Hosea 14 verse 1-3. “Buyela kuJehova uNkulunkulu wakho, Israyeli, ngokuba ukhubekile ngobubi bakho.
Thabathani amazwi, nibuyele kuJehova, nithi kuye: “Susa konke okubi, wamukele okuhle, sinikele ngemilomo yethu njengangezinkunzi.
I-Asiriya aliyikusisindisa, asisayikukhwela amahhashi, singasasho kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi ngonkulunkulu bethu, ngokuba intandane iphiwa umusa kuwe.”
Intshumayelo kaMfundisikazi Nomcebo Nxumalo Mpanza ngeSabatha ekuseni mhlaka 13 September 2024 eNqobizitha.
ISIHLABELELO 61.
uLuka 22:45-46
1 Mangingozeli Nkosi yami
Phakathi komsebenzi wakho,
Ngivuse ebuthongweni
Ngingangeni ekulingweni.
2 Washonjalo uJesu
Kubafundi bakhe,
Beninge linde kanye nami
Isikhathi esisodwa na.
3 Isikhathi sami sifikile
Sengiyanishiya lusapho,
Salani kanjalo
Sengiya kuBaba.
4 Uma ningalindi
Nihlala ngokwezela
Nizongena nonke ekulingweni
Lindani niqinise.
1.Ngiphinde ngibabingelele abangcwele, ngiyabonga bantwana baseKuphakameni, ngibonga ukuthunywa, engathi ungahamba kahle umsebenzi engithunywe wona phakathi kwamakholwa akholwe ukudlula mina. Isihloko sithi ‘laphahlaka iqanda.’
2.Ngithike bantwana baseKuphakameni uShembe wayeseluleka ukuthi singazeli phakathi komsebenzi wakhe, uthike uShembe uma ngabe sihlala ngokwezela sizongena sonke ekulingweni.
3.Ngalokhoke ukozela akukho emthethweni uma uzozela emsebenzini kaNkulunkulu. Wayesifundisa ukuthi uma usebenzela uNkulunkulu kufanele ungazeli ngoba kufanele ukuthi uqaphe ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu uhamba kahle yini.
4.Ngokozela uSathane uthola isikhala sokuthi azosilinga ngoba sesisukile lapho uMprofethi wethu asibeka khona.
5.Ngalowomazwi bantwana baseKuphakameni ngibona lamazwi ekhuluma ngezisebenzi zikaNkulunkulu azibeke ensimini yakhe, ukuthi uma ngabe ugcotshiwe kufanele uzazi ukuthi usebenzela uNkulunkulu, ngalokho akufuniki uNkulunkulu akuthole uzela emsebenzini wakhe, ungabe usaba nawo amehlo okuthi ubuke lapho okungahambi kahle khona nalapho okuphulwa khona umthetho ngoba uyalala.
6.Ngithike bantwana baseKuphakameni sibuthene ngendaba enkulu, esayinikezwa ngulowo ongumsunguli webandla lamaNazaretha, okunguyena owehla nenkolo emsulwa engasoleki ndawo yokuthi abantu ababuyele kuJehova, abantu baphindele kuMdali wabo basuke ezintweni ezingamagugu ayize aphelela lapha emhlabeni.
7.Ngithike bantwana baseKuphakameni sivame ukuthi uma sisemkhosini ka-14, incwadi esivame ukuyivula uMathewu 25, naye okhuluma ngokulinda.
8.Lapho bantwana baseKuphakameni okwaphuma khona izintombi zaba lishumi, zayolindela umyeni wazo, kodwa ekugcineni kwabonakala ukuthi azisilo ishumi zinhlanu.
9.Ngoba lithi ibhayibheli kwafika isikhathi bozela umyeni eselibele, bozela bonke balala, kodwa kwathi phakathi kobusuku lamemeza izwi, lathi umyeni usondele, phumani nimhlangabeze.
10.Zavuka zonke lezontombi zathabatha izibani zazo, kodwa lezi eziyisihlanu, zakhumbula lapho ukuthi amafutha awekho, zacela kulezi ezinye, lezi zathi hambani niyozithengela awenu, funa lawa angasineli thina nani.
11.Noma lezi zintombi sezihambile ziyofuna awazo, kodwa lithi ibhayibheli, zathi uma zibuya zathola umyeni esengenile ekudleni komushado, sekuvaliwe.
12.Zangqongqoza zicelwa ukuvulelwa kodwa zaphendulwa ilona ezazimlindile wathi anginazi, phindelani lapho enibuya khona, wathi ngiqinisile ngithi kini uma ngabe ningalindi….
13.Kusho ukuthike ukulinda kuyinto yokuqala ekukholweni, lindani ngoba anisazi isikhathi nomzuzu sokufika komyeni, bakhala bengesanakuvulelwa umuntu.
14.Nathike bangcwele njengoba silapha, lapha emhlabeni sisekulindeni, asikho khona ebuthongweni basebusuku, kodwa le ndaba ikhuluma ngomhlaba ukuthi lapha emhlabeni silindile, silindele umyeni oyofika ngosuku angasitshelanga ngalo.
15.Ngithike bantwana baseKuphakameni ngibuyela esihlokweni, uma ngithi laphahlaka iqanda, liphahlakela ngaphakathi komuntu, uma seliphahlakile….
16.Ngisho inkukhu uma selifele ngaphakathi iyayobayoba, uyibone ukuthi… iyazulazula inkukhu uyibone ukuthi ifelwe iqanda ngaphakathi, futhi ayikabe isaphila.
17.Ukukholwa bantwana baseKuphakameni ingelosi ikufanisa neqanda, ithike ingelosi lokhu kukholwa nikubambe, nikubambe nangamazinyo, nikubambe ngazo zombili ngoba kuyinto enjengeqanda, engathi uma iphunyuka iphahlake phansi ungakwazi ukuyibutha.
18.Ithi ingelosi uma ngabe umuntu esephahlakelwe ileliqanda, uthi lowo muntu uyashintsha ukwenza kwakhe, kuyashintsha kukho konke azeka ngakho, amangaze abantu abamaziyo, abantu kwabathe bayamubuka ukuthi ngabe nguye yini uzibanibani, kodwa abadukele phambi kwabo ngoba liphahlakile iqanda okwakufanele ukuthi alibambe ngazo zombili lingaphahlaki.
19.Ngithike bantwana baseKuphakameni sifundiswa ngokukholwa kwangempela.
20.Ithike ingelosi kufanele nazi ukuthi ekuphileni kwenu aniphili nodwa, umuntu nomuntu lapho akhona nesithunzi sakhe kukhona ukuphila, kukhona nokufa futhi eduze kwakhe, okuhambe naye okulindele usuku okubekwe ngalo ukuba kuwudle umphefumulo wakho.
21.Konke lokhu ithi ingelosi konke lokhu kwenzeka ngoba sonile phambi kwaJehova, siyephulile imithetho athi singayephuli, ngalokho sase sinikezwa ukufa ukuthi kube ingxenye yempilo yethu, lapho esisuke sihamba khona uma kuthanda ukusinqoba kusinqobe ngoba siyephulile imithetho esasingayigcina siphile kuze kube phakade sikhona kulelizwe.
22.Kodwa ngenxa yokweqa umthetho kaJehova, ngenxa yokunganaki abaprofethi abathunyelwe uNkulunkulu, sase sishaywa sishaywa nangesimo esesibhekene naso namuhla.
23.Kodwa ithike ingelosi uNkulunkulu akanakunidela uma kukuthi nina ngoba seniqoqwe kabusha, kodwa bese niyigcina lento nilibambe leliqanda lingaphahlaki, labaphahlakela abaningi.
24.Uma selikuphahlakele awulindi ukuthi inqola ikuchithe yona, uvele weqe uhamba ngoba liphahlakile iqanda ebeliphethe okuhle phakathi kwakho, ebeliwukukhanya kuwe ebeliyisisekelo sempilo yakho.
25.Kukho konke lokhu uNkulunkulu asesishaye ngakho, asike sizwe ukuthi uthini uNkulunkulu ekugcineni kwakho uma sibuyela kuye, kuzoba njani.
26.Kuhle bantwana baseKuphakameni ukukhumbula ukuba sazi ukuthi njengoba sila sizovuselela inkolo endala eyabahlula ababeyiphethe, abasala emajikeni abanye, namuhla izizukulwane zabo zihlasela uMprofethi kaNkulunkulu, zimethuke izizukulwane zabantu abaphahlakelwa amaqanda ababekade bewanikiwe ukuthi bewaphathe kahle.
27.Ake sifunde uHoseya 14, sifunde evesini lokuqala sigcine kwelesithathu sizwe ukuthi uJehova noma uNkulunkulu uyokwenzenjani.
28. Hosea 14 verse 1-3. “Buyela kuJehova uNkulunkulu wakho, Israyeli, ngokuba ukhubekile ngobubi bakho.
29. Thabathani amazwi, nibuyele kuJehova, nithi kuye: “Susa konke okubi, wamukele okuhle, sinikele ngemilomo yethu njengangezinkunzi.
30.I-Asiriya aliyikusisindisa, asisayikukhwela amahhashi, singasasho kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi ngonkulunkulu bethu, ngokuba intandane iphiwa umusa kuwe.” Amein.
31.Ilokho bangcwele esibuyiselelwe khona kuNkulunkulu, simenyiwe ukuthi asibuyele kuNkulunkulu, nalabo ababezikhandele onkulunkulu, bayakhuluma manje ngokuthi abasenakusho emsebenzini wezandla zabo ukuthi izinto zemisebenzi eyenziwe yibo, labo phisi bangonkulunkulu.
32.Ngoba sebethabatha izwi elithi ababuyele ekhaya, ababuyele kuNkulunkulu basuke kulabonkulunkulu ababakhande bona, babuyele kuNkulunkulu owabadala nowaba nabo ebugqilini, owabakhipha kubo, babuyele kubo.
33.Bathike abasenakuphinde basho ukuthi lemisebenzi yezandla zabo ingonkulunkulu ngoba sebebuyela kuNkulunkulu owabadalayo.
34.Nathike bantwana baseKuphakameni sinikezwe lokho, njengoba sikhethiwe, sasuswa emathembeni ayize, sabuyiselwa kuJehova, kuJehova ongowokuqala futhi ongowukugcina.
35.Ngithike lapha siyanxuswa, siyakhanyiselwa futhi ukuthi noma ububi bethu bungakanani kodwa uma sibuyela kuJehova, uma sisuka kobabamkhulu, noma kwa Israel bazakhela amathole, kodwa thina lapha sizakhele onkulunkulu abasizele thina, kwase kuthi uma sebehambile sase sibabone benamandla, sebengaphezulu kwaJehova.
36.Ngoba noma ngabe singafika lapho ekunikelwa khona, sifike sicele esikucelayo, kodwa lokho akweneli kithi, siphinde sihlehle sibuyele siye emsamu noma siyothemeleza esibayeni siyikhuleka, sicela obabamkhulu ukuthi basinqobele usizi.
37.Asisabe sisakubheka ukuthi labo babamkhulu esicela kubo, usizi abangalunqoba iluphi ngoba nabo baze bahamba emhlabeni bephethwe ilolusizi.
38.Baze bahamba emhlabeni benganalutho, befisa ukuba nakho kodwa bengabanalutho, nabo babengena kuso lesisibaya wena osewungena kuso, nabo babethemeleza njengawe bebiza abangaphambili kwabo. Kodwa baze bahamba emhlabeni belila, bekhala!
39.Namhlanjenake sase siyakhunjuzwa, sikhunjuzwa amazwi oMprofethi kaNkulunkulu ukuthi nisamkhumbula yini uShembe, uma nisamkhumbula, nisakhumbula yini ukuthi wathini kini.
40.Uma ngabe senikhohliwe ukuthi wathini uShembe, uShembe wathi kini ngosuku lwenhlupheko nibize uJehova’ uJehova uyakuza akusindise, uma niyendlala inhliziyo ngezikhathi zonke yenu emikhondweni yonke yezwi lezimemezelo zezwi lakhe.
41.Akazange asho ukuthi uJehova uyokuza kunoma ngubani, kodwa ubeka umgomo phambili ukuthi uma ngabe uyendlala inhliziyo yakho uyindlala emikhondweni yezimemezelo zezwi lakhe.
42.Okusho ukuthi uma ngabe ungayendlalanga inhliziyo yakho, ukhuluma nje ngoJehova njengesikhulu sasemhlabeni, awukwazi ukuthi uhlomule ezibusisweni ezingahlonyulwa ngabantu abathembele kuJehova.
43.Ngithike bantwana baseKuphakameni uma ngabe iqanda seliphahlakile, awenzi izinto ezinhle, ubuhle owawububonile mhla ukholwa, ngoba ukukholwa akubekelwe abantu abaqhamuka kwamanye amabandla, kubekelwe abantu bonke.
44.Wena owabona ubuNazaretha ngabazali bakho, bahamba nawe waze wakhula ulapha kulelibandla lamaNazaretha, okuze kube namhlanjena ungazange ukufune okwakho ukukholwa, ongazange ulifune elakho iqanda eliqukethe indaba yakho eliqukethe ukukhanya, uthi uzokhanya ngaleli labazali bakho.
45.Uthike namhlanjena okhulumayo buyelani kuJehova, kusho uHoseya uthi asibuyele kuJehova uNkulunkulu wethu, sifike sikhale kuye ngoba besikhubekile ngobubi bethu, siphathe lamazwi sicele kuJehova ukuthi akathathe okuhle, okubi angakuthathi.
46.Umbuzo uthi uma ungenakhoke lokhu okuhle, ngoba kuyenzeka abantu bengamakholwa umuntu aze aye ethuneni kungekho okuhle akwenzile phambi kwaNkulunkulu ngaphandle kokuya emgidini ngaphandle kokuthi abe sesontweni kodwa kungekho okuhle akwenzele uNkulunkulu.
47.Uthi lowo mbuzo, njengoba kuthiwa asithi kuJehova akathathe okuhle, uma ngabe kungekho uyothathani uJehova kuwe nakimi, uma kungekho lokho kuhle.
48.Ngaso sonke isikhathi ingelosi iyaye ifundise ithi uboba nayo into eyodwa eyojabulisa uNkulunkulu, uboba nayo into oyithandayo phakathi kwezinto zonke ezikhona lapha ube nayo into oyithandayo. Ngoba izinkonzo zalelibandla ziningi kakhulu.
49.Ukunikela, kukhona abantu abangakholiwe, kodwa abanikelayo kakhulu, kodwa futhi uma ubalandela abanendaba noJehova, abanendaba nokugcina umthetho kaJehova kodwa onikelayo ngoba nakhu bayanikela.
50.UNkulunkulu ufuna inhliziyo enothando, inhliziyo emkhonzayo, inhliziyo emesabayo, emaziyo ukuthi ungubani njengoba eshilo uShembe wathi nasekukhulekeni kwethu, sikhuleke ngokuzithoba, singakhuleki nje futhi singazi ukuthi sikhuluma nobani.
51.Wayesifundisa ukuthi uJehova ungaphezulu kwakho konke, ngalokho uma ukhuluma naye, kufanele kube khona into ewumehluko ukuthi ukhuluma noMdali wakho awukhulumi naboyihlomkhulu.
52.Ngithike bangcwele umuntu uma seliphahlakile iqanda, uyaqala abone izinto eziningi, ukukhanya okwakumholile, noma ngabe ngumuntu ozalelwe kulelibandla, kodwa kuthi uma seliphahlakile leliqanda kuphele ukuthi abazali bami babehamba nami, baya esontweni, ngangike ngibe nasemgidini, ngangike ngibe nakuphi.
53.Bese uma seliphahlakile iqanda bese athi hhayi kwakuyinto lena yabazali, lento lena angiyiboni kahle, kodwa uhambe isikhathi esiningi kuyo.
54.Angiyiboni kahle lento, ngibona nje sengathi ukuzehlisa, nokuzichithela isikhathi, ngingakwazi ukuphila, ngoba uma uzalelwe lapha uye uthi isonto labazali leli, liphahlakile iqanda, lamthela umnikazi walo, lase limenza waba isijabane, isijabane into efakwe impuphu nethanga, kwafakwa yonke into ehlukene, awukwazi ukusho ukuthi yini.
55.Unjaloke umuntu ophahlakelwe iqanda, ugcine esesola bona laba bazali, uma beke bethi hawu mtanami, hamba uye esontweni musa ukuyekela ukuya esontweni, athi nje abangiyeke, into yabo, abangishayise umoya nami ngizozikhethela nsbo abakhethelwanga muntu, kodwa uqale wahamba, seliphahlakile iqanda!
56.Uma seliphahlakile iqanda eliphethe into enhle, ohluleke ukuliphatha kahle, lenza nokuthi abazali bakho ungababoni ukuthi abazali, lenza ukuthi umelane nabo, ungabi naye umuntu ongaphezulu kwakho, ungabi naye umuntu omesabayo, bonke abantu balingane noma babe ngaphansi kwakho.
57.Nasemsebenzini lapho osebenza khona uvukela umuntu okuphethe, noma ekuphethe akahlakaniphile uwena ohlakaniphile, kwenziwa yini, liphahlakile iqanda ebeliqukethe ukuthi ukwazi ukuhlonipha, ukwazi ukubona umuntu ukuthi umzali wakho ungamelani naye, ukwazi ukubona umuntu emsebenzini osebenza kuwo ukuthi kufanele umhloniphe ngoba ungezansi kwakhe.
58.Kuyaqala nasesontweni osonta kulo, uvukele yonke into, kodwa izolo bewuguqile phambi kwabantu ukhuluma ngaye lo Nkulunkulu, ukhuluma ngemisebenzi yakhe, ukhuluma ngokukhanya okubonile, ngoba leliqanda lidinga ukuphathwa kahle.
59.Ithike ingelosi leliqanda, uma ngabe usuqala uyongena ezingqokweni zomndeni, unyonyoba, uyohlanganyela nabantu abalwa noJehova, abangamamukeli uJehova ukuthi unguMdali wezulu nomhlaba, nabangakwemukeli ukuthi bangasinda ngaye, abamukela ukuthi bengasinda ngoyisemkhulu.
60.Uhambe uyohlangana nabo, noma uthumele imali kubo, ubaxhase kulowo msebenzi wokubukela phansi uJehova, ngithike seliphahlakile iqanda liphakathi komzimba wakho.
61.Awusenakubuye uphinde ubone okuhle, uyohlala ubona izinto nokuhle kuba kubi kuwe, ngoba vele usumubi, ngoba lifile iqanda ebeliphethe ubuhle bakho nokukhanya kwakho, ebeliyisibani kuwe, ebelikwesabisa ukuthi musa ukuhamba ngalendlela ngoba uJehova akafuni.
62.Uyaqala manje waziwa ngokuthi umntwana kaNkulunkulu, waziwa ngokuthi wena ukhonza uJehova yedwa kodwa uyabonakala udlelana nabantu abangamfuni uNkulunkulu.
63.Ukudlelana nabantu abangamfuni uNkulunkulu, akubekelwe abantu abasuke osuke ungasiwo umndeni wabo, nomndeni nalapho uzalwa khona, uma ngabe ukholwa usuke ushiye konke.
64.Ngoba umndeni okufanele uhlanganyele nawo, umndeni ovumayo ukuthi uJehova nguye oyisixazululo sezinkinga zonke, nguye izolo, nguye namuhla, nguye kusasa, nguye kuyoze kubhubhe umhlaba, kuyoze kube phakade kunguye.
65.Ngithike kubuluhlungu ukuphahlakelwa iqanda, uma seliphahlakile iqanda, uba isisebenzi somubi, uyaye uthande izinto ezithandwa uSathane, uye uzizonde izinto ezithandwa uNkulunkulu.
66.Uma ngabe sewuphahlakelwe ileliqanda, uyaye ubahlasele abantu abenza izinto ezinhle, ubonakala ungajabuli uma kukhona umuntu owenza into enhle, noma ngabe unikela ngani esontweni, noma unikela ngethole noma unikela ngemvu noma nani, ubonakala ungakuthandi lokho, ubonakala ungamubongeli, ubonakala ungathandi kwakuthi kumukelwe lezo zinto ngoba liphahlakile iqanda ngaphaphakathi kwakho.
67.Awunakubuye uphinde uthande izinto ezinhle, uyakuhlala njalo uhlalesela okuhle kodwa ukuvune okubi ngoba liphahlakile iqanda obekufanele ukuthi ulibambe ngazo zombili okuyilona eliphethe konke, liye liphethe ngisho uhambo lwakho obelikade liyincwadi kuwe, ukuthi noma uhambaphi, bese liyagqama emehlweni akho.
68.Ebese uyakhumbula ukuthi hawu konje uJehova akafuni ukuthi ngibe sendaweni enjena angisuke ngokushesha ngoba mina ngiwumuntu wesifungo, mina ngafunga phambi kwaJehova ukuthi ngiyakugcina umthetho wakhe, futhi ngiyakuhlala endlini yakhe kuze kube phakade.
69.Ungahlala kanjani kaJehova kuze kube phakade ulwa naye, umphikise, uzothola icala lezono zakho, uthole icala lokuphikisa uJehova.
70.Noma ingane yakho ifundile yagogoda, noma ingafundanga, isifundile nje yaqeda isikole, ingayanga ezikoleni eziphakeme, sekumele iphume iye emsebenzini.
71.Bakhona abantu abasathemeleza, abasayikhulekela koyisemkhulu ukuthi bayibheke lapho ezobe ikhona, angazi ukuthi uma oyisemkhulu babengaba namehlo okubheka ingane yakhe, abangamubheka ngani yena.
72.Ngithike bancwele amakholwa, amaqhawe ezulu, uma ngabe izingane zethu sezifundile zaphothula, umnumzane okholwayo, uthatha ubhoko, uma ngabe lukhona ubhoko lokukholwa.
73.Njengoba nalaba baye bangene ngalo ezibayeni, bakhulume noyisemkhulu, kodwa wena uthathe olokukholwa, ungathemeleza nawe emzini kayihlo ukhulume noNkulunkulu.
74.Uthi Nkulunkulu kaShembe, uShembe wathi kothi ngosuku lwenhlupheko, sibize wena, nangalapho sicela sicele kuwe, nangu umntanami useqedile esikoleni, uyaphuma Nkosi uyofuna amatoho, hamba phambi kwakhe Guqabadele, ukhanye phambi kwakhe, umvikele, umvikele kuzo izinswelaboya, umvikele kukho konke, ufike ume naye.
75.Athi uma ethola lo msebenzi ube naye ngalowo msebenzi, ubakhiphe abaqaphi abazomqapha kulowo msebenzi, ngoba noma uthola umsebenzi uye ujabule ukuthi uwutholile, ufice uSathane ekulinde ngaphambili kuwo lo msebenzi owutholile, eyokulinda khona, ebese engena kulona ozongena kuye, akuphehlele udlame imihla yonke. Ngoba usetholile ukuthi usuyaphumelela uthole umsebenzi.
76.Ngalokhoke uma sithemeleza ngoNkulunkulu waseKuphakameni ngabantwana bethu, sisho ukuthi abavikele, noma umfana ukhulume unguyise wakhe, uthi Nkosi ngiyacela umtanami umenze ukuthi ahlale kuwe, nalapho aya khona, ahlale kuwe, abe ngowakho, angabe nguye womubi, abe ngowakho njengoba bengingena naye, ngiphuma naye esontweni, ngimubeka ezandleni zakho.
77.Ngithi nalomsebenzi awutholayo akawuphathelwe nguwe, akathi uma engena, angene nokukhanya kwakho, Nkosi yamakhosi, umvikele, umvikele ngisho nakoMlomubomvu, umvikele ngoba ibona abangachitha umthetho wakho kuye.
78.Umvikele, kuthi lapho sebewupendile sewubomvu njengamalangabi esihogo, ebese uyahlehla, ebese uyakhumbula, akhumbule ukukhanya kwakhe, akuthande kakhulu, ebese esho ukuthi okwethu ukukhanya kusezandleni zikaJehova, asikaze thina samukelwa isihogo, asikaze thina sibe noNkulunkulu osipendela abantu imilomo.
79.Bese ebaleka ecela empunzini ngoba ufundisiwe, uyise ufike wamucelela ukuthi uNkulunkulu amuvikele nakoMlomubomvu ngoba nabo bayingxenye yokukhipha abantwana noma ukukhipha abantu ekukholweni.
80.Ngoba uyazi ukuthi uma evumelana naye ukuthi uyakholwa, kofanele ukuthi angabe esakwazi ukupenda umlomo, into azoyenza uzolwela ukuthi aphume kulokhu kukholwa.
81.Njengoba nesangoma uma uke wazihlanganisa naso, uzihlanganisa nomuntu ekuthiwa unemimoyana, kuyenzeka naso sikuphakamisele oyihlomkhulu senzela ukuthi uze uphume esontweni.
82.Sikuphakamisele izinto ezinkulu sithi bezenziwa ngoyisemkhulu kodwa siyakunxenxa ukuthi ulahle uJehova ujoyine sona.
83.Namantombazane nawo siwacelele, abantwana bethu uma sebeyosebenza ukuthi bangavukwa ilelihhuka elihhuka bonke abantu libakhipha ekukholweni, ingavukwa izinsizwa zikaSathane azibeke ema university nase msebenzini.
84.Uma inganqoba kulezondawo, kuyothi uma esethole umsebenzi umntwana oyinkosazana, afice uSathane esemlinde phambili, esehlobile eseyinsizwa enhle, asenakho konke.
85.Ingane ivele ithi khona lokhu kukholwa kunani uma kuphelile kunokuthi ngiluze umuntu onjena, ngoba phela uzobe ephethe yonke into, ephethe izulu nomhlaba, elingekho kodwa elikhandile phambi kwengane.
86.Ngalokho bantwana baseKuphakameni sikufanele ukuba sibacelele abantwana bethu, sibacelele ukuthi banganqotshwa ezikoleni, banganqotshwa futhi emsebenzini.
87.Noma umntwana esesebenza angalahlekelwa umthetho kaNkulunkulu, aziqoqe, azazi ukuthi yena uyiNkosazana noma esesebenza ukufanele ukuba iNkosazana.
88.Izinsizwa zixwayiswe, ngiyabuyela lapha, ngigida angisuki lapha ukuthi azixwayiswe ngoMlomubomvu nalaba abafaka amashoba lapha emehlweni, uthole amehlo aselenga umsila wamahhashi, bafake nje amashoba!
89.Izinsizwa ezikholwayo zigijime ziqinise zithi nje wathi uShembe ngesikhathi sokuhlupheka sibize uJehova, yiso lesi sokuthi ngibize uJehova, angikaze ngimubone umuntu oneshoba emehlweni, ngalokhoke ziyonqoba izinsizwa!
90.INkosi ibusise enikuzwile.