iZenzo 12:21-23:
“Kwathi ngosuku olumisiweyo uHerode wagqoka ingubo yakhe yobukhosi, wahlala esihlalweni sokwahlulela, wayesekhuluma kubantu. Abantu bamemeza bethi: “Yizwi likaNkulunkulu, akusilo elomuntu!”
Kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho, ngokuba engamnikanga uNkulunkulu udumo, wadliwa zimpethu, Wafa!”
Isihlabelelo 118.
1.Laleni nanti ilizwi
Wezizwe nonke
Phendukani nibhabhathizwe
Nize nisindiswe.
2.Geza inhliziyo yami
Iziyeke engizithandayo
Amen haleluya
Balekani nonke zoni.
3.Akukhalelwa muntu
Esihogweni somlilo.
Akakho okhalela omunye
Esihogweni somlilo.
4.Amen haleluya
Balekani nonke zoni
Akukho ukuphumula
Esihogweni somlilo.
5.Bahleli kulolo lusizi
Esihogweni somlilo
Bahlezi bekhala
Abasenakukhululwa.
6.Ukudla kwakhona
Usizi lodwa
Amanzi akhona
Izinyembezi.
UDUMO NENGCEBO ABANTU BAKUFUNA NGAYO YONKE INDLELA.
1.Kunabantu abaningi ebebelokhu bengicela ukuba kengikhulume ngokuthwala okudlangile eSouth Afrika okwenziwa ngabathi baqhuba izwi leNkosi!
2.Laba abathi bangabaphathi bezwi leNkosi iningi labo lingabaholi emabandleni ahlukene.
3.Ngihlala ngikwenqena ukukhuluma ngale nsumansumane eyembethe umhlaba, ngoba kumina ukushumayeza umfundisi othwele uthi akaphenduke, kuyefana nokugqugquzela usathane uthi akabe likholwa.
4.Kanjalo nokubonisa abalandeli balaba bafundisi ngabefundisi babo, kuyefana nokucabanga ukuthi ungabonisa isithingithingi sendoda efakwe intando ukuthi ayibheke indlela umkayo oyiphatha ngayo! Uma ungathi uzama lokho, ungabe udala ukuba ningezwani!
5.Angikhathali ukuthi kungaba sobala kangakanani ukuthi lomholi uthwele, futhi uthwele ngalo ibandla lakhe, kodwa uma uke wakusikaza lokho, bavele bakudle uluhlaza abalandeli bakhe, bethi umholi wabo uqanjelwa amanga, banomona ngaye!
6.Sike saba nomprofethi lapha, angazi noma kuthiwa uNotoso yini, obenza yonke imikhuba enkonzweni yakhe, edlwengula ngisho amantombazane ebandla, namanje amacala akhe asesenkantolo. Kodwa abalandeli balomprofethi bavele bethi uyaqanjelwa umholi wabo.
6.Sike saba nomunye umprofethi, uT.B Joshua okucishe wayedume kunabo bonke abanye abaprofethi, ngoba kwakusuka abantu kwamanye amazwe beye kulomprofethi. Nabamhlophe imbala bebeya kulomprofethi, angazi kahle ukuthi babeyofunani le engaka kuye?
7 Abanye babeya kulomprofethi beyofuna ukuthwala, babuye sebenamandla nengcebo eyisimangaliso, namabandla abo awhile isivinini!
8.Enye insizwa ekhona lapha eSouth Afrika, yathi lomprofethi ungaphezulu kwaBabamkhulu. Kwathi ngisethuswe yilenkulumo, kwavele kwawa isitezi sakhe sinabantu, inqwaba yabantu naba lapha eSouth Afrika, bafa!
9.Indlela abantu abakhohliseka ngayo yilabaprofethi-mbumbulu, kufana nokungenela lokhu okuthiwa “yibhanoyi”, ngoba abakhuzeki, noma “ibhanoyi” selibawise kangakanani abantu, kodwa abaliyeki “ukoligibela!”
10.USister Celestial wakhuluma ngalaba baprofethi-mbumbulu, ukuthi akusibo abaprofethi laba, kodwa zinkunzi malanga zezi nyanga mthakathi, kodwa kwathi abalandeli babo abamqede!
11.Kunabantu abangabalandeli baka T.B. Joshua ababechaza ukusuka nokuhlala kwemikhuba engachazeki ngenxa yobubi bayo uJoshua owayeyenza kubo, kodwa namanje kunabalandeli bakhe abavele kuthi abazibulale uma uveza amaqiniso ngo T.B. Joshua!
12.Sibe noBushiri, naye obekucaca ukuthi yisigebengu, njengoba waze wabaleka eSouth Afrika esevulelwe amacala obugebengu. Kodwa lokho angenke ukukhulume kubalandeli bakhe, yize wathatha zonke izimali zabo!
13.Kulentshumayelo ngizocaphuna kakhulu umprofethikazi wase-Amerika, uCelestial, uNkulunkulu owambonisa khona ngobubi okwenziwa ngabathi bangabaprofethi noma bangoNkulunkulu, abalapha eSouth kAfrika!!
14.Lomprofethikazi uyiqala kanje lendaba yeSambulo owasinikwa nguNkulunkuli ngalaba baprofethi abathi bangabaphathi bezwi likaNkulunkulu, lapha eSouth Afrika!
15.Uthi-ke uCelestial: “Ngokuba uNkulunkulu uthi: “Khona nje ukuthi uze uye esontweni ukuzokhonza umfundisi, lokho kuyisinengiso kuNkulunkulu!”
16.INkosi yakuveza ukuthi absfundisi noma abaholi benkolo eSouth Africa basebenza ngemibuso yawo drako. Ungathola kabanzi ngo drako uma ufunda iSambulo, iSahluko 12.
17. Udrako ungumbusi wobubi oqinise okwensimbi; uSathane uqobo lwakhe!
18.UCelestial uthi uNkulunkulu wambonisa abantu eSouth Afrika beyokhonza umuntu, bethi lomuntu unguNkulunkulu, okuyisinengiso esikhulu kuNkulunkulu!
19.Ngangingazi ukuthi kukhona incwadi ekhuluma ngqo ngomuntu ozibiza ngoNkulunkulu, abantu nabo bese bemfakazele ukuthi unguNkulunkulu!
18.Kodwa mhla ka 26 March 2011. Mhla ngigcotshwa ukuba ngumholi webandla, ingelosi yangifundela incwadi yeZenzo 12:21-23 lapho kufundeka kanje:
19.“Kwathi ngosuku olumisiweyo uHerode wagqoka ingubo yakhe yobukhosi, wahlala esihlalweni sokwahlulela, wayesekhuluma kubantu. Abantu bamemeza bethi: “Yizwi likaNkulunkulu, akusilo elomuntu!”
20.Kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho, ngokuba engamnikanga uNkulunkulu udumo, wadliwa zimpethu, Wafa!” Ngangiqala ukuzwa lencwadi!
21.Emva kokufunda lencwadi, ingelosi yangeluleka kabanzi ukuthi kungathi ngoba uNkulunkulu ukuthume ukuba uhole lelibandla, bese uyakhukhumala uthi nguwe uNkulunkulu.
22.Uma uke wenze njalo, uNkulunkulu uyosuka phakathi kwenu, bese ufa kabuhlungu, nasekufeni kwakho, ulahlwe kwelizayo!
23.Noma abalandeli bakho besho njalo, abakhuzwe nguwe, ngoba uJehova uyoshaya wena!”
24.Uyaqhubeka uCelestial uthi: “Ngabona lo mbusi omubi elenga emoyeni, elengela eSouth Africa, elawula yonke leya ndawo.
25.Ngabona ukuthi lo mbusi ongu drako ulawula yonke iSouth Africa, uNkulunkulu wabe esethi anginitshele eSouth Africa ukuthi ukukhonza kwenu konakele.”
26.Uma-ke uzwa leli zwi ngicela ungacabangi ukuthi: ‘O, umfudisi wami akanjalo, futhi isonto lami alinjalo.’ Khumbula isibonelo segoqo lengulube.
27.Igoqo lengulube liyindawo engcole kakhulu, futhi umuntu osebenza egoqweni lengulube uthintana ngqo namadoti ezingulube, nephunga lezingulube kanye nodaka lwezingulube!
28.Uma wena uhlala nalowo muntu egumbini lakho, ungasho yini ukuthi uhlanzeke ngempela?
29.Uma uhlala endlini eyodwa nomuntu osebenza egoqweni lezingulube, ngoba nakhu wena awusebenzi lapho, ngeke yini yena alethe amadoti ezingulube, iphunga lezingulube kanye nodaka lwezingulube lapho endlini?
30.Alidonsele ekhishini, egumbini lakhe lokulala, nasegumbini lakho uma ezokubingelela, ekhishini, nase bathroom, indlu yonke ingcolile!
31.Lenkulumo kaCelestial ingikhumbuza ukukhuluma okwakhulunywa yingelosi kithi ngabantu abayaye bahlangane nomkabo ngeSabatha.
32.Ithi ingelosi uma kunomuntu ohlangane nomkakhe ngesabatha, noma ngesikhathi somkhosi kaJehova, kuyaye kuthi uma uJehova efika phakathi kwenu bese nonke niba nephunga, uNkulunkulu bese uyasuka phakathi kwenu.
33.Yaze yathi ingelosi kungcono ukuthi ngaphambi kokuya emgidini, nonke nihlambuluke, ngoba iphunga elibi elikumuntu oyedwa liyambalekisa uNkulunkulu phakathi kwenu!
34.Kanjalo, Uma kungaba nebandla elilodwa kumaNazaretha elinomholi othi unguNkulunkulu, sonke sesikuleso siqalekiso, ngaphandle Uma thina singazihlambulula ngandlela thize, mhawumbe esiyifundiswe yingelosi!
35.Ithi-ke leNkosazana: “Akudingeki kuze kuchazwe ukuthi nguwe oyingcolisayo; vele indlu ingcolile!
36.Ngakho-ke, iNkosi ithi udrako ulawula iSouth Africa, futhi amasonto angcolile akhonza izithombe ngqo!
37.Kuphakathi kokuthi akhonza abefundisi abangabaholi, abantu bayagijima behla benyuka, befuna la masonto aneziprofetho!
38.ISouth Africa idunguza oswini lwezifo zeziprofetho zamanga!!
39.Uma nje ungazitholela amasudi ayisihlanu, imicrophone bese uzitholela indawo ozoyirenta, ungaba nesiqiniseko sokuthi uyoba nabalandeli.
40.Yilesi isizathu esiyokwenza ube nabalandeli ube wenza izibonakaliso zamanga: iNkosi ithi la madoda asebenzisana ngqo nombuso wamanzi.
41.Athatha amandla emakhosazaneni amanzi angaphansi kolwandle. Yathi iNkosi abuye athathe amandla kodrako abangaphansi kolwandle.
42.Nebala ngabona inkosazana yamanzi kanye nodrako, imibuso yangaphansi kwamanzi, nokunye iNkosi eyakubiza ngeNdlovukazi yoGu!
44.Laba befundisi bayahamba bayongena ezivumelwaneni zobudimoni nalezi zidalwa. Kuhamba kanje:
45.Indoda izothanda ukuthola amandla, ingcebo, nodumo, imali, mhlawumbe ize ihehe intombazana enhle ezoyishada ukuze iyisebenzise emsebenzini wayo.
46.Ingaziwa muntu injalo, ike ihambe iyokwenza isivumelwano nomoya wenkosazana yamanzi. Esikhathini nje esifushane, le ndoda isizoqala ukuheha abalandeli.”
47.Angazi noma niyamuzwa yini ukuthi uthini uCelestial? Uthi umfundisi, noma umholi webandla ufike eqonywe isinyelele yintombazane enhle enkonzweni.
48.Kanti lentombazane uzoyisebenzisa ekuthwaleni ngayo. Kothi isimqomile, mhlawumbe ayibulale, noma enze okwenzayo ngalentombazane okuzokwenza ibandla likhule libe likhulu, naye adume, acebe kakhulu!
49.“Amazwi omlomo wale ndoda azoba nalokhu okwaziwa njengamandla okuyenga kukho konke ekushoyo.
50.Noma ingama epulpit ithi: ‘uhla lwe laundry: insipho, ngithengele indlu yami amanzi namhlanje, ngihambile ngayokwenza igrocer, ngibuke le movie ebusuku…’
51.Ibandla lizogqazuluka, libonga ngokuhlanya kube sengathi ibifunda incwadi yonke kaHabbakuk noma incwadi kaHagayi eyihumusha ngobukhulu ubunyoninco.
52.Ngokuba laba bantu abalazi izwi likaNkulunkulu, abayifundi imibhalo ukuze babone ukuthi lezi zinto le ndoda ebatshela zona ziliqiniso yini.
53.Konke okudingayo nje ukuphonsa amavesi amabili noma amathathu bese bethi: ‘Qhubeka ushumayele, qhubeka ushumayele!! Jula futhi, jula futhi odabeni!!’
54.Uthi-ke uCelestial, noma ngabe ikhulumani lendoda, kuvele kudume ibandla lihlanyiswe into engekho, kube sengathi kukhulu okukhuluma ngokweBhayibheli, uchaza izincwadi ezinzima!
55.Bese bebanga umsindo bethi: “Khuluma khuluma!”. Kanti lomholi akasho lutho, nabo futhi abazi lutho ngeBhayibheli! Lesli Sibonelo esenziwa ngu Celestial asidingi kuchazwa ngoba yonke lento yenzeka phambi kwethu sibuka!
56.“Kodwa iqiniso lodaba ukuthi abantu bayengwa amafutha laba bantu abawanikwa amakhosazana amanzi ukuba bawagcobe emizimbeni yabo!
57.Kunokuhlamba okuthile okufanele umuntu akwenze uma ethatha lezi zivumelwano. UNkulunkulu kade ekhuluma kimi ngalezi zinto.
58.La madoda kufanele abe nokuhlamba okuthile okwehlukileyo; kufanele abe nqunu, ehlele ogwini ngamahora angaqondakali.
59.Kwezinye izikhathi kufanele enze imihlatshelo yabantu kanye neyezilwane. Njengoba eya ngokujula enza le mikhuba yezivumelwano.”
60.Uthi-ke uNkulunkulu ukuze lelibandla liqhubeke libe likhulu, ingene imali, kuba nemihlatshelo eyenziwayo, enye ngeyezilwane, kanti eminye yimihlatshelo yabantu! Abantu bayabulawa ndlelathize benziwe umhlatshelo!
62.“UNkulunkulu washo kanje esiprofethweni: “Kufana nokujoyina igym. Uma ujoyina igym ukhokhela ubulungu bakho njalo ngenyanga; awukwazi ukweqa inyanga ngoba kusobala ukuthi ngeke usakwazi ukungena egymini.
63.Ngakho-ke angena ezivumelwaneni ezikhathi ngezikhathi la kuyodingeka khona ukuba enze imihlatshelo emikhulu noma angene ezivumelwaneni zenyanga nenyanga.
64.La ezolokhu enza khona imikhuba ukuze alondoloze amazinga okuheha abantu ngokomoya, agcine abantu bethutheleka emasontweni, ahlale njalo edumile ezindabeni.
65.Ithi-ke leNkosazana lokhu kuhlaba kufanele kwenziwe nyanga zonke, noma ngezikhathi ezithile.
66.Awukwazi ukweqa ungakwenzi ukuhlaba, noma uhlaba umuntu, ngoba uma ungakwenzi lokho ibandla lizokuwa, bese ungayitholi imali nodumo!
67.Nohulumeni wase South Africa awazi okumele ukwenze ngalama sonto angalawuleki kangaka, futhi angasenakho ukuziphatha okuhle.
68.Abantu bayalimala kakhulu kulama sonto futhi uhulumeni udidekile ukuthi uzokumisa kanjani lokhu ngoba noma bengathi: ‘Ngeke ushumayele uma ungena license yobufundisi,’
69.Noma: ‘siyakuphenya,’ abantu uqobo bangaphansi kwethonya kangangoba balwela laba befundisi bamanga abasebenza ngamakhosazana amanzi kanye nodrako, abefundisi ababhukuda emanzini ngenkathi benza lezi zivumelwano.
70.Uthi-ke uCelestial ngisho uhulumeni wase South Afrika akasazi ukuthi uzowenze njani lamasonto.
71.Ngisho uhulumeni angathi umfundisi ongenaso isitifiketi sokuvula ibandla akavunyelwe ukwenza ibandla, kodwa ugcina uhulumeni ehlulekile, ngoba laba befundisi baqala ngokuthonya abalandeli babo, bese kuba yibona abalandeli abalwela laba bafundisi, kanti sebebathonyile!
72.“Ngakho-ke uNkulunkulu wayengikhombisa ukuthi la madoda kwakufanele akhokhe izinhlawulo. Eningini lawo le nhlawulo kwabe kuyigazi.
73.Kufanele agcine ehlabe amalungu awo ngokuhamba kwesikhathi. Yingakho-ke kunokufa okungachazeki okulokhu kwenzeka kulama sonto.
74.Kodwa enye indlela lama doda akhokha ngayo izikweletu zawo ukuba athathe ingcebo yabantu.
75.Ngicela uqonde ukuthi uSathane uyeba, uyabulala, uyahliphiza. Uma uSathane ekwazi ukubulala, kusezingeni lakhe eliphezulu lokho!”
76.Abantu abakulamabandla abazi ukuthi iningi labo kuba yibo umhlatshelo ukuze ibandla likhule!
77.Uthi uCelestial ungabona kulokhu kufa noma kuduka abantu enkonzweni ngendlela rngaqondakali, kanti kuhlatshwa wona amalunga ebandla enziwe umhlatshelo! Mining kakhulu imikhuba eyenziwa yilaba befundisi.
78.Eminye nami ngiyayazi, noma ngingenke ngiyichaze, kodwa ingelosi iyaye isibonise imikhuba eyenziwa kulamabandla ukuze ekhule, abaholi bawo bacebe behlonishwe umhlaba woke!
79.“Uma engayithatha impilo yomuntu, ekholwa noma engakholwa, uyokwenza lokho. Kodwa kumnandi embusweni wobumnyama ukubhubhisa umuntu.
80.Kumnandi ukuwisa usoma business ngokumtshela ukuthi uma eqhubeka eletha iminikelo emikhulu, bayobeka igama lakhe ohlwini oluphezulu ngesonto elizayo.
81.Ngase ngibona, ngaze ngakhuluma futhi, ukuthi iNkosi yathi nemihlaba yokhokho yabantu base South Africa inikwa laba befundisi bamanga, futhi laba befundisi-mbumbulu bathatha ingcebo ephathekayo yamalungu ebandla, bewafaka ebubheni bese behamba…
82.Laba baholi bama bandla uthi uCelestial abagcini ngokuthatha iminikelo emikhulu yo business men, nokwenza amalunga ayo imihlatshelo, kodwa bathatha nemihlaba yawo, noma imhlaba yoyisemkhulu banikele ngayo kulamabandla!
83. “Ngabona indoda itshuza yehlela ekujuleni kolwandle, igqoke nje ibhulukwe nebhande kuphela, itshuzela phansi ekujuleni okungaqondakali, iphethe amaphepha, imiqulwana egoqiweyo esandleni sayo, iya esidalweni esabe sihlezi esihlalweni sobukhosi, siqimbile ngenhla, singaphansi kwamanzi.
84.UNkulunkulu washo ngomlomo wami wathi: “Lokho kungamafa abantu.” ESouth Africa kunokubizwa ngemihlaba engamafa ezizukulwane.
85.Ngendlela okwaphuma ngayo kimi kwaba ukuthi lo mhlaba ungowokhokho benu noma lokhu ama-Americans angumnsinsi wokuzimilela lapha ezabelweni athi kuwumhlaba wokhokho, osukela kwabasendulo wehlele ezizukulwaneni ngezizukulwane, komkhulu nakobaba.
86.Kufanele kube wuhlobo lwengcebo ephathekayo, umhlaba wezizukulwane. Umndeni usuke ufanele ukubambelela kulowo mhlaba.
87.Kodwa ngabona ukuthi izindlalifa zesilisa, ngenxa yokuzama kakhulu ukuzikhipha ebubheni, zifuna ukuthatha amakhosikazi, zifuna ukuthola imisebenzi, zifuna ukuba nama business aphumelelayo.
88.Zifuna ukuba nemisebenzi ephumelelayo, zazize zihambe ibanga elingako, emva kokukhokha okweshumi, emva kokukhokha izingxenye zesine zamahola azo.
89.Zazifakwa ebubheni ngokwesimo la uqhubeka khona ulahlekelwa yimali eLas Vegas, kodwa usaqhubeka nokucabanga uthi:
90.‘Ngiyalahlekelwa, kodwa nje ngidinga ukuwina kakhulu ukuze ngibuyise konke okungilahlekele.’
91.Ngabona la madoda ethatha ama title deeds emihlaba ayenayo, imizi ayenayo, eyinika laba befundisi.
92.Ngabona laba befundisi bekuthatha lokho bekuyisa ngaphansi kolwandle njengengxenye yenkokhelo yabo yanyanga zonke ukuze bakhokhe kulezi zidalwa.
93.Uthi-ke uCelestial, ngenkathi nina ninikela ngemihlaba kulaba bafundisi, bona bayayithatha imihlaba beyonikela ngayo kulezi zidalwa ezingaphansi kwamanzi!
94.“Ngakho-ke ngabona udrako esibhakabhakeni phezu kwe South Africa. UNkulunkulu wathi amasonto ase South Africa abolile, futhi abantu kufanele baphume kulokhu kubola, baphenduke!
95.Isizathu salokhu sibaluleke kakhulu.
UNkulunkulu uzokwahlulela konke ukungalungi okuse South Afrika! Ngithi amahlazo ayavela, amahlazo ohlobo oluyokwenza ube namahloni uma lowo muntu usumbona ku TV.
96.Ngiletha leli zwi njengalokhu linjalo, ngokuphindaphinda kulama video akamuva. Amahlazo angahlangene ngalutho nawe ayeza ngoba uyozibuza ukuthi lowo muntu uyolulama kanjani kulelo hlazo elijule kanjalo.
97.UNkulunkulu uyobehlisa ebakhahlela laba befundisi, uyobehlisa ebakhahlela laba baprofethi bamanga baka Lakhawu, laba abathi bayakwazi ukuvusa abantu kwabafileyo!
98.UmProphet Bushiri lo odayisa izinto ezisemabhodleleni ethi lokho kunegazi langempela likaJesu, ethi kungamafutha okugcoba aseKhalvari!! Akukho ukuphenduka ezinhliziyweni zalaba bantu!”
99.Akukuningi engifisa ukukujobelela kulokhu osekuvezwe ngumprofethikazi kaJehova, ngoba kunjengoba esho nje. Wonakele kakhulu umhlaba!
Isihlabelelo 28.
Icilongo lokuqala
Selizwakele
Umhlaba wonke
Wazamazama
Uyogijima uzifihlephi
Nanti ilizwe selisongwa.
Wemhlaba uyozifihlaphi
Nazo zonke lezo zon
Balekani zidindi
Uyeza uJehova
Inkosi ibusise nikuzwile.