Uke umcabange uMprofethi Isaya Shembe, uzibuze ukuthi ngempela ngempela uNkulunkulu ngesikhathi ethumela uMprofethi senza khona yini, phezu kokuhlupheka, phezu kwezinsizi, phezu kwakho konke adlule kukho.
Ngabe senza khona yini uNkulunkulu owayekulindele ukuthi sizokwenza esimeni sokuphatha lobubungcwele uMprofethi owasilethela bona lapha emhlabeni.
Intshumayelo yangeSabatha ekuseni siyiphathelwe uMfundisi Sabelo Ntuli mhlaka 17 August 2024 eNqobizitha.
ISIHLABELELO 01.
1 Nkosi sikelela ubaba
Noma ezula ezintabeni,
Enganayo indawo yakhe
Elala emahlathini.
2 Nkosi sikelela ubaba
Wena uyisihlangu sakhe,
Noma ezulu ezintabeni
Elala emahlathini.
1.Ngiyabonga bantwana baseKuphakameni ukungithwala ngalengoma, ngihlabelela le ngoma bantwana baseKuphakameni ngoba ziyafika izikhathi zokuthi uma uhamba endleleni noma uwedwa noma uhamba nabantu.
2.Uke umcabange uMprofethi Isaya Shembe, uzibuze ukuthi ngempela ngempela uNkulunkulu ngesikhathi ethumela uMprofethi senza khona yini, phezu kokuhlupheka, phezu kwezinsizi, phezu kwakho konke adlule kukho.
3.Ngabe senza khona yini uNkulunkulu owayekulindele ukuthi sizokwenza esimeni sokuphatha lobubungcwele uMprofethi owasilethela bona lapha emhlabeni.
4.Siphila esikhathini esilikhuni bantwana baseKuphakameni kulesisikhathi esikuso, siphila lapho khona abantu lapha emhlabeni befuna bona ukuthi inkolo bayakhe lapha emhlabeni, bayakhe bayakhe, bayiphelelise, bese beyithatha beyimukisa kuNkulunkulu beyothi Nkulunkulu thina sifuna ukukukhonza kanje.
5.Isikhathi esilikhuni leso bantwana baseKuphakameni ngoba, ithi indodana uYeshua, asimkhonze uJehova noma asimdumise intando yakhe siyenze lapha emhlabeni bese kuba njengoba yenzeka ezulwini.
6.Lokho kuchaza ukuthi intando kumele iqale ezulwini bese umhlaba uyayinanela, kodwa namhlanje isikhathi esikuso, ilapho abantu khona befuna ukwenza inkolo emhlabeni, bese bephoqa izulu ukuthi benanele bona, angibonike ukuthi lokho kungenzeka.
7.Sikulowo mshikashikake bantwana baseKuphakameni kuningi ukukholwa namhlanje okukhona, usukungajabuli noma umuntu ethi ngiyakholwa, ngoba usuke wazi ukuthi oh uyakholwa, kushuthike useyikhandile le nkolo, useyi presentile kuNkulunkulu.
8.Uthi Nkulunkulu nansi indlela engifuna ukukukhonza ngayo, ngithanda lokhu mina, ngithande lokhu, nakhu Nkulunkulu, thatha, noma ngabe awukuthandi lokhu Nkosi, thina sikuthandile siyilelibandla kwamukele Nkosi.
9.Indlela yokukholwa esinayo kulesisikhathi esiphila kuso, awusakwazi ukujabula uma uzwa umuntu ethi ngiyakholwa, uyajabha ngoba uvele ubone ukuthi usejoyine umbutho naye othi intando yasemhlabeni aliyenze izulu njengoba yenzeka nasemhlabeni. Inkingake leyo bantwana baseKuphakameni esibheke nayo.
10.Isihloko bantwana baseKuphakameni salokhu kukhuluma sithi “Wathini uShembe kubantu” ngoba ikhona ingozi evame ukwehlela umsebenzi kaNkulunkulu nabarofethi nezithunywa zonke zikaNkulunkulu.
11.Ukuthi ebese kuvele kuthathwe konke okwakhulunywa abaprofethi nokwakhulunywa uJehova ngabaprofethi ebese kwenzeka ize leze.
12.Bese kuba sengathi wavele wafika nje uMprofethi noma isithunywa sikaNkulunkulu sadabula emhlabeni, sadabula nje sadabula nje sithule emlonyeni sathi akugidwe, sabona izishosho sazisukumisa,
13.Bese indaba yonke iphelela lapho, kungabe kusaba bikho ukukhuluma ukuthi wathi uma uNkulunkulu esemthumile lo muntu kaNkulunkulu, wathi uma esemthumile kubantu, wafike wathini kubantu. Ebese iyaphela into injalo bantwana baseKuphakameni.
14.Yenzeka lento ngesikhathi sikaYeshua, namhlanjena uma ulalela abantu behlangene bezinkumbi ngezinkumbi bethi bakhuluma i-gospel yobuKrestu.
5.Uzothola umhlola ukuthi ingathi kukhulunywa ngomuntu owathi uma efika emhlabeni wabona isihlahla somkhiwane wasiqalekisa sasha uma singenamakhiwane, wasuka lapho wavuka, wafa wase eyevuka, awuzwa lutho olunye ngaphandle kwalokho.
16.Sekuvelake manje ukuthi uNkulunkulu wathuma indodana yakhe lapha emhlabeni ukuthi izolwa nezihlahla zamakhiwane, qede ife ebese iyavuka, bese kuphelela laphoke.
17.Sekwakhiwe inkolo enkulu bantwana baseKuphakameni ngalokho kwakhiwa amabandla amakhulu bacebile abantu kakhulu emhlabeni, bayizikhulu, bayahlonishwa.
18.Kodwa lo owafika wazofundisa inkolo yena akahlonishwa ngoba waziwa njengendoda eyafike yaqalekisa amakhiwane ngoba engatheli, yafa yase iyavuka, bantwana bokukholwa, sibhekene naleyongozi bantwana baseKuphakameni, ingakho ngithi ukukhuluma kwami namhlanjena ngithi asikhumbuzane ukuthi wathini uShembe kubantu. Amein.
19.Kubalulekile bantwana baseKuphakameni siyilonde leyondaba, siyilonde leyondaba, siyilondoloze, siyigcine, siyibambisise, uma sithola isikhathi sokuxoxa, kube iyona ndaba esiyixoxayo leyo kakhulu kube iyonanto esifela kuyo. Singakafiki ukuthi wathini uMprofethi ngisacela sifunde incwadi ku Duteronomi 4 verse 5-8.
20.Deuteronomy 4 verse 5-8.
21.(5) “Bhekani, nginifundisile izimiso nezahlulelo njengokungiyala kukaJehova uNkulunkulu wami ukuthi niyakwenza kanjalo phakathi kwezwe eningena kulo ukulidla.
22.(6) Ngalokho manizigcine, nizenze, ngokuba lokhu kungukuhlakanipha kwenu nokuqonda kwenu emehlweni ezizwe eziyakuzizwa zonke lezi zimiso, zithi: ‘Impela lesi sizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabaqondileyo.’
23.(7) Ngokuba yisiphi isizwe esikhulu esinonkulunkulu oseduze naso njengoJehova uNkulunkulu wethu, enjalo nanini lapho simbiza, na?
24.Yisiphi isizwe esikhulu esinezimiso nezahlulelo ezilungile njengawo wonke lo mthetho engiwubeka phambi kwenu namuhla na?”
25.Ithi le ncwadi, zigcineni lezimiso, uma nike nazigcna lezimiso, izizwe ziyokunibabaza zithi isiphi lesisisizwe esihlakaniphe kangaka esinoNkulunkulu othi uma ngabe simubiza lesisizwe ebese eyasabela, uNkulunkulu okhulumayo.
26.Akukho bantwana baseKuphakameni njengoba uMprofethi Isaiah Shembe eshilo, ayikho enye i-double-up yokuthi sibe isizwe esibukeka sihlakaniphile, sibe isizwe esithi uma sibiza uNkulunkulu asabele, uma sihamba ngalezizimiso lezi asabele ngoba lithi ibhayibheli uwuNkulunkulu olungile.
27.Amandla ethu bantwana baseKuphakameni alapho wonke, ukuthi sibuyele siyoncinda lapho uShembe asikhombe khona entabeni yaseSinayi.
28.Lapho esathi uma sifika khona bantwana baseKuphakameni kwase kuphuma zona lezimiso, kwase kuphuma zona lezisekelo, okuyizona ezakha umuntu abatshazwe izizwe.
29.Zithi lesi sizwe esihlakaniphe kangaka sivelaphi, lesi sizwe esiqondile kangaka sivelaphi, esinoNkulunkulu esithi uma simubiza eze.
30.Bantwana baseKuohakameni lesi sizwe siyokwakhiwa zimiso nezisekelo owathi uma efika uMprofethi Isaya Shembe lapha ezweni lakithi wathi “Mdumiseni uJehova zizukulwana ngezizukulwana nigcine leyomithetho anilobela yona ngeNceku yakhe uMose” siphuza kulelotshe bantwana baseKuphakameni lase Sinayi. Amein.
31.Wathi uma efika lapha uMprofethi Isaya Shembe, ngoba sithe uma sikhula lapha bantwana baseKuphakameni sihamba namadoda amadala nezalukwazi zakudala, wangabe usezwa ukuthi uMprofethi wenzani.
32.Nginalelo luvalo bantwana baseKuphakameni lokuthi uma ingaphinda lento isilahlekele thina ukuthi sikhumbuzane ukuthi wathini uMprofethi, kuzogcina nje sekukhulunywa nje ngokuthi uMprofethi wafika laphana wenza ukuthi wenza ukuthi, bese iyaphela indaba kaMprofethi kusale izimangaliso ezingasamenzi ukuthi umuntu angene ezulwini, ingabe isamenza ukuthi umuntu abe isizwe esihlakaniphile esibatshazwa izizwe. Ingozi bantwana baseKuphakameni engasehlela.
33.Sikhule kuxoxwa izimangaliso ezinkulu ngoMprofethi, omunye ethi wafika ngakithi wangena laphana, waphuma wenza ukuthi, wangena laphana waphuma wenza ukuthi, wakhuphuka leyantaba, wathi uma esithela ngalena kwawukuthi.
34.Kodwa akekho obe nesineke nesibindi sokusho ukuthi wathi uma esithela ngalena kwentaba, wayeseqoqa abantu wayesethini kubo.
35.Akekho bantwana baseKuphakameni, kangangokuthi kwamanye amabandla amaNazaretha sekulikhuni ukukhuluma ngoMprofethi ngoba uma ukhuluma ngaye usuke usuhlubuka kuwo, usuke usuwahlubuka, ngoba sebekwakhile ukukholwa kwaphelela baku prezenta.
36.Bathi nakhu ukukholwa, sikukhonza kanjena uthanda ungathandi, uma uthi izangoma zinjani, hhayi la, awukwazi ukukhuluma lokho, ukukhuluma emakhoneni ngoba uma ukukhuluma lapha, izangoma lapha sesizemukele, sesigezile nemimoya yazo sayibhabhadisa.
37.Umbuzo omkhulu uthi ngoba lemimoya yobungoma ingamadimoni, idimoni uma ulibhabhadisa usuke uthi lizokholwa yini, uma idimoni selikholwa liba njani, alibi yini idimoni elikholiwe, noma elibhabhadisiwe angingathi elikholiwe.
38.Lingakholwa kanjani idimoni? Kodwa sekuyenzeka namhlanje, uma ungaphika lokho ngabe uphambana nenkolo eseyibekwe phambi kwabantu.
39.Bantwana baseKuphakameni wathi uma efika uMprofethi lapha wayixoxa kahle indaba yezangoma, ngizocela uMvangeli uSkhakhane ayithinte kancane eyezangoma ukuthi wathini uShembe ngezangoma.
40. “Bantabami njengoba nibuthene lapha kungabe niyasazi yini isitha sika Jehova esikhulu kunazo zonke na?”
Khona amadoda amadala okungo Cebisa wase Mpuza no Bukhosini namanye bathi: “Nceku yeNkosi, isitha sika Nkulunkulu uSathane.”
41.”Bantabami niqinisile kepha uSathane usebenza ngomuntu ukona nokuchitha ubungcwele ukuze achithe uMbuso ka Nkulunkulu uma wehliselwe kubantu.
42.Njengokuba uJehova namuhla engithumile phakathi kwenu ukuba nginilethele uMbuso wakhe oyifa lokuphila kwaphakade, kanjalo no Sathane ufinyelela kubantu ngezithunywa zakhe ukuba zilethe imbubhiso yaphakade kubantu.”
Isihlabelelo 1 verse 4.
4 Ngomthandazo wezingane
uJehova wasilale,
Sisazula ezintabeni
Silala emahlathini.
43.Bantwana baseKuphakameni ngiyaye ngithande kakhulu le mfundiso yoMProfethi ngoba into esithe uma sikhula yafihlwa bantwana baseKuphakameni, yafihlwa, yafihlwa!
44.Noma kwakuvela kancane ukuthi izangoma azamukelekile, kodwa kwakungasacaciswa ukuthi lento lena ayifuneki kangakanani emsebenzini kaNkulunkulu.
45.Iyimbubhiso, iyisihlalo nelati likaSathane afinyelela ngalo uSathane kubantu, kodwa akekho umuntu owayengasho lokho, nanamhlanje, bantwana baseKuphakameni kukhona amabandla ongeke ukusho lokho kuwona ongaphuma usuthwele.
46.Ngithe wathini uMprofethi kubantu, wathini uShembe kubantu, iyona kuphela indlela esingalondoloza ngayo leyo izwi loMprofethi, sikhulume ngezimangaliso, sikhulume ngakho konke.
47.Ngoba ziyakuveza ngisho izimbongi zakithi ukuthi akuzange kwaba umuntu owayenethezekile, akazange abe umuntu obusayo, akazange abe umuntu otamasayo.
48.Zithi uma sezibonga, zithi umondliwa akakhuluphali ngoba wadela izwe lobomi, kuyakhomba ukuthi kwathi noma kukhona kudekiwe, kukuningi, kodwa woma, womela izwi elizayo, womela izwe lobomu bantwana baseKuphakameni.
49.Lokhu kunethezeka, nalokhu kutamasa, kufikile, akuyona into ebikhona bantwana baseKuphakameni, lokhu kutamasa okungaka osekukhona, kufikile bantwana baseKuphakameni.
50.Kodwa umsunguli walokhu kuhamba wayelokhu eshilo, ayesixoxela kanjalo amadoda amadala asezweni lakithi, nawo noma ayedle ngezimangaliso, kodwa zazisenza silangazelele ukuthi kwakuyinhloboni yomuntu lena.
51.Zithi uma zixoxa ngaye zikhuluma ngehhashi elimpunga, zithi laligijima, yayisho njalo le ndoda yakwaMkhize, ithi sasihlabelela bantabami, sithi Nkosi sikelela uBaba, sigijima phambi kwehhashi, uthi lalisina ihhashi liphakamisa amanqina angaphambili, lishaye phansi, sihlabelela, sigijima eceleni kukaNkulunkulu.
52.Sasixoxelwa lokho bantwana baseKuphakameni, sazixoxelwa lezindaba, asizigcine bantwana baseKuphakameni, sizixoxe ubusuku nemini sixoxele ngisho izingane zethu ukuthi saze sehla isimangaliso.
53.Basho njalo abasezulwini mhla uMprofethi ehla, ehlela ezinkumbini nezigidi ehla ngenqola yasezulwini, bathi abaseMoyeni, bathi abasezulwini ‘saze sehla isimangaliso!”
54.Abasemhlabeni bavele bayithatha lento bayifaka phansi kwetshe kwangaba kusaba into enkulu kangaka bantwana baseKuphakameni, bese kuthathwa izinto zidunyiswa, zidunyiswa zonke, bese kushiywa ukuthi yathini iNceku kaNkulunkulu mhla ifika emhlabeni.
55.Ayigcinanga lapho bantwana baseKuphakameni, yake yenza umhlola, into engazange yenziwe umprofethi, uma ungezwa le nkulumo kaMprofethi mhla enika ama direction aya ezulwini,
56.Bakhona abafundisi, bakhona abrofethi, kodwa akekho okethi nansi indlela, uyohamba lapha, uyodlula lapha, uyojika ngalelijika, uyojika kwa right, uyokhuphuka intaba, uyowela umfula, awufunde Mvangeli weNkosi ama directions aya ezulwini, isimangaliso leso bantwana bokukholwa.
57.“Nginifisela nonke maNazaretha ukuthi ningabe nisona, ningabe nisawuphula umthetho kaJehova, lo ebengininika wona kusukela nginibhabhadisile, ningabe nisavuma ukudidiswa, lapho enginibizela khona bantwana bami kuhle kakhulu, uma ngase uye khona ngeke usavuma ukubuya. Anotshela iNkosi uma isifikile ukuthi ngathi ize ingalibali ukuhlukanisa izindlela lapha esiya khona, noma kugcotshwa abafundisi nibafundise lokho.
58.Kuza isikhathi lapho abantu basekuphakameni bayoyilahla khona indlela kaShembe. Lapho bayobe sebenza imicabango yabo kunezwi esibayala ngalo thina boShembe.
59.Ngaleyo nkathi bayobe bengasali khathalele izwe laphakade, bayobe sebethembe amazulu amaningi, nangekho.
60.Ngalezo zinsuku bayodebesela ukugcina umthetho kaJehova, lo okuthiwe angiwuvuselele.
61.Bayowugxoba, bawuzibe, kuphase imithetho yabo nemithetho yezithixo zabo abayozibuyisa bazifake la.
62. “Phelelani kuJehova, ngoba uyabathanda abamthandayo, ubalungisele indawo phambi kwesihlalo sakhe sobukhosi,
63.Ubenzela ukungalambi nokungomi, abaphe umusa wakhe. Nabo bahlala bemdumisa ngezigubhu nokusina, behlabelela ngenjabulo.
64.Uthokozwayo wenama ngabo, ukwenama komsindisi kuhlala nabo Phakade, abasenakho ukufa.
65.Umthetho kaJehova uyisihlengo somphefumulo, bantabami; hhayi noma imuphi umthetho, kuphela lo inceku yakhe eninika wona. Uyindlela yokuhamba eya lapho kungekho khona ubumnyama nenzondo, nendlala namakhaza, kuphela inkazimulo engenakufiphala. Nxa usuya kulelozwe, uyodlula emahlane nakumahlathi esabekayo, anezelelesi nabaphangi, nabahuhi abahuhayo, abandisa imibuso yabo yokulahlwa!
66.Kwabanye iyaphela iminyaka engamashumi amathathu behluleka ukuphuma kulamahlathi, ngoba balidelela izwi likaThixo; namanje basese bumnyameni!
67.Uma usudlulile kulamahlathi, uyophumela kwankanankana, kwasikhova sikhala emini, ezintabeni zakwa lambathwayo, kwamthimunye, kwasikhomakhoma!
68.Bantabami kuleyo ndawo lihlala licwathile, libalele, abaningi akudluleki esikhomakhomeni. Leli lizwi elishunyayelwayo lapha eKuphakameni, liyinkemba eyokusiza ekuphungeni abahlaseli bakho; futhi liyoba umphako kulamahlane osizi oyohamba kuwo!
69.Uyothi sewedlule kuleyo ndawo, uyofica isiziba, ngaphambili uyofica iparatomi. Uyobe sewuliwelile iHuze umfula omkhulu okhetha abaweli!
70.Nisize uma kuhambe umuntu, nimenzele imbali ukuba angabhajwa eparatomi. Lenkonzo niyenze emva kwezinsuku eziyisikhombisa, ukuba beze abahlangabezi, bamfune uma edukile oyisihambi! Thandani izwe elizayo!
71.Abaningi baminziswa yilesi siziba abasuke bezihlamba kuso, siyimpilo yokuqala oyithola usunyukela ezintabeni zokwenama, kwaMsindisi uyinala kwabamkhonza ngeqiniso!
72.Maningi amazulu, ziningi nezihogo. Kodwa nina ninenhlanhla yokuyalelwa indlela yokuya ezulwini likaJehova niselapha emhlabeni. Lelizulu uJehova okulo alifani namanye amazulu, liyakhanya, amanye amazulu amnyama, ayavuza, anendlala, anayo yonke inhlobo yokuhlupheka!”
73.Isihlabelelo 222 verse 6
6 Nkosi akusiko okwami ukulandela
Wangidonsa wena Baba
Ngezibopho zothando
Nanamhla makubenjalo,
Ungithande wena.
74.Wathini uShembe? Sihlangene ngalokho bantwana baseKuphakameni, noma kuthiwa ungumuntu onjani onjani, kodwa uma uzwa lokhu kukhuluma koMprofethi kuyavuleka engqondweni, kukhanye ukuthi ngampela sake sehla isimangaliso bantwana baseKuphakameni.
75.Kwake kwehla umuntu wasesulwini wazohlala nabantu, kwake kwehla umuntu wasesulwini wazozehlisa kubantu, wayeseba nomona omubi wayesekulahla konke lokhu ukukhuluma, wase ekuthatha konke ekufaka phansi kwetshe esekufihla bantwana baseKuphakameni, kodwa ngoba sithandiwe yizulu, uNkulunkulu usikhethile sayisizwe sezimiso zakhe, sayisizwe esibatshazwa ngokuhlakanipha.
76.Kuthe sekuchithekile konke bantwana baseKuphakameni lase likuqoqa izwi lezulu lakubuyisa kuthina. Namuhlanje bantwana baseKuphakameni umsebenzi osihlalele ukukugcina nokukhuluma ukuze kungapheli.
77.Sihlalelwe yilokho bantwana bokukholwa, sihlalelwe yilokho zihlobo zeNkosi. Kubalulekile lokho ukuthi singalilahli lelizwi, singalidedeli lelizwi liphinde lisilahlekele bantwana bokukholwa ngoba singasengozini.
78.Ngiyaye ngikhulume uma sixoxa nabagcotshwa eGoli ngithi uma sesikwenze konke bantwana baseKuphakameni ukwemukela i-cabinet eyehla bantwana baseKuphakameni, ngoba kwehla izulu leza phakathi kwethu, siyothi uma sesikwenze konke siyobe sesigijima sigqoke lamasaka sigijima siyibandla lonke, sifike siguqe phambu kwesihlalo sobukhosi sithi ‘Nkosi namuhlanje size phambi kwakho, sesibonile baba ukuthi njalo uma ulethe izinto zakho emhlabeni ziyachithwa.
79.Namhlanje Nkosi ngalomnikelo esize nawo phambi kwakho, siyacela Nkosi wehlise izingilosi zakho zonke zezulu nezisekelo zonke uzosekela lomsebenzi Nkosi ungaphinde uchitheke ingunaphakade.’ Siyosho njalo bantwana baseKuphakameni, sinawo amandla okukwenza lokho uma siyibandla likaJehova, ngoba sesibonile ukuthi uma sikhala kuJehova uyasizwa and siwutshenile umhlaba ukuthi yini imfihlo yethu, izimiso zikaJehova kuphela, akusona isimangaliso, ukubuyela ezimisweni zikaJehova bese kuthi uma ukhala bese ethi uJehona ‘ngilapha!’
80.Siyoguqa bantwana baseKuphakameni sonke sisho njalo sithi Nkosi uphinde wayehlisa Baba i-cabinet yakho wayiletha phakathi kwethu, siyacela Nkosi usisekele Nkosi amacala omane kungasiphindi Nkosi okwasiphinda ukuthi uma umprofethi edlula bese kuthathwa izimangaliso zodwa, sekushiwa imfundiso, kungasiphindi Nkosi okwathi mhla uYeshua ehamba emhlabeni kwase kuthathwa izimangaliso zodwa kwashiwa imfundiso, namuhlanje Nkosi sithatha imfundiso nezimangaliso zakhona.
81.Sizokuthatha konke bantwana baseKuphakameni, izulu lisibonise ngayo yonke indlela ukuthi liphakathi kwethu. Alizange lazifihla bantwana bokukholwa, lafika kukhona izifo lafika lazichitha, lafika kukhona ukuhlupheka lafike lakuchitha, lafika kukhona lokhuyana lafike lakuchitha.
82. Liziveza bantwana baseKuphakameni ubukhona balo phakathi kwethu, sazi izinto zasezulwini sisemhlabeni. Kungakho ngithi ‘Baba wangidonsa wena ngezibopho zothando, ngithi nanamuhla Nkosi makube njalo ungithande wena, lungagqwali Nkosi, lungaphuphi uthando ongithanda ngalo, noma nginezinyawo Nkosi ezinothuli lwasezweni kodwa uma sengiphambu kwakho Nkosi unensipho wena.’
83.Sigijima njalo size lapha bantwana baseKuphakameni ngoba lapha bantwana bokukholwa yilapho i-cabinet yezulu eyehlela khona, njalo uma sifika lapha sisuke sizothuntutha, siqala phansi bantwana baseKuphakameni, sigijima siya emazweni lapho uNkulunkulu asithuma khona sesiphethe iphunga lasekhaya, iphunga le cabinet.
84.Kungezwakali eGoli sengishumayela okunye, sengichaza izinto engingazazi, ezingekho, ngikhuza abantu abahamba beqoqa izintshumayelo ku Facebook, bethathe bezobuza kuthina noMvangeli ethempeleni bethi manje sizwe lapha leyantshumayelo ithi…..
85.Ngiyabuza sinoMvangeli ukuthi ubeyishumayele nini uBaba lentshumayelo? Noma uMfundisikazi ubeyishumayele kuliphi iSabatha? Cha hhay ngiyithole nje, ngiyithole nje…. Sathi nakho ke, yaqala inkathazo.
86.Senihambe nicosha nje nesweleni ngoba izulu lehlile liphakathi kwenu? Senihambe nicosha manje kubantu abangenaNkulunkulu, bazonitshenani abantu abangenaNkulunkulu ekubeni nihlezi noNkulunkulu? Kanti abacoshi beyofunda ngoNkulunkulu wenu? Sikugade lokho ngoba baningi othisha, ngisho ku Tiktok bayafundisa, bavule ama page amakhulu, bakhetha abakuthandayo, bakhethe abakuthandayo, bakhethe abakuthandayo!
87.Sokuqaphele bantwana baseKuphakameni, silibambisile lelizwi. Ngaphambi kokuba sihambe sihogela kodwa silibambisise lelizwi ngoba njengamanjena umhlaba wonke uNkulunkulu ukhethe thina, singamazibulo namahlanje endabeni kaNkulunkulu.
88.Zonke izizwe, bonke abantu bomhlaba uma befuna indaba kaNkulunkulu bayoza kithi and akuzange kwafihlwa lokho, kwehla izulu laziveza phakathi kwethu, wathi oMubi ebashaya ngokufa lasithatha izulu lasigodla ekhwapheni, lathi nina ngeke nife nina ngoba seninophawu lwasezweni.
89.Alizange lakwenza ekusithakaleni, alizange lakwenza emfihlakalweni, lakwenza kimi ngihlezi nabantu e-office emsebenzini, sashaya isifo ngapha, sashaya isifo ngapha ngalokhu ngithule nje ngithi ihee senginalo uphawu ngiluthengile uphawu lwasezweni.
90.Sizothini bantwana baseKuphakameni? Alizange izulu lazifihla kodwa livele obala bantwana baseKuphakameni, laphumela obala, lashinga lalwa, lasilwela lama ngaphambili ezitheni zethu lama ngemuva ezitheni zethu, saphakathi komhlane nembeleko.
91.Sesweleni bantwana bokukholwa? Sesweleni? Ngihlala ngiyixoxa indaba yami, ngihlala ngiyixoxa futhi ngiyoyixoxa ngiyoze ngiguge, noma sengidodolozela bengidonse ngesikhumba bengibeke laphana, ngiyovuka ngisho ngithi bantwana baseKuphakameni ngake ngambona uJehova ehla ezulwini ngingelutho bantwana bokukholwa, wazongisikelela.
92.Kwathi abantu bephuma bechithwa yinkampane, izinkulungwane nezigidi, lama izulu, kwama inkazimulo, yama phezu kwami, bahlangana abantu kuze kube namhlanjena uma ngihlangana nabantu bathi siyamesaba uNkulunkulu wakho. Bathi kanjani?
93.Ngithi kanjalo nje. Sihamba noNkulunkulu bantwana bokukholwa ongazange wazifihla. Angazi yini elukhuni bantwana bokukholwa kithi ukuthi si-advertise uNkulunkulu okhona, singaze sedlulwe ngabantu abathatha into engekho bathi ikhona, thina sehlulwe uku-advertise into ekhona ukuthi ikhona ngempela? Kungasehlula kanjani lokho?
94.I-marketing asiyazi, kodwa lena ilula, isobala. Angizange ngayifunda I-marketing, kodwa uyabona kulena ngeke ungithinte ngoba angicabangi, angijuli, angihlakaniphi kodwa ngikhuluma ukuthi ngathi mhla kuqashwa kulomsebenzi…
95.Hau bantwana baseKuphakameni namhla ngiqashwa ngihlala ngiyixoxa indaba yami ukuthi ngangifake I-CV yami embengeni. Ngaqashwa mina ngokuhamba ngiyohlala kwe parnel ye interview ngithi angazi, ngithi angazi, ngithi angazi, ngithi angazi, ngathi uma sengisukuma ngathi ngiyaxolisa ukunichithela iskhathi ngoba lento beningibuze yona yi mechanical, angazi lutho nge mechanical njengoba ningibuza nje.
96.Angikawukhohlwa umbuzo namanje. Kwathiwa :give four element of cylinders.” ngaqalaza phezulu. Angikakhohlwa namanje, give four element of cylinders? Wawungathini wena? Ngathi angazi. Ngangingazi ngempela futhi kuze kube namhlanje angazi.
97.Yabuya intombazane ngapha eceleni yathi: what is hydraulics? Hou ngathi Shembe kanti kwenzenjani? Namuhla kuzobukiswa ngami lapha! Ngathi angiyazi leyonto, ngiye ngizwe kukhulunywa ngama-oyela nani, nani, kodwa akuyona into engiyaziyo, ngithembe ukuthi kukhona ozayo ongcono. Yabuya intombazane ngapha eceleni yabuza yathi :how does hydraulics work? Ngathi hau Shembe kanti bengizelani lapha? Bengizelani lapha?
98.Ngangivele sengikhona lapha bantwana baseKuphakameni, ngase ngikhona lapha kodwa selishilo izwi lasezulwini ukuthi bonke abantu abangaqasheki abalethe ngoba ifikile imbenge yasezulwini ezofaka izitifiketi. Ngagijima, ngihlala ngiyixoxa lendaba, ngafaka. kodwa manje uma sengiku interview zajika izinto.
99.Ngithi Shembe kwenzenjani? Kanti bengiyaphi? Iheee kanti ngenziwa ukuba umuntu, ngenziwa ukuba umuntu. Ngibuka imibuzo yasemhlabeni, kanti usephendulile owasezulwini.
100.Ngathi sengiphuma ngingasemyango sengibambe i-handle ngiyivula, yathi intombazane: ‘sorry bhuti’, ngajika ngabheka emuva. Ngilula ngisho emzimbeni, angilizwa noma igazi lisekhona noma alisekho, kade ngilokhu ngithi angazi, angazi kwaze kwafika lapha okugcinwa khona, kwacaca ukuthi angazi ngempela nje and angiyena umuntu wokuqashwa and ngangibuzwa kakhulu ngezinto ezingekho lapha, esingazazi.
101.Yathi intombazane ‘sorry bhuti.’ Ngithi nkosi yami isifuna ukuthini? Yathi kukhona into esiyithandayo kuwena, you are honest. Honest? Cha bengingazi ngempela. Yathi intombazane uhambe kahle bhuti, siyabonga you are honest, ungumuntu othembekile. Hau ngaphuma ngahamba ngilula, lento ayishoyo ayibange isasho lutho kimina, ngahamba ngilula.
103.Ngangenza interview laphana e-Clairwood ngahamba ngaya ezitimeleni ngashona kwaMashu, ngidumele. Angazi! Kwake kwashiwa kanjalo ku interview? Imibuzo ize ibengu 4-5? Angazi, ey angazi impela, angazi.
104.Yathi ithi… ngathi cha angazi impela. Kuthiwe cha kuyenzeka ngathi ay, ay awukho omunye umbuzo? Kwathiwa u petrol uhlala kuphi emabhanoyini uma ucabanga?
105.Ngathi weee ngiye ngibone izinjini zingapha ngasemaphikweni ngathi mhlampe ungapha ngasemaphikweni khona ngapho, ngasho njalo. Ngangifuna ukuba honest impela ke lapho ngathi ngibone izinjini zingapha ngathi mhlampe nawo u somewhere ngapho ngakumaphiko.
106.Bathi no kuphi ngathi lutho impela ke angazi. Ngathi angazi ke impela uma uthi kuphi nendawo ngoba nalo akaze ngilibone eduze, inkinga nje ke lelibhanoyi ongibuza ngalo akaze sihlangane eduze. Hau badumala bonke ke, ngabona amandiya ebheka phansi ebhala kodwa uma sengiphuma emnyango bathi ‘uxolo bhuti you are honest.’
107.Ngase ngiyahamba bantwana baseKuphakameni ngayoshona kwaMashu. Uma ngifika kwaMashu ngahlala izinsukwana lwase lungena ucingo lwathi hamba uyokwenza ama medicals lapha eSiphingo ngoba engathi wena uyaqasheka.
108.Ngagijima ngaya kuma medicals, uma ngibuya lapho… Ohh ngiyayeqa, lwangena ngisethempeleni, sasilaphana eMbonisweni, kwakuyiSabatha kungena ucingo, ngiyothatha umnikelo ngaphandle, lwangena ucingo ngiya esikhwameni ngiyothatha umnikelo. I-call yangena ngeSabatha, yathi uma ingena call kwathiwa Mr Ntuli ungeza e Johannesburg ngoba wenze kahle kakhulu ku interview, ungomunye wabaphumelele interview.
109.Ngagijima ngaya ethempeli ngababaza. Kuyonikelwa nje mina ngiduma ikhanda. Ngithi ngenze kahle? Ngithi kuphi sisi? Kwathiwa hhay khona lapho impela wenze kahle kakhulu, ungabe usahlupheka, ungabe usaphatha kwampahla zokulala, ungabe usaphatha lutho, woza, indawo yokulala isilungisiwe!
110.Ey bantwana bokukholwa akaze azifihle uNkulunkulu wethu. Akazange azifihle uNkulunkulu wethu, kungakho namhlanje ngithi nanamuhla Nkosi ungithande wena ngoba wangidonsa wena Baba ngezibopho zothando.
111.Indaba yokudonseka kwethu bantwana baseKuphakameni inde ngeke siyikhulume yonke. Sengiyababaza kodwa isihloko sokukhuluma kwethu besithi wathini uMprofethi, wathini uShembe kubantu?
112.Bantwana baseKuphakameni ngizodlula ngigijima ngibheka laphayana ukuthi konje njengoba sihlangene lapha bantwana bokukholwa sihlangene ngomkhosi wokuzombatha izingubo zokusebenzela uNkulunkulu, izingubo zokuthunywa bantwana baseKuphakameni.
113.Abavangeli sebezifakile ezabo, abafundisi abanye ozakwethu sebezifakile ezabo, siyabonga kakhulu kuNkulunkulu kodwa ngifuna sikhumbuzane bantwana bokukholwa ukuthi lokhu kwalapha eKuphakameni akufani nakwamanye amabandla.
114.Asinazo izikhundla lapha, kuyagijinywa lapha, kuyagijinywa bantwana baseKuphakameni, kuyagijinywa, kuyagijinywa noma kukhona noma kungekho okudlile noma kukhona okudlile kodwa akungabikho into ekuvimbayo ukuthi usebenzele uNkulunkulu, ngoba sekuze kwakhishwa ingubo kwathiwa sebenza.
115.Emsebenzini ke siye sinikwe ama PPE. Uma ufika kuthiwa nansi I-PPE, uvele uzibonele wena ukuthi kuyashaya ke la. Uma ubona unikwa ama gumboots ubone ukuthi hau ziyabuya lapha.
116.Bantwana baseKuphakameni uma sesinjalo ke sesingabantu ekumele begijime, begijime bengakhathali bantwana baseKuphakameni, sidiploy(iwe). Uma sidiploy(iwe) kumele sigijime siyongena laphana esi diploy(we) khona sisebenze bantwana baseKuphakameni ngoba ikhona ingozi yokuthi uma ngabe uzikhumbula ungakathunywa bese ucabanga ukuthi noma usuthunyiwe usenjalo. Awusenjalo! Awusenjalo!
118.Bakhona abantu abaye bethi hhay mina kangithintwa mina, kangithintwa mina. Uma uke wangithinta mina angiphinde ngibhekana nawe, angiphinde ngikhulume nawe mina. Wangithinta… angithintwa mina nabangakithi bayangazi, kodwa uma usunikwe lomsebenzi uyathintwa!
119.Usuyathintwa ke manje. Uma usunikwe lomsebenzi usune duty yokuthi manje usuyathinteka ngoba uNkulunkulu usekuthathile wabuka izimvu zakhe azithandayo wase ebheka ukuthi ngubani ongangigadela zona, wase ekuthatha wathi usunguMshumayeli lapha, usunguMvangeli lapha, usunguMfundisi lapha.
120.Konke lokho uNkulunkulu akakwenzanga ngoba ethanda wena, kodwa ubethanda izimvu zakhe. Ngoba iye ithande ukuphambana lapho bantwana bokukholwa bese uthi eGoli uNkulunkulu ubengakhetha bani, phela yimina o….. Hhayi uNkulunkulu ukhethe ngoba ethanda izimvu zakhe. Uma efika laphana eMkhumbiniwezulu uyofika abheke izimvu, umelusi yinto yokugcina.
121.Sithunywe bantwana baseKuphakameni, besingathintwa, sesiyathintwa namuhla, uma besingasukelwa sesiyasukelwa namhlanje, uma besizicabanga thina kuqala….
122.Bakhona abantu abazicabanga bona nje okuthi uma ngabe kuthiwa kuyahanjwa azicabange yena kuqala ukuthi konje ukuthi kwami kukhona na? Ethi konje itende lami, ukuthi kwami, ukudla kwami… Namuhlanje uma usunikwe abantu ungowokugcina to be sorted.
123.I-seat yokugcina emontweni kuzoba ngeyakho, Uzo-check… mama kuyahambeka? Nkosi yami ngiyathanda kodwa kushoda lapha, hau uyathanda? Yebo kushoda lapha. Wazi izinkinga zabantu ukuthi yini ebabambile.
124.Unganqabashiyi njengehhashi kodwa unomsebenzi, unganqabashiyi njengehhashi, ushiye ibandla emuva, lokhu sibona ufika wedwa, lokhu ufika wedwa, hau kanti kwenzenjani? Ziphi izimvu? Uzokhathazeka umnikazi wensimu, uzokhathazeka kakhulu ethi hau kwenzenjani?
125.Nanti idibha livuliwe lapha uJuly, izimvu ziyafuneka zizongena ediphini, abaholi bazoqhuthe amakhizane, bazilungise, bazicwale, bazihlole abaholi ukuthi ziseyiyona yini? Azikho izimvu, igijimile indoda yodwa ngoba yona inezinto zayo. Angifuni mina ukuthi… abantu bayahlupha.
126.Usho njalo umuntu egcotshiwe ethi abantu bayahlupha, kuhlupha bani? Abayingcwele bayahlupha? Asifunde incwadi ka Hezekiel 34:3-4.
127. (3). “Niyadla amanoni, nembatha uboya, nihlaba ezikhulupheleyo kepha izimvu anizalusi. Ezibuthakathaka aniziqinisanga, negulayo aniyiphilisanga, neyaphukileyo aniyibophanga, nexoshiweyo aniyibuyisanga, nelahlekileyo aniyifumananga, kepha nizibusile ngamandla alukhuni” Amein.
128.Nizibusile ngamandla alukhuni. Ingcindezi nendlakadla, akusazeki esontweni, nanti ijoka phezu kwamahlombe, nansi ingcindezi, kunzima. Abantu abasanalo uthando lokuthi uma siza phambi kukaNkulunkulu, ngenxa yesandla esiqinile, bathi uma befika abantu bethi hau nkosi yami kwenzenjani? Ibhulukwe lakho elimnyama ulikhohliwe?
129.Yebo ngilikhohliwe. Omunye ethi anginalo. Uthi hau kulungile, ngena, ngena mfowethu, ngena uNkulunkulu uyokupha ibhulukwe elimnyama.
130.Uma umuntu efika lapha wena uyamhlehlehlisa uthi ngicela ume lapho wena webhulukwe likabhonsonso mana lapho. Ame umuntu ame yedwa laphana ngaphandle abukwe ngabantu bonke ukuthi manjena usengumbukiso wokuthi uyahlupheka, akakwazi ukuthenga ibhulukwe. Ezibuthakathaka anizibophanga nezilahlekile anizifunanga,navele nje nahamba nabahambayo.
131.Yasho njalo enye insizwa ezweni lakithi, ngihlala ngiyixoxa lendaba. Yathi ‘uma uhlubuka thina sikushaya ngebheshu thina sihambe siye phambili silandela uShembe thina, sikushaya ngebheshu!’ Yasho njalo lensizwa ngoba kuhamba kahle, izingane zayo zikhona esontweni, bonke bekhona esontweni.
132.Ngelinye ilanga kanti ulalele oMubi ukuthi kanti ubashaya ngebheshu abahlubukayo, awubafuni kanti unguMshumayeli. Yathi uma…. wase engena uSathane endlini yayo, wase engena uSathane endlini yayo. Yangena otshwaleni ingane, yangena yagxila yathi shi.
133.Yaphuza yadlula bonke abantu endaweni. Kwathiwa phela akayishaye ngebheshu, wakhala isimaye maye. “Ningithandaziseni makholwa laphana ekhaya…” hau shaya ngebheshu! Engani wena abawayo ubashaya ngebheshu, uhamba nabahambayo. Kwakusho uMshumayeli ezweni lakithi lena eShowe.
134.Ezibuthakathaka anizange nizinake, navele nazishaya ngebheshu. Yaphuza ingane yakhe, yaphuza, yaphuza yaze yabulawa utshwala. Ayisekho emhlabeni, ibulawe utshwala.
135.Sekulukhuni ukuyishaya ngebheshu ngoba ngeyakhe, akazange ethi uma ebamba lelibandla wase egona zonke izingane ezilapha esontweni zangezakhe, wagona omama bakhona, wagona izinsizwa zakhona, wagona obaba bakhona, cha waba nguMshumayeli othi yena ushaya abantu ngebheshu uma behlubuka, akababheki abasele emuva, uhamba nabahambayo.
136.Mhla uSathane engena endlini yakhe wakhalisa okwesikhova. Uye esho njalo uMfundisikazi. Wakhalisa okwesikhova mhla uSathane esengena endlini yakhe.
137.Bantwana baseKuphakameni, ngicela ukubuyisela esihlalweni sasezulwini.
138. INkosi ibusise esikuzwile