Nangaleso sikhathi amagwala ehleka usulu, waba uNkulunkulu kithi, akazange abe isitha kithi, akazelekelelanga izitha zethu, kodwa waba uNkulunkulu kithi.
Ngithike bangcwele uma silapha asicele kuNkulunkulu ukuthi sibe nezimpande singenakukuwa ekukholweni. Sicele ukuthi uJehova asikhumbule, singabuyeli ezulwini labantu. Kodwa sifuna lelizulu elingelikaJehova…
Intshumayelo yangeSabatha ekuseni mhlaka 01 June 2024 siyiphathelwe uMfundisikazi Nomcebo MaNxumalo Mpanza.
ISIHLABELELO 129
Umthandazo wesikhonzi senhlupheko uShembe wafika ngesifingo sokusa esegumbini lomthandazo ekuphakameni ngomhla kaJuly 22, 1926.
1 Ungangi libazisi
Wena sitha sami,
Uma uJehova engibiza
Mangisuke ngimlandele.
2 Lihloma lingethwese
Enhliziyweni enecala,
Ithemba lichithiwe
Kumi ivuso lodwa.
3 Akusibona abangathandi
Ukuza kuwe nkosi
Balahlekelwe amathemba
Lwaphela uthando lwabo.
4 Ngingokabani mina
Namhla kuwe Nkosi,
Isazela senhliziyo yami
Singilahlile ebusweni bakho
1.Ngibonge bantwana baseKuphakameni ukungihlangabeza ngingasiyena umuntu okwazi ukuhlabelela kahle. Ngiyabonga esihlalweni sasezulwini, ngibonga ukuthunywa.
2.Ngiyacela ukuthi uNkulunkulu waseKuphakameni angenze ngethembeke ekuthunyweni kwami ngokuba ngithunyelwe ukuba ngethule indaba kaNkulunkulu.
3.Isihloko sithi inhliziyo engenampande ayinasisekelo ekukholweni.
Bantwana baseKuphakameni sihlangene ngendaba eyodwa, sihlangene ngoJehova akukho okunye esihlangene ngakho.
4.Iviki lokuqala siphothula, besikade sisenyangeni ebizwa ngokuthi inyanga yesikhumbuzo. Kodwa thina bantwana baseKuphakameni uMprofethi wethu asikaze samkhumbula ngenyanga ahamba ngayo kuphela.
5.Thina ukumkhumbula kwethu kuqala lapho uJehova amehlisa ezulwini ukuba asibuyisele kuye. Simkhumbula lapho uJehova emehlisa eyisimo sembali, eyathi isiqhakaza emhlabeni yaqhakaza umhlaba wonke.
6.Simkhumbula lapho esenza khona izethulo, simkhumbula lapho ethi ngithunywa uJehova, ukumkhumbula kwethu akuqali enyangeni ahamba ngayo.
7.Ubufakazi balokho kuseyithina kuphela ebandleni lamaNazaretha wonkana elenza umkhosi wokubonga uJehova ngokusipha uShembe.
8.Ngithike bantwana baseKuphakameni uma ngikhuluma ngenhliziyo engenayo impande, inhliziyo engenayo impande iyahlupha kwabakholwayo ngoba ayimvumeli umnikazi wayo ukuba abe nozinzo, ayimvumeli umnikazi wayo ukuthi esabe uJehova, konke ukwenza uma ethanda, konke ukwenza uma ngabe yena ezozuza kulokho akwenzayo.
9.Kodwa angamesabi uJehova ngoba akanayo impande yokukholwa, impande iyinto enkulu ngoba iyo evikela isihlahla ukuthi singawi kalula.
10.Uma inhliziyo yomuntu okholwayo ingenayo impande ekukholweni, akazilaleli ngisho izethulo ezethulwa uJehova onguMenzi wethu ezethulela abaprofethi basemandulo ukuba bazethule kubantu abazihlanganise noJehova.
11.Yena akesabi lutho, yena ungumina ngaso sonke isikhathi, inhliziyo yakhe ayinayo impande yokukholwa, nezinhlebe zakhe azivumi ukulalela, zilalela lokho kuphela azothi uma ekucosha akuthande noma azuze okuthile ngakho.
12.Engathike uNkulunkulu waseKuphakameni engasikhumbula, lesi sikhumbuzo singapheli ku-May. Siqhubeke bantwana baseKuphakameni simkhumbule uMprofethi wethu ngoba namuhla sihlezi lapha endlini nje, sizothi bongani uJehova nje, kungenxa yakhe ngoba uyena owathunywa uJehova kithi ukuthi asethulele lomthetho esesiwugcina.
13.Inhliziyo engenampande yenza umnikazi wayo angabinaso isisekelo ekukholweni, enze umathanda, angasabi muntu, yenza umuntu abone kuwuyena umuntu ongcono kunoNkulunkulu owamdala.
14.Yenza umuntu onayo yonke into ayithathe kalula, ngaso sonke isikhathi akekho ngaphansi komthetho kaNkulunkulu. Akanandaba nokuya esontweni nokungayi kodwa eqhubeke abizwe ngekholwa ngoba phela washo ukuthi uyayikhetha iNkosi yaseKuphakameni wathenga ingubo emhlophe wayigqoka.
15.Inhliziyo engenampande umnikazi wayo uyakwazi ukuhlala angayi emhlanganweni ngoba akanazo izimpande zokukholwa.
16.Izimpande zokukholwa zenza wesabe uJehova, zenza ukuthi ube novalo lokuthi uma ngingayi esontweni, uJehova uzothini uma engibona ngingayanga esontweni, uzothini uShembe umuntu kaNkulunkulu okuyena owaphathisa lomthetho. Inhliziyo engenampande inikana amaqhinga.
17.Ngithike bantwana baseKuphakameni singavumi ukulahlekelwa zimpande uma ngabe sinazo, sizonge ngoba isihlahla esingenampande siyawa, siwa kalula, ngoba asinayo impande.
18.Ukuwake bantwana baseKuphakameni kuhlukene, kukhona ukuwa ekukholweni kuthiwe wawukholwa kodwa kuthiwe awusakholwa.
19.Uma ngabe mhlawumbe wangena ebandleni izandla zakho zinegazi, wathi uma ufika wase ucela intethelelo wase uthi usuyakholwa namhlanje.
20.Mhlawumbe wawuwumuntu ophuzayo wabona ukuthi ukuphuza utshwala ikhona okwakudonsela ukuthi uze ugcine sewunezandla ezinegazi, ubulale abantu, ushaye umuntu noma udubule umuntu.
21.Wase uyaphenduka uyabona ukuthi angiye kuJehova ngisaphila, ngiyovuma isono sami noma izono zami, uJehova azongihlambulula izandla zami, nami ngibe msulwa ngisekhona lapha emhlabeni.
22.Kodwa inhliziyo engenampande, ukwenza namuhla lokho kuphele izinyanganyanga, kuphele mhlawumbe iminyakanyaka, bese kuyavuka, bese uzibona uhluphekile, bese uzibona wehlelwa isithunzi, sikwehlela esontweni, ubona ukuthi wehlelwa isithunzi manje, ubumkhulu wena, wesatshwa ngoba uyaziwa.
23.Kodwa manje awusesatshwa ngoba sewuyaziwa ukuthi uyakholwa, bese siyawa isihlahla sokukholwa esingenayo impande.
24.Ngithena ukuwa kwehlukene, bakhona abantu abawayo ekukholweni, kuthiwa wayesonta kodwa akasasonti, wayebulala abantu, baphumule abantu kuleyomnyakanyakanyana leyo esethathe ukukholwa, kodwa kwaphela.
25.Usebuyile futhi uqale phansi ubulale abantu, uqale phansi uphuza utshwala, wenza zonke izinto ezingemukeleki, uhlalise kabi umphakathi.
26.Kuyisikhashana leso uJehova aye athule ngaso. Umuntu aze athi uNkulunkulu akhe, uma ebekhona yini ngisekhona ngoba nakhu ngaphuma esontweni, ngikhona.
27.Ziningi izinto zokuwa ekukholweni, izijeziso zehlukene. Omunye umuntu uye abale abantu athi nangu ubani sasihamba naye endaweni ethile, naye wahlehla lapha ahlehla khona, mina ngizokwenzakalani. Kanti uNkulunkulu usesemva kwakhe.
28.Ngithike bantwana baseKuphakameni noma ngayiphi indlela ukuphila okuhle, ukuphila ngaphansi kothando lokuthanda uNkulunkulu, uthanda uNkulunkulu owadala izulu nomhlaba. Impilo yakhe yonke, konke ukwenza kwakho, ukhombe ukuthi wena ungumntwana kaNkulunkulu.
29.Ngithike bantwana baseKuphakameni ngelinye ilanga ithi ingelosi kaThixo,kukhona abantu abathathe isinqumo sokusebenza ngokubulala abantu, bathathe isinqumo esiyobakhela izintaba nemimango ohambeni lwabo.
30.Ithi ingelosi abanye bayabulala abantu bengaboshwa, ngoba besuke bengabonwanga, kodwa umphefumulo womuntu uyasinda.
31.Ngithi ngoba uma ubulala umuntu, umuntu uyaphuma emzimbeni wakhe ahlale kuwe, yonke indawo lapho ohamba khona uhamba naye.
32.Uyasinda umphefumulo womuntu, abanye asikaze sibabone abasindwayo, kodwa abanye sababona. Ngoba esibabonayo ilabo abezayo, abathi uma besindwa bese beza emabandleni.
33.Uma umuntu ohambile esekhuluma kumuntu ombulele, umuntu okhulumayo ungathi uphuze utshwala uma esekhuluma indaba yakhe yokubulala umuntu.
34.Kanjalo bantwana baseKuphakameni engathi uNkulunkulu engenza ukuthi umuntu akwazi ukubona uma ngabe efikile wacela intethelelo, wacela ukugeza izandla.
35.Bakhona abantu abenza isono ngentukuthelo, athathe into embi ashaye umuntu engakuhlosile ukuthi uyambulala kodwa umuntu avele afe.
36.Kodwa ngoba inhliziyo yakhe yayingakuhlosile ukumbulala kodwa wayelwa naye, wase eshayeka, kwashayeka umphefumulo wakhe.
37.Uyaye ahlupheke lowo muntu aphume engena ecela intethelelo, ecela ukugezwa izandla, acele ukuthi lowo mphefumulo uJehova awususe kuye, acelwe ukuxoxelwa.
38.Ngoba bantwana baseKuphakameni uJehova akanalo uxolo kumuntu okhipha umphefumulo ngamabomu, uJehova akanalo uxolo kumuntu othi ngizobulala umuntu bese ngihamba ngiyocela intethelelo.
39.Intethelelo ibekelwe abantu abenze into ngephutha, ayibekelwe umuntu ozakubulala umuntu bese ebuya ethi uzocela intethelelo.
40.UNkulunkulu akalikhiphi uxolo lo muntu obulele umuntu ngoba ethi uzakuhamba aye emabandleni athi useyocela intethelelo, ngoba uyoqhubeka ebulale abantu ebese ethi sengizocela intethelelo.
41.Alukho uxolo kumuntu owenza into ngenhloso phansi kwegama lokuthi uzocela intethelelo ngoba kuwukweyisa uJehova ukubuyela phansi, uNkulunkulu uthethelela abazisolayo nabantu ababulale abantu ngempazamo yokuthukuthela kwangaleso sikhathi kungekhona ukuthi ubekuhlelile ukuthi uzokufa.
42.Ngithike makholwa uNkulunkulu akakhohliseki, uma ngabe uyikholwa kufanele ukuthi wesabe ukulova esontweni, wesabe ukungababikho emhlanganweni, wesabe ukungezi enkonzweni yesifungo oqondene naso, noma esika 14, noma esika 23 noma esika 25. Wesabe ukudelela abantu abamise phambi kwakho ababizwa ngabaphathi bezinsizwa.
43.Inhliziyo engenampande yenika umuntu ilungelo lokuthi ahambe lapho athanda khona, inhliziyo engenampande yokukholwa, yenza umuntu alalele abantu.
44.Usabathe sewuyaphi manje, hawu sisathi sisakhuluma kahle kangaka, sewuyaqoqa usuyahamba. Yenza ukuthi uma kubuthene izihlobo kubuthene umndeni, inhliziyo engenampande ekukholweni, inika umnikazi wayo ukuthi umndeni mkhulu kunoNkulunkulu, angikwazi ukuhamba ngishiye umndeni.
45.Njengoba bekuphuma izwi kulowo ophethe emndenini ethi ufuna wonke umndeni, angikwazi ukungaba bikho, nami kufanele ngibe khona, injaloke inhliziyo engenasisekelo sokukholwa.
46.Kodwa abantwana abakholwayo kuNkulunkulu abamesabayo uNkulunkulu, baphuma kuphithizela imindeni eqhamuka ezinkalweni zonke, baphume baye esontweni lapho abenza khona isifungo noJehova ukuthi bayohlala endlini yakhe kuze kube phakade.
47.Noma kungumhlangano emndenini kwenziwa imicimbi, yayenziwa imindeni ekwakuthiwa akusiwo amaNazaretha kodwa namhlanje amaNazaretha aseyayenza imicimbi enyangeni yomhlangano.
48.Kodwa inyanga yomhlangano, inyanga yokukhonza uJehova njengazo zonke izinyanga, njengoba silapha nje sizomkhonza.
49.Ngithike bantwana baseKuphakameni kuba lula ukuthi umuntu athi ngoba ngiyilunga lomndeni kufanele nami ngibe khona.
50.Asinayeke umuntu kulelibandla esingambiza ngokuthi ungumNazaretha kaNkulunkulu uma ngabe inhliziyo yakhe isagxamalazile, inhliziyo engathuthi emanxiweni.
51.Njengoba silapha nje sawashiya amanxiwa esasikade sakhele kuwo, phansi kwabazali, phansi kwenkolo yesintu engaholwa nguJehova, eholwa ngabantu, enezulu elinosizi.
52.Ngithike bangcwele saphuma, sasabela uma izwi lisibiza. Uma ngabe lithi izwi “Mesabeni uJehova” savuma ukumesaba.
53.UShembe akukho lapho athi khona sabani imindeni yenu, uthi “Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane, nina nabantwana benu, gcinani umthetho kaJehova anilobela wona ngeNceku yakhe uMose”
54.Ukugcina umthetho womndeni, ukugcina umthetho wesitha, kuhle ukuthi uma usugcina, ungene ugamanxe enkokweni yesintu, uphume enkolweni kaJehova.
55.Ngoba ayihlangani nenkolo yesintu, akukho lapho ehlangana khona, silapha nje, sizosekela izifungo zethu, esazifunga mhlazane siphakamisa izandla.
56.Thinake izifungo zethu saphinde saziqinisekisa ngalesisikhathi iNkosi iLanga seyithumela ingelosi, sase sihambe indawo ende singaboni ukuthi lo mthetho uShembe ayenikwe uJehova ukuthi abuyisele ngawo abantwana bakhe kuye, singaboni ukuthi sesisukile kuwo.
56.Kodwa ngothando olukhulu sathunyelelwa ingelosi, eyasibuyisela emumva yasifundisa lamazwi, njengoba ngisho nje ngithi uShembe akaze athi yesabani oyihlomkhulu, kodwa uthi “Mesabeni uJehova”
57.Saqala phansi safundiswa lelozwi ukuthi uShembe wathi sabani bani, sibuzwa ngoba sithi singamaNazaretha, sasingakaba yiwo amaNazaretha kaNkulunkulu ngaleso sikhathi sibuzwa lokhu. SasingamaNazaretha nje ngoba sasingazi ukuthi ikuphi khona okuyikho.
58.Sasisuka sihambe siye emhlangweni, sifike emhlanganweni bese sihlangane nabantu, abantu basitshele ukuthi angeke silungelwe ilutho uma silahla obabamkhulu, sitshelwe ukuthi angeke singene ezulwini noma ngabe uShembe engafuna naye akanakwenza lutho uma ngabe obabamkhulu bevimba, sasisatshiswa ngalokho.
59.Sasingakazi, singakahlukanisi phakathi kobabamkhulu noNkulunkulu kodwa lelivesi lalikhona bantwana baseKuphakameni alifikanga nengelosi.
60.Kuphela ingelosi yasibuyisela kulo, yathi asilalelise kahle ukuthi uMprofethi wethu wathini, sahlehla, sase sihlala phansi, sase siyalalela, sase siyezwa ukuthi uthi asesabe uJehova. Ukusaba uJehova ukwenzenjani, ukuchazile wathiu ukugcina umthetho wakhe.
61.Sahlehliswa, sathi sibika ukuhlupheka esikuhluphekile, yathi ingelosi nake namtshela nini uNkulunkulu ngokuhlupheka kwenu, nangokugula kwenu ngoba uma nihluphekile nihamba niyokhuluma nabantu eningabazi ukuthi bathi uma besuka kulomhlaba babhekaphi.
62.Nihamba niyobika koyihlomkhulu abanesililo esesabekayo endaweni ethile la abamiswe khona, abasakufuna namhlanjena. Abakudingayo kunye, badinga umuntu okholwa kuNkulunkulu, umuntu owuzalo labo ozomemeza athi Nkosi bathethelele ngiyabacelela abazali bami ukuba ubaxolele.
63.Abadinge nkabi yakho, abadinge mbuzi yakho, lapho abakhona abasafuni lezo zinto, sekufuneka amaqiniso, abekade befile becashe emahlathini bengabonwa ukuthi bayathakatha, bengabonwa ukuthi benza izinto ezimbi nasekuxoveni.
64.Kodwa namhlanjena amahlathi asele kulelizwe, sebesobala phambili, sebefuna umuntu ozokhuluma noJehova, umuntu ozobakhulekelela kuJehova.
65.Abafune madili omhlaba, amadili otshwala, abathi bengawaphuza abantu, bephuza lotshwala, begcina bebulalana, kuwo wona lamadili ngoba ngamadili abantu.
66.Sahlehla wasitshela, wathi wanitshela uShembe, wathi anothi uma senihluphekile ngosuku lwenhlupheka, wathi nibombiza uJehova, uyakuza akusindise uma nendlala izinhliziyo zenu emkhondweni wezimemezelo zezwe lakhe.
67.Sabona ukuthi asikaze sizendlale izinhliziyo zethu emkhondweni wezimemezelo zezwi lakhe, futhi asikaze simbikele lutho ngokuhlupheka kwethu, asikaze sacela lutho kuye.
68.Sahlehla, saphindiselwa kuGenesisi, sasuswa kuSambulo lapho esasisibona ukuthi sesiqedile kodwa saphindiselwa emumva.
69.Kungakho bantwana baseKuphakameni abantu uma bebuka lelibandla, baningi abantu abezwayo indaba kaNkulunkulu kodwa bashaywa ivangeli loyisemkhulu. Bashaywa yivangeli lotshwala, ukuthi uma sebefika lapha, liyaphela lelovangeli, ivangeli linye, ngelikaJehova yedwa.
70.Noma sihluphekile sibiza uJehova, noma sijabule, sijabula sidumisa uJehova, njengoba silapha ungathi uma ubona abantu balapha, uthi mawubuka umuntu uthi yeyi akasenayise, akasenanina, akasenabani, cha, abanye basenayo inhlanhla yokuba nabazali.
71.Kodwa baphuma, baphuma enkolweni yezulu lomndeni, bathatha inkolo yezulu likaJehova. Ngithike bantwana baseKuphakameni siyohlala njalo simkhumbula uMprofethi wethu, (ukuthula kube kuye.)
72.Uma sikhuluma ngoShembe kulelibandla, ngisho abantwana betjhu sibafundisile, sisuke sikhuluma ngoMprofethi u-Isaya Shembe, ukuthula kube kuye.
73.Leligama igama aziwa ngalo, lingcwele, ngeke umbize ngegama lezinsizwa njengomuntukazana, njengendoda yomhlaba, eyayikwazi ukuthi uma sekudliwa inhloko noma kudliwani igiye iqephuze esibayeni.
74.Cha, kukhulunywa ngoMprofethi kaNkulunkulu, kukhulunywa ngomuntu uJehova amthuma, kukhulunywa ngoMose wakulelizwe.
75.Okwathi uma ngabe nathi uJehova esesithanda, wayesethumela yena njengendoda ebizwa ngoMose eyakwazi ukuthi ihambe iyokhipha isizwe lapho esasigqilazeke khona, nathi sayithola leyonhlanhla, wafika uShembe wathi mesabeni uJehova. Wathi hhayi nina nodwa, kodwa nina nezizukulwana zenu, mesabeni, savuma.
76.Ushilo kwesinye isihlabelelo, wathi noma nibamba liphunyuka ngoba vele liyaphunyaka ngoba liyashesheleleka, kodwa inhliziyo enempande ayisoze yahlehla.
77.Noma ungahlangana naziphi izikhubo, lapho othole khona uNkulunkulu, asikho isikhubo esingakususa kuNkulunkulu. Kodwa inhliziyo engenayo impande iyasuka kuNkulunkulu.
78.Ngithike bantwana baseKuphakameni uJehova asithande njengoba sithanda, nathi futhi sibe nazo izinhliziyo ezinothando, singasuki kuloluthando ngoba sakwazi ukuthi siyibambe lendlu kaJehova ngisho sesibabili sesibathathu, ngisho uSathane, esehlekisa ngathi esethi kuyaphela lokhu.
79.Ake ningihlabelelele bangcwele, ahlela usulu amagwala, amavesi amabili nje amathathu, ngoba kwathiwa kuyaphela lokhu, bafika abantu.
Isihlabelelo 160.
80.Ahleka usulu amagwala
Athi ha ha ha kuyaphela lokhu,
Kusasa kuyaphela akusekho
Kuyaphela konke akusekho.
81.Chorus: Unjalo wena Kuphakama
Ukukhanyisela zonke izizwe.
82.Qiniselani wemaqhawe
Ningesatshiswa ngamagwala
Ayakwesaba Ekuphakameni
Athi he he he kuyaphela lokhu.
Chorus:
83.Ngiyabonga bantwana baseKuphakameni, kwakunjalo bangcwele, kwathiwa kuyaphela konke lokhu kodwa namhlanjena bantwana baseKuphakameni sikhona zonke izindawo, sesikhona ezifundazweni eziningi.
84.Sikhona eMondlo, sikhona e-Newcastle, sikhona eHarrismith, sikhona eGoli, sikhona eMpumalanga, sikhona eSwazini, ngithike bantwana baseKuphakameni sikhona futhi eMsinga.
85.Kodwa izwi lathi kuyaphela lokhu, kuphela asizona izigidi, kodwa lokho kudalwa umthetho kaNkulunkulu ngoba kuyakhuphela eNCG, ngoba ivangeli lakhona alixutshwa nalutho, alixutshwa namndeni, abantu abalapha abantu abazinikele kuNkulunkulu yedwa.
86.Siyibandla elingakhulumi indaba yalapha emhlabeni kodwa esikhuluma nangohambo lokuthi uma ngabe uNkulunkulu esibekile phambi kwabantu, abantu mabafunde ukuthi umbuso kaNkulunkulu awuphele lapha emhlabeni.
87.Abantu bayafundiswa ngombuso kaSathane, olutha abantu, lelibandla liyisikole somuntu ofuna ukungena ezulwini.
88.Ngalokhoke abafuna izulu lomndeni, bayazikhethela bona, basuke beye khona, akekho umuntu obalandelayo ababeke icala uma sebekhumbule izinkamba, bekhumbule amadili omndeni, akekho umuntu oke ababeke icala.
89.Kodwa umhla wokuphela uma usume phambi komuntu, kusuke ungeziwe kuzofuneka utshwala, kusuke kuzofunwa umthetho kaNkulunkulu obuwugcina uselana emhlabeni.
90.Ngithike bantwana baseKuphakameni ngiyazibongela kuNkulunkulu waseKuphakameni ukuthi angikaze ngahlubuka kulelibandla, angikaze bantwana baseKuphakameni ngize ngifise ukuyeka ukusonta.
91.Noma ngingahlangana naziphi izinqinamba, kodwa angikaze ngaba nayo engake ngayibona uma ngibaleka esontweni. Ngike ngithi uNkulunkulu akangixoshele umuntu osuke efuna ukungikhipha ekukholweni engibuyisele emanxiweni UNkulunkulu angisusa kuwo. Baningike abantu abaye bewathande, bawakhumbule amanxiwa.
92.Ngithi bantwana baseKuphakameni uNkulunkulu unguMoya omuhle, uNkulunkulu akahlekisi ngawe, nangaleso sikhathi akazange ahlekise ngathi kodwa waba nguNkulunkulu kithi.
93.Nangaleso sikhathi amagwala ehleka usulu, waba uNkulunkulu kithi, akazange abe isitha kithi, akazelekelelanga izitha zethu, kodwa waba uNkulunkulu kithi.
94.Ngithike bangcwele uma silapha asicele kuNkulunkulu ukuthi sibe nezimpande singenakukuwa ekukholweni. Sicele ukuthi uJehova asikhumbule, singabuyeli ezulwini labantu. Kodwa sifuna lelizulu elingelikaJehova ongeke acele kumuntu ukwenza into.
95.Ngithike bangcwele abantu abakhonza uJehova noma behamba emhlabeni, uhambo lwabo luba luhle, noma abasele bekhala kodwa bahlangabezwa zingelosi zezulu.
96.Akukho macala abathethiswa wona ngoba basuke bewugcinile umthetho kaNkulunkulu. Vele uJehova uzakuthumela izingelosi zimlande ngoba akukho cala alano, azithunyelwa izingelosi kumuntu onecala.
97.Kodwa abalandwa izingelosi, abahlangabezwa yizo, ilabo abamesabile uJehova, ngithike bantwana baseKuphakameni njengamanje, sekusele yona lenyanga, sekuzofika inyanga yesikhombisa, athi uNkulunkulu ngomlomo kaShembe inyanga yomhlangano, abakholwayo kuye, bayoyeka konke.
98.Akukho dili abayoba nalo, idili, ilelo lokuba badumise uJehova, ilokho bantwana baseKuphakameni okukhulunywa lapha kulelibandla.
99.Sesilungela umhlangano, ngoba inhliziyo enempande, iyazi ukuthi sekuzoyiwa emhlanganweni. Abanye beza esontweni, kodwa uma sekungumhlangano ubabone ngamaSabatha, ngamaSonto abaziwa ukuthi bayaphi.
100.Umuntu akezi emgidini, uzikhethela yena ukuthi angizukusina kuleliviki, ngizosina kuleliya, akekho emhlanganweni, akekho emsebenzini.
101.Abasebenzayo bayakwazi ukusho kubaphathi babo, uma eyinsizwa, uyamazi umuntu omphethe, Mphathi ngizobe ngingekho emhlangweneni, emgidini, ngiyasebenza kuleliviki, ngizobe ngingekho enkonzweni yeSabatha ngizobe ngisemsebenzini.
102.Mkhokheli ngizobe ngingekho, ngiyasebenza kuleliSabatha, noma ngiyasebenza ngeSonto, uyazi uMkhokheli wakhe ukuthi akekho ukuphi inhliziyo engebampande ithi kunani uma ngabe ngingazange ngikusho lokho.
103.Ngithike bangcwele, sebeyaqala sebeyalunga abakhe, Njengamanje bantwana baseKuphakameni ngihlala ngisho ukuthi abantu uma bengebaningi basebenza kakhulu ukwedlula abantu abaningi.
104.Izinto ezenziwe ilelibandla abantu abalibuka balidelele, bangeke bazivume ukuthi zenziwe ilaba abantu abancane kangakaka.
105.Ngenxa yempande ngoba uma ngabe umuntu esenhlanganweni, uyayisebenzela inhlangano yakhe, uyalisebenzela ithikithi laleyonhlangano.
106.Thinake sisenhlanganweni yasezulwini, ngeke usho ukuthi laba bantu abancane kangaka, bakwazile ukwakha wona lompheme esingaphansi kwawo.
107.Ngeke usho ukuthi laba bantu abancane kangaka, bakwazile ukwakha udeda ngendlale wendlu yesonto elapha ePhilangezwi. Ngani ngoba basesipanini sokuboshelwa nguNkulunkulu.
108.Ngisho abantu abadala owazi kahle ukuthi bengenakuba icala noma ngabe bebengakhiphanga kodwa ngenxa yokwazi ukuthi basespanini sikaNkulunkulu, nabo bayafuna ukulotsthwa.
109.UJehova usisindisile, sasinda bantwana baseKuphakameni, sasinda bantwana baseKuphakameni, anginakudeda kulokho.
110.Kulokho kwenzanjalo sihlupheka, sikhipha umnikelo wokwakhela uJehova, sikhipha umnikelo wokulungisa nokuthuthukisa ibandla, uJehova usenzele okukhulu.
111.Wathi sebewa, sebefa abantu, befa ngapha nangapha, weza uJehova wavula amaphiko, wasingenisa phansi kwakhe, sakhosela nabantwana bethu, sakhosela nabazali bethu, akaze kwafa namuntu.
112.Kwakuthiwa abantu abadala, ibona abafa kakhulu bethathwa ilesisifo esathatha ngisho izinsika zesizwe, kodwa uJehova waba isikhukhukazi esihle kithi, siyibandla elincane, siyibandla eledelelekile, kwathi emabandleni amakhulu, kwawa abefundisi, kwawa abavangeli, kwawa abakhokheli kwawa inhlalisithu, kwawa yonke into.
113.1Noma singazange sathi amein, sakhala siphephile sathi Jehova khumbula abantu bakho.
114.Ngiyamubonga uNkulunkulu wami, ngiyamubonga, ikhoke bantwana baseKuphakameni singamaNazaretha kaNkulunkulu.
115.Isihloko sithi inhliziyo engenampande, amazwi bengibuyela kuwo lawa ebengiwafunda sengicela nje ukuthi kufundwe wona, angibange ngisakhuluma ngawo.
116.Inkolo yethu incike kakhulu esihlabelelweni nasebhayibhelini njengokusho koMprofethi wethu, ngicela ukuthi ngifundelwe lapha ku-1 Samuweli 12 verse 14-16
1 Samuel 12 verse 14-16.
117.“Uma nimesaba uJehova, nimkhonze, nilalele izwi lakhe, ningahlubuki esiyalezweni sakhe, khona nina nenkosi yenu ebusa phezu kwenu niyakulandela uJehova uNkulunkulu wenu; kepha uma ningalaleli izwi likaJehova, nihlubuke esiyalezweni sikaJehova, khona isandla sikaJehova siyakumelana nani, njengalokho samelana nawoyihlo.”
118.Ilawomazwi enginipha wona bantwana baseKuphakameni sikhumbule ukuthi uJehova isandla sakhe samelana nabo obaba bethu emandulo, nathi siyomelana nathi uma ngabe singesabi ukuphula umthetho kaNkulunkulu.
INkosi ibusise enikuzwile.