Skip to content

INHLIZIYO EMBI AYINASABELO EMBUSWENI WEZULU

UBaba iLanga wake wakhuluma ngoSathane, wathi uSathane kwakuyiNgelosi enhle kakhulu, futhi ehlakaniphile kakhulu, futhi enesikhundla esikhulu kunazo zonke izingelosi. Uthi ke uBaba, inkinga kaSathane yayiyinye, ukuthi wayengenalo uthando, engenayo enye into oyithandayo ngaphandle kokuzithanda yena. Lenhliziyo yayimenza asole noma yini engathinti yena, esola ngisho uNkulunkulu.

Inkonzo yangesabatha emini mhlaka 19 November, 2022.
ISIHLABELELO 85
 
1 Ngonile ebusweni bakho
Nasebusweni bezulu,
Iso lami lingonisile
Ngayephula imithetho.
 
2 Ngehlulwa ngowokuqala
Emthethweni eyishumi;
Owesibili ngingewu namathe
WeNkosi yoxolo.
 
3 Abaphula lemithetho
Bayakhandwa ngamatshe
Abazange bahawukelwe
Ngobayini mina soni.
 
4 Sengonile nangolimi lwami
Ngakhuluma inkohliso,
Sengonile nangenhliziyo yami
Ngacunuka ngayo.
 
5 Sengonile nangesandla sami
Ngaphatha okungafanele,
Sengonile nangonyawo lwami
Ngahamba ehlazweni.
 
1.Isihloko salenkonzo sithi: “Inhliziyo embi ayinasabelo ezulwini.” Ngizofunda incwadi yabaseKorinte bokuqala isahluko 13 verse 1-3. (1 Corinthians 13 verse 1-3.).
“Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo, noma nginokuprofethi, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke, noma nginokukholwa konke ngangokuba ngingagudluza izintaba. Kepha ngingenalo uthando angiyinto yalutho.
 
2.Noma ngabela abampofu konke enginakho, noma nginikela ngomzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenalo uthando akungisizi ngalutho. Uthando luyabekezela, uthando lumnene, alunamhawu, aluzigabisi, aluzikhukhumezi, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alinamagqubu, alithokozi ngokungalungile, kepha lithokozela iqiniso” Amein.
 
3.Le ntshumayelo ikhuluma ngothando, ukuthi uthando luyinto emi kanjani. Kodwa ngibona sengathi umbhali weswela igama okufanele alusebenzise esikhundleni sothando, ngoba uthando kulenkulumo alufithi kahle ngezizathu eziningi. Ngokwami kwakufanele ukuthi athi ‘Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kodwa ngingenayo inhliziyo enhle, ngifana nensimbi ekhencezayo nethusi elincencethayo. Ngokwami, esikhundleni sokusebenzisa uthando, igama alelizolunga kuyo yonke lenkulumo, inhliziyo enhle.
 
4.Noma nginokuprofethi ngiqonda izimfihlakalo zabantu, noma nginokukholwa konke, ngangokuba ngingadiliza izintaba kodwa ngingenayo inhliziyo enhle, konke lokho akusizi ngalutho. Noma ngingabela abampofu konke enginakho, noma nginikela ngomzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenayo inhliziyo enhle konke lokho akungisizj ngalutho.okuseqinisweni umphostoli akakhulumi ngothando, kodwa ukhuluma ngenhliziyo.
 
5.Uyaqhubekeka uMphostoli uthi ‘inhliziyo enhle iyabekezela, inhliziyo enhle imnene, inhliziyo enhle ayinamhawu, ayizigabisi, ayizikhukhumezi, ayizifuneli okwayo, ayicunuki, ayinamagqubu, ayithokozi ngokungalungile kepha ithokozela iqiniso. Ngoba awukwazi ukuthi unenhliziyo enhle ube nomona, awukwazi ukuthi unenhliziyo enhle ube namagqubu, awukwazi ukuthi unenhliziyo enhle ube nomhawu, awukwazi ukuthi ubenenhliziyo enhle uzikhukhumeze. Inhliziyo enhle eyenza konke okulungile. Awukwazi ukuthi uma unenhliziyo enhle usheshe ube umuntu ocunuka njalo, akwenzeki lokho uma unenhliziyo enhle.
 
6.Ngikhula, angazi ukuthi ngangineminyaka emngaki, ngangiwumumtu othanda kakhulu ukuba ngifunde iBhayibheli, nezihlabelelo zamaNazaretha ngason sonke isikhathi. Kwesinye isikhathi ngangithi ngidla ngibe ngifunda.
 
7.Ngelinye ilanga umama weza kimi, wathi: “Mtanami ngaso sonke isikhathi ngikubona ufunda iBhayibheli, ufunda isihlabelelo, uyakuthanda yini ukukholwa? Ngathi mina, “Ngiyakuthanda mama.” Wayesethi: “Kodwa ngenke ungene ezulwilini.” Nngathi mina: “Ngani mama?” Wathi: “Unenhliziyo embi, umuntu onenhliziyo embi wathi uBaba iLanga akangeni ezulwini. Manje nawe noma ukuthanda ukukholwa, kodwa unenhliziyo embi, manje ngeke ungene ezulwini.”
 
8.Ngethuka kakhulu, ngase ngithi: “Mama, ngoba ngidaliwe nje, kufanele ngenzenjani?”, ngoba wangitshela ukuthi nginenhliziyo embi ngani. Ngangiwumuntu owayesheshe ecunuke, futhi ngingakwedlulisi okungicunukile. Ngase ngithi-ke kumama: “Manje mama ngizokwenzenjani ngoba ngidaliwe?” Wathi umama: “Akekho umuntu odalwe ukuba enze isono. Ngaso sonke isikhathi uma uya esiguqweni, ubofike ucele kuNkulunkulu, uthi: “Nkosi ngicela ukuba ungiphe inhliziyo enhle, ungiphe ukuba ngingasheshe ngicunuke, ungiphe ukuhlakanipha kwasezulwini, ngikwazi ukwahlukanisa okuhle nokubi, ungikhumbule ngosuku lwami lokugcina, mhla inyama isihlukana nomphefumulo.” Wathi umama uBaba iLanga uthe uma sithandaza singakukhohlwa ukuthi sicele ukuba uNkulunkulu asiphe ukuhlakanipha kwasezulwini, sikwazi ukwahlukanisa pkuhle nokubi, uNkulunkulu asikhumbule ngosuku lokugcina, mhla inyama isiyehlukana nomoya.
 
9.Uthi ke umama nami njalo uma ngiya esiguqweni ngingayeki ukuthandaza kanje. nempela ekuthandazeni kwami ngangihlale ngithandaza njengoba ngifundiswe ngumama, kwazise kwethu sasihlale sithandaza izikhathi eziningi.
Kwenzeka isimanga, ngathi ngibona kwakuphela isonto, amasonto amabili, amathathu, ayisithupha, kuze kuphele unyaka ngingakaze ngithukuthele, kuthi uma ngithukuthela bese ngishawa likhanda elibi, bese ngikwedlulisa ukuthukuthela ngesaba lokhu kugula. Kanti uNkulunkulu uyangelapha!
 
10.Ngelinye ilanga umngani wami wathengelwa into enhle, kodwa angisakhumbuli ukuthi kwakuyini. Ngithe ngizwa ngangigula, ngingenwa ukugula. Ngase ngizwa izwi likhuluma libhekise kimi, kwaba sengathi likhuluma enhliziweni yami. Lathi: “Awunalutho, into nje uphethwe umona, unomona!” ngashawa uvalo, ngethuka futhi njengesikhathi ngangitshelwa umama ukuthi nginenhliziyo embi. Ngathi: “Hawu, kanti nginomona?” nempela, kwathi ekuthandazeni kwami, ngase ngifaka ukuthi uNkulunkulu aqede umona enhliziweni yami.
 
11.Njengoba ngangingasathukutheli, kanjalo, kancane kancane, ngezwa uma umuntu ethole into kungenzeki kimi. Kwahamba kwahamba kwedlulela kulokho, ngithe ngizwa, kwathi uma umuntu ethole intop, nami ngifikelwe ukujabula njengaye. Kwaphela nya ukuthi ngibe nenhliziyo yokucasuka, kwaphela nya ukuba ngibe nomona. Ngathi ngikhulula ngase ngaziwa njengomuntu onenhliziyo enhle, nasesikoleni, nasemsebenzini ngaziwa njengomuntu onenhliziyo enhle, kanjalo nasemsebenzini.
 
12.Njengoba ngijwayele ukusho, empilweni yami angikaze ngimshaye umuntu, futhi angikaze ngishawe umuntu. Empilweni yami angikaze ngibaleke, ngibalekela ukushawa, angikaze ngingeniswe e-Office ngithethe noma icala elinjani. Ngakhula kanjalo nje ngaze ngaba mdala! Kodwa lenhliziyo elungile ngayicela, ekuqaleni ngangingenayo. Kodwa ngafundiswa ngumama ukuthi noma yisiphi isono onaso, ubosiceba kuNkulunkulu, bese ucela ukuba sisuke kuwe! Uma leso sono sikuhlupha, uhlale usiceba kuNkulunkulu, ekugcineni sophela!
 
13.Inkinga-ke esinayo ukuthi sesikhulume kakhulu ngokuthi kufanele siyeke izono sihambe ngomthetho kaNkulunkulu, kodwa le ndaba yenhliziyo embi asigxili kuyo, ngoba iningi lethu sinenhliziyo embi ngezidlela eziningi. Inhliziyo embi ikwenzisa zonke izinto eziphambene nomthethoo kaNkulunkulu.
 
14.Ngeshwa bonke abantu noma sebekholwa, kodwa inhliziyo embi ayisuki kubo. Noma abantu beba nasikhundla sini esontweni, kodwa inhliziyo embi ayisuki kuye. Futhi bayayiziba inhliziyo embi kanti inhliziyo embi iyona okuthi usukholiwe, umenzele konke okuhle uNkulunkulu, bese ikusa ekulahlweni, ngoba awunayo inhliziyo emnene, inhliziyo engenamagqubu, inhliziyo engenamona!
 
15.Ngeshwa inhliziyo embi umuntu akakwazi ukuyibona ukuthi ikubo, umuntu uyayew akhombe abanye, kanti lenhliziyo naye imembethe, kodwa akayiboni. Umuntu onamagqubu isikhathi esiningi akazi boni ukuthi unamagqubu, umuntu ononya akaziboni ukuthi unonya, umuntu onomona akaziboni ukuthi unomona!nenhlanhla umuntu okwazi ukubona ukuthi nginenhliziyo embi. Unenhlanhla umuntu okwazi ukubona ukuthi nginenkinga yokuba namagqubu, unenhlanhla umuntu okwazi ukubona ukuthi nginenkinga yokuba nomona, unenhlanhla umuntu okwazi ukubona ukuthi nginonya, unenhlanhla umuntu okwazi ukubona ukuthi ngiyaziqhenya, ngiyazikhukhumeza!
 
16.Abakwazi abantu ukuba bekubone lokho noma unakho awukwazi ukukubona. Nami angizange ngakubona, kodwa ngaba nenhlanhla yokuthi ngitshelwe umzali wami ngisemncane, ngangisemncane kakhulu, kodwa umzali wami wangitshela ukuthi noma ukuthanda ukukholwa kodwa le nhliziyo yakho izokubamba ukuthi ungene ezulwini ngoba uNkukulunkulu ufuna abantu abanenhliziyo enhle. Inhliziyo enhlke-ke iba nezinto eziningi ozenzayo ezi positive!
 
17.UMfundisi uMpanza (Bonga Mpanza) wake wakhuluma ngomfana, angazi noma wayefunda naye yini. Uthi wayenamagqubu, wabambela umuntu amagqubu ngisho esefile. Ngicela ukuthi in short uMfundisi uMpanza eke eyikhulume le ndaba
 
18.Rev Bonga Mpanza: Le nsizwa, noma ngingeke ngiyibize ngesibongo sayo manje, sasisebenza nayo sise nkampanini yakwa Di-Scheme khona la e-New Germen. Le nsizwa yaxoxa ngokuthi isakhula yayelusa izinkomo, ithi ithe uma ilusile izinkomo le nsizwa, kwase kungena izinkomo zakwamakhelwane wakhe ensimini zadla umbila.
Uma sezidla umbila, kwase kuqhamuka umuntu esefika esembiza lo mfana, ethi uhlaleleni, akaziboni yini lezinkomo zidla umbila, wayesemshaya, emshayela ukuthi izinkomo akazikhiphile ensimini, akahambe eyozikhipha. Wase eyazama ukuchaza ethi: “Lezi zinkomo akuzona ezakithi mina nazi ezakithi engizilusile.” Wamshayela khona lokho ukuthi uthi akuzona ezakubo lezinkomo, uluse ezinye izinkomo.
 
19.Ngenkathi emshaya lomfana wayesemncane, wathukuthela kakhulu, wathukuthela ngalendlela exakile. kwakusho yena, le ndaba ixoxwa nguye. Uthi ngendlela athukuthela ngayo, wazitshela ukuthi naye mhla wakhula uzomshaya lo muntu. Kodwa lo muntu wayemdala kakhulu kunaye. Wathi nje kodwa mhla wakhula uzomshaya, wamzonda impilo yakhe yonke kwaze kwafika isikhathi la lo baba ehamba khona emhlabeni.
 
20.Uma eseshonile, uthi wathukuthela kakhulu, ethukutheliswa ukuthi ushone engamshayanga. Uthi wayethi uma eyodlula ethuneni lakhe, njalo ekuseni adlule acoshe amatshe, alijikijele ithuna. Wayethi uma echaza, ngesikhathi ekwenza lokhu kwakhe ukuthi wayenzenjani, wawuye umbone ehlukana kabili. Walishaya lelithuna, wakhula waze waganwa, waba indoda, kodwa akakaze axole, ngisho eseganiwe eseyindoda, wayelwa nalelithuna ngendlela ongakaze uze uyibone. Elwa nalomuntu ukuthi umshayela nje ukuthi wamshaya.
 
21.Kwaze kwafika lapho khona sekufika umndeni wakhona uzosho ukuthi lo muntu ngathi uyakhala. Usesimeni esibi, unomuntu omzondayo, ucela ukuyoxoliselwa kulomndeni ngoba lo muntu uyamzonda umshaya njalo uma edlula lapha ethuneni. Angazike ukuthi kwenzeka kanjani. Kwakusho yena ukuthi kwaze kwafika umndeni wakulomuzi uzoxolisa, uxolisela lo baba, ngoba wayekade eshawa ilo muntu owayenenhliziyo embi eyayingaxoli”. Amein.
 
22.Lesi isibonelo esiqondile senhliziyo enamagqubu, lomuntu owayexoxa lendaba wayengaboni ukuthi unenhliziyo embi, yikho nje wayixoxa lendaba.l Lo muntu wayefundile, njengoba ethi uMfundisi uMpanza babesebenza naye, kwakuyisifundiswa lesi, futhi ngenkathi exoxa le ndaba wayengaboni ukuthi lento owayeyenza yayiphambene kanjani nomthetho kaNkulunkulu. Nginikeza uMfundisi uMpanza ukuba akhulume lendaba ukubonisa ukuthi abantu abaningi noma ngabe bafundile, noma ngabe bakholiwe, kodwa inhliziyo embi ayisuki kumuntu, kodwa futhi engaboni ukuthi unenhliziyo embi!
 
23.UBaba iLanga wake wakhuluma ngoSathane, wathi uSathane kwakuyiNgelosi enhle kakhulu, futhi ehlakaniphile kakhulu, futhi enesikhundla esikhulu kunazo zonke izingelosi. Uthi ke uBaba, inkinga kaSathane yayiyinye, ukuthi wayengenalo uthando, engenayo enye into oyithandayo ngaphandle kokuzithanda yena. Lenhliziyo yayimenza asole noma yini engathinti yena, esola ngisho uNkulunkulu. Wafaka umoya ezingelosini ukuthi nazo zimsole uNkulunkulu.
Manje umoya WOKUZIFUNELA OKWAKHO usukela lapho.
 
24.Uma unenhliziyo embi uba namagqubu, igqubu inhliziyo engaxoli, inhliziyo eyenza ukuthi uma uke wathukuthela noma ngabe umuntu ukuthukile, noma ngabe bekuliphutha ukuba akuthuke, ngenke usaxola, uyolokhu uthi: “Lomuntu angenke ngimxolele wangithuka.” Umuntu ongaxoli noma sekungena umuntu wesithathu ecela ukuba anihlanganise ukuze nixolelane, kepha wena unqabe. Uthi akazizele yena azozixolisela. Kodwa umthetho kaNkulunkulu uthi ungayi esidlweni unomuntu eningakhulumisani naye! Umuntu onamagqubu uyokwenqaba lokho ngoba ubona ukuthi uma ilungiswa lendaba akasezukwazi ukuzonda lomuntu, kanti inhliziyo yakhe iyajabula ngoba ibe nomuntu emzondayo.
 
25.Kodwa kuwumsebenzi womuntu oyikholwa ukuthi noma ngabe oxabene naye bekufanele noma bekungafanele, kodwa uma uwumuntu oyikholwa, uwumuntu othatha isidlo, uthi umthetho kaNkulunkulu, ungasamukeli isidlo uma kukhona umuntu oxabene naye, qala kuqala uyolungisa indaba yakho nalomuntu. Uma ke yena engafuni ukuxola, indaba yakhe leyo. Kodwa umuntu akasithathi isidlo enomuntu angazwani naye.
 
26.ISIHLABELELO 149 verse 2.
MaNazaretha yibani munye
Nizothandwa nguJehova,
Ningahlali nehlukana
Nizolahlwa nguJehova
Thandanani nibe munye
Nizothandwa nguJehova.
 
27.UMkhokheli ekuseni uke wathi siphoqelekile ukuba senze izinto ezithandwa nguJehova. Lelibandla ibandla likaNkulunkulu. Ngakho-ke akufanele ukuba kutholakale isici kulo. Umuntu nomuntu akabheke ukuthi ukhona yini umuntu ongezwani naye, noma ngabe uyiNazaretha noma akayilo iNazaretha, ngoba awuyi esidlweni unomuntu eningabuyisene naye.
 
28.Lapha sasidla isidlo, kodwa okunye ingelosi eyakusho, yathi lesi sidlo enisithathayo asikho emthethweni ngoba kukhona abantu abaya esidlweni benamagqubu nabanye abantu. Isidlo asithathwa umuntu onamagqubu nomunye umuntu. Uma kunomuntu omaziyo ukuthi kunomuntu abangezwani naye noma ngabe uthi unesizathu sokungezwani naye, akusho lokho ezulwini, okusalayo ukuthi uthi uNkulunkulu kumele ukuthi ngaphambi kokwamukela isidlo kumele ubuyisane nomuntu eningezwani naye! Kodwa okubalulekile ukuthi noma imuphi umuntu ongezwani naye okulelibandla kufanele ukuthi ubuyisane naye. Ukubuyisana nomuntu akukhona ukuthetha amacala, kodwa ukubuyisana nomuntu ukuthi uye kumuntu uthi, “Uma kukhona engakona ngakho, ngicela ukuthi ungithethelele, nami ngiyakuthethelela ngowangona ngakho.”
 
29.Noma ngabe lowo muntu akakushongo lokho, kodwa uma uye kumuntu wathi ‘ngicela ukuthi lento siyedlulise, uyobe usebenze umsebenzi omkhulu ezulwini, ngoba uNkulunkulu uthi uma ngabe nixabana ngeke enamukele, uJehova wamukela abantu abangaxabene, abathandanayo! Ngiyazi ukuthi uma ngingase ngibuze ukuthi izinhliziyo zenu zimi kanjani, ngithi phakathi kwenu imuphi umuntu ongasukuma ethi mina umuntu esaxabana naye, ngambiza ngayilungisa indaba yami naye, bancane kakhulu abangase bakusho lokho.
 
30.Akugcini ngokuthi mhlawumbe nibe nezitha nabantu abangaphandle, ngisho la esontweni, kunabantu abangakhulumisani. Ungaba negqubu nomuntu ngesizathu esithile, kodwa uma kufika owesithathu ecela ukulungisa indaba yenu, wenqabe, ngoba unenhliziyo embi, unenhliziyo engaxoli! Kodwa lenhliziyo yakho ngelinye ilanga iyoba isitha kuwe!
 
31.Umpostoli uthi inhliziyo enhle iyabekezela, imnene, inhliziyo enhle imnene, ayinamhawu, ayizigabisi, ayizikhukhumezi, ayizifuneli okwayo, ayicunuki, ayinamagqubu, ayithokozi ngokungalungile, kepha ithokozela iqiniso. Sonke kufanele singagcini ngokuyifunda lentshumayelo, kodwa sikwenze eselulekwa ngaso. Sikulwele ukuthi lezi zinto ezibalwe lapha sinazo yini, ngoba uma singenazo, uthi uMphostoli lapha, noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kepha ngingenayo inhliziyo enhle, angiyinto yalutho.
 
32.Noma ngikwazi ukuprofetha, noma ngikwazi ukuqonda imfihlakalo yomuntu, noma ngikwazi ukuthi nginikele ngesidumbu sami ukuba sishiswe, konke lokho akusizi lutho uma unenhliziyo embi, ngoba uNkulunkulu uyothi ukwenzile konke lokho, kodwa ubunenhliziyo embi, ubunamagqubu. Ngokwasezulwini ukwenza akugcini ngokuthi wenze into ebonakalayo.
 
33.Uthi uBaba iLanga, kuyenzeka ukuthi umuntu etholakale engenasono, etholakale ukuthi akakaze enze into embi kumuntu, kodwa kuthi uma kufunwa inhliziyo yakhe, bese kutholakala inamabibi, inamagqubu, inenzondo, inomona, inayo yonke into embi. Kodwa ungakaze uthi ngalomona wakho wenze into embi, ngalamagqubu akho ungakaze wenze lutho olibu, kodwa the mere fact ukuthi enhliziyweni yakho kukhona amagqubu, enhliziyeni yak,ho kukhona umona, enhliziyeni yakho kukhona unya, kutholakale ukuthi lo muntu akakwazi ukungena ezulwini ngoba noma engazange ngalomona wakhe wenza into embi, noma engazange ngalomhawu wakhe wakwenza okubi, kodwa yonke lento ikhona enhliziyweni yakhe, ngoba uYeshua uthi uma uke wabuka owesifazane wamkhanukela, usuphingile naye.
 
34.Ezulwini uyalahlwa ngesono osenze ngenhliziyo ungasenzanga ngomzimba wakho. Kukhona ukona ngenhliziyo, ungazange wenza, kanjalo nenhliziyo embi, ungaba nenhliziyo embi ungazange wenza lutho, kodwa leyo nhliziyo embi iyofike ivele ezulwini ukuthi wena unenhliziyo embi. Noma ngalenhliziyo embi yakho ungazange wathakatha muntu, noma ngalenhliziyo embi yakho ungazange wakwenza okubi, kodwa unenhliziyo embi, ngakho-ke awukho awukulungele ukungena embusweni wezulu.
 
35.Ngakho-ke lelivangeli liyivangeli labantu abakholwayo, abaziyo ukuthi mina ngiyawugcina u14, ngiyawugcina u23, mina ngikwenza konke, mina ngiyanikela, kodwa inhliziyo yakho imi kanjani? Kukhona lento ekuthiwa unya, unya inhliziyo eyaye yenyanye into ngaphandle kwesizathu, yenyanye nje, mhlawumbe udadewenu ehambe emhlabeni, eshiye abantwana bakhe kuwe ngoba wazi ukuthi udadweni.
Ubahluphe, ngenkathi ubahlupha laba bantwana awuboni wena ukuthi laba bantwana uyabahlupha, unonya kubo, awunasikhwele, ngoba udadewenu lo. Kodwa awukwazi ukuthi wenzele omunye umuntu into enhle. Laba bantwana bengabaka dadewenu, kodwa uyabahlupha!
 
36.Kodwa ungaboni wena ukuthi uyabahlupha laba bantwana, noma abantu sebesho ukuthi lo muntu lona ubahlupha kanjena abantwana bakadadewabo, kodwa ungaba nandaba. Omunye mhlawumbe kube abantwana bomkhwenyana wakhe, nozakwabo akekho nokuba bikho, sewafa, noma akakaze eze emgane lomyeni wakho. Kodwa ebe nenhliziyo embi ngalaba bantwana ebahluphe, ebe nonya, kodwa lolunya ngeke uluchaze ukuthi luyisikhwele, luyini, unya lokuthi awukwazi ukwenzela omunye umuntu into enhle!
 
37.Ngenkathi uba nonya kulaba bantwana, uhlukumeza umyeni wakho, ngoba phela abantwana bakhe, akukwazi ukuthi uma ubahlukumeza, engathinteki ngoba abantwana bakhe. Nabanye abantu bazogcina bethinteka ukuthi lo muntu ubafunani laba bantwana. Kwesinye isikhathi unkosikazi wakho, ezokugana enomntwana, bese uthola abantwana kuye, bese lo ofike naye umhlukumeze, umhlukumeze ngendlela exakile, kodwa uthi uyamthanda unkosikazi wakho, kodwa ungaba nandaba ukuthi uphatheka kanjani unkosikazi wakho uma usuhlukumeza lomntwana unkosikazi wakho ofike naye.
 
38.Eze egcine esuswa la eyobeka kwenye indawo, ngoba wena uyamuhlukumeza, awumazi ngisho uyise, mhlawumbe uyise, wafa, weza unkosikazi wakho ezogana wena, bese uhlukumeza umntanakhe, unya! Uma ungazange wamhlukumeza ngaleyondlela, ewumntwana wentombazane, ulale naye, umenze ebe unkosikazi wakho. Baningi abantu besilisa abanjalo, umuntu efike eganwe unkosikazi, unkosikazi efike nabantwana, laba bantwana ebese ebenza abafazi bakhe, abazalwa unkosikazi wakhe, unya lolo!
 
39.Awukwazi ukubona ukuthi lento oyenzayo izomphatha kanjani unkosikazi wakho, unonya! Awukwazi ukubona ukuthi le ngane uyimosha kanjani, unonya, uzifunela okwakho. Lesi senzo singukungamcabangeli omunye umuntu, uzifunela okwakho kuphela! Leyonto ayi ukuthi yenziwa abantu abangakholiwe, yenziwa abantu abakholiwe abafana nathi nje, abanye abangabafundisi, abanye abayilokhu nalokhu, abahloniphekile! Siyakufunda lokhu emaphepheni, kakhulu ukudlwengula okuningi kwenziwa abafundisi.
 
40.Omunye eqale ibandla kanti ngalelibandla wenzela ukuthi esondeze abantu besifazane, noma uganile umuntu wesifazane noma uyintombi noma uyingane, elale naye, kodwa ewumfundisi, unenhliziyo embi, unenhliziyo ezifunela okwayo!
 
41.Nasemsebenzini kukhona lento okuthiwa umona, okuthiwa umhawu, umuntu uma enomona, akafuni ukubona omunye umuntu eba ngcono kunaye, yonke into ifanele yena, noma ngabe uthole isikhundla, lesi sikhundla abone ukuthi bekufanele sitholwe nguye! Noma ngabe uthole imoto, ngibone ukuthi le moto bekufanele itholwe yimi! Umona awunendaba, noma uyikholwa, uhamba nawo lo mona, ukhule nawo, noma ngabe uwumholi, uhamba nawo lo mona ukhule nawo!
 
42.Njengoba ngiwumholi nje, kufanele ngibheke izimoto ukuthi lo muntu akafanele ebe nemoto eyedlula eyami, ngoba ungaphansi kwami, ngikwenze lokho ngiwumholi kaNkulunkulu, kodwa umona unikhiphe ukuba ngumholi kaNkulunkulu! Lo muntu akufanele ebe nendlu eyedlula eyami, ngoba ngingumholi wakhe, yimina okumele ngibe nomuzi omuhle! Awunawo umoya kaNkulunkulu, unomhawu, uze ube nomhawu kubantu obaphethe, ungabafiseli okuhle, ufise sengathi okuhle kungaba kuwe.
 
43.Ileyonto edinga ukuba ikhulunywe kubantu abangamakholwa, ngoba awukwazi ukuthi ungene ezulwini unamagqubu, ungafuni ukuthi uxole, awukwazi ukuthi ungene ezulwini unonya. Sake saba nomunye uMkhokheli lapha owayenonya ngendlela eyisimangaliso. Kwakunengane yomyeni wakhe owayeyithole entombini, yabe isizohlala naye.
 
44.Lomkhokheli wayihlupha kakhulu lengane, igcine isilala emizini yabantu, sibone sesithola izingcingo zabantu ebusuku besitshela ngalengane ehlukunyezwa esontweni, sishayelwa izingcingo ngabantu abangakholwa. Kodwa konke lokhu kwenziwa ngumkhokheli, kodwa engaboni yena ukuthi lento oyenzayo ngunya, ngoba nonina waleyo ngane angazi noma wabe sewafa yini. Akufanele-ke ukuthi uthi ukholiwe ube nonya, akufanele ukuthi uthi ukholiwe ube namagqubu.
 
45.Kukhona lento ekuthiwa isikhwele, ngesingisi ayikho into eyisikhwele, kuthiwa i-jealous. I-jealous isikhwele, kodwa ngesizulu esiqondile umona. Ziningi izinto ezenziwa isikhwele, abantu besifazane uma benza izinto ezi wrong baye bethi hhayi nginesikhwele, eze esho ukuthi hhayi nginesikhwele, kodwa okuseqinisweni kufanele ethi hhayi nginomona. Isikhwele, inhliziyo yokuzifunela okwakho!
 
46.Lokhu siyaye sikuthole kakhulu kubantu besifazane abasesithenjini. Uthole ukuthi umuntu noma ekholiwe, uyahamba eyofuna umuthi wokuthi enze ukuthi umyeni wakhe athande yena yedwa. Leyo nhliziyo akufanele ukuthi ibuse umuntu olikholwa, ukuthi umyeni wakho wazi ukuthi nigane nibabili, bese uba nenhliziyo ezoze ikwenze ukuthi uyofuna umuthi wokuthi ethande wena wedwa.
 
47.Siyatholakala-ke leso simo emzini yabantu abanesithembu. Amanye amadoda aze afakwe intando yokuthi umyeni wakho akathande yena yedwa.Ngenkathi ukwenza lokho noma ukwenza practically, noma ukwenza ngomuthi noma ukwenza ngenhliziyo, kuyisono Ngoba uNkulunkulu ukubhalile ukuthi umyeni wakho akanithande ngokulingana. Uma wena usufuna kuthandwe wena wedwa, uNkulunkulu uzokulahla!
 
48.Abantu besilisa, angazi noma bonke basuke sebefakwe intando yini, ethi umuntu eganwe isithembu, kodwa amakhosikazi akhe engawaphathi ngokufanayo, ngokusobala! Indlela yokuphatha amakhosikazi ayihambelani nokuthi lo muhle noma lo ukhuthele noma lo unjani, iyafana exactly nendlela ophatha ngayo izingane zakho. Njengoba sikhona nje sinezingane eziningi, kodwa awukwazi ukuthi ngoba mhlawumbe ingane ethile i-good kunenye, bese uqhakambisa ukuyithanda kunenye. Uthando lwakho kufanele lufane kuzo zonke, noma ngabe enye ingekho good mhlawumbe enye ihlakaniphile kakhulu, kodwa zonke izingane zakho kufanele ukuthi uzithande ngokufana. Kanjalo namakhosikazi akho kufanele uwathande ngokufana!
 
49.Kulelibandla asivunyelwe ukuthi sibe nesithembu, kodwa bakhona abantu abanesithembu ngoba umuntu uma ekholwe lapha enesithembu, asenzi njengama missionaries ayethi iza nonkosikazi oyedwa. Ukuthi nje asikuvumi ukuthi umuntu ethi enonkosikazi la ebese eyofuna omunye unkosikazi bebe babili ngoba asiwufuni umsindo, hhayi ngoba kuyisono, kodwa asiwufuni umsindo. Kodwa labo asebenamakhosikazi ngamabili, esonta kulelibandla, kufanele ukuthi lawo makhosikazi ekwazi ukuthi akwemukelekile kulelibandla ukuthi bebange indoda noma ngayiphi indlela!
 
50.Omunye uyaye ajabule ukuthi umyeni wami utshengisa uthando kimi kunozakwethu, lokho kuyisono, noma umyeni wakho ethi uyakwenza ngoba ejabulisa wena, kufanele umtshele ukuthi cha phela uzakwethu naye kufanele ukuthi ethole ukudla, uzakwethu naye kufanele ukuthi uye kuye!
Ungakugqugquzeli ukuthi uzakwenu ebe isaliwakazi kumyeni wakho, ngoba ngenkathi wena ukwenza lokho, ekufeni kwkho uNkulunkulu uyokuvimbela ukuthi ungene ezulwini.
 
51.Usukholiwe wenza yonke into, kodwa bese ungangeni ezulwini ngendlela oziphathe ngayo emzini wakho!
Ungabanaso isikhwele ngoba nikubiza ngokuthi isikhwele, kodwa umona, ungabanawo umona ngozakwenu. Okutholile ukunikezwa umyeni wakho, kufisele nozakwenu ukuthi ekuthole njengoba nawe ukutholile. Ngoba uma ungakwenzi lokho uNkulunkulu uzokubopha! Nendoda kufanele ngaso sonke isikhathi ibone ukuthi amakhosikazi ayo iwaphethe ngokulingana njengoba iphethe abantwana bayo ngokulingana.
 
52.Lapha esithenjini kuze kungene umona wokuthi omunye unkosikazi efake umoya kumyeni wakhe ukuthi engabathandi abantwana bomunye unkosikazi, kodwa bezalwa nguye. Naye aze ugcine lo moya umngena wokuthi ethande abantwana bentandokazi, bese enyanya abantwana besaliwakazi. Indoda ekulelibandla ingakulokothi lokho, bengababikho abantwana bomama othandwa kakhulu kunabanye abantwana. Bonke abantwana must feel ukuthi ubaba lo.
 
53.Ngikusho lokho ngoba ngiyakwazi ukuthi kuyinkinga kanjani ukuba sesimeni esinjalo. Nami ngazalwa esithenjini. Ngaze ngakhula ngahamba ekhaya ngingakaze ngimubone ubaba ekwethu, wayehlala kumama oyedwa, angikaze nangelilodwa usuku ngimbone ekwethu. Angikaze ngimbone ubaba ehleka nomama, into engangike ngimbone eyenza ukumshaya, kodwa angikaze ngimbone ehleka nje nomama. Sasiyinto nje efana nabantu abalahliwe, kodwa sisekheya.
 
54.Lolusize lukamama lwaze lwenza uBaba iLanga esilande kwaMpanza sohlala eVelabahleke! Ngakho-ke ngiyakwazi ukuthi kunzima kangakanani ukuba uthi uganile bese uba isaliwakazi, ngoba amadoda amaningi, angazi noma asuke esedlisiwe yini, kodwa akugcini ngokuthi kube amakhosikazi awo ayisaliwakazi, kodwa nezingane zawo ezizalwa izaliwakazi zigcina zibe izaliwakazi kuyise! Lento ingenzeki kulelibandla!
 
55.Kubantwana abazalelwe esithenjini, ngiyabeluleka ukuthi bengangeni ezindabeni zabazali babo, noma ngayiphi indlela. Ngoba uma bengena ezindabeni zabazali babo, bazokhula nabo bonakele, ngoba noma umama wakho ebheda, ngenke ukubone lokho, ngoba umzali wakho! Bazokhula benezono ezidalwe ngabazali babo ngoba awukwazi ukubona umama wakho ukuthi u wrong, akwenzeki, uyohlala ubona umama wakho ukuthi uyahlushwa, kanti umama wakho oyinkinga, kugcine uma ethakatha nawe usuthakatha. Ngakho-ke kufanele ngaso sonke isikhathi abantwana abazalwa esithenjini bezifundise ukuthi bonke onina ngonina!
 
56.Uma umama wakho emdala, nonke nithi umama omdala, uma umama emncane, nonke nithi umama omncane. Omama benu ningababizi ngezibongo ukuthi uma sibanibani nomasibanibani nibabize ngomama, umama omdala, umama omncane! Lokho kokwenza ukuthi ikhaya lakini lihlale liqondile, uma bexabana usuke kubo, ngoba definitely uzovuna umama wakho, kanti umama wakho uyena onephutha, kanti uma nonke nisukile ekukhulumeni kwabazali benu, angeke nibe nenkinga. Kubantwana abazalwa esithenjini, bonke abantwana abzalwa ubaba wakho noma bazalwa komunye umama, treat them equally, ningehlukani! Ungasho ukuthi lo uzalwa iloya mama, lo mina ngizalwa Ilona, bese nehlukana. Ngoba lokho kwehlukana kwenu uNkulunkulu akakufuni, lokho kwehlukana kwenu kuyo kodala ekwehlukana kwalomuzi, nigcine nithakathana. Nithakathana ngezinto eningahlangene nazo.
 
57.Ngoba la uthi uMkhokheli kufanele senze lokho okuthandwa uNkulunkulu, ngoba njengoba silapha nje, sifuna ukuya ezulwini. Uma sifuna ukuya ezulwini, asizifundise ukwenza izinto ezithandwa uNkulunkulu. Singafani namanye amakholwa, singafani namanye amaNazaretha, yonke into yalapha ayiqonde! Ungathi usufake ingubo emhlophe kodwa kutholakale enhliziyweni yakho unamagqubu. Kungathi sewufake ingubo emhlophe kutholakale enhliziyweni yakho unonya, kungathi ufake ingubo emhlophe kutholakale enhliziyweni yakho usunomona!
 
58.Uthi-ke uPhawuli noma ungaba nasiphi isiphiwo, noma ungaprofetha noma unganikela ngomzimba wakho ukuthi ushiswe noma ungenzani kodwa uma ungenayo inhliziyo enhle konke lokho akusho lutho!
 
59.Ngakho kufanele ukuthi uma sifuna ukuba sibengcwele, sibe ngcwele ngampela, singabangcwele ngokuthi sigcine nje imithetho ebonwa ngabantu, kodwa sichazwe njengabantu abanezinhliziyo ezinhle, abantu abanganawo amaqgubu, abantu abanganawo umona, abantu abanganalo unya, abantu abanganaso isikhwele, sonke sibe njalo ukuze singene ezulwini. Singenzi lokhu esikwenzile, yagcina ingelosi ithi asingasithathi isidlo, ngoba siya esidlweni singahlambulekananga!
 
60.Ungathi uma uyindoda, ube nonya nabantwana bonkosikazi wakho ngoba ubona ukuthi abazalwa uwe, bese ubakhetha, unya lolo, ngoba hhayi ukuthi unesikhwele, unenhliziyo embi, ayikho into ongayichaza ukuthi le ngane lena ngoba izalwa umkami, lezi ezinye zizalwa umkami biologically, lena yoneni, kodwa unenhliziyo yesilwane, unonya, akufanele ukuthi sibe nonya la!
 
61.Ngakho-ke nginitshela ngoba liyakhula lelibandla kakhulu ukuthi nikwazi ukuthi lelibandla liyibandla elakhelwe ukuthi sonke siye ezulwini, kodwa ukuze sonke siye ezulwini, kufanele ukuthi izinhliziyo zethu ziqonde, wonke umuntu akathiwe unenhliziyo enhle, wonke umuntu akakwazi ukuthi exole, wonke umuntu akakwazi ukuthi enganabanalo unya, wonke umuntu akakwazi ukuthi engaba nawo umona, nonke nibe nothando lwasezulwini, nibe nothando lukaNkulunkulu.
 
INkosi ibusise lokho enikuzwile.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *