Ku-Eksodusi 31:12-14 uJehova wathi kuMose akakhulume kubantu bakwa-Israel, abatshele athi:“: “NIYAKUGCINA AMASABATHA AMI, NGOKUBA ALUPHAWU PHAKATHI KWAMI NANI, NAPHAKATHI KWEZI ZUKULWANE ZENU, UKUBA NAZI UKUTHI NGINGUJEHOVA ONINGCWELISAYO!”
Isihlabelelo 115
1.Ngivukile ngezwi lakho
Mina ebengifile
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Abafile njengami.
2.Abafile ngezwi lakho
Bosinda ngani na
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Basinde ngezwi lakho.
3.Ngenhlanhla engiyiphiweyo
Ngalowo musa wakho
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Abangayiphiwanga.
4.Bename kanye nabo
Abavela emafini
Abangubo zahlanzwa
Zenziwa mhlophe.
5.Inanelo yabaNgcwele
Yabathanda ukulibona
Siyethemba bayokulibona
Lelo lizwe elizayo.
AMAKHOLWA AHLEKISA NGOMTHETHO KANKULUNKULU BANGAMAHLUBUKA.
1.Ngaphambi kokuba sisho okuningi ngokuhlekisa ngomthetho kaJehova, ngiyafisa ukuba ngikusho ukuthi amaphutha amaningi ayaye adalwe ukungazi nokungafuni ukwazi, bese ukhuluma into engayilo iqiniso, uyenze iqiniso, kanti wenziwa ukungazi!
2.Omunye umuntu ngike ngamuzwa ethi amaphutha amaningi adalwa ukuthi abantu bayaye bekhulume kabanzi ngento abangawazi umlando wayo.
3.Ngiyamvumela kulokho, kokunye ukuthi uyakholwa kodwa uhlekise ngomthetho kaNkulunkulu, kudalwa ukungazi lutho ngento othi uyayikholwa!
4.Uthi ke uNkulunkulu, abantu bami bayabhubha, bebhujiswe ukweswela ulwazi! UNkulunkulu uyakulahla ngokwenza into eyisono ungazi, kodwa bekufanele wazi!
5.Kukhona inkulumo evame ukukhulunywa ngu former Chief Justice Mogoen Mogoeng, ethi uma ufuna amanga abe liqiniso, ubothatha amanga uwahlanganise neqiniso, bese amanga uwaphindaphinda, ekugcineni iqiniso ligcina liphele, nokuliqiniso kugcine kungamanga!
6.Uyaqhubeka uJustice Mogoeng Mogoeng uthi sekwatholakala ukuthi u 80% wabantu bamukela noma yini abayizwayo, abalifuni iqiniso, kodwa bavele bakholwe noma yini abayizwayo ngaphandle kokuyiphenya!
7.Akenginike isibonelo salento eyayikhulunywa ngu Former Chief Justice: Uformer president Zuma kuyaye kube nokhuluma okusuka kuzitha zakhe zokuthi wahlangana nama Cuptas wenza i-State Capture!
8.Kodwa kuze kube manje alikho icala uZuma owake walwethweswa yinkantolo ngalobu bugebengu okuthiwa wakwenza!Amanga aphindaphindiwe aze aba liqiniso!
9.Ngake ngezwa omunye umlungu esho ngelikhulu iqholo ethi uZuma uyisiboshwa, wagwetshwa 15 months ejele!
10.Uma uZuma wayenecala le Contempt of Court, okokuqala lalifanele ukuthethwa eDisrict Court ngoba isigwebo salo zinyanga eziyisithupha noma nenhlawulo!
11.Ngokwephula umthetho kwejaji uChief justice Zondo, wathi icala laseDisrict Court, alothethwa eConcourt! Esikhundleni sokuba ummangalelwa okungenani agwetshwe six months noma inhlawulo, wagwetshwa 15 months, yangaba bikho inhlawulo.
12.Esikhundleni sokuba uma enze icala, akhishelwe i-Warrant of Arest, icala lakhe lathethwa ngamajaji angu 8 eConcourt ehleli wodwa ebhentshini, bamgweba engekho ngisho ukuba khona enkantolo ummangalelwa! Ngisho ngesikhathi se-apartheid angikaze ngiyizwe into enje yenziwa yi Concourt nokwenza!
13.Kulelicala likaPresident Zuma amajaji eConcourt ahlanganisa amanga neqiniso, kwase kuphindaphindwa amanga, aze aba liqiniso!
14.Le i-abuse of power which is itself criminal, ukuthi ungathi ulijaji le Concourt ugwebe umuntu without trial, yize wazi kahle ukuthi leso senzo siphambene noMthethosisekelo!
15.Uthi-ke uJustice Mogoeng Mogoeng, uma ufuna ukwakha amanga, ubothatha iqiniso ulihlanganise namanga, bese uphindaphinda amanga, leloqiniso logcina liphela, bese kwanda okungamanga!
16.Amanye amanga asephenduke iqiniso ilawa okususwa ebhentshini kukaJustice Hlophe!
17.Bengingazukhuluma ngale- impeachment kaJustice Hlophe, kodwa ngisuswa yinkulumo yomunye umlungu othe uDr Hlophe wabekwa icala lokuvuna uPresident Zuma, wathi uma echithwa yicala, wajoyina iMk kaZuma!
18.Uthike lomlungu lokho kusho ukuthi kuliqiniso ukuthi uHlophe welenza lelicala, futhi bekufanele ukuba limlahle! Ubufakazi balokho ukuthi usejoyine ipolitic Party kaZuma!
19.Angikaze ngiwuzwe umbhedo onje! Lomlungu ucabanga ukuthi thina siziwula?
20.Okokuqala uJustice Hlophe wayebonisa amanye amajaji ukuthi kukhona okungaqondile kulelicala, njengoba ekugcineni lokho okwakusolwa nguJustice Hlophe sekubonakele ubuqili babo!
21.UChief Justice Zondo lelicala walisa eConcourt ngoba efuna ukulawula amajaji angaphansi kwakhe ukuba agwebe noMsholozi ngaphandle kokulandela inqubo yomthetho, futhi azi ukuthi iConcourt ayinakuphikiswa muntu!This is a gross abuse of power kuyijaji, kakhulukazi lase Concourt!
22.UChief Justice Zondo akakufihlanga ukuthi ufuna uMsholozi aboshwe iminyaka emibili ngaphandle kwefine! Nempela kwenziwa intando yakhe ecaleni elalingathethwa nguye!
23.Kodwa lomlungu akasho lutho ngobugebengu okwenziwa uChief Justice Zondo, to openly abuse the powers he has to illegally jail another person! Such an act is criminal!
24.Uma-ke uDr Hlophe esexoshwa emsebenzini ngoba efuna ubulungiswa, kwasekuliphutha kanjani ukuthi uma esexoshiwe ejoyine iqembu liaZuma, to fight politics with politics?
25.Kuloludaba luka Dr Hlophe, njengakuZuma, kuthe amajaji okuthiwa amele ubulungiswa noMthethosisekelo, kwaba yiwo enza ubugebengu ne-injustice ngendlela engakholeki!
26.Ngibe yimantshi eRegional Court eKimberly. Nge Tea time besihlangana sizimantshi zaseRegional Court nezase Disrict Court, kwesinye isikhathi sihlangane namajaji!
27.Ayikho enye into esasiyixoxa kuyi tea time ngaphandle kwamacala asezinkantolo zethu, lowo nalowo eqhamuke nezinkinga ahlangane nazo, siqhamuke nemibono ehlukele!
28.Ngake ngasho ukuthi ngahlanganyelwa zimantshi ezimhlophe ngokuveza ukuthi ngikholelwe ebukhoneni bothakathi, yize ngiyimantshi! Konke lokho kukhuluma kwakusukela ecaleni elithize!
29.Manje kuqale nini ukuthi abahluleli bengakwazi ukuphawula bebeke imibono ephikisanayo ngecala elisenkantolo, uma bebodwa?
30.Kodwa uChief Justice Zondo wakhuluma esidlangaleni ukuthi uformer President Zuma akaboshwe for 2 years without an option of a fine, ekusho lokho kunguye ophethe amajaji, futhi ebengalithethi nalelocala! UZondo wayenza i-undue influence ecaleni likaZuma!
31.Ukuba lomthetho uqondile kwakumele kube uChief Justice Zondo who is to be impeached ngesenzo owasenzayo!!
32.Manje umuntu onjengami, ophethe izwi likaNkulunkulu, engayeka kanjani ukuqondisa lemfundiso edukisa abantu?
33.Njengomfundisi, kumele ngibuke ukuthi ngokwasezulwini were these people treated fairly!
34.Ukubonisa ukuthi akukho ubulungiswa lapha, lesi simo sikaZuma, sikaHlophe noMkhwebane, uNkulunkulu uzogcina ngokuveza ukuthi wonke lamacala abaxoshelwa wona, bakhelwa itulo!
35.Angizihlanganisile kangako kwezombusazwe, kodwa noNkulunkulu uyangenelela kuyipolitiki uma abantu bephathwa ngokungekho emthethweni!
36.Njengoba uRuto waseKenya esesezinkingeni ezingaka, uNkulunkulu ubese ekhulimile ngomprofethikazi wase-Amerika ukuthi kulokhu kuphatha kwakhe, akuzukugcina kahle, isizwe sizomvukela! Nalaba baholi baseSouth Afrika abazukugcina kahle!
37.Nalendlela eyenziwa ngabanye osopolitiki ukuba becabangele izisu zabo, ngokuthatha izwe elakhululwa nguNkulunkulu, belibuyisele kwabamhlophe? Kulokhu abakwenzayo, uNkulunkulu uzobaqondisa kabuhlungu!
38.Isizwe esimnyama sisesosizini, asinamhlaba, umhlaba waso sawephucwa ngabezizwe!
39.Njengoba ngake ngasho, amaqembu amnyama ezombusazwe uma ethi alwela abantu bakubo, bekufanele bakhohlwe ngubuqembu, kodwa balwele ukuhlangana babuyise umhlaba wokhokho esizweni sakubo! Hhayi ngempi, kodwa ngomthetho!
40.Akufanele ukuthi sesikhululekile, kodwa umhlaba ongu 80% ube usaqhwagwe ngabamhlophe! Uba kanjani kuNGU neparty efungile ukuthi kungamane kube ne Civil war kunokuba isiwe sakithi sithole umhlaba waso? Okusho ukuthi uvumelane nalaba abamhlophe, yize isizwe sakithi singenandawo yokwaka ngisho imijondolo ezweni lokhokho babo? Ngabe izikhundla sezibalulekile kunokulwela abantu bakithi?
41.Ekuphatheni kwethu izwe, sisazihlanganisa nesizwe esazi kahle ukuthi silwela ukuthi abantu bakithi bahlale besebugqilini! ****
42.Njengoba sishilo ekuqaleni, uma abantu bengawazi umlando wabo, futhi bengazimisele ukuwazi, bohlale besebugqilini bengqondo ngisho sebethi bakhululekile!
43.Kusukela ko-Adam no-Eva uNkulunkulu wayehlala nabantu! IBhayibheli lisitshela ukuthi kusukela ngezikhathi zika Abel noKhayini abantu basebeqalile ukuletha iminikelo kuJehova!!
44.Abantu bokuqala ukuhlubuka uNkulunkulu bazenzela izithixo zabo, bazikhonza, kwakuse Bhabhiloni!
45.Okwesibili lapho abantu abahlubuka khona uNkulunkulu, benza yonke inhlobo yamanyala ongayicabanga, kwaba yisikhathi sikaNowa!
46.UNowa owayebakhuza, waphenduka inhlekisa, njengoba kusenzeka nanamuhla! Esekhathele yilemikhuba, uJehova wababhubhisa ngozamcolo labo bantu!
47.Akugcinanga lapho, abantu babuya bamhlubuka uNkulunkulu ngokwenza onke amanyala ongase uwacabange, labo ngqingili esebengcwele e-Amerika nase South Afrika baqala eGomora naseSodoma.
48.Nalapho uNkulunkulu wagcina ngokulibhubhisa iGomora neSodoma! Konke lokhu kwenzeka uNkulunkulu engakawulethi wonke umbuso wasezulwini emhlabeni!
49.Eminyakeni yo 1467 B.C, umbuso kaNkulunkulu wehlela esizweni sakwa-Israel, okuyisizwe samaHebheru.
50.UNkulunkulu wazifikela yena kuyisizwe sonke esasiholwa nguMose, wakhuluma yena uqobo isizwe simuzwa!
51.Abantwana bakwa-Israel bazizwela ngokwabo uNkulunkulu ekhuluma, nesimo sakhe efika entabeni yaseSinayi basibona, bangagcina ngokuzwa ngoMose!
52.Isimo esinjalo sasingakaze senzeke ngaphambili, nasemuva kwalokho asizange sibuye senzeka!
53.Sebephumile eGibhithe bahamba noNkulunkulu iminyaka engu 40, ebondla ngokwakhe, ebavikela kuzo zonke izitha njengokwethembisa kwakhe ukuthi uyohlale enguNkunkulu wabo!
54.Sebefikile eKhanani, abantwana bakwa-Israel baqala ukuba nenkosi, uSawule, okwathi emva kwakhe kwaba yinkosi uDavide owabusa kwaze kwabusa nesizukulwane sakhe!
55.Emva kwenkosi uSolomoni, umbuso wakwa-Israel wehlukana imibuso emibili, kwaba ngumbuso wakwa-Israel owawakhiwe yizindlu ezilishumi, nombuso kaJuda owawakhiwe izindlu ezimbili.
56.Ngenxa yokuhlubuka uNkulunkulu, umbuso wakwa-Israel wahlaselwa ngabezizwe zawuqeda. Kodwa umbuso kaJuda kwaba yiwona owasala wabusa iminyaka engu 150 sewaphela umbuso wakwa-Israel.
57.Yikho ke namuhla sikhuluma ngamaJuda! LamaJuda esikhuluma ngawo kuseyilabo bantwana baka-Israel ombuso wabo waqhubeka emva kokuphela kombuso wakwa-Israel.
58.Lokhu ngikuchaza ukuze wonke amakholwa abe nomlando oqondile ngalenkolo yethu esayilethelwa nguJehova entabeni yaseSinayi ngo 1467 B.C.
59.Sihlale sikuchaza ukuthi amaRoma anqoba amaJuda ngo 70 A.D, emva kwalokho abe eseba nemithetho ebizwa ngokuthi amaCreeds, eyashawa ngumbusi wamaRoma, uConstantine, naye owabe eseshayela isipikili ekuqedeni inkolo yamaJuda!
60.LamaCreeds afundeka kanje: “Ngiyayichitha yonke imikhosi, amadili, nemithetho ukudla isinkwa esingenamvubelo.
61.Ngichitha iminikelo yama wundlu eyenziwa ngamaHebheru, ngichitha nayo yonke imikhosi yama Hebheru, imithandazo, ukulinda, ukuzila, ukuzingcwelisa kanye nokudumisa kwabo.
62.Ukuzila kwabo, imikhosi yabo yokweshwama, amaSabatha, nenkoloze, amahubo, nezaga, nokuya kwabo ukuyokhonza emathempelini kuchithiwe.
63.Mina ngokwami ngithi angikufisi nakancane ukuthi ngibuyele kwinkoloze yamaJuda. Noma ukutholakala ngidla namaJuda!
64.Noma ngenza imikhosi kanye nabo, ngandlela thile kukhulunywa nabo ngasese ekuphikiseni nokugxekwa kwabo inkolo yobuKrestu.
65.Kunalokho uma kukhona ukukhuluma nabo kufanele kube ukuthi bayatshelwa ngokusobala ukuthi bashiye lo msangano wabo wenkolo yamaJuda” Amein!
66.Kufanele ukuthi njengabantu abamnyama siwazi umlando walama Creeds, ngoba amaRoma aqala ngawo ukuqeda inkolo kaMose, okuyinkolo yethu!
67.Ngokungazi sekuyithi manje esesilekelela izitha zikaJehova ukuqeda ngenkolo yethu!
68.KuGenesis 17 uNkunkulu wenza isivumelwano no-Abraham ukuthi bonke abesilisa kothi benezinsuku ezingu 7 bezelwe, bese besokwa.
69.Kusahluko 17:13 uJehova uthi: “Lolu phawu alushawe emzimbeni yenu LUBE ISIVUMELWANE SAMI ESIPHAKADE!”
70.Kodwa okwenzekalayo ilokhu, kwathi uma abezizwe sebewanqobile amaJuda, base beshaya umthetho wokuthi kungatholakali umntwana weJuda osokiwe!
71.Kwakuthi uma umntwana etholakala esokiwe, abulawe, bese isidumbu sakhe sigaxwa entanyeni kanina, sibolele khona; nonina enganikwa ukudla aze afe!
72.Yini eyayenza abezizwe bamzonde kanje umJuda osokile? Abezizwe babekufundile ukuthi ukusoka kuyisivumelwano sikaJehova nabantwana bakwa-Israel esiphakade!
73.Ngakho-ke uma amaJuda esigcina lesi sivumelwano, sizokwenza uJehova abuyele kubo, bese uJehova abakwa-Israel ebanqobele izitha zabo njengangaphambili!
74.Asikho isizwe esasesatshwa njengo-Israel ngenxa yamandla uNkulunkulu ababamkhonzayo owaye enawo ekubavikeleni ezitheni zabo!
75.Ngakho-ke kwakubalulekile ukuthi uma sebesinqobile lesi sizwe, bese beqeda ngemithetho yabo ebahlanganisa noJehova!
76.Umthetho wesibili kwakunguku gcina iSabatha, nakhona uma utholakala ugcina iSabatha wawubulawa, kulethwe amabhubesi enkundleni; kubukelwe ubulawa ugcine ngokudliwa ngamabhubesi kubukwa, kuhlekwe!
77.Inkinga yayikuphi ekutheni amaJuda asoke, agcine iSabatha?
78.Njengoba sesichazile ngesi vumelwano uJehova owasenza nenzalo ka-Abraham, wabuye wenza isivumelwano nabantwana baka-Israel ngokugcinwa kweSabatha!
79.Ku-Eksodusi 31:12-14 uJehova wathi kuMose akakhulume kubantu bakwa-Israel, abatshele athi:“: “NIYAKUGCINA AMASABATHA AMI, NGOKUBA ALUPHAWU PHAKATHI KWAMI NANI, NAPHAKATHI KWEZI ZUKULWANE ZENU, UKUBA NAZI UKUTHI NGINGUJEHOVA ONINGCWELISAYO!”
80.Ngakho-ke ukusoka neSabatha zivumelwano zikaJehova ezimi phakade!
81.Abezizwe babewazi umlando wama-Israel, bazi namandla kaNkulunkulu wawo, ngoba naseBhayibhelini kubhaliwe ukuthi zonke izizwe zahlala ngokwesaba okukhulu ngenkathi abantwana bakwa-Israel besahamba noJehova!
82.Abezizwe babemfundile uDutoronomi 28, ukuthi uma abakwa-Israel bengayigcini imithetho yakhe, uyosuka kubo, bese benqotshwa ngabezizwe!
83.Ngakho-ke abezizwe babazi kahle ukuthi into eyenze ukuba bakwazi ukunqoba ama-Israel, kungenxa yokuthi aye ehlubuke uNkulunkulu wabo, wase ebashiya!
84.Ngakho-ke kwakubalulekile ukuthi uma sebewanqobile ama-Israel, bese bebalahlisa uNkulunkulu wawo ngokuchitha yonke inqubo yokukholwa kuJehova!
85.Lokho kwakuno mphumela wokuthi ngaso sonke isikhathi sihlale sizigqila zabezizwe!
86.Okokuqala lokhu bakwenza ngokuba kubulawe noma ubani otholakala esahamba ngomthetho kaJehova!
87.Okwesibili kwafanele afihlelwe amaJuda umlando wawo! Lokho kwakwenzelwa ukuthi bangaphinde babuyele kulo Nkulunkulu wokhokho babo abezizwe ababemesaba kakhulu!
88.Namanje iningi labantu abamnyama alikwemukeli ukuthi bayinzalo ka-Israel! Kodwa lokho kwaprofethwa ngakho kumaHubo 83:3-4 lapho kuthi khona:
89.“Ngobuqili benza uzungu ngabantu bakho, baceba ukulwa nabafihliweyo bakho, bathi: “wozani sibaqothule, bangabe besaba yisizwe, negama lika-Israel lingabe lisakhunjulwa!”
90.Ngesikhathi ama-Israel esahlangene, sabakhona isiprofetho esithi abezizwe bayohlangana, bese beqeda ngo-Israel!
91.They will indoctrinate us in such a way that we completely forget about our past, njengoba namanje siwuphika umlando othi abakwa-Israel ngokhokho bethu!!
90.Ngenxa yokukholwa yinto esingayazi ukuthi isukaphi iphelephi, sithi singamakholwa sizithole sihlanganyela nabezizwe, senza inhlekisa umthetho kaJehova!
91.Ku Levitikusi 16:5-7 kuthi: “Uyothabatha enhlanganweni yabantu bakwa-Israel izimpongo ezimbili zibe NGUMNIKELO WESONO, nenqama ibe ngumnikelo wokushiswa.”
92.KumaHebheru 9:19-22. uPaul uthi: “Ngokuba isichaziwe imiyalelo yonke ngokomthetho nguMose kubantu bonke, wayesethatha igazi lamathole nelezimbuzi kanye namanzi noboya obubomvu.. wafafaza incwadi nabantu bonke, ethi:
93.“Lokhu kuyigazi lesivumelwano aniyale ngaso uNkulunkulu……Yebo zonke izinto zihlanjululwa ngegazi ngokomthetho, ngaphandle kokuchitha igazi akukho ukuthethelelwa!”
94.Sengizame ngehluleka ukuthola ukuthi kuphi lapho uJehova ehlekisa khona ngomthetho wakhe ethi asisagezwa ngegazi lezimbuzi nelezinkomo, kodwa sesagezwa ngegazi likaJesu!
95.Kanti ubani owathi asigezwe ngegazi lezinkomo nelezimbuzi ngaphandle kwaNkulunkulu? Kuphi lapho uJesu owake wathi singabuye sigezwe ngegazi lezinkomo nelezimbuzi?
96.Ngiye ngizwe kuthiwa kwasho uPaul! Ngisho ngabe kukhona lapho okwasho khona uPaul, kwaqala nini ukuthi umthetho kakhulunkulu uchithwe nguMpostoli?
97.Ku Izenzo 28:22-23 kuthi: “..ngokuba siyazi ngalelihlelo ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke. ..bayakuye (uPaul) endlini ngobuningi, waba cacisela NGOMBUSO EFAKAZA NGOMBUSO KANKULUNKULU, ebanxenxa ngoJesu ETHATHELA EMTHETHWENI KAMOSE!”
98.Kulncwadi sizwa ukuthi uPaul wayefundisa ngomthetho kaMose! Pho yimuphi lomthetho uPaul owabe esehlekisa ngawo ethi thina asinaku thethelelwa ngegazi lezimbuzi?
99.KwabaseGalathiya 5:2-3, kuthi uPaul wathi: “Mina Paul ngithi kini, uma nisoka uKrestu akanalusizo lwaluthi kini. Ngiyaphinda ngiyafakaza kubantu bonke ukuthi osokayo uphoqelekile ukuba awufeze wonke umthetho!”
100.Sake sakuveza ukuthi kwangethusa uma kuyi New Testament kuyiZenzo 24: 5, kuthi: “Lendoda siyithole iluhlupho, iphehla udweshu kubaJuda ezweni lonke, ingumholi wehlelo lamaNazaretha!”
101.Njengoba selokhu ngaqala ukuvela sifundiswa ukuthi uPaul wayebulala amaKrestu, wabe eseshawa ngumbani, okuyiwona owamenza waba ngumKrestu, manje selithini iBhayibheli uma lithi uPaul wabe engumholi webandla lamaNazaretha?
102.Safihlelwelani ukuthi kanti uMpostoli uPaul wabe engumholi wamaNazaretha?
103.Ngathi uma ngiyilandela lenkulumo, ngathola ukuthi amaNazaretha kwakulibandla elaliholwa nguYeshua, elagcina seliholwa nguPaul!
104.Kodwa lokho abezizwe bakufihla, base beshintsha ubuNazaretha bethi ngubuKrestu, izinkolo ezingakaze zihlangane, futhi ezingafani!
105.Basakhela imfundiso-nkolo esuka kubo, njengoYeshua, basakhela uPaul osuka ezinqondweni zabo, sebethi nguye obhale lemibhalo echitha umthetho kaMose!
106.Lokho bakwenzela ukuze sigcine singazi lutho ngoYeshua, singazi lutho ngoSha’ul, singazi lutho nangebandla likaYeshua, okulibandla lamaNazaretha!
107.Kodwa manje sesinesiqiniseko ukuthi kwakungu Yeshua owayengu mholi webandla lamaNazaretha, nanjengoba sasihlale sisho, nguShembe owavusa ibandla likaYeshua, ngegama nangenqubo yokukholwa!
108.LamaKrestu ahlale ehlekisa ngomthetho kaJehova, bethi bachitha umthetho kaNkulunkulu ngoba izono zabo zafelwa nguYeshua, kodwa babambe utalagu!
109.AmaKrestu akholwe ngokweqiniso, nabafuna ekufeni kwabo bamukeleke ezulwini, abafunde izimfundiso zika Sister Celestial ngevangeli elafundiswa nguYeshua, bazoqonda ukuthi umKrestu likholwa elinjani? COME OUT OF HER MY PEOPLE!
110.Yonke inhloso yokuchitha imithetho kaJehova, sifihlelwe nomlando wethu, kwakungukuba sigcine sihlale sizigqila zabo!
111.Ukuphika umlando wenkolo nobuzwe bethu okwakuzosenza sihlale sisemnyameni kwaphakade, njengoba kunjalo nje!
112.Ngisho izifundiswa zakithi ezinkulu, osopolitiki, nabafundisi abangodokotela kwezenkolo, namanje ungabathola bevuna amaJuda amhlophe kunama Palestine kulempi yakwa-Israel, ngoba bethi lama Ashkenaz Jews yibona bantwana bakwa-Israel!
Badayisa ngefa labo lobuzibulo! What a shame!
Nkosi, Nkosi bubuse!
Lobu buNazaretha.
Uchoboze izitha zabo
Zingabuvukeli.
Vuka, vuka wena Nkosi
Mabulwele nguwe
Uzuhambe phambi kwabo
Zingabuvukeli.
Noma siya entabeni
Owasikhethela yona
Ethiwa iNhlangakazi
Mabungakhubeki.
INkosi ibusise izwi layo!