Awunakusho ukuthi uSathane unqotshiwe engazange anqotshwe kuwe, kungena amaqhawe ahlukane nazo zonke izinto azithandayo, angazange alalele abantu kodwa afunda ukuthi uNkulunkulu ufunani, amlandela uShembe, amlandela ukuthi ezwe, bezwe ukuthi yini into engenza ukuthi uma besuka lapha bangene kulomuzi okhazimulayo
Intshumayelo yasekuseni kaMfundisikazi Nomcebo MaNxumalo Mpanza mhlaka 20 July 2024 ePhilangezwi Temple.
ISIHLABELELO 35.
1 Baba wethu osezulwini
Ngibheke ungithande,
Ungazibheki engize nazo
Zingijabhisile.
Chorus: Zazalwa kanye nami
Anginakuzithukusa nasinye.
2 Baba wethu osezulwini
Naku sengi gedla amazinyo,
Ngobubi engibenzileyo
Ebusweni bakho.
Chorus:
3 Baba wethu osezulwini
Ungilahlela bani,
Ngingoka bani mina Baba
Ngibheke ungithande.
Chorus:
4 Ngize kuwe Mkhululi
Ngikhulule kuzo zonke
Nginamathele sengigeziwe
Esifubeni sika-Abraham.
Chorus:
1.Bantwana baseKuphakameni sibuthene ngezwi elasibutha emazweni akithi. Isihloko sithi ubungcwele buyasetshenzelwa ukuze uJehova abe seduze nawe.
2.Bantwana baseKuphakameni umusa kaJehova wasithanda, uJehova wasibona ukuthi sithwele imithwalo esingakwazi ukuzethula yona njengoba wayeshilo uShembe wathi umthwali akazethuli, kuyaye kufuneke kube khona umuntu ozomethula, wasibonake ukuthi sithwele imithwalo.
3.Bantwana baseKuphakameni uShembe wasitshela, uShembe wasifundisa. Uma ngabe uhluphekile, uma usushayekile, uyakumlalela uShembe, uyakumuzwa ukuthi uthini, kodwa uma ungamuzwa, ilesisikhathi uzibona ubusa, uzibona unayo yonke into, kodwa uma ushayekile, uSathane ekushayile kuwo wonke amakhona omhlaba, uyakuhlehla umlalele uShembe ukuthi uthini.
4.Siyibandla bantwana baseKuphakameni elahlehliswa, sahlehliswa saphindiselwa emumva, wasithanda uJehova wasithumelela umqondisi singakahambi emhlabeni, bonke abantu bayahlabelela, bathi thuma uMqondisi, kodwa lo Mqondisi abamazi.
5.Kodwa uNkulunkulu enomusa ohlezi phakade, wamthumela, wehlela kithi, wasenza ukuthi sazi ezulwini silapha emhlabeni, wasiphindisela lapho uShembe owayesibeke khona, wasisusa emathembeni ayize, wasisusa emathembeni abantu.
6.Sasihluphekile, kodwa sathi uma sithi siyakhala, wabuza ukuthi nikhalelani, sathi uma sichaza ukuthi sikhala ngoba siyahlupheka izinto azilungi, wathi nake namubikela yini uJehova.
7.Wathi nihluphekiswa ukusuka lapho uShembe anibeka khona, uShembe wanitshela ukuthi ngosuku lwenhlupheko anombiza uJehova.
8.Kodwa nina animbizanga uJehova, nibize abantu abemile endaweni ethile abakhalayo abacela intethelelo. Bonke abantu abathi bayamazi uShembe bambona, kodwa abazange banikwe uMqondisi belapha emhlabeni.
9.Bakhona abantu ababekhona, kukhona amakhosi abantu abaphethe izizwe, kodwa abazange banikwe uMqondisi, kodwa thina ngoba uJehova wayazi ukuthi kuyohamba kuhambe kufike indlala, wase eyabona uNkulunkulu ukuthi kufanele ukuthi uma sekunalendlala enze kanjani.
10.Saqala bantwana baseKuphakameni sakhala sabona engathi uShembe ukuzo izitha ezisihluphayo, ithike iNgelosi cha, uShembe wanitshela wathi khonzani uJehova, nimesabe nina nabantwana benu, anikaze nikwenze lokho!
11.Uma nihluphekile niya kubantu niyobuza kubo ukuthi kufanele nenze njani, abantu bathathe okwabo okuyimithetho yemizi yabo bese beninikeza yona.
12.Ngempela bantwana baseKuphakameni sayilandela imithetho yemizi yabantu; siyilandela phakathi esontweni. Wonke umuntu athathe into aphila ngayo esigodini sangakubo nasenkosini akhonza kuyo.
13.Kukhona amakhosi angeke uhlale khona uma ngabe ungalenzi usiko lwakhona lwesigodi, abanye bayazibhala lapha ebusweni kuthiwe usiko lwakhona kuleyonkosi, abanye basika izindlebe zilenge kuthiwa usiko.
14.Labo bantu bathi uma ngabe sebelapha kulelibandla, bese beyazibona ukuthi behlukile, bafice abantu bebahle nje, bekamile, bathola abantu abanobuso obuhle obungenziwanga lutho, base beyawatshala amasiko abo, sasuka emthethweni uShembe owasibeka kuwo.
15.Sawakhohlwa amazwi akhe okuthi asesabe uJehova, akakhulumanga enye into, wathi mesabeni uJehova nigcine imithetho yakhe, kodwa sazithola sesigcina imitheho yamakhosi endlini kaNkulunkulu lapho esimenyelwe khona ukuzogcina umthetho kaNkulunkulu.
16.Sazithola sekumi abantu emasangweni abasitshela ukuthi uma sedlula emhlabeni angeke singene ezulwini uma singenazo izindlebe ezilengile.
17.Sathi sisamangazwe ilokho, bathi siyobanjwa ngani Emfuleni waseHuze ngoba ubanjwa ngayo le ndlebe ebhotshoziwe uweliswe ngaphesheya.
18.Asizange sibuke ukuthi uma uwumuntu uShembe wayezosinikeza ukuhlakanipha, kodwa sathatha ubulima.
19.Ngoba uma uphila kahle enqondweni, ngeke ukwazi ukuthi umukele into ekuthiwa uzobanjwa ngendlebe ngoba uma ubanjwa ngendlele vele izodabuka ngoba incane kodwa sakuthatha lokho.
20.Ngoba uma uhlangana nomuntu, uhlangana nabantu abangaphilile kahle, kuyenzeka nawe uzithole ungasaphilile kahle.
21.Baqala manje abantu babhoboza izindlebe kwathiwa umthetho kaNkulunkulu, kodwa izolo kade ekhona uShembe akuzange kwenzeke lokho.
22.Kwabonakala ukuthi sekukhona uShembe omusha, sekukhona uShembe wokuhamba, sekufike indoda yavunula ngemvunulo yayo yafike yathi mina nginguShembe. Yasishaya uphawu lwayo egameni likaShembe.
23.Kodwa uma ufunda le ncwadi uShembe ayibhala ukhuluma izwi elilodwa ithi asesabe uJehova, bethi abantu kulayini, bonke abantu namuhla uthola befake izintwanyana lapha ezimhlophe, emadlebeni, kodwa uma uya ngapha e-Africa bathi umuntu ofake lezizinto ezweni lakhona umuntu osuke ethwele onemilinganyana yemali.
24.Ngithike bantwana baseKuphakameni: Baba wethu osezulwini, sibheke usithande, namuhla sithi zazalwa nathi asinakuthukusa nasinye. Kodwa akufanele ukuba sisho njalo ngoba uJehova wamuthuma uShembe emhlabeni,
25.UShembe wakhuluma ekhuluma indaba kaNkulunkulu kuzo zonke izindawo ayehambela kuzo, akaze akhulume ngisho nangabantu bakubo oMzazela, akaze afakaze lutho ngoMzazela. Wakhuluma ngoNkulunkulu, washo futhi ukuthi uJehova.
26.Wafika uShembe omusha, uShembe wokuhamba okungeyena uShembe, indoda eyavunula, yavunula ngegama likaShembe, yavunula yangena phakathi kulelibandla.
27.Saqala bantwana baseKuphakameni sawephula umthetho, sawephula sisemhlanganweni, samlahla uShembe, sisuka emazweni akithi size kuye samlahla egcekeni lomuzi kaNkulunkulu, salandela abantu, saya emadokodweni saya kuyohlola, kodwa ekhaya siphume sathi siya kuShembe.
28.Ngithike bantwana baseKuphakameni noma izinto zingasongeki, kodwa namuhla sesiyazi ukuthi uNkulunkulu washo ukuthi kuyakuthi lapho uwugcina umthetho kaJehova uNkulunkulu wakho, uthike uyakubusiswa ekungeneni nasekuphumeni kwakho.
29.Uthi kuyakubusiswa ngisho amasimu akho, kuyakubusiswa inzalo yakho nemfuyo yakho. Akagcinanga lapho washo futhi ukuthi uma kukuthi uyawephula umthetho kaNkulunkulu, uyakuqalekiswa ekungeneni, uyakuqalekiswa ekuphumeni, kuyakuqalekiswa nenzalo yomzimba wakho, kuqalekiswe namasimu akho.
30.Ngithike bantwana baseKuphakameni kukhona abantu abagijima umhlaba wonke bathi ayikho le ndaba kaNkulunkulu, ngihlala ngimumemeza kodwa angilungelwa ilutho.
31.Ngithike bantwana baseKuphakameni ngiyathanda ukuthi sisazi isizathu sokuthi sizigqila nje kusuka kuphi, yebo bakhona abagangayo, kodwa baganga ngathi sivele sizigqila ngoba vele umthetho kaNkulunkulu obabamkhulu bawuphula.
32.Ngithike bantwana baseKuphakameni size ezwini elasibuthayo, uShembe wamemeza kuzo zonke izindawo efuna abantu bamukela uJehova njengaye, efuna abantu abafuna ukungena ezulwini, efuna abantu abafuna ukugezwa ezonweni zabo, baphume babe ngamaNazaretha kaNkulunkulu.
33.Kodwa ngenxa yoMqondisi sase siyavuma ukuhlehla siye lapho uShembe owayesishiye khona, uShembe wayezophendula abantu ukuthi babe ngamaNazaretha kaNkulunkulu, hhayi amaNazaretha omuntu!
34.Uma ngithi umuntu ngisholo ukuthi sasingeke sathi siphuma emakhaya size kuShembe kuqhamuke abantu bethi asize kubo edolobheni.
35.Ngithike bangcwele, ngicela sifunde laphana ku Isaya 59 verse 12-13.
36.Isaya 59 verse 12-13
37.(12) “Ngokuba iziphambeko zethu zandile phambi kwakho, nezono zethu ziyafakaza ngathi; ngokuba iziphambeko zethu zikithi, nokona kwethu siyakwazi:
38.(13) ukuphambuka nokumphika uJehova, nokumhlubuka uNkulunkulu wethu, nokukhuluma ukucindezela nokwambuka, nokucabanga nokukhuluma amazwi amanga aphuma enhliziyweni.”
39.Nasoke isizathu esanza ukuthi uNkulunkulu ahambele kude uma singawugcini umthetho, ngokuba iziphambeko zethu zandile phambi kwakho, leziphambeko ilezi kuyo lencwadi ekushiyo kuyo ukuthi uJehova akahlulekile ukuthi asisindise, kodwa uvinjwe izono zethu, zime phambi kwethu.
40.Asifinyeziwe isandla sakhe ukuba asisindise, kodwa ifu lezono limi phambi kwethu ziyasisitha, ngithike uShembe wasifundisa ukuba sidumise uJehova, wayozovika khona ukuthi singathi uma sikhuluma noNkulunkulu bese kuma ifu lezono.
41.Wayezosikhipha ezosigeza ukuba sibe ngabantwana bakaNkulunkulu abayothi uma bebiza uNkulunkulu eze uNkulunkulu angaphazanyiswa ilutho phambi kwethu.
42.Ngithike bantwana baseKuphakameni indlela yasilahlekela siphakathi endlini kaNkulunkulu, sathi size kuShembe kodwa sakhethwa ngabantu bathi abantu asize kubo emadolobheni.
43.Singayi kulona owasimemeza emazweni akithi wathi asizolalela indaba kaNkulunkulu, bathi abantu imithwalo esiyithwele asiyilethe kubo, sasuka kuNkulunkulu saya kubo abantu, bathi abantu bayabona bona.
44.Kodwa asizile kubo, size kuloyo okwakhulunywa ngaye, size kuloyo oyizwi likaJehova, size kulona owakhuluma noJehova entabeni yomhlangano.
45.Angikazeke ngibuye ngiphinde ngizwe ukuthi kukhona umuntu la eNingizimu Africa owake wafana noShembe, bakhona abantu abazibiza ngabaprofethi nabanamabandla amakhulu, kodwa uJehova akaze akhulume nabo.
46.Kodwa uShembe akazange aye eNhlangakazi ngoba ebhobozelwe umuntu, kodwa uJehova wazikhulumela yena naye.
47.Angikaze ngizwe kuthiwa ukhona umuntu lapha kithi owake wakhuluma noJehova, ngagcina ngaye uMprorfethi kaNkulunkulu, ukuthula kube kuye.
48.Ngithike bantwana baseKuphakameni abantu abakhethwele ukuba bayongena ezulwini, wathi uShembe efika, sebeyizwile indaba yakhe babe sebephakamisa izandla beya kue. Base bafika bathi size kuwe Mkhulululi, sikhulule kuzo zonke.
49.Bakhululwake bakhetha ubuhle bashiya ububi, ngoba uShembe wayeseshilo ukuthi ababi abanakungena ezulwini, walichaza izulu wathi lingumuzi okhanyayo okhazimula ngaphezu kwelanga nenyanga, ngalokho wayezosenza ukuba sibe bahle, sifaneleke.
50.Ithike iNkosi iLanga ngingumhambi emhlabeni, ithike iNkosi iLanga likhona ikhaya lami ngizongena ngenjabulo ngokuthandwa iNkosi yami.
51.Kodwake ithi iNkosi, thuma uMqondisi wakho akhanyise indlela yami, ithike iNkosi uma sengifika ekhaya lami, mangingesabi mangingene masinyane ngoba uSathane unqotshiwe, kodwa ngeke usho lokho, awunakungena masinyane uma ungazange uwugcine umthetho kaNkulunkulu.
52.Awunakusho ukuthi uSathane unqotshiwe engazange anqotshwe kuwe, kungena amaqhawe ahlukane nazo zonke izinto azithandayo, angazange alalele abantu kodwa afunda ukuthi uNkulunkulu ufunani, amlandela uShembe, amlandela ukuthi ezwe, bezwe ukuthi yini into engenza ukuthi uma besuka lapha bangene kulomuzi okhazimulayo.
53.Ngithike bangcwele noma abantu bebengahlehla, kodwa akhona amaqhawe kulelibandla, bakhona abantu abamlandela uShembe.
54.Ngifikela ngenye indaba, uma kufika izwi lithi iNkosi isithathe uhambo laphakade, iNkosi iLanga, uma lifika leligama lifika ezintombini ezindala ezazingamakhosazana kaBabamkhulu, ezagcotshwa zaba ngabakhokheli.
55.UMKhokheli uMaZwane ozala uMKhokheli uMaMthethwa, uMaMthethwa aphinde azale uMkhokheli uMaseko obe nguMkhokheli wami kodwa.
56.Bayakhala abantu bathi uJehova usilahlile, uthu’Mkhokheli, “cha angize ngakhala mina sengicela indlela, angifuni ukuba sesililweni. Uma ngihamba ngolwesine njengoba ngicela manje iNkosi isekhona umzimba wayo uselapha emhlabeni.
57.Uthi, “Uma ngihamba uJehova evuma, engithatha ngolwesine ningifihle ngolwesihlanu.” Uthi, “Mina ngifuna ukuyongena kuleliya thimba eliyothi AMENI! eliyothi UYINGCWELE! Eliyothi, ‘ameni yangena ingonyama yeZulu! Angifuni ukuba kulaba abakhalayo.”
58.Babona ukuthi-nje ukhulunyiswa usizi. Yathandaza intombi endala eyayifundisiwe ukuthi kuyacelwa kuNkulunkulu. Nangempela bathi yageza intombi endala, yaqeda ukugeza yathi icela ukulala-nje embhedeni. Kwakukhuluma yena uMkhokheli uMaMthethwa ozalwa wuye loMkhokheli.
59.Uthike, “Ngathi sengizomvusa ngithi mama nakhu ukudla, ngamthola ukuthi umama usehambile.” Wahamba kungolwesine njengokucela kwakhe, ngolwesihlanu wangena enhlabathini. Wathi, “Ngifuna ukukhuphukela kulabaya abayojabula, ngisuke kulaba abakhalayo”.
60.Wathi, “Angisafuni ukukhala, angisafuni ukuba la emhlabeni,” uma kuzwakala ukuthi iNkosi ithathe uhambo, wathi, “Angisafuni ukuba la emhlabeni.” Wakhuluma noJehova wamuzwa, nempela wabizwa ngoLwesihlanu. Bathi abantu bekhala bezobuthana besonta, yena wabe eselindile phambili ngoba wayekufundisiwe ukukhuluma noJehova.
61.Wacela akucelayo wakuthola. Ngithi uNkulunkulu wambusisa ngoba akakubonanga lokhu esesikubona thina. Lamawangawanga akazange ahlangane nawo ukuthi uthi usemhlanganweni kube khona umuntu okuqhwebayo okubizela kuye.
62.Kodwa uma ngibheka sekukhulu kakhuluke okukhona manje, ngeke ngingamubabazi uJehova noma sithi kukhulu esak’bona kodwa kukhulu kakhulu esik’bona manje. Ngoba manje ngisho amakhosi aphethe izizwe ayakhancaza nje endaweni kaNkulunkulu.
63.Inkosi ingena nobukhosi bayo ingene endaweni kaNkulunkulu. Njengoba kuyiSabatha nje uShembe wathi asingasebenzi asivakashi ndawo, asenzi madili wathi, “Lingeloku dumisa uJehova yedwa.”
64.Asinayukuba naye umuntu oyongena lapha angene nobukhosi bakhe ngoba wonke umuntu ola umuntu ozodumisa uJehova. Uma umuntu engena ababaze kanye nathi ababaze ubukhulu bukaJehova. Akangangeni kulendlu ngoba akanazo izingubo zaleli dili, unezingubo zakhe zokuba kubatshazwe yena endaweni ekubatshazwa uJehova kuphela.
65.Asazi ukuthi laba abavumayo bawancenga ukuthini lamakhosi. Laba abanamandla okuthi bakuvimbe lokho abakuvimbi ngasiphi isizathu. Asikaze sikuzwe noma besikhona izolo, abefika amakhosi lapha, asikaze sizwe inyosi izonkeneneza endaweni kaJehova izobongela inkosi yesizwe, izobonga lapho ekubongwa khona uJehova.
66.Kodwa namuhla kuyenzeka lokho, amakhosi asenezigodlo endaweni kaJehova.Hhayi amakhosi esikhonza nawo!
67.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni ngibonga ukuthunyelelwa uMqondisi owasiqondisayo, noma ngabe sibathathu, kodwa uma sinamandla okuchitha izangoma, uNkulunkulu asiphe isibindi sokuba simele yena uJehova, simfele, sikufele ukuthanda uJehova, singancengi ukuthandwa ngabantu ngokwephula umthetho kaNkulunkulu.
68.Uma ngabe siyokwazi ukukhuluma sisho ukuthi umprofethi wethu uBabamkhulu wasitshela ukuthi isangoma siyiladi likaSathane, uSathane uchitha ngaso umthetho kaNkulunkulu. Nabantwana bethu sibafundisa lokho ukuthi isangoma asingeni endlini kaNkulunkulu.
69.Akushongo uShembe, uShembe wayekuthatha kuNkulunkulu noma ufunda lelibhayibheli isangoma kwa Israeli sasibulawa. Ngithike uNkulunkulu akahlale nathi njengoba simbonile ehlala nathi.
70.Lapha kuleli bandla asihambi nje sisho noma kubani odlulile emhlabeni bese sihlabelela lesi sihlabelelo; iNkosi iLanga eyayisiqambele amaNazaretha ukuthi abe nolwazi lohambo lwawo.
71.Asihambi-nje kuthi noma sekunabe umuntu owaqeda abantu noma umuntu owayekhuthuza abantu, bese sithi ngoba sakhelene nabo bese siyothi, “THUMA UMQONDISI…”
72.UMqondisi uthunywa kuphi? Ngoba uMqondisi uthunyelwa kwabangcwele ukuthi noma ungcwele ngeke ufike uzikhethele la uzohlala khona endlini kaNkulunkulu, kodwake uJehova uthuma iziThunywa zikulande ziyokubeka lapho afuna ukuthi uhlale khona.
73.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni kuyiSabatha elingcwele uNkulunkulu akasikhumbule njengoba siyezwa ukuthi NGOKUBA IZIPHAMBEKO ZETHU ZANDILE PHAMBI KWAKHO NKOSI, NEZONO ZETHU ZIYAFAKAZA NGATHI.
74.Yathi iNgilozi, “Umuntu ucetshwa iNgilozi eyabekwa kuye mhla efika lapha emhlabeni ukuba imubheke.” Uthi, “Kodwa yiyo ebhalayo ukuhamba kwaloyo muntu kwemihla yakhe yonke.”
75.Uthi, “Uye athi noma eseguqile eyonikela ifike ithi iNgilozi, ‘Nkosi ungamniki loyo akayena umuntu,’ bese ikhipha iphepha ithi, ‘Ngosuku oluthile ngamthola endaweni ethile ngosuku oluthile wayenza ukuthi ngosuku oluthile wayesendaweni ethile, ngosuku oluthile wayedla lokhu nalokhu okungafuneki, ngosuku oluthile wayedakiwe.”
76.Ngith-ke bantwana baseKuphakameni ukuba noMqondisi kuhle ngoba utshwala uma usubuphuzile wenza izinto ezingemukeleki, wenza izinto nezimcasulayo uJehova, benza ungabi nasihe, benza ube nesibindi sokwenza into embi, sikunikeza udlame, sikunikeze indluzula.
77.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, lamazwi bantwana baseKuphakameni ayasichazela ekuhluphekeni kwethu nasekukhaleni kwethu. Ayasigqugquzela ukuthi noma besingahlukile kokunye, kodwa ayasigqugquzela ukuthi asizilahle phambi kukaJehova sisuke kulokho uJehova angakuthandi, sisuke kusakhanya sisuke kuselapha emhlabeni.
78.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni ngikhuluma indaba yabantu abafuna ukuzobatshazwa endaweni kaNkulunkulu. Sasuka emazweni akithi size kuShembe.
79.UShembe yedwa esamnikwayo, wonke umuntu wasuka emazweni akubo weza ezolalela ukuthi uShembe uthini. Kodwa namhlanjena uma abantu sebethwala izihlalo zabo, bezozibeka endlini kaJehova. Kungene indoda ngejubane inkeneneza ayikhathalele nokuthi lelisango engena ngalo isango elikanjani, kuphela nje yona ingenile yankeneneza.
80.Namuhla ethempelini likaJehova kuthiwa bayede, kodwa lapha ngeke baze bawusho ubayede! UJehova kuphela namhlanje la. Kodwa uma sisuka kwezinye izindawo noma emakhaya ethu noma emicimbini ethile siyakusho ukuthi bayede, kodwa ngeSabatha endlini kaNkulunkulu noma ngabe akulona iSabatha, kodwa uma sinombuthano oqondene noJehova asiyikuba naye ubayede ngaphandle kwaJehova!
81.Uma umholi wethu esho njalo wathi asesabe uJehova, akashongo ukuthi namakhosi ezizwe. Usifundisile inhlonipho, nasemakhaya sifundisiwe, kodwa awekho la kulencwadi eyabhalwa uShembe, awekho lapha!
82.Ithi-ke indaba kaShembe kulencwadi uma ngimangala ukuthi konakala kanjani izinto amakhosi ekhona ngoba uthi uShembe, “WABAVIKELA NGAMAKHOSI ANAMANDLA.”
83.Aphi lamakhosi anamandla? Akholwayo uma namuhla kukeneneza abantu abeze kodelela uJehova eThempelini. Aphi amakhosi anamandla uNkulunkulu afunga ngawo ukuthi siyosindiswa ngawo? Sagcina ngenkosi uMzonjani nenkosi yasemaChunwini yakwaMthethwa, amanye angiwaqondi, amakhosi anamandla.
84.Kukhona umuzi waseBuhleni nje kungenxa yaleyonkosi enamandla eyabulwela ubuNazaretha. Asikaze sibone isekhona lapha… sizobabaza uNkulunkulu, sizobabaza uJehova, uJehova wasithanda siyibandla nje elidelelekile.
85.Bawa ngapha nangapha abantu anginakusuka kulendawo, uthi uDavide, “Nkosi uma ngabe unginqobela izitha zami, ngiyawuqamba izihlabelelo, ngiyawuhlabelela ngawe phakathi kwezizwe zonke.”
86.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, nami ngithi ngiyayisekela iNkosi uDavide. Anginakuhlala ngingambabazi uNkulunkulu.
87.Kwawa abantu abangabaleki bewiswa I COVID-19 kodwa uMqondisi esasimnikiwe, wafika lesifo singakafiki wathi, “Kuza isifo esinamandla esingaphezulu kwengculazi.”
88.Wathi, “Nikelani nicele kuNkulunkulu ukuthi anikhumbule.” Sathi uma siqhamuka lesifo wabuya uMqondisi wethu wathi, “Nikelani nicele uphawu njengabantwana bakwa Israeli okwathi uJehova uma esezobhubhisa uFaro namazibulo akhe wathi ababe nophawu iminyango yabo ibhecwe ngegazi lezimvu.”
89.Nathi wasinika uphawu, bawa ngapha nangapha, akuzange kufe ngisho noyedwa kuze kube inamhlanje. Sasikhala sikhalela abantu esibaziyo abanye abangabaFundisi, abanye abangaba Shumayeli esasikhonza nabo siselapha phesheya.
90.Sizwa kuthiwa ubani akasekho, uMfundisi ubani akasekho, uMkhokheli ubani akasekho, uzibanibani akasekho. Baphela abantu ebandleni abathathwa yilesifo kodwa thina esavuma ukuba ngamaNazaretha kaNkulunkulu kwathunywa umuntu ukuthi akazositshela.
91.Sase siyalucela loluphawu. Nempela lesifo sasedlula ngapha nangapha thina sifike sithi ngqu! Sithi, “ohho hhayi laba kunesivumelwano uJehova asenza nabo.”
92.Siyibandla elinjalo bantwana baseKuphakameni, asisibona abantu abangathatheka nje kalula. Kungafika- nje umnumzane osuthayo onezinkomo eziningi abese efuna ukuthi simdumise kanye noJehova ngoba uphethe izinto eziningi.
93.Ngeke akwazi ukungena uma engenile likhona ibutho eliyomhlonipha limcele ukuthi akame lapha phandle bamubongele kulela khona labo abamubongelayo, ngoba lapha sibongela uJehova yedwa.
94.Ngisho lokho bantwana baseKuphakameni ukuthi-ke uShembe washo:
ISIHLABELELO 212.
5 Vungamani nibabaze
Ngalowo musa wakhe
Zilili, Zilili malibongwe
Leligama lakhe
95.Kusho uShembe uthi asivungame sibabaze sibabaze umusa wakhe asenzele wona. Savuma siyavungama namanje siyamubabaza, sithi uyingcwele Nkosi yamakhosi, akekho ongangawe, ubuhle bakho bukhazimula imihla yonke ngoba wena wadala izulu wadala umhlaba nakho konke okukhona.
96.Sithi-ke bantwana baseKuphakameni, uJehova akabe nathi, uNkulunkulu akasilekelele endodeni ehlobile. Sekukhona abahambe bememeza bathi,“Angeke ungene ezulwini uma ngabe ungabhincile isidwaba. Ngeke ungene ezulwini uma ungabhincanga ibheshu.”
97.Kodwa kukhona abantu abangamakholwa okukhulunywa ngabo kulelibandla, kwakukhuluma uShembe ngabo ekhuluma ngemisebenzi yabo ekhuluma ngokuthi bagezwa kodwa babengazange balifake ibheshu.
98.Abangazange bazifake izidwaba. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni bahamba bayothenga imimese besika abantu izindlebe ngoba kuthiwa bayakudonswa ngazo.
99.Saphumake asisibo abantu abazodonswa ngezindlebe, uShembe uthena, “THUMA UMQONDISI WAKHO AKHANYISE INDLELA YAMI.” Akashongo ukuthi donswa ngendlebe, akashongo ukuthi uyokuqukula ngendlebe akujile ngaphesheya.
100.Futhi abakhulumi lutho ngesono, bakhuluma nje ngokuthi uma usufika emfuleni waseHuze… umfula waseHuze uyokuvimba noma usuvunule uconsa uma ungazange uwugcine umthetho kaNkulunkulu. Akusho ukuthi uma ufake ibheshu uyovele ungene nje umathanda eZulwini.
101.Ngeke ungene ngokuthanda kwakho, ziyokuvimba iziNgilozi, bayokuvimba abaQaphi. Ngeke ungene notshwala ungene nensangu, ngeke ungene nezandla ezinegazi. Ngeke uhambe umuhluza abantu ubaphakamisela isikhali ubathathela izimali bese uthi ngoba ufaka ibheshu uzowuwela lomfula.
102.Uyokuvimba nebheshu, uyokuvimba nesidwaba. Namuhla kuthiwa abantu abathunge izinhloko ngoba kuthiwa angeke bakwazi ukuwela umfula waseHuze. Umfula waseHuze awuwelwa ngeziqholo, uwelwa ngokwenza kahle kuNkulunkulu, uwelwa ngokusebenzela uJehova, ngokuzinikela ngenhliziyo yakho yonke, ngokuvumela inhliziyo yakho ithande uJehova, nangomphefumulo wakho wonke.
103.Ukugcina umthetho kaNkulunkulu yikho okokwenza ukuthi umfula waseHuze uwuwele, angeke uwuwele ngesidwaba, ngeke uwuwele ngesiqholo esithungiwe. Ufakazi walokho lezi zinhloko azisho ukukholwa zisho uphawu oluthile ngoba lezi zinhloko zazingekho ebandleni, kwakuyizinhloko ezazenziwa ezigodini zamakhosi amanye kwakwenziwa njalo.
104.Kwadonswa kwasiwa lapha ebandleni kwase kuthiwa awuzungena ezulwini uma ungalufakanga loluyadaka olubovu. Loludaka olubovu oluyimpepho yezangoma, izangoma zihloba ngalo kodwa kuthiwa alufani. Kodwa uthi uShembe asibe nenhlanzeko kodwa khona abathi ngeke uluke uma ungalufakanga udaka.
105.Kodwa isimanga uma sebehambile liyagezwa, ligezwelani ngoba kwathiwa angeke ungene ezulwini ungalifakile loludaka. Lususelwani uma usuhambile? naso lesiqholo siyasuswa uma umuntu esehambile, sisuswelani ngoba kuthiwe angeke ngingene ezulwini uma ngabe ngingasithungelanga?
106.Kodwa yonke lento ithathwa ezigodini ezithile zamakhosi. Siyazazi thina ezaseKuphakameni ilezi, sasizifaka ngoba ezenkolo. Yonke into kaShembe inqunyelwe ukuthi uyingqoke uma usuya enkonzweni. Ayikho into ekufanele ukuthi ibekuwe ngoba izindawo azikho ngcwele zonke.
107.Ingubo yakho yokukholwa iyagcinwa ibekwe endaweni ethile, uyithatha uma udumisa uJehova. Lesi siqholo-ke esilokhu siyisiphambano ekhanda lapho kungafuneki ingene khona into odumisa ngayo senziwa njani ngoba sithungiwe?
108.Ngithiike bantwana baseKuphakameni thina siyifaka ngoba sihlobisa. Uma sekudlulile siyayithatha siyigcine ngoba zigqoko zethu esihlobela uJehova ngazo. Ngeke ngithi noma ngikhuphi lapho kuphithizela khona abantu, abangaphithizeleli yena uJehova, ngitholakale ngifake inhloko engiyigqoka uma ngikhonza.
109.Yiko sakwenqaba uma labantu bethi sekufanele sihambe ngezinyawo ngoba unyawo luyabhalwa. UShembe agqizelela kangaka ngenhlanzeko, njengoba behambe bethafula abantu yonke indlela uzohambe unyathela ukungcola kwabantu ebese uzonyathela eThempelini ngalezo nyawo ngoba akukho manzi abekwa emasangweni ukuthi akugezwe.
110.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni siyibandla elinjalo elahlehliswa…sihlala sicinga ubungcwele ukuthi bukuphi ubungcwele. Sihlala siphuthaza bantwana baseKuphakameni.
111. Sidumisa uJehova owadala iZulu noMhlaba, lona athi uShembe:
ISIHLABELELO 110.
112.Ziya guqa ngamadolo
Zidumisa wena.
113.Zithi uyiNgcwele
Wena Simakade
Thokozani zindluzele
Nina enomileyo.
115.Sathokoza kanjalo, sabanjengezindluzele ngoba sasomile sathokoza satshakadula sitshakadulela leliLizwi elithi buyelani kuJehova, elithi ngosuku lwenhlupheko nimbize uyawukuza anisindise uma nendlala izinhliziyo zenu ngezikhathi zonke emkhondweni uyezimemezelo zezwi lakhe.
INkosi ibusise enikuzwile.