Skip to content

MASIHAMBE NGOKULUNGA PHAMBI KUKAJEHOVA

“Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uJehova, yebo eziyisikhombisa, eziyisinengiso emphefumulweni wakhe, amehlo azindlayo, nolimi lwamanga, nezandla ezichitha igazi elingenacala, nenhliziyo eceba imicabango emibi.” Kade sikhuluma ngayo khona manje ukuthi la ebhayibhelini kubuye kuthiwa umuntu akalali ebusuku, inhliziyo, akufiki ubuthongo uyaphucwa ubuthongo uma ngabe engakwenzile okubi. “Nezinyawo ezishesha ukugijimela ebubini, nofakazi wamanga ophafuza inkohliso, obanga ukuxabana phakathi kwabazalwane” Amein.

Intshumayelo yangesabatha ekuseni mhlaka 03 December 2022:
Ngumfundisi uBonga Mpanza.
 
1.Ngiyayikhetha iNkosi yaseKuphakameni, bangcwele beNkosi, ngiyabonga ukuthi umunwe wasezulwini ungikhombe namhlanje ukuba ngiphe abantwana abayingcwele izwi likaNkulunkulu. Ukuma-ke phambi kwabangcwele akuyona into elula, uma ngase kufike isikhathi lapho singasashawa khona uvalo uma sime phambi kwabangcwele, kobe kusho ukuthi sesijwayele lento kaNkulunkulu, kanti umthetho wayo ayijwayeleki. Phambi kwethu lapha kukhona uJehova. Phambi kwethu lapha kukhona abaholi abakhulu benkolo kaJehova, kusuka emandulo. Ngakho-ke asikwazi ukungabi nalo uvalo uma sime phambi kwabangcwele.
 
2.Ngake ngezwa omunye umholi welinye ibandla ekhuluma, efakazisa ukuthi yena uwunkulunkulu, wabe esesebenzisa lapha umthandazo weSabatha, lapho kuthi “Noma niphuma emazweni onke aphansi kwezu;u nilethe iminikelo yenu ngenjabulo kuJehova emzini waseKuphakameni.” Wayesethi-ke yena, yena akakaze ambone uJehova lapha eKuphakameni. Kahle kahle umuntu okusuke kuziwe kuye, uyena, kushuthi uJehova uyena!
 
3.Akagcinanga lapho, ngelinye ilanga wakhuluma okunye ukukhuluma, wathi uma ungumNazaretha nje, noma ngabe ukuphi nendawo, kodwa uma ungumNazaretha nje, unkulunkulu wakho imina.” Ngithi angigcizelele-ke maNazaretha ukuthi kulelibandla uNkulunkulu Wethu uJehova, sime lapho nje, futhi lokho sakwaziswa uMprofethi u-Isaya Shembe ukuthi uNkulunkulu wethu uJehova yedwa, asinaye omunye uNkulunkulu obonwayo.Washo njalo uBaba iLanga wathi uNkulunkulu wenu maNazaretha akabonwa!
 
4.Ngicela sidlule kwingoma ka 179.
 
179. ISIHLABELELO
1 Thixo ulilanga lethu
Khanya phezu kwethu sonke,
Izindlela zakho aziqedwa
Zokuthanda kwakho umuntu
.
2 Khanya kimi nginosizi
Inhliziyo yami ikude nawe
Buyisana nayo Sokhanyiso
Zogotshwa nguwe zonke.
 
3 Ilanga lokukhanya nguwe
Ikhanyisele wena Nkosi
Inhliziyo yami yedukile
Zonke izinhliziyo zosongwa nguwe.
 
4 Izithelo zokulunga
Abanazo kuwe Baba
Baziphiwe nguwe Nkosi
Mangiphiwe nami futhi.
 
5 Inhliziyo edabukileyo
Akanakuyidela uThixo
Inhliziyo yami mina soni
Idabukele wena Nkosi.
 
6 Lowo muzi esiyakuwo
Akungeni sono khona,
Kwana sono sinye qhabo
Kuyahlala iziNgcwele zodwa.
 
5.Ngiyabonga bangcwele beNkosi ukungihlabelelisa lesi sihlabelelo, lelihubo likaNkulunkulu nalenza noma ngingenazwi noma ngilibhimbi, lazwakala liyiculo eliphilayo. Isihloko engizokhuluma ngaso namuhla sithi ‘masihambe ngokulunga phambi kukaJehova.’ Ngiqala ngikhuluma, ngizame ukugcizelela ukuthi thina siyibandla likaJehova, asingadideki, ukuhamba kwethu noma ngabe sihamba kuphi, kumele sikwazi ukuthi phambi kwethu kukhona uJehova. Ku-worse uma sesiguqe lapha phambi komuzi wakhe oyingcwele.
 
6.Wake wayishumayela lento, uma ngingaphosisi kwakuwuMfundisi uDr Mabaso, ekhuluma ngokuhamba nokuzithoba lapha emzini kaJehova. Kufanele sazi ukuthi uma silapha phambi kukaNkulunkulu, siziphatha kanjani, sihamba kanjani ngokulunga, nokulunga kusho ukuthini futhi. Lesi sihlabelelo esisihlabelelile, siyisihlabelelo esimnandi kakhulu futhi esijwayelekile, kepha amazwi aso, ajule kakhului.
 
7.Sithi: “1 Thixo ulilanga lethu Khanya phezu kwethu sonke, Izindlela zakho aziqedwa Zokuthanda kwakho umuntu. 2 Khanya kimi nginosizi Inhliziyo yami ikude nawe Buyisana nayo Sokhanyiso Zogotshwa nguwe zonke. 3 Ilanga lokukhanya nguwe Ikhanyisele wena Nkosi Inhliziyo yami yedukile, zonke izinhliziyo zosongwa nguwe. 4 Izithelo zokulunga abanazo kuwe Baba, Baziphiwe nguwe Nkosi Mangiphiwe nami futhi. 5 Inhliziyo edabukileyo Akanakuyidela uThixo Inhliziyo yami mina soni idabukele wena Nkosi 6 Lowo muzi esiyakuwo akungeni sono khona, Kwana sono sinye qhabo Kuyahlala iziNgcwele zodwa”
 
8.Sijulile ngampela lesi sihlabelelo, sikhuluma futhi nangenhliziyo yami, uthi uShembe lapha, inhliziyo yami ikude nawe Nkosi. Iyahlupha indaba yenhliziyo ngoba akithi sonke esikwazi ukwazi ukuthi inhliziyo yethu ikuphi. Kuyasho lapha ukuthi kwakukhuluma umuntu wasezulwini ukuthi inhliziyo yami ikude nawe Nkosi. UBaba uMelusi uke wenza inkonzo enkulu kakhulu ebekhuluma khona ngenhliziyo, wakhuluma ngesihloko esithi inhliziyo embi ayinasabelo ezulwini. Lesi sihloko sibe sikhulu kakhulu, kodwa okuvelile kakhulu kimina, kwangishayisa ngovalo, ilokhu ukuthi okusempeleni inhliziyo isikhathi esiningi umnikazi wayo akaze ayibona ububi bayo. Cishe ngathi akaze ayibona ubuhle nobubi kodwa ngase ngiyakhumbula ukuthi uhlale eyibona ubuhle, kodwa ububi bayo akaze engayibona.
 
9.Uthi-ke lapha uShembe inhliziyo yami ikude nawe, buyisana nayo Sokhanyiso. Lo mthandazo lo uBaba uMelusi owayesifundisa wona ukuthi ucela kanjani ukuthi inhliziyo yakho ibe seduze kwakhe, ungabi namona, ungabi nenhliziyo embi nakho konke lokho, ikho lokhu uShembe akhuluma ngakho lapha. Uma umuntu enenhleziyo yakhe, nami Nkosi yami ngiyacela ukuthi ungikhumbule ngoba emehlweni ami inhliziyo yami inhle kodwa angazi ukuthi kwabanye abantu inhle yini. Omunye umuntu wakhala kakhulu wathi abantu bathi unenhliziyo embi. Uthi uBaba iLanga, uma umuntu kungakhulumi abantu ngaye ukuthi unjani, kusuke kufananele kanti kukhulume bani, ubani kanti okusuke kufanele aveze ngoba inhliziyo yakho ivela kubantu?
 
10.Njengoba silapha nje, njengoba sila ebandleni ngaphakathi namhlanje, iningi lethu sinezinhliziyo ezinhle, futhi naphambi kwabantu lapha sinezinhliziyo ezinhle. Kodwa uma uhlehla uthi uyala esisuka khona, ufike uthole okunye ukukhuluma okungafani nala, kwala esontweni, ungabe usazi ukuthi hawu, le nhliziyo yalomuntu yabe isiba nezigaba ezimbili yaba nobuhle yaba nobubi ngoba nje phambi kwethu lo muntu singamuphikela. Kodwa injalo inhliziyo.
 
11.Uthi-ke uShembe “Izithelo zokulunga, abanazo kuwe Baba, baziphiwe nguwe Nkosi, mangiphiwe nami futhi.” Ukulunga noma sengizwakala sengikhuluma ngenhliziyo kodwa angihlose kukhuluma ngayo inhliziyo, ngihlose ukukhuluma ngokulunga njengoba isihloko sithi masihambe ngokulunga phambi kukaJehova. Ukulunga-ke kuyinto ende kakhulu bangcwele, ngaphambi kokuba ngikhulume ngakho ngizocela ukudlula encwadini ka Isaya 59 verse 1-4. Ifundeka kanje: “Bheka isandla sikaJehova asifinyeziwe ukuba singasindisi, nendlebe yakhe ayinzima ukuba ingezwa kepha ububi benu kunahlukanisile noNkulunkulu, nezono zenu zibusithile ubuso bakhe kini, ukuba angezwa, ngokuba izandla zenu zingcolile igazi neminwe yenu ububi. Izindebe zenu zomlomo zikhuluma amanga. Izilimi zenu zinyenyeza okubi. Akekho omemeza ngokulunga, akekho owehlulela ngeqiniso, bathemba kokuyise, bakhuluma amanga.”
 
12.Le ncwadi lena ikhuluma ngendaba yokulunga, ikhuluma ngokuthi uma thina singazisondezi kuNkulunkulu, ubuso bakhe buyasitheka uma sikhuluma okubi senza okubi sicabanga okubi sikhuluma namanga. Ngalokho siyazisitha phambi kukaNkulunkulu. Ngicela futhi siphinde sidlule kwincwadi yeZaga. Izaga 6 verse 16-19. “Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uJehova, yebo eziyisikhombisa, eziyisinengiso emphefumulweni wakhe, amehlo azindlayo, nolimi lwamanga, nezandla ezichitha igazi elingenacala, nenhliziyo eceba imicabango emibi. Nezinyawo ezishesha ukugijimela ebubini, nofakazi wamanga ophafuza inkohliso, obanga ukuxabana phakathi kwabazalwane.” Amein.
 
13.Zombili lezi zincwadi zikhuluma ngokulunga, ziyasicacisela ukuthi ukulunga kuyinto enjani nokuthi yini uNkulunkulu ayithatha njengokulunga okungathi uma ungayenzanga lokho kulunga ube ongalungile phambi kukaJehova. Eyokuqala nayo icacisa ngezinto ezisithe ubuso bukaJehova kithi ukuthi konke esikucelayo singakutholi. Nizokhumbula sake sakhuluma ngendaba kaJobe, sathi ukungena kuyo, sayicacisa ukuthi uJobe wayewumuntu omuhle kangakanani phambi kaNkulunkulu. Wayemuhle phambi kukaNkulunkulu uJobe kangangokuthi uNkulunkulu wayekwazi ukubheja ngaye. Etshela uSathane ukuthi ungabathinta bonke kodwa lona owami, ngeke uze umthinte.
 
14.Wathi uSathane cha, ngiyamucela nje ungiphe yena, athi uNkulunkulu ngingakunikeza yena kuphela nje uma ushiye umphefumulo wakhe. Ungamenzisa noma yini kodwa ushiye umphefumulo wakhe. Ngampela ithemba likaNkulunkulu ngoJobe alizange laba yize, laba yithemba elikhulu ngoba uJebe wathi esehlelwe yikho konke okubi, wafelwa imfuyo yakhe, kwafa izingane zakhe, kwafa yonke into ongayicabanga. Mina nawe okungathi uma kwakungenzeka ngalendlela okwenzeka ngayo kuJobe, kuthi ngesikhathi esifushane kangaka, ngesikhathi okwaba sifushane ngaso kuJobe. Wawungase ugcine uNkulunkulu ungasamkhonzi, usumbiza ngamagama noma usumethuka.
 
15.Kwala uJobe ngisho uNkosikazi wakhe esemncenga ukuthi akavele athuke loNkulunkulu kube kanye, uJobe wala, wathi uJobe akanakwazi ukuthi athuke uNkulunkulu. Wathembela kuye ngisho egula, ngisho engasenalutho, ukugula kwakhe kwaba kubi kakhulu. Kwase kuhleli ngisho abangani bakhe bemukakile behlala naye ubusuku nemini bemubhekile ngoba wayesegula ngalendlela exakile ngisho kwayena.
Kodwa uNkulunkulu akazange wamulahla, wathi mina Nkosi ngingowakho. Ukulunga-ke lokho uNkulunkulu akhuluma ngakho lapha. UMfundisikazi uma eshumayela, uye ethi uma eyiqala nje intshumayelo yakhe isikhathi esiningi bese ethi kodwa amazwi amakhulu asekhulunyiwe, akhulunywe ngesikhathi kufundwa umthandazo weSabatha. Ngempela Kuyiqiniso lokho amazwi amakhulu alapha kumthandazo weSabatha. Umthandazo weSabatha, nemithandazo nje yonke kaJehova nezihlabelelo zakhe ziyintshumayelo nje ephelele.
 
16.NoShembe lapha-ke uyakhuluma kakhulu ngokulunga kumthandazo weSabatha, noma ngingeke ngikufunde konke kodwa lapha ku verse 50, lapho ethi “lalela kahle ndodana yami, ukuhlonipha uyihlo nonyoko kwandisa izinsuku zokuphila kwakho emhlabeni” Bese ethi “Ilokhu kungasekho ixhegu emzini wakho, nifa nibancane, ngokuba anigcini umthetho wokuthi hlonipha uyihlo nonyoko ”Ngakho-ke ukulunga lapha uBabamkhulu usifundisa ukuthi uma uziphatha kahle, ulungile, uhamba ngokulunga phambi kukaJehova nezinsuku zakho ziyancipha, bese sifa sibancane, ixhegu lingabe lisatholakala emzini yabantu. Kutholakale ukuthi umuntu kuthiwa hhayi ubese khulile uma efe ena 61, noma ena 56 noma elapho kuthiwa hhayi kodwa yena ubese khulile.
 
17.Kodwa sisakhula thina abantu babekhula impela, siyajabula ukuthi nalapha phakathi kwethu sinabo abantu asebekhule kakhulu, obaba nomama asebekhulile iminyaka. SinoMbomvu, sinomfundisi uMhlongo, nomama sinabo asebekhulile uNkulunkulu asebabekile. Angishoke ukuthi bangamaxhegu, basebasha bona uma usababhekile, kodwa uNkulunkulu usigcinele bona. UShembe ukhuluma ngakho lokho ukuthi uze athi bengaze basho ukuthi asizalanga lutho, uma uyihlo nonyoko bake bakusola, kuyisiqalekiso lokho. Ngithe ngikhuluma ngokulunga. Uthi uBabamkhulu lapha, uma uyihlo nonyoko bake bakusola. Kuyisiqalekiso lokho.
 
18.Lokho kusho ukuthi-ke awusanakukhula, uze athi bangaze basho ukuthi asizalanga lutho, asizalanga lutho ngoba nenzalo yethu esiyizalile isheshe yaphelela emoyeni ngoba yaba nesiqalekiso sokungahloniphi abazali bayo. Yaze yasolakala. “Ndoda hlonipha uNkulunkulu ezinsukwini zokuphila kwakho, yeneliswa ukumthanda umkakho, ungakhubekisi inhliziyo yomakhelwane wakho emzini wakhe” Bangcwele ngikhuluma ngokulunga, ngizolokhu ngikugcizelelile ukuthi asihambe ngokulunga. Lezi zincwadi engizifundayo, izihlabelelo engizihlabelelile, imithandazo le engiyifundayo, yonke isifundisa ngokulunga ukuthi ukulunga kuyini. Lapha ukuthi ungakhubekisi umakhelwane wakhe emzini wakhe, kuwukulunga lokho. Uma ungabe ukhubekisa inhliziyo kamakhelwane wakho emzini wakhe, usuke usuphambene nokulunga.
 
19.Ukulunga akwenzeki kuphela uma sila phambi kwabaholi ababekwe phambi kwethu, nalapha endlini yesonto, nangaphandle kwendlu yesonto, akwenzeki lapho kuphela. Sikwenza nalapho sihamba khona, sikwenza ebumnyameni sikwenze ekukhanyeni. Ungamufiseli okubi umakhelwane wakho emzini wakhe, ungakucaabangi ukukhipha umphefumulo womunye umuntu. Ngiyajabula ngoba nalencwadi esiyifundile ekhuluma ngezinto ezenyanywa uJehova. Sinenhlanhla ukuthi sibhalelwe ukuthi uJehova wenyanyani ukuze singayenzi lonto enyanywa uJehova. Nalapha kuyasho ukuthi enye yezinto ezenyanywa uJehova ukukhipha igazi elingenacala noma izandla ezichitha igazi elingenacala.
 
20.Igazi-ke uma ukhulunywa ngokuchitha igazi, sesiye sicabange indaba yokubulala umuntu ngesikhali, akukhulunywa ngakho lokho noma nakho kuyingxenye yakhona, ukubulala-ke kuwukuchitha igazi noma ungakubuka ngayiphi indlela. Ngisho ungathatha umuthi uwuhlanganise uwubekele umuntu noma umdlise ushevu, lowo muntu lowo noma kungaphumanga gazi kodwa usuke usumbulele, ilokho okukhulunywa ngakho lokho. Ilokhu uShembe akhuluma athi ukukhipha umphefumulo womunye umuntu, ikhona lokhu uNkulunkulu athi, ekuthiwa kuyinxenye yezinto ezimbalwa, kubalwe eziyisithupha noma eziyisikhombisa azenyanya ngenhliziyo yakhe yonke angazifuni.
 
21.Ngikhulumile kakhulu ngendaba kaJobe ukuthi uJobe waba isibonelo kithi sokulunga, noNkosazana wake wakhuluma ngoJobe ukuthi kufanele sifune inhliziyo efana nekaJobe uma singamakholwa, sifune ukulunga okufana nokwakhe. Ukulunga kahle kahle kungacishe kufaniswe negama elithi ukukholwa, uma kuthiwa hhayi uyakholwa lo, ngaphandle nje kwe literal meaning yokukholwa. Kodwa uma kuthiwa uyikholwa kusuke kushiwo izinto eziningi ozenza ngokulunga. Kuyashiwa futhi kumuntu ukuthi hhayi ikholwa leli njengoba uBaba uMelusi ehlale esho ukuthi emsebenzini wayebizwa ngomfundisi engakagcotshwa kulelibandla. Ngenxa yokulunga, ngenxa yendlela izinto ayezenza ngayo ngendlela kaNkulunkulu, base beyamubona abantu ukuthi hhayi umfundisi lo engakabi umfundisi, ukulunga lokho, ukukholwa futhi.
 
24.Uma ngabe ulapha endlini ukuze uzwe kahle ukuthi ngikhuluma ngani ngikhuluma ngokukholwa kwakho ukuthi ukukholwa kwakho kuwukulunga kwakho, uma ulungile phambi kwaJehova naphambi kwabantu ulungile. Ibalulekile le yokuthi uma ulungile phambi kwaJehova ngoba emhlabeni sinabo abantu esibasabayo, sinabo abantu esingabasabi. Kunomuntu kuye okwazi ukwenza noma yini ngoba uthi awumesabi. Abantu-ke baxakile baye besabe umuntu ngokumubona mhlawumbe ethula noma emsulwa noma enjani njani bese bethi hhayi lo angimesabi. Bese kuthi lo onezingozi nezigemegeme ekhanda lakhe, bese bayamesaba ukuthi yeyi lo muntu lona uyingozi.
 
25.Uyingozi kanjani engakwazi nokuvika izingozi zigcwele ikhanda, kodwa abantu basaba yena, bathi hhayi lona uyingozi, lona uzokulimaza, uma uke wahlangana naye nje kuthi ungahambela le kude. Usaba umuntu abantu abaningi abangamesabi, asebemushayile, waze wagoba.
 
26.Ukulunga-ke kuyinto enkulu kakhulu ebalulekile, asiphile ngakho ukulunga, lezi zincwadi njengoba ngisho ebengizifunda ziklhuluma ngokulunga. Kunendaba-ke kaSawuli esake sayikhuluma, esihlala siyikhuluma futhi esihlale siyifunda nasebhayibhelini. USawuli, ziningi uSawuli izinto ezihle azenzayo, kodwa futhi izinto azenzayo ezimbi zinkulu kakhulu kangangokuthi kwafika lapho uNkulunkulu ambulala khona ngobubi bakhe.
 
27.USawuli uNkulunkulu wamusopha kusenesikhathi ukuthi hhayi uzomubulala futhi akakufihlanga lokho, waze wathumela uSamuel ukuthi ayomutshela ukuthi uzombulala ngenxa yokungaziphathi kahle kwakhe. Kodwa waqhubeka uSawuli wangaziphatha kahle, kwaze kwahamba uMprofethi uSamuel emhlabeni, esaphila yena, kodwa uNkulunkulu izwi lakhe lagcina la ekugcineni, uSawuli wagcina ngokuthi afe ngokungalungi kwakhe. Mhla embulala uNkulunkulu uSawuli, sike sifunde encwadini yezikronikhi ukuthi wayemubulalela ukuthi wayengaligcinanga izwi likaNkulunkulu, wayengahambi ngokulunga. Ngokungaligcini izwi likaNkulunkulu, futhi esinye isono asenzayo, kuthiwa nokuthi nangokuba wayeyile kokuzwa konedlozi engabuzanga kuNkulunkulu, ngalokho uNkulunkulu wamubulala. Wafake uSawuli ebulawa ukweswela ukulunga.
 
28.Noma-ke thina lapha ungasibona siphila nje kodwa kukhona izinto esesifundiswe zona ezintsha la njengokugcina umthetho weSabatha nokugcina umthetho womhlangano, wokuthi siphume ezindlini zethu. Safundiswa indaba yokuthi uma singakwenzi lokho impilo yethu iyoncishiswa ngamashumi amathathu. Leyonto isakhuluma yona lento ekhulunywa la ukuthi namanje uma singahambi ngokulunga phambi kwaJehova siyofa sibancane, akuseyikuba xhegu emzini yethu.
 
29.Siyaphinda futhi, sithola futhi uma sikhuluma ngamadodana kaMpriest omkhulu u-Eli. Amadodana ka-Eli awazange aziphatha kahle, aziphatha kabi kakhulu phambi kwaJehova. Ukuhamba kwabo akuzange kwaba kuhle kakhulu. Baba abantu nje abahlukumezayo, benza izinto okungafanele bezenze, ezinye bezenza ngisho nasethempelini, balala namakhosazana angaleso sikhathi, benza zonke lezo zinto eduze komnyango wethempeli. kwathi noma abantu sebe complain kubo bebatshela bangayizwa kahle indaba yabo baqhubeka nokungenzi ukulunga phambi kwaJehova.
 
30.Baqhubeka nokulokhu benza izinto ezimbi abantu baze bahamba bayobikela uyise, okwakunguMpriest omkhulu, uMpriest u-Eli. UMpriest u-Eli yamuphatha kabi lento kakhulu, wawabiza amadodana akhe wawahlalisa phansi wayesethi: Niyenzelani into embi kangaka, uma nona emzini kaNkulunkulu niyakuthethelelwa ubani. Wayesethi abayiyeke lento abayenzayo abahambe ngokulunga.
 
31.Kodwa lithi izwi uJehova wenza ukuthi bangamulaleli uyise amadodana akhe ngoba vele wayesefuna ukuwabulala, eyevele esone kakhulu, wenza ukuthi angamulaleli uyise, abe ngamahlongandlebe.
Lezi zinto engikhuluma ngazo, ngikhuluma ngezinto, ngendlalela ngezinto esazifundiswa ezisebhayibhelini, ngezincwadi ezahlukene, eziyizinto zokulunga. Bese ngendlalela ngendaba esesihlabelelweni zikaBabamkhulu, la esifundisa khona ngokulunga ukuthi kuyinto enjani. Kubaluleke kakhuluke ukuthi sizazi lezi zinto.
 
32.Ngase ngiphinde ngiveza nendaba ngokwasebhayibhelini echaza ukulunga, ukuthi abantu ababa ngabalungileyo, uJobe wahamba kanjani, kwase kuthi ababa babi phambi kaNkulunkulu bona bahamba kanjani. Lento engiyikhulumayo ibukeka ikude nathi kodwa okusempeleni akunjalo, lento engikhulumayo iseduzane nathi, futhi singaze sibuke abantu abangaphandle kulelibandla abangakholwa. Siphinde sibuke abantu abakholwa kodwa abakholwa kwamanye amabandla, ikakhulukazi amanye amabandla obuNazaretha, kodwa singakwazi ukuzibona thina ukungalungi kwethu phambi kukaNkulunkulu, thina-ke esinalo iqiniso ukuthi uNkulunkulu uphambi kwethu.
 
33.Ngokwesihloko engikhulume ngaso, asihambe ngokulunga phambi kwaJehova. Laba abanye singebasole kakhulu akukho okuthinta uJehova enkolweni yabo kodwa lapha phambi kwethu lapho esihamba khona kukhona uJehova. Kodwa sinezinto nathi eziningi esizenzayo ezixakileyo, sikhona lapha endlini yesonto.
 
34.Uma sithatha nje incwadi esikade siyifunda ekhuluma ngendaba yokuhleba nokuxabanisa, nokuletha ukuxabana phakathi kwabazalwane. Ngiyayithanda ngoba ayikhulumanga ngokuxabana phakathi komakhelwane. Kodwa ikhulume ngabazalwane, ikhuluma ngathi lapha esontweni. Sinakho-ke kukhulu kakhulu siyakwenza ukuthi sizondane sisodwa nje la esontweni ungeze wazi ukuthi sibangani, kodwa kube khona umuntu nje ongamthandi, ozizwa ungamthandi, kunanesisho sakhona esithi angimphiwe.
 
35.Sake sathetha icala lomunye uNkosana lapha enenkosana ayilethile afike nayo la esontweni, kanti le nkosana izophenduka ibe isitha sakhe, wayifaka nasemsebenzini, kanti nasemsebenzini izoba isitha sakhe. Kwaba iyona eqoqa abantu ukuthi bahlangane against yena, hawu uma sesihlangana, lo muntu umtholele umsebenzi, lo muntu wamuletha esontweni, lo muntu uhlala kwakho, kodwa lo mumtu uyena oyisitha sakho, uyena okuqhatha nabantu ngaphandle, okuqhatha nabantu esontweni, okuqhatha nabantu yonke indawo. Kwenzenjani, mase siyamubuza, kwenzenjani mfwethu. Wayesephendula lo Nkosana wathi, ‘hhayi ukuthi angimphiwe nje. Hawu awumphiwe umuntu ukwenzeni? Hhayi akangenzanga lutho ukuthi angimphiwe nje.’
 
36.Lowo Nkosana, ngiyakhumbula uMfundisi uMbomvu waphendula wathi hhayi kahle kahle sidila nohlanya, isangene le Nkosana uyibhekile nje. Nangampela yagcina ihambileke yabuyela emumva, ngathi yayisuka eMnambithi, ayizange iseza esontweni ngoba sabuye sa recommend ukuthi hhayi ayithuthe kwaNkosana ingahlali khona, nasemsebenzini yagcina iyekile kanjalo, asazi yaphelelaphi. Kodwa inenkinga nje, yayo ukuthi umuntu okuphakelayo awumphiwe, akenzile, uma kubuzwa ukuthi wenzeni, kusho wena ngephimbo lakho uthi cha akenzanga lutho, ngabe ngiyamusukela, ukuthi nje angimphiwe!
 
37.Sinakho-ke lokho noma singeze sakukhuluma ukuthi kube khona nje umuntu ovele akudinwe nje ngento encane nje, mhlawumbe akudinwe ngokuthi ubone ehleka, ehleka kakhulu bese kuyakucasula nje lokho kuhleka. Bese uyasho ukuthi ucabanga ukuthi uyini lo, bese kuyaqala njalo impi yakho naye, eyaziwa nguwe wedwa yena angayazi. Ngikhuluma ngokulunga bangcwele. Lento uma usiqalile uhlala nayo, uyi rehearse, ulwe nayo, umbone ezogaxela kuwe bese ulwa naye, noma umfake enkingeni, umenze ukuthi yena agaxele angene ezinkingeni nani nani, ukwenza konke lokhu, ukwenza enqondweni yakho, akekho njalo lo muntu, lo muntu akazi lutho ngalolusizi lolu wena osumlethele lona.
 
38.Kodwa ulwe nalo muntu, ulwe njalo, kuthi noma kuvela ithuba physically, ungalishiyi lokuthi umfake enyakanyakeni. Kukhona incwadi lana noma ngingeke ngisayifunda, uma ngingaphosisi ikuye u-Isaya noma Izaga. Ithi abantu ababi uma bengakwenzile okubi ngisho ubuthongo abufiki. Uthole ukuthi ebusuku uhlezi, awulali, uhluphekile ufuna ukwazi ukuthi into ethize ungalwa nayo kanjani. Ilezo zinto lezo esibhekene nazo lezi. Kuze kufike lapho ukwazi khona ukuthi ukhande into, uyikhandele umuntu ukuthi yena hhayi lona uwukuthi. Abanye ngeke bebe nesibindi sokusho uma bebuza ukuthi lo muntu omzando kangaka wenzeni, abanaso isibindi sokusho ukuthi akenze lutho. Kodwa kuba nezinto asezikhandile, ezimenza ukuthi akholelwe ukuthi lo muntu unaso isizathu sokuthi amzonde noma emhlukumeze no angamthandi. Ziyenzeka-ke lezi zinto sibhekana nazo mihla namalanga.
 
39.Kunohlobo lwabantu elikwazi ukuqamba amanga kukhulunywa ngazo lezi zinto ngithinta zona lezi zinto la amanga ekuthiwa uNkulunkulu uzenyanya kabi. Komuntu okwazi ukuqamba amanga, awaqambe eyedwa ebese ewakhanda, awavale izikhala, wavale izikhale, eyedwa, aze ephelela lamanga abe yinto ecishe ibe iqiniso. Ithi uma isiqiniso ebese eyawakholwa yena ukuthi ayiqiniso, ngesikhathi ewakholwa ukuthi ayiqiniso, bese ephuma eseyofuna abanye abantu azobaxoxela lamanga akhe, aseyiqiniso kodwa. Ebese ewaxoxa, ewaxoxa, ngesikhathi ewaxoxa kulaba bantu nabo uma bewabuka, bawabone hhayi ayiqiniso lamanga nje, akuwona amanga iqiniso angazi ukuthi ngisho ungakubiza kanjani kahle kahle kwamanga kodwa kuyena sekuyiqiniso.
 
40.Uma esexoxele laba bantu bayibona lento ayishoyo, kahle kahle isiyiqiniso ngampela ngoba manje isiyamanga ayiqiniso kodwa futhi anofakazi nobuqiniso bayo. Yenzeka yonke indawo lento engikhuluma ngayo kodwa nala phakathi kwethu iyenzeka. Leyonto leyo ebese eyithatha lo muntu, eseyisebenzisa against umuntu othize. Alwe naye ngalento, afakaze. Lento ekukhulunywa ngayo lana, akuyona into, ebhayibhilini kuye kukhulunywe ngezinto sonke esi exposed kuzona, ngisho ngikhulunywa kuthiwa bakhonza amadlozi, njengawoyise mkhulu, nala phakathii kwethu amadlozi ayakhonzwa, siyazi ukuthi ukukhonza idlozi into enjani.
 
41. So, nalana uma kukhulunywa ngokuthi ungaqambi amanga ngomzalwane wakho, kahle kahle kumthetho olishumi kuthiwa ngomakhelwane wakho. Kodwa lana kuthiwa ungawaqambi amanga ngomzalwane wakho. Ikhona-ke into enjalo, uthole ukuthi sinenkingake manje yokuthi, senginenkinga yokuzonda umuntu kangangokuthi ngimqambele amanga ngenze bonke abantu bamzonde. Kunohlobo lwesitha futhi, angazi noma kuthiwa i-inherited enemy yini, uhlobo lwesitha okade luyisitha somuntu ngokuthi uzondwa ubani nawe wase uyathanda ukuthi engathi nami ngingamuzonda lo muntu ngoba uzondwa ilo. Bese kuba isitha sakho nawe, kodwa akakaze enze lutho lo muntu kuwe, kodwa useyisitha sakho, usumzonda usudlula lo okade emzonda ekuqaleni othathe kuye.
 
42.Zikhona izitha ezinjalo, uthole ukuthi kuhambe kuhambe, laba bantu bexolelane, laba akade bezondana ngoba phela bona bebe yazi into ebaxabanisile, mhlawumbe babolekana imali baxabana, wena awuyazi into ekuxabanise naye. Kodwa awunaxolo naye ozokwazi ukulikhanda ngoba okokuqala njengoba uxabene naye nje wena eyisitha sakho, yena akazi ukuthi wena uyisitha sakhe. Okwesibili futhi yena akasona isitha sakho. Kodwa uthole ukuthi sekunomuntu nje omlandelayo nje, abasathe uphakamisa unyawo ube semvakwakhe ngoba usuyisitha sakhe, baxolelane nalo owawukade umzondela yena, wena utholakale usumzonda wedwa, bese uyacasuka, ucasulwa ukuthi manje lona uye okwenza isilima njengoba esemxolele lo muntu ngoba kufanele engabe useyisitha, manje wena usumzondela amahhala. Kuze kufike la inhliziyo la ingavumi khona, inhliziyo ifune ukuthi kuncono uphinde ubaxabanise futhi ukuze kuqhubeke futhi kube izitha.
 
43.Inhliziyo engalungile, ngikhuluma ngokulunga bangcwele, lezi zinto engikhuluma ngazo, izinto esibhekene nazo, izinto esibhekene nazo yonke indawo la esihamba khona. Emsebenzini sinazo, emakhaya emndenini, sinazo lezi zinto engikhuluma ngazo, la ebandleni sinazo, emphakathini, sinazo.
 
44.Kukhona abantu ubuxoki kubo, ngike ngizwe la koMaskandi kukhona ngisho iNkosi yamaxoki, and njengoba kuthiwa inkosi yamaxoki, akasukelwa, akuzona izibongo, oh ibongo ngoba vele izibongo uzithola ngento osuke ukade uyenzile waba muhle ngayo, so, izibongo zakhe zokuthi inkosi yamaxoki ngoba hhayi uyaxokiza bo. Umuntu okwazi ukusuka la, ashaye ucingo ngemali yakhe alishayele eGoli, enze i-appointment, asuke la eye eGoli, ayoxokisa. Afike lapha axokize, axokize bese ebuya ezoxokiza ngapha ngawe. Kukhona umuntu okwazi ukuqhatha abantu ngokuthi eze kuwe ekuxoxele indaba engelona iqiniso ngomuntu.
 
45.Bese uyayilalela wena, uthi uma usuyilalele bese uyilalele bese uyaphawula wena, uthi yeyi yazi lo muntu mubi lomuntu lona, engenza into enje. Ebese esuka esethatha lokho osukushilo, eseya kulowa muntu eseyothi usibanibani uthe wena umubi, wenza ukuthi nokuthi, sekusukile njalo, sebexabene njalo abazalwane. Lento lena uNkulunkulu athi uyizonda, uyinyanya ngayo yonke indlela, mhlawumbe ngizoke ngiphinde ngiyifunde le ncwadi Izaga 6 lezi uma ngingaphisis, khona nizoyizwa mhlawumbe ngiyifunde early ningakayizwa le ndaba engikhuluma ngayo.
 
46.Kuthi lana ““Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uJehova, yebo eziyisikhombisa, eziyisinengiso emphefumulweni wakhe, amehlo azindlayo, nolimi lwamanga, nezandla ezichitha igazi elingenacala, nenhliziyo eceba imicabango emibi.” Kade sikhuluma ngayo khona manje ukuthi la ebhayibhelini kubuye kuthiwa umuntu akalali ebusuku, inhliziyo, akufiki ubuthongo uyaphucwa ubuthongo uma ngabe engakwenzile okubi. “Nezinyawo ezishesha ukugijimela ebubini, nofakazi wamanga ophafuza inkohliso, obanga ukuxabana phakathi kwabazalwane” Amein.
 
47.Wathi uBaba uMelusi kuleliya sonto ekhuluma ngendaba yoxolo wayesethi uye uthi umuntu noma umthatha uthi hhayi asambe ngiyonihlanganisa nixolelane nalomuntu. Ebese ethi umuntu cha, angeke ngikwenze lokho, yena akezi ngani yena kimi. Wayesethi uBaba uMelusi ufuna uku enjoy ukuhlala ethukuthele, ejabulele ukuhlale emcasukele. Ziningi izimo lapha uma sihlangene singabazalwane la esontweni. Iqiniso ukuthi sinazo izitha ngaphandle, izitha ezidalwa abanye basuke besizondela ukuthi sishumayela izwi likaNkulunkulu. Bakuzonde njengoba laba baholi beme la phambi kwethu banezitha ezixakile, ongeze wazi ukuthi benzeni kuzo.
 
48.Wathi omunye umuntu, ngangifunda phansi, wathi yena eyi lo Mfundisi uyashumayela, ushumayela into engakaze izwakale entsha, kodwa kuvele kuthi angihlanze uma sengizwa ekhuluma ngalengelosi yakhe uHlaleleni. Manje, uyabona ukuthi umuntu ukuzonda, akuzondele into ongena control over yona ngoba abaholi bathunyele ukuthi bazoshumayela phambi kwethu. Ayikho enye into bazosihlanganisa futhi kahle kahle into enkulu kakhulu abathunyelwe yona ukusingenisa ezulwini.
 
49.Manje uma ubazondela ukuthi basifundisa ukungena ezulwini lisuke ithemba lakho likuphi. Ngoba manje ubazondela lento abakade bevele bethunyelwe yona, okungabe ukuba abathunyelwanga ngabe asihlangene la namhlanje. Kodwa uyamuzonda wena lo muntu, uyamuzonda ubona ubuthi kuye. Kuningi kakhulu bangcwele, uma isikhathi besivuma bengiyokukhuluma konke kodwa nasi isikhathi sesiyangiphikisa. Kodwa okubalulekile engifuna ukukusho ukuthi asibe ngcwele ngoba uJehova Wethu ungcwele. Ngiyacela ukuthi sidlule la encwadini ka-Isaya 55 verse 6-8.
 
50.“Mfuneni uJehova esenokutholwa, nimbize eseseduze, omubi makashiye indlela yakhe nomuntu owenza okubi imicabango yakhe, abuyele kuJehova, uyakuba nomusa kuye, yebo abuyele kuNkulunkulu wethu ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube kukhulu. Ngokuba imicabango yami ayisiyo imicabango yenu, nezindlela zenu azisizo izindlela zami. Usho uJehova. Incwadi yokuvala le, uma sengiyivala ithi, asikhumbule ukuthi, uBaba uMelusi wathi ubothandaza ucele kuNkulunkulu ukuthi ukwazi ukuyibona inhliziyo yakho ukuthi injani. Ukuze ukwazi ukuthandaza ucele uthi Nkosi, nginenhliziyo embi, ngiyazi ukuthi anginikwanga uwena.
 
51.Ngoba wathi uMfundisikazi wathi uNkosazana umuntu uNkulunkulu akamdali amenze afanelwe ukungena esihogweni, akamnikezi umuntu uNkulunkulu into ezomenza angene esihogweni. Ngakho-ke nginethemba ukuthi izinhliziyo zethu lezi ezenza sixabane sodwa, sikhombane, sixovane, aziveli kuye uNkulunkulu ngoba uNkulunkulu akamuniki umuntu into ezomenza angene esihogweni. Kodwa asithandazeni, sicele ukuthi uNkulunkulu akasiphe amehlo okubona izinhliziyo zethu. Ngithe uma ngivula ngathi nami ngiyacela ngoba kimi yinhle. Angisazi kwakuwuMfundisi ubani lowo owayenesibonakaliso, ebona inhliziyo, izinhliziyo eziningi, kukhona enhle, from enhle, kuze kuyofika kwembi ephethuza izimpethu. UMfundisi uMngoma, uMfundisi uMngoma wabona izinhliziyo kwase kukhona izwi elimbuzayo lathi akakhethe eyakhe inhliziyo, wahamba nangampela wakhomba lena enhle kunazo zonke, wathi nansi inhliziyo yami, lathi izwi cha, akuyona.
 
52.Angisayikhumbuli kahle le ndaba, ngeke ngiyixoxe, ngiyixove yonke. Kodwa ekugcineni wakhonjiswa inhliziyo kweyakhe kwayilena ephethuza izimpethu. Kungenzeka ukuthi nami, nawe, asiceleni amehlo kuNkulunkulu ukuthi asiyibone inhliziyo, singahlali nenhliziyo esicabanga ukuthi ile efunwa uNkulunkulu kanti esiyisa ekulahlweni. Uma sesiyibonile, asicele kuNkulunkulu ukuthi akayigeze le nhiliziyo, ayikhiphe esinikeze eyakhe. Le abangcwele abangena ngayo ezulwini ngokukaNkulunkulu, asibe naleyonhliziyo uNkulunkulu asiphe yona.
 
53.Bantwana abayingcwele, loluhambo osukulona, alulula, luwuhambo olunzima. Kulula ukuthi ukhohliseke, kulula futhi ukuthi uzithole ususenkingeni. Kunesihlabelelo esithi inhlangano yomubi angikaze ngiyimeme, kodwa ngithe ngibona ngase ngiphakathi kwayo. Kodwa unenhlanhla umuntu osho njalo ngokuba usebonile ukuthi usesenhlanganweni yomubi. Lokhu kusho ukuthi makashintshe afune ubuhle abe kukhona. Ngakho siyadinga bangcwele ukuthi sike sihlangane noNkulunkulu, siyiyeke lento ukuthi uma kushunyayelwa bese sicabanga ukuthi hhayi lo Nkosana njengoba eshumayela uqondise kimi, noMkhokheli njengoba eshumayela uqondise kimi, oh shuthi ileyonto leya engayisho kuyena. Sengiyathukuthela manje, esikhundleni sokuba ngilahswe intshumayelo yavela yangincolisa yaba worse.
 
54.Uthi-ke uBaba iLanga uma ngabe kukhona uNkosikazi oya kuye ethi Baba, nginenkinga, njalo uma uthi uyashumayela, mangithi ngiyakubheka, ngivele ngibone ingulube nje la phambi kwami, ibanga umsindo, ibanga umsindo. Uthi uBaba iLanga ingulube inhliziyo yakho. Nawe njengoba kulokhu kushunyayelwa nje ubone umuntu eqondene nawe ngqo, engabe wakufunani lo Mvangeli, engabe wakufunani lo Mfundisi, engabe wakufunani lo Mkhokheli, engabe le Nkosana noNkosikazi bakufunani, inhliziyo yakho leyo. Bangcwele siyacela ukuthi uNkulunkulu asikhumbule kulelijoka esilethwe.
 
211. ISIHLABELELO
1 Besethweswe thina yiNkosi
Ijokwe lemphefumulo yethu,
Savuma thina salethwala
Singephende silethule.
 
55.Ukube bengisenaso isikhathi bangcwele bengiyolihlabelela nje liphelele leliculo, ngicela ukuthi ngigcine lapho, kodwa liqhubeka lithi lingukuphila kwemiphefumulo yethu, hhayi nje kwenyama, kodwa lingukuphila kwemiphemulo yethu. Liyindlela yemiphefumulo yethu, noma siphila noma sifa singephinde silethule. Nina esenilapha-ke ivesi lesithathu likhuluma ngani. Yebo izinkinga sinazo, ngisho sesilana, omubi uyangena azodonsa izinhliziyo zethu asenze sikhombane sodwa. Kodwa lithi lona qiniselani nina webakhonzi, munikeni isibindi, ize lona liza lodwa, noma sekunjalo. Amein. Ngiyabonga kakhulu.
 
INkosi ibusise enikuzwile

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *