Ngakho-ke noma uShembe wayeliphatha iBhayibheli, kodwa akakho umuntu owake wamshumayeza wathi akakholwe!
Omunye umlungu ebhala ngoShembe, wathi: “Shembe was converted by none but by God!” UShembe akashunyayezwanga muntu ukuba akholwe, kodwa washunyayezwa nguye uNkulunkulu!
Isihlabelelo 222.
1.Ngingumlandeli wakho
NowoMoya oyingcwele
Yipha Nkosi inhliziyo zethu
Ukulizwa izwi lakho.
2.Ebuntwaneni bami
Ngiyakukulandela
Nasekwaluphaleni
Mangikulandele
Yipha Nkosi inhliziyo yami
Ukulizwa izwi lakho.
3.Ngiyakukuvuma wena
Nxa ngisaphilile
Nasekuhluphekeni
Kuyintando yakho.
Yipha Nkosi inhliziyo yami
Ukulizwa izwi lakho.
4.Ekuphakameni
Ngiyakukulandela
Nakhona eNhlangakazi
Ngiyakukulandela
Vuma nhliziyo yami
Vuma ngimlandele.
5.Izolo Nkosi yami
Bengikulandela
Nanamuhla Mhlekazi
Mangibe nawe
Nakusasa Nkosi yami
Mangikulandele.
6.Nkosi akusikho okwami
Ukukulandela
Wangidonsa wena Baba
Ngezibopho zothando
Nanamuhla makube njalo
Ungithande wena.
1.Kulesi sikhathi samanje uSathane uphume ngezinkani ukudukisa abantu abaningi. Ngike ngezwa omunye umuntu ethi yena akakholwa ukuthi uNkulunkulu ukhona. Uthi-ke lomuntu uma ekhona uNkulunkulu, pho umvumelelani uSathane ukudukisa abantu?
2.Ukuze ube nokuqonda okuncane ngoNkulunkulu, kumele ukholwe; ube nokuqonda bokuthi awazi lutho ngaphandle kwalokho okuvezelwe Nguye uNkulunkulu!
3.Ziningi izinto esingazazi ngohlelo lukaNkulunkulu, bese kuthi nalokho osichazele khona, ngenxa yokuthi asifundi, kutholakale ukuthi asikwazi!
4.Ukunikeza isibonelo: Kuluhlelo lukaNkulunkulu ukuthi noma umuntu angona kangakanani, kodwa uma ephenduka ngokweqiniso, ecela intethelelo, uNkulunkulu uyamthethelela, azikhohlwe zonke iziphambeko zakhe!
5.Kanjalo futhi, kuluhlelo lukaNkulunkulu ukuthi noma umuntu engakholwa kangakanani, kodwa mhla wona, uNkulunkulu uyakucisha konke okuhle okwenzile, ekuse ekulahlweni kube sngathi akukho okuhle owake wakwenza! Lokho kuyindlela kaNkulunkulu!
6.Ukuthi uNkulunkulu uphindisela nini ngisho kuSathsane, lokho kwaziwa nguye uNkulunkulu kuphela!
7.Namuhla sinabantu abanemfundiso engingayiqondi. Angazi noma bayinkolo yomdabu yini? Bona bathi inkolo yinto engekho, kodwa eyafika nje nabelungu!
8.Angazi noma basho inkolo yobuKrestu, noma baqondise kuna yonke into esiyibiza ngenkolo, okuhlanganisa i-Islam neBhudhasm?
9.Okuseqinisweni nobuKrestu njengenkolo bukhona, kodwa okuyikho ukuthi kuyinkolo eyakhiwe ngobuqili, kodwa hhayi ukuthi akusiyo inkolo! Labo abathi ayikho into eyinkolo, kumele basichazele ukuthi kanti ngokwabo yini inkolo?
10.Bayaye behlukanise inkolo ne Spirituality. Angazike ukuthi bachazani ngeSpirituality?
11.Thina sazalwa ngabazali ababengakholwe ndawo, kodwa inkolo bayinikwa nguBabamkhulu, uMprofethi u-Isaya Shembe!
12.Kanjalo noBabamkhulu wayezalwa ngabazali ababengakholwe ndawo. Kubalulekile-ke ukwazi ukuthi yena uMprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye) wahlanganaphi, nakanjani nenkolo?
13.UShembe wakhulela epulazini lomlungu eNtabazwe, engazi lutho ngobuKrestu, engakaze alibone ngisho iBhayibheli, futhi engakaze aye esikoleni. Ngaleso sikhathi yayingakabi bikho ngisho imisakazo!
14.Kodwa kwathi elusile, eneminyaka ecishe ibe ngu 12, wabona kushaya umbani phambi kwakhe, kwase kukhuluma izwi kulombani, lathi: “Guqa ngoba umi phambi kweNkosi yakho!” Wabe eseguqa. Labe selithi akathandaze. Wathi akakwazi ukuthandaza.
15.Kodwa ngaso leso sikhathi wezwa kube nesondo elaphenduka esifubeni sakhe, wazizwa esethandaza. Waqala lapho ukwazi ukuthandaza!
16.Kwakukhona intombazane eyake yambona ethandaza, okuthe uma enale ntombazane endlini yomlungu, yabe isimtshengisa iBhayibheli, ithi lencwadi iphethe izindaba zeNkosi.
17.UShembe walangazelela ukuzwa ngalezi zindaba zeNkosi, eqhathanisa nalelizwi eliyaye lifike kuye lithi akathandaze, kodwa lithi liyiNkosi yakhe!
18.Ngobunye ubusuku elele, uShembe wazithola sengathi usezulwini, esefundiswa lencwadi, yize wayengakwazi ukufunda.
19.Lelizwi elalimfundisa lencwadi, lase lithi akavuke eye komunye umuzi kwelinye ipulazi, uzothola amakholwa aseWeseli, bese ecela iBhayibheli.
20.Nempela wavuka waya kulomuzi, wacela iBhayibheli, bamnika. Kwathi uma elivula wathola esekwazi ukulifunda, kodwa ngokwemvelo engakaze afunde! Waqala ngeBhayibheli ukufunda!
21.Leli lizwi lase liqala lizichaza ukuthi linguNkulunkulu ogama lakhe nguJehova. Nguye lo eBhayibhelini okhuluma noMose kanye nabanye abaprofethi.
22.Kusukela lapho uShembe akabange esahlukana neBhayibheli. Wayethi elalela ukuthi leli lizwi lithini, ebe futhi eqhathanisa nokufunda eBhayibhelini.
23.Ngakho-ke noma uShembe wayeliphatha iBhayibheli, kodwa akakho umuntu owake wamshumayeza wathi akakholwe!
24.Omunye umlungu ebhala ngoShembe, wathi: “Shembe was converted by none but by God!” UShembe akashunyayezwanga muntu ukuba akholwe, kodwa washunyayezwa nguye uNkulunkulu!
25.Lolulwazi lubalulekile, ngoba kumele sikuqonde ukuthi noma amaNazaretha elifunda iBhayibheli, kodwa wona alinikwa nguShembe, uShembe elinikwe nguNkulunkulu!
26.Ngakho-ke ebandleni lamaNazaretha umuntu owaqala wahlangana noNkulunkulu engakahlangani neBhayibheli, engakahlangani nobuKrestu, nguShembe!
27.UbuNazaretha yinkolo eyakhiwe ngezimfundiso zikaShembe, yena ezithathe ngqo kuNkulunkulu! IBhayibheeli laba ubufakazi bokuthi loNkulunkulu okhuluma noShembe, emandulo wafikela kuMose nakwabanye abaprofethi!
28.Ngakho-ke kuleelibandla lamaNazaretha iBhayibheli liwubufakazi bokuthi lo owayekhuluma noShembe, kusenguye lo owayekhuluma nabaprofethi bakwa-Israel!
29.Indlela amaNazaretha aliqonda ngayo iBhayibhli ayifani neeyama Krestu! Kusukela kubasunguli bobuKrstu, abanikazi bobuKrestu babengakaze bahlangane noNkulunkulu, futhi loNkulunkulu wamaHebheru, uJeehova, abasunguli bobuKrestu bengazange bamemukela! AmaKrestu amnyama inkolo bayifunzwa ngabamhlophe!
30.Uma amaKrestu uwaphuca iBhayibheli usuke usubaphuce inkolo yabo! Yikho ngaso sonke isikhathi uma beshumayela noma bethandaza bephakamisa iBhayibheli, ngoba inkolo yabo liBhayibhli, yize iningi labo kwalona bengalazi!
31.KumaNazaretha iBhayibheli liwufakazi kwesikufundiswe nguNkulunkulu! Yikho-ke ngiba nenkinga uma sekunabachitha lonke iBhayibheli, ngoba nguNkulunkulu owanika uShembe iBhayibheli! Nathi ekufikeni kwngelosi, isinike iBhayibheli!
32.Noma kukuningi ubugebengu obenziwa ngabezizwe eBhayibhelini, kodwa angenke kushintshe ukuthi iBhayibheli liqukethe izwi leNkosi!
33.Thina sinobufakazi obanele bokuthi ukhona uNkulunkulu, kanjalo izulu nesihogo kanye nezingelosi! Akusiyo into esigcina ngokuyikholwa, kodwa sinobufakazi obubambekayo ngayo!
34.Ngijwayele ukukhuluma ngendaba yasekhakomama kwaDube. Ugogo wafela kubo emaNzimeleni ngezizathu engingazazi, kodwa umkhulu uMvumbi wenqaba ukumncwaba baze abaseManzimeleni isidumbu sakhe basifaka ehlathini, sadliwa zilwane zasendle.
35.Emva kwesikhathi nomkhulu washona, umama wabe esesala yedwa eyintandane.
36.Kodwa esefile umkhulu, wabuya emini kuhleliwe, wakhuluma komunye umakoti, wathi akayanga ezulwini ngoba uvinjelwe ngumprofethi uShembe, uthweswe icala lokuthi wayehlupha amakhosikazi akhe. Uthike umkhulu ufice ugogo esesifubeni sikaShembe!
37.Ngenxa yalendaba eyakhulunywa ngumkhulu engasekho emhlabeni, kodwa ekhuluma kumuntu abomndeni bemuzwa, abakwaDube bahamba bayolanda uShembe, bonke bagcina sebengama Nazaretha.
38.Umama eseneminyaka engu 11 uShembe wamthatha waba ngumntwana wakhe, wabe esemqamba igama ethi nguLandiwe.
39.Ngakhoke umndeni wakwaDube waphendulwa ngumuntu ongasekho ukuba ngamaNazaretha. Akazange umkhulu efike ngephupho noma ngesibonakaliso, kodwa wakhuluma emini kuzwa abantu bonke, wathi abahambe beyofuna uShembe ukuba ezomthethelela amacala akhe!
40.Wathi kumele wonke umndeni wakhe ube ngamaNazaretha, ngoba ezulwini ufice umprofethi uShembe kuphela!
41.Kodwa umkhulu akashongo ukuthi ufice uNkulunkulu, kepha wathi ufice umprofethi uShembe!
42.Ngakhoke ekhakomama baba nobufakazi obuphathekayo ukuthi likhona izulu, nokuthi uShembe ungumprofethi kaJehova!
43. Ngo May 1981 umama wasithatha wayosethula kuShembe iNyangayzulu. Umama wafike wathi kuBaba iNyangayezulu: “Baba, ngilethe laba bantwana bami kuwe ukuba ungibhekele bona, ngoba mina sengiyahamba.
44.UBabamkhulu ufikile wathi usezongilanda ngoba abantwana bami sebekhulile, ngenke besaba zintandane!”
45.NgoJune wakhe u 1981 umama wangibizela ekhaya, wabe esethi uzovalelisa kimi, ngoba uBabamkhulu usebuye wafika wathi useyamfuna.
46.Mhla lulunye kuJuly 1981 umama wavuka ekuseni wathi umakoti akambekele amanzi ageze, ngoba kade kufike amakhosikazi ka 14 evunule, ethi athunywe nguBabamkhulu ukuba ezomlanda. Athi akalungise ngoba bazobuya emini bezomlanda.
47.Esegezile, waya endlini yakhe eyolindela abasezulwini. Emini babuya bamthatha. Ngathi emini ngiyamthinta,ngathola ukuthi umama akasekho emhlabeni!
48.Lagcwaliseka igama uBabamkhulu owamqamba lona esemmncane ukuthi NGULANDIWE!
49.Isidumbu sasihambisa emakhazeni. Engakafihlwa, ngathi ngihleli kusofa, kwaba sengathi kufika ubuthongo, ngambona umama evela efasteleni, engibiza.
50.Ngaphuma ngaya kuye. Wafike wathi asambe eyongibonisa lapho uBabamkhulu ambeke khona. Sahamba naye saye safika eVelabahleke elisezulwini.
51.Ngabona umuzi omuhle isimanga lapha umama uBabamkhulu owayembeke khona. Mina angingenanga kulomuzi, kodwa ngafika ngema ngaphandle, umama wabe sebuyela nami muva!
52.Wabe esethi kimi: “Uma nawe uziphathe kahle, ngesikhathi sakho uBabamkhulu uyokulanda sizohlala kulomuzi!”
53.Ngakhoke noma ngingahambanga ngezinyawo, kodwa ngiyazi ukuthi ekufeni kwami uma ngiziphathe kahle, ukhona umuzi ezulwini okuyothi ekufeni kwami ngiye kuwo!
54.Ngo 1985 ngangiyi mantshi eMbumbulu, kodwa senginomkhuba wokulala ngingathandazanga, kanti kwakuyimfundiso yakwethu ukuthi njalo uma sesilala sithandaze.
55.Kwathi ngilele, ngezwa umuntu engivusa, ngavuka, ngabona umama emi eduze kwami efake izingubo zakhe ezimhlophe.
56.Wabe esebuza ukuthi ubani ongifundise ukuthi ngilale ngingathandazile? Wathi: “Manje uma ulala ungathandazanga wethembeni, ngoba abantu abangathandazi bathembe imithi yabo, wena ngoba awuwazi umuthi, uma ungathandazi uzovikelwa yini?”
57.Ngoba wayekhuluma nami ngingalele, ngavele ngavuka ngagqoka ingubo emhlphe, ngaya esiguqweni ukothandaza!
58.Kanti umama ukhuluma lokhu nje, enkantolo ngizohlangana nabantu abaphethe imithi emibi, kuyiziboshwa zezimpi zaseMbumbulu.
59.Ngacishe ngafa, kodwa ngasinda ngoba umama efike wangivusa wathi angiye kothandaza! Indaba nde-ke leyo!
60.Akaze ngafika umama kimi ecele ukuthi ngimenzele noma ntoni, ngaphandle kokuba afike ukuzongixwayisa ngengozi engase ingehlele!
61.Ngakhoke thina siyaxhumana nabantu abangasekho, kodwa hhayi ukuba becela ukudla kithi, kodwa bezosivikela ezingozini ezingase zisehlele!
62.Kwenye yezintshumayelo zakhe uShembe wathi: “AbaseKuphakameni abasiwo amadlozi, abayizo nezithutha; bangaba ngcwele, ngokuba bahlezi nongcwele, ebungcweleni bakhe.
63.Kanjalo abaphandle komuzi weNkosi enkulu, yibo abangamadlozi, abafuna okwabaphilayo; ngenxa yosizi abakulo, ngenxa yokungabi nandawo.
64.Akukho okunye eningabasiza ngakho nina zizukulwane zabo, ngaphandle kokucela ukuba bahlanzwe, bathethelelwe, bangeniswe emzini oyingcwele.”
65.Thina kulelibandla siyazi ukuthi senza into esinesiqiniso sokuthi sizohlangana nayo kweliayo! Nomnikelo esiwunikelayo siyazi ukuthi uyofuneka kwelizayo, ngoba ngokaNkulunkulu!
66.Ngapha kithi kwakunenkosikazi engumNazaretha, kodwa kwathi esikhaleni yavele yangabe isaya enkonzweni, yahlubuka! Kodwa emva kwesikhathi yagula, yagcina ngokushona.
67.Kuthe sekulandwe imoto ezolanda isidumbu, yavele lenkosikazi yaphaphama sebethi isidumbu basifaka emotweni yezidumbu. Yathi lenkosikazi abayibuyisele endlini.
68.Isisendlini yabe isitshela amakholwa ukuthi ihambe yahamba ekukhanyeni, kodwa endleleni kwavele kwaba mnyama, yangabe isazi ukuthi kumele yenzeni.
69.Kodwa kube sekuqhamuka izwi lathi: ‘Njengoba sekuba mnyama nje kulapho kuphela khona umnikelo wakho wezibani.”
70.Ebandleni kunomnikelo ka 14, ka 23 noka 25. Kulomnikelo kuba nomnikelo obizwa ngokuthi zibani. Umnikelo ka 14, ka 23 no 25 awuba yisikweletu ngoba yiwo omele isifungo sobuNazaretha!
71.Lenkosikazike ithi kuthe isendleleni, kwase kuba mnyama, izwi lase lithi sekuphele umnikelo wakho wezibani.
72.Yabe isicela ukuba ibizelwe umkhokheli izonikela umnikelo ka 14. Wafika umkhokheli, yanikela isilele phansi. Yathi uma iqeda ukunikela zonke izikweletu zayo, yase ivele ifa!
73. Lapha ngifakaza ukuthi yonke into thina esiyenzayo sisuke sinesiqiniseko sokuthi sixhumene nabasezulwini. Asifuniseli!
74.Sinobufakazi bokuthi izulu likhona, nesihogo sikhona! Kithi kwakunesalukazi esasithakatha isimanga, kodwa sikholiwe, singumNazaretha. Igama lalesi salukazi kwakungu Nomkhwayimba.
75.Ngelinye iSabatha iNkosi iLanga yavele yamemezela enkonzweni ukuthi uNomkhwayimba iyamkhipha kulelibandla, angaphinde abe lilunga lalo!
76.Saphuma lesi salukazi enkonzweni, kodwa asaze sayeka ukuthakatha, saze sabulala umntanaso, sathi wathi ehlabile wasincisha isibindi.
77.Safa sesisidala kakhulu. Kodwa kwathi sesizokufa sagula kakhulu, saze sabola umzimba wonke, saphuma izimpethu siphila.
78.Saqala sabala bonke abantu esasiba bulala, sisho nokuthi sasibabulalelani. Sabe sesithi sesibulale abantu abangu 99, manje ezulwini kuthiwa asibahlanganise bebe likhulu, kodwa manje sesigula kakhulu.
79.Sathi asicelelwe inkosi yesizwe uLindelihle ukuba ezosidubula, ngoba akusafeki, futhi ngenke sisakwazi ukubulala umuntu okuthiwa ezulwini asimbulale. Kodwa inkosi ayikwenzanga lokho.
80.Ebusuku lesi salukazi sasivutha umlilo, abantu baphume bebaleke. Kodwa ekuseni bebuthane kuso bezolalela sibala abantu esesibabulele! Lapha ngikhuluma ngomuntu wakithi, nami engimaziyo!
81.Ukuvutha umlilo komuntu ephila kwenzeka kithi kubuka noma ngubani! Lesi salukazi sagcina sesihlala sodwa ebusuku, ngoba abantu besaba ukubona isipoki somuntu engakafi!
82.Lokhu kuvutha kwakufakaza ukuthi abantu ababi bayayiswa esihogweni, ngoba lesi salukazi saba sesihogweni ungakaphumi umphefumulo kuso!
83.,Kubalulekile ukuthi ungadlaleli, noma ungadakelwa entweni kaNkulunkulu. Esikhathini esiphambili ngisahlala eSikhawini saya kwenye indawo sinomfundisi uNdunakazi esengumshumayeli, siyokwenza inkonzo.
84.Lenkonzo sayenzela phandle, eduze kwalomuzi kunomuzi okwakuphuzwa kuwo. Kulomuzi kwakulokhu kuphuma umuntu owayebukeka edakiwe, efike asithuke, esho konke akuthandayo kithi, kodwa sangamnaka saqhubeka nokushumayela.
85.Sesihambile kulomuzi, lomuntu wasala wagula, wafa. Kwathi kubonakala ebusuku kulokhu kunomuntu ohamba egcekeni kulomuzi esasinenkonzo kuwo, ehamba ecinga phansi.
86.Angazi ukuthi lomuntu owabe esengumoya wakhuluma kanjani, kodwa wachaza ukuthi eekufeni ubuyisiwe, kwathiwa akazofuna lamazwi ayeshunyayelwa kulomuzi, yena ethuka laba bantu!
87.Sithe sesiseSikhawini, sabona sekufika umndeni walomuntu owayelokhu esithuka, ususazisa ukuthi lomuntu usewashona, kodwa okubuhlungu ukuthi ulokhu ebonakala kulomuzi esasisonta kuwo, ehamba efuna phansi.
88.Manje usefike wathi ubuyisiwe, kwathiwa akazofuna lamazwi ayeshunyayelwa, yena ethuka abantu ababeshumayela.
89.Kwadingeka ukuba sibuyele kulendawo, kodwa sesiya kulomuzi walomuntu owabe esithuka, sesiyomcelela intethelelo. Emva kwalokho wanyamalala!
90.Kujwayelekile ukuthi ngithi ngishumayela kube kukhona abangithukayo, abanye bechwensa! Kodwa mina ngiyazi ukuthi kuza isikhathi lapho lezi zintshumayelo zami abanye botholakala sebehamba bezifuna, kodwa bengasenayo indlela yokuzithola!
91.Bothi bayabuya bezozifuna, baphaphamele ethuneni, bengasezukufa okwesibili, bahlale ethuneni sebengumoya, behlale nesidumbu esibolayo!
92.Lokhu kungubufakazi obubambekayo bokuthi uNkulunkulu ukhona, izulu likhona, futhi uNkulunkulu uyamjezisa umuntu owenza izwi lakhe inhlekisa!
93.Uma uNkulunkulu umkhonza, akasuki eduze kwakho, ikakhulukazi uma usezi kingeni. Umnewethu, umfundisi, washonelwa ngabantwana abalishumi, befa ngokulandelana.
94.Kwakuthi uma sithi sihlaba imbuzi siyageza, kuvele kuhlabeke omunye umntwana, ngosuku lwesithathu ahambe emhlabeni.
95.Ngesaba ngisho ukulucabanga usizi esake saluthwala ngaleso sikhathi! Nami ngasengesaba ukuganwa, ngazi ukuthi bonke abantwana engizobazala bazokufa!
96.Kodwa ngelinye ilanga kwenzeka isimanga! Umntwana oneminyaka mhlawumbe eyisihlanu, uSenzeleni, watshela umama ukuthi ebusuku kufike iNkosi iLanga, yahamba naye yaya emathuneni, ihamba nesalukazi esimpofu, esabona ukuthi ngugogo ozala ubaba.
97.Wafike wawavala onke amathuna, wabe esethi akazositshela ukuthi uselivalile ithuna lapha ekhaya, ayisekho ingane eyobuye ife!
98.Wathi lomntwana uBaba iLanga uthe njalo ngonyaka sihlangane, sinikele, sibonge uNkulunkulu ukuthi usivalele ithuna lokufa!
99.Kusukela ngaleso sikhathi akubanga kusaba khona ingane efayo kithi. Kmnewethu zabuya zonke izingane ezilishumi, nakimi nginomfowethu omcane asizange sibe nengane efayo kuze kube manje! Noma singasanikeli, kodwa ayikho ingane eyabuye yafa kithi!
100.Ngalokhu ngifakaza ukuthi uma kukhona abangabaza ubukhona bukaNkulunkulu, thina siyazi ukuthi uJehova uNkulunkulu wthu ukhona, nokuthi uBabamkhulu unguymprofethi kaJehova!
Isihlabelelo 6.
1.Sakubona Kuphakama
Sakubona Judiya.
Ubabekephi abafowethu
Ababethunyelwe kuwe.
2.Babalekile bakushiya
Sebexoshwa ubungcwele
Akungeni sono kuwe
Kwana sono sinye.
.Masango okuPhakama
Phakamani singene
Sizahlulekele nathi
Kwana njengabanye.
4.Wozani, wozani
Siye kwe.iphezu.u.
Makabongwe lowo ozayo
EKuphakameni.
Jehova ungakushiyi
Ukuphakama.
Kuzungeze wena Nkosi
Amacala omane.
INkosi ibusise izwi layo.