunkulu sokuthi njengamaNazaretha, siyosinela iNgonyama eNyokeni sasise Linda. Kodwa impendulo eyavelayo ukuthi akekho umuntu kulelibandla lama Nazaretha osinelwayo ngaphandle kwaJehova kuphela. Ngaleyondlela-ke sahamba sayokwenza inkonzo eNyokeni, kodwa asizange sasina, ngoba kulelibandla lamaNazaretha, libandla likaJehova, akuvumekile ukuthi kube khona umuntu ongavunulisa abantu ukuba basinele umuntu wasemhlabeni ngaphandle kokusinela uJehova!
 
2.Mhla sihambise inkonzo, ngangikhona, imina engafunda incwadi yomthandazo wesabatha, iNgonyama ikhona esontweni neNkosi yakwaPhindangene yayikhona esontweni, kwashumayela uBaba iNyangayezulu. Ngalokhu-ke ngiyanazisa, ngoba abaningi basha, ukuthi kulelibandla lamaNazaretha awenziwa umgidi, wenzelwa omunye umuntu ngaphandle kwaJehova kuphela. Ngisho iNgonyama ayikwazi ukubiza umgidi noma isinelwe ngaphandle kokuthi kusinelwe uJehova kuphela. Umthetho lowo walelibandla.
 
3.Uyafana nje nomthetho wokuthi kulelibandla asisonti nezangoma, kulelibandla asiwahlabeli amadlozi, kulelibandla asiyidli ingulube. Kulelibandla siza esontweni ngeSabatha kuphela. Ingelosi ifike yasifundisa ukuthi kulelibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu, asiyi emzini womuntu njengabandla, asiyihambeli imicimbi noma ngabe eyani njengebandla, ngoba yathi ingelosi njengoba silapha sihamba nengelosi, noma siyaphi sihamba nengelosi. So, ingelosi ayikwazi ukuvele ingene emzini womuntu kutholakale sekusinelwa umuntu, noma ngabe nifake imiNazaretha anikwenzi lokho.
 
4.Emzini womuntu siya kuphela uma siyothandaza, kodwa asimsineli umuntu ngoba sihamba nomuntu wasezulwini. Ngakho-ke lo ngumthetho wobuNazaretha kusukela kuBabamkhulu ukuthi asisini ngaphandle kokuthi sisinele uJehova. Ngicabanga ukuthi amaNazaretha amadala ayakwazi lokho kodwa mhlawumbe abasha bengekwazi lokho. Ngithi-ke angikwedlulise lokho ukuthi kungathi uma sibona mhlawumbe amabandla ezinye izinhlangothi enza leyonto bese sicabanga ukuthi leyonto ivumelekile kulelibandla, ayivumelekile! Kodwa ziningi-ke izinto esesizibona zenzeka kodwa bese siyzithulela nje.
 
5.Kodwa kuwumsebenzi wami njengomuntu othunyiwe uNkulunkulu ukuthi uma ngibona into engasahambi kahle ngiyisho noma ngingeyivimbe, kodwa ngiyisho, abathandayo bayoyiyeka, abangathandi ngeke bayiyeke.
 
6.Okwesibili besifelwa kakhulu kulelibandla, kodwa eminyakeni emibili edlule, ingelosi yayisithi asinikele, sicele kuNkulunkulu ukuthi singafi sibancane, yathi sicele ukuthi uma sifa, singayi ethuneni, siye ezulwini. Yathi sicele ukuthi singafi sibancane, yathi sicele ukuthi uma umuntu sekufike isikhathi sokuthi ehambe emhlabeni, angaguli kakhulu. Njengoba manje kuwu December siqeda iminyaka emibili kungakaze kube khona umuntu ofile kulelibandla. Ithi-ke ingelosi asikubonge lokho, sibonge kuJehova ukuthi namuhlanje siqeda iminyaka emibili kulokhu kusukela sacela kuJehova ukuthi singafi, asikaze sife.
 
7.Sibuye futhi sinikele, sicele kuNkulunkulu ukuthi unyaka ozayo nawo uze uphele engazange waba khona umuntu kulelibandla ofayo. Asizukunikela-ke namuhla, ngaphandle kwalabo abavele bewuphethe umnikelo, kodwa soqala ukunikela lomnikelo next week. Koba u R100 wokubonga kube uR100 wokucela for next year ukuthi kungababikho umuntu kulelibandla ohambayo emhlabeni.
 
8.Ngiyafisa futhi ukubika ukuthi ngoLwesithathu ngiqeda iminyaka engamashumi ayisikhombisa. Ngicela-ke ukuba ningicelele kuNkulunkulu ukuba engiphe eminye iminyaka ngoba ngibona sengathi usemningi umsebenzi okufanele ukuthi ngiwenze, akufanele ukuthi ngisheshe ngihambe emhlabeni. Lapha-ke asinayo i-birthday, uma ngabe kumuntu kushaya i-birthday, siyabonga kuNkulunkulu simcelele inhlanhla. Noma ngabe sibonga ngomnikelo noma ngani, kodwa nje ayikho into eyi birthday, ingelosi yakwenqaba lokho, yathi lento ayaziwa ezulwini i-birthday.
 
9.Okwesithathu ingelosi ifikile yakhuluma, yakhuluma ukukhuluma okunzima, yathi niyabona ukuthi eNdlunkulu kwenzekani, kuba nemibango ngisho ngabe into icace kanjani. Kodwa kuye kuqhamuke nje abantu abadala imibango ukuze lento yonakale.
 
10.Yathi angitshele amaNazaretha onke, nangekho la, bengithi lento ngizoyikhuluma sekuphume inkonzo, kodwa sengibone ukuthi lento ngiyikhulume ukuze ezwe onke amaNazaretha ukuthi ithena ingelosi umuntu oyozama nje ukususa umbango kulelibandla, imnikeza izinyanga ezintathu, ngeke ziphele izinyanga ezintathu ephila!
 
11.Yathi lokho angikumemezele ukuthi sinikezwa izinyanga ezintathu. Ibe isigcizelela ukuthi lelibandla akusilona elethu, futhi akusilona elengelosi, lelibandla elikaJehova. UJehova unenhloso ethile ngalelibandla. Lelibandla livusa ibandla likaMoses elaphela emva kwaYeshua.
 
12.Lelibandla livusa ibandla likaBabamkhulu othe uma esehambile emhlabeni, njengoba senibona nje sekunezangoma, sekusinelwa abantu, kwenziwa yonke intoephambene nokukholwa, sekuthiwa abaholi bangonkululunku, lelibandla-ke lizovusa lobo buNazaretha obabukhona kusukela kuMose kuze kufike kuYeshua. Lobu buNazaretha obubekhona ngesikhathi sikaBabamkhulu kwaba yinto eqinile nakuBaba iLanga nakuBaba iNyangayezulu.
 
13.Ithi-ke uNkulunkulu unenhloso enkulu ngalelibandla, ngakho-ke noma imuphi umuntu oyolithikameza ngokuthi avuse umbango, kufanele ezinikeze izinyanga ezintathu. Noma ngabe ukwenza lokho sisekhona noma singasekho akusho lutho ngoba akulona elethu.
 
14.Yathi anginitshele ukuthi umholi walelibandla usekhona, ukuthi nje asimazi, kodwa usekhona yena, yathi noma imuphi umuntu oyozama ukuthi eveze umbango noma ngonjani kulelibandla, azi ukuthi ngeke aziqede izinyanga ezintathu ephila, ngoba lelibandla elikaNkulunkulu, lelibandla elikaJehova! Yathi ingelosi kuyothunyelwa ingelosi ezombulala umuntu oyozama nje ukwenza into enjalo.
 
15.Ngiyafisa-ke futhi ukuthi ngichaze ngendaba yezincwadi lezi esinazo. Ngo 1945 uBaba iLanga watshela amaNazaretha onke ukuthi awabhale yonke into ayaziyo ngoBabamkhulu. Ase amaNazaretha onke ebhala, kwaba nemiqingo, ngoba kwakubhalwa ngesandla. Umabhalane uDlomo waku type konke lokho okufikiswa amaNazaretha kuye ukuthi azini ngoBabamkhulu. Kodwa lokho kwakusho uBaba iLanga ukuthi zonke izintshumayelo nakho konke abantu abakwaziyo ngoBabamkhulu, bakugcine kusukela ngo 1945.
 
16.Kuze kwafika isikhathi sokuthi uBaba iLanga ehambe emhlabeni ngo 1976. Kwathi uma kwehlukwana ngoba uDlomo waba ngakithi, wazithatha zonke lezincwadi owase ezibhalile, wase eziletha eBuhleni. Kuthe uma ngabe uDlomo ehamba emhlabeni lezi ncwadi zasiwa ngaphakathi, zaphathwa uSibisi.
 
17.Ngaya kuSibisi ngazicela lezi ncwadi, wenqaba nazo, kwase kufika abelungu base German u-Dr Becken and Professor Oosthuizen, uSibisi wazikhipha zonke lezi zincwadi wazinikeza laba belungu. Bazihumusha lezi ncwadi bezisusela esiZulwini ziya Esingisini. Zingama Volume awu-8.
 
18.Zithe uma sebezihumushe zonke, base bezibuyisa futhi eBuhleni. Ngazicela futhi kuSibisi, kodwa wenqaba nazo. Angazi-ke noma ngenkathi eseya eThembezinhle wahamba nazo noma zasala eBuhleni, kodwa zona zikuSibisi. U-Advocate Mnyandu, waqala waqoqa onke ama-CD, ngaleso sikhathi kwakusathiwa amakhasethi kaBaba iLanga wawabhala phansi onke lawa awatholile. Wayesekhipha incwadi yezintshumyalo zeNkosi iLanga, ebizwa ngokuthiwa IZINTSHUMAYELO ZENKOSI ILANGA.
 
19.Emva kwalokho wathatha onke amakhasethi kaBaba iNyangayezulu wawabhala phansi, anesihloko esithi: INKOSI INYANGAYEZULU. Wabuye wabhala incwadi, uMlando kaBabamkhulu wonke, omningi ewuthathela encwadini yami ethi IZWI LEZULU. Kodwa waqhubeka wabhala yonke into ayitholayo ngomlando kaBabamkhulu.
 
20.Leyo ncwadi wayikhipha it’s published like izintshumayelo zikaBaba iLanga like incwadi yeNkosi iNyangayezulu. Isihloko saleyoncwadi sithi ISIKHONZI SENHLUPHEKO. Ngakho-ke abantu abafuna umlando kaBabamkhulu, leyo ncwadi inayo yonke into ngoba le yami ethi IZWI LEZULU is no longer being published or even printed.
 
21.Emva kwalokho u-Advocate Mnyandu wenza into eyisimangaliso, zonke lezincwadi ezahunyushwa ilaba belungu beziyisa Esingisini, yena wazihumusha kusukela esingisini ziya esiZulwini yize ekuqaleni vele zazisesizulwini. Kodwa ngoba uSibisi wasenqabela thina ukuthi sibe ne access kulezincwadi, u Advocate Mnyandu wazihumusha zisuka Esingisini ziya EsiZulwini.
 
22.Nazo zinomlando wonke kaBabamkhulu futhi zinezintshumayelo zonke zikaBabamkhulu. Ngicabanga ukuthi i-volume yesibili isiphelile, ngicabanga ukuthi inawo ama pages close to R300. Angisakhumbuli ukuthi le yokuqala inama pages amangaki. Manjena-ke kufanele simbonge u-Advocate Mnyandu ngomsebenzi awenzile, iNkosi imbusise! Isihloko salama Volume sithi indaba ka-Isaya SHEMBE, ngesingisi kuthiwa The Story of Isaiah Shembe. Inama volumes awu 8 abhalwe abelungu, kodwa uMnyandu usenze ama Volume amabili and lama Volume abalulekile ngoba akhuluma ngoMlando kaBabamkhulu in addition kulena engishilo ethi ISIKHONZI SENHLUPHEKO, ibuye ikhulume ngezintshumayelo zonke zamaNazaretha njengoba kwakusho uBabamkhulu, ezinikeza isithombe ukuthi uBabamkhulu kwakungu muntu onjani.
 
23.Ngiyafisa-ke ukuba ngisho ukuthi kusukela manje ngizoyisebenzisa kakhulu lezi ncwadi i-Volume 1 and Volume 2 ngoba ngenkathi uBaba iLanga ethi akubhalwe, wayeqonde ukuthi kufundwe ngoBabamkhulu. Kodwa inkinga engibhekana nazo abafundi, okokuqala abazithengi lezi ncwadi. Noma bengazithenga abanaso isikhathi sokuzifunda.
 
24.Baningi abantu abavele bathenge incwadi bayithathe bayibeke lapha, ngisho le kaBaba iLanga abayifundi. So, ukuze umsebenzi kaNkulunkulu uhambe njengoba kwakufisa uBaba iLanga, ngizojwayela ukuthi njalo ngeSabatha kuba nentshumayelo engiyithatha kulencwadi ngoba intshumayelo izokwenza ukuthi nonke niyazi, nabangekho lapha beyazi, nabangayiwo amaNazaretha beyazi.
 
25.Isikhathi esiningi izintshumayelo engizenzayo ziyafika ngisho ku 10 000. Ezinye zike zifike ku 10 000 in one day. Manje-ke uma ngingakwenzi lokho ngeke zikwazi ukuthi izintshumayelo zikaBabamkhulu zigcwale umhlaba wonke. Kodwa uma mina ngizonifundela intshumayelo, leyo ntshumayelo iyodwa ingafika kubantu abawu 10 000 ngisho ngeviki, ngoba ngizama ukuba ngifeze isifiso sikaBaba iLanga ngoBabamkhulu.
 
26. So, intshumayelo yanamhlanje ithi USHEMBE ONGUMOYA USHUMAYELA ESWAZINI. Le nsthumayelo ngiyithathe kuyo incwadi kaMnyandu uVolume 2, ku page 292. Le ndaba yayikhulunywa ngu u-Emessiah Mthiya waseNdwedwe. Ngizocela-ke ukuba niyilalelise kahle. Ikhulunywa ngu-Emessiah Mthiya waseNdwendwe.
 
27.“Ngahlangana okokuqala nebandla laseKuphakameni ngesikhathi uShembe efika endaweni yakithi, eNdwedwe. Ngangisemncane kakhulu ngaleso sikhathi. Ngathi uma ngiyibona le ndoda, uthando lwayo lwangena enhliziyweni yami. Akungithathanga isikhathi eside, ngayikhetha iNkosi yaseKuphakameni. Ngamlandela umuntu kaNkulunkulu, owenza izimangaliso kwabagulayo nabahluphekile, basizakala bonke.”
 
28.Ngiyafisa ukuthi uma ngifunda le ntshumayelo niyilalelisise i-language yabantu besikhathi sikaBabamkhulu ukuthi babembiza kanjani uBabamkhulu.
 
29.Lapha uthi: “Ngamlandela umuntu kaNkulunkulu.” Akasho ukuthi ;ngamlandela uNkulunkulu.’ “Ngesinye isikhathi, saya eKuphakameni emhlanganweni wezintombi zika-25. Kuthe uma umhlangano usuphelile, saya kuMqaliwendlela ukuyocela indlela”
 
30.Akasho ukuthi saya ‘kuBhombhela’, njengoba manje sekunesitayela sokuthi uBabamkhulu abizwe ngokuthi ‘uBhobhela’ iningi lala bantu abathi uBabamkhulu nguBombela abakwazi ukukuchaza ukuthi kusho ukuthini lokho, kufana nokuthi uthi iNgonyama ‘uBhejane’. Amalunga aseNCG engalokothi ethi uBabamkhulu nguBhombela, ngoba ingelosoi yaliphika lelogama, ngoba akusilo igama, kodwa zibongo ezaqanjwa ngumuntu.
 
31.Ithi-ke ingelosi awukwazi ukubiza umuntu wasezulwini ngezibongo, ekhona amagama akhe, futhi achaza isimo sakhe sasezulwini. Uma uthi uBabamkhulu ‘NguMqaliwendlela”, akakho ongakubuza ukuthi kusho ukuthini lokho.
 
32.Uma uthi ‘uBabamkhulu’, akakho ongakubuza ukuthi kusho ukuthini lokho, ngaphandle kokuthi nguye uShembe owasichazela ukuthi ezulwini ufike khona wathola esebizwa ngoBabamkhulu. Nalapha emhlabeni wahamba esebizwa ngokuthi nguBabamkhulu. Thina-ke ngoba singamaNazaretha kaNkulunkulu, asibize uMprofethi ngegama owasinika lona yena.
 
33.Mina ngiyinzalo yobuNazaretha, angikaze ngizwe abazali bami bebiza uMprofethi ngoBhobhela, ngisho nje amaNazaretha. Kodwa ngiyazi ukuthi ngangike ngizwe amakhehla embiza kanjalo. Angikaze ngizwe uBaba iLanga neNyangayezulu bebiza uBabamkhulu ngoBhobhela.
 
34.Yebo, ngangike ngiluzwe uThingo, kodwa akuzona zonke izinto ezazishiwo uThingo esingabukela kuzo, ngoba lalike likhulume into engaziwa kulokhu kukholwa, njengokuthi nje: “UJesu uNkulunkulu kaShembe.” Asikaze sifundiswe into enjalo, ngaphandle nje kokuthi ngisho iBhayibheli alisho ukuthi uJesu nguNkulunkulu!
 
35.Nokho kumele siqonde ukuthi emva kweNkosi iNyangayezulu, abaholi balelibandla bese bebekwa ngamaNazaretha. Kweasinye isikhathi kubekwe umholi okulokhu wazalwa engakaze alivule iBhayibheli, futhi engazi lutho nangenqubo yalelibandla. Uma esebekiwe bese kuthiwa nguNkulunkulu, ngoba sekungumholi oqhudelana nabanye abaholi, ngakho okunevangeli elithi akabonakale ukuthi yena ungcono ngani kwabanye ababekwe ngamaNazaretha.
 
36.Kodwa uThingo ngake ngaluzwa luzivumela lona ukuthi alwazi lutho kangako ngenqubo yaleli bandla, ngoba lakhula lingayinakile lento, yize engeyakubo, kodwa lalingakaze licabange ukuthi lungaba ngumholi walelibandla!
 
37.Yikho nje asengaka amaphutha kulelibandla. Umholi wenza ukuhlubuka, mhlawumbe engazi, ngoba vele ukhule engasonti, kodwa okuthe uma esengumholi kwathiwa unguNkulunkulu. Uma esefambula, kuthiwe hhiya, ‘unkulunkulu lona, akoni!nta nezangoma, ngoba kithi isangoma siyefana nengulube, uma uke wasibona uyabaleka, ngoba kungenke kwenzeke nangephutha ukuthi ukhulume, noma uthintane naso.
 
38.Ngake ngasho ukuthi kithi sake sathi siyavuka, sathola isangoma sihleli esangweni. Wathi uma umama esibuza ukuthi sihlaleleni esangweni, ngoba sasisazi, singumakhelwane, sathi sithe siyangena, kwaqhamuka izwi elithi singalokothi singene lapha ngoba lomuzi ungcwele. Sakhuluma nomama simi ngaphandle komuzi, singenqatshelwanga yini, kodwa senqatshelwe nguNkulunkulu!
 
39.Uyaqhubeka u Emesiaya uthi “Kuthe uma umhlangano usuphelile, saya kuMqaliwendlela ukuyocela indlela” Kwakuwumthetho lowo nami engakhula ngiwazi ukuthi uma usuhamba emhlanganweni uye kuBaba uyocela indlela, uthi sengiya ekhaya, ngicela isibusiso. Ebese ethi uBaba ‘iNkosi ikubusise!’ Kwakungahanjwa nje ungazange wasicela isibusiso.
Uthi ke: “Saya endlini yakhe, sathola uMkhokheli, uNobelungu, ehlezi ngaphandle komnyango wendlu yakhe. Samdlula, sacela ukungena ngaphakathi.
 
40.Sathi sisalindele impendulo, sezwa izwi libubula ngaphakathi lithi: “Obani labo? Babizwe ngubani?” Sethuka, sabaleka. Kuthe sesisukile kule ndlu ngafikelwa usizi nezinyembezi.
 
41.Sasikhala ngoba lelizwi elalibubula ngaphakathi lalikhombisa ukucindezeleka, kuyizwi esasingalazi. Kwadlula isikhashana sabizwa ukuba size endlini kaMqaliwendlela. Sangena sisaqhaqhazela. Uma sesifika kuye, wasibuza ukuthi yithi yini ebesifike emnyango, savuma.
 
42.Wathi: “Ngiyaxolisa, bantabami, bengingekho lapha. Bekukhona ingelosi kuphela, yiyona ebikhuluma nani. Mina bengiye eSwazini” “Ngifike emzini wakwaDlamini, ngabiza abantu bakhona, abazange banginake, bebedlala ngenhlabathi yamangcwaba.”
 
43.“Manje, uJehova uthi, wena ndodakazi kaMthiya, uzohamba uyoshumayela khona eSwazini. UJehova uthi uzothatha isitimela, wehle lapho sigcina khona, usuke lapho uhambe ngezinyawo. Uyothola umuzi wenkosikazi ezihluphekelayo, uyolala lapho, iyokuphatha kahle leyo nkosikazi.”
 
44.Niyakuzwa ukuthi kungani ngithi uShembe onguMoya. Niyakubona ukuthi kubaluleke kangakanani ukushumayela kumuntu othunywe uNkulunkulu. Uthi uBabamkhulu ‘bengingekho lapha, bengiseSwazini ngishumayela, kodwa ngithe uma ngifika khona ngithi ngiyashumayela banganginaka, ngabafica bedlala ngenhlabathi yamathuna.
 
45.“Lamazwi kaBabakhulu enza ngaba nokudideka ekhanda, angazanga ukuthi ngiphendule ngithini ngale ndaba yalolu hambo olude kangaka. Sacela indlela kuShembe, saphuma sahamba. Ngasuka lapho ngaya kuNkosazana uMntungwa Ngamtshela konke uShembe akushilo kimi.
 
46.Ngathi kuye: “Angazi noma isikhathi sami sesifikile yini sokuba ngihambe eKuphakameni, ngoba angiyizwa lento yokuthi ngizogibela isitimela ngiye eSwazini, ezweni engingalazi”.
 
47.Waphendula uMntungwa wathi: “Cha, akusho lokho ukuthi uyaxoshwa eKuphakameni, kepha kuyindlela kaNkulunkulu.” Ngamshiya lapho, ngahamba ngaya ekhaya. Ngahlala ekhaya kwaze kwaba inyanga yomhlangano waseJudiya (ka-October), saya khona.
 
48.UShembe wangibiza ngelinye ilanga wathi: “Mntanami, usawakhumbula amazwi ami engawasho kuwe emzini waseKuphakameni ukuthi ngizokuthuma eSwazini?” Ngavuma. Wayesethi: “Isikhathi uJehova akhuluma ngaso sesifikile manje. Hamba uyolungisa, uyohamba kusasa ekuseni. Wayesevula iTestemante elisha, wafunda incwadi. NgokukaJohane 21: 18: ‘Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Usemusha wawugqoka, uhambe lapho uthanda khona; kepha nxa usumdala, uyakwelula izandla zakho, omunye akugqokise, akuyise lapho ungathandi khona.’”
 
49.“Wangifundela la mazwi, ngasuka lapho ngayolungisela indlela. Ngakusasa ekuseni ngaya esiteshini sesitimela eGingindlovu. Ngagibela isitimela esiqonde eGolela- emngceleni waseSwazini.
 
50.Ngahamba ngalesi sitimela saze safika ngakusasa. Ngehla esitimeleni, ngahamba ngezinyawo ngingazi ukuthi ngiyaphi. Ngabona isimanga esingajwayelekile lapho endleleni. Ngabona ithunzi elincane elimhlophe lihamba phambi kwami lingihola.
 
51.Lathi uma lishona ilanga ngangena komunye umuzi. Yiwo lomuzi uShembe angitshela ngawo wathi: “Uyolala emzini wenkosikazi ezihluphekelayo, iyokuphatha kahle.”
Nebala wangiphatha kahle njengoba iNkosi yayishilo.”
 
52.Yonke indaba yalapha eKuphakameni ingokushumayela indaba kaNkulunkulu njengoba ngikade ngihlabelela nje. Lesi sihlabelelo sikhuluma ngabantu abangama Nazaretha abaphethe izwi likaNkulunkulu. Ukuphatha izwi likaNkulunkulu awuzikhetheli uma uthunywa. Njengoba behlale besithuka nje kodwa akukho esingakwenza, ngoba sithunyiwe. Nale ntombazane yagcina ihamba iyale eSwazini ngoba yayithunyiwe, ithunywe uJehova.
 
53.“Nebala wangiphatha kahle njengoba iNkosi yayishilo. Ngakusasa ekuseni, ngaqhubeka nohambo ngakhwela izintaba zaseSwazini. Ngaqala manje umsebenzi engithunywe wona. Ngangena kumuzi wokuqala ngashumayela ngendaba kaNkulunkulu waseKuphakameni.”
 
54.Niyabona abantu abathandwa uNkulunkulu, wavele wasuka nje wahamba waya eSwazini, wafike washumayela, wavuka ekuseni washumayela. Thina soyishiya nini imizi yethu sihambe soshumayela. Sasinomvangeli lapha eGoli owayengena izitimela ehamba eshumayela. amaNazaretha akwaShembe amephuca isihlabelelo asijukujela ngaphandle kwesitimela!
 
55.“Bamangala kakhulu abantu baseSwazini bengibona ngihamba ngedwa. Bathi: “Leli zwe linezilwane ezesabekayo akulungile umuntu wesifazane ahambe yedwa. Lokho, akuzange kungiphazamise ohambeni lwami. Ngahamba ngaze ngafika emzini wakwaDlamini lapho uShembe wayeshumayela khona.”
 
56.Niyayizwa le ndaba, uthi wahamba wayofika kaDlamini lapho uBabamkhulu owayeshumayela khona njengoba ethi ‘bengingekho ngiseSwazini ngiyoshumayela.’ Waya wayofika kulomuzi uBabamkhulu owayeshumayela khona.
 
57.“Ngafika khona, ngabatshela ukuthi iNkosi yaseKuphakameni ithe yafika lapha izoshumayela, kodwa nina aniyinakanga. Wanibiza ehlezi ngenhla komuzi, nazidlalela ngenhlabathi yamathuna. Base bethi: “Sayibona indoda ihlezi phezu kwetshe enhla nomuzi. Wayegqoke ijazi emhlophe. Ngalelo langa, kwakukhona owayeshonile lapha ekhaya, sasigubha ithuna lakhe. Ngashumayela kule ndawo, abantu balilalela izwi likaNkulunkulu engangithunywe lona. Kwase kufika isikhathi sokuthi ngiphindele emuva eKuphakameni. Ngeza esiteshini eGolela, ngashaya ithikithi eliya e-Phoenix, kodwa umlungu akezwanga kahle wanginika ithikithi lase-Felixton, ngase- Empangeni.”
 
58.“Sasuka isitimela, sahamba ubusuku bonke. Sadlula Empangeni, wasondela uGadi wathi ngizokwehla esiteshini esilandelayo e-Felixton. Ngaphika mina ngathi, angiyazi leyo ndawo, mina ngiya e-Phoenix. Kwaba isimanga indlela enhle angiphatha ngayo lo mlungu. Sahamba isitimela, ngithe uma sesidlula e-Verulam wafika lo Gadi wathi: “Kulungile, uzokwehla esiteshini esilandelayo, e-Phoenix.”
 
59.Nempela ngehla, ngashona endlini yokulindela (waiting room). Kodwa ngithe sengizohlala phansi kwakhona into engithinta emahlombe, yangikhiphela ngaphandle. Angiyiphikisanga, ngahamba ngayohlala emabhentshini esiteshini. (Platform)
.
60.Ngase ngibona amadoda amabili engena kule ndlu yokulinda (waiting room). Babheka phansi naphezulu base bekhuluma bodwa bathi: “Uphi lo muntu wesifazane simbonile engena lapha?”
 
70.“Ngangibezwa bekhuluma, bethetha. Baphuma kuleyo ndlu. Omunye wabo wacosha itshe washaya ifasitela lendlu. Babuya bazohlala phakathi endlini. Kwathi sekusile, bangibona ngihlezi esiteshini emabhentshini, badumala ngoba kwase kusile.”
 
71.“Kwaba umusa omkhulu kaThixo waPhakade owangisindisa. Ngasuka lapho e-Phoenix ngaqonda eKuphakameni. Ngiyambonga uThixo waseKuphakameni”
 
72.UShembe akasiyena umuntu wakulomhlaba, kodwa uma abantu sibatshela, laba abatshelwa kakhulu ngoJesu, bayasiphikisa. Kodwa lezi zinto esikhuluma ngazo azikaze zenzeke ngisho ebhayibhelini, akukaze kwenzeke ukuthi kube noMprofethi othi elapha ehambe eye eSwazini eyoshumayelo ngoMoya, ebuye futhi eze lapha endlini. Izinto ezinjalo ngoBabamkhulu ziningi kakhulu!
 
73.Kodwa lokho akuchazi ukuthi uwuNkulunkulu ngoba nguye owazichaza ukuthi uthunywe ngu, njengovela ezulwini, ethunywe nguNkulunkulu, unikiwe Amandla asezulwini!
 
74.Lento ibalukekile ngoba njengamanjena sithe sithunywe uShembe, abantu bakhuphika lokho. Kodwa uShembe uyakwazi ukuthuma ingelosi. UShembe esekulomhlaba wayeyilento oyiyona. Wayehamba nezingelosi esaphila, zimgeza izinyawo.
 
75.Wayengagcini ngokushumayela physically wayebuye ashumayele spiritually, kunezindawo eziningi ezaphendulwa uShembe efika spiritually engakaze eze efike physically. Njengakhona eSwazini, abantu baseSwazini banenhlanhla!
 
76.Kodwa into engiyiqondile ukuthi lesi sihlabelelo ekade ngisihlabelela, sithi: “Sanibona makholwa Nina zitsha ezinhle, Zokuphatha leli lizwi Zisinde zonke izizwe”
 
77.Njengoba silapha siphathisiwe, siphathiswe ubungcwele, siphathiswe izwi likaNkulunkulu. Ngathi, izizwe eziningi zosinda. Ngoba lelibandla kusafanele ukuthi lithathe iminyaka engaphezu kwa 2000 likhona. Sizofa sonke, kube khona isizukulwane esiyozalwa, naso size sife siphele, kube kuqhubeka lobu bungcwele. Lelibandla liseyi foundation yokuzayo!
 
78.Kodwa okuningi ngokuzayo okobe sekuqhamuka ngezindlela eziningi ngoba ibandla likaNkulunkulu laqedwa emhlabeni, alikho! Namhlanje uzwa abantu bethi umuntu unguMprofethi, esho ephucule ikhanda. Kodwa nje ezulwini ikhanda aliphuculwa nhlobo, angazi ukuthi umuntu uba umprofethi kanjani ephucule ikhanda, ukuthi usuke eqhamukaphi lowo muntu othi uwumprofethi.
 
79.UMprofethi umuntu oletha umyalezo kaNkulunkulu emhlabeni kubantu. Manje uNkulunkulu angamthuma kanjani umuntu owenza into engavumelekile ezulwini, ethi ayoshunyayelwa emhlabeni, ngoba akekho umuntu ezulwini ophucule ikhanda, akekho! Ngisho ungathatha inkolo yamaJuda, i-Judaism, amaJuda ashiya izinwele, ashiye insthebe. Noma ungathatha ama Muslims, ama Muslims ashiya izinwele, ashiye intshebe, ngani ngoba bangaphansi komthetho kaJehova.
 
80.Noma ungaya kumaJuda uyowafica esonta ngeSabatha, uma uya kuma Muslims, ama Muslims asonta ngoLwesihlanu kodwa uma uya kwi Quran, i-Quran ikhuluma ngeSabatha. Noma bona sebe shifthile i-time or date. Vele mhlawumbe kuleso sikhathi iSabatha laliba ngoLwesihlanu ezweni lakubo. Noma akunjalo, kodwa iQuran ifundisa ngeSabatha, ngoba iSabatha usuku lukaNkulunkulu ezulwini.
 
81. So, uma umuntu esethi uwuMprofethi kodwa engasonti ngeSabatha, uwuMprofethi othunywe ngumuphi unkulunkulu? Ngiye ngisho ngithi ngakhuluma ngeNkosazana yezulu. Yathi ingelosi ‘le Nkosazana okhuluma ngayo yanifundisani ngeSabatha? Ngathi mina ayikaze isifundise lutho? Yanifundisani ngomthetho kaNkulunkulu? Ngathi mina ayikaze isifundise lutho.
 
82.Yathi-ke uma leyo Nkosazana ingani fundisanga lutho ngeSabatha, ingani fundisanga ngomthetho kaNkulunkulu, angiyazi mina, kushuthi iqhamuka kwamanye amazulu, iqhamuka komunye unkulunkulu kodwa hhayi lo Nkulunkulu owuJehova!
 
83.Yini edala lokho, abantu abamnyama abafuni ukufunda, khona lento ekuthiwa i-theology of synegy, i-theology of synegy u-Dr Xakaza uyayazi. I-theology of synegy ukuthi uhlanganise inkolo kaJehova nenkolo yobuKrestu kube sengathi inkolo eyodwa kanti uqonde ukuthi uqede inkolo kaJehova ngenkolo yobuKrestu.
 
84.Njengoba nje kuqhamuka umuntu ethi uwuMprofethi, kodwa okuseqinisweni uwuMprofethi wamanga, ngoba akekho umprofethi ongaphucula ikhanda, akekho umprofethi ongasonti ngeSabatha ebese ethi uwuMprofethi? Uwumprofethi kabani ngoba uJehova ufuna kugcinwe iSabatha, uJehova ufuna sishiye izinwele zethu nentshebe yethu!
 
85.Manje lona othi uwumprofethi, kanjani, ngoba umprofethi umuntu oshumayelayo izwi likaJehova, othunywe uNkulunkulu? UNkulunkulu umthume ukuthi abantu abatshele ukuthini? Kuyena akubalulekile ukuthi uthunywe ukuthini, ligama nje elibalulekile, ukuthi nguMprofethi, ukuze adle ngalo! Ufuna ukuthi edukise abantu ngegama likaJehova. Ilomprofethike okuthiwa umprofethi wamanga!
 
86.Baningi-ke abaprofethi bamanga, nalapha ebandleni lamaNazaretha sekukhona nonkulunkulu bamanga! Umuntu edukise abantu ngegama lokuthi unguNkulunkulu, kodwa ebe enza okuphambene nenqubo yokukholwa kukaNkulunkulu!
 
87.Etshela abantu ukuthi uwuJehova, ethi hhayi uma ngabe kuthiwa umnikelo uyomukelwa uJehova eKuphakameni, kushiwo mina, ngoba yimi engamukela umnikelo, asikaze simbone uJehova eKuphakameni!
 
88.Lenkulumo ifana nale ka Belshazare, owakhuphukela esitezi sakhe wabheka phezulu, wathi: “Uphi uNkulunkulu lapha, mina ngibona isibhakabhaka nje! Hhay, imina uNkulunkulu! Naye-ke uthi akakaze abekhona uJehova eKuphakameni, nguyena uJehova! Esho engazi lutho ngobuNazaretha, ezihlalela nezangoma, into thina esikhule sithi uma siyibona sibaleke!
 
89.Ukuhlubuka okunjalo kuyethusa, kodwa sekukhona napahakathi kwethu, i-theology of synergy, umuntu osebenzisa igama likaJehova, enze uJehova naye kube yinto eyodwa! Ilokho amaNazaretha akwaShembe akwenza manje, abanye bakhuluma ngoJehova bese bethi umholi wabo uJehova, bethi umholi wabo unkulunkulu.
 
90.Bebulale umthetho kaJehova ngomholi wabo, ngoba they have synergised inkolo ukuze ungaboni ukuthi kwenzekani, ube nokudideka ngokukholwa okuqondile esikufundiswe nguBabamkhulu, ukuthi ubuNazaretha ngokukaMenzi wezulu nomhlaba!
 
91.Lomuntu uthi uwunkulunkulu, kodwa futhi nguye ochitha umthetho kaJehova, yize ibandla lakhe lithi lingaphansi kwaJehova. Naye kuthiwe nguJehova! Ugcine ungazi ukuthi le ingxubevange ebhekephi? Unikwa isikhundla sikaNkulunkulu ukuze sifundiswe ukuthi unegunya lokwephula umthetho kaNkulunkulu! AmaNazaretha kaNkulunkulu angalokothi ukulandela lemfundisoze yamaNazaretha akwaShembe!
 
92.AmaKrestu amaningi awakwazi ukubona ukuthi ubuKrestu nenkolo kaJehova zinkolo ezimbili ezahlukene, abakwazi! Okuseqinisweni enkolweni yobuKrestu akekho uJehova. Kodwa ubezwa bethi bakhonza uJehova, behlabelele ngoJehova, kodwa abasunguli bobuKrestu, okungamaRoma, bakubhala phansi ukuthi bayamchitha uJehova nemithetho yakhe enkolweni entsha, okungubuKrestu!
 
93.Enkolweni kaJehova akekho umphostoli, akekho! Umphostoli usenkolweni yamaKrestu, kodwa manje kune theology of synergy, lapho ohlanganisa zonke izinto ngenhloso yokuqeda ngenqubo yokukholwa esakulethelwa nguJehova, kodwa kuqhutshwe ukukholwa okuchitha inkolo kaJehova ngezindlela eziphansi!
 
iNkosi ibusise izwi layo!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *