Asingabe sisaphunyukwa ilokhu kuhamba bantwana baseZulwini, uma uphelelwa ngamandla uwa endleleni vuka uzithathe, uma kungasahambeki dondolozela, uma lokho kungasenzeki guqa ngamadolo ukhase, uma nakho kungasenzeki nyobozela phansi uphikelele, nakho lokho uma kungasenzeki bambelela emphethweni yezingubo zalaba abasenamandla okuhamba, noma izandla zakho ziphelelwa amanda bambelela ngamazinyo AND KEEP YOUR EYES ON THE PRIZE ubenenkani enhle ethi “EKUPHAKAMENI KHONA NGIYAYA” ugade kakhulu isitha esingaphakathi kwakho.
Intshumayelo yangeSabstha lomhla ka 21 September 2024. Ngu mshumayeli Mphathi Shangase.
ISIHLABELELO 226- KUFA WENA UYISITHA.
1
Kufa wena uyistha
Kubo bonke abaphilayo
Abadala nabancane
Nxa ufika bayakhala.
2
Awuncengwa, awunaki
Umthandazo wentandane
Awunaso isihawu
Ngenyembezi zolusizi.
3
Kufa wena awukhethi
Isicebi nempofana
Awunakho ukuthengwa
Ngagolide nesiliva.
4
Oyi nkosi noyinceku
Bayafana elibeni
Bembathiswa ingubo yinye
Yona impethu nentuthwane.
5
Kufa wena uyanqoba
Iziqhwaga namashinga
Konke okusemhlabeni
Phambi kwakho kuyagoba.
6
Nkosi yami ngisindise
Ekufeni kwesibili
Ma uphile umphefumulo
Nxa kubhubha okwenyama.
1 Ngiyabonga umusa, ngibonga uthando, ngibonga ukuhawukelwa, ngibonga ukuncengwa nesineke uThixo abe naso kimi. Uyaye ungazi ukuthi uma uNkulunkulu njengoba umhlaba ungaka, unezigidi ngezigidi zabantu, ukuthi uma ekhetha umuntu onjengami usuke eqondeni. Kodwa kulotshiwe ke ukuthi imicabango yakhe iphakeme njengangolokho amazulu ephakeme kithi, nezindlela zakhe ziphakeme futhi ngokunjalo.
2 Uma uphuma manje emhlabeni, zonke izinkampani uma ziqasha zifuna umuntu omuhle, owaziyo, obekezelayo, okhuthele, ofundile futhi one experience, nezinsizwa uma zifuna ukuvusa imizi yoyise ziyaye zicinge izintombi ezinhle, ezinesimilo, ezithobekile nezikhuthele, noma umuntu efuna inkomo, ufuna enhle, ekhethekileyo, eyehlula ezinye, noma enemali encane akaze afuna inkomo efana nemali yakhe kodwa loThixo waseKuPhakameni yena wehlukile, uyamangalisa.
3 Uyaye athathe umuntu onjengami nje, onezono, ongakhuthele, ohlwempu, oyintandane, owumfelokazi, ogulayo, oswele, onosizi, bese eqoqa labo bantu ukuze akhe into yakhe enhle. Leyonto noma ungahamba umhlaba wonke ayikho, ngisho lapho ekuhlala khona izintandane uma intandane isindala isikwazi ukuzimela iyaye ikhishwe endaweni yezintandane kodwa lapha eKuPhakameni ufika uyintandane, uNkulunkulu akuphe abazali,nabafowenu nodadewenu, nabafika bethukwa emazweni akubo kuthiwa izinyumba, kodwa namuhla bagone abantu, nabafika sebehlelelwe ngisho imincwabo yabo, namuhla sisina nabo, kodwa noma sebebahle uNkulunkulu waseKuPhakameni uyaqhubeka abagone, elokhu ebakhazimulisa nje ngoku lunga kwakhe.
4 Ngabona kwi diary kamama eseshonile indawana lapho uMama ebhale khona ukuthi “Ngeza kuJesu ngimanikiniki” lento yase ingithinta futhi ayizange iphinde iphele kimi, ngazithatha mina ngambatha lawomazwi ngoba nami “Ngeza kuShembe ngimanikiniki” uShembe lo wangigeza ngomusa wakhe, wangenza indlalifa yezulu, wangipha ipharele elihle.
5 Sengathi ke bantwana bokukhanya singebe sisayishiya lendlela, noma sesigula, noma sificwa ukuhlupheka, noma ubuntandane, noma ukudinga noma ukweswela kwanhloboni, singabe sisakushiya lokhu kuhamba. Njengoba sihleli lapha nje kubanda kangaka, omubi akhathandi, ngoba abantu basezingubeni, baphuza amatiye, babase umlilo kodwa thina sisemakhazeni, sikudelile konke lokho ngoba sizama ukusho kuThixo ukuthi “Nkosi Baba siyakuthanda noma wena ufihliwe” Sinethemba ukuthi ngelinye ilanga sizoba sendaweni enhle lapho amakhaza engekho khona, Sinethemba elihle lokuthi lokhu kugodola akusayuphinde kusithole ngoba uKhonzekile uzosisibekela phansi kwamaPhiko akhe, akhanye yena phezu kwethu singabe sisezwa izinhlungu, Sinethemba elihle lokuthi yena uzokwelula isandla sakhe asesule izinyembezi, asithobe amanxeba, apholise izinhliziyo zethu.
6 Ngoba uma ngingathi umuntu ngamunye akasukume asilandise indaba yempilo yakhe hleze angeke ukwazi nokudla emva kwalokho ngenxa yezinsizi zabantu kulomhlaba ngoba ngendlela ekuyaye kube nzima ngayo uyaye ungazi ukuthi lomuntu oseguge kangaka wa-surviva kanjani ezintweni ezisinda kangaka. Kukhona usizi olukhona emhlabeni olusinda ulizwa, ungabe usazi ke ukuthi lo okumele aluphile uphile kanjani nalo iminyaka eminingi kangaka kodwa ngiyaniduduza bangcwele, ngiziduduza nami ukuthi uBaba wethu oseZulwini uzosesula izinyembezi, uzosiduduza, ngakho ngithi qiniselani maqhawe, ekupheleni kwalezo zinsuku niyongena eKuPhakameni. EMUVA ASISAYI AMEN!
7 Uthi uBaba Ilanga akekho umuntu ongakwephuca lokhu kuhamba kwethu, akakho umuntu ongakuphuca ukuthi ubukhona eSabatheni, njengoba besihlabelele nje akasekho ongaphinde akwephuce lokho. Ngizwe into ebuhlungu kakhulu siphelezele esinye isihlobo esilapha phakathi kwethu ukuthi; sesihanjelwe ngabantwana abane emhlabeni. Lento yangidida kakhulu, nanamuhla uma ngiyicabanga ngiyaye ngiphelelwe ukucabanga ukuthi konJe lolusizi olungaka lomuntu uwathathaphi amandla okuluthwala? Lento esinda kangaka uhamba kanjani nayo? Ngoba ngesinye isikhathi ngiyaye ngimbone ehleka, ngimbone ethokoza kanye nathi, ngidideke kakhulu ngoba lento esemahlombe akhe iyesinda kakhulu. Kodwa ngafikelwa enhlizweni yami izwi elithi “INkosi yaseKuPhakameni izokwesula izinyembezi mama wami, lenhliziyo yakho eyophayo iNkosi iyayibona, mhla ufika phambi kwakhe, uBaba uyoyithatha ngesandla sakhe sokulunga ayipholise amanxeba”
8 Uyaye ucabange uphelwe umqondo ukuthi konje umuntu uphila kanjani aze aguge kuthiwe akaze ambone unina owamzaloyo, yinto enjani leyo ukuthi uphile kodwa ungaboni lapho owavela khona, umthombo uThixo akhetha ukuthi ufike ngawo ushe ngosuku lokuzalwa kwakho ningene nibabili egumbini lokubelethela kodwa mhla uphuma uphume usuwedwa, uMama wakho asale khona lapho. Ungathi usizi olunjani lolo? Iliphi isiliva negolide ongalipha lowomuntu ukuze aduduzeke? Imaphi amakha ongamugcoba wona ukuze lolusizi lusuke kuye?
9 Ithi ke ingoma yamaKrestu “Akehlulwa lutho uJesu” nami ke maNazaretha ayiNgcwele ngithi akehlulwa ilutho uShembe waseZulwini. Ngelinye ilanga uyofica uBabamkhulu esekulindile, uze kuyena ukhala ebese evula uMjiva wakhe akwange ngawo, ucambalale esifubeni sakhe. Usho kuye uthi “Nkosi yamukela ithemba lami” bese naye athi “Wozake mntanami, ngokwamukelisa ngethemba” bese ekududuza yena ngothando lwakhe olungenamkhawulo. Asingabe sisaphunyukwa ilokhu kuhamba bantwana baseZulwini, uma uphelelwa ngamandla uwa endleleni vuka uzithathe, uma kungasahambeki dondolozela, uma lokho kungasenzeki guqa ngamadolo ukhase, uma nakho kungasenzeki nyobozela phansi uphikelele, nakho lokho uma kungasenzeki bambelela emphethweni yezingubo zalaba abasenamandla okuhamba, noma izandla zakho ziphelelwa amanda bambelela ngamazinyo AND KEEP YOUR EYES ON THE PRIZE ubenenkani enhle ethi “EKUPHAKAMENI KHONA NGIYAYA” ugade kakhulu isitha esingaphakathi kwakho.
“Ngaphakathi kwami ngedwa kukhona izitha zami, ezilwa nayo yonke imvumelwane yakho”
10 Sithi Gabi Gabi webantu bomhlaba ngalamandla kaThixo esihamba ngawo. Sigabisela abantu bomhlaba ngoba thina sithe uma sibizwa asizange safica igolide elibonwa ngamehlo kodwa sanikwa ubuNgcwele. Washo uMelusi wathi lobu buNgcwele obakho, sanikwa iSabatha, sanikwa ukusina, sanikwa inkonzo ka-23, eka 14 neka 25 kwathiwa lokhu kuhamba ngokwakho wedwa. Thina sinefa! Sinegolide laseZulwini!
11 Ngigabisela abantu bomhlaba abanamathemba ashabalalayo, ngigabisela abantu bomhlaba abathembe izinyongo zezimbuzi noma behamba beya emsebenzini, ngigabisela abantu bomhlaba abangena ezikhotheni beqoqa utshani ukuze bakhe amathemba. Bantwana baseKuPhakameni kwenzeka into enzima, lapho kuthathwa inja engenamnikazi, ehamba indinda, igula inezilonda ibulawe, kuthathwe ithambo layo lishiswe kwenziwe insizi, umuntu agcatshwe ifakwe kuye lensizi kodwa bese ethi yena uzophila. Uzophila kanjani egazini lakho kukhona inja eyayindinda? Uzophila kanjani kukhona inja eyayigula inezilonda egazini lakho?
12 Thina kodwa sinethemba elisha, sinethemba elihle. Njengoba ngihleli lapha ngiyazigqaja ukuthi lapha eqolo anginayo intanjana enomcamelo ofakwe umuthi engethembele kuyo, engithi uma ngivuka ingekho ngishawe uvalo. Asikho isikhumba sembuzi eyayigula -eyathengwa ngoba sekushoda imali-engithi ngithembe sona. Akukho mabhande engiwabophile avela enyangeni engiwathembile kodwa ngithembe uThixo waseKuphakameni, ngihamba nje nethemba eliphilayo. Ngisho uThixo waseKuphakameni ohlala enhlizweni! Sithi Gabi Gabi webantu bomhlaba!
Incwadi ka 1 Johane 4
4 NingabakaNkulunkulu nina bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni. 5 Bona bangabezwe; ngalokho bakhuluma okwezwe, nezwe liyabezwa. 6 Thina singabakaNkulunkulu; omaziyo uNkulunkulu uyasizwa, ongesiye okaNkulunkulu akasizwa. Ngalokho siyamazi umoya weqiniso nomoya wokuduka.
13 Njengoba uMelusi ehlale ememezela ukuthi Izwi LeZulu lizwakele emhlabeni wonke bese bephikisa; ingoba bona vele bangabantwana bezwe. Kodwa, thina ngoba singabaka Nkulunkulu siyezwa ngoba okukaNkulunkulu kuyakuzwa okukaNkulunkulu. Uthi uJohane; Siyamazi umoya weqiniso! Ngiyagabisa, ngigabisela abantu bezinkolo, ngigabisela laba abakhonza itabunga abalibumbe bona ngezandla zabo. Kukhona into edabukisayo! Lapho abantu bexova itabungu ngezandla zabo bese belibeka phezulu beliphakamise bese bethi “Wena tabunga wadala izulu nomhlaba” Balingunge itabangu, basine phambi kwalo, bathenge izimoto, bakhe imizi njengoba kwenza abantwana base bhabheli!
14 Nanamuhla kunjalo, bayabuthana phambi kwalo basine, bathi “Ngaphandle kwakho tabunga angisilutho” kodwa esho into exovwe uyena, wayipheka yase iba utho. Omunye afakaze athi “Bengihamba emgwaqeni ngacishe ngashayiswa imoto kodwa ngenxa yakho ngisindile tabunga” omunye athi “Bengifuna umsebenzi namuhla sengiwutholile ngenxa yakho tabunga” kodwa esho itabunga alixove yena ngezandla zakhe, wase elibeka phezu kwakhe wathi lidale izulu nomhlaba.
15Thina kodwa singabantwana besambulo, kwehla ukukhanya, kwehla isigijimi saseZulwini seza kuMelusi noMfundisikazi base bevula izandla bekuthatha esasikulethile, base besifundisa nathi. Akufanele sikufihle lokho, noma sesifundisa abantwana sisho ukuthi “Lokhu kungenxa yesambulo saMelusi noMfundisikazi” Uma sikufihla sizoba sengozini yokungena kwi internet senze ucwaningo kodwa sithi sikhuluma sikhulume singaphandle kwesambulo. Thina ke singabantwana baleso sambulo.
16 Sithi ke, Gabi Gabi webantu bomhlaba! Gabi Gabi webantu abasakhonza amandiki namandawu! Thina sisethembeni elisha, siyagabisa! Sigabisa ngalamandla esinawo, sigabisa ngobuNgcwele, sigabisa ngalolu dondolo eliwumthetho kaThixo.
17 Ngelinye ilanga kwaphuma usathane eyisimo se-Covid. Wahamba ebhonga kuzo zonke izindawo. Ngabona itabunga licasha kwangabe kusashiwo ukuthi Ilona eladala izulu nomhlaba, ngabona ababhishobhi abakhulu becasha, kwaphela naba profethi ezweni. Ngangithi uma ngivula iTV ngilindele ukuthi ngizobabona, ngizwe bekhuluma ngalesi sifo kodwa ngafica bengekho sekudlala izingoma ze-gospel sebebalekile! Singakhohlwa ukuthi siphuma esikhathini esinzima lapho abantu babefa baze babolele ezibhedlela. Kwamanye amazwe kwaphela nendawo wokungcwaba umuntu wayehlala nesidumbu sesihlobo sakhe size sibole! Kwanuka ezweni, impukane izale impethu, nempethu ikhule idla isutha ize ibe impukane iphinde izale!
18 Izimpethu zazibusa zidla izidumbu zabantu baja Nkulunkulu. Kodwa thina ngoba sihamba noThixo, sanikwa umthombo wokuphila, kwaphuma imbenge eyayimema bonke ababefuna ukusinda! Nanamuhla akukho ngisho umutnu oyedwa wakuleli bandla owafa ngenxa ye-Covid! Nase zulwini kulotshiwe ukuthi alikho ithuna lomuntu wase NCG owafa nge Covid! Satshelwa ingakafiki ukuthi kukhona isifo esizayo ngakho asinikele sicele uJehova asisindise nempela sasinda!
19 Kuthina kwehla ukukhanya, uThixo ophakathi kwethu wavula amaphiko akhe, wase esibiza wathi “Ngenani lapha nina bantwana bami, nizosinda ekufeni komhlaba” Sithi ke Gabi Gabi webantu bomhlaba!
Nkosi yami ngisindise
Ekufeni kwesibili
Ma uphile umphefumulo
Nxa kubhubha okwenyama.
INkosi ibusise enikuzwile.