Skip to content

USHEMBE WAZOVUSELELA UMTHETHO KAMOSE NEZIMFUNDISO ZABAPROFETHI

Ukulandela izimfundiso zikaYeshua, sizwa umfundi wakhe uJohane ku 1 Johane 3-6, ethi:

“Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi yena uma sigcina imiyalo yakhe. Lowo othi, ngiyamazi, engagcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, iqiniso alikho kuye.

Kepha ogcina izwi lakhe, uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye impela. Ngalokho siyazi ukuthi sikuye. Lowo othi uhlala kuye, kumele ukuhamba njengalokho yena ahamba.”

1. Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko sale nkonzo sithi “UShembe wazovuselela umthetho kaMose nezimfundiso zabaprofethi.”
 
2. Ngaso sonke isikhathi uma ufunda umlando wesizwe noma wenkolo, kumele ungakuthathi konke okushiwoyo ungakuhlolisisanga, ngoba umlando wethu ubhalwe ngabezizwe abayizitha zethu ezinkulu!
 
3. Kumele wenze ucwaningo, ubheke ukuthi akukho yini okufihliwe nobekuvezwe ngendlela engeyiyo; ufunde nezincwadi ezehlukile!
 
4. KwiZenzo 24:5 sifunda ukuthi uPaul wabe engumholi webandla lamaNazaretha.
 
5. Kodwa kuyo yonke i-New Testament akukho lapho kukhulunywa khona ngamaNazaretha, lana okuthiwa uPaul wayengumholi wawo!
 
6. Kodwa uma usufunda ezinye izincwadi, uthole ukuthi vele uSha’ul wabe engumholi wamaNazaretha emva kokuphendukela enkolweni yobuNazaretha eyayiholwa nguYeshua!
 
7. Njengamagama athi ‘Jehova’ nokuthi ‘Yeshua”, leligama lamaNazaretha lakhishwa kuNew Testament, ngoba kwabonakala ukuthi ukuvela kwalo kuzoveza ukuthi uYeshua wayesenkolweni kaJehova, kanti abezizwe basebesifundise ukuthi uYeshua ungumsunguli wenkolo yabo!
 
8. Inkolo kaJehova yehlela esizweni sakwa-Israel, yalethwa nguJehova uqobo lwakhe ngoMose.
 
9. Ku Duteronomi 6: 4-5, uMose wakhuluma lamazwi:
 
10. Yizwa Israel uJehova uNkulunkulu wethu, UJEHOVA MUNYE. UMthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangawo wonke amandla akho.”
 
11. Ku Duteronomi 10:12-13 uMose uthi:
 
12. “Manje-ke Israel uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe, ngaphandle kokuba umesabe, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho.
 
13. UGCINE IMIYALO KAJEHOVA NEZIMISO ZAKHE engakuyala ngakho ngalolo lusuku ukuba kube kuhle kuwe na?”
 
14. Le mfundiso kaMose ikubeka obala ukuthi inqubo yayo ukugcina umthetho kaJehova owawunika okhokho bethu entabeni yaseSnayi.
 
15. Ukufakazela lokhu, kuMathewu 5:17-19 uYeshua uthi:
 
16. “Ningasho ukuthi ngizochitha umthetho kaMose nezimfundiso zabaprofethi, kepha ngize ukuzogcwalisa.
 
17. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: “kuyokwedlula izulu nomhlaba, kodwa akusoze kwadlula nalinye igama, nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke.
 
18. Ngakho-ke oweqa owodwa kulemiyalelo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa ngomncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu.”
 
19. Ukugcizelela lamazwi, kuMathewu 7:21-23 uYeshua uthi:
 
20. “Akusibo bonke abathi kimi: Nkosi, Nkosi, abayongena embusweni wezulu, kodwa kuphela yilowo owenza intando kaBaba osezulwini.
 
21. Abaningi bayothi kimi ngalolo suku: Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amadimoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho na?
 
22. Khona ngiyakubatshela emehlweni ngithi: angizange nginazi, sukani kimi nina benzi bokubi!”
 
23. Eminyakeni yo 33 A.D uYeshua wahamba emhlabeni, kodwa wabuya ngesibonakaliso kubafundi bakhe, wakhuluma nabo kuMathewu 28:19 wathi:
 
24. “Ngakho-ke hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhabhadise egameni likaYise, neleNdodana nelikaMoya oyingcwele. NIBAFUNDISE UKUGCINA KONKE ENGINIYALE NGAKHO.”
 
25. Emva kokuvela kukaYeshua kubafundi bakhe, nempela baphuma BAYOFUNDISA IZIZWE NGOMTHETHO KAMOSE NEZIMFUNDISO ZIKAYESHUA.
 
26. Ukulandela izimfundiso zikaYeshua, sizwa umfundi wakhe uJohane ku 1 Johane 3-6, ethi:
 
27. “Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi yena uma sigcina imiyalo yakhe. Lowo othi, ngiyamazi, engagcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, iqiniso alikho kuye.
 
28. Kepha ogcina izwi lakhe, uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye impela. Ngalokho siyazi ukuthi sikuye.
 
29. Lowo othi uhlala kuye, kumele ukuhamba njengalokho yena ahamba.”
 
30. Lapha ngiveze umsuka wenkolo yethu, nezimiso zayo njengoba zafundiswa nguMose kuze kufike kuYeshua, nabafundi bakhe abaqhubeka nazo uYeshua engasekho emhlabeni.
 
31. Kodwa kulesi sikhathi samanje inkolo esinayo ayisahambi ngokwezimiso zikaJehova nangokwezimfundiso zikaYeshua nabafundi bakhe.
 
32. Njengesizwe esizimisele ukubuyela kuJehova, kumele sazi ukuthi abezizwe bayichitha kanjani inkolo kaJehova owayiletha kokhokho bethu, nokuthi kwenzeke kanjani sizithole sesibuswa yilenkolo yabezizwe!
 
33. Emva kokubusa kwenkosi uSolomon, isizwe sakwa-Israel samhlubuka uJehova, wase uJehova esinikela ezitheni zaso njengoba kubhaliwe kuDuteronomi 28.
 
34. Ngokuhlubuka uJehova, umbuso wakwa-Israel wahlaselwa waqedwa ngabezizwe, kwase kusala umbuso wakwaJuda.
 
35. Kodwa kwathi kuzalwa uYeshua ngo 4 B.C., nombuso wakwaJuda wabe usungaphansi kwesizwe samaRoma.
 
36. Ngesikhathi sikaYeshua, ayemane amaHLELO ayengaphansi kwenkolo kaMose.
 
37. Kwakungaba Farisi, abaSadusi, ama Essenes nama Nazarenes noma amaNazaretha.
 
38. Ngenkathi abafundi baka Yeshua bephuma eJerusalema babeyoshumayela inkolo kaMose, ngoba ngaleso sikhathi yayingakabi bikho inkolo yabezizwe.
 
39. Kanjalo, nangesikhathi uSha’ul, osekuthiwa nguPaul, eshaywa ngumbani engumFarisi, wayezingela amaNazaretha.
 
40. Emva kokuba esephendulwe ngu Yeshua ngesibonakaliso, uSha’ul wagcina esengumholi wamaNazaretha.
 
41. Lokhu kuchazwe kahle kuyi-Zenzo 24:5, lapho amaJuda ekhuluma ngo Sha’ul, ethi:
 
42. “Ngokuba lendoda siyifumene iyishinga, ivusa ukwambuka phakathi kwabaJuda ezweni lonke, IYINHLOKO YEHLELO LAMANAZARETHA.”
 
43. Emva kwaYeshua amanye amaJuda azama ukubuyisa umbuso wawo, kodwa ngo 70 A.D., isizwe samaRoma sahlasela, sasihlakaza sonke isizwe samaJuda.
 
44. Esewabhubhisile amaJuda, ngo 70 A.D., uMbuso wamaRoma wayichitha yonke inkolo kaMose!
 
45. Lokhu bakwenza ngemithetho ebizwa ngokuthi yiZivumo (ama Creeds). ISivumo esicacisa lokhu yilesi ethi:
 
46. “Ngiyayichitha yonke imikhosi, amadili, nemithetho ukudla isinkwa esingenamvubelo, iminikelo yamawundlu eyenziwa ngamaHebheru.
 
47. Ngichitha nayo yonke imikhosi yamaHebheru, imithandazo, ukulinda, ukuzila, ukuzingcwelisa kanye nokudumisa kwabo.
 
48. Ukuzila kwabo, imikhosi yabo yokweshwama, amaSabatha, nenkoloze, amahubo, nezaga, nokuya kwabo ukuyokhonza emathempelini kuchithiwe.
 
49. Mina ngokwami ngithi angikufisi nakancane ukuthi ngibuyele kwinkoloze yamaJuda, noma ukutholakala ngidla namaJuda.
 
50. Ngenza imikhosi kanye nabo, ngandlela thile ukukhuluma nabo ngasese ekuphikiseni nokugxeka kwabo.
 
51. Kunalokho uma kukhona ukukhuluma nabo kufanele kube ukuthi bayatshelwa ngokusobala ukuthi bashiye lo msangano wabo wenkolo yamaJuda.
 
52. Uma eke waba khona otholakala enza lokho noma imina uqobo, ngiyacela isiqalekiso sikaKhayini noma isifo sobulepheru bukaGehazi sivele sehlele kimi ngaso leso sikhathi.
 
53. Noma nhloboni yesijeziso sokwephula umthetho ngiyasemukela njengesingifanele, kanjalo futhi mangingamukeleki nasezweni elizayo likamoya, nomoya wami ulahlelwe uSathane nombuso wakhe!”
 
54. Ngalokho usuku lwangeSonto lungolokukhonza uJesu iNkosi njengoba bekwaziwa ukuthi liwusuku lweNkosi uBhali; uma uBhali ekhonzwa ngalolu suku ngoba eyinkosi, kanjalo noJesu uzokhonzwa ngalolu suku ngoba naye eyinkosi.
 
55. Yamukelekile nayo yonke imikhosi yamaKrestu kanye neyokudla, kanye neziphuzo zesizwe samaRoma. Ngamafuphi nje, konke okuyisikompilo nemikhosi yamaRoma siyayemukela kule nkolo entsha yamaRoma ebizwa ngobuKrestu.”
 
56. Nabebengazi ngalezi Zivumo, kumele baqonde ukuthi inkolo yokhokho bethu yashabalaliswa ngabezizwe ngolunya olusabekayo!
 
57. Cishe ngo 325 A.D., lo mbutho uConstantine wawenza ukuba ngokusemthethweni kube yinkolo yabezizwe.
 
58. Kwase kuthi cishe ko 500 kuya ku 600 A.D., kwahlanganiswa iTestamente Elisha, kodwa elakhiwe ngezincwadi zamaHebheru, ngaphandle kwencwadi yeZenzo ebhalwe yinkolo yabezizwe.
 
59. Kwathi uma kuhunyushwa le mibhalo yamaHebheru, eziningi izincwadi zahlanekezelwa ukuze zihambelane nenkolo yabezizwe.
 
60. Abantu ababesebenza ukuhlanekezela imibhalo yamaHebheru babebizwa ngokuthi ngama ‘correctores’. Owaziwa kakhulu ngalo mkhuba kwabe kunguJerome, umabhalane wenhloko yale nkolo yabezizwe.
 
61. Igama likaJehova nelika Yeshua lakhishwa kuyi Testamente Elisha.
 
62. NgesiHebheru uYeshua wabe ebizwa ngo Mesiya, kodwa leli gama lahunyushelwa kusiGriki, kwathiwa nguChristo (uKristu).
 
63. Abalandeli bakaYeshua amaJuda ayebabiza ngama Messianics, kodwa lokho kwahunyushelwa kuyisiGriki.
 
64. KuyiZenzo 11:26, ngolimi lwesiHebheru kuthi: “…kwaqala e-Antiyokiya ukuthi abalandeli bakaYeshua kuthiwa ngama Messianics!”
 
65. Abezizwe balibhale kanje leli vesi ukuze bedukise abantu abangacwaningi lutho ngomlando wemibhalo engcwele: “Kwaqala e-Antiyokiya ukuba abafundi bathiwe amaKrestu.”
 
66. Okukhomba ubuqili kuleli vesi ukuthi uSha’ul noBarnabas, kanye nabanye abaphostoli bevangeli likaYeshua loMbuso, babengazange bashumayele ubuKrestu njengoba ngalesi sikhathi kwabe kuyikhulunyaka lokuqala A.D.
 
67. Inkolo yabezizwe le abafundi base-Antiyokiya ababehlotshaniswa nayo yaze yasungulwa ngo 325 A.D., sebahamba kudala emhlabeni abafundi ababefafaza izimfundiso zomholi wabo owabe engumNazaretha, uYeshua onguMesiya.
 
68. Ngokuchitha nje igama likaJehova, imibhalo eminingi kuTestamente Elisha ayivezi izinkulumo zikaYeshua nabafundi bakhe njengoba zinjalo.
 
69. Enkolweni kaMose uNkulunkulu onguJehova akabizwa ngokuthi ‘uBaba wethu osezulwini,’ kodwa kuthiwa ‘uJehova uNkulunkulu wethu.’
 
70. UJohane wabe enguMprofethi omkhulu, okunguye owagcoba uYeshua ukuba abe ngumholi wamaNazaretha, kodwa kuTestamente Elisha ubizwa ngokuthi unguMbhabhadisi.
 
71. Enkolweni kaMose asikho isikhundla sika “Mbhabhadisi,” kodwa futhi enkolweni yabezizwe akekho umprofethi; yikho uJohane wabizwa ngokuthi unguMbhabhadisi!
 
72. Isihloko sale nkonzo sithi uShembe wavuselela umthetho kaMose nezimfundiso zabaprofethi.
 
73. Njengoba yachithwa inkolo kaJehova ngeZivumo, ayibuyanga yabakhona, ngaphandle kokuthi ivuselelwe yisizwe esimhlophe, amaKhazars eminyakeni yo 838 A.D.
 
74. Ngaleso sikhathi iJudaism yayisabizwa ngokuthi yiTalmudism njengoba yayilethwe eKhazaria amaJuda ayevela eBabylon.
 
75. Kuze kuthiwe yiTalmudism nje yingoba le nkolo eyalethwa kulesi sizwe esimhlophe yayigxile encwadini eyayibizwa ngokuthi yiTalmud esikhundleni seTanakh eyabe iqukethe iTorah (uMthetho naBaprofethi).
 
76. Abezizwe abasilwisanga lesi sizwe, ngoba inkinga yabo kwakungayiyo inkolo, kodwa kwakuyinzalo ka-Israel, okuyisizwe sikaJehova!
 
77. Kodwa enzalweni kaJakobe umprofethi owafike wavusa inkolo kaJehova ngu Mprofethi u-Isaya Shembe! (ukuthula kube kuye).
 
78. KuMthandazo weSabatha, uvesi 3, uShembe wabhala la mazwi:
 
79. “Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane, nigcine imithetho yakhe owasilobela yona ngeNceku yakhe uMose ukuze ukudumisa kwenu kwamukeleke kuThixo wemikhosi.”
 
80. Ngaphambi kokuba sigxile kule mfundiso kaShembe, ngifisa ukukugcizelela ukuthi ngokobuzwe singamaHebheru akwa-Israeli, nangokwenkolo singabantwana boPhezukonke.
 
81. Lokhu kudalwa ukuthi siyisizukulwane samadodana alishumi nambili kaJakobe!
 
82. Ngiyazi ukuthi kukhona abakuphikayo lokhu, kodwa abavezi bufakazi okucacile ukuthi bakuphika ngasiphi isizathu.
 
83. Okokuqala ngokomlando sikucacisile ukuthi kwenzeka kanjani ukuba sisuke nenhla ne-Afrika size sifike eMzansi ne-Afrika.
 
84. Ngokwamasiko, sikubonisile ukuthi amasiko ethu kuseyiwo la aseBhayibhelini.
 
85. Ngokwe sayensi, yenziwe iDNA esifakazele ukuthi amaLemba, amaBantu namaNegro bayinzalo kaJakobe.
 
86. Manje-ke labo abakuphikayo lokho kumele beveze ubufakazi babo okuphikisa lokhu esikushoyo!
 
87. Kwenye yezintshumayelo zikaShembe simuzwa ethi: “Kuza isikhathi LAPHO ABANTU BASEKUPHAKAMENI BAYOYILAHLA KHONA INDLELA KASHEMBE. LAPHO BAYOBE SEBENZA IMICABANGO YABO KUNEZWI ESIBAYALA NGALO THINA BOSHEMBE.
 
88. NGALEYO NKATHI BAYOBE BENGASALI KHATHALELE IZWE LAPHAKADE, BAYOBE SEBETHEMBE AMAZULU AMANINGI, NANGEKHO.
89. NGALEZO ZINSUKU BAYODEBESELA UKUGCINA UMTHETHO KAJEHOVA, LO OKUTHIWE ANGIWUVUSELELE.”
 
90. USHEMBE UZISHOLO YENA ukuthi uthunywe ezulwini ukuzovusa imithetho kaJehova!
 
91. Kuyo yonke imithandazo, izintshumayelo nakumahubo akhe, uShembe ushumayela ngokugcinwa kwemithetho kaJehova, nokudumisa yena yedwa!
 
92. Noma ngenxa yemithetho yobandlululo eyayibusa zonke izinkolo eSouth Afrika, naleli bandla likaJehova laphoqeleka ukwenza elingavumelani nakho, nokungahlangene nenkolo kaJehova!
 
93. Kodwa ekufikeni kwengelosi sesikhululekile, yasenqabela ukuthi sithi uma sibhabhadisa, sikwenze lokho egameni likaYise, neleNdodana nelikaMoya oNgcwele.
 
94. Yathi ingelosi enkolweni kaJehova asinawo amagama amathathu esingcweliswa ngawo, kodwa sinegama elilodwa, OKUYIGAMA LIKAJEHOVA!
 
95. Ngokusobala, lapha ingelosi yabe iphikisana nemfundiso ethi uNkulunkulu Mthathu Emunye, okuyiTrinity ngokwemfundiso-ze yabezizwe eyathekelwa eNkolweni eyiMfihlakalo yaseBabylon.
 
96. Ngakho-ke kuleli bandla uma sibhabhadisa, sithi: “Shembe, usibanibani uyabhajadiswa egameni likaJehova uNkulunkulu wethu, uMdali wezulu nomhlaba!”
 
97. Siqala ngokubikela uShembe ngoba nguyena mprofethi thina osibuyisele enkolweni kaJehova!
INkosi ibusise enikuzwile.
 
Le ntshumayelo iyatholakala ku YouTube othi: Rev Mpanza NCG.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *