Kodwa laba baholi abangakaze bakhethwe nguJehova, bazipha ngokwabo isikhundla sokuthi bangamakhosi, ngangokuthi noma bebhala incwadi bazinika i-official title yokuthi bangamakhosi! Abanye bazibize ngomprofethi!
Lowo mholi usuke ephoqa into ongasiyo, efuna ukwakha isithombe sokuthi uyafana nalaba profethi bakaJehova, bese ecashisa ngesibongo-fanana, ukuthi ngoba nami ngizalwa endlini yomprofethi, ngingumprofethi-ke!
Kodwa akuhambi kanjalo ezulwini!
Isihlabelelo 141
1.Abangazazi lezi zindaba
Anibatshelanga ngani
Babethanda ukuzizwa
Lezi zindaba
Anibatshelanga ngani.
Chorus.Bayokhala ngani zihlobo zabo
Anibatshelanga ngani.
2.Musa ukuzisola kwabaningi
Akunyembezi zalutho
Baphunyukiwe umvuzo
Anibatshelanga ngani.
Chorus.
3.Sizizwile lezi zindaba
Bayosinda abaningi
Umvuzo wamukelwa
Ngabakhuluma lezi zindaba.
Chorus.
4.Baduduzwa ngumvuzo woxolo
Bamenywa ngabanye
Bamenyelwa kulowo mshado
Wendodana yesintu.
Chorus.
UTHANDO LUKANKULUNKULU LUNOMBANDELA.
1.Kungumsebenzi esiwuthunyiwe ukuthi sedlulise lezi zindaba zasezulwini kubantu, kungakhathaleki ukuthi bakuyiphi inkolo.
2.Ekudluliseni lezi zindaba, asibhekekile ukuthi abazilalele ziyabachaza noma ziyabacasula, ngoba uNkulunkulu osithumile ukukhuluma indaba yakhe!
3.Kukhona isono esenziwa ngamakholwa amaningi, ikakhulukazi abafundisi bamaKrestu, ngokuzibiza ngabaprofethi.
4.Uma uthatha iDictionary yeBhayibheli ithi umprofethi: “is a Messenger of God.”
5.Igama elithi “messenger” ngesizulu lisho isithunywa, lapha kusho isithunywa sikaNkulunkulu!
6.Umuntu akakwazi ukuzisho yena ukuthi ungumprofethi, kodwa imisebenzi yakhe eyaye ithi lo ngumprofethi; bese abantu bembiza kanjalo!
7.Kuyisono esibi ukuzipha isikhundla ongenaso emsebenzini kaNkulunkulu, lokhu okuthiwa i-self-appointment!
8.Nasebandleni lamaNazaretha ukhona lowo mkhuba wokuzinika isikhundla ngokwakho! Umuntu ethi ngoba ungumholi webandla bese ethi ‘uyinkosi’ ekwenze lokho kube yi ‘title’ yakhe!
9.Ngiyinzalo yobuNazaretha, uBabamkhulu akaze asho ukuthi ungumprofethi, kodwa wathi ‘uyinceku kaNkulunkulu!’ Ukuthi uBabamkhulu ungumprofethi kwasho iNkosi iLanga.
10.NoShembe uBaba iLanga neNyangayezulu abakaze bezibize ngokuthi bangamakhosi, kodwa lokho kwashiwo yithi kubo!
11.UBaba iLanga neNyangayezulu uma bebhala ekugcineni babeyaye bethi Rev.J.G. Shembe, noma Rev. A.K Shembe!
12.Kodwa ngokomlando nangokufundiswa yingelosi, yibona abangamakhosi aseKuphakameni, bagcotshwa ezulwini ukuba bahole ibandla lamaNazaretha! Abakaze babekwe ubuholi libandla lamaNazaretha!
13.Kodwa laba baholi abangakaze bakhethwe nguJehova, bazipha ngokwabo isikhundla sokuthi bangamakhosi, ngangokuthi noma bebhala incwadi bazinika i-official title yokuthi bangamakhosi! Abanye bazibize ngomprofethi!
14.Lowo mholi usuke ephoqa into ongasiyo, efuna ukwakha isithombe sokuthi uyafana nalaba profethi bakaJehova, bese ecashisa ngosibongo-fanana, ukuthi ngoba nami ngizalwa endlini yomprofethi, ngingumprofethi-ke!
Kodwa akuhambi kanjalo ezulwini! UCelestial akazalwa endlini yabaprofethi, kodwa ungumprofethi!
15.Ingelosi yangichazela kahle mina ukuthi Abaprofethi ebandleni lamaNazaretha bathathu kuphela!
16.KumaKrestu-ke kubi kakhulu! Isikhathi esiningi kuyaye kuthi uma umuntu efuna ukufihla imikhuba yakhe, bese esungula ibandla ozozifihla ngalo ekwenzeni imikhuba yakhe! Aze akubhale phansi ukuthi ungumprofethi!
17.Abanye baba ngababoni,(foretellers), bese lokho bekubiza ngobuprofethi, baze basho ukuthi “INkosi” noma “uNkulunkulu” ungibonise lokhu nalokhu!
18.Noma ngabe okubonile kuliqiniso, noma akusilo, kodwa akusho lokho ukuthi usungumprofethi! Umprofethi uthunywa nguJehova ukushumayela ivangeli ngaye uNkulunkulu kuphela!!
19.Kunabantu abanesiphiwo sokubona, kodwa okungasho ukuthi leso siphiwo sihlangene nokuthunywa nguNkulunkulu!
20.NgiseMadadeni nganginomama owayenesiphiwo sokubona, kodwa ekhonza kwenye inkonzo, engalona iNazaretha.
21.Abantwana bakhe baba ngamaNazaretha, kodwa yena ekwenyanya ubuNazaretha, wakuphika impela ukuba ngumNazaretha. Kodwa wayengumthandazi enkonzweni yakhe.
22.Ngelinye isabatha kwathi abantwana bakhe besenkonzweni yesabatha, wabasa umlilo wapheka ngesabatha, ekwenza lokho ukuchitha isabatha ngoba enyanya ubuNazaretha!
23.Wathi esaphekile phandle, wavele wabona umlilo usucishile, izikhuni nebhodwe sekutshingwe kude!
24.Esaxakekile ukuthi kwenzekalani, wathi uyabasa, uthe usuvutha umlilo, kwavele kwenzeka lokhu okade kwenzeka!
25.Wethuka kakhulu manje, wazibuza ukuthi kanti kwenzekani. Khona lapho wabona kwehla umuntu emkhathini ephethe isambulele, waqathaka lapho ekhona. Kanti nguShembe uBabamkhulu.
26.Wabe esemtshela ukuthi lomlilo ucishwe nguye, ngoba lonkosikazi ebasa umlilo ngesabatha. UShembe wafika emini kumuntu ongalilona iNazaretha, futhi ekwenyanya ubuNazaretha!
27.Ngiyayifinqa lendaba, kodwa yileso sigameko esenza lomama egcine engumNazaretha. Ngangixoxelwa nguye lendaba!
28.Ukuthi ngokwesiphiwo uyakwazi ukubona into ingakenzeki, noma ngisho uNkulunkulu kuyenzeka akhulume nawe, kodwa lokho akusho ukuthi usungumprofethi!
29.UMprofethi ngumuntu wasezulwini, kodwa oyaye ezalwe njengabantu bonke, kanti akasiye umuntu onjengabantu bonke, ungowasezulwini!
30.Kodwa uyaye angazazi ukuthi ungowasezulwini, kuze kufike isikhathi uNkulunkulu omambulela ngaso!
31.Njengoba siphambi kwenu, kungenzeka ukuthi singabantu basezulwini, asazi kahle! Kodwa kuyaye kube khona izinto okuyaye kuthi uma ingelosi izikhuluma singaqondi ukuthi isho ukuthini!
32.Kwake kwathi ngiseseBuhleni, sasheyelwa ucingo ngabafowabo bakamkhokheli, bathi basuka eGoli ukuzolanda umkhokheli.
33.Khona lapho kwabe sekuqhamuka ingelosi, ithi: “Laba abathi bazolanda umkhokheli, bayini, bazini ngani? Nina nahlanganiswa ngamadoda athize, ezweni elithize, ningakabi bikho ngisho eziswini zabazali benu! Manje laba abathi bazonehlukanisa, bazini ngani?
34.Nina nahlanganiswa ngamadoda athize, ezweni elithize, ningakahlali ngisho ezizalweni zabazali benu, ningakabi bikho nakuleli lizwe. Manje laba abathi bayanehlukanisa bangobani, bazini ngani?”
35.Nempela basuka eGoli, bathi bethela uphetholi eMgungundlovu, kwaqhamuka intombazane yababhunyela ngamanzi, udriver waba yimpuphuthe! Bathi bebaleka bebuyela eGoli, imoto yabe isishayelwa ngomunye udriver!
36.Thina sahlala sibalindile bengasafiki. Ngakusasa kwashaya ucingo enye yamantombazane sebesichazela ukuthi oyise bathi kwenzekeni endleleni beza kithi. Ababuyanga besayikhuluma indaba yethu!
38.Ngaleso sikhathi lalingakabi bikho lelibandla, kodwa ingelosi yayiza kithi ngisho siseseBuhleni, ifike ihlale namakhosazane amadala.
39.Sasiyibona enkonzweni ngenansuka yayo ehlukile kwamanye amakhosazana ngobuhlophe obukhazimulayo! Ingelosi nasemgidini wamakhosazana yayiya ifike isine nawo!
40.Ngelinye ilanga ngabuza engelosini ukuthi laba befundisi abangizonda kanje ngabadlelani ngoba angikaze ngiphambane nabo, futhi ngiyabathanda?
41.Ithi ke ingelosi: “Kunento abayibonayo kuwe, kodwa wena ongayiboni. Baboniswa nguSathane uNkulunkulu wabo ngawe, wabatshela ukuthi bakuxwaye ngoba kuzohambe kuhambe kube nguwe ongase ube umholi waleli bandla.
42.Wena wawungakwazi lokho, kodwa bona bakwazi. Ithi-ke ingelosi: “USathane wayebatshela ngawe ngisho ngamaphupho, base belwela ukukuvimba lokhu abakubonayo!
43.Lenkosikazi engikhuluma ngayo, sathi siseNhlangakazi, yabe isingibiza ithi kimi: “Wena uyinhloboni yomuntu?”
44.Ngathi ukusho ngani lokho? Wabe esethi: “Njengoba ngilapha entabeni kukhona into engiyiboniswayo ngawe.
45.Ngikubona umude wedlula bonke laba bantu abalapha entabeni! Ngabe uNkulunkulu ungitshelani ngawe?” Ngathi ‘angazi ngoba konke lokho kubonwa nguwe!”
46.Engiqonde ukukuchaza ukuthi ukuboniswa kuyizinto ezahlukahlukene, kufana namaphupho, nosathane uyakwenza ubone izinto ezingabonwa ngabanye abantu, futhi eziliqiniso, kanti abanye abantu yimvelo yabo ukubona izinto ezingakenzeki..
47.Ukuhlale ubona izinto abantu abangaziboni, ungamane ukuhlanganisa noNkulunkulu.
48.NoSathane uyakusebenzisa, ekubonise izinto ofuna ukusebenzisa wena ukunqoba lokho osuke ebona ukuthi kuzothikamenza umsebenzi wakho!
49.Ngisakhuluma ngezibonakaliso ezilethwa kuwe nguSathane, iNyangayezulu yathi angakhe i-Constitution yebandla.
50.Sengiyenzile ngabe sengibuza ukuthi kule Constitution ngizothi umholi ukhethwa kanjani?
51.Wathi uBaba: “UShembe wathi kothi ngokuhamba komprofethi wokugcina, abafundisi bayoya entabeni yaseNhlangakazi bafike balinde izinsuku ezingu 7, uNkulunkulu uyovela abatshele ozoba ngumholi. Hamba ubhale lokho-ke.”
52.Nempela ngakubhala konke, wabe esethi iConstitution angiyifundele abafundisi. Ngakwenza lokho.
53.Kwathi sekufika umyalezo ngiseKimbery ukuthi uBaba usedlulile emhlabeni, ngakhumbuza umnewewthu owabe engusihlalo wabafundisi ukuthi ebakhumbuze abafundisiukuthi iConstitution ithini ngokubekwa komholi.
54.Wavele wathi umnewethu: “Hheyi, ungabe usayithinta leyo, sekuthiwa le Constitution yayivela kuwe ngoba ufuna ukuzibeka wena ube ngumholi walelibandla!”
55.Ngethuka kakhulu, kodwa ngabe sengivele ngithula! Nempela ngezwa sekuthiwa sekusebenza iConstitution eyabhalwa ngumshumayeli uSibisi, engangingayazi ukuthi ibhalwe ukuthini, kanjani?
56.Angibange ngisakhuluma lutho, bavele bazibekela bona umholi ngendlela yabo, bayichitha le echazwe nguBaba iNyangayezulu!
57.Kodwa emva kwalokho akukho okwake kwabuye kwaqonda ebandleni. Esikhundleni sokukhonjwa nguNkulunkulu, bonke abaholi abalandelayo amaNazaretha abaqoka ngokwabo, uNkulunkulu wabuyiselwa eceleni!
Ekugcineni lelibandla kwaba ngelabantu, amaNazaretha abe esethi laba baholi ababekwe yibo sekuyibo onkulunkulu babo! Saphinda esabantwana bakwa-Israel nethole legolide!
58.Njengoba iNyangayezulu yathi uNkulunkulu uyozifikela yena ezosho ukuthi ukhetha bani ukuba ngumholi, ukuvimba kwabo akusizanga lutho.
59.Ingelosi yazifikela ihambela ngezinyawo, yangigcoba mina njengoba omubi wayesebatshelile ukuthi ingelosi izofike igcobe mina!
60.Njengamanje uNkulunkulu waseKuphakameni uselapha phakathi kwethu ePhilangezwi!
Wayethi uSathane unqobile ngaleli bandla oselenza elakhe, kanti uNkulunkulu mdala! Wenqaba ukuthi ibandla likaMenzi wezulu nomhlaba liqedwe ngomubi! Baba baningi abantu, kodwa uNkulunkulu waphuma phakathi kwabo!
61.Ngikhuluma ngezibonakaliso namaphupho nokubhula ngento esazokwenzeka, ukuthi nosathane uyakwenza ube ngumboni wakhe!
62.Isithunywa sikaNkulunkulu asigcini ngokubona okuzokwenzeka, kodwa isikhathi esiningi siyafundisa ngomthetho kaNkulunkulu!
63.NaseBhayibheli bonke abaprofethi bakaNkulunkulu bayashumayela, basitshele ukuthi uJehova kumele simkhonze kanjani, noBabamkhulu wafike wafundisa lokho, nengelosi ifike yafundisa lokho!
64.Besikhuluma ngothando lukaNkulunkulu, ukuthi lunemibandela!
65.Inkinga esibhekene nayo ukuthi abafundisi bethu enkolweni yobuKrestu bayaye bafunde kakhulu, abanye baze bebe ngodokotela bezenkolo, kodwa kutholakale ukuthhi abazi lutho ngalenkolo abayilandelayo!
66.njengazo zonke izinkolo, inkolo yobuKrestu inamaqiso ngomlando wayo! Kodwa abantu bayawajika lamaqiniso bese bezakhela umlando ongayilo iqiniso ukuze bafihle imikhubo eyenziwa yilenkolo yabezizwe!
67.Ngokomlando uYeshua wazalwa ku 6 A.D, ezalwa esizweni samaJuda, okuyithi. Naye wabe eliJuda! Wahamba emhlabeni ngo 33 A.D.
68.UYeshua wayengaphansi kwenkolo kaMose, empilweni yakhe yonke wayenevangeli eligqugquzela ukugcinwa komthetho kaNkulunkulu onguJehova! (Bheka uMathewu 5:17-19; nomaMathewu 7:21-23, ukubala nje ambalwa!).
69.UYeshua engasekho emhlabeni, eminyakeni yo 55 A.D, abafundi bakhe basuka eJerusalema baliqhubela kwabezizwe ivangeli lakhe!
70.Kwaba nempi phakathi kwamaRoma namaJuda esukela ngo 66 A.D, okwathi ngo 70 A.D amaJuda agcina ngokunqotshwa ngamaRoma.
71.Esenqotshiwe amaJuda, abalekela eWest Afrika, kodwa amaningi abulawa. Esese West Afrika amanye adlulela kuMzansi ne-Afrika, agcina ngokubizwa ngama “Bantu”, okuyithi.
72.Azinza eWest Afrika agcina ebizwa ngamaNegro, adayiselwa izizwe zonke eseyizigqila, njengoba wayeshilo uJehova kuDutoronomi 28.
73.Nenkolo kaMose amaRoma ayiqeda. Sebelichithile iJerusalema ikomkhulu lenkolo lasiwa eRome, amaRoma athatha onke amagugu abawathola eJerusalema bayowagcina eRome.
74.Ngo 325 A.D, uConstantine wasungula inkolo yamaRoma ebizwa ngokuthi i-Christianity, wabe eseyichitha inkolo kaMose ngokushaya imithetho ebizwa ngokuthi nga Creed!
75.Kusukela ku 325 A.D kuze kube ko 600 A.D, okuyiminyaka engamakhulu amathathu, amaRoma ayeyishisa imibhalo yamaHebheru, angayishisile eyihlanekezele ukuze ivumelane nenkolo abasebeyisungulile, okungubuKrestu!
76.Eminyakeni yo 600 A.D, base bakha iNew Testament, eselinemibhalo yamaHebheru eminye eyabe isihlanekezelwe lithimba lamaRoma elibizwa ngokuthi ngama Correctos, ngoba bethi baqondisa okubhalwe ngamaHebheru!
77.Njengoba umbuso wamaRoma wagcina ngokuwa, kodwa bakulwela ukuba kube yinkolo yawo ebusa umhlaba wonke, yilokhu okwenza beqhamuke neTestamente elisha.
78.Baqhubeka nokuyichitha inkolo yamaHebheru, kodwa base beyichitha ngama dogma nama theology athize!
79.Lapha sizobala amatheology avela enkolweni yobuKrestu, kodwa angakhelwe ezimfundisweni zikaYeshua!
80.Ithewology yokuqala ISIVUMELWANO ESISHA. Ngalesi sivumelwano ukubethelwa kukaYeshua esiphambanweni kusenza sonke singabe sisaba nesono!
81.Akudingi ukuthi uze ube yisihlakaniphi ukubona ukuthi letheology ayikho practical, kodwa yakhelwa ukuthi ngayo kuchithwe umthetho kaNkulunkulu!
82.Uma bekhuluma ngalesi sivumelwano esikuJeremiya 31: 31, asikhulumi nabezizwe, ngoba uJehova washo ukuthi lesi isivumelwano osenza nabantwana bakwa-Israel kanye nenzalo kaJuda!
83.Ithelogy yesibili ngethi UYESHUA WAVUKA NGESONTO, ngakho-ke asingabe sisaligcina isabatha, kodwa sigcine iSonto!
84.Okokuqala uYeshua akavukanga ngeSonto, noma wayevuke ngeSonto, awukho umthetho othi ngosuku lokuvuka kukaYeshua lolo lusuku kumele lushintshe iSabatha.
85.Nabafundi bakaYeshua emva kwakhe baqhubeka bagcina iSabatha. Okuseqinisweni iSonto lasungulelwa ukuthi ngalo sikhonze isithixo samaRoma!
86.Imfundiso ngetheology YOTHANDO LUKAYESHUA, ingenye yezindlela yokulokhu sibabaza uthando lukaJesu ngokusifela izono, ukuze abantu bayeke ukugcina umthetho kaNkulunkulu osenkolweni kaMose!
87.Esikhundleni sokuthi inkolo kaMose iqedwe ngama Creed, isichithwa nge Theology!
88.Letheology yothando umprofethikazi uSister Celestial ukhulume kakhulu ngayo. Lapha ngimcaphuna ethi:
89.“Nginomyalezo weNkosi lapha, ziningi izinto amaKrestu angazifundiswa, nangazazi, futhi ziningi izinto amaKrestu azivilaphela kakhulu nabudedengu ngazo!
90.Awakwenzi kube wumsebenzi wawo ukuzifundisa mayelana nalokho okufunwa wuMoya oNgcwele kithi.
91.Kuthathwa ngokuthi okuyiwona msebenzi kaNkulunkulu kuphela axhumana ngayo nathi thina makholwa, ukuba nje asithande!
92.Lesi yisimo esibonisa ukungakhuli ngenqondo, isimo esidabukisayo ikakhulu kumaKrestu asekhulile ukuba aphile kuso!
93.Lokhu kuchazwa ngomkhawulo kwalokho uNkulunkulu acishe aphoqelelwe ukuba yikho, okumayelana nje nothando kuphela.
94.Sithini ngothando lukaNkulunkulu? Sithi futhi uNkulunkulu uyasithanda; ngakho-ke uNkulunkulu onothando ngeke akwenze lokho!’
95.Lento icika ngempela, le ngenye yezindlela ezigqame kakhulu okubukwa ngayo izinto ebuKrestwini.
95.Mina nje ngiyathokoza ukuthi uNkulunkulu uyaziveza ukuze kubonakale uqobo lwaKhe emakholweni!
96.Lokho kuyokwenza ukuba ibandla libone ukuthi uNkulunkulu akanakufakwa kulelo khosomba lesimo esinomkhawulo.
97.Lelo khosomba ebenifuna ukuvalela uBaba wami kulo! Yinina-ke eniyongena kulelo khosomba lokubhekana nezimo zoqobo.
98.Yinina enizoya kongena ekhosombeni bese nithola ukuthi kuleliya khosomba ebenizama ukuvalela kulo uMoya oNgcwele ngokulokhu nithi ‘wuthando, uNkulunkulu uluthando. Kodwa akunjalo, ngoba uNkulunkulu uphinda abe ngezinye futhi izinto eziningi!
99.UNKULUNKULU UNGUBULUSISA, UNKULUNKULU UNGUKULUNGA, UNKULUNKULU UNGUBUNGCWELE, UNKULUNKULU UNGUBUHLELEKA OKUQHELILE ESIPHITHIPHITHINI, UNKULUNKULU UNGUKUZITHIBA!
100.Eminyakeni eyisihlanu noma eyishumi edlule, usuke waba nje nengxoxo ngoNkulunkulu, noma nganoma yisiphi esinye sezimo zaKhe, ngaphandle kwaleso nje la efanele ukuba akuthande kuyo yonke inyakanyaka yakho, la kufanele akuthande noma ngabe wenzani?
101.Uthi ufanele ukukuthanda, kungakhathaleki ukuthi unenkani enjani, kungakhathaleki ukuthi zingaki izikhathi la ufuna khona ukuyoxgumbuza ODAKENI!
102.Ubhuquze ubhuquze odakeni, bese ufuna ukuza kulo Muntu oNgcwele nalo lolo ludaka, bese ulokhu uthi: ‘Phela ngithande, ngithande ngikulo UDAKA!’ UNkulunkulu ngeke akwenze lokho! Amen!
103.Sesichaze kaningi ukuthi umehluko phakathi komprofethi nababoniswa, kungaba umthandazi noma isangoma, ukuthi umprofethi isikhathi esiningi uyashumayela, afundise ngezwi likaNkulunkulu.
104.Noma umuntu engakhuluma ngoJesu, akhulume ngoMahomed, noma akhulume ngoShembe, kodwa uma eyisithunywa sasezulwini uzwa olimini ukuthi ngumprofethi kaJehova lo, ngoba bonke banemfundiso ingqikithi yayo okungukukhonza uJehova ngokuhamba ngeziso zakhe ezalethwa kithi nguMose!
105.Ngiyathokoza kakhulu uma kufika umprofethi ongumKrestu ezoqondisa wona amaKrestu kulelivangeli labo elibasa ehlathini!
106.Uthi uSister Celestial: “Ziningi izinto amaKrestu angazifundiswa, nangazazi.
107.Awakwenzi kube wumsebenzi wawo ukuzifundisa mayelana nalokho okufunwa wuMoya oNgcwele kithi.”
108.Lemfundiso-nkolo ethi UNKULUNKULU UYASITHANDA, NGAKHO ANGENKE ASIJEZISE NOMA SENZANI, NGOBA UNKULUNKULU ULUTHANDO, iyona theology eyisa amaKrestu ehlathini!
109.Lomprofethikazi ukhuluma ngale THEOLOGY YOTHANDO LUKAJESU, ukuthi lemfundiso-nkolo yasungulelwa ukususa amakholwa kuNkulunkulu!!
110.Uthi-ke lomprofethikazi: UNKULUNKULU UBUYE ABE NGUBULUNGISWA. Lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu akagcini ngokuthanda, ubuye ahlulele labo abaphuma endleleni yakhe. Kusho ukuthini lokhu?
111.Akukwazi ukuthi kungathi ubungamkhonzi uJehova ngokugcina imithetho yakhe, bese ucabanga ukuthi ngena ezulwini ngoba uthi uNkulunkulu uluthando! Akukhona ukulungiswa lokho!
112.This canot be a affair treatment! uNkulunkulu akakwazi ukugcizelela ukugcina komthetho wakhe, bese umuntu obengamkhonzi uJehova athole the same treatment nobekhonza uJehova!
113.UNKULUNKULU UNGUKULUNGA: Lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu ulungile, uyathethelela. Kodwa ukuba nevangeli elifundisa ukuthi uNkulunkulu unokulunga livangeli eligqugquzela abantu ukuthi abone ngoba ngenke bajeziswe!
114.UNKULUNKULU UNGUBUNGCWELE: Lokhu kusho ukuthi sonke uma sifuna ukuhlala noNkulunkulu, kumele sibe ngcwele, ngoba noNkulunkulu ungcwele. (Bheka uLevi 20:26). Unkulunkulu sonke thina esimkhonzayo sehlukanisiwe nabanye abantu!
115.Ukwenzani ukukhonza uNkulunkulu. Lokhu kusho ukuhamba ngezimiso zikaJehova njengoba zibhaliwe kuTorah!
116.UNKULUNKULU UNGUBUHLELEKA OKUQHELILE ESIPHITHIPHITHINI.
117.Lokhu kusho ukuthi yonke into eqondene noNkulunkulu ihlelekile, kanjalo nabantu abakhonza uNkulunkulu kumele behlale behlelekile!
118.Awukwazi ukuthi ungathi ulikholwa, utholakale wenza noma yini eyenziwa ngabantu abangazi lutho ngoNkulunkulu; uhamba imidanso, imishado engahlangene nokukholwa, nokuningi okunjalo!
119.Umuntu olikholwa uhlala ngokuziqoqa. Noma yini oyenzayo uqale ezibuze ukuthi lokhu engikwenzayo uyakuthanda yini uNkulunkulu?
120.Ngaso sonke isikhathi inhliziyo yakho uboyifundisa ukuthi ingayicabangi into okuzothi uma uNkulunkulu ekubona uyicabanga, ajabhe ngawe!
121.Ubofundisa amehlo akho ukuba angayibuki into okuzothi uma uNkulunkulu ekufica uyibuka, ajabhe ngawe!
122.Fundisa izindlebe ukuthi zingayilaleli into ozothi uma uJehova ekubona uyilalele, ajabhe ngawe!
123.Fundisa umlomo wakho ukuthi ungayikhulumi into okuzothi uma uJehova ekufica uyikhuluma, ajabhe ngawe!
124.Fundisa izandla zakho ukuba zingayiphathi into okuzothi uma uJehova ekufica uyiphethe, ajabhe ngawe!
125.Ubofundisa izinyawo zakho ukuba zingahambeli endaweni okuzothi uma uJehova ekufica ukuyo, ajabhe ngawe!
126.Yilokhu-ke uCelestial othi kumele uma ulikholwa uhlale usesimweni SOKUHLELEKA OKUQHELILE ESIPHITHIPHITHINI!
127.UNKULUNKULUNKULU UNGUKUZITHIBA! Lokhu kusho ukuthi umuntu olikholwa uphila ngokuzifundisa ukuyeka into oyithandayo.
128.Ngisho into ubuyithanda kangakanani, kodwa ngenkathi uthola ukuthi uNkulunkulu akayifuni, nawe uyaye uyiyeke, kungakhathaleki ukuthi ubuyithanda kangakanani!
129.Zingi izinto ezilukhuni ukuziyeka, kodwa uma usuwazi ukuthi uNkulunkulu uthi angikuyeke lokhu, uyakuyeka!
130.Njengoba kungena umkhosi kaJehova ozothatha inyanga, onke amakholwa azophuma ezindlini zawo, bengazihlanganisi nocansi inyanga yonke; asizihlanganisi nocansi ngesabatha nangomkhosi ka 14 no 23!
131.Kubantu ukukholwa okungakaba ngeni kahle, beyehluleka ukugcina lomthetho!
132.Kodwa thina esihlala nengelosi, esazi kahle ukuthi kubaluleke kangakanani ukugcina umthetho kaJehova, asilokothi ukwephula lomthetho!
133.Futhi siyaziqhenya ukuthi ingelosi isifundile ukukwazi UKUZITHIBA ezintweni abantu bomhlaba abangakwazi ukuzithiba kuzo!
134.Okumele bonke abantu ukuthi uNkulunkulu une Character njengathi, unomusa, kodwa futhi uyaba nolaka! Uyaye ejabula, kodwa futhi uyaphatheka kabi!
135.Uyaluveza uthando lwakhe kwabathandile, kodwa futhi uyaba nezondo, ayibonise futhi izondo.
136.Kunakho konke, uNkulunkulu uzisholo yena ukuthi unomona, uyamzonda umuntu omhlanganisa ngabanye oNkululunkulu!
137.Uma wephula umthetho kaJehova kodwa ube uthi ukholiwe, uJehova uyakujezisa ngisho ukuyisa esihogweni!
Isihlabelelo 89.
1.Hlala nathi Nkosib yethu
Leli langa lidlulile
Siyacela ukusizwa
Sesibheke kuwe njalo.
2.Thina asikafiki lapho
Kulelozwe lokwenama
Zimi khona i’ngelosi
Lapho ukungashoni ilanga.
3.Thina sisasithekile
Kulelozwe lokwenama
Lapho kungakhanyisile
Leli langa lalomkhathi.
4.Alube kuwe udumo lwakho
Emhlabeni nasezulwini.
Kuma bandla onke akho
Kuwe Baba Nkulunkulu.
INkosi ibusise izwi layo.