INcwadi kaDuteronomi 10:12-13: “Manje-ke Israel, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe ngaphandle kokuba umesabe, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho.
Ugcine imiyalo kaJehova nezimiso zakhe engakuyala ngakho ngalolo suku ukuba kube kuhle kuwe na?”
1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko sale nkonzo sithi “UJehova uNkulunkulu wethu ufunani kithi?”
2.INcwadi kaDuteronomi 10:12-13: “Manje-ke Israel, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe ngaphandle kokuba umesabe, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho.
3.Ugcine imiyalo kaJehova nezimiso zakhe engakuyala ngakho ngalolo suku ukuba kube kuhle kuwe na?”
4.Le ncwadi inombuzo okumele uphendulwe nguye wonke umuntu othi ulikholwa elikholwa kuJehova uNkulunkulu wethu.
5.Ukukholwa kuJehova kusho izinto zimbili: UKUMESABA NOKUGCINA UMTHETHO KAJEHOVA!
6.Uma uMose ethi uJehova kumele SIMESABE, BESE SIMTHANDA NGENHLIZIYO YETHU YONKE NANGOMPHEFUMULO WETHU WONKE, kanti uJehova ukhonzwa kanjani?
7.Thina sazalwa ngumuntu owayekholwe kakhulu! Umama wakhula eyintandane, wabe esekhuliswa uBabamkhulu njengengane yakhe kusukela eneminyaka engu 11.
8.Wamthenga kwaDube ngezinkomo ezingu 18, wabe eseba ngowakwaShembe, ehlala eVelabahleke! (i-adoption).
9.Ekuhambeni kwaBabamkhulu emhlabeni, umama wahlala kuBaba iLanga kwaze kwafika isikhathi sakhe sokogana kwaMpanza.
10.Ngakho-ke umama yonke inqubo yokukholwa wayincela kuMprofethi naseNkosini iLanga!
11.Kwethu sasingawudli umuthi noma wanhloboni. Uma sigula sasichatha ngensipho iSunlight kuphela. Ngaqala ukudla iphilisi nokujova sengaqeda uMatric!
12.Ntambama sasembatha ingubo emhlophe, siye esiguqweni sothandaza; uma sesilala sibuye sithandaze.
13.Phakathi kobusuku, okuyisikhathi somlindo wokuqala, njengesiguqo esisenza emhlanganweni, umama wayevuka ahlabelele, bese uyathandaza.
14.Entathakusa, ngo 4, umama wayevuka efake ingubo emhlophe eye esiguqweni esingaphandle komuzi, eya esiguqweni noma kumakhaza. Ngangimbona egcina yonke imithetho yokukholwa!
15.Kuthe sengikhulile ngazibuza ukuthi lo muntu okholwe kanje, utholani ngalokhu kukholwa, ngoba uyahlupheka, nathi siyahlupheka? Kodwa khona lapho uNkulunkulu wangiphendula ngenye indlela!
16.Ngo May 1981 umama wasithatha nabafowethu ababili wasisa kuShembe uBaba iNyangayezulu, wafika wakhuluma ukukhuluma okungaqondakali, wathi:
17.“Baba, ngicela usale ungibhekela laba bantwana bami, ngibashiya kuwe, ngoba mina sengiyahamba.
18.UBabamkhulu usefikile wangitshela ukuthi usefuna ngize kuye ngoba abantwana bami sebekhulile, ngenke besaba zintandane njengami.”
19.Lokhu kukhuluma kwammangaza uBaba iNyangayezulu, nathi kwasimangaza. Kuthe ngoJune ngawo u 1981, umama wangibiza ngisemsebenzini. Wafike wathi kimi:
20.“Ngizovalelisa kuwe, uBabamkhulu ubuyile futhi wathi useyangidinga impela. Angazi noma umhlangano kaJuly uzongifica ngisekhona yini?”
21.Mhla ka 1st July 1981, kungena umhlangano, wavuka umama wathi kade kufike amakhosikazi ka 14 evunule athi athunywe ukuzomlanda.
22.Abe esethi: Kanti awukagezi? Geza, ngoba sizobuya emini sesizokulanda.”. Nempela umama wageza, wabe eseya endlini yakhe eyolindela izithunywa zasezulwini!
23.Nempela ngathi ngiyafika endlini yakhe emini ngithi ngizombona, ngamthola esethule, sezimlandile izithunywa zasezulwini!
24.Samusa emakhazeni, kuthe ngosuku lwesibili ngihleli kusofa, kwaba sengathi ngifikelwa ubuthongo. Ngambona umama esevela ngefastela engibiza.
25.Ngasukuma ngaya kuye phandle. Wabe esethi: “Woza ngiyokubonisa umuzi uBabamkhulu ongibeke kuwo.”. Ngahamba naye saye safika eVelabahleke, okungumuzi kaBabamkhulu osoNgoye!
26.Kodwa kwakungase yilo leli Velabahleke elisemhlabeni, sekufana indawo kuphela. Lo kwase kungumuzi osezulwini owawumuhle ngendlela eyisimanga!
27.Safike sema ngaphandle, umama wabe esethi: “Nakhu-ke lapho uBabamkhulu ongibeke khona.
28.Nawe uma uziphathe kahle uyokulanda sizohlala kulo muzi!” Ngabe sengiyaphaphama, kodwa kwakusemini ngingalele!
29.Ngosuku lwesithathu umama singakamfihli, sabona sekufika umngane wakhe omkhulu, uMaDludla.
30.Wafike wathi: “U-anti ufikile kimi wazovalelisa, wathi usehambile, akasekho emhlabeni.
31.Uthe ngize lapha ekhaya ngifike ngisho ukuthi akafuni isidumbu sakhe siphathwe ngomunye umuntu, kodwa asophathwa ngabantwana bakhe, ngoba ufuna ukushiya ebanike isibusiso!”
32.Nempela akakho omunye umuntu owathinta isidumbu sikamama eseyofihlwa, sasiphethwe yithi sobathathu!
33.Ngosuku lomngcwabo wakhe amakhosikazi ka 14 akhuluma isimanga, athi ngo 14 kaJune, okwakungowokugcina, washumayela, ebatshela ukuthi uBabamkhulu ufikile wamtshela ukuthi useyamfuna ezulwini, sekungu 14 wakhe wokugcina lo ekulomhlaba!
34.Bonke abantu babejabule isimanga, nalowo nalowo ethi usibonisile uMaDube ukuthi asidukile, kanti ukukholwa ngeqiniso kunje, umuntu uvele alandwe nje eye ezulwini?
35.Nami waphenduleka umbuzo wami wokuthi kusizani ukukholwa uma uze ufe uhlupheka.
36.Umama wangibonisa ukuthi okokuqala uBabamkhulu yiNkosi yezulu, nomama wamqamba esemncane wathi ngu LANDIWE, wabuya esesezulwini wazomlanda!
37.Okwesibili ngukuthi uma uzinikela ngempela ekukholweni, uNkulunkulu umthanda ngenhliziyo yakho yonke, nangomphefumulo wakho wonke,
38.uhlale umesaba, umvuzo walokho ukungakuzwa ubuhlungu bokufa, nokuthi uthi uma ufa uvele uye ezulwini. Umama usezulwini, uhleli noBabamkhulu!
39.Ekuhambeni kwamama angibange ngisaqina kangako ekukholweni, ngase ngifunde nokulala ngingathandazile!
40.Kodwa ngo 1983, ngiyimantshi eMbumbulu, ngathi ngilele, ngezwa umuntu engivusa. Ngathi ngiyabheka, ngafica umama emi eduze kwami efake ingubo emhlophe.
41.Wabe esethi: “Ubani owakufundisa ukuthi ulale ungathandazanga? “Njengoba abantu abangathandazi bethembe imithi, njengoba wena awuwazi umuthi ngaphandle komthandazo, wethembeni?”
42.Wabe esephuma endlini ehamba ngimbuka! Ngavuka ngaso leso sikhathi ngaya esiguqweni ngayothandaza!
43.Kwaba yisimanga ukuthi umuntu ongasekho emhlabeni, kodwa kuthi uma eza kimi aqale ngokungivusa!
44.Kwathi sengisenkantolo, kanti laba bantu bezimpi zaseMbumbulu babengibekele umuthi omubi, umama ubezongivikela kuleyo ngozi! Ngacishe ngafa! Yindaba ende-ke leyo!
45.Njengoba sengishilo, ekuhambeni kwamama asibange sisaba ngabantu abaqinile ekukholweni. Sasiya kohlola, sihlabela nabaphansi, sesenza izinto esasingeke silokothe ukuzenza kusekhona umama!
46.Kodwa-ke kwatholakala ukuthi uNkulunkulu uyangithanda kwasekuzalweni kwami. Umuntu owangibuyisa ekukholweni kukaBabamkhulu kwaba ukufika kwengelosi uHlaleleni!
47.Le ngelosi yaba izinto zonke kithi, yafika kimi yathatha indawo kamama, yavuselela imithetho eminingi yokukholwa esabe sesiyikhohliwe!
48.Ingelosi yafika yasifaka esikoleni, yabuyisa konke ukukholwa engangikugcine ukukubona ngisahlala nomama!
49.Uma ethi uNkulunkulu kumele umthande ngenhliziyo yakho yonke, ngomphefumulo wakho wonke nangomoya wakho wonke, lokho kusho ukuthi kumele uzinikele ekukholweni kwakho, ugcine zonke izimiso zokukholwa ekumkhonzeni uJehova!
50.Abantu abaningi abazi ukuthi ukukholwa kuyini. Ukukholwa kungukugcina yonke imithetho kaNkulunkulu njengoba sayilotshelwa nguye uJehova ngoMose!
51.Imithetho kaNkulunkulu iyona Constitution yasezulwini. Uma uYeshua ethi intando yakho mayenziwe emhlabeni njengoba yenziwa ezulwini, usho ukuthi umthetho kaNkulunkulu awugcinwe emhlabeni njengoba ugcinwa ezulwini.
52.Uma ekukholweni uhamba ngazo zonke izimiso zikaNkulunkulu, uba ngumntwana kaJehova ngokugcwele!
53.Umntanakho oziphethe kahle umnika konke okucelayo, kanjalo noNkulunkulu umenzela konke umntwana wakhe omthandayo nomesabayo!
54.Ithi-ke ingelosi ungaba nakho konke ukuhlupheka, kodwa akukho ukuhlupheka okufana nokuhlupheka komphefumulo ngezinsuku zokugcina!!
55.Kodwa abantu abaningi abazihluphi ngokufuna ukuthi yini engenza umphefumulo wami ungaba nalo usizi lapho usuwehlukana nenyama.
56.Ingelosi yabe isisifundisa ngezigaba ezintathu zokuhlupheka komphefumulo okumele sibe nendlela yokuzinqoba.
57.Ukusheshe ufe singakafiki isikhathi; ukuthi ekufeni kwakho ube sezinhlungwini ezinkulu isikhathi eside, okokugcina, ukuthi uma usufile umoya wakho ungayi ezulwini, uyohlala nesidumbu ethuneni!
58.Ithi-ke ingelosi, zonke izinto ezisemhlabeni zingumfanekiso wokusezulwini.
59.Njengoba lapha emhlabeni niba nemishuwalensi yokuvika konke okungase emva kwesikhathi ubhekane nakho, nawe uyakwazi ukuvika inkinga umphefumulo wakho ongahamba uhambe ubhekane nayo!
60.Uma ufuna ukungasheshe ufe, uyakwazi ukufuna ingelosi ezokubheka, ikuvikele nanoma yini engase ikubulale isikhathi sakho sokufa singakafiki! Kodwa inglosi iyanikelelwa!
61.Uma ufuna ukuthi ekufeni kwakho ungaguli isikhathi eside usezinhlungwini, uyayifuna ingelosi ezokubheka kuleso simo, okothi uma sekufike isikhathi sokufa, uvele uhambe ungazange waba sezinhlungwini ezinkulu.
62.Okokugcina, ithi ingelosi ubunzima okukhulu kakhulu kusekufeni! Abantu abaningi kuthi uma befa umphefumulo wabo ungene nesidumbu sabo ethuneni.
63.Uma kungenjalo, uvele uduke emahlathini iminyaka ngeminyaka ungayi ezulwini!
64.Njengoba kuhlale kwenzeka ukuthi noma ubukholiwe, kodwa usheshe ufe noma ufe kabuhlungu, kuyenzeka futhi ukuthi uthi ubukholiwe, kodwa ngezizathu ezahlukahlukne ungayi ezulwini!
65.Ukuze uvikeleke kuzo zonke lezi zimo, kumele ube nengelosi okumele uyinikelele njalo ngenyanga, njengoba usuke ukhokhela umshuwalensi.
67.Uma usuwenze lokho, lengelosi izohlale iseduze kwakho, ikuvikele kulokho othe uma uyinikelela wayicela ukuba ikuvikele kukho!
68.Okuhle ukuthi lengelosi esihlala nayo, uma ikufundisa into, iyakubonisa usizo lwayo! Thina enkonzweni sasihlale sifelwa ngabantu iminyaka yonke, ikakhulukazi abagcotshwa!
69.Kodwa selokhu ingelosi yasifundisa ngalo mnikelo wokucela ukubhekwa zingelosi, sekuphele iminyaka emine engekho ebandleni umuntu ofayo!
70.Sekufike i-Covid-19, ingelosi yathi ngalo mnikelo asicele ukuthi kuleli bandla engaba bikho umuntu obulawa yilesi sifo, sinikelele nemindeni yethu.
71.Nempela kwaba njalo, akekho ebandleni owake wabulawa yilesi sifo, nemindeni yethu yasinda ngenxa yalesi sicelo!
72.Kodwa njengoba nomshuwalensi wasemhlabeni unemibandela, kanjalo nomshuwalensi wokuvikeleka kwakho unemibandela!
73.Awukwazi ukunikelela umshuwalensi ungahambi ngokwezimiso zikaJehova! Okokuqala kumele ube ngophelele ekukholweni!
74.Ingelosi ibheke kakhulu uhambo lomphefumulo, thina yaqala ngokusifundisa ukukholwa okwamukelekile ezulwini.
75.Sithe uma sesihamba ngomkhondo wezwi likaJehova, yabe isisifundisa ukunikelela ukuphepha kwethu ngezindlela eziningi! Yathi lokhu esikunikelelayo asikwazi ukungakutholi ngoba sesingabantwana bakaNkulunkulu!
76.UNkulunkulu unguYise wabamkhonzayo, nengelosi ihlala nomuntu oyisikhonzi sikaNkulunkulu!
77.Uthi uShembe, ukukholwa kwethu kulobu buNazaretha kulidwala elibushelelezi elehlula abaningi! Uma uthanda ukusilandela lapha siya khona, uboqale uthenge isibindi!
78.Uma uthanda ukuya ezulwini, zimisele ngokukholwa njengomfundi ofuna ukuphasela ukuya e-University! Izulu liyasetshenzelwa!
79.Ingabi bikho into yalapha emhlabeni eba ligugu ukwedlula umthetho kaNkulunkulu! Uboba ngumuntu ohlale ecela kuNkulunkulu ukwenyanya isono, nokuthanda izwe elizayo ngaphezu kwezinto zonke!
INkosi ibusise izwi layo.
Le nkonzo iyatholakala kuYouTube nakuFacebook othi: Rev Mpanza NCG.