Nokho into engiyifundile ukuthi noma umprofethi engaqhamuka kuyiphi inkolo, iningi lamakholwa alimemukeli, ngoba bayakuzonda ukugcina umthetho kaNkulunkuliu!
Isihlabelelo 115.
1.Ngivukile ngezwi lakho
Mina ebengifile
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Abafile n jengami.
2.Abafile ngewi lakho
Bosinda ngani na
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Basined ngezwi lakho.
3.Ngenhlanhla engiyiphiwe
Ngalowo musa wakho
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Abangayiphiwanga.
4.Bename kanye nabo
Abavela emafini
Abangubo zahlanzwa
Zenziwa mhlophe.
5.Inanelo yabangcwele
Yabathanda ukulibona
Siyethemba bayakulibona
Lelozwe elizayo.
UNGALIPHATHI NGENZE IGAMA LIKAJEHOVA.
1.Ngokufinqiwe sizofunda incwadi ye-Zaga 1 kusukela kuvesi 22-33: “Kuyoze kube nini ziwula ndini nithanda ubuwula, nani zedeleli, nithokoziswa ukweyisa, nani ziwula nizonda ulwazi na?
2.Buyani ngenxa yokusola kwami, lalelani uma nginethulela okusemoyeni wami, nginazisa amazwi ami!
3.Ngenxa yokuba ngimemezile, nenqaba, ngininikile isandla sami, kodwa anizange ninake!
4.Aninakanga zonke izeluleko zami, anikwemukelanga ukusola kwami. Ngakho-ke nami ngiyonihleka usulu ngesikhathi nehlelwa yinhlekelele, nginiklolodele lapho senigcwele uvalo.
5.Lapho kufika isiphepho esibhubhisayo, nokwesaba kwenu sekufana nembubhiso, nenhlekelele yenu ifika njengesivunguvungu, nalapho inhlupheko nosizi kunehlela.
6.Khona bayakungibiza, kodwa angiyikuphendula, bayakungifunisisa, kodwa ngenke bangifumane, ngokuba bazonda ulwazi, bakhetha ukungamesabi uJehova!
7.Ukweduka kwabangena ngqondo kuyababulala, nokudembesela kweziwula kuyozibhubhisa.
8.Kodwa lowo ongilalelayo uyakuhlala ephephile, angabi naluvalo lokwehlelwa ngokubi!”
9.Lencwadi esayinikwa yingelosi ikhuluma izinto ezinkulu, kepha okwanamuhla angizukuyihlaziya.
10.Sesikhulume kakhulu ngendaba yabantu abakhuluma noma yini beyibhekise kuNkulunkulu!
11.Kodwa asikho isono esedlula ukwedelela noma ukuhlekisa ngoNkulunkulu! Umthetho wesithathu uthi: “UNGALIPHATHI NGENZE IGAMA LIKAJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO, NGOKUBA AKANAKUYEKA UKUMJEZISA LOWO OPHATHA NGEZE IGAMA LAKHE!”
12.Ukwenze njani ukuphatha ngeze igama likaJehova? Uma uthuka uNkulunkulu usuke uliphatha ngeze igama lakhe!
13.Uma wenza inhlekisa noma ihlaya ngoNkulunkulu, noma ngokukholwa, noma ngani ethinta uNkulunkulu, usuke uliphatha ngeze igama likaNkulunkulu!
14.Uma usola noma ugxeka uNkulunkulu noma ngayiphi indlela, usuke uliphatha ngeze igama likaJehova!
15.Ngike ngezwa omunye wesifazane ehlasela uNkulunkulu, waze wambiza ngegama, wathi uJehova akasiye uNkulunkulu wabantu abamnyama.
16.Uthi ke lo wesifazane, akukwazi ukuthi ubaba wakho engakuyekela nezitha iminyaka engaphezulu kuka 500, bese kuthiwa lowo muntu uyakuthanda. Ngakho-ke uJehova akasiye uNkulunkulu wabantu abamnyama!
17.Angazi ukuthi umuntu ophilayo ekhanda umhlasela kanjani uNkulunkulu, ngaphandle kokuthi lowo muntu uyi Satanist, noma-ke uma kukhona okungahambi kahle ekhanda lakhe!
18.Umbuzo enginawo ukuthi uma uJehova engasiye uNkulunkulu wethu, ngubani uNkulunkulu wethu? Lowo Nkulunkulu wethu uthuleleni esibuka sihlupheka?
19.Uma sinonkulunkulu ngaphandle kwaJehova, lowo Nkulunkulu akezi ngani ukuzosikhulula?
20.Okuliqiniso ukuthi asinaye uNkulunkulu ngaphandle kwaJehova! NguJehova owathuma izinceku zakhe kithi ukuze zisiqondisele indlela okumele sihame ngayo uma siza kuYe!**
21.Ngaphambili ngike ngachaza ukuthi abaprofethi bagcina ukuba khona emhlabeni ngoYeshua owabe engaphansi kwenkolo kaMose! Ngathi akaze abe khona umprofethi enkolweni yobuKrestu!
22.Emva kwaYeshua esizukulwaneni sika-Israel umprofethi owaba khona ngu Isaya Shembe (ukuthula kube kuye).
23.Kuze kube manje ubufakazi esinabo ukuthi abaprofethi bakaJehova bazalwa esizweni esimnyama!
24.Noma ngaphambili ubengakaze abekhona umprofethi enkolweni yobuKrtestu, kodwa njengamanje uSister Celestial ungumprofethi kaJehova!
25.Ngiyazi ukuthi kulenkolo baningi abefundisi abayaye bethi bangaba profethi, kodwa abasibo!
26.Umprofethi kaJehova ufundisa ngomthetho kaJehova, atshele abantu ukuthi yini uNkulunkulu oyamukelayo nongayemukeli kumuntu olikholwa! NguSister Celestial kuphela onalelo vangeli labaprofethi bakwa-Israel! Ukubhula akuchazi ukuthi you are a Messenger of God!
27.Ngake ngasho ukuthi ngajabula kakhulu uma sengithola uSister Celestial, ngoba sengiyabona ukuthi umsebenzi wami usulula kakhulu, ikakhulukazi kumaKrestu, ngoba uSister Celestial ufike wafakaza ngakho konke kulelibandla esikufundiswa yingelosi!
28.Nokho into engiyifundile ukuthi noma umprofethi engaqhamuka kuyiphi inkolo, iningi lamakholwa alimemukeli, ngoba bayakuzonda ukugcina umthetho kaNkulunkuliu! Ngike ngabona uCelestial ekhuluma kwasakukhala, ethi uhlaselwa ngabantu e-Amerika bembiza ngazo zonke izinhlamba! Ngabona ukuthi akekho umuntu okuyaye kuthi uma ekhuluma indaba kaNkulunkulu angahlaselwa!**
29.USister Celestial ubuye wasifakazela ngendaba yalamaJuda-mbumbulu akwa-Israel. Njengoba nami ingelosi yangichazela kanjalo, namanje uNkulunkulu usekucacisile ngoCelestial ukuthi yithina amaJuda ayinzalo kaJakobe!
30.Noma sikuchaza lokho, kodwa ngoba abanye abantu abafuni ukubuyela kuJehova, bayaye bakuphike ukuthi yithina inzalo ka-Israel!
32.Namuhlake ngizoveza umyalezo ovela kuNkulunkulu ngo-Celestial ukuthi lamaJuda akwa-Israel abulala ama-Arab ePalestine, akasiwo amaJuda ayinzalo ka-Israel!
33.USister Celestial uthi: “INkosi yasho ukuthi amaJuda akwa-Israel akuyibo emthethweni abanikazi bezwe lakwa-Israel, futhi ayosuswa lapho ngendlakadla yama-Arab ayobe elwa nawo.”
34.Ithi-ke iNkosi: “Ayosuswa ezweni lami ngoba akayizo izindlalifa zeze thembiso engazinika u-Abraham, no-Isaka no Jakobe.
35.Angabazenzisi, ngakho imvelo yawo yoqobo izokwembulwa phambi komhlaba wonke, nanjengoba nemvelo yabantu baMi iyokwembulwa phambi komhlaba wonke!” Amen!
36.Yonke into uma uNkulunkulu esefuna yenzeke, yenzeka ngendlela engaziwa ngumuntu.
37.Kuvele kwaqhamuka umongameli waseRussia, waletha ubufakazi obungaphikiseki bokuthi amaHebheru noYeshua kwakunga bantu abamnyama!
38.Uyaqhubeka uCelestial uthi: “Amacala alamaJuda iNkosi ebabize ngoYehudim, ayokwenekwa obala, futhi ayophuma efeni lami ngoba angizange ngibaphe lona.
39.Ngakho-ke asikwazi kahle ukuthi iNkosi ibona izwe lakwa-Israel njengezwe laYo, futhi lelizwe yalinika ngesethembiso u-Abraham, no-Isaka noJakobe!
40.Kodwa manje uNkulunkulu uthi laba abahlala ezweni laKhe bangabazenzisi – bangabantu abaguqulela iqiniso emangeni, bethi bangamaJuda kodwa bengesiwo!
41.UCelestial wabe esefunda iSambulo 2 kuvesi 9. Uthi: “Leli liyivesi lokuqala kulawa amabili iNkosi engiphe wona. Ivesi lesibili litholakala kwiSambulo 3 kuvesi 9.
42.Lona lithi: “Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni* likaSathane abazishaya abaJuda bengesibo, kepha beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.”
43.Uthi-ke uCelestial: “UNkulunkulu ungithumile ukuba ngikutshele wena-Amerika ukuthi umcasulile kakhulu ngezenzo zakho zangonyaka ka 1948.” Amen!
44.Okumele sikwazi ukuthi noma uCelestial engumuntu omnyama, kodwa ungowase-Amerika, futhi uthunywe ukuzo profetha ikakhulukazi nge-Amerika, noma eprofetha nangamazwe ase-Afrika. Njengoba ziningi iziprofetho osezivezile nange-South Afrika!
45.Uyaqhubeka uthi: “INkosi ithi wena Amerika waziphakamisa emhlabeni uhamba uqoqa abantu engingakuthumanga ukuba ubaqoqe, wabaletha ezweni layo ubakhisa khona, wathi bangu-Israel.”
46.Njengoba sesichaze kaningi, lamaJuda-mbumbulu esizwe esimhlophe aqoqwa yi-Amerika emazweni ahlukene, abe esabapha lelizwe likaNkulunkulu, esethi yizwe labo, yibona amaJuda! Lamanga agcina eliqiniso!
47.Uthi-ke uCelestial: “INkosi ithi amanga akho aseqhubeke isikhathi eside ngokwenele, futhi izowaveza emhlabeni; kuyothi emva kwalokho ikushaye wena ikususe emhlabeni.
48.Kumele umhlaba wazi ukuthi i-Amerika izophela, izogcina ingasekho emhlabeni!
49.Izizwe ziyoqhubeka, futhi impilo iyoqhubeka noma yingasiphi isimo eyobe ikuso, kodwa mayelana ne-United States of America, akusayikuba khona into eyi-America, kungakhathaleki ukuthi umuntu uthini!
50.INkosi ithi isiphetho salesi sizwe siyoba yimbubhiso – ukwahlulela kokugcina njengalokhu sikuthola kulotshwe ngakho kwiSambulo 18.
51.Ithi iNkosi kumaJuda (amhlophe): ‘uma umvikeli wenu,okuyi-Amerika,eseshayiwe, futhi angenaku lulama kuyo, niyozibonela njengamachwane enyoka, futhi ama-Arab anizungezile ayokwehlela phezu kwenu, futhi niyobaleka nilishiye izwe layo!
52.Ngakho-ke, izinsuku zokubheka konke okwenziweyo sezisondele kuzo zonke izizwe ezilwa no-Israel, okungukuthi ‘abantu bakaNkulunkulu ngokweqiniso!” Amen!
53.Lamazwi akhulunywa nguNkulunkulu angifikisela izinyembezi uma ngicabanga ukuthi kunabantu abamnyama abahlale bethuka, bephika uJehova, yize esithanda kangaka!
54.Kumele thina ma-Israel, okungabantu abamnyama abenziwe izigqila yonke leminyaka, sazi ukuthi uNkulunkulu akakhohliwe yithi, usazosilwela, i-Amerika ne Nato uJehova uzobanqoba, uzoletha izizwe ezifana neRussia neChina, kuhlangana namazwe ama-Arab, balwe ne-Amerika bayinqobe!
55.Uthi-ke uCelestial: “Impi yamaHubo 83 iyeza, futhi uma le mpi isifika emhlabeni, iNkosi ithi lokhu singakuthola kwiSambulo 6 – lesiya sigaba somusho esibizwa ngokuthi ‘IZIMPI NAMAHEMUHEMU EZIMPI – kuyokwenzeka kuze kwenyukele ezingeni eliphezulu. Amen!**
56.Kwenye intshumayelo uSister Celestial ukhulume ngezono ezenziwa ngama Krestu, ikakhulukazi izono zocansi.
57.Uthi ke uCelestial: “Abantu bazothi: ‘kodwa mina angikaze ngisihushule isisu; angikaze ngibe wungqingili. Ngabe uNkulunkulu uzokwahlulela bonke abantu ngenxa yesono somuntu oyedwa?
68.Lokhu kungenxa yokuthi alikho iBhayibheli elisha elenzelwe i-United States of America. I-America izothi uNkulunkulu unephutha uma ethi akafuni ukuba amadoda amabili ahlangane ngokocansi, noma abesifazane ababili benze ndawonye ucansi!
69.I-America izothi uthando liwuthando, bese ithi ukuthanda lowo othanda ukumthanda kuse mthethweni, ngoba ithi uthando luyalingana!
70.Ngokwenza lokhu, i-America isihamba phambili ngokuchaza kabusha ukuthi kuyini ukuziphatha kahle nokungaziphathi kahle uma kuza ezindabeni zocansi.
71.Uma uNkulunkulu ethi into ayihambisani nokuziphatha kahle mayelana nezocansi, i-America iyenza ibe semthethweni, bese ithi lokho ukuziphatha kahle ngokocansi.
72.Kunezinguquko emigomeni yokuziphatha, kodwa abantu basazothi: ‘NgingumKrestu’ nakuba umKrestu kufanele kube ngumuntu oyindoda, ongowesifazane, noma umntwana ohlala njalo ebunjwa wuMoya oNgcwele!
73.Ngabe umuntu ongcwele kufanele abe wumfanekiso we-United States? Abe wumfanekiso wengxubevange yezinkolo zakhe, noma abe ngumfanekiso kaJesu Krestu?
74.Abantu abaqondi ukuthi uma kungekho okukubumbayo, noma yikuphi okunye okuyokubumba ngeke kukuyise ezulwini!”
75.Abantu kumele bazi ukuthi noma yini oyenzayo, kodwa kuphambana nomthetho kaNkulunkulu, ngenke kukuyise ezulwini!
76.Uthi-ke uCelestial: “Ukuba abefundisi bebekushumayelile lokhu, besiyocophelela kakhulu mayelana nalokho okungena emakhanda ethu.
77.Ngakho-ke, iningi labantu aliqapheli ukuthi uma uMoya oNgcwele ungakubumbi ukuba ube wumfanekiso kaKrestu, emva kosuku olukhulu lweNkosi, usuku lapho uNkulunkulu eyokwahlulela izitha zakhe, noma yini engafani noNkulunkulu iyofakwa emshungwini wezitha zaKhe.”
78.Njengoba echaza uCelestial, sonke thina makholwa kumele sihlale singcwele, sibe ngumfanekiso kaKrestu! Kusho ukuthini lokho? Kusho ukuthi asihambe ngokwe zimiso zika Nkulunkulu njengoba kwakuhamba uKrestu!
79.Uthi-ke uNkulunkulu: “Noma yini engafani noNkulunkulu iyofakwa emshungwini wezitha zaKhe.”
80.Bonke abantu abangahambi ngomthetho kaNkulunkulu, bayizitha zikaNkulunkulu! Usho njalo uJehova emthethweni wesithathu, uthi:
81.“Ngihambela ububi bawoyise kubantwana, kuso isi zukulwane sesi thathu nesesine sabangi zondayo, abangawugcini umthetho wami!”
82.Bonke abantu abangawugcini umthetho kaJehocva bayizitha zikaJehova, no Celestial ufakaza lokho!
83.Uthi-ke uCelestial: “Ngizoletha isiprofetho esithi iNkosi ayifuni ukubona noma ubani ongashadile engene shi ezenzweni zocansi.
84.Kuma Comment, omunye uthi: ‘Hi Celestial, angizami ukuba ngophikisayo, kodwa empeleni akusikho ukuziphatha budedengu ngokocansi uma abantu benza ucansi olungahambisani nesimo sendalo yabo (anal sex).’ Lo uphikisa uNkulunkulu!
85.Bazokusho lokhu ngaphansi kwesiprofetho la iNkosi ithi khona uma wenza ucansi lobungqingili iyonishaya ngesifo nangokufa uqobo ekugcineni uma ningayeki.
86.Umuntu uyokuzwa konke lokho abone konke okulotshiweyo eBhayibhelini okumelene nalokhu, kodwa uyothi kodwa kwemukelekile uma nishadile!! Ngeke esakubamba ukwehlulela kwaKhe!!
87.Njengoba abantu befuna ukubelesela kwelokuthi ziningi izindlela zokusebenzisa imibhalo emayelana nohlelo lwezitabane.
88.Bethi ziningi izindlela zokusebenzisa imibhalo emayelana nobungcwele, futhi uma nishadile ningazenzela ucansi olungahambisani nesimo sendalo yenu (anal sex), ngakho-ke umbhede awungcolisiwe!” Amen!
89.Ngiyafisa ukucacisa lenkulumo kaCelestial. Kuvesi 32 womthandazo wokulala uShembe uthi: “UJehova uyabavezela abakhuleka kuye ngokumesaba, BENGANGCOLISI NEMIBHEDE YABO EKULALENI KWABO, BAZI UKUTHI BAKHULEKA BEPHEZU KWAYO LEMIBHEDE; BAPHATHE KAHLE AMAKHUKHO ABO ABALALA KUWO!”
90.Lelivesi angikaze ngilizwe lichazwa ngisho kumaNazaretha. Noma nishadile, ningamakholwa, anivumelekile ukuba nenze ucansi oluyizitayela enizibona zenziwa kuma porns. Lokho kuyisinengiso kuNkulunkulu!
91.Umuntu olikholwa uNkulunkulu uvuma ukuba nilalane ngokwendabuko, hhayi ukwenza izitayela!
92.Yonke le eminye imigilingwane ekuma porn iyisono noma ngabe niyenza nishadile! Nginitshela lezi zinto ukuze nibe ngcwele, ningabi nasici phambi kukaJehova!
93.Ngokwenza leyonto ningcolisa umbhede enithandaza kuwo! uCelestial uchaza leyonto, noShembe lokhu ukubhalile emthandazweni wokulala!
94.Uthi-ke uCelestial: “Ninenkanuko engcolileyo, senifuna ukuhlanekezela iZwi likaNkulunkulu elikhuluma ngokucacileyo, nifuna ukuligobisa njengani ukuze lube uhlobo lobuKrestu esinabo!!
95.Uthini la uNkulunkulu? Uthi: “Ngokwezindlela nangokwezenzo zakho, uyokwahlulelwa! Ngakho-ke uwena ongezwa!! Nguwe owedelela ithuba lokuphenduka.
96.Kodwa esikhundleni salokho wena ufuna ukuba ngummeli wamahhala omela isono, bese uxoxa ngokuthi singasenza kanjani lesi sono sibe yinto eyejwayelekile kubantu bonke?
97.UNkulunkulu uyowanika isifiso sawo amaKrestu anje! Uyowehlulela ngqo njengokwe ndlela aphila ngayo.
98.Uyowehlulela ngqo njengokwezenzo zawo azenzayo.
99.Futhi okushiwo ngqo yilo musho ukuthi uma usakwemukela ukwehlulelwa kwakho, akufanele ukhale uthi:
100.“Nkulunkulu, lokhu kunzima kakhulu ukuba ngikuthwale,” ngoba kwakufanele ubuye esonweni sakho, kodwa wena wenqaba!
101.Manje-ke lokhu kwehlulelwa kuhambisana nendlela wena okade uphila ngayo. Uthola ukwehlulelwa okuhambisana nezenzo ozenzayo!
102.Uma lezi zinto sezikwehlela, noma ngomlomo wakho ungathi lokhu kwehlulelwa akulungile, inhliziyo yakho ngaphakathi kwakho iyokwazi ukuthi uzizuzele wena!
103.Ngokuba uNkulunkulu ungcwele futhi Yena ubheke ukuthi indlu yaKhe ibe yindlu engcwele!
104.Kanjalo nabaholi baKhe bayoba abaholi abangcwele, futhi nabantu baKhe babe abantu abangcwele, ubupristi bobukhosi!
105.Ngiyaye ngisho ngithi amaKrestu akazi ukuthi yini ubungcwele, nabalisebenzisayo leligama, kodwa abazi ukuthi umuntu ongcwele ngonjani? Kuningi amaKrestu afuna uNkulunkulu abasazoku funda kuCelestial!
106.Uthi ke uCelestial: “Manje-ke uma kukhona owedelela zonke lezi zinto, athi “ngizohamba ngendlela yami, futhi ngizogcizelela ukuthi uNkulunkulu kufanele ahlangane nami lapho ngikhona”,
107.UNkulunkulu uyohlangana nawe lapho ukhona, kodwa ngeke ahlangane nawe ngendlela abefundisi abahlale bekutshela ngayo!!
108.Yebo, uNkulunkulu uyokwenza impela lokho, kodwa uyohlangana nawe njenge ngonyama emgwaqeni, bese uqonda ukuthi uma iNkosi ithi:
109.“Woza endlini yami, hlambululani izandla zenu nina zoni,” wena kufanele uthi: “Nkosi, ngiyeza; yiba nesihawu kimi mina soni.”
110.Uma ungafuni ukuphenduka, iNkosi iyohlangana nawe ngokwezindlela zakho nangokwezenzo zakho.
111.Izinhliziyo zabantu kulelizwe zifana nensimbi!! Zifana nedwala netshe!! Akukho okwazi ukukutshela abantu lapha. Bavele bathi:
112.“Akuveli kuNkulunkulu, akusilo iqiniso!! Kungani ukusho kanjena lokhu? INkosi ayinakukhuluma lokhu!!”
113.Ungubani uNkulunkulu ukuba angakhuluma? Ngakho-ke uthi, ‘Ngenxa yalokhu kungalaleli nalokhu kungalihloniphi iZwi, ngaphandle nothola ukubhubha okungenamkhawulo!
114.Lokhu kusho ukuthi ngenkathi ufundisa iqembu elilodwa labantu, elinye iqembu lizoza kuwe lithi: ‘Kuyini konke lokhu, asivumelani nalokhu, lokhu akukhona ukumesaba uNkulunkulu!!
115.Ngizokhuluma ngayo yonke iminxa ukuze uqonde ukuthi ukususelaphi lokhu uNkulunkulu, ngoba inhloso yalesi siprofetho ukushiya umlaleli engenakho ukuzithethelela!!
116.Uma nje usenokuzi thethelela awusoze waphenduka, awusoze wavuma ukuthi ‘sinecala, sikwenzile lokhu, simkhubile uNkulunkulu!’
117.Uma nje kuseno ‘KODWA’ emlonyeni wakho, inhliziyo yakho isamelene neNkosi, futhi ngeke ufike ezingeni la iyokukhombisa khona umusa, okuwukuphenduka!
118.Abantu bazokhohlwa ukuthi eBhayibhelini kwakungabi yisizwe sonke esonayo, kodwa uma kwakunomuntu oyedwa nje phakathi kwaso owenze isono, uNkulunkulu wayevele amise yonke impilo yosuku, bese efuna, ukuthi ubani osenzile!!”
119.Babeye bafune ngokwemindeni emikhulu, nangokwezizwe nangokwezindlu zemindeni, bese befuna ukuthi yimiphi imindeni abangafuna kuyo.
120.Bese bethungatha kumalungu emindeni, ize i-Urim neThummim ithi ‘u-Akhan.’ UNkulunkulu wayevele amise sonke isizwe ngenxa yesono somuntu oyedwa!!
121.Kodwa ngamaBhayibheli, ngokwezinga lokufundisa kobuKrestu esinakho kuleli zwe, abantu bavele bathi: ‘Akumina; angikaze ngisihushule isisu futhi angikaze ngibe wungqingili!
122.Ngabe uNkulunkulu uzokwehlulela wonke umuntu ngenxa nje yesono somuntu oyedwa?’
123.Yebo, uyokwahlulela wonke umuntu ngoba alikho iBhayibheli elisha le-United States of America.
124.Kune Bhayibheli elilodwa, kuneqiniso elilodwa, akundaba kaNkulunkulu futhi akundaba yami leyo uma ungalazi iBhayibheli lakho!!
125.Ukweswela kwakho ulwazi ngeBhayibheli akuguquli lutho mayelana nalokhu uNkulunkulu athe mangikusho!
126.Indelelo abamedelela ngayo abantu uNkulunkulu isezingeni eliphezulu!! Abantu bacabanga ukuthi bangamcindezela uNkulunkulu ukuba emukele konke nje!!
127.Bacabanga ukuthi uNkulunkulu usithanda kakhulu kangangoba lolo thando lungasetshenziselwa ukulwa naYe, aze ehlise amazinga ukuze emukele indlela yokuphila kwasegoqweni lezingulube!
128.Ukuziphatha ngokocansi okusezingeni lasegoqweni lezingulube leli elithandwa abantu abaningi kulelizwe, kodwa ikakhulu ebandleni lobuKrestu.” Amen!
129.Kulesi sprofetho uSister Celestial ukhuluma kakhulu ngesono socansi esitholakala kumaKrestu! Ngiyajabula ukuthi lobu budlabha obenziwa ngamaKrestu endlini kaJehova uCelestial ukuhlaba ekuhlikiza!
130.UShembe washaya umthetho wokuthi abesilisa bengahlangani nabesifazane enkonzweni, ngangokuthi amakhosazana enkonzweni ayamboza, engabonakali.
131.Ebandleni lamaNazaretha umuntu wesilisa akavunyelwe ukuxhawulana nowesifazane, ngaphandle uma kuyingane yakho; awukwazi ukuthinta umuntu wesifazane noma ngandlelani, uma umthandazela, usebenzisa ingubo, nayo eniyibamba nibe babili!
132.Awukwazi ukuthi ungumuntu wesilisa, noma ungumfundisi, utholakale unomuntu wesifazane noma kuphi! Izinkinga zabesifazane zixazululwa ngumkhokheli, uma udaba lumehlula, lulethwa ngumkhokheli kuwe!
133.Ngakho-ke ebandleni lamaNazaretha awusoze wathola lento eyenzeka emabandleni obuKrestu, lapho abafundisi abaningi belalana nabo bonke abantu besifazane, ngisho amakhosikazi abantu! Abanye bebadlwengule!
134.Uma nje emabandleni obuKrestu kusenale social gathering yabantu besilisa nabesifazane enkonzweni, lamanyala enziwa ngabefundisi enkonzweni ngenke anqamuke!
135.Yini ezokwenza ukuthi ababili bengashelani enkonzweni, abathandanayo benga romensani enkonzweni umfundisi eshumayela? Leyo mikhuba eyisinengiso kuNkulunkulu ngenke uyithole ebandleni lamaNazaretha!
136.Uthi-ke uCelestial: “Akukhathaleki ukuthi lelo bandla likuphi, ibandla ligcwele abantu abacabanga ukuthi le theology ethi: ‘UNkulunkulu uluthando’ ayinamkhawulo, kodwa iNkosi ngeke nje ikumele lokho!!!
137.Abantu abaqondi ukuthi isizathu sokufika kwalezi ziprofethu wukuba i-United States ingabi nazaba, ukuze i-America ingabi nasizathu sokuthi ibingenakuqonda ukuthi uNkulunkulu wayethini.
138.INkosi iyokwenza isiqiniseko sokuthi konke kuyokwenekwa ngendlela yokuthi uma sesizwe konke, kodwa abantu baqhubeke nokwenza lokhu abakwenzayo, wena uyoba wufakazi walokhu.
139.Uma usuzwe iziprofetho ezinjengalezi esezivezwe ngokupheleleyo, izincazelo onikwa zona ezicace bha futhi ezipheleleyo!
140.Bese ubona umyalezo weNkosi ukhishwa ngenkathi wena ukuma social media, ukhona endaweni yangakini, uhlezi nomndeni wakho.
141.Kodwa ubone abantu besabela ngqo ngalezi zindlela iNkosi ezishoyo – ukungayihloniphi, nokungayilaleli nokungayithobeli, uyokwazi-ke ukuthi isizwe
asinazaba. Uyokwazi lokho!
142.Uma ubungazi ngokupheleleyo ukuthi lokho okushiwo yiNkosi kulungile nokuthi yilokho okushiwo yi-America okungalungile.
143.Uma ubona uNkulunkulu ehlulela ngokucacileyo, engashiyi ntuba yokubaleka, kungekho ntuba yokuhlanekezela umyalezo.
144.Kodwa uphinde ubone abantu abezwa iziprofetho ezinje kodwa bathi: ‘Buka nje, yinkohliso le! buka nje, lokhu kungamanga!”
145.Uyokwazi-ke ukuthi isizwe asiyikuba nazaba ngosuku esiyohlangabezana ngalo nokwehlulelwa kokugcina okuyobe kuvela eNkosini!”
Isihlabelelo 75.
1.Nkosi nika izindlebe zethu
Ukulizwa izwi lakho.
Sibambe singayeki
Imiyalo yakho.
Noma sibamba liphunyuka
Masingayeki.
2.Ngokuba ludondolo oluhle
Imiyalo yakho
Lubanika ithemba
Abaluphetheyo.
Sibambe singayeki
Singayeki ngethemba.
INkosi ibusise enikuzwile!