Kodwa amanye amakholwa afundiswe ukubalekela iqiniso kanjalo, ukuthi uma bengazi ukuthi bazovika kanjani, bathathe inkulumo e-literal beyenze ibe figurative, bese bethi iBhayibheli balihumusha ngomoya ongcwele! Uma umuntu esesho kanjalo, usuke esebaleke okokugcina!
Isihlabelelo 85.
1.Ngonile ebusweni bakho
Nasebusweni bezulu.
Iso lami lingonisile
Ngayephula imithetho.
2.Ngehlulwa ngowokuqala
Emthetrhweni eyishumi
Owesibili ngingewunamathe
weNkosi yoxolo.
3.Abephula lemithetho
Bayakhandwa ngamatshe.
Abazange bahawukelwe
Ngoba yini mina soni.
4.Sengonile nangolimi lwami
Ngakhuluma inkohliso
Sengonile nangenhliziyo yami
Ngacunuka ngayo.
5.Sengonile nangesandla sami
Ngaphatha okungafanele.
Sengonile nangonyawo lwami
Ngahamba ehlazweni.
KUYISONO UKUPHIKISA UMTHETHO KANKULUNKULU.
1.Incwadi kaMathewu 5:17-19: “Ningasho ukuthi ngizochitha umthetho nabaprofethi. Angizelanga ukuzochitha, kodwa ngize ukuzogcwalisa.
2.Ngokuba ngiqinisile ngithi kini kuyokwedlula izulu nomhlaba, kodwa akusoze kwedlula nalinye igama, nasicashana somthetho, kuze kufezeke konke.
3.Ngalokho-ke oweqa owodwa kulemiyalelo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa ngomncinyane embusweni wezulu.
4.Kepha oyigcinayo, ayifundise lowo uyakuthiwamkhulu embusweni wezulu. Amen!
5.Ukuba khona kwe tick tock, noma kunezinto eziningi ezingamukeleki kuyo, kodwa mina ingeze ngaba nokuqonda ukuthi abantu bacabanga kanjani, ngoba kuwo umuntu nomuntu uba nombono wakhe, bese uthatha lokho okunengqondo!!
6.Sengiyazi ukuthi kunabantu abanenkinga, hhayi ngenkolo yobuKrestu kuphela, kodwa asebehlasela ngisho uJehova uqobo lwakhe! Ngaphandle kwamaSatanists, angazi ukuthi umuntu umhlasela kanjani uJehova!
7.Abanye bayaye bezenze abaziyo ngenkolo, kanti abazi lutho, bese kuthi ngalolulwazi abanalo, becabange ukuthi kukhona okutheni abakwaziyo, kanti cha abazi lutho!
8.Ngike ngezwa enye intombazane ebukeka iliqhalaqhala kulenkolo yomdabu, ihlaba kakhulu inkolo yobuKrestu. Kodwa kube sobala ukuthi ezinye zalezi zinto ekhuluma ngazo ayizazi!
9.Ithi-ke lentombazane, uNkulunkulu encwadini kaDutoronomi uthi: “Abenu onkulunkulu ninikela kubo ngabantu, kodwa uJehova akakwenzi lokho.” Manje uNkulunkulu wabe esenikela kanjani ngeNdodana yakhe?” Esho uJesu!
10.Uyicaphunile lencwadi othi kuyo uNkulunkulu wathi akanikeli ngomuntu, kodwa wangabe esacaphuna lapho uJehova ethi khona wanikela ngoJesu ukuba abe ngumhlatshelo!
11.Kodwa vele ngaphandle kokuthi leyo imfundiso yamaKrestu, yinto engekho ezinkulumeni zabaprofethi leyo!
12.Umbuzo oqondile bekufanele uthi: “Kuphi lapho ethi uNkulunkulu unikela ngoJesu ukuba abe umhlatshelo?
13.Omunye uthi iBhayibheli lithi ekufeni kukaMose waya koyisemkhulu. Manje ubuza ukuthi kuphi lapho uNkulunkulu owathi uma umuntu efa akayi kwaba kubo?
14.Nalapho ukukhuluma ngento ongayazi! Kusukela ku-Adam kuze kufike kuMose uNkulunkulu akaze afundise ukuthi umuntu uma esefile uya kuphi umoya wakhe.
15.Umprofethi owaqala ukukhuluma ngokuthi uma umuntu esefile umphefumulo wakhe uya ezulwini, nguYeshua. Leyo nkulumo itholakala kuNew Testament! Nalapho akashongo uYeshua ukuthi umuntu uya ezulwini kuphela!
16.Uma uJehova kuGenesis 15:15 ethi u-Abraham uyoya koyise, wayesho ukuthi uyongcwatshwa lapho kwafihlwa khona oyise, ngoba namanje imizi eminingi inezindawo ezingcwaba abomndeni!Lokho akuhlangane ngalutho ngohambo lomphefumlo!
17.Uma incwadi yoMshumayeli ithi uma umuntu esefile akazi lutho, akakhumbuli lutho, amanye amaKrestu, ngokungazi, noma ngebomu, bayaye becaphune lencwadi yomshumayeli uma sebefuna ukusekela imfundiso ethi umuntu osefile ufile!
18.Betholakale bengakwazi ukwahlukanisa ukufa kwesidumbu nokuphila komphefumulo, yize uYeshua wafundisa kabanzi ngalokho!
19.UMshumayeli akakhulumi ngokufa komoya womuntu, ngoba umoya noma umphefumulo awufi!
20.Okumele sikwazi ukuthi uJehova akayilethanga ngesikhathi esisodwa inqubo yokukholwa nencazelo ngesimo sasezulwini!
21.Kusukela ku-Adam uJehova wasifundisa ukumkhonza ngokunikela kuphela. Kusukela ku-Abraham wasifundisa ngomthetho othi umuntu wesilisa kumele asoke.
22.Kungesikhathi sikaMose lapho uJehova wasinika wonke umthetho wokumkhonza. Kodwa nakhona akakuvezanga konke!
23.Emva kwesikhathi kwafika uYeshua owafundisa ngokuthi uma isidumbu sifa, umoya womuntu awufi, eminye iya ezulwini, kanti eminye iya esihogweni.
24.Ekufikeni kuka Shembe, yena wasifundisa ukuthi singazicelela izihlobo zethu intethelelo kuNkulunkulu ngokubanikelela ukuze bathethelelwe izono zabo!
25.Njengamanje kufike ingelosi yasifundisa ukuthi singaba nawo umnikelo ofana nomshuwalensi, umuntu ehlale enikelela ukuthi afe esekhulile, singafi singakafiki isikhathi esinqunyiwe nguNkulunkulu!
26.Ingelosi yabuye yasifundisa ukuthi ungakunikelela ukuthi ekufeni kwakho ungayi ethuneni, kuvele kufike ingelosi ikuthathe iye nawe ezulwini!
27.Kodwa yonke leminikelo, neminye, inemibandela; awukwazi ukukholwa ngeminikelo kuphela kodwa ube ungahambi ngokwezimiso zikaJehova!
28.Ziningi-ke izinto esiyaye sizichaze ngokucabanga kwethu, kodwa zingayilo iqiniso!
29.Nokho zikhona ezinye izinto eBhayibhelini, ikakhulukazi iNew Testament, ezingayilona iqiniso!
30.Okumele sikuqonde ukuthi iBhayibheli lizincwadi ezibhalwe ngabantu abehlukene ngezikhathi ezahlukene!
31.Ezinye zahlukana ngeminyaka ecishe ibe yinkululungwane, ngoba IBhayibheli lihlanganiswe laba icwadi eyodwa ngabezizwe eminyakani yo 1600 A.D.
32.Nokho okumele sihlale sikwazi ukuthi noma izincwadi zeBhayibheli zahlanganiswa ngabezizwe, kodwa zazibhalwa ngamaHebheru, okungokhokho bethu!
33.Asikwazike ukwenza inhlekisa ngomsebenzi wokhokho bethu, kodwa thina sibe singakwazi ngisho ukufunda izincwadi esezibhaliwe!
34.Ngokuhamba noNkulunkulu amaHebheru akwazi ukwenza izinto ezinkulu, ikakhulukazi ukubhala nokufunda, baze babizwa ngokuthi “Ngabantu bencwadi!”**
35.Abanye abantu benkolo yomdabu, yonke into bavele bayithathe ngenhlizyo, bengayicubungi ukuze basize labo abangenalo ulwazi. Ngizonikeza izibonelo ezimbalwa zalokhu:
36.KuGenesisi 17:12-13, uJehova wenza isivumelwano no-Abraham esihamba kanje: “Ezizukulwaneni zonke umntwana ongumfana phakathi kwenu, esenezinsuku eziyisishiyagalombili ezelwe, kufanele asokwe….
37.Lolu phawu alushawe emizimbeni yenu LUBE YISIVUMELWANE SAMI ESIPHAKADE!” Amen!
38.Ukusoka akulona usiko lwaanoma yisiphi isizwe, kodwa ngumthetho kaNkulunkulu owawushayela u-Abraham nezizukulwane zakhe, okuhlanganisa nathi esingabaNguni! Lento ayidingi mpikiswana ngoba ichazwe kahle eBhayibhelini!
39.Kodwa ekuhlubukeni uNkulunkulu, thina sesithi ukusoka usiko lwethu! Ukusoka sesikuhlobise ngayo yonke imikhuba uJehova owafika nakho ongayazi!
40.UJehova wathi ingane enezinsuku eziyisishiyagalombili kumele isokwe ngokususwa ijwabu layo. Uma ungasokwanga usemncane, ungasokwa noma nini.
41.Ngaphandle kokususwa ijwabu, awukho omunye umthetho wokusokwa owabekwa nguJehova!!
42.Kodwa namuhla ukusoka sekulusiko, sekunemikhuba ongayazi ukuthi ivelaphi? Ngenxa yalemikhuba, kutholakala abantwana bethi uma besokiwe bafe!
43.Lokhu mhlawumbe kudalwa ukuthi ukusoka akuseyiwo umthetho kaNkulunkulu, kodwa ekuhlubukeni uNkulunkulu, ukusoka sekulusiko lwabantu besizwe esithile!
44.Ebandleni lamaNazaretha bonke abesilisa bayasoka, kodwa lokhu ngabakhona angikaze ngizwe ukuthi kukhona umNazaretha obulawe ukusoka, ngoba konke lokhu sikwenza ukulandela umthetho kaNkulunkulu!
45.Angazi-ke noma kwamanye amabandla amaNazaretha kusenjalo yini?
46.Kodwa thina ebandleni lamaNazaretha kaNkulunkulu siyasoka, ngoba lo ngumthetho kaNkulunkulu!
47.Nokho sivumelekile ukusokwa eClinic ngendlela ephephile, ngoba awukho umthetho kaNkulunkulu owephula ngalokho!
48.KuDutoronomi 4:2 kuthi: “Aniyikuthathisela ezwini enginiyala ngalo, futhi anikunciphisa lutho kulo, kodwa gcinani imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu eningiyalo ngawo!” Amen!
49.Ukusoka kwavela noJehova, ngakho-ke asilandele lokho esakufundiswa nguYe!
50.Ekuqaleni sifunde incwadi kaMathewu 5:17-19. Lencwadi ikubeke kwacaca ukuthi uYeshua wayehamba ngokwezimiso zikaJehova!
51.Okubalulekile ukuthi uYeshua wacacisa izinto uMose owayengazi cacisanga ngalomthetho. Uthi-ke uYeshua ‘kuyokwedlula izulu nomhlaba, kodwa akusoze kwedlula cashaza lomthetho!’
52.Pho uma kunjalo, kwenzeka kanjani ukuthi kube nemfundiso yabafundisi ethi asisaphili ngaphansi komthetho kaNkulunkulu?
53.Inkinga akuyikho ukuhlubuka uNkulunkulu, kodwa ukuqeqeshwa ukuba uyofundisa into ongayazi, kanti ususa abantu kuNkulunkulu!!
54.Njengoba ngihlale ngikuveza lokhu, ngenkathi amaRoma esungula inkolo yobuKrestu, bayichitha ngama Creeds inkolo kaJehova!
55.Kodwa emva kwesikhathi babona ukuthi akunakho ukuhlakanipha ukuphoqa inkolo ngezikhali.
56.Ngalokho base benza ukuchithwa kwenkolo kaMose kube yimfundiso-nkolo yobuKrestu ukuze kwamukeleke nanoma ngubani osethi ungumKrestu!
57.Zintathu izinto abamhlophe abazenza ukuqeda nya ngenkolo yethu. okuyinkolo kaJehova.
58.Okokuqala balwela ukuthi singazi ukuthi amaHebheru yithina esiyisizukulwane sika-Israel!
59.Lokho kwabasiza ekutheni noma yini egxeka amaJuda singayinaki, ngoba sicabanga ukuthi abamhlophe balwa bodwa!
60.Okwesibili, kuthe uma sebemchithile uYeshua, okungumuntu omnyama, kwathi lomsindisi wabo asebemakhile, base bethatha yonke impilo kaYeshua bethi impilo yakhe!
61.Bangagcina lapho, okwesithathu, bathatha inkolo kaMose bayihlanganisa nenkolo yabo, ukuze uma sebeyichitha lenkolo kaMose, sicabange ukuthi basachitha inkolo yabo, kanti akunjalo, bachitha inkolo yethu!
62.Inkinga enkulu yabantu abamnyama ukuthi noma behlakaniphile, behlale bekhuluma ngezenkolo, kodwa ayikho into esatshwa ngumuntu omnyama njengokuqondisa iphutha noma ubuqili obenziwe ngomhlophe!
63.Omunye kuyi tick tock uthe: “In Afrika: Slavery destroyed us..religion devided us, ignorance controls us, but truth scares us!”
64.Ayikho into esatshwa ngumuntu omnyama njengeqiniso, ikakhulukazi uma liqondisa esikufundiswe ngabamhlophe!
65.IBhayibheli lehlukaniswe izikhathi ezimbili. I-Old Testament ikhuluma ngesikhathi senkolo kaJehova eyavela e-Afrika, neyayibusa abantu abamnyama. ITestament Elisha lahlanganiswa ngabamhlophe emva kokwehlula isizwe esimnyama!!
66.Ngo 70 A.D, ngenxa yokuthi abantu abamnyama bamhlubuka uNkulunkulu, wabe esebayekela ezitheni zabo, zabanqoba, izitha zabe sezakha inkolo yazo eqeda inkolo yethu!
67.Kodwa ngoba sasizigqila zabo, bakwazi ukuthi bewucishe umlando wethu! Bangagcina ngokuwucisha lomlando wethu, kodwa bacisha nomlando wenkolo yethu!
68.Thina uma sithi sikhuluma ngenkolo yethu sivele sizibhedele nje, kucace ukuthi sikhuluma ngento esingayazi!
69.Yikho sithatha UKUSOKA, okungumthetho kaNkulunkulu, bese sithi usiko lwethu!
70.Akesiqondise lenkulumo ethi amasiko ethu ayengekho ngesikhathi sabantwana bakwa-Israel. Uma kunjalo, pho uJehova wawushaya kanjani umthetho ngamasiko ayengekho?
71.KuLevi 19:31 uJehova uthi: “Ningaphendukeli emadlozini nakubathakathi, ningasingcolisi ngabo, nginguJehova uNkulunkulu wakho.” KuyiZikroniki zokuqala isahluko 10:13-14 kuthi:
72.“Wafa kanjalo-ke uSawuli, ngenxa yokungaligcini izwi likaJehova ngokuyobhula konedlozi, wabuza kuye, wangabuza kuJehova.
73.Ngakho-ke wambulala, umbuso wawubuyisela kuDavide indodana kaJese!”
74.KuLevi 20:27 nanka amazwi kaJehova: “Owesilisa noma owesifazane ongenwe yidlozi noma ngumoya wokubhula uyobulawa nokubulawa, akhandwe ngamatshe, igazi lakhe libe phezu kwakhe!”
75.KuDutoronomi 18:9-13 uJehova wakhuluma lamazwi: “Kothi nxa usufikile eweni uJehova uNkulunkulu wakho okuniksa lona, ungalokothi ufunde ukwenza izinengiso njengalabo bezizwe.
76.Makungafunyanwa muntu phakathi kwenu onikela ngendodana yakhe ngokuyidabulisa emlilweni, noma umbhuli, ohlola imihlola, owenza imilingo noma umlumbi, owenza iziphonso, othinta imimoya yabangasekho, nobiza akhuphule imimoya yamadlozi.
77.Yilowo nalowo owenza lezo zinto uyisinengiso kuJehova, ngenxa yalezo zinengiso uJehova uNkulunkulu wakho wazixosha lezo zizwe phambi kwakho. Mawungabi nacala kuJehova uNkulunkulu wakho!”
78.Lemithetho isinika ubufakazi bokuthi ngesikhathi sakwa-Israel kwakukhona izizwe ezaziyenza lemikhuba ebalwe kulencwadi, esesithi ngamasiko!
78.Zikhona izincwadi zeBhayibheli ezifakazayo ukuthi nabantwana bakwa-Israel bagcina sebeyenza lemikhuba yabezizwe!
79.Ngakho-ke zonke lezi zinto esithi zingamasiko, yimikhuba eyenziwa ngama-Israel esehlubuke uNkulunkulu, kwasekuqaleni yayichithwe nguNkulunkulu!!
80.Akuyikho ukubandlulula ukuchitha izangoma, kodwa ukugcina umthetho kaJehova, ukukholwa! Umthetho kaJehova uthi ungenezeli, futhi unganciphisi ezwini lakhe!
81.Akumele sitshelwe ngabantu abangakholiwe ukuthi kumele simkhonze kanjani uJehova, okunguNkulunkulu wethu, ngoba yonke inqubo yokukholwa icaciswe nguYe!
82.Thina sihlala nengelosi, iyasichazela izinto ezingahlangane nokukholwa, kodwa ezakhiwa ngabamhlophe ngezinhloso ezithize; kanjalo nemithetho kaNkulunkulu okumele sihambe ngayo ingelosi ifike yayivuselela!
83.Ngichaza ukuthi kuyaye kuthi abantu abangafuni ukukholwa, yonke into engumthetho kaNkulunkulu bese bethi ngayo sikhohliswa ngabamhlophe, kodwa akunjalo!
84.Zikhona izinto ngazo esikhohliswa ngabamhlophe, kodwa ezinye kusuke kungumthetho kaJehova owawushayela okhokho bethu!**
85.Ziningi izindlela abamhlophe abazisebenzisayo ukusikhipha enkolweni kaJehova bese beyi chibiyela ngeyabo!
86.Okukhulu ukuvula amakolishi azofundisa abantu bakithi ubufundisi. Kulamakolishi lababafundisi bafundiswa inqubo yokukholwa ephambene nenkolo kaJehova, bese lenqubo e-anti-heaven,ihlwanyelwa esizweni sakithi!
87.Ngake ngabuza omunye umfundisi ukuthi njengoba uJehova Ku-Exodusi 3:5 uthi kuMose: “Khumula izicathulo zakho ezinyaweni zakho ngokuba indawo omi kuyo ingumhlabathi ongcwele,” manje kungani nina ningena endlini yesonto nifake izicathulo?
88.Wathi lomfundisi: “Hhayi uNkulunkulu wayeqonde inhliziyo kaMose!” Wake wakuzwa ukuhlakenezela inkululumo okunje, kuphuma kumuntu ongumfundisi nokwenza?
89.KuMathewu 5:19 uYeshua uthi oweqa owodwa emiyalweni yakhe, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa ngomncinyane embusweni wezulu.
90.Ngike ngezwa omunye uNtombazane uMelisa Maphumulo ekhuluma into enomqondo engingakaze ngiyizwe ikhulunywa ngamaKrestu:
91.Uthi ke lomntwana: “Angazi ukuthi kusuke kwenze njani ukuthi abantu abathi uma befunda iBhayibheli begijimele i-figurative meaning over the literal meaning? Uma wayenza i-poetry ku English literature kumele uyazi ukuthi kuyo yonke inkulumo kune meaning e literal ne figurative.
92.Imeaning e literal ngumqondo osobala bese kuba nomqondo ocashile. NeBhayibheli linomqondo osobala nomqondo ocashile.
93.Umqondo osobala unencazelo eyodwa, kodwa umqondo ocashile unezincazelo eziningi. Ngakho-ke awukwazi ukuthatha inkulumo eliteral uyenze ibe figurative!” Amen!
94.Kule nkululumo kaJehova eyibhekise kuMose, Kwaku ngumqondo osobala (literal meaning), ngoba vele uMose wayezifakile izicathulo.
95.Ngakho-ke uma ethi uNkulunkulu uMose akakhumule izicathulo, awukwazi lokho ukukuchaza figuratively, uthi wayesho inhliziyo!
96.Kodwa amanye amakholwa afundiswe ukubalekela iqiniso kanjalo, ukuthi uma bengazi ukuthi bazovika kanjani, bathathe inkulumo e-literal beyenze ibe figurative, bese bethi iBhayibheli balihumusha ngomoya ongcwele! Uma umuntu esesho kanjalo, usuke esebaleke okokugcina!
97.Ziningi izimfundiso zabamhlophe ezidukisa amakholwa, kodwa bona bebe bengaboni ukuthi lemfundisa iyinto engekho. Akengicaphune uMprofethi uCelestial entshumayelweni yakhe lapho ekhuluma kanje:
98.“Ngilapha ukuzokutshela ngokwezwi leNkosi, ukuthi uma unethezekile enhlakaniphweni yakho emfushane, ungakhohlwa ukuthi unesikhathi esifushane!!
99.Isikhathi sokukhetha ukulunga siyaphela. Isikhathi sokuphenduka siya ngokuya siphela!!
100.Isikhathi sokuhlanzwa esonweni sakho olokhu uba nezaba ngaso, uthi ‘singumzabalazo wami’ uyozabalaza ngazo uze uyongena echibini lomlilo, futhi iNkosi iyokuthanda ikubuke uyongena esihogweni!
101.Ungayihlanekezeli lento!! Yeka la manga alesi sizukulwane sesimanjemanje esithi: ‘UNkulunkulu uyasithanda isoni, kodwa uyasizonda isono!!!’
102.Lokho kungamanga abantu abawacoshe esizweni esihamba ngemikhuba yaso kanye nalabefundisi abaqamba amanga, abehlulekile emsebenzini yabo yokwakha ibandla elifundiswe kahle, elihlonipha uNkulunkulu, neligcina imibhalo engcwele!
103.Ukuthi: ‘Thanda isoni, zonda isono’ kungamanga esimanjemanje enziwe ngabantu! Iqiniso njengalokhu lifundiswe ezwini likaNkulunkulu lithi:
104.‘UNkulunkulu uyasibekezelela isoni, kodwa ngeke asibekezelele isono!’
105.Angikuphinde lokhu: ‘UNkulunkulu uyasibekezelela isoni, kodwa ngeke asibekezelele isono!’
106.Ngakho-ke isikhathi siyeza lapho iNkosi iyokhalisa khona i-alarm ewashini, lapho eyocindezela khona isikalo sesikhathi!
107.Iyothi: ‘Ngakupha impilo yeminyaka eminingi ukuba ugijime ibanga, futhi uligijimile ngokwenyama.
108.Uligijime ngokwemibono yakho, ngoba ubucabanga ukuthi unguNkulunkulu, mina Jehova ngingumfowenu, kodwa usulapha manje njengalokhu kwaba njalo kimi: uhlutshulwe izembatho waba nqunu!!
‘109.Bonke abangane bakho obubambisene nabo kulolu hlelo lokuziqhenya kongqingili obucabanga ukuthi bayohambisana nawe ngoSuku loKwehlulela, akekho namunye kubo ongabe esatholakala!!’
110.Sekunguwe esimweni sikamoya ongakwazi ukufa nami mina Mehluleli waPhakade, owehlulela bonke abaphilayo!
111.Futhi ngilapha ukuzokutshela ukuthi ngenkathi ngicindezela isikali sesikhathi, wena ulahlekelwa yimpilo yakho, isikhathi sokugijima kwakho besingekho nhlobo!” Amen!
112.Asikho Isidingo sokuchaza kakhulu ngalenkulumo yalomprofethikazi, ngoba iqondile.
113.Ukhuluma namaKrestu ngento esihlala siyisho ukuthi lemfundiso ethi ngokufa kukaJesu asisenasono, iyinkinga, ngoba yenza abantu behlale bejabulela into engekho, bethi abasenasono, izono zabo sezagezwa!
114.Uma uCelestial ethi uNkulunkulu uyasibekezela isoni, usho ukuthi isono ungasenza kabili noma kathathu, uNkulunkulu akuxolele, kodwa uma ulokhu isono usiphindaphinda, uyakulahla!!!!!
115.Sikhuluma ukuthi kuyisono ukuphikisa uNkulunkulu emthethweni owushayile, uwuchithe, uwunciphise noma uwukhulise!
116.Ingelosi yake yachaza kabanzi ngalesi simo, ukuthi umuntu uyalahlwa ngokuthi uNkulunkulu afike athi into ayenziwe kanje, wena bese uyayishintsha, uyenze ngendlela yakho!
117.Yonke into ephikisa okwenziwe nguJehovayayenziwe iphikise, isuke ishintshwe nguSathane, kodwa thina singakuboni lokho!
118.Lokhu kuqala ngomzimba wakho, bese kuya ekugqokeni kwakho. Umzimba wakho uma ulikholwa ulithempeli likaNkulunkulu, ngakho-ke awukwazi ukwenza noma yini ethandwa nguwe kuwo!
119.UNkulunkulu ukunike ikhanda, walihlobisa ngezinwele, ngamashiye, ngezinkophe nangomlomo.
120.Uma wena usususa izinwele uNkulunkulu okuhlobise ngazo, ususe amashiya, ufake awakho, ususe izinkophe bese ufaka ezakho, lokho kuyisono esibi kuNkulunkulu, ngoba usuke ubukela phansi uNkulunkulu, kodwa ukhonza uSathane!
121.Uma upenda izinzipho zakho, ezulwini alamukelekile izinyo legolide, ngoba uNkulunkiulu ukunike amazinyo amhlophe.
122.Akwamukelekile ukuba nezinwele zamaRasta! UNkulunkulu ukunike izinwele eziqondile! Yasifundisa kanjalo ingelosi!
123.Ithi ingelosi zonke lezi zinto esizibiza ngesitayela, noma ngefashini, zisuke zenziwe nguSathane, ngazo ephikisa uNkulunkulu! Noma yini oyenzayo ephambana nokubekelwe nguNkulunkulu, iyisono!
124.Ayikho into uNkulunkulu oyenyanya njengomkhuba, ukuwenza noma ukuwukhuluma! Ayikho into uNkulunkulu oyizonda njengokungawu hloniphi umzimba wakho!
125.Ngenkathi abantu benza zonke lezi zinto eziyimikhuba, ezingamanyala ngemizimba yabo, uNkulunkulu uyasuka phakathi kwethu!
Isihlabelelo 57.
1.Sifuna indlela
Yokuya ekhaya
KuJehova iNkosi yethu
UMdali wezulu.
Chorus: Indlela eya ekhaya
Yedlula engozini.
2.Sifuneleni abathunyiweyo
Ukuhola abaningi
Ukubayisa kuMhlali neZion
Emzini wokuphumula.
Chorus.
3.Ibalimazile abaningi
Abayithandayo
Ayanqikaza ayesaba amagwala
Athi kungcono ukufela emuva.
Chorus.
4.Qiniselani nina maqhawe
Ngayo leyo Ndlela
Ekupheleni kwalezo zinhlungu
Niyongena eKuphakameni.
Chorus.