Ngithunywe nguShembe ukuthi ngiqondise ibandla likaMenzi wezulu nomhlaba, ngiyiphikise imfundiso kulelibandla esifundisa lokho okuphambana nokufundiswe nguBabamkhulu!
Ukuzibiza ngoNkulunkulu kunguku hlambalaza uNkulunkulu, is to mock God, kuyisono esibi kunazo zonke izono ongazicabanga!
Isihlabelelo 245
1.Ngiyambonga uJehova
Ngalolu thando lwakhe.
Owangithanda ngalo
Phambi kwezitha zami.
2.Wahlenga umphefumulo wami
Ogibeni lalokho kufa
Zijabhile izitha zami
Zingibona ngisaphila.
3.Wasula izinyembezi kimi
Emehlweni ami Nkosi
Wazichitha izitha zami
Zazula umhlaba wonke.
4.Namhla ngidumisa nabangcwele
Ngenhliziyo ekhululekileyo
Ngiyakubonga Thixo wami
Wangivusa ekufeni Nkosi.
5.Ngiphe lawo mandla Nkosi
Okudumisa wena wedwa
Khanyisela umphefumulo wami
Ukubone nasezulwini Nkosi.
1.Ngiyafisa ukuthi namuhla sikhumbuzane njengebandla ukuthi sisukaphi, nokuthi siyaphi. Lelibandla lasungulwa mhla ka 30 September 2010. Silibandla elaphuma ebandleni laseBuhleni ngaphansi kwaBaba uThingo.
2.Kungafani namabandla ayaye ahlukane ngokuxabana, noma ngemibango, kodwa kulelibandla akubanga njalo.
3.Kwathi kunguMsombuluko ekuseni mhla ka 4 January 2010, sabona sekufika ingelosi esasesiyazi ngokutrhi nguHlaleleni, ngoba yaqala ukusivakashela kusukela ngo 2006.
4.Yathi lengelosi ithunywe kimi nguShembe iNkosi iLanga, uthi angiphume eBuhleni, bese ngimakhela iBandla likaJehova. Ngathi uma ngibuza ukuthi ngimazise yini uBaba uThingo, yathi ingelosi lokho angikuyekele eNkosini iLanga, nguye ozokwazisa uBaba uThingo.
5.Nempela kwacaca ukuthi iNkosi iLanga imtshelile uBaba uThingo, ngoba ekumemezeni ukuthi sengiphumile eBuhleni, uBaba uThingo wathuma umvangeli uZwane ukuthi atshele amaNazaretha aseBuhleni ukuthi angangihlukumezi.
6.Akugcinanga lapho, ngabuye ngathola ucingo oluvela kwamanye amakhosikazi eNkosi iLanga bethi uBaba uThingo kade ebabizile, wabatshela ukuthi njengoba ngiphumile ebandleni, ngikhishwe yiNkosi iLanga!
7.Yathi ingelosi ithe iNkosi iLanga kulelibandla ivangeli lami koba ukufundisa abantu indlela eyiyo yokukhonza uJehova, lokho ngikuthathele ezintshumayelweni zikaBabamkhulu efundisa amaNazaretha!
8.Ekufundiseni kwami ngisebenzise iBhayibheli kanye nezihlabelelo zamaNazaretha. Kodwa ngezizathu ezithile, ngaze ngaphuma eBuhleni mhla ka 30 September 2010.
9.Kulentshumayelo ngifisa ukwazisa bonke abantu abalalela lelivangeli ukuthi kube ngamaNazaretha aseBuhleni angihlukumeze ngendlela eyisimanga kusukela ngo2010 kuze kube manje.
10.Njengoba sengichazile, mina angihlubukanga eBuhleni, kodwa kwafika ingelosi yangikhipha, ithi ithunywe yiNkosi iLanga!
11.Angikufihlanga ukufika kwalengelosi ngo 2006, ngoba ngabatshela abafundisi enganginga phansi kwabo, okwakungu mfundisi uButhelezi nomfundisi uKhumalo kanye nabanye abantu ababeseduze kwami.
12.Njengoba uThingo lwaluwayalile ama Nazaretha ukuthi angangi hlukumezi, konke ukuhlukunyezwa kwami ngama Nazaretha aseBuhleni kwagqama lelibandla seliholwa uNyazi!
13.Mhlawumbe ukuba ngangingahambi nengelosi ngabe sengafa, ngoba abanye bayay bezam ngisho ukungibulala!
14.Njengawo wonke amanye amabandla amaNazaretha asuke engekho eBuhleni, nami ngabizwa ngokuthi NGILIPHEKULA, amaNazaretha ka Nkulunkulu kwathiwa NGAMA MPANZARETHA!
Manje sekufike lapho ngingasakwazi khona ukubezelela lezi zinhlamba!
15.Ngisazochaza kabanzi ngezinhlamba engihlale ngithukwa ngazo ngama Nazaretha oNyazi.
16.Njengoba sngichazile, iNkosi iLanga yathi ANGIYAKHELE IBANDLA, kulelibandla ngifundise abantu indlela eyiyo yokukhonza uJehova!
17.Konke lokhu ngikwenze ngikuthathela eBhayibhelini nasezihlabelelweni zamaNazaretha.
18.Ngakho-ke izintshumaylo zami eziningi zithathelwe ezimfundisweni zikaShembe uMqaliwendlela!
19.Lokhu ngaqala ukushumayela kusukela ngo 2010 nginevangeli elithi asikhonze noma sidumise uJehova ngokugcina imithetho yakhe etholakala eBhayibhelini njengoba uShembe esifundise kanjalo!
20.Namuhla-ke ngiyafisa ukwenaba kuleli gunya lami lokusungula lelibandla, ukuze bonke abantu babheke ukuthi kukhona yini engikwenzile okuphambene nengithunywe iNkosi iLanga?
21.Ngabe kusukela ku 2010, angihlale yini ngifundisa ngokuthi asibuyele kuJehova, sigcine imithetho yakhe, kithi eyalethwa nguMose?
22.Kafuphi ngizogxila ezi ntshumayelweni zika Babamkhulu, ngoba mhla ngithunywa ukuba ngiqhube lelivangeli, iNkosi iLanga yathi ngiyothathela ezintshumayelweni zoMprofethi efundisa amaNazaretha indlela eyiyo yokukhonza uJehova!
23.Nansike enye yezintshumayelo zoMprofethi u-Isaya Shembe, lapho efundisa amaNazaretha indlela eyiyo yokukhonza uJehova! Uthi ke uBabamkhulu:
24.“Nina enikholwayo nithanda ukulandela labo nkulunkulu abanidukisa ngamabomu!
25.Aniboni yini ukuthi balahlekile, baphika UNKULUNKULU OWADALA IZULU NOMHLABA, KANYE NESITHUNYWA SAKHE, BAPHIKA NEMIBHALO EQINISILEYO, BAFUNA NIFANE NABO, NINGAKHOLWA, NJENGOBA BONA SEBEHLUBUKILE?
26.Njengoba ehlale esho uBabamkhulu uthi UYISI THUNYWA SIKA NKULUNKULU!
27.NGEMPELA UMDALI AKASOZE AKUXOLELA UKU HLANGANISWA NABANYE ONKULUNKULU!
28.Ukuphika imithetho kaNkulunkulu kufana nokuthatha usathane ube ngumngane naye!
29.Ningabavumeli banithuke, banisabise, nani nize nifune ukushintsha iqiniso lika Thixo, nilenze umdlalo, nenze naba profethi abaqambi manga!
30.Kepha qikelelani ningagudluki kokubhalwe phansi, nilimele iqiniso enalemukelayo livela eNkosini! (Njengoba senza nje eNCG).
31.Nibagade labo abaphikisa imithetho ka Jehova ngamaphupho abo, bayingozi ekuguquleni imithetho ka Thixo!
32,Angithi uSathane usebabonile ukuthi bayayiziba imibhalo, bakhetha amaphupho, ngakho uzobadukisa kakhulu, noNkulunkulu ubayekile ngenxa yokungaqondi kwabo imibhalo!
33. Niyizimvu phakathi kwezimpisi, ngakho hlakaniphani njengezinyoka nibe mnene njengamajuba, KEPHA NINGALUNGI KUZE KWEQE, NGOBA NIZOSUKE NIVUMELE ABAHLUBUKI BABUSE ENKOLWENI KAJEHOVA!”
34.KUMELE NIKUNQABE OKUNQATSHIWE EMTHETHWENI KAJEHOVA, NIKUCHITHE IMPELA NINGAKUVUMI!
35.Ningakhohlwa uma seniba bonisile kepha bona BEQHUBEKA NOKWENZA INHLEKISA INKOLO KAJEHOVA, KHUMBULANI UMTHETHO OTHI ‘ISO NGESO’
36.Uma benishaya ngempama, baphenduleni ngezinqindi ezilishumi, kepha ningakhohlwa yizixwayiso ezafundiswa ngu Jesu ngaphambi kokuphindisela.
37.Kuhle ukufela inkolo, ngoba labo abanjalo ababe besalinda ndawo, baqonda ngqo eparadise, uNkulunkulu ubalungiselele indawo ngakwesokunene sakhe!
38.NeNdodana kaMaria ayiqalanga ndawo, yavele yaqonda ngqo, futhi yabusa zonke izizwe! Nanike ninayo indawo eceleni kwayo!
39.Labo abaphika inkolo kaJehova, yilabo uNkulunkulu abaqalekisile, ababoni lutho emehlweni, baphika imibhalo ngendaba yokuqagela!
40.Uma benani bathi bayakholwa, kanti banamanga, uJehova ukwazi kahle konke abakwenzayo, ngeke basinde!
41.Iningi labo uzobabona ngokwenza izinto ezinqatshiwe emthethweni, badle okuyisinengiso ngokuphika imibhalo!”Amein!
42.UShembe uthi uNkulunkulu akafuni ukuhlanganiswa nonkulunkulu abangalidalanga izulu nomhlaba! Lemfundiso uMprofethi wayeyithathela eBhayibhelini:
43.Ku-Isaya 43:10-11, uNkulunkulu ukhuluma kanje ngomlomo woMprofethi u-Isaya: “Ningofakazi bami ukuba nazi ukuthi nginguye onguye, ngaphambi kwami akwenziwanga unkulunkulu, nasemva kwami akayikuba khona. Mina nginguJehova, ngaphandle kwami akakho uMsindisi!”
44.Ukugcwalisa okukhulunywe nguNkulunkulu, uShembe wabuye waqamba ihubo 119 elihamba kanje: “Thina siyamthanda lo onokusindisa. Isihlangu sethu nguJehova onokusindisa. Sophelela sonke kuJehova onokusindisa.
45.Kuphela kwakhe uJehova onokusindisa. Alikho nelinye igama esingasinda ngalo, asinazihlangu esingavika ngazo, asinazikhali esingalwa ngazo, kuphela igama likaJehova!”
46.Encwadini kaJeremiya 10:11 sizwa futhi uNkulunkulu ekhuluma kanje: “Uyakukhuluma kanje kubo, uthi: ‘Onkulunkulu abangalenzanga izulu nomhlaba, bayakubhubha emhlabeni nangaphansi kwezulu!”
47.Ngithunywe nguShembe ukuthi ngiqondise ibandla likaMenzi wezulu nomhlaba, ngiyiphikise imfundiso kulelibandla esifundisa lokho okuphambana nokufundiswe nguBabamkhulu!
48.Ukuzibiza ngoNkulunkulu kunguku hlambalaza uNkulunkulu, is to mock God, kuyisono esibi kunazo zonke izono ongazicabanga!
49.Ku-Izenzo 12:21-23, kubhalwe kanje: “Kwathi ngosuku olumisiweyo uHerode wagqoka ingubo yakhe yobukhosi, wahlala esihlalweni sokwahlulela, wayesekhuluma kubantu.
50.Abantu bamemeza bathi: “Yizwi likaNkulunkulu, akusilo elomuntu!”
51.Kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho, ngokuba engamnikanga uNkulunkulu udumo, wadliwa zimpethu, wafa!”
52.Kuleli bandla lamaNazaretha uMqaliwendlela wakubhala phansi emithandazweni ukuthi LELI LIBANDLA LIKAMENZIWEZULU NOMHLABA! Lelibandla likhonza uJehova yedwa!
53.Akugcinanga ngoBabamkhulu ukugcizelela ukuthi leli bandla ngelikaMenzi wezulu nomhlaba, kodwa neNkosi iLanga yafika yagcizelela okukhulunywe nguBabamkhulu.
54.Kwenye yezintshumayelo zeNkosi iLanga eku page 80 kuya ku 81 wencwadi ka-Advocate Mnyandu ethi IZINTSHUMAYELO ZENKOSI ILANGA, uBaba iLanga uthi:
55.“Ngiyathanda ukunikhumbuza ukuthi uNkulunkulu uyayenza into enhle njengale yenu, kodwa usuke engayenzeli abantu. UbuNazaretha lobu uNkulunkulu akabenzelanga abantu, wazenzela yena.
56.Akusiyo into yabantu le, akusiyo futhi into kaShembe! (Kodwa uNyazi luthi lelibandla ngelalo!) Futhi akusiyo into yamadodana ami, noma yaba fowethu nabe fundisi base Kuphakameni, ngeka Nkulunkulu!
57.Ukuphakama akusikho okuka Shembe lo obonwayo, okuka Nkuluynkulu, ngokuka Shembe osezulwini, ngokuka Shembe owakuqalayo lokhu kuhamba!
58.Njengoba silapha nje singabenkosi yasemaQadini, kodwa nina eyenu iNkosi ayibonwa, nguNkulunkulu kuphela, ayikho enye! (Kodwa amaNazaretha oNyazi asene Nkosi ebonwayo!)
59.Ngakho nilibambisise lelo lizwi noma nini, noma singasekho thina emhlabeni. Nikhumbule ukuthi ubuNazaretha lobu akusikho okomuntu!
60.UShembe lo owaphemba lobu buNazaretha wayengesiye umuntu, wayevela ezulwini. Kodwa wayengaqali ukufika lapha emhlabeni.
61.Wayefike ayiphembe lento esibuthene ngayo, ayishiye, acabange ukuthi izosala ilunge.
62.Bese emuva kwakhe kuvele abantu abanjengami nje, abathi bangabaholi bengenawo umoya kaShembe, bese beyiphambukisa lento, sebeyi phendula ngobu thakathaka babo!” Amein!
63.Njengoba yasho iNkosi iLanga, kulelibandla lamaNazaretha sekuhambe kwahamba kwavela uShembe osekuphambukisile ubuNazartha, osethi nguye uNkulunkulu!
64.Uphikisa uBabamkhulu neNkosi iLanga, useliqhwagile lelibandla owaqala ukulihola selineminyaka edlulile ekhulwini namashumi amabili laba khona, naye owalifica linabalandeli ababalelwa ezigidini!
65.Akagcinanga ngokuphikisa uBabamkhulu neNkosi iLanga, kodwa useqhwage uNkulunkulu uMdali wezulu nomhlaba, uthi sekunguye uNkulunkulu wamaNazartha!
66.Usechithe yonke imithetho yokukholwa ebusa amaNazaretha njengoba yafundiswa uMqaliwendlela!
67.Kodwa uBabamkhulu wayazi ukuthi kohambe kuhambe sihlangane nalesi simo! Uthi-ke uMqaliwendlela:
68.“Nina bakholwayo nithandelani ukulandela labo nkulunkulu abanidukisa ngamabomu na?
69.Aniboni yini ukuthi balahlekile, baphika UNKULUNKULU OWADALA IZULU NOMHLABA, KANYE NESITHUNYWA SAKHE.
70.BAPHIKA NEMIBHALO EQINISILEYO, BAFUNA NIFANE NABO, NINGAKHOLWA NJENGOBA BONA SEBHLUBUKILE?
71.Ngempela uMdali akasoze akuxolela ukuhlanganiswa nabanye onkulunkulu!
72.Ukuphika imithetho kankulunkulu kufana nokuthatha usathane ube ngumngane naye!” Amein!
73.Lonkulunkulu obonwayo wamaNazaretha obizwa ngokuthi uNyazi, ekuthumbeni ibandla likaJehova, usechithe yonke imithetho yokukholwa etholakala eBhayibhelini, nefike yavuswa nguShembe uMprofethi.
74.Ngokomthetho kaJehova kuphambene nomthetho wokukholwa ukulandela amasiko ayisinengiso kuNkulunkulu. NoYeshua wakugcizelela lokhu!
75.KuLevi 18:30 uJehova uthi: “Ngalokho gcinani imiyalo yami, ukuba ningenzi nalinye lalawo masiko anengekayo ayenziwa ngaphambi kwenu, ningazingcolisi ngawo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.”
76.KuMathewu15:2-3 kuthi: UJesu waphendula wathi: “Nani yini ukuba neqe umyalo kaNkulunkulu ngenxa yosiko lwenu na?”
77.Noma kwaZulu sinamasiko amaningi, kodwa uShembe wafika wawachitha lawo masiko aphambana nomthetho kaJehova.
78.Eminyakeni yo 1970, iNkosi iLanga isizohamba emhlabeni, yakhuluma kabanzi ngokuhlubuka okuzokwenzeka kulelibandla, okuphikisa izimfundiso zoMprofethi, okumanje esesikubona ngaphansi kobuholi boNyazi!
79.Lapha angizolokhu ngiphinda izinkulumo zikaBabamkhulu ngezangoma, ngoba sengiziveze kaningi lapha. Kodwa neNkosi iLanga yakhuluma kabanzi ngobungoma.
80.Nanka amazwi eNkosi iLanga: “Emva kwami abantu bayokholwa ngenxa yemali, ngenke balinake izwi loPhezulu.
81.Abanye bazofika nemikhuba yabo, AMASIKO ABO, BAZOKWENZA INDABUKO YABO, LE USHEMBE OWAYICHITHA PHAKATHI KWENU.
82.IZANGOMA ZONGENA NGOKUTHANDA, ZIPHUME NGOKUTHANDA.
83.NGIBONA KUMI IZIMBIZA ZOTSHWALA EMIZINI YENU, NEZANGOMA ZISINA EMIZINI YAMANAZARETHA.”(Namuhla izangoma sezisina ngisho emigidini kaJehova!)
84.Uthi-ke uBaba iLanga: “NGIBONA ABANTU BEZA NGAMANDLA LAPHA EKUKHOLWENI, BAYOFIKA BAZI, ABAYOVUMA UKUKHOKHELWA, ABAYIKULITHANDA IZWI ELISIBUTHILE!” Lokhu kwanda kwabantu eBuhleni iNkosi iLanga yayivele ikubonile!
85.Uthi-ke uShmbe: “BAYOFIKA NOKWAZI KWABO, BAHLAKANIPHILE, BANOLIMI NEZIBONAKALISO, nani niyothatheka, NIYILAHLE INDLELA KABABA ANISHIYE KUYO!
86.Ningavumi noma sekunjalo, NIKUPHIKE ANGAKUSHONGO USHEMBE PHAKATHI KWENU, NIKWENQABE ENGIKWENQABILE!
87.Bayothi gayani utshwala, lumbani amalumbo, BANIBUYISELE KOKUCHITHIWE, BETHI YIYO INDLELA YOKHOKHO BENU, BETHI NINGAYILAHLI!
88.MINA MUNYE UMTHETHO ENGIZONISHIYA NAWO, NENGINI NIKA WONA, YILOWO UBABA OWANIFUNDISA WONA!” Amein!
89.Nempela zonke lezi zinto ezibalwe yiNkosi iLanga seziyenzeka eBuhleni, sekukhona izangoma ezingabafundisi.
90.Kodwa ukuthi singazihlanganisi nesangoma ngumthetho kaNkulunkulu!
91.Ku Levi 20:27 uNkulunkulu uthi: “Owesilisa noma owesifazane ongenwe yidlozi, noma ngumoya wokubhula, uyobulawa nokubulawa, akhandwe ngamatshe, igazi lakhe libe phezu kwakhe.”
92.Kungumthetho kaNkulunkulu ukuthi asinakwenzela omunye umoya umhlatshelo ngaphandle kwaJehova yedwa.
93.Ku-Eksodusi 22:20 uJehova uthi: “Owenzela abanye onkulunkulu umhlatshelo, engenzeli uJehova yena yedwa, uyobhujiswa!”
94.Uma uhlabela imimoya yabantu asebafa, noma ngumzali wakho, lokho kungukwenzela abanye onkulunkulu umhlatshelo.
95.UShembe ngo 1927 emzini waseKuphakameni amaNazaretha wawafundisa ukuthi engawahlabeli amadlozi.
96.Nansi inkulumo kaShembe: “Ngiyazi ukuthi abafile bayisihibe kwabaningi, ngenxa yokweqiwa uthando lwabo. Kuhle ukuthanda umzali wakho nesihlobo sakho; lokho akukubi kuJehova.
97.Kodwa ningaweli ekubathandeni okwedlula uThixo, funa niduke, nenze okuphambene nomyalo enginiyala ngawo, nenayalwa ngawo ku-Mathewu 10:37.
98.Nizwile emthethweni wayizolo ukuthi anisekuwakhonza amadlozi, nomthetho othi anisahlangani nabafowethu abenza okunjalo; ngoba abenza okunjalo bayanengeka kuJehova.”
99.Ngaso leso sikhathi babuza oNkwanyana noMzelemu, bathi: “Nceku yeNkosi, angenke sisabahlabela okhokho bethu na?”
100.Waphendula uMprofethi wathi: “Cha bantwana bakaNhliziyo, okwenu kuhle ukuba nibakhumbule elatini elikhulu, emzini kaJehova eKuphakameni, kunokuba nenze njengalabo abangenaye uThixo.”
101.Okubalulekile lapha ukuveza umthetho kaJehova esafika sawufundiswa nguShembe uMprofethi, iNkosi iLanga engithume ukuba ngiwuvuselele!
102.Ekuthunyweni yiNkosi iLanga ukuba ngivuse ibandla likaJehova, kusukela ngawo u2010 ayikho inhlamba engingakaze ngiyithole evela loNyazi!
103.Njengoba ngishilo, ngibizwa ngephekula, kuthiwe singama Mpanzaretha!
104.Ngokuthi singamaphekula bachaza ukuthi sihlubukile ebandleni lama Nazaretha, ngoba yibona abangama Nazaretha! Namanje ungazibona izinhlamba kufacebook esithukwa ngazo sisemgidini!
105.Kodwa okuseqinisweni ngama Nazaretha ase Buhleni ANGAMANYAZIRETHA, ngoba yiwona achithe uNkulunkulu uMdali wezulu nomhlaba, bazakhela unkulunkulu wabo okuthiwa UNYAZI; lolu eseliwu chithile umthetho kaJehova esawunikwa nguMqaliwendlela!
106.Lokhu kubonakala ngokuthi thina esilandela inqubo yokukholwa kukaJehova sizithole njalo ngeSabatha sithukwa sise nkonzweni yilamaNyaziretha!
107.Okusobala ukuthi basuke becasulwa ukuthi SISHUMAYELELANI UNKULUNKULU UNYAZI LUNGASHUMAYELI!
108.Uma kungumhlangano sisemgidini, kuba kubi kakhulu, ngoba amalunga alelibandla angena ngezinkani, basichaphe ngazo zonke izinhlamba ongazicabanga! Abanye bechoma ngobuncane bethu, ngoba bona bayizigidi!
109.Kodwa umuntu ophila kahle ekhanda kungathi belibandla elineminyaka engaphezulu kwekhulu namashumi amabili laba khona, bese behlale bencintisana nebandla elineminyaka engaphezulwana kweshumi lisunguliwe? Yini bengancintisani namabandla afana noZCC, okungowabo nangeminyaka?
110.Ngenke bakwenze lokho, ngoba entuthukweni yamabandla, bayihlazo nje! Yonke iminikelo yebandla labo yakha uxhaxha lwezitezi zoNyazi!
111.Abakwazi ukuncintisana ne ZCC ukuthi iminikelo yebandla isetshenziswa kanjani ukuthuthukisa ibandla nomphakathi!
112.Angenke ukholwe ukuthi Buhleni, okungokomkhulu walelibandla, akukho ngisho izindawo zokuzikhulula! Nakulesi sikhathi samanje amakholwa asazikhulula ezihlahleni!
113.Esikhundleni sokuhlela intuthuko yebandla, bahlalela ukothuka ibandla elisha njenge NCG! Bahlale bezinweba ngobuningi nokudumisa uNyazi, yize bengakwazi ukwakha ngisho indlu yesonto! Angazi ukuthi bezwa ngobani ukuthi ezulwini kungenwa ngobuningi! Lokho kukodwa kubonisa ukungazi lutho ngokukholwa othi uyikho!
114.Kuyishwa ukuthi umsebenzi woMprofethi owuhluphekele kanje ethukwa, njengoba nathi sithukwa, usuvele wacekelwa phansi ngumholi iNkosi iLanga ethi AKANAMOYA KASHEMBE!
115.UNyazi alushumayeli, ngingasayi phathike eyokusina! Ngaleso sizathu-ke, abalandeli balo bakhiphela kithi isibhongo ngokuthi bashiye imigidi yabo, bese bezosixhapha ngenhlamba sisemgidini sidumisa uJehova!
116.Akuthina esathi abathathe umuntu emgwaqeni bezomenza uNkulunkulu! Ngakho-ke asingathwali amacala esingahlangene nawo!
117.Noma nabo ungababuza, angenke bakuchazele ukuthi yini le ebakhathaza kangaka ngathi, ukuthi bethi bebaningi kangaka, belishiye ibandla labo bezosixhapha ngezinhlamba sigidela uJehova?
119.Ayikho into engake ngayenza noma ngayisho ebandleni laseBuhleni, ngaphandle kokuthi, njengokuthunywa kwami yiNkosi iLanga, ngibaqondise uma sebechitha umthetho ka Nkulunkulu esawu fundiswa ngumprofethi! Nabe bangithukela ukushumayela?
120.NamaKrestu ngiyaye ngiwatshele uma eseqa umthetho kaNkulunkulu!
121.Kodwa akakho umKrestu owake wangithukela ukushumayela lelivangeli, ngoba nabo basuke bebona ukuthi kukho konke engikukhulumayo ngikucaphuna encwadini engcwele!
122.Ngakho-ke angikwazi ukuthula uNyazi luthatha ibandla likaJehova ngohheshe!
123.Ngisemi kulokhu okwakhulunywa ngo Mishack, oShadrack no-Abednego; ukuthi uma kuvuma uNkulunkulu, kulungil ngife, kodwa thina maNazaretha kaNkulunkulu asisoze sabakhonza onkulunkulu abangalidalanga izulu nomhlaba!
124.Njegoba noBabamkhulu esho, akekho oyosisusa emthethweni kaNkulunkulu othi asikhonze uJehova yedwa!!!!
125.Okokugcina ngithi:: Uma ngiqamba amanga ukuthi ngathunywa yiNkosi iLanga ukuba ngivuse ibandla LIKAJEHOVA, kodwa nginga thunywanga, ngithi kusukela manje uNkulunkulu waseKuphakameni akangijezise ngokuqamba amanga ngegama lakhe!
126.Kodwa uma lokhu engiku khulumayo kuliqiniso, kuyiNkosi iLanga eyangithuma, ngithi lelibandla loNyazi eselingihlukumeze kanje, uNkulunkulu wamaNazaretha akangilwele, alishaye ngenduku okobonwa yiwo wonke umuntu ukuthi lishawa ngnguJehova!
127.Lelibandla limchithe kubuka bonke abantu uMenzi wezulu nomhlaba ebandleni lakhe, badicilela phansi umsebenzi woMprofethi, bazodumisa unkulunkulu oyisithombe endlini kaJehova!
Isihlabelelo 233.
1.Thixo wami
Dwala lami
Wena ungikhohlwa ngani
Ngiyalila imihla yonke
Ngokuhlushwa yisitha sami.
2.Abahluphi bami bona
Bayangizingela njalo
Bayasho imihla yonke
Bathi uphi uThixo wakho.
3.Yini mphefumulo wami
Wena udumaleleni
Methembe uThoxo wakho
Ayikho enye inqaba.
4.Namhla Nkosi ngiyabonga
Ungivumele ngize kuwe
Ngiyazendlala phambi kwakho
Kule ndawo eyingcwele.
5.Makube yiphunga elimnandi
Kuwe wedwa onguMdali
Ukukudumisa kwami
Phezu kwalentaba yakho.
6.Yebo Nkosi mangihlume
Ngibe ngoxhakathileyo
Mangithele izithethelo
Zona ezithandwa nguwe.