…uma ngabe utshalile awugcini ngalokho, kodwa uyabuyela uyobheka ukuthi kumilile yini okutshalile. Uma sekumilile uphinde uyobheka ukuthi alukho yini ukhula oluzophazamisa izitshalo. NoJehova unjalo bantwana baseKuphakameni, umise inhlangano yakhe uzobheka ukuthi lokhu akutshalile kumilile yini, uzobheka ukuthi uma kumilile alukho yini ukhula oluzophazamisa
Intshumayelo yangeSabatha ekuseni mhlaka 29 June 2024 siyiphathelwe uMfundisikazi Nomcebo MaNxumalo Mpanza.
Isihlabelelo 237
1.Ngiyathanda mina ukukhonza
iNkosi yeZulu
Inhliziyo ayivumi
Ukukhulula umphefumulo wami
2.Ngenze Nkosi isiboshwa
Noma kubuhlungu njalo:
Ukuze umoya ukhululwe
Ngosuku lweNkosi.
3.Jabula wena ongaboniyo
Umhlaba nengcebo yawo;
Vula amehlo omphefumulo
Abone ikhaya labaNgcwele.
1.Ngiyababingelela abangcwele, isihloko sithi MASIKHUMBULE UJEHOVA MHLA ESIKHIPHA EBIGQILINI. Ngiphakamisa ukubonga, ngibonga eNkosini yaseKuphakameni, ngibonga nje ukuba khona phakathi kwalendlu ngibongele bonke uJehova abathandile kanye nami, ngibonge nokuthunywa. Engathi ke ekuthunyweni kwami ukuba ngiphakele lelizwi, engathi uNkulunkulu engaba seduze kwami.
2.Sibuthene lapha bantwana baseKuphakameni size phambi komenzi weZulu nomhlaba sizocela ukuba avume ukusivumela umhlangano wakhe, aphinde avume ukuhlala nathi kuwo lomhlangano. uNkulunkulu waseKuphakameni amukele izicelo zethu lapho sicela kuye amandla sicela nokuhlakanipha kokugcina izwi lakhe. Umhlangano bantwana baseKuphakameni usho isikhumbuzo sesifungo somuntu ozihlanganise noNkulunkulu.
3.Njengoba silapha sinjengensimu uJehova ayilimile, angaqali ukuyilima, angagcini ngokulima aphinde atshale, uma ngabe utshalile awugcini ngalokho, kodwa uyabuyela uyobheka ukuthi kumilile yini okutshalile. Uma sekumilile uphinde uyobheka ukuthi alukho yini ukhula oluzophazamisa izitshalo. NoJehova unjalo bantwana baseKuphakameni, umise inhlangano yakhe uzobheka ukuthi lokhu akutshalile kumilile yini, uzobheka ukuthi uma kumilile alukho yini ukhula oluzophazamisa.
4.Uzokhetha ezitshalweni zakhe okufanele ukuba kube yisivuno, uzochitha okungafanele. Ngalokho ke bantwana baseKuphakameni uJehova engathi engasikhumbula umhlangano ungene ezinhlizweni zethu ungapheleli olimini ngokuba kulula ukusho ukuthi sisemhlanganweni, kulula ukuthi inyanga yomhlangano, kodwa bese kuphelela khona lapho, kanti akufanele kuphelele lapho kufanele umhlangano uhlezi uvuliwe enhlizweni yakho.
5.Uma ngabe uMnazaretha oyingcwele owawufumana ngesikhathi uzihlanganisa noJehova, ngesikhathi ungena emanzini uJehova akunika yena ukuthi abe ngumlindi wakho. Uma ngabe esahleli kuwe kuhlala njalo kungumhlangano kuwe, umhlangano uvulwa enhlizweni yakho awuvulwa emehlweni akho nasemlonyeni wakho, uyazikhumbula izeluleko owalulekwa ngazo ngabaProfethi basendulo namhlazana uShembe efika kulelizwe, amehlo akho awanakuhlukana nezincwadi eziphethe izwi likaJehova.
6.Lezincwadi ziyoba umngani omkhulu kuwe, amehlo akho awanakusuka kuzo, ngoba unomuntu ohleli kuwe, unomuntu ongcwele, unomuntu ongayithandi izinto zezwe, kodwa othanda okwakubo ezulwini. Uma ehleli kuwe uyakwabela nawe, nawe uzithole sewubangcwele ngoba kuhleli ongcwele kuwe, uma inhliziyo yakho ivuma ukukhulula umoya wakho, ulibone ikhaya labangcwele, uma unganakuwubona umhlaba nengcebo yawo, ngoba iyabakhipha abaningi endaweni kaJehova.
7.Uma silapha bantwana baseKuphakameni size ukuzoncenga, size ukuzokhuleka kumnikazi wesango lokungena eZulwini, uthike uShembe alingenwa nomthwalo, uthike akungeni okungcolileyo khona, akungeni nasinye qha! Ngalokho bantwana baseKuphakameni kuyoba kuhle ukuthi sitholakale sifanele. Kuyake kwenzeke ukuthi uma uJehova etshala kuthi loyo obulala izitshalo uma ehlulekile ukubulala lezozitshalo kodwa athi anginandaba ngizofaka ukhula ukuze nesitshalo singavuneki kube yimina engivunayo kuphela kuso.
8.Ngalokho bangcwele baningi abantu ababefungile, ababekade bebahle ababemsebenzela uNkulunkulu, kodwa kwahamba kwahamba benza okungalungileyo empilweni yabo yangasese, wamuka umuntu ongcwele, wamuka umuntu wasezulwini kubo. Ngiyathanda ukugxila kuMnazaretha oyingcwele nanxa ngike ngakhuluma kakhulu ngaye, uma ngabe esemukile, emuka ensizweni, insizwa ebese iba yisoka, ikuthokozele ukuthi iyisoka ithandwa ngamantombazane omhlaba.
9.Izibone iyisicebi ibone kuyinhlanhla lokho ngoba oyingcwele usuke esehambile, uthathwa okubi, kube kuhle kuwe. Uma esehambile entombini yoMnazaretha, intombi izibona ingelutho uma igcina umthetho kaNkulunkulu, bese izibona isiyintombi yomhlaba ijabule ukuthi iyathandwa yizinsizwa zezwe, ibese iyaqala ukubona lokhu kwalapha sekugconile, ibone kuyijoka elisindayo!
10.Iqale manje igxeke konke okukhona lapha, yenyanye nezihluthu ngoba sekuhleli umuntu ogundile kuyo, kuhleli umuntu oxabene noNkulunkulu, kuhleli umuntu ongaxolisanga noma uJehova esemsola, akakaze axolise kwaze kwathathwa izinqumo eZulwini sokuthi axoshwe nezingilosi zakhe ezazimfakazela zaye zadinsika lapha emhlabeni uJehova ezixosha kwakhe eZulwini. Ngoba abanenkani abakwazi ukuba nesabelo emzini oyingwele.
11.Akaxolisanga, uma ngabe esengenile enhlizweni yakho ngeke nawe uxolise ngisho noma ngabe uyabona ukuthi wonile, ngoba kuhleli umuntu ongaxolisanga kuNkulunkulu, owasolwa nguJehova, wasola uJehova naye, wamsola uJehova naye wamsola futhi. Ngalokho-ke awunawukwazi ukuthi uxolise, ngeke ulibone iphutha lakho futhi ngeke ukubone kuyisibusiso ukuguqa uthi ngonile, ngoba kuhleli onghaguqanga, kuwe kuhlezi owadaza inkani waze waxoshwa eZulwini.
12.Engathike uNkulunkulu engaba nathi abiyele izinhliziyo zethu, angakwazi ukungena . Uma esengenile entombini iqoma eze iquleke ngoba inikezwe ifa lokuthi ayiqome kuze kube phakade ibone kuyigugu lokho. Ingagcini lapho ibe nenkani nakubazali bayo ingababoni bebakhulu kuyo, iphendulane nabo ngoba kuhleli umuntu owaphendulana noJehova kuyo. Ingafuni ukuphathwa ngoba kuyo kukhona umuntu owala ukuphathwa uJehova, ihlebe ixove ngoba kuhleli umuntu owaxova eZulwini.
13.Okwathi ibandla likaNkulunkulu libuthile phambi koMenzi walo yena wangena wathi niyabona yini ukuthi siyagqilazwa, yena wangena wathi naye engakwazi ukuba nguNkulunkulu. Kukanjaloke uma ngabe kuhleli umuntu okanjaloke noNkosikazi uma sekungene lendoda enhlizweni yayo, ivukela umyeni wayo imenze abe yinto engenamsebenzi, ingeze yakwazi ukuxolisa lapho yone khona, ngoba kuhleli umuntu ongaxolisanga, owaze walahla waphuma ebuhleni owaye kubo wabukhetha ukuba aphume kunokuthi axolise kuJehova.
14.Nasemsebenzini noma enikezwe isikhundla udlala ngabantu ngoba akanaso isihawu, akanayo inhliziyo ezwa ubuhlungu nezwela omunye umuntu ubuhlungu, uhlala exosha abantu. Angayikhathaleli izingane ezizalwa yilomuntu ukuthi ziyolala zidleni amxoshe umuntu, ngoba kuye kukhona umuntu ongenasihawu, kukhona umuntu ohliphizayo ongakhi, onamandla okuhlakaza engaqoqi lutho.
15.Ngithi ke bantwana baseKuphakameni uJehova akasibiyele, asenze kuthi kuhlale umoya wakhe oyingcwele kithi, khona nabantwana bethu bayokwazi ukuthi babengcwele nasemsebenzini esisebenza kuwo soba nezinhliziyo ezinhle, asinawukubaxosha abantu kalula, siyokucabanga ukuthi kunomndeni abawondlayo. Asinawukuhleba ngabantu eziphathimandleni zakulawomakhampani, lobubuhlungu nawe ongabuzwa uma ungasebenzi uyobuzwela omunye umuntu.
16.UNkulunkulu akasinike ukuthi lapho sikhona kwande okuhle, uNkulunkulu akasinike ukuthi lapho kuhliphizeka khona kodwa uma sekufike thina singabantwana bakhe bese kuyaqoqeka. Babekhona bantu abashoyo ukuthi ngasizwa yinangu umntwana kaNkulunkulu okuthiwa uMnazaretha oyingcwele, nguyena umuntu owangisiza ukuze abantwana bami belala bedlile.
17.Ngoba lomntwana kaNkulunkulu unomoya omuhle, njengoba sizwa ukuthi uMprofethi wethu wayenenhliziyo enhle kubo bonke abantu nabangakholwa, wayenesihhe, kwakwenziwa ukuthi kuye kwakuhleli umoya kaNkulunkulu umoya onesihawu, umoya okhanyayo umoya ongenanzondo namagqubu. Njengoba uJehova ezosivulela umhlangano bantwana baseKuphakameni sesifika esikhathini lapho kufanele kubonakale abantu abakhethiwe kuJehova, kubonakale abantu abathunyiwe, abathunywe uJehova nabathunywe ngabantu.
18.Ukudumisa kwabantu abanjalo akufani, ngithike bantwana baseKuphakameni ngifisa ukuqala nje lapha ekutheni noma siyibandla kodwa uma kungena umhlangano, kufanele kuthi abantu abaqoqene lapho nabantu abalizwa ilwi uma limemeza bathole isikhumbuzo sokuthi ophambi kwabo obaholayo indaba yakhe isuka kuphi. Bonke abantu bayahola, kodwa umuntu ongumholi kaNkulunkulu kufanele ukuthi kuhlale kuhlale abantu bakhumbule ukuthi kusukephi ukuthi aze abe ngumholi.
19.Uma uJehova efika ubuza kubantu abathumile, uma uJehova efika ubheka abantu abathunywe nguye ukuthi bashilo yini ukuthi bathunyiwe, lokhu babakuthnyiwe basakukhumbula yini. Nebandla lonke kufanele umuntu alandele into ecacile, angajabuleli ukuthi unomholi wakhe kodwa angawazi kahle umlando womholi wakhe ukuthi waba umholi kanjani.
20.Kufanele ukuthi sithole ukuthi uJehova utheni kuye, uma yena ema phakathi kwethu ekhuluma siwathatha amazwi awakhulumayo, kodwa yena uphethe izwi likabani, uthunywe ngubani yena. Ngesikhathi ethunywa uJehova wathini kuye, wathi akenzeni.
21.Ngithike bantwana baseKuphakameni ngiyathanda ukuthi sidlule laphana kuZakariya 3:3-7 “Wayesengibonisa uJoshuwa umpristi omkhulu emi phambi kwengelosi kaJehova, noSathane emi ngakwesokunene sakhe ukumelana naye. UJehova wathi kuSathane: “UJehova uyakukukhuza, Sathane, yebo, uJehova olikhethile iJerusalema uyakukukhuza; lo akasiso isikhuni esophulwe emlilweni na?”
22. UJoshuwa wayembethe izingubo ezingcolileyo; wayemi phambi kwengelosi. Yathatha yasho kwababemi phambi kwayo, yathi: “Mkhumuleni izingubo ezingcolileyo.” Kuyena yathi: “Bheka, ngidedisile kuwe ububi bakho; ngiyakukwembathisa ezobukhosi.” Ngase ngithi: “Mababeke isigqoko esihlanzekileyo ekhanda lakhe.” Base bebeka isigqoko esihlanzekileyo ekhanda lakhe, bamembathisa izingubo, ingelosi kaJehova isemi khona. Ingelosi kaJehova yagomela kuJoshuwa, yathi: “Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine inkonzo yami, uyakwahlulela endlini yami, ugcine namagceke ami; ngiyakukunika ukuba uhambe phakathi kwalaba abemi lapha.”
23.Lawamazwi ngenye yezincwadi ezavulwa mhlazana kubekwa ubaba uMelusi, kwakuqinisekiswa ukuthi ekuhambeni kwakhe akhumbule uJehova, akhumbule uShembe ofike nalelizwi. Ukuhamba phambi kwabantu uyakunikwa, awungeni ngoba ubungumuntu odumile noma ungumuntu ongayiphi indlela, kodwa uyanikwa uphinde unikwe ukuthi uyohamba kanjani.
24.Ngithi ke bantwana baseKuphakameni namuhla sibuthene lapha, njengoba sibuthene lapha sizofuna indlela eqondileyo, ngoba noma sayithola, kodwa ukhona osebenza ubusuku nemini asebenzela ukuyigwegwisa. Ngalokho ke bantwana baseKuphakameni babusisiwe labo abayotholakala bengazange bagwegiswa yilendodada eyaxoshwa eZulwini.
25.Siyophinda futhi sibuyele kuMika wesithupha, uyabuza lapha evesini lesithathu uthi “Bantu bami, ngenzeni kini; kuyini enginikhathaze ngakho na? Ngiphenduleni. Nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihlenga endlini yezigqila, ngathuma phambi kwenu oMose, no-Aroni, noMiriyamu.”
26.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni uJehova uma sesimonile uma sesimhlubuka uyabuza ukuthi wenzeni kithi, ngoba wasikhipha ezweni lobugqila? Uthi wathumela oMose, no-Aroni noMiriyamu, kodwa manje uyabuza ukuthi wenzeni ngoba waliveza uthando phambi kwethu, wenzeni njengoba sisuka kuye silandela indoda eyaxoshwa eZulwini. Ngiphinde futhi ngehle ngiye evesini lesithupha efundeka kanjena
27.“Ngiyakusondela kuJehova nginantoni, ngikhothame kuNkulunkulu ophezulu, na? Ngiyakufika ngiphethe iminikelo yokushiswa, nginamathole amnyaka munye, na? UJehova uyakwenamela izinkulungwane zezinqama nezinkulungwane eziyishumi zemifula yamafutha na? Ngiyakunika izibulo lami ngenxa yesiphambeko sami, isithelo sesisu sami ngenxa yesono senhliziyo yami, na?”
28.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni ngizwa ngishaqeka ngishawa livesi lokuthi ngiyoya nginantoni na phambi kukaJehova? Siyakhumbula ukuthi umuntu kaNkulunkulu u-Abraham wathatha umntwana wakhe kungukuphela kwakhe, waya naye ehlane lapho abeyonikela khona kuNkulunkulu. Akazange acathamele abantwana babantu, kodwa wathatha lona okungowakhe, ngoba izwi lalishilo ukukholwa kwakhe sekubonakele, uNkulunkulu wala ukuthi umntwana wakhe abe ngumhlatshelo, wayesemvezela inyamazane ekufanele ukuthi anikele ngayo ayihlabe ngoba wayesemtholile ukuthi unokukholwa okuqinisileyo phambi kwakhe.
29.Akayanga emahlathini ukuyozingela izingane zabantu ebese ezenza umhlatshelo. Kwaqiniseka ukukholwa kwakhe ngasosona leso sikhathi, kodwa uJehova wangavuma ukuthi abulale ingane yakhe ngoba wayemhlola ukuthi usenguye yini umntwana kaNkulunkulu. Hhayi ngoba uJehova ethi akabulale umntwana wakhe, kodwa wayemhlola ukuthi ngampela usenguye yini loya Abrahama okholwayo, wamthola ukuthi nguye, wayesenqaba ukuthi umntwana achithekelwe umphefumulo wakhe, wambuyisela ezilwaneni.
30.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni siyibandla likaJehova, namhlanjena sekuphinde kwafika omunye uJuly sikhona siphila bedlulile abantu abaningi. Ngibuyela laphayana endabeni yokuhanjelwa nguMnazaretha oyingcwele, uma ngabe esehambile kuwe uchitha yonke into enhle, uxabana nayo yonke imithetho kaJehova ngoba usehambile uMnazaretha oyingcwele sekungene indoda emabalabala, sekungene indoda enokhwekhwe, kungene indoda enmjolika.
31.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, ezansi kwabaholi kunethimba elahlukahlukene labagcotshwa, nalapho uJehova uzobheka ngoba bonke babekwe nguye ukuthi wenzani ngesikhundla owasithola esontweni, uphi umvuzo uJehova awutholayo ngawe, wenzeni usolokhu waba ngumgcotshwa, kuphi okwenzele uNkulunkulu, ukhuluma uthini emsebenzini, lapha osebenza khona uxoxa yiphi indaba nabangani bakho. Uma ukhuluma ngoNkulunkulu ngeke bonke abantu abakhuluma nawe kungabi noyedwa okulandelayo ngoba uNkulunkulu usuke ekubekele ukuthi umsebenzele?
32.Kufanele sibabele nabantwana bethu sibabele lelizwi bantwana baseKuphakameni, sivume ukuba yizigqila zezwi likaNkulunkulu, sivume ukuzondwa ngabantu basizondele ukuthanda uNkulunkulu, ubuhle bukaJehova bukithi, kwajatshulwa kulelizwe. Uthi-ke uShembe JABULANI NITHOKOZE ZIZWE NONKE.
33.Bantwana baseKuphakameni kuphela lapho uNkulunkulu abengiphathise khona ukuba ngikusakaze ebandleni lakhe nakimi uqobo.
Inkosi ibususise enikuzwile.