Sesikushilo konke lokho, kodwa asikho isithunywa sasezulwini esake sacacisa ngohambo lwethu ekufeni ngaphezu koMprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye)!
Kubo bonke abaprofethi bakwa-Israel, kuhlanganisa noYeshua, munye uMprofethi osenze sazi indlela esizoyithatha ekufeni.
1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko salenkonzo sithi: “UBUNZIMA BEMPILO KWELIZAYO.”
2.ENcwadini kaJohane 5:28-29, uYeshua wakhuluma la mazwi: “Ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza lapho bonke abasemathuneni bayokulizwa izwi layo, abenze okulungileyo baphumele ekuvukeni kokuphila; abenze okubi ekuvukeni kokulahlwa.” Amein!
3.Sijwayele ukugcizelela ukuthi nguYeshua owafundisa ukuthi ekufeni abangcwele baya embusweni wezulu, abanye baya ekulahlweni!
4.Miningi imibuso emkhathini, kodwa thina lapha sikhuluma ngombuso wezulu.
5.Kwelizayo asihlali ngobuhlobo njengokucabanga kwabaningi, kodwa sihlala ngokwemisebenzi yethu siselapha emhlabeni!
6.Ekwedluleni kwethu emhlabeni, siyaye siye lapho kade sisebenzela khona sisesemhlabeni.
7.Ngisesemhlabeni impilo yami yonke bengiyisisebenzi sikaJehova! Ekufeni kwami nguJehova oyonquma ukuthi ungibekaphi, kuye ngendlela engokwahlulelwa ngayo!
8.UMahluleli uyonquma noma bengingumuntu ofanele ukungena embusweni wezulu, noma kumele ngivukele ekulahlweni!
9.Kodwa uma ubuzikholelwa kwabanye onkulunkulu, ekufeni kwakho uyoya kulabo nkulunkulu! Asazi-ke ukuthi kwabanye onkulunkulu umuntu wehlulelwa kanjani?
10.Sijwayele ukuchaza ukuthi akuzange kuthi ngokuba khona kukaNkulunkulu emhlabeni, wabe esechaza konke, okunye wakushiyela isikhathi esizayo!
11.Ngesikhathi sikaMose uNkulunkulu akakhulumanga lutho ngombuso wezulu, nanokwahlulelwa komphefumulo womuntu osefile.
12.Inkulumo enjalo siqala ukuyizwa kuMathewu 5:19, lapho uYeshua ethi: “Ngakho-ke oweqa owodwa kulemiyalelo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa ngomncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu!”
13.Sesikushilo konke lokho, kodwa asikho isithunywa sasezulwini esake sacacisa ngohambo lwethu ekufeni ngaphezu koMprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye)!
14.Kubo bonke abaprofethi bakwa-Israel, kuhlanganisa noYeshua, munye uMprofethi osenze sazi indlela esizoyithatha ekufeni.
15. Ngiyafisa namuhla ukuchazela umhlaba ukuthi thina maNazaretha uShembe wasicacisela kahle uhambo lwethu lokuya kwelizayo. Ngakho-ke asinankinga neze ukuthi ekufeni kwethu imiphefumulo yethu izoyaphi!
16.Kwenye yezintshumayelo zakhe uMprofethi wakhuluma kanje:
17.“Nginifisela nonke maNazaretha ukuthi ningabe nisona, ningabe nisawuphula umthetho kaJehova, lo ebengininika wona kusukela nginibhabhadisile!”
18.Njengoba nakulelibandla sihlale senza, uShembe uqinisa ukuthi ubuNazaretha kubuswa ngumthetho kaJehova esawufundiswa nguye uShembe!
19.Uyaqhubeka uShembe uthi: “Ningabe nisavuma ukudidiswa, lapho enginibizela khona bantwana bami kuhle kakhulu, uma ngase uye khona ngeke usavuma ukubuya.”
20.Ngelinye ilanga uShembe exoxela amaNazaretha ngobuhle bezulu, uthi: “Bantabami, uma ngingase ngikuthathe ngikuse ezulwini, bese ngikubuyisa, bese ngithi ukuze ubuyele ezulwini thatha ummese uzinqume intamo, angenke ungabaze ukukwenza lokho ukuze ubuyele ezulwini!”
21.Ingelosi yakufakaza lokhu, yathi lobu buhle owayenitshela ngakho uBabamkhulu, kunjalo, akukho ubuhle lapha emhlabeni ongakuqhathanisa nobuhle bezulu!
22.Uyaqhubeka uBabamkhulu uthi: “Anotshela iNkosi uma isifikile ukuthi ngathi ize ingalibali ukuhlukanisa izindlela lapha esiya khona, noma kugcotshwa abafundisi nibafundise lokho.”
23.UBabamkhulu wagcizelela ukuthi noma engasekho yena, kodwa uma lelibandla seliholwa yiNkosi iLanga, siyitshele ukuthi wathini uBabamkhulu ngohambo lwasezulwini!
24.Emva kwalokho uBabamkhulu wabe eseprofetha ngokuhlubuka okohambe kuhambe kwenzeke kulelibandla lamaNazaretha, mhlawumbe sekuyenzeka nje!
25.Uthi-ke, kuzohamba kuhambe amaNazaretha amhlubuke uJehova, bese ezakhela onkulunkulu namazulu awo!
26.Nanka amazwi eNkosi: “Kuza isikhathi lapho abantu baseKuphakameni bayoyilahla khona indlela kaShembe, lapho bayobe sebenza imicabango yabo kunezwi esibayala ngalo thina boShembe.
27.Ngaleyo nkathi bayobe bengasali khathalele izwe laphakade, bayobe sebethembe amazulu amaningi, nangekho!
28.Ngalezo zinsuku bayodebesela ukugcina umthetho kaJehova, lo OKUTHIWE ANGIWUVUSELELE. Bayowugxoba, bawuzibe, kuphase imithetho yabo nemithetho yezithixo zabo abayozibuyisa bazifake la.” Amein!
29.Asazi-ke noma isiprofetho sikaBabamkhulu safezeka yini, asekuhambe kwahamba sawudebesela yini umthetho kaJehova USHEMBE OWATHUNYWA UKUBA AWUVUSELELE?
30.Asazi noma sesifikile yini leso sikhathi, lapho singasali khathalele izwe laphakade, kodwa sesithembe amazulu amaningi, nangekho, njengokwenza kwabantwana bakwa-Israel abakhonza isithombe behamba noNkulunkulu!
31.Angenke ukholwe ukuthi abantu abaphile emakhanda babengenza into enje!
32.Kodwa bayenza, nanamuhla abantu bayasikhonza isithixo bethi singuNkulunkulu; isenzo esinjalo siyatholakala ezinkolweni nasema bandleni amaningi emhlabeni!
33.Uyaqhubeka umprofethi uthi: “Phelelani kuJehova, ngoba uyabathanda abamthandayo, ubalungisele indawo phambi kwesihlalo sakhe sobukhosi,
34.Ubenzela ukungalambi nokungomi, abaphe umusa wakhe. Nabo bahlala bemdumisa ngezigubhu nokusina, behlabelela ngenjabulo.”
35.Kule ntshumayelo uShembe uyasichazela ukuthi abantu okuthe besemhlabeni bakholwa ngokweqiniso, nakwelizayo uNkulunkulu uhlale ebanakekela!
36.Uma ufuna ukwazi ukuthi uNkulunkulu umnakekela kanjani umuntu wakhe, ubofunda indaba yohambo lwabantwana bakwa-Israel besuka eGibhithe beze befike eKhenani.
37.Ubuke ukuthi uJehova walwa kanjani noFaro elwela isizwe sake, nokuthi wabanakekela kanjani uJehova abantwana bakhe iminyaka engamashumi amane.
38.Ubale izimpi uJehova owazilwa wazinqoba elwela abantwana bakwa-Israel!
39.Uyaqhubeka uMprofethi uthi: “UThokozwayo wenama ngabo, ukwenama koMsindisi kuhlala nabo phakade, abasenakho ukufa.
40.Umthetho kaJehova uyisihlengo somphefumulo, bantabami; hhayi noma imuphi umthetho, kuphela lo inceku yakhe eninika wona.
41.Uyindlela yokuhamba eya lapho kungekho khona ubumnyama nenzondo, nendlala namakhaza, kuphela inkazimulo engenakufiphala.” Amein!
42.Uyaye ungazi ukuthi ungenza kanjani ukuthi abantu baqonde ukuthi inkolo kaJehova iwukugcina UMTHETHO KAJEHOVA NJENGOBA WAWULETHA KITHI NGOMOSE!
43.Ayikho futhi indlela enqamulelayo! Uma ungahambi ngokwezimiso zikaJehova, ubokwazi ukuthi phambili usahlalelwe ukulahlwa!
44.Ngiyaye ngicabange ukuthi kwenziwa
ukungazi! Njengoba sihlale sigcizelela, ayikho into emnandi njengokuhamba noNkulunkulu!
45.Thina sihamba nengelosi, lokho kusenze sazi ukuthi ayikho into enhle nemnandi njengombuso wezulu! Ayikho enye into eligugu engaba ngaphezu kokuba sembusweni wezulu!
46.Uthi-ke uShembe, “Nxa usuya kulelo zwe, uyodlula emahlane nakumahlathi esabekayo, anezelelesi nabaphangi, nabahuhi abahuhayo, abandisa imibuso yabo yokulahlwa!
47.Kwabanye iyaphela iminyaka engamashumi amathathu behluleka ukuphuma kulamahlathi, ngoba balidelela izwi likaThixo; namanje basese bumnyameni!” Amein!
48.Kulapho-ke lolu hambo lufike lube nzima kakhulu khona, nongekho uMprofethi owake waluchaza okwedlula uMprofethi u-Isaya Shembe.
49.Lencazelo kaShembe ngokufa isinika isithombe esinzima, ukuthi kuzoke kuthi usufile, uduke, ungene ehlathini oyoguduza khona iminyaka engaphezu kwengamashumi amathathu uhamba wedwa, uhlala wedwa ehlathini!
50.Ungadli lutho, ungaphuzi lutho! Kuleli hlathi uzithole uhlale ubaleka iminyaka edlule kwengu 30, uhlale uvika izilwane uwedwa emahlathini!
51.Ngike ngezwa enye intombazane ithi yathi ithi iyochama ebusuku, yezwa imenyezwa ngumngani wayo osewashona.
52.Ithi ithe isamangele ukuthi ngabe ngubani lo oyibiza ngaleli gama, wavele lo mufi wavela kuyo!
53.Ithi-ke lo ntombazane wayegcwele igazi nemivimbo umzimba wonke, izinwele zimahlikilili, kubonakala ukuthi into engukukama akasayazi, ondile, kubonakala ukuthi usosizini olukhulu.!
54.Wacela lo mufi ukuthi akamyele kubazali bakhe, ebatshele ukuthi uyahlupheka kakhulu kulokhu kushawa okungedluli.
55.Le ndaba yangizwisa ubuhlungu, ngoba ngiyayazi ukuthi iliqiniso!
56.Kodwa lo mufi akashongo ukuthi wayeshawa kanjena nje wayenasono sini esesemhlabeni, nokuthi abazali bakhe babezomkhipha kanjani kulolu sizi.
57.Ithi- ke le ntombazane ayikaze iye lapho yathunywa khona yilo mngani wayo ongasekho!
58.Uma le ntombazane ilalele, iboza kithi, ngamandla kaNkulunkulu waseKuphakameni, ingamsiza lo mngani wayo imkhiphe kulolu sizi!
59.Uthi-ke uBabamkhulu: “Uma usudlulile kula mahlathi, uyophumela kwankanankana, kwasikhova sikhala emini, ezintabeni zakwalambathwayo, kwamthimunye, kwasikhomakhoma!
60.Bantabami kuleyo ndawo lihlala licwathile, libalele, abaningi akudluleki esikhomakhomeni.
61.Leli lizwi elishunyayelwayo lapha eKuphakameni, liyinkemba eyokusiza ekuphungeni abahlaseli bakho; futhi liyoba umphako kula mahlane osizi oyohamba kuwo!
62.Uyothi sewedlule kuleyo ndawo, uyofica isiziba, ngaphambili uyofica iParatomi. Uyobe sewuliwelile iHuze umfula omkhulu okhetha abaweli!
63.Nisize uma kuhambe umuntu, nimenzele imbali ukuba angabhajwa eParatomi.
64.Le nkonzo niyenze emva kwezinsuku eziyisikhombisa, ukuba beze abahlangabezi, bamfune uma edukile oyisihambi! Thandani izwe elizayo!
65.Abaningi baminziswa yilesi siziba abasuke bezihlamba kuso, siyimpilo yokuqala oyithola usunyukela ezintabeni zokwenama, kwaMsindisi uyinala kwabamkhonza ngeqiniso!
66.Maningi amazulu, ziningi nezihogo. Kodwa nina ninenhlanhla yokuyalelwa indlela yokuya ezulwini likaJehova niselapha emhlabeni.
67.Leli zulu uJehova okulo alifani namanye amazulu, liyakhanya, amanye amazulu amnyama, ayavuza, anendlala, anayo yonke inhlobo yokuhlupheka!”
68.“AbaseKuphakameni bangaba ngcwele, ngokuba bahlezi nongcwele, ebungcweleni bakhe.
69.Kanjalo abaphandle komuzi weNkosi enkulu, yibo abafuna okwabaphilayo; ngenxa yosizi abakulo, ngenxa yokungabi nandawo.
70.Akukho okunye eningabasiza ngakho nina zizukulwane zabo, ngaphandle kokucela ukuba bahlanzwe, bathethelelwe, bangeniswe emzini oyingcwele.” Amein!
71.Ngike ngezwa omunye umfundisi wakithi ekhuluma indaba eyisimanga. Uthi umfundisi uthe elele, wabona umthakathi owaziwayo endaweni.
72.Bekungumhlangano lo esiphuma kuwo kaJulayi. Uthi-ke: “Ngabona umthakathi lapha ezansi. Lo mthakathi engimbonayo usefile.
73.Ngimbona egqoke iphinifa lakhe, ubheke kwakhe. Ngithe uma ngimbona ngashawa uvalo maqede ngaphindela emuva ekhaya.
74.Ngithe uma ngikhuphuka wavele wangilandela. Wangena komunye umuzi, bamxosha lapho, wabe eseza lapha emzini wami, efika ehlala phansi. Ngase ngiphuma endlini, ngathi, “kwenze njani gogo?”
75.Ufika uyanuka phu iphunga engingakaze ngilizwe. Uthi: “Ngifuna indawo yokuhlala.” Bese ngicabanga ukuthi ngoba ubebheke kwakhe nje ufuna ukuhlala kuphi kanti?
76.Wabe esethi: “Mina ngiyahlupheka kade ngagcina ukugeza.” Ngazibuza ukuthi yini le enuka kanje, iphunga engingalazi!
77.Ngangithi ngikhuluma kuvele kuvuze kimi amathe ngenxa yephunga engingalazi obenuka ngalo lo gogo. Bese ngithi: “Ngenkathi wenza le misebenzi owawuyenza, wawungazi yini ukuthi uzokufa bese uba nje?”
78.Uthi ‘ngangazi ukuthi ngizokufa, kodwa mina ngangazi ukuthi uma umuntu esefile uyaphumula! Manje mina angiphumulile, ngangithi ngizophumula njengabantu bonke.”
79.Ngaphaphama kusenjalo ngikhuluma nalo mthakathi, kodwa osewafa!
79.Lesi simo sonke sisazodlula kuso, baningi abasazothi, kanti izulu likhona, kanti isihogo sikhona! Baningi abantu abazenza izazi uma beselapha emhlebeni; kanti ukuhlakanipha kuyaphela!
Nkosi ibusise izwi layo.
Le nkonzo iyatholakala ku YouTube othi : Rev Mpanza NCG.