Ngithike bantwana baseKuphakameni uShembe washiya esibhalele, kodwa siduka nesibani esikhanyisayo, siduka sibe sebumnyameni kodwa siphethe ukukhanya ngezandla.
Ngoba amazwi uShembe owawaloba kulencwadi yakhe, awukukhanya awukuphila…
Intshumayelo yangeSabatha ekuseni mhlaka 06 July 2024 siyiphathelwe nguMfundisikazi Nomcebo MaNxumalo Mpanza ePhilangezwi Temple.
225. ISIHLABELELO. 6
J.G SHEMBE
1 Namhla mina ngithelile
Ngilishiyile izwe lakithi,
Ngingeze ngabuyela emuva
Sekuseduze ekuPhakameni.
2 Mangiphiwe Nkosi nami
Loluthando lobuntwana,
Ngizofela khona lapha
Esandleni sakho.
3 Suka Nkungu emehlweni ami
Ngiphinde ngiyibone,
Leyonsika yalowo mlilo
Eyangilanda ezweni lakithi.
4 Ihlobile inyama yami
Kwaze kwaba kakhombisa,
Nanamuhla iyasina
Emagqumeni aluhlaza.
5 Mawuhlobe umoya wami
Ngemvunulo engaboliyo,
Engathengwa ngagolide
Evela kuwe Baba.
1.Ngibabingelele abangcwele, sekusile bantwana beNkosi, obeshilo izolo wathi sibonga uJehova ekulaleni kwethu ngoba ekulaleni kwethu silala singenathemba noma siyobuye sivuke yini, umusa kaJehova-ke usivusile.
2.Ngiyabonga nami ukuthunywa phambi kwabantwana beNkosi enkulu yaseKuphakameni, ngiyazicelela kuJehova oyingcwele ukuba abe nami.
3.Isihloko intaba kaJehova eyingcwele, zihlobo ezinhle eNkosini, safika kulelibandla izinto ezingahlambulukile zingadingeki, kwakuthi noma kuyiwa entabeni yomhlangano uthole kumhlophe ukhalo ngoba kwakugcinwa isifungo esasenziwe, kwakugcinwa umthetho kaNkulunkulu.
4.Kwakungasuki noma yini iziphose nje emkhumbini kaNkulunkulu maqede kuthiwa uzokholwa, konke kunesikhathi sakho, kubekwe nguye uMenzi wethu, nguyena owabeka imithetho ukuthi kuyakuthi uma kuyinyanga yomhlangano kuyiwa entabeni abantu bahambe kanjani.
5.Kodwa sathi sibona sabona kungasesiyona into yesifungo, sabona kungaseyona into kaJehova, engasekho osatshwayo, nomnumzane oziqhubela umhlambi wakhe wezinja uma ethanda uyangena naye ezibuyela etshwaleni kuthiwe uShembe uthanda bonke abantu.
6.Kusho abantu okufanele engabe ibona abaqinisa ukukhuluma okwakhulunywa uShembe ukuthi uma uthanda ukungena yonke indawo kunamasango akhona abekiwe, liyaziwa isango elithile ukuthi ungena khona uma kunjani.
7.Ayikho into kaNkulunkulu ewumathanda, yikho uJehova enzile ukuthi uma ngabe usuzinikela kuye, ube nesifungo naye.
8.Sisemhlanganweni kaJuly, sikhumbula uBabamkhulu, sikhumbula mhla ethunywe lemithetho! Siyazicelelake kuJehova ukuthi singakwenzi okufunwa yithi, kodwa sibuke umkhondo wezwi lakhe ukuthi uhamba kuphi bese nathi sihamba khona.
9.Ubungcwele bantwana baseKuphakameni into yokuqala uJehova ayifuna kithi, uma umuntu ephakamisa isandla ethi uyayikhetha iNkosi yaseKuphakameni, usuke esagcwele ucucuza kusafanele ukuthi achuthwe wona, maqede angene emanzini ayogezwa bese eyabhaliswa ukuthi namuhla ungumntwana kaNkulunkulu ozophila ngemithetho kaJehova kuze kube phakade.
10.Ayikho into yokuthi uNkulunkulu uthanda bonke abantu, kunjalo kodwa zonke izinto zibekwe uyena, umthetho ushaywe nguye entweni yakhe ukuthi kufanele ukuthi kuhanjwe kanjani kuyo.
11.Ngithike bantwana baseKuphakameni yonke into kufanele sihambe sihambe sibuke ukuthi kuseyikho yini lokho uShembe asitshela khona, kuseyikho yini lokho uShembe ashiya ekushilo kithi.
12.Sizoke sifunde lapha amaHubo 24 verse 3-5. “Ngubani oyakukhuphukela entabeni kaJehova, ngubani oyakuma endaweni yakhe engcwele na? Yilowo onezandla ezingenacala nenhliziyo ehlanzekileyo, ongaphenduleli umphefumulo wakhe emangeni nongafungi ngenkohliso. Uyakwamukela isibusiso kuJehova nokulunga kuNkulunkulu wensindiso yakhe”
13.Ngithike bantwana baseKuphakameni siyaphikiswa ekutheni kungasuka nje umnumzane ongaqondile endaweni kaNkulunkulu kodwa obona nje amabutho, obona nje umshumbi wabantu bese ethi nami futhi ngingangena kulomshumbi.
14.Kuyasetshenzelwa ukuba ngumntwana kaNkulunkulu, kuyasetshenzelwa ukuhamba ngalendlela ekusuke kuhanjwa ngayo, usuke uqeqeshiwe watshelwa ukuthi yini esuke ifunwa uJehova kumuntu okholwayo.
15.Into kaJehova ayihambi ngobungani, kodwa sathi sibona sabona sekuphela ukuthi yinto kaNkulunkulu, sazibona sesihamba nezinja emhlanganweni, ngoba sekungene umnumzane okade ezihambela ethi uziyela etshwaleni noma ukhipha izinkomo zakhe, usebona laba abagqoke ingubo emhlophe laba abahamba phansi.
16.Uzwa izigubhu, akazizwa ngendlela yasezulwini uzizwa njengengoma ukuthi la ngiyamukela ngoba ngiyinsizwa ngibona ezinye izinsizwa ziphethe izimboko ngoba wonke umuntu uma ehamba ewumnumzane uphatha indukwana.
17.Sewubona indukwana phakathi komhlangano iphakama laphayana iphakanyiswa umnuzwane obengahlanganise lutho noNkulunkulu ozwe nje udumo lwase luyamthinta, hhayi udumo lukaJehova, wezwa nje umnkenenezo.
18.Ubona nokugida kwakhe ukuthi lo muntu akezwa into kaNkulunkulu, kodwa uzwa nje isiginqi sasemhlabeni.
19.Kodwake namhlanjena laba abathi uma uthi uyakhuza bese bethi ngeke ukwazi konke, kufana nokuthi umuntu abheke into eza ngayo ngoba lona osho njena usuke engumgcotshwa kaSathane. Usuke esemgcobile ukuthi ekwazi ukummela lapha enhlanganweni kaNkulunkulu.
20. Ngithike bangcwele umnumzane ozisuthele ingulubo obekade eyihlabile kwakhe uyamubona uphakathi komhlangano; kodwa namuhla sithola amazwi, kuyabuzeka ukuthi ubani oyakukhuphukela entabeni kaJehova, ubani oyakuma endaweni yakhe eyingcwele na?
21.Ithi impendulo ilowo onezandla ezingenacala, nenhliziyo ehlanzekileyo, ongaphenduleli umphefumulo wakhe emangeni nongafungi ngenkohliso, uyakwamukela isibusiso kuJehova nokulunga kuNkulunkulu wensindiso yakhe.
22.Kubuzeka ngoba angeke kusuke noma ngumuphi umuntu noma engathi ngoba nakhu ngisigwili, nginakho konke, ngalokho ngingasuka ngikhuphuke, noma ngizalwa ebukhosini, ngalokho nginamandla okuthi ngingakhuphuka nginjalo endaweni kaJehova.
23.Kuyabuzwa ukuthi ngubani oyakukhuphukela kulentaba kaJehova, kodwa impendulo ithi ngulowo ongenalo icala, lowo ohlanzekileyo ngoba yonke indawo ethinta uJehova ithinta inhlanzeko yenhliziyo yomuntu, okufanelekile ukuthi ahambe phambi kwakhe, phambi kwabantu bakhe.
24.Kodwa into yabantu kungena noma bani ngoba ayinamthetho, awukho umthetho sisekelo kuwo, kukwamathanda, uyangena ngobugagu bakho bobunsizwa bakho noma bobuntombi bakhe noma bobukhosikazi bakho, ungena kanjalo ezintweni zabantu.
25.Kodwa ezintweni zikaNkulunkulu kuyabuzeka ukuthi ubani oyakukhuphuka kulentaba kaJehova, ophendulayo uthi kuyuyakuba ilowo ohlanzekileyo ongenazo izandla ezinecala, siyibandlake elinjalo.
26.Isho njalo ingelosi, uma yethula le ncwadi, ithi niyikhumbule iNkosi iNyangayezulu, eyabuza, okwathi uma ngabe abantu sebanda sebeba baningi, yase iyabuza ezikhulwini zebandla ukuthi emathempelini kungabe basawethula yini umthetho kaNkulunkulu, ingabe bayakusho yini lokho okwashiwo uShembe.
27.Ngoba iNkosi iNyangayezulu yayazi ukuthi abantu abafuni lapho kuhanjwa khona ngomthetho, abantu abayifuni into enomthetho siseskelo. Abantu bafuna into engenamsila engenanhloko, bafuna into ezodonswa yibo bayibhekise lapho abafuna khona.
28.Kodwa endaweni kaJehova kunqabelekile ukuthi noma bekuwukufika kokuthi isekhona inhlangano kaNkulunkulu, kunqabelekile ukuthi unyathele kwezinye izindawo ngoba awunaso isifungo, awunalo ithikithi, awunaso isigxivizo salenhlangano, awuwazi umthetho obekiwe khona, obekelwe abafunga phambi kaJehova.
29.Kodwa kwangena udede, kwaba izigidi, izinkulungwane ngoba bangenela ukuthi bajabule, bazijabulise bona, badanse baphuze, badakwe bagiye uma bethanda ukugiya, kodwa kaJehova khona akwenziwa njalo.
30.Ithike ingelosi singahawukeli lutho, ithi bambelelani kwimithetho yenu kaNkulunkulu uShembe anishiya nawo, ningahawukeli lutho.
31.Ithi ngisho nangokwembatha ningakushintshi ukwembatha kwenu, nembathe ngendlela leyo enesithunzi enokuhlonipheka echazela noma ubani ukuthi wena uyinkosikazi yevangeli likaNkulunkulu ngoba asizanga ukuzoqhudelana ngemiswenko, kodwa size ukuzofunda ukuthi kungenwa kanjani ezulwini.
32.Lelibandla likhuluma ngokuphila, liphinde likhulume ngohambo, kunjengasesikoleni uma ngabe othisha befundisa, bayazichazela izingane ukuthi izingane azigcinile lapha kodwa uma zisuka lapha kufanele ziye e-University futhi othisha bayazitshela izingane ukuthi e-University ziyoya uma ngabe ziphase kanjani.
33.Nakhona akungeni noma yini, kodwa kunemigomo ukuthi uphase kanjani lapho obufunda khona, ungeniswa ukuphasa kwakho, okukwenza ufanele ukuthi wemukelwe e-University.
34.Uma ingane isesikoleni iye ikukhuthalele ukuthi ngifunde nami ngigcine sengime lapho okume khona lo thisha, ngifunde nami ngigcine sengiwudokotela.
35.Nalapha e-NCG kunjalo, kuyafundwa ukuthi uma usaphila kufanele ukuthi uhambe kanjani uma ungumntwana kaNKulunkulu.
36.Uyaphinda futhi ufundiswe futhi ukuthi kusekhona uhambo osazobhekana nalo eliyakukufikela, uyatshelwa ukuthi loluhambo alunakubanzima, uyakuhamba uyongena ezulwini uphinde utshelwe ukuthi uzongena ezulwini uma wenzeni.
37.Awakhulunywa amanga ukuthi njengoba nilapha nje bantwana basezeulwini nizongena nina ngoba nakhu umholi wenu, nibuyeke nina nanikezwa umholi oyimantshi, ukuthi ke bese siqamba amanga sithi ngoba umholi wenu uyimantshi nizongena nonke.
38.Asikwazi ukuqamba amanga seqe izwi uSHembe alishilo, ushilo esihlabelelweni sakhe, uthi sizowela sijabhile Emfuleni waseHuze, ukhuluma ngezincwadi eziyakuvulwa zemisebenzi, ukhuluma ngabakhulu nabancane abayokwabelwa ngokwemisebenzi yabo.
39.Noma singanda sibe zigidi uma uJehova ethanda, kodwa ithi iNgelosi yandelani uNkulunkulu, ningandeli ama business, ningandeli ukuntanta, ningandeli ukubukwa, yandelani uNkulunkulu, uNkulunkulu aziqhenye ngani esezulwini, uma ehlisa amehlo ebheka bese eyaziqhenya ngani ngoba ebona ukuthi niyibandla enithembela kuye ekuphileni nasekufeni ekuhluphekeni nasekubuseni.
40.Kungakho lapha kulelibandla kufundiswa ukuthi noma ngabe uhluphekile, kodwa inhliziyo yakho ayinamathele kuJehova, njengoba eshilo uShembe ethi wenhliziyo yami umngamdeli uJehova.
41.Siyilelo bandlake thina elashiywa nalowo mlayezo ukuba singamdeli uJehova noma ngabe sekunjani, kanti noma uJehova esebuya esisiza kulokhu esikade sihlupheke ngakho, sinikiwe ukuphinde sidumise yena.
42.Akukho okunye esiphinda sikudumise, akukhonto esihamba siyoyikhuluma siyikhuluma emakhoneni noma emsamu noma esibayeni, ngoba sisuke sazi ukuthi osinike lento ngulona esacela kuye.
43.Ngoba kulokhu sangena lapha
asiphindanga saba neminye iminyango esiyocela kuyo. Yikho bantwana baseKuphakameni lendlela inamatshe, inameva, ngoba yindlela eya ezulwini, yikho ungeke ubone kuphithizela nge-minute ngoba uJehova ushilo wathi lendlela uma ngabe uyathanda ukusilandela, wathi qala uthenge isibindi sokuhamba ngalendlela.
44.Ngoba le Ndlela inamatshe, inameva, kodwa ngalekwayo kukhona ukukhanya, kukhona okuhle, kunenjabulo kunentokozo kulabo abakhandlekele izwi likaJehova bayophumula.
45.Ngithike bantwana baseKuphakameni sisemhlanganweni kaJehova, abantu bajabulile, bayazo spend amaholidi kuzo zonke izindawo, bazikhethele bona ukuthi bafuna ukuyaphi.
46.Kodwa thina sizibophezele ukuthi sigcine umthetho kaNkulunkulu, sibe ngabantwana bakaNkulunkulu, ukugcina umthetho akukaze kulinde izinkulungwane, umthetho kaJehova uwugcina noma uwedwa!
47.Kungakho uJehova abusisa uNowa ngoba ukube kwakuya ngabantu abaningi kwakufanele ukuthi uNowa afe nabafa. Kepha uJehova akakwenzanga lokho, wathi ngoba ulilalelile izwi lami, wathi kuyena nabantwana bakho, akha umkhumbi uzongena, bese ngidedela imvula izenzele kumaphikankani.
48.Wangena umuntu omesabayo uJehova, wangena umuntu owayehlekwa ukuthi wazini ngoNkulunkulu, kodwa yathi uma seyina imvula, seyibonakala ukuthi ayisanqamuki, baqala manje abantu, yagedla ingedlani, yagedla emadodeni yagedla emakhosikazini, yagedla ingedlane, babona ukuthi umhlaba uyagoqwa!
49.Uthi uShembe uyobaleka uzifihlephi ngoba nanku umhlaba usuyagoqwa, bafika bazonqonqoza bethi sivulele, wayengeke avule ngoba kwakungavalanga yena, kwakuvale umnikazi wezinto zonke.
50.Babhujiswa, babhujiswa kabuhlungu, uJehova wadedela imvula esabekayo ukuba ibabulale ngoba balile ukulalela betshelwa, bangathatha izwi kodwa babuka umuntu okhulumayo ukuthi uyini yena.
51.Ngithike bangcwele nathi, uma kube sense kahle noma singayincosana, kodwa uJehova akanakusilahlela ukuthi siyincosana.
52.Nathi uyosakhela umkhumbi, nathi uyothi ngenani thina nabantwana bethu, uma senzile kahle ebusweni bakhe, uma ngabe siyiqondile indlela yakhe njengoba uShembe esho ethi masizazi izindlela zomkhululi wethu, ngoba uShembe wayazi ukuthi uma ngabe sazi izindlela zoMkhululi wethu, siyohamba sibe ngamakholwa, sibe nobungcwele, ngoba sazi izindlela zoMkhululi wethu.
53.Ngithike bantwana baseKuphakameni uJehova akasiphe Amandla, uJehova akasiphe lolo thando asiphe lona, aphinde alwandise.
54.Sikwazile ukumthanda sibabili sibathathu, sikwazile ukumthanda nakhu sesibahlanu sesiyisithupha, sesidlule eshumile, seseqile.
55.Namhla sikhona kuzo zonke izifundazwe, sikhona nathi, sikwazile ukudlula ezifungweni zabantu, lapho ebebefunga khona ukuthi ngeke nize niye phambili ngoba inkolo yabo iseningini, inkolo yabo ayikho kubo, nakuba bekholelwa kuNkulunkulu kodwa bakholelwa eningini ukuthi ukuze ube umuntu okholiwe kufanele ube phakathi kwezigidi.
56.Kodwa abalifundi iBhayibheli bezwe ukuthi uJehova wenzani eBhabhiloni naseSodoma, bezwe ukuthi uNkulunkulu walihlakaza kanjani izinkulungwane nezigidi, wawuqeda kanjani umbuso wabo.
57.Bezwe nokuthi wawunqoba kanjani umbuso wenkosi eyayigibela phezulu kwezindlu ithi ayimuboni uNkulunkulu, ithi iyona iNkosi, bakufune ukuthi yaphelelaphi le Nkosi eyasho njalpo eyathi ayimboni uNkulunkulu okwalandela kwaba yini, bezwe isiphetho.
58.Ngoba uma uzofunda iBhayibheli kufanele ulifundisise, ujule ebese ukuthola ukuthi lomuntu ofunda ngaye wagcina ephelela kuphi.
59.Nowenze kahle afunde afike ekugcineni ukuthi nobenze kahle kodwa wabe esegcinaphi, uyothola ukuthi wagcina embusweni kaNkulunkulu, ebese nawe ukulangazelela ukuthi nami uma ngenze kahle ngiyophelela embusweni kaNkulunkulu.
60.Ngithike bantwana baseKuphakameni uShembe washiya esibhalele, kodwa siduka nesibani esikhanyisayo, siduka sibe sebumnyameni kodwa siphethe ukukhanya ngezandla.
61.Ngoba amazwi uShembe owawaloba kulencwadi yakhe, awukukhanya awukuphila, uma nje amehlo akho uwavumela ukuthi abuke ukuthi uShembe utheni laphayana.
62.Sithi izihlabelelo kodwa akuzona izihlabelelo izeluleko eselulekwa ngazo ukuba uma sihamba ngalendlela uShembe asho ngayo, siyakuhamba ngayo. Sihambe kahle sithole ukungena ezulwini.
63.Ukuhlupheka kungasihlukanisi noJehova, ukubusa kungasihlukanisi noJehova, ngithike bantwana baseKuphakameni njengoba uJehova asiphephisa befa abantu, wayenzela ukuthi siqhubeke, siqhubeke nokumkhonza.
64.Bantwana baseKuphakameni namkhonza lo Jehova nibabili, nibathathu, namukhonza nihlekwa, namkhonza nigconwa, namkhonza uJehova, namubona khona khona lapho okuthiwa akekho kodwa namubona.
65.Nabambelela, nabambelela kuye uJehova, nafunda, nafunda imibhalo ebhaliwe nguShembe, nathola ukuthi uNkulunkulu ufunani kumuntu okhonza yena.
66.Nina anisibo laba abayothi uma sebehambile bese kuthiwa ake kumiwe umndeni wenze okwabo, asisibo thina abantu abahambe bahambe bese beyawukelwa bese bewukwa umthetho wabantu ngoba isifungo sethu singunaphakade. Asinaso isifungo esinqunyelwe iminyaka ethile mhlampe, siyisifungo esingunaphakade.
67.Ngithike bantwana baseKuphakameni lokho kubonakala uma sesihambile emhlabeni ngoba uma sesihambile emhlabeni leligama likaJehova liba ingubo libe isambozo kithi simboza ngalo, kukhulunywa ngaye, ngoba kusuke kuphelezelwe umuntu obekade ekhonza uJehova. Kusuke kuphelezelwe umuntu otsheliwe esaphila ukuthi uzosuka lapha eyephi uma enzeni.
68.Asihambi sihlabelele sithi nxa sengifika ekhaya lami ngingesabi kunoma ubani, sikhuluma kumuntu ohambe eyazi indaba yalelokhaya, ngeke ungesabi ngoba awunazo izimfanelo zalelokhaya.
69.Awukwazi ukuqamba amanga ulikholwa ume phambi komuntu obezidlela utshwala, obengahlanganise lutho noNkulunkulu, obeziphucela ikhanda lakhe ngoba engahlanganise lutho noNkulunkulu.
70.Ebese sizothi akuthunywe uMqondisi akhanyise indlela yomuntu ongazange ayifune indlela ekhanyayo ephila, akakhange ezalwa wase eyahamba, uNkulunkulu umnikilile isikhathi esiningi ehleli emhlabeni bekhuluma abafundisi kodwa engayingeni.
71.Ethi hhayi into nje lena eyakhandwa ngabantu njengoba kade esho uBaba uMelusi ekuseni, bayakhuluma bathi into eyafika nabelungu, babezosiqunda amandla, babezosiqunda ukuthi sibheke lencwadi bona bethathe izwe lethu.
72.Bese uyaqhamuka wena oyikholwa bese uthi “thuma uMqondisi” uMqondisi akasiyo into yokudlala, uMqondisi uyasetshenzelwa, uMqondisi uyasetshenzelwa akaqhamuki nje esezokhanyisa indlela yakho.
73.Uyikhanyisa ngomsebenzi wakho ngoba usebenzile phambi kwaNkulunkulu, uzidelile usaphila, walahlekelwa izinto obuzithanda, wasala noNkulunkulu yedwa, beseke uMqondisi esehla uma usuhambile ezokhanyisa indlela yakho. Hhayi ukuthi noma bani.
74.Yathi ingelosi uma ngabe kuhamba umuntu owakhuzwa wangalalela noma ngabeke sifika kuphi, uma umuntu emdala kuthiwa kade engasonti ndawo, uhlukephi nalomuntu okuthiwa wakhuzwa wangalalela.
75.Akukwazi ukuthi bonke labebefundisi abangaka emhlabeni bamabandla ahlukene awubezwa bonke ukuthi bathini.
76.Ithi ingelosi umuntu onjalo ufanelwe isihlabelelo, esithi “Ngiyazikhumbula izeluleko” noma kuhambe intombi noma insizwa eyephule umthetho kaNkulunkulu, kuyofanele ihlatshelelelwe lesi sihlabelelo ukuthi ngiyazikhumbula izeluleko. Ayizukuthola isihlabelelo samaqhawe!
77.Ayithole lesi sokuthi ngiyazikhumbula izeluleko engalulekwa ngazo, namhlanje ngisathe ngibamba lapha kuyasiphuka kuyadilika ngoba vele kusuke kudilika ngoba awuzange uzihlanganise noNkulunkulu.
78.Ngithike kodwake ngichaza indaba yokuthi noma sihambile asinaso nesincane isikhathi okuthiwa sishiyela umndeni, njengoba silapha sikhethekile, singabakhethekile, sakuyeka konke, sakushiya phansi njengoba ethi uShembe shiya phansi leyomithwalo akungenwa nemithwalo.
79.Ngithike bangcwele uma ungashiyanga, ubatshelile abakini ukuthi ufuna kwenzeke kanje, nokuthi ungabhali, ungabina Will, wazi kahle ukuthi uhleli phakathi komndeni ongasusa omkhulu umbango ukufaka ngenkani ezinyongweni, ukufaka ngenkani ezulwini lemibango, ezulwini lezikweletu!
80.Ubuvele ufuna lokho ukuthi kuthiwa umndeni awuyekwe ukhulume okwawo. Asizile thina kubantu abazokhulumelwa umndeni okwawo, thina kuyokhuluma abafundisi bebandla, kuyokhuluma abavangeli nabashumayeli nabakhokheli, iwo lowo mndeni esinawo, ungene uhlale phansi ukhale uma ngabe kuthi awuthandi, asixoshi muntu.
81.Kodwa sisaba laba abasithwalela amasiko esaphuma kuwo, abeza bawathwele bese bethi ungowakithi, kufanele, umuntu obeneminyaka ephumile phakathi kwawo.
82.Ngithike bangcwele siyibandla elingahambi likhohlisana ukuthi ngoba uyaphila, elingahlali likhonza ngamanga kubantu ukuze ligcwale liphithizele, siyakhuluma ngokuphila, siyakhuluma futhi ngokwedlula emhlabeni, sifundisa konke okwempilo yomuntu esahamba lapha emhlabeni, siyakufunda.
83.Kodwa futhi siphinde sibe nesikole somuntu uma esehambile lapha ukuthi uyothi uma esuka lapha ayephi, sikhuluma ngomuzi okhazimula ngaphezu kwelanga nenyanga, okwakhuluma uShembe ngawo.
84.Kodwa futhi singeqambe amanga, sisho ukuthi uShembe wathi abaya lapho ngabayakuba abanjani, awungeni ngalengubo emhlophe oyigqokile, kodwa ungena ngenhliziyo ehlanzekileyo, ungena ngomsebenzi wakho omuhle phambi kwaJehova.
85.Awungeni ngomNazaretha ngoba nakhu wakhiwe mhlophe udideke, kanti uzofika le phambimbili ebese uyashintshwa ube isikhakha, ushintshwa inhliziyo yakho, uyaphikiswa ukuthi cha ke awukwazi ukuthi ungaqhamuka usumhlophe njengeqhwa ekubeni inhliziyo yakho iwubukhakhi.
86.Ngithike bantwana baseKuphakameni kunjaloke bangcwele abantu abangakholwa, uzwa bathi awu nina njengoba njena niyisicogogwane, akuve kumnandi ukuba yisicogogo sikaJehova kunokuba izigidi zikaSathane.
87.Siqhoshe kabi ngoJehova uNkulunkulu wethu ngoba uphinde wasikhombisa uNkulunkulu waziveza kubantu abebesihleka, wasivikela, wasifukamela njengesikhukhukazi, sangena phansi kwamaphiko akhe, bewa ngapha nangapha abantu, wathi uJehova anizukuya ndawo ngoba uma kuhamba nina ngiyodunyiswa ubani emhlabeni.
88.Ngithike bantwana baseKuphakameni ngiye ngithande ukuthi ngihlale nginikhumbuza ukuthi lokhu kukholwa kwathi uma sekufika lapha emhlabeni owayephathiswe khona wabe eseyabatshela abantu ukuthi ngoba usefikile uMkhululi, uzobakhulula ngakho abantu abajabule. Uthike uShembe:
89Jabulani nithokoze
Zizwe nonke.”
(Isihlabelelo 208 verse 2 line 6-7).
90.Bantwana baseKuphakameni ngizigcine ngikhuluma indaba kaThixo, iNkosi ibusise enikuzwile.