Skip to content

UNOTHANDO UMKHULULI

Umuntu uyaya ekulahlwenii engcwele ngokuba ezibandakanye nento engcolile, naye ekufeni eye kulobo bungcola.

Intshumayelo yangesabatha mhla ka 5 November 2022.11.10
 
ISIHLABELELO 93
1 Siyakubonga Nguye,
Onguye Siyakubonga
Nkosi yethu,
Siyakubonga nokukubonga
Nkosi yamaNazaretha.
 
2 Siyakubonga Guqabadele
Siyakubonga Nkosi yethu,
Siyakubonga Somnganisi
Siyakubonga nokukubonga.
 
3 Usikhumbele namhlanje
Siyakubonga Nkosi yethu.
Ungasishiyi ekudelweni
Nkosi silusapho lwakho.
 
4 Siyakubonga Mvelinqangi
Siyakubonga Nkosi yethu,
Siyakubonga chibi elihle
Lokugeza izono zethu.
 
5 Siyakubonga Nkosi Jehova
Siyakubonga Thixo wethu,
Siyakubonga Manueli
Siyakubonga Nkulunkulu.
 
1.Kubalulekile ukuthi ngaso sonke isikhathi simbonge uJehova ngokuthi sithe uma sicela into kuye wasenzela. Kubaluleke ngoba abantu kufanele bazi ukuthi uJehova unguNkulunkulu oyaye uthi uma ukhuluma naye ekuphendule.
 
2.Ngijwayele ukusho ukuthi kwesinye isikhathi ngiyaye ngizithole sengikhala uma ngingedwa, lapho ngisuke ngicabanga into uNkulunkulu ongenzele yona kusukela kwafika ingelosi. Kufanele ukuthi ngikusho lokhu ukuthi uNkulunkulu ungenzele izinto ezinkulu kakhulu, engingacabangi ukuthi ukhona umuntu kulesisikhathi samanje owake waba nenhlanhla njengathi. Mhlawumbe abantu ababa nenhlanhla njengathi abantwana bakwa- Israel.
 
3.Njengoba ngike ngasho ngesonto eledlule ukuthi lelibandla, noma uBaba iLanga wathi angimakhele ibandla likaJehova, kodwa ngaphambi kwalokho ingelosi yasixhumanisa nabaprofethi bakwa Israel. Ngake ngasho ngaphambili ukuthi ingelosi yake yafika nensizwa, angazi noma le nsizwa kwakuwu Yeshua yini, kodwa wafika nensizwa eyiJuda, kanti ngaphambili uMkhokheli wayebone amadoda amadala. Kodwa this time wafika nensizwa wayishiya kithi wase uyahamba.
 
4.Akazange wayichaza lensizwa, nayo ayizichazanga. Kodwa kwakubonakala ukuthi liJuda, ngoba wayempofu enehwanqe. Kwakubukeka kungumuntu, kodwa ngiyabona ukuthi nayo kwakuyingelosi. Okuhle ukuthi, njengalamadoda umkhokheli owahlangana nawo emanzini, yayikhuluma ngoShembe nobuNazaretha. Ngicabanga ukuthi kukhona uNkosazana owayekukhuluma ngalensizwa, kodwa akazange washo lutho, ngaphandle kokuthi, waqale wahamba, wase ebuya, sebenyamalala bobabili!
 
5.Ezulwini ke kukhulunywa ngemifanekiso, noma isiphi isikhathi ukukhuluma kwasezulwini kuba nemifanekiso, bese uyazicabangela ukuthi lokhu kungase kusho lokhu.
Njengoba ngike ngasho ngathi uMkhokheli wathi ekulelo lizwe wazithola eseshada nami, kodwa ngingekho mina ngesidumbu lapho, kwakusho umfanekiso othize, noma singakaze sitshelwe ngawo ukuthi kwakuwumfanekiso omi kanjani.
 
6.Ngenkathi uMkhokheli ekulelozwe, wabona uBaba iLanga enginikeza incwadi enkulu ukuba ngiyithwale, bese ngikhipha ikhasi ngalinye ngilinikeza abantu, kwaba khona abantu abangihlukumezayo, beklebhula leliphepha engangibanika lona, lo kwakungumfanekiso wevangeli engizothunywa ukulishumayela, nezinkinga engizohlangana nazo kumaNazaretha. Kodwa lesi sibonakaliso savela ngo 2006, uNkosazana waze wasichaza ngo 2014.
 
7.Nale nsizwa eyafika kithi eliJuda yakhuluma nathi, ngiyasola ukuthi kwakungu Yeshua, ngoba kubaprofethi bakwa-Israel, umuntu owahamba emhlabeni esemncane kwakunguYeshua! Laba abanye kwase kungamadoda amadala. Nalamadoda ayefundisa uMkhokheli ngobuNazaretha nangoShembe, kwakungabaprofethi bakwa Israel. Noma uNkosazana engakuchazanga lokho, kodwa washo ukuthi amadoda akwa-Israel! Kodwa the very fact ukuthi uMkhokheli wafundiswa amadoda amadala akwa Israel, kuyafakaza ukuthi le nkolo yavuselelwa ngabakwa-Israel, yibona abathuma uShembe.
 
8.Namanje kuyaye kuthi uma umkhokheli esekhohliwe, bese uNkosazana emkhumbuza ngesigameko esenzeka ngesikhathi bekulelozwe esingalazi! UNkosazana wathatha uMkhokheli ngo October 2006, efike ngo September 2006, ngaleso sikhathi kwakusahlwile kithi ukuthi kwenzekani! Ngijwayele ukuchaza ukuthi kwake kwaba nesikhathi lapho engacabanga ukobonana nama psychologists, ngoba ngangingakholwa ukuthi ngi normal, ngenxa yokwenzeka kwalezi zinto kimi. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngaze ngakwemukela ukuthi lento ivela ezulwini.
 
9.Noma ngase ngibona ukuthi isimo sasezulwini lesi, kodwa kwakubuye kube nokungabazeka ukuthi ngabe yiphupho, noma yinto eyenzeka ngampela, ngoba ngangingakaze ngizwe ukuthi umuntu kulesi sikhathi samanje uyahlala nengelosi! Ngoba ukubhekana nesimo sokuba ube sezulwini kodwa usemhlabeni, siyakwenza ukuthi ugcine uzisola wena, kakhulukazi mina ngoba angikaze ngibe umuntu womoya.
 
10.Kwakungcono mhlawumbe kuMkhokheli, ngoba ngokwemvelo umkhokheli ungumuntu owayaziwa njengomuntu wezimanga, o- spiritual. Kodwa mina angikaze ngibe umuntu onjalo, ngangiwumuntu nje oyisifundiswa, zonke izinto engizibheka ngendlela yemfundo. Ngakho uma ungumuntu ofana nami, bese uhlangana nesimo esinje, kuba khona ukudideka, uzingabaze ukuthi ngabe uphila kahle? Kodwa leso simo asishintshanga kusukela ngo 2006 kuze kube namuhla!
 
11.Ngijwayele ukubuka i-Channel 179 ku TV, lechanel ikhuluma ngezinto ezikhona kodwa ezingakholweki ukuthi zikhona, noma zingenzeki lapha e-Afrika, kodwa ziyenzeka kakhulu kuma-European countries (abantu bejwayele ukuyibuka le Chanel). Kulezi zigameko ngiye ngizwe i-scientist ithi: “Impela ngiyi Scientist, kodwa lento ingaphezulu kokuqonda kwami, angenke ngiyiphike ngoba ngiyayibona yenzeka, angilele!” Nami ngangibhekene naleso simo-ke!
 
12.Kulamazwe kuvama ukuvela kakhulu abantu okuthiwa ama-Aliens nezinto okuthiwa ziyaye zibonakale zihamba emkhathini, kodwa zingaqondakali ukuthi ziyini, kube nezindawo lapho okuthi uma ibhanoyi lendlula khona livele linyamalale lingaphinde libonwe, kanjalo nemikhumbi, kanye nabantu, okusekubalwa ukuthi abantu asebaduka kulendawo bako 16 000. Ayikho i-scientist ekwazi ukuqonda ukuthi lezi zinto zenzeka kanjani. Kube nabantu abango 8-10 ft tall abangazeki ukuthi bavelaphi, futhi bayisima kanjani. Laba bantu bahlala emahlathini, babizwa ngokuthi ngo ‘Bigfoot’ ngoba banezinyawo ezinkulu. Kukholakala ukuthi ama-Alliens avela kwamanye ama planets, kodwa lokho ukuqagela nje.
 
13.Kunama scientist esekuthathe 40 years bezama ukuthola ukuthi inhloboni yomuntu lona, kodwa abakutholi. Ebese esho-ke umuntu ukuthi: “I am a scientist, kodwa lento lena ingaphezu kokuqonda kwami, futhi angikwazi ukuthi ayikho ngoba ngiyayibona. Noma amanye ama sientists angathini, kodwa ngikhuluma ngento eyenzeka phambi kwami.” Kunjalo ke nokufika kwengelosi izohlala nathi, abanye abantu bayakuphika lokho, kodwa thina ehleli nathi asikwazi ukuyiphika ngoba yinto eyenzeka phambi kwethu. Ukuthi asazi ukuthi kanjani akuchazi ukuthi akwenzeki! Ukuhlala nengelosi kunjalo-ke, kuba khona izinto eziba ngaphezu kwengqondo yakho, kodwa okuthi zingaphezu kwenqondo yakho, zibe zikujabulisa, ngoba uyabona ukuthi yinto yasezulwini le engiyibonayo, uNkulunkulu ungikhethile ukuba ngisebenzele yena, ngikhulume indaba yakhe lapha emhlabeni! Kodwa ukuze ube nesiqiniseko sokushumayelayo, uNkulunkulu ukubonisa izinto ezingabonwa ngumuntu wasemhlabeni. Lezi zinto zenzeka kubo bonke abaprofethi basemandulo, namuhla zenzeka kithi!
 
14.Into engiyaziyo, nani uma nithanda eningaba nenhlanhla nayo, ukwazi ukuthi akuseyiyo inkolelo kithi ukuthi izulu likhona, uNkulunkulu ukhona, kanye nezingelosi zikhona! Akuseyiyo inkolelo ukuthi uma uhambe ngomthetho kaJehova uselapha emhlabeni, uNkulunkulu uqala ukuba nguNkulunkulu wakho uselapha emhlabeni, ekugone, ekubonise ukuthi ungumntwana wakhe. Noma usuwedlula lapha emhlabeni, awesabi lutho ngoba inkazimulo kaJehova ihlala nawe!
 
15.Ngokuhlala nengelosi, sesiyazi ukuthi ezulwini kuphilwa kanjani, nokuthi uma siphokophela siphokophele entweni esiyibonayo, ngoba ingelosi siyayibona, uma ithi into ethize ningayenzi, sikhuluma nomuntu esimbonayo!
 
16.Bengikhuluma ngendaba yokubonga ukuthi kufanele ukuthi sibonge kakhulu, simbonge uNkulunkulu ngoba besifelwa kakhulu lapha kulelibandla. Kodwa ingelosi yabe isiyasifundisa ukuthi singakuvimba kanjani lokhu kufelwa ebandleni. Sithe uma sizithatha izeluleko zengelosi, senza njengoba isiyalile, kwanqamuka ukufa esontweni. Namuhla kuphela unyaka singazange saba nomuntu osifelayo, ngisho sekufikle i-Covid
19 ibhubhisa abantu, ingelosi yafika kuqala yazosifundisa ukuthi asikuvimbe kanjani lokhu kufa, senza njengoba silayiwe, akwaze kwafa muntu ebandleni!
 
17.Njengoba silapha, sesifundiswe cishe ngokwanele ukuthi ubungcwele buhlala kumuntu ngoba enzeni, usungazihlubukela nje wenze okunye, kodwa sesifundiswe ngokwanele. Kodwa ukuthi ngingcwele kukodwa akwanele, kufanele okokuqala sihlale ngokwethemba uNkulunkulu ezilingweni nasezifweni ezisehlelayo. Sihlale siqaphele! Ingelosi isifundisile ukuthi singacela kuNkulunkulu ukuthi singasheshe sife, singakucela lokho, kwenzeke. Sesikucelile lokho kwenzeka, noma singazi ukuthi kothatha isikhathi esingakanani, kuye ngokuthi siziphatha kanjani, Siyahamba yini ngomkhondo wezimemezelo zikaJehova!
 
18.Yathi ingelosi, asikucele ukuthi uma sesihamba emhlabeni, singaguli kakhulu, size sibole, kube ngathi ususesihogweni, umoya wakho usahlangene nenyama. Noma singazi ukuthi kokwenzeka lokho, kodwa siyethemba ukuthi kuyokwenzeka. Yathi ingelosi asicele ukuthi uma uphuma umphefumulo, ungayi ethuneni la okuzoya khona isidumbu, uvele uqonde ezulwini, ungadluli kuzo zonke lezindawo. siyakholwa ukuthi uma ukufuna ukuthi kwenzeke lokho, sekuyokwenzeka, ngoba isisifundisile ingelosi ukuthi kufanele sikwenze kanjani.
 
19.Kodwa yinye nje into esiyalwe ngayo, kwathiwa asigcine umthetho kaNkulunkulu, yonke lento yenzeka uma ugcina umthetho kaNkulunkulu! Ukugcina umthetho kaNkulunkulu kunezinto eziningi ezincane okumele uzinake. Njengoba kade ekhuluma nje uMkhokheli ekuseni, ingelosi ikhulume ngokuzihlanganisa nabantu abangangcwele, noma ngabe ngabakini. Akuvumelekile ukuthi uma ukulelibandla uzejwayeze ukuya emzini yabantu uyophakelwa ukudla khona. Ingelosi ikhulumile ngokuthi njengoba kuza ukhisimuzi, singatholakali sesiletha izihlobo ezingakholiwe emizini yethu, ngoba uzoletha umuntu odla ingulube emzini wakho, bese eletha ukungcola okuzogcina kwenze nina abangcolile!
 
20.Umuntu uyaya ekulahlwenii engcwele ngokuba ezibandakanye nento engcolile, naye ekufeni eye kulobo bungcola. UBaba iLanga wake wakhuluma ngensizwa engumNazaretha eyamenywa ngumfowabo ehlabile. Yaya kulomfowabo, yafika yadla inyama yenja. Angazi ukuthi kanjani. Kodwa emva kokudla lenyama, lomuntu wagula. Kuthe esegula wahlale evakashelwa yizinja. Ngisho eya ngaphandle, ephekezelwe, ngoba esehlale ekakwe yizinja.
 
21.Lensizwa yabe ingeyangapha eSouth Coast. Kwathi isigula kakhulu, yabiza umndeni wayo, yawutshela ukuthi iyabona ukuthi ayiyi ezulwini, ngoba uthi uma uphuma umphefumulo, bese kuqhamuka umhlabi wezinja uhamba phambi kwakhe. Uthi ke uBaba iLanga, lomuntu wakwenzelani ukuthi ethi engumNazaretha, eye emzini womuntu, noma ngabe ungumfowabo, eyodla inyama khona, ngoba yena usengcwele?
 
22.Uma ungcwele, uhlale uhamba nengelosi, kanti ingelosi ayihlangani nento engekho ngcwele. Yikho nje sonke, selokhu kwasungulwa lelibandla singayi emzini yabantu, ngaphandle uma kunesifo. Asiyi emzini womuntu, ngoba yathi ingelosi uma ngabe uhamba, njengoba ningamaNazaretha nje, nina nihamba nengelosi, ingelosi ibhala icala lokuthi uhambe wayisa endaweni engcolile, ngoba noma wena ungakuthatha ngokuthi ayingcolile, kodwa engelosi ithi lendawo ingcolile. Yikhona ngaso sonke isikhathi kumele kuhlale engqondweni yakho ukuthi uhamba nengelosi, bese uyazibuza ukuthi lesi simo engikuso ingelosi ingasemukela yini. Njengoba silapha njena singabantu abangcwele and ningakwesabi ukukusho lokho ngoba ubungcwele buyasisebenzela, ukukholwa kuyasisebenzela ngendlela eyisimangaliso.
 
23.Baningi abantu abaye bengishayele ucingo behluphekile, ngithi hhawu uNkulunkulu uzonisiza. Ngiyabona sebengishayela izincingo sebethi hhawu ngampela sisizakele. Ngenhlanhla bayaye bengishayele ucingo bebonge ukuthi basizakale kanjani. Angizukuba bala lapha, kodwa bona baningi kakhulu!
 
24.Isikhathi esiningi abantu uma besezinkingeni baye bengishayele ucingo bebika inkinga yabo. Ngiyabona okulandelayo sebengibikela ukuthi sebesizakele, sebebonga lokho. Kodwa noma ngiyaye ngibike kuShembe noma kuJehova, kodwa angikwazi ukuthi ingqondo yami ngiyibeke ezintweni eziningi ezibikwa ngabantu. Kodwa loNkulunkulu esihamba naye uyaye ezwe abantu abakubikayo, bese eya kubo eyobasiza!
 
25.Manje, ngithi-ke asihlale ngokumbonga uNkulunkulu. Nami ngiyambonga ukuthi ezulwini kuthe uma kucatshangwa ukuthi ubani ongabuyisa indaba kaNkulunkulu emhlabeni, kwakhethwa mina, ngoba indaba kaJehova ayikho emabandleni asemhlabeni wonke! Ungaya kumKrestu, ayikho, bazenzela izinto zabo nje, uye kumaNazaretha, indaba yokukhonza uNkulunkulu ayikho, sekumnyama impela! Kodwa ezulwini kwahlanganwa, ingelosi yasitshela lingakabi bikho lelibandla ukuthi kwahlangana amadoda asezulwini amathathu, anquma ukuthi kohambe kuhambe kuvele ibandla likaJehova elobuyisa umthetho kaJehova osulahlwe ngamaNazaretha. Ngake ngakuchaza lokhu, ukuthi ingelosi yasitshela lingakabi bikho lelibandla, nathi singazi ukuthi lento izokwenzeka.
 
26.Ingelosi yathi kuzohamba kuhambe kube namaNazaretha ayophuma kulamaBandla aholwa inzalo yakwaShembe, athi: “Thina sesibuyela kuBabamkhulu, akusasicaceli lokhu kukholwa! Sasingazi ukuthi kanti ikhuluma nathi, sasithi isiitshela ngokokwenziwa ngamanye amaNazaretha! Ziningi izigigaba ezenzeka siseseBuhleni, ingelosi ulwela ukuthi ngingehlukani nomkhokheli. Ngangicabanga njalo ukuthi ingelosi ihlanganiswa yini nothando lwethu? Kanti cha, uthando indlela nje yokusihlanganisa, kodwa okuliqiniso ukuthi sihlanganiselwa ukusebenzela uNkulunkulu, sihlanganiselwa ukukhuluma indaba kaNkulunkulu kubantu!
 
27.Ngiyafisa ukukusho lokhu, ukuthi njengesikhathi sasendulo, uJehova wehlile ezulwini weza kubantu ngathi, wazibonakalisa ngathi ukuthi lokho okwenzeka emandulo, namanje kungenzeka, uma nje ekuhambeni kwethu, sohlala ngokumesaba uJehova!
 
28.Ukusunguleka kwalelibandla likaJehova akubanga yinto elula. Ngaphandle kokuthi sithukwe kakhulu, sihlukunyezwa ngamaNazasretha, kodwa nathi saqhuba into esasingazi kahle ukuthi senzani. Kodwa kancane, kancane, kwaqala ukusa ukuthi sithunywe nguJehova ukuba sisabalalise ivangeli lakhe emhlabeni. Ngenkathi siqala lelivangeli, sasingazi ukuthi sihamba noNkulunkulu, uJehova usembethe njengengubo!
 
29.Namuhla ngiyasho ngeqholo ukuthi bonke abeswele ingubo yokwembesa umphefumulo, abeze ePhilangezwi! Kulesi sikhathi samanje uJehova wehleze ePhilangezwi, wehlele eNqobizitha! Namuhla ngiyasho ngeqholo ukuthi nawe Philangezwi awusiye omncinyane, kunomuzi waseKuphakameni, kuwe kovela izithunywa zasezulwini ezohlala emzini oyingcwele, okothi uma kufika khona yonke inhlobo yokuhlupheka ifike iqedwe. Kulomuzi kulapho sonke esiyophuza khona izwi likaJehova!
 
30.Manjena-ke ngiyanitshela ukuthi kufanele ukuthi ngaso sonke isikhathi simbonge uNkulunkulu ngoba ayikho into eyedlula ukuthi ucele ukuthi ungafi, ungafi ngampela. Ngoba kuzo zonke izinto ezikhona into esiyesaba kakhulu ukufa! Ayikho into edlula ukuthi uphile ngethemba olinikwe nguNkulunkulu, ukuthi uma ugcina imiyalo yami, ngokwenzela konke okucelayo!
 
31.Okukhulu kunakho konke, sinoNkulunkulu okuthi uma simbikela usizi lwethu, asemukele, ekwenze lokho noma ubusuphelelwa lithembe, usubona ukuthi sengathi uNkulunkulu usengikhohliwe, kodwa uhlabelele uthi: “Thixo wami dwala lami, wena ungikhohlwa ngani, ngiyalila imihla yonke ngokuhlushwa yisitha sami.” UJehova aqhamuke khona lapho akwephule kulo lonke usizi ebese lukunamathele!
 
32.Inhlanhla esinayo ukuthi umkhokheli wenu uyakwazi kakhulu ukuthandaza. ukuthandaza iyonanto ayiphiwe leyo. Umkhokheli akagcini ngokuthandaza, kodwa uyanikela kakhulu, ethandazela izinhlupheko zenu, enikelela izinhlupheko zenu! UMkhokheli uyahlala kuze kushaye o 2, ekuseni elokhu elindile kusukela ngo 12 ebusuku. Kulokhu kulinda esuke ebika izinsizi zabantu!
Kuyo yonke into eniyibikayo, uMkhokheli uyaye edlulele kuShembe eyobika zonke izinsizi zenu njengokuzibika kwenu. Konke lokhu ukwenza ngomnikelo! Ngiyaye ngishawe luvalo ukuthi ekuhambeni kwakhe emhlabeni ukhona yini umuntu oyokwazi ukuthatha indawo yakhe!
 
33.Kuyo yonke into eniyibikayo, ngisho ngabe kusebusuku, uMkhokheli usuka ngaleso sikhathi aye elatini eyobika usizi lwakho kuNkulunkulu, ecele kuShembe ukuthi lokho okukuhluphile uShembe akakunqobe! Kodwa noma kunjalo, bakhona abangamthandi, abanesifiso sokuthi akafe bese kusala kuphatha bona, yize bengenke baze bakwenze okwenziwa nguye, kodwa okubalulekile ukuthola isikhundla sokuphatha abantu!
 
34.Njengoba silapha sihleli nomuntu wasezulwini, sihleli nengelosi, noma ningakaze niyibone ngamehlo, kodwa nihleli nabantu abake bayibone, nanike nike niyibone, ngoba iyanazi nonke, inibiza ngamagama enu umuntu ngamunye! Manje ke sonke siyaziwa ezulwini, ezulwini kubhekwe nina, ukuthi ngani izwi lezulu seliyezwakala emhlabeni wonke, kulabo abangabantwana bokukhanya!
 
35.Yonke into siyifundiswe ngabasezulwini, alikho ibandla emhlabeni elinjalo, ngakho nathi asiyibo abancinyane ezulwini, phakathi kwethu kovela abantwana abayosindisa umhlaba olakeni lukaNkulunkulu!
 
36.Ingelosi isisifundise konke ngombuso wezulu, okusele kithi ukuthi thina siyawugcina yini umthetho kaNkulunkulu, ngoba ngaphandle kwalokho nathi sisengabalahliweyo! Kumele njalo sizifundise ukushumayela. Ngelinye ilanga uBaba iLanga wathi kuyinto enkulu ukuthi kube nomuntu oyedwa nje olapha, ongase umkhombe ukuthi njengoba elapha njena, walethwa uwe.
 
37.Uthi-ke uBaba iLanga, uyayazi yini into eyokungenisa ezulwini uma ungashumayeli, ngoba sonke sinezono, kodwa isono, uke uthi unaso, ungene ezulwini ngento ethize uNkulunkulu oyithandile kuwe. Ubunezono zonke, kodwa uma kube nento ethize uNkulunkulu eyithandile kuwe, ungene ezulwini, bekungafanele mhlawumbe ungene, ungenele ukuthi wenze into ethize uNkulunkulu oyithandile kuwe!
 
38. kunodokotela okuthe uma ezwa ukuthi sakha indlu kaJehova, wanikela ngo R10 000 ekwakhiweni kwendlu kaJehova. Lowo mnikelo awukwazi ukuba ungabi namvuzo kulodokotela, lapha emhlabeni nakwelizayo! Sonke asazi ukuthi uNkulunkulu ngabanjani obathethelela izono ebangenise embusweni wakhe, futhi asazi ukuthi ngabanjani okuthi noma bebekholiwe, kodwa ekugcineni bemukele ukulahlwa!
 
39.Ngisho ukuthi-ke nonke njengoba nilapha, nabalalela lenkonzo, kodwa abangekho phakathi kwethu, ngoba ibandla lamaNazaretha seligcwele ezindaweni zonke, msebenzeleni uNkulunkulu ngayo yonke indlela. Wonke amaNazaretha kaNkulunkulu akazimisele ngokukholwa! Asibe isibani. Usho njalo uJesu, uthi nina ninguSawoti wezwe, kodwa uma usawoti udumele, uyokuyoliswa ngani ngaphandle kokuthi ulahlwe ngaphandle unyathelwe ngabantu! Nina niyisibani esibekwe etafuleni ukuze sikhanyisele bonke abasendlini! Makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu bonke, babone imisebenzi yenu emihle, ngani abantu bangene ezulwini!
 
40.Ngani abantu bayokwazi ukuthi uNkulunkuklu ukhona! Abantu abazi ukuthi uNkulunkulu ukhona. Ziningi izinto ezenziwa abantu, uma uyazi indaba kaNkulunkulu uthule, umangale ukuthi lento enje ngizoyithini, ngizomchazela kanjani lomuntu ukuthi wedukile! Ziningi izinto ezenziwa ngabantu, bethi lokhu kungukukholwa, bese uyathula, ungazi ukuthi umuntu uzomtshela kanjani ukuthi lento oyenzayo ayikho! Yilokho kulesi sikhathi samanje esibhekene nakho!
 
41.Ngaphandle kokwazi ukuthi sonke kuzofika isikhathi sokuthi umuntu nomuntu afe, kodwa indlela abantu abona ngayo, indlela abantu ababukela ngayo phansi indaba kaNkulunkulu, akusekude ukuthi lelizwe libhujiswe njengeGomora ne Sodoma. Abantu uma kuvela izinto abangaziqondi, abafuni ukubhekana neqiniso, kodwa baqhamukisa izinto ezingekho bethi zizoqeda lokhu esibhene nakho.
 
42.Ayikho into elishwa njengokuthi ucabange uNkulunkulu ngoba ususebunzimeni, kodwa kade ungazihluphi ngaye. Baningi abantu abaqale ukucabanga uNkulunkulu ngoba sekuhlasela i-Covid 19 emndenini yabo, kodwa ngaphambili kade bengenandaba ngoNkulunkulu. Kodwa lenkulumo ethi Nkulunkulu onamandla wonke YISE WABO BONKE ABAMKHONZAYO, iyohlakla imile. uNkulunkulu UNGUYISE WABO BONKE ABAMKHONZAYO!
 
43.Lezi zono esizenzayo azizukugcina kahle, zizoba novuthwandaba elibuhlungu kuso sonke isintu! Sizoke sibe nokukhala nokugedla amazinyo siselapha emhlabeni. Thina esiyaziyo indaba kankulunkulu kumele sihlale silindile njengezintombi ezilishumi, singafani nezintombi eziyisihlanu okwafika uMyeni zingenamafutha!
 
44.Yonke lemikhuba eyenziwa emhlabeni, ikakhulu eSouth Afrika, ngenkani, ngenke ibe nemiphumela emihle esikhathini esizayo. Abantu bazolwazi ulaka lukaNkulunkulu, abantu bazolubona ulaka lukaNkulunkulu!
 
45.Ngisho ukuthi-ke bantwana baseKuphakameni thina asibona abantu okufanele silokhu sicabanga ngobuhle basemhlabeni. Njengoba kushaya uDisemba akusiqonde ukuthi sihamba nabasezulwini abahlale belindile! Izingelosi aziyi ezindaweni ezingcolile, ingelosi ayiyi ezindaweni zasemhlabeni! Kumele sizimisele ukuhlala noNkulunkulu ngaso sonke isikhathi!
 
46.UBaba inyangayezulu wathi ehamba emhlabeni wabe ekhombe isiza lapho okuzokwakhiwa khona indlu kaJehova. Neminikelo yayisiqoqiwe. Kodwa wake wahamba emhlabeni konke kwaphela ukukhulunywa ngendlu kaJehova. Lomsebenzi wokwakha indlu kaJehova manje usemahlombe ethu, singawu debeseli, ngoba uma siyakhile lendlu ngokwamandla ethu, siyothola isibusiso esikhulu ezulwini!
 
47.Sithunyiwe ukuba siyakhe indlu yesonto, sifeze isifiso sikaShembe iNyangayezulu! Ingelosi isho njalo! Njengoba nimzilwe uMkhokheli ekuseni ekhuluma ngokwakhiwa kwechibi iBethesda, lapho okuzothi uma kungena abantu kulo baphile, nalokho kumele siphokophele ukuthi kubekhona, ngoba owasezulwini usekhulumile ukuthi kumele kubekhona njengoba kwakukhona emandulo ngesikhathi uJehova esahlala nabantu, namanje-ke uNkulunkulu uphakathi kwethu, okwake kwenzeka emandulo, namanje kuzokwenzeka, zonke izifo uJehova uzoziqeda kithi, uzosigeza nge Hissop yasezulwini!
 
INkosi ibusise enikuzwile.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *