Yinye into njengenzalo kaJakobe okumele siyazi, ukuthi kukithina kuphela lapho uNkulunkulu wehla ezulwini wazosikhulula ezitheni zethu ngamandla akhe onke!
Yithi kuphela uNkulunkulu owahamba nathi iminyaka engu 40, esilwela kuzo zonke izitha, esondla njengabantwana bakhe! Ngakho-ke asisoze salilibala lolo luthando loMdali kithi!
Isihlabelelo 17
1.Oshawayo akalahlwa
Makangazideli.
Chorus: Phaphamani phaphamani
Nina Afrika.
2.Izimbombo zokhothamo
Zithobisa wena.
Chorus
3.Izitha zikaJehova
Zivukela wena
Chorus.
4.Abemukeliswa ubukhosi
Phezu kwentaba.
Chorus.
5.Sebefuna ukukwephuca
Ubukhosi baphakade.
Chorus.
1.Sengikusho kaningi ukuthi izimfundiso zama Nazaretha kaNkulunkulu ngokudumisa uJehova zisuselwe ezintshumayelweni zoMprofethi u-Isaya Shmbe efundisa amaNazaretha!
2.Ingelosi yakugcizelela ukuthi lzi zintshumayelo asozingozithathela eBhayibhelini nasezihlabelelweni zamaNazaretha.
3.uiuo futhi yasifundisa ukuthi uJesu noShembe abasiye uNkulunkulu(uYah), kodwa bayizithunywa, ngoba uNkulunkulu munye, igama lakhe nguJehova!
4. Ingelosi ayigcinanga lapho, kodwa yiyo futhi eyasitshela ukuthi thina bantu abamnyama yithina inzalo kaJakobe, nokuthi thina maZulu singaphansi kwendlu kaJuda!
5.Kwaqala lapho-ke ukuba ngilangazelele ukwenza ucwaningo ngemvelaphi yethu njengesizwe esimnyama, ngoba ngangazi ukuthi ingelosi angenke ikhulume iphutha!
6.Ukuqiniseekisa lokhu eyayikusho, ingelosi yasivulela izihlabeelelo eziningi, imithandazo nezintshumayelo lapho uBabamkhulu wayesibonisa ukuthi yithina esiyisizukulwane sabantwana bakwa-Israel.
7.Kodwa leliqiniso uMprofethi ngaleso sikhathi wayengakwazi ukuliveza ngokusobala ngenxa yesimo sezepolitiki!
8.Ekwenzeni kwami ucwaningo olunzulu, nempela ngathola ukuthi yithina inzalo ka-Israel, nokuthi lencwadi kaDutoronomi 28, lapho uJehova owayechaza khona ukuthi uma simhlubuka uyokwenzani kithi, kwakuqondiswe kithi!
9.Ngenxa yokuthi lolucwaningo sengikhulume kaningi ngalo, ngakho-ke angisezukulu phinda kulentshumayelo.
10.Ngiyafisa ukugcizelela ukuthi ocwaningweni lami ngathola kunabamhlophe ababekuphika ukuthi abantu abamnyama bayinzalo kaJakobe.
11.Lempikiswana yayiphakathi kwama Lemba aseLimpompo nabanye ababhali abamhlophe. Kodwa okwathi uma sekwenziwa iDNA Test, kwatholakala ukuthi impela ngabantu abamnyama abayinzalo ka-Israel!
12.Lolu cwaningo lwedlulela kuma
Negro” nama “Bantu”, nakhona okwathi uma sekwenziwa iDNA Test kwatholakala ukuthi ngamaNegro nama Bantu abayinzalo kaJakobe, okusho ukuthi baphuma ezizweni ezingu 12 zakwa-Israel!
13.Ngikhumbula ukuthi omunye umlungu wayekade ebeke isithombe somlungu nesomuntu omnyama, ethi akukwazi ukuthi umlungu nomuntu omnyama bazalwa ngumuntu oyedwa?
14.Kodwa ekugcineni kwatholakala ukuthi ngabantu abamnyama abayinzalo ka-Israel! Lokhu okuvezwe nguMongameli waseRussia yokuthi uJesu ngumuntu omnyama, lokho thina bese sikwazi kudala!
15.Ziningike izincwadi ezibhalwe yibo abamhlophe, abanye abayiwo amaKrestu, asebekuvezile ukuthi akulona iqiniso ukuthi abantwana bakwa-Israel ngabamhlophe, kodwa lesi yisizwe esimnyama!
16.Namuhla ngizoveza inkulumo yomfundisi wase-Amerika, uJim Benjamin Israel, lapho echaza kabanzi ukuthi uYeshua osebizwa ngoJesu, waphenduka kanjani waba ngumlungu omhlophe, nokuthi bonke abantu abaseBhayibhelini bashintshwa kanjani benziwa abantu abamhlophe!
18.Angizange ngayithatha yonke lenkulumo ngoba inde kakhulu. Kokunye, lomfundisi ucaphune incwadi eseyakhishwa eBhayibhelini ebizwa ngokuthi AMAZWI AHLAKANIPHILEYO, okuyincwadi kaSolomon.
19.Ekutholeni ukuthi lencwadi inamaqiniso amaningi okungafanelee siwazi, amaRoma aKhatholika abe eseyayikhipha ezincwadini zeBhayibheli.
21.Lomfundisi uyiqala kanje lenkulumo yakhe: “Ubani lendoda emhlophe, ebonakala ingeyase-Europe, enamehlo aluhlaza nezinwele ezi blond kuyo yonke imifanekiso ependiweyo nakuma movie ka ‘Jesu onguKrestu?’
22.Yonke imifanekiso okukhangiswe ngayo emasontweni namuhla ingeyendoda ebizwa ngoCesare Borgia.
23.Uma ubungakaze uzwe ngaleli gama ngaphambili, uCesare Borgia wabe engumgulukudu waseNtaliyane, futhi enguKapteni wombutho wempi kaPapa (Pope) eminyakeni yo 1500.
24.Futhi wabe eyindodana kaPapa u-Alexander the Sixth waseRoma.
25.Njengomzamo wokugcina izigqila ezimnyama zicindezelekile, ukuze kulondolozwe ukubusa kwabo eMbusweni wamaRoma, uPapa u- Alexander the Sixth waqasha uLeonardo da Vinci noMichelangelo ukuba bapende yonke imifanekiso kaKrestu omnyama e-Europe ifaniswe nendodana yakhe uCesare Borgia.
26.Njengalokhu omabili lama ciko (artists) ayaziwa kahle, kwaqubuka umncintiswano phakathi kwawo ukuze kubonakale ukuthi ubani owabe engayithatha kangcono inhliziyo kaPapa ngokwenza umfanekiso omusha wendodana kaPapa owabe ungakhohlisa umhlaba, ukuze ukholwe ukuthi uCesare wabe enguJesu.
27.Ngakho-ke, iningi lemifanekiso eveza uJesu obonakala engowase-Europe, le esiyibona emifanekisweni ependiweyo namuhla emasontweni nasezitolo zamaKrestu, empeleni ingeka Cesare Borgia, hhayi uMesiya.
28.Kodwa lama-artists akagcinanga lapho, kepha bapenda bonke abantu abamnyama beBhayibheli, babenza baba mhlophe, beyenga umhlaba wonke mayelana nokuthi aBantu beNcwadi ngempela babenjani.
29.Ngokuhamba kwesikhathi le mifanekiso yamanga yangena yagxila emiqondweni yoquqaba, kangangoba indaba yokuthi uMesiya umnyama isizwakala ingamanga!
30.Abantu abaningi, ikakhulu abantu bakithi, bayibuka le ndaba yokuthi uMesiya kanye nabafundi babemnyama, njengomzamo wokufaka umqondo wokuzigqaja kwabohlanga lwakithi kunokuba babheke ukuthi kungase kube yiqiniso noma cha.
31.I-America isisiphuphuthekise emiqondweni yethu kangangoba uma uzama ukutshela abantu iqiniso, abakwazi ukulemukela, ngoba sebefundiswe isikhathi eside ukukholelwa emangeni.
32.Futhi-ke uma ungomunye walaba bantu abangakwazi ukwemukela iqiniso ngenxa yezinkolelo umqondo wakho osuwayindwe ukuba ziwulawule, ungalokothi uvele nje ukholwe yilokhu engikushoyo; ake siye emibhalweni, sibone ukuthi uMesiya wabe embala muni. (Ngiyishiyile leyo mibhalo).
33.Uyaqhubeka u-Israel uthi: “Ake ngikutshengise ukuthi wayenengeka kangakanani uBorgia. Phakathi kuka 1502 no 1503 uCesae Borgia waqasha uLeonardo da Vinci njengomdwebi wama plan ezindlu nonjiniyela wombutho wempi, okwaholela ekubeni yena noLeonardo da Vinci babe ngamathe nolimi ngokuphazima kweso. Babe yizithandani! (Okusho ongqingili!).
34.Ukukhombisa uthando ayemthanda ngalo uCesare, uLeonardo wapenda imifanekiso yakhe eminingi. Uyise kaCesare, uRodrigo Borgia owabuye waba uPapa u- Alexander the Sixth, ngaphansi kwegunya lezikhulu zeBandla lamaKhatolika, wayala ukuba isithombe sendodana yakhe kukhangiswe ngaso sengathi singesikaJesu Krestu emazweni asentshonalanga!
35.UCesare wenza umkhuba wocansi nodadewabo uLucrezia, wabulala umfowabo uGiovanni ngonyaka ka 1497.
36.Iyona ndoda le iBandla lamaKhatolika elavuma ukuba umfanekiso wayo kukhangiswe ngawo kuthiwe ungokaJesu Krestu ukuze liyenge umhlaba wonke ucabange ukuthi uKrestu wayengumlungu.
37.Abangakwazi abantu abaningi ukuthi kwaku nomncintiswano phakathi kukaLeonardo da Vinci noMichelangelo owabe aziwa kahle ngaleso sikhathi esasibizwa ngemihla yeRenaissance.
38.Inhloso yomncintiswano kwabe kungukubona ukuthi ubani owayengathokozisa inkosi ngokwenza umfanekiso omusha wendodana yayo owabe uzokhohlisa umhlaba, emqhudelwaneni adla kuwo umhlanganiso uLeonardo da Vinci.
39.IBhayibheli lango 1611, elabe ligunyazwe yiNkosi uJames, labe liqukethe izincwadi ezifihliweyo (apocrypha) kulo, kodwa ngo 1928, ngaphansi kweVatican, benza isivumelwano sokukhipha izincwadi ezingu 14 eBhayibhelini Elingcwele leNkosi uJames.
40.Ungase uzibuze ukuthi kungasizathu sini? Kungenxa yokuthi eminyakeni eyizinkulungwane ngaphambi kokuba bakhangise ngalo mfanekiso okwakucatshangwa ukuthi ungokaKrestu, bathola ukuthi kwakulotshiwe emazwini enhlakanipho kaSolomoni, eyabe ikulezo ezifihliweyo, ukuthi babeyokwenza lokhu, kwaze kwabekwa nesizathu salokho.
41.Ngakho-ke, kuthe sebenolwazi lokuthi lokhu kwabe kulotshwe encwadini yenhlakanipho kaSolomoni, iBandla lamaRoma aKhatolika layikhipha eBhayibhelini ukuze abantu bangayelameli inkohliso yabo.
42.Kuyiqiniso eliqaphelekayo ukuthi ngenkathi benza lokhu, babazi ukuthi abantu bakubo kaKrestu kwakungabantu abanjani!
43.Babazi ukuthi uKrestu nabantu bakubo babengesibo abelungu, kodwa esikhundleni salokho babengamaHebheru ababenebala elinsundu.
44.Umbuzo-ke uthi lomfanekiso esiwubonayo kuthiwa ungokaKrestu, futhi ugcwele umhlaba wonke njengoKrestu, lithini iZwi likaNkulunkulu ngawo?
45.Kumazwi Ahlakaniphile 14:8, kuthi: “Kodwa lokho okwenziwe ngezandla kuqalekisiwe; naye okwenzileyo uqalekisiwe ngokuba ekwenzile; nokwenziweyo kuqalekisiwe ngokuba kuthe nakuba kunokonakala kwabizwa ngonkulunkulu.”
46.U-Isaya 2:8: uthi: “Izwe lakubo ligcwele nezithombe; bakhuleka kokwenziwe yizandla zabo nokwenziwe iminwe yabo!”
47.Umfanekiso abawubekileyo bawubize ngoKrestu, okuthe njengoba ungesiwo okaKrestu, lokho kwawenza waba yisiqalekiso nesono kubo, ngoba bona uqobo bawenze ngezandla zabo kanye nangeminwe yabo!
48.Ngokuwubiza ngoKrestu, banika omunye unkulunkulu udumo, hhayi uNkulunkulu wangempela futhi oPhilayo!
49.Ngakho-ke, bayawukhonza, futhi bawunika udumo sengathi uwuNkulunkulu, okwenza lokho kube wukukhonza isithombe!
50.Amazwi Ahlakaniphileyo kaSolomoni 14:9. Athi: “Ngokuba ongenaNkulunkulu kanye nesimo sokungabi naNkulunkulu, kokubili kunenzondo kuNkulunkulu.”
51.Amazwi Ahlakaniphileyo 14:10: “Ngokuba lokho okwenziweyo kuyojeziswa kanye kanye nalowo okwenzileyo.”
52.Ngakho-ke, umfanekiso iBandla lamaKhatolika elivume ukuba ubekwe njengoKrestu, uyobhujiswa kanye nabo bonke ababe nesandla ekubhebhethekiseni le nkohliso phakathi kwabantu. Kunokwahlulela okubalindileyo!
53.Ngokwenza kwabo lokhu, bayisinengiso kuNkulunkulu, ngoba ngokwenza lokho, lo mfanekiso ubuyoba yisithiyo emiphefumulweni yabantu kanye nonoxhaka ezinyaweni zabangahlakaniphile.” Amen!
54.Njengoba sichazile ngaphambili, okuningi okuchazwe yilomfundisi sikushiyile, ngaphandle kokuveza umlando wokuthi kwasukaphi ukuthi sibe noJesu omhlophe njengoba namuhla kunjalo!
55.Kodwa uBanjamin Israel akakuchazanga konke, ngoba okuseqinisweni kwa-Israel akaze abe khona uMesaya ogama lakhe nguJesu!
56.Okwenzeka yilokhu: Emva kokuba amaRoma ewanqobile amaJuda ngo 70 A.D, bayiqeda inkolo kaMose, okuyinkolo kaJehova. Lokhu bakwenza ngemithetho ebizwa ngokuthi ngama Creeds! Sesikhulume kaningi ngalama Creeds!
57.Emva kwalokho babe sebesenzela umsindisi wabo abaqala bambiza ngesiLatini ngokuthi ngu IESIS, okwathi emva kwesikhathi, sekunohlamvu u’J’ base bethi ngu ‘Jesus!”
58.Ekhasini 62 lencwadini esihloko sithi, COME OUT OF HER MY PEOPLE, uDr C.J. Koster uyibeka kanje lendaba:
50.“Abezizwe babemfuna umsindisi, kodwa hhayi ongumJuda! Babewenyanya amaJuda, benyanya noNkulkunkulu weTestament Elidala! Ngakho-ke bancamela umsindisi osamGriki!” Amen!
51.UJesu waqhamuka kanjalo-ke! Baqale baqeda ngegama elithi ‘Yeshua’, njengoba baqeda ngegama elithi ‘Jehova’, njengoba nalo lingekho kuNew Testameent!
52.Umsindisi wabezizwe waqala wabizwa ngo IESIS, okuligama elalisiselwa kuyisiThixo sabo. Emva kwesikhathi lo ‘Iesis’ waba nguJesus. Kodwa nangaleso sikhathi wayengekho umuntu ophilayo obizwa ngoJesus!
53.Kwaqala ngonyaka ngo 1500 A.D, ukuba umuntu ongu Csar Borgia abizwe ngo Jesus, nesithombe sakhe sisabalaliswe yonke i-Europe!
54.Kodwa ngaphambi kwalokho, uMesaya, okwabe kungumHebheru okungumuntu omnyama, kwakunguYeshua!
55.Abamhlophe-ke babechitha yonke inkolo ethinta amaHebhu, njengoba besho nakuma Creeds abo bethi:
56.“Ngiyayichitha yonke imikhosi, amadili, nemithetho ukudla isinkwa esingenamvubelo, iminikelo yamawundlu eyenziwa ngamaHebheru, ngichitha nayo yonke imikhosi yamaHebheru, imithandazo, ukulinda, ukuzila, ukuzingcwelisa kanye nokudumisa kwabo.
57.Ukuzila kwabo, imikhosi yabo yokweshwama, amaSabatha, nenkoloze, amahubo, nezaga, nokuya kwabo ukuyokhonza emathempelini kuchithiwe. Mina ngokwami ngithi angikufisi nakancane ukuthi ngibuyele kwinkoloze yamaJuda.” Amen!
58.Lokhu kuqeda ngenkolo kaJehova, bese esikhundleni befake imfundiso yabo, uRav Sha’ul encwadini yakhe ethi THE NAZARENE betrayed, betean.. begotten lemfundiso-nkolo yabezizwe uyibiza ngokuthi i-Replacement Theology.
59.Ngale Theology abezizwe babechitha yonke inqubo yokukholwa kwamaHebheru, bese esikhundleni bakha eyabo inqubo.
60.Nazi izinto ezashintshwa: UNkulunkulu onguJehova wachithwa, esikhundleni sakhe baqhamuka noNkulunkulu omthathu emunye-iTrinity!
61.Indawo ka-Israel yachithwa, yabe isithathwa libandla lamaRoma.
62.ITestamente Elidala lechithwa, indawo yalo yathathwa liTestamente Elisha!
63.UYeshua onguMesaya wachithwa, esikhundleni sakhe kwaba noJesu Krestu!
64.IBandla likaYeshua, okungamaNazaretha, lachithwa, esikhundleni salo kwaba ngamaKrestu!
65.Umbhabhadiso ngokucwiliswa emanzini wachithwa, esikhundleni sawo kwase kuba ngumbhabhadiso wokuthelwa ngamanzi ebusweni!
66.Ukukholwa ngokugcina uMthetho kaNkulunkulu kwachithwa, esikhundleni soMthetho, kwase kuthiwa singena ezulwini ngoMusa!
67.Indawo yabaPristi bakaJehova yachithwa, esikhundleni sabo saba no Pastors!
68.IPasika lachithwa, sase siba namaholidi ama-Easters! ISabatha lachithwa, esikhundleni seSabatha saba neSonto!
69.Kunesidingo-ke sokuthi amaNazaretha kaNkulunkulu azi ukusuka nokuhlala ukuthi inkolo kaJehova esathunywa ukuba siyivuse isukaphi igcinephi.
70.Njengamanje sekuphume abakhohlisi abaningi abalwa ngazo zonke izindlela ukuthi lenkolo kaJehova okhokho abahlubuka kuyo, ingabuye ivuke!
71.Lokhu bakwenza ngezindlela eziningi, ongathi uma ungawazi umlando walenkolo, nawe uze uthatheke!
72.Kunevangeli labathize, ikakhulukazi kulaba abathi balandela inkolo yomdabu, abaqhamuka nezimfundiso eziningi ezingamampunge, ngenhloso yokuchitha lenkolo kaMenzi wezulu nomhlaba!
73.Okokuqala abahlukanisi phakathi kwenkolo yobuKrestu esayifunzwa ngabezizwe, nenkolo yethu sizwe esimnyama esayemukela kuJehova entabeni yase Sinayi ngo 1647 B.C! Bona balwa nayo yonke inkolo!
74.Okwesibili, bayakuphika ukuthi amaHebheru yithina sizwe esimnyama. Ngokubuka kwami, babona ukuthi uma bevuma ukuthi amaHebhru yithi, bazobe bavuma okokuqala ukuthi ngokhokho bethu abahlubuka uJehova; okumele sibuyele kuye!
Okwesibili bayakuphika ukuthi iBhayibheli labhalwa ngokhokho bethu! Bahlale behlasela izincwadi ezabhalwa ngokhokho babo!
75.Ukwamukela ukuthi yithi amaHbheeru kuzokusho ukuthi sonke isizwe esimnyama asibuyele kuJehova, kanti bona sebazakhela onkulunkulu babo!
76.Omunye ngake ngamuzwa ehlasela uJehova, ethi uJehova akasiye uNkulunkulu wethu, ngoba wavuma ukuthi abantu babe zigqila!
77.Lokhu kukhuluma ngenke ukubheke kumuntu omnyama, ngoba nguJehova owehla ezulwini ukuzokhulula umuntu omnyama ebugqilini baseGibhithe!
78.Omunye ngamuzwa ethi asikwazi ukwamukela ukuthi siyinzalo yamaHebheru ngoba isiHebheru nesiZulu zilimi ezahlukne kabi!
79.Ngenke ubheke ukuthi kukhona umuntu othi ufundile ongakhuluma into engnamqondo kanje!
80.Kusukela eminyakeni yo 70 A.D, kuhlakazeka amaJuda, uyazi ukuthi kusukela ngaleso sikhathi amaJuda ahlakazeka aba yizizwe eziningi!
81.Amanye amaJuda asenhla ne-Afrika, koTopiya, koNigeria, nakwamanye amazwe ase-Afrika! Abanye base-Asia, abanye base-Europe, abanye baseziqhingini!
82.Usho ukuthi zonke lezi zizwe ekuqaleni ezazingamaHebheru, namanje zisakhuluma isiHebheru? Kwasho uJehova ukuthi amaHebheru ayohlakazeka umhlaba wonko!
83.Okunginxakayo ukuthi kunabantu abacabanga ukuthi bazosesusa ekukhonzeni uJehova, onguMdali wezulu nomhlaba, bese sikhonza izithixo zabo esingazi nokuthi zingobani?
84.Yinye into njengenzalo kaJakobe okumele siyazi, ukuthi kukithina kuphela lapho uNkulunkulu wehla ezulwini wazosikhulula ezitheni zethu ngamandla akhe onke!
85.Yithi kuphela uNkulunkulu owahamba nathi iminyaka engu 40, esilwela kuzo zonke izitha, esondla njengabantwana bakhe! Ngakho-ke asisoze salilibala lolo luthando loMdali kithi!
86.Yithi kuphela uJehova owasilethela inkolo, wasifundisa ukuthi asimkhonze kanjani! Manje sesizotshelwa ngabantu ukuthi asilahle inkolo yokhokho bethu, sikhonze onkulunkulu esingabazi?
87.Yithi kuphela esinoNkulunkulu okhulumayo, uNkulunkulu ohlala nabantu, uNkulunkulu osigcinayo isethembiso sakhe kubantu bakhe!
88.Laba abathi asilahle uJehova size konkulunkulu babo, abasichazele ukuthi labonkulunkulu abazama ukusihehla kubo bangobani, basnzleni thina?
89.Njengoba ngikhuluma nje, loNkulunkulu wethu wathumela ingelosi ukuba izohlala nathi, isifundise ukuthi ukhonzwa kanjani uMenzi wezulu nomhlaba!
90.Ngo 2019 ingelosi yasazisa ukuthi kuzoba nesifo esizobulala abantu abaningi, kodwa ngoba thina sikhonza uJehova Yedwa, asicele ukuba asinike uphawu owalinika abantwana bakwa-Israel, ukuze kuthi uma lesi sifo sifika, thina singafi nemindeni yethu.
91.Nempela sakwenza lokho, kwafa abantu ngezinkulungwane umhlaba wonke, kodwa kithi akufanga noyedwa umuntu, ngoba sihamba noNkulunkulu ophilayo!
92.Akukho lusizi, akukho kufa, akukho kwantoni eyosahlukanisa noJehova! Asimesabe uJehova, simkhonze ngobuqotho nangeqiniso, sibasuse onkulunkulu ababekhonzwa ngokhokho bethu bese Gibhithe.
93.Uma kukhona kubo okubi ekukhonzeni uJehova, abakhethe ukuthi ngubani abayokumkhonza? Noma bayokhonza oyisemkhulu, noma onkulunkulu asbzakhlee bona, onkulunkulu bokhuni?
94.Kodwa thina ebandleni lamaNazaretha kaNkulunkulu sokhonza uJehova Yedwa!
Isihlabelelo 180.
1.Wozani nonke zizwe
Selibasiwe lelo ziko
Ziyalotha zonk’ izizwe
Yizani badingayo.
2.Bamenywa wozani
Ifa lenu livuthiwe
Nikhalelani niliphethe
Sekwanele lidlenini.
3.Lincishwa abangalithandi
Abalithandayo wozanini
Amasango allo lifa
Avulelwe nina.
4.Lelo lifa ligciniwe
Ligcinelwe nina
Izulu nalo mhlaba
Lalingakabi bikho lona.
iNkosi ibusise izwi layo.