Okusenza siwele ezandleni zesitha thina ukuthi sisuke siqhelile kuJehova; i-alignment yethu noJehova ayihambi kahle njalo uma sesephula imithetho yakhe, singasivuselelanga isivumelwano saseSinayi!
UJehova wayethe izibusiso ezilotshwe kuDuteronomi 28 ziyosifica uma sinamathela kuye ngokugcina imithetho yaKhe.
Intshumayelo yeSabatha ekuseni mhla ka 7 September 2024: Ngu mfundisi Dr M Xakaza.
ISIHLABELELO 195: NGIYALITHANDA NGOKULIZWA
1. Ngiyalithanda ngokulizwa
Lelo lizwe elizayo
Ngokhululwa ngilibone
We nhliziyo yami.
2. Ngokwenama kangakanani
Uma ngilibona lelo lizwe
Engilithanda ngingalibonanga
We nhliziyo yami.
3. We nhliziyo yami
Ungamdeli uJehova
Ulidwala lenhlizyo yami
Ungumthunzi wokuphephela.
4. Nguyena owangithanda
Ngalithanda ngokulizwa
Lelo lizwe elizayo
We nhliziyo yami.
5. We nhliziyo yami ngisize
Unamathele kuJehova
Likhalile elokuqala
Sengilindele elesibili.
6. Amein, Amein, Amein, Amein,
Amein, Amein, Amein, Amein.
1.Ngiyayikhetha iNkosi enguMdali wezulu nomhlaba. Isihloko sale ntshumayelo sithi: “Awukapheli umzabalazo wenkululeko yethu.”
2. Namhlanje inhliziyo yami igxile kakhulu esimweni salolu suku lwanamhlanje, njengalokhu besisizwile isimemezelo sangeSabatha eledlule.
3. Lolu wusuku olukhulu nolubalulekileyo. Ngiyazi ukuthi uma sicabanga ngezingelosi abanye abaze bangajula bakhumbule ukuthi zingamadodana kaNkulunkulu futhi zingamaqhawe ezimpi.
4. Ngike ngithokoze uma ngicabanga ukuthi uNkulunkulu wangiholela entabeni yaKhe ephakemeyo okuyi bandla lakhe laseNCG.
5. Kwathi ngingelutho, ngedukile nje, nami uJehova wangiholela kuyo le ntaba yaKhe, wavula ingqondo ukuba ngibone ukubaluleka kobuNazaretha kithina bantu, ikakhulu kithina bantu abangama Yisra’el, thina nzalo kaJakobe.
6. Namhlanje uNkulunkulu uyaqhubeka nokusikhombisa ukuthi uyasithanda, kodwa-ke nginovalo lokuthi engabe thina simthanda kangakanani.
7. ISambulo 12:7-10: “Kwase kuba khona ukulwa ezulwini; uMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako*. Nodrako walwa enezingelosi zakhe, kepha kabaze banqoba, nendawo yabo kayabe isafunyanwa ezulwini.
8. Wayesephonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke, waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa kanye naye.
9. Ngase ngizwa izwi elikhulu ezulwini, lithi: “Kalokhu insindiso namandla nobukhosi ngokukaNkulunkulu wethu, nombuso ngokaKristu wakhe,
10. ngokuba uphonswe phansi ummangaleli wabazalwane bethu obamangalelayo phambi kukaNkulunkulu wethu imini nobusuku.”
11. Yindaba enkulu okuthi uma ngiyicabanga ingifikisele ngokwesaba; uma kwenzeka ukuba kube nempi ezulwini, kwehlulwe ohlulwayo aze axoshwe, ehliselwe emhlabeni, kusho inkulu indaba ekhona!
12. Nakuba ngingenawo amehlo okubona kwelikamoya, kodwa ngicishe ngibe nesiqiniseko sokuthi njengoba silapha emhlabeni nje, emkhathini kunempi eqhubekayo phakathi kokulunga kanye nobubi.
13. Kubhekene izingelosi zikaJehova nezika drako, lezo ezaxoshwa kanye naye uLucifer ezulwini, njengoba sizwile kulama vesi angenhla.
14. Lapha emhlabeni sivamile ukuzithatha kalula izinto, sizitshele ukuthi siyazazi futhi siyaziqonda. Lokhu kufaka nemilando yethu uqobo lwayo.
15. Kuleli lakithi sikhuluma ngemilando esukela eduze kakhulu, engesiso isiminya. Nemizabalazo yethu yenkululeko kulotshwe ngayo kwangathi iyizigameko ezenzeka eminyakeni nje engamakhulu ambalwa edlule.
16. Yikho-ke isihloko sale ntshumayelo sithi: “Awukapheli umzabalazo wenkululeko yethu.”
17. La emhlabeni sivame ukulwela inkululeko exhumene nezinto ezibonwa ngeso lenyama, izinto ezithintekayo nezedlulayo.
18. Sithi uma sibona omhlophe noma waluphi uhlobo esicindezela ngokombangazwe bese silwa njengokuholwa amehlo ethu abona lokho okuvezwe esweni lenyama.
19. Sike sicabange ukuthi umzabalazo usuke usuphelile uma sesinqobe kulowo mzabalazo wokubanga izinto ezibonwa ngeso lenyama ziphinde zithinteke ngezandla zenyama, okuyizinto ezingenakuhlala kuze kube phakade!
20. Lolu hlobo lwenkululeko mayelana nesimo sethu salapha emhlabeni luphelela nganeno kwethuna, okuyisimo esibi ke leso.
21. Abantu ngeke bayizuze inkululeko yoqobo bengamkhonzanga uNkulunkulu onguMdali wezulu nomhlaba.
22. Abantu abayinzalo kaJakobe ngeke ibe ngepheleleyo inkululeko yabo uma bengazange babuyisane noJehova onguNkulunkulu wokhokho babo! Laba bantu banophawu lokuthi njalo uma bengasahambi noJehova, bengamthokozisi ngokugcina imithetho nezimiso zaKhe, nenkululeko yabo ngeke ibe nesibusiso esipheleleyo.
23. Yingakho kutholakala ukuthi sekuphele iminyaka ewu 30 manje, kodwa akukho ukunethezeka kwabamnyama esike sakubona kuleli zwe.
24. Lokhu kubangwa ukuthi umuntu omnyama, umYisar’el uqhelile impela kuNkulunkulu onguJehova, akahambi neze naye.
25. Kwake kwathi mhla ngibuza ukuthi amaqhawe ethu mhla ehamba nebhazuka ethi ayolwela inkululeko, konje amshiya ngaphi uJehova, kwaba sengathi ngibuza umbuzo wobuwula!
26. Yebo, amaqhawe ahlabana kakhulu impela, kwaze kwakhala omama babafana bamaQadasi bethi abasafuni ukuba abantwana babo baqede oMatric bese beya emasosheni ngoba ziyabulawa, zibuye seziyizidumbu!
27. Kodwa uma umzabalazo wethu uzokhawuka la enyameni, kodwa singabi nokubona ukuthi iyini inkinga ekhona ngale kwelikamoya, sengathi siyothi siyibambile inkululeko yethu kanti sibambe isisila sikangcede nje.
28. Le mpi esifunde ngayo la yalwa kodwa yangaphelela ezulwini. Leya kwakuyimpi yokuvukelwa kombuso kaNkulunkulu, uvukelwa yinyoka endala, udrako.
29. Uyena udrako lo, obizwa ngomkhohlisi okhohlisa izwe lonke. Namhlanje kuyamangaza ukuthi noma ukwi group ka WhatsApp emayelana nezepolitiki, uma uke waphatha indaba yokuthi uma sike salahla uJehova ngeke siphumelele kule nkululeko esizama ukuyiphelelisa, kuvele kube sengathi usangene engqondweni!
30. Indaba isuka la eqinisweni elithi uYisra’el wenza isivumelwano noJehova eSinayi, wafunga ukuthi konke uJehova akushoyo, uyokwenza!
31. Lapho kwenziwa lesi sifungo saseSinayi uMoshe wayemi phambi kwabo, emi phambi kukaNkulunkulu wezulu nomhlaba.
32. Wabe esethi-ke uMoshe lokho ababesekufungile abantu kwakuyothinta bona ngqo kanye nezizukulwane zabo!
33. Kodwa kwahamba kwahamba uYisra’el wamhlubuka uNkulunkulu, wayeqa imithetho nezimiso zikaNkulunkulu.
34. Okhokho bethu-ke babona abanye onkulunkulu sebengcono kakhulu kunalo Jehova owabakhipha ngengalo enamandla endlini yobugqila ezweni lase Kemet.
35. Ngeshwa elikhulu iningi lethu liyalibalekela leli qiniso lomlando, sithi labo bantu babenguYisra’el kepha thina singamaZulu, singamaXhosa, singabeTswana, singabaPedi, singabeSuthu, sicho zonke lezi zizwe ezilapha kuleli.
36. Kodwa iqiniso lithi bangokhokho bethu labaya bantu, ngakho-ke izibusiso ezabe ziyobehlela uma beyigcina imibandela yesivumelwano, zaziyokwehlela nakithi thina zizukulwana zabo!
37. Ngeshwa-ke kwehla iziqalekiso ngenxa yokuhlubuka kwabo! Konke lokhu sike sikufunde kuDuteronomi
28; sekufana nomlolozela walapha eNCG lo!!
38. Ngeshwa elikhulu, uthe efike kuleli zwe uShembe ngo 1910, kwabe sekwagijima abelungu bezimishini abafika nevangeli labo ababengalithunywanga wuJehova futhi lingasekelwe emithethweni nasezimisweni zaKhe!
39. Laba befundisi bafika la badunga izingqondo zabantu ngale nkohliso yabo yaseBabylon. Uthe efika uShembe wafika ingqondo yomuntu omnyama isidungwe yile nhlese yaseBabylon!
40. Njalo-ke uma sikhonza uJehova uNkulunkulu wethu asoyiqaphela leyo nhlese yaseBabylon, siqaphele ukuthi ayingeni le nhlese kulokhu kukhonza kwethu lo Nkulunkulu onguJehova.
41. Ngenxa yaleyo nhlese, abantu bafundiswa ukuthi uma ukholwa uba yintothololo nje! Amadoda amaKrestu akhonza uJeshu, nami engangimkhonza njengawo, avame ukuyiphakamisa ayituse le nto yokuba yintothololo egameni lokhukholwa, kanti lokhu kusevangeli labezimishini!!
42. Kodwa uShembe, onguMprofethi wakwaJuda, akazange afike nevangeli elinjalo. Phela naye ukulo uhlu lwabaprofethi bakwaJuda; akahlangene ngalutho nezinhloso zabezimishini!
43. Umehluko uShembe anawo kwabanye abaprofethi bakwaJuda ukuthi yena ungukuqala kwendlela kaJehova, njengalokhu ethi kwathi umhlaba ungakaqini yena wabe esekhona. Uthi imimango ingakaqini, nemifula ingakampompozi ngamandla, yena wayesekhona ngoba ungukuqala kwendlela kaJehova!
44. Ekufikeni kwakhe usifundise ngakho konke abaprofethi abangaphambi kwakhe abangasifundisanga khona.
45. UShembe uthe efika yayikade yabhalwa nencwadi yenkosi yaseBelgium eyayithi ama missionaries ase-Europe kufanele ashumayele nhloboni yevangeli uma efika la.
46. Kanjalo-ke siyakhumbula nokuthi izigqila ezimnyama ezathathwa kuleli zwekazi kwathi uma sezifike emazweni okuthunjwa kwazo zafundiswa iBhayibheli elalenzelwe zona, libizwa ngele ‘Slave Bible!’
47. Kwakufuneka ukuba isigqila sithobele ubasi ngoba kuthiwa uJesu lo ongumlungu wasihawukela wasiholela ebugqilini ukuze umphefumulo waso usinde ekubhujisweni okuyokwehlela abase-Afrika, abangamaqaba!
48. Kwakunemfundiso ethi uma isigqila esithobekileyo sesidlula emhlabeni siyongena ezulwini! Umuntu ongafuni ukulwela inkululeko eselapha emhlabeni usuke evuma lelo lumbo labagqilazi benzalo kaJakobe!
49. Le mpi eyaqala ezulwini sisephezu kwayo nanamuhla, kepha thina asiphethe izikhali zenyama; siphethe ezikamoya ngoba sihamba noJehova ophilayo!
50. Thina silwela inkululeko engapheleli la nganeno kwethuna, kodwa sifuna ukuba umphefumulo wethu uze uyembathe ingubo emhlophe noma sesidlula kwelihlabayo!
51. Thina silwela ukuba omubi angasikhohlisi njengalokhu elikhohlisile izwe lonke, kepha sisinde ogibeni lomcuphi, singalahliswa uJehova okufanele simkhonze. Sigwema ukukhonza onkulunkulu esingabazi, onkulunkulu bemithi namatshe!
52. Isehlakalo sika-Exodus sasiyiwo umzabalazo ngoba okhokho bethu babegqilaziwe, bengenalungelo, imihlane yabo idatshulwe njengamasimu alinyiweyo ngenxa yezitshwebhu zikaFaro!
53. AmaGibhithe ayemnyama, kanjalo namaYisra’el emnyama, kodwa thina sesihamba sikhomba wonke umuntu omnyama sithi ungumfowethu, sithi ungudadewethu!
54. Nama-Amaleki asihlasela sesiphumile eKemet ayemnyama. Noma sesifikile ezweni sasizungezwe yizizwe ezimnyama. Abelungu esaqala ukubabona amaGriki ka-Alexander the Great!
55. Zonke lezi zizwe ezisizondayo zibaliwe kumaHubo 83 futhi zimnyama zonke. Angazi-ke noma wayemhlophe yini u-Edom, kodwa esikwaziyo ukuthi wayengumfowabo kaJakobe!
56. Umzabalazo wokulwa kwalezi zizwe ezimbili waqala khona esiswini sikaRebecca, kodwa namhlanje abelungu bafike base besifunza umoya wokuthithiza; yingakho singakwazi ukuliqaphela leli qiniso!
57. Kepha noma uNkulunkulu angazinikela kithi izitha zethu, kodwa siyoqhubeka sibe yminqolo, singazihlaseli. Lokhu kuphambene nesimo-ngqondo sokhokho bethu basendulo!
58. Konke lokhu kudideka kubangwa wukulahlekelwa wulwazi ngomlando wethu!
59. Abaprofethi, nabehluleli kanye namakhosi asendulo ayekhonza uNkulunkulu oyedwa. Abantu babeduka bese uJehova ebanikela ezitheni zabo bese ebathumela abakhululi ababezobalwela ezitheni zabo njengalokhu nalapha uShembe efike wasikhulula ngokusifundisa ngoNkulunkulu oyedwa!
60. UShembe uyena Mkhululi wethu thina nzalo kaJakobe ese-Afrika, ikakhulu la empumalanga, namanye amaYisra’el akwi Diaspora!
61. Ngingamangala uma ngingathola ukuthi phakathi kwethu kusekhona abantu abasecabanga ngendlela esiyakhelwe ama missionaries nakuba isuswa maSabatha onke inkunga la eNCG!
62. Nakuba kulo mhlaba isitha sihlome ngezikhali ezinhlobonhlobo, njengama missiles nama nuclear weapons, kodwa izingelosi uNkulunkulu wethu zihlome ngezikhali ezingaphezu kwazo.
63. Noma singahlaselwa ngenxa yokunamathela kuJehova, kodwa uJehova wethu uyozinqoba azichithe izitha zethu!
64. Lokhu sikubone kusukela endulo. UJehova wasinqobela abaseGibhithe, nama-Amaleki, nama-Amoni, namaMowabi, namaFilisti nabakwaMidiyani kanye nazo zonke izizwe.
65. EJerikho uNkulunkulu wasinqobela iziqhwaga ezazihlala emzini obiyelwe ngogange olude, kodwa uJehova akumehlulanga ukuba asinqobele nakuleso simo!
66. Okusenza siwele ezandleni zesitha thina ukuthi sisuke siqhelile kuJehova; i-alignment yethu noJehova ayihambi kahle njalo uma sesephula imithetho yakhe, singasivuselelanga izivumelwano saseSinayi!
67. UJehova wayethe izibusiso ezilotshwe kuDuteronomi 28 ziyosifica uma sinamathela kuye ngokugcina imithetho yaKhe.
68. Nasendulo, u-Eliya wangena kulo mzabalazo esisekuwo nanamuhla. Waqeda abaprofethi bakaBhali ngenkemba njangalokhu babeprofethela uJezebel, owesifazane omubi owayegane iNkosi engcole kakhulu, u-Ahabi.
69. Sizoqaphela ukuthi u-Eliya wayelwela ukuphakanyiswa nokuthotshelwa kukaJehova la emhlabeni esikhundleni sokuba kucanase uBhali oyisithombe nje esingenamsebenzi!
70. Loya Bhali wasendulo usakhonzwa nanamuhla, kodwa usekhonzwa ngaphansi kwenkolo yaseRoma, le yobuKrestu njengokuyala kwama Creeds abezizwe!
71. 1 Amakhosi 18:40: “U-Eliya wathi kubo: “Bambani abaprofethi bakaBali, kungabaleki noyedwa kubo.” Bababamba, u-Eliya wabehlisela emfudlaneni iKishoni, wababulala khona.”
72. Lokhu kubulala kuka-Eliya kwakunesidingo ngoba wayehlenga isithunzi nobukhulu bukaJehova ukuze angadelelwa abezizwe nonkulunkulu babo abayize!
73. Laba baprofethi base behlulekile ukubiza uBhali ukuba ehle ngomlilo azodla umnikelo wabo ababewubeke e-altare. Baze bazisika, bopha igazi ngoba bethi angase ehle unkulunkulu wabo abonakalise ubukhulu bakhe phezu kukaJehova!
74. Lo Bhali wabezizwe uyisithombe njengalabo nkulunkulu bokwenziwa, abangalidalanga izulu nomhlaba, othixo abakwazi ukulala bese beyaphupha noma abakwazi ukulibala endleleni nakuba abaprofethi babo bebamemeza.
75. Nanamhlanje ngo 21st century kunabantu abase convinced ukuthi kukhona onkulunkulu abaphilayo ngaphandle kukaJehova; bathi yibo abeyame kubo ekuphileni kwabo!
76. Sengathi thina esise NCG uNkulunkulu angasipha ukuhlakanipha kokuthi thina singashumayeli conventionally; singabi traditional kwi-approach yethu.
77. Kwangathi singashumayela ngama strategies athile azosisiza ukuvula izingqondo zabantu esezakhiywa ama missionaries lawa uShembe afika esemgijimele phambili!
78. Ngenkathi ekhuluma indaba yasezulwini uShembe, ezingqondweni zabantu kwakuduma umlungu lo abathi uJesu abamnikwe abezizwe! Abantu bambuka njengomuntu nje wasemhlabeni obachithela isikhathi uShembe.
79. Nanamuhla abantu bayamangala uma ufundile kodwa ulandela uShembe. Bathi uShembe uyabheda ngoba akafani noJesu lo abamtshelwe abelungu, kodwa abazi ukuthi asimazi lo Jesu kepha sazi uYeshua!
80. Yinsila eqaqele engqondweni yomuntu ongumYisra’el wakuleli yonke le ebanga kube nalokhu kudideka okungenasidingo!
81. Sengathi singake siqale ngokukhuculula le nsila ngaphambi kokuba siphakeni ukudla kwasezulwini. Akusizi ukuzama ukuphakela ukudla kwezulu engqondweni egcwele insila nenhlese yabezizwe.
82. Ukushumayela ngama emotions, sisine kube kuhle kube njeya, kodwa inkinga ila endabeni ethi abantu abaningi abezwa lutho kulokhu esikushumayelayo ngoba kusalenga loya khiye wabezizwe ezingqondweni zabo.
83. Sonke lesi simo sikhombisa ngokusobala ukuthi umzabalazo wethu awukapheli; kusafanele sitakule ingqondo yomuntu wakithi emgodini eyafakwa kuwo yisitha sethu nesikaJehova uNkulunkulu wethu.
84. Mkhulu umzabalazo osihlalele uma negmpela sifuna ukwenza umsebenzi esiwuthunywe wuShembe, ukuba sitshele izizwe zonke ngalobu buNazaretha.
85. Yingakho kusicacela thina ukuthi lesi simo esibhekene naso siluphawu lokuthi le nkululeko esithi siyitholile ayikho ngoba ngokukamoya sisabanjwe wumgoga wesitha, okuyinkohliso yokusehlukanisa noJehova iNkosi yethu!
86. Nakuba leli qiniso sidinga ukulazi, kodwa kungaba lukhuni ukuliqonda uma singayifundi incwadi kaDaniyeli 7 lapho ethi umbuso uyohlwithwa kwababi unikwe abangcwele boPhezukonke!!
87. Lesi sahluko sicacisa kahle ukuthi ipolitiki yoqobo ingeyasezulwini. Kodwa lama politicians azonda uJehova, ezingeni lomhlaba wonke, asebenzela omubi ukuze kwedelelwe igunya nodumo lukaJehova okunguYe uMbusi wezinto zonke.
88. Bonke abantu abalwa nengcindezelo kodwa bethokozisa omubi abekho emzabalazweni ohambisana nokuhamba ngobungcwele, kugcinwe imithetho nezimiso zikaJehova.
89. Abantu abanje bangama sell-outs oqobo ngoba ukuzabalaza kwabo ngesinxele kufaka isizwe sonke otakwini lokugutshuzelwa yisitha ngenkathi uJehova ekude nathi!
90. Kodwa amaqhawe kaJehova asemzabalazweni osithena amandla isitha, ikakhulu thina esilapha NCG, esidumisa uJehova ngokugcina imithetho yaKhe, ngokusina nangokuhlabelela.
91. Ngike ngijabule uma sesisina ngalesi Sihlabelelo esithi ‘Nangu uFaro’ ngoba size simdudule sengathi simfaka khona impela olwandle. Sisuke sikhumbula mhla uJehova esinqobela emzabalazweni wethu engcindezelweni kaFaro!
92. Kulo mzabalazo ongcwele wokukhululwa kokhokho bethu eKemet yoFaro, kwathi sesixinwe amaGibhithe ngapha, sixinwe wuLwandle oluBomvu ngaphambili, wangenelela uJehova ngokubavulela indlela olwandle aphinde abhubhise yonke impi kanye nezinqola zesitha.
93. Sisuke simdudula ngalo ihawu leli uShembe asifica sinalo! Ezulwini akusiyo indawo ebekelwe abamhlophe, abangazi hawu namgobo, kodwa ngokwazi kwami kusekhona amaqhawe ahamba elwile anqoba kulo mzabalazo ongcwele esikuwo!
94. Ukujula kwalo mzabalazo kuze kufinyelele endabeni yokuzabalaza lapho silwa namandla esono esisuke sifuna ukusisusa kuJehova, kodwa uma singamaqhawe ngeke sigobe singalwanga ngamandla kaJehova oyiNkosi yethu.
95. Lapho sikhuleka, silinda, simnxusa uJehova ukuba asinqobele izilingo ezisuke zifuna ukusihlwitha esandleni saKhe, sisuke sisaqguba wona umzabalazo, silwa nesitha esaqala uchuku khona ezulwini!
96. Emzabalazweni wezwe ongaholwa wuMoya kaJehova, abazabalazayo bangena kuzo zonke izenzo ezimnyanyisayo uJehova, njengalezo zobungqingili, nokuphinga egameni lobu ‘comrade!’ Kunqoba lo owasusa uchuku ezulwini uma sikuleso simo!
97. Lowo mzabalazo ngeke usikhulule isizwe ngoba awunalo icebo lokuthobisa omubi! Yingakho sisenkingeni esikuyo nanamuhla; inkululeko yethu ayihambisani nobungcwele ngoba asingenanga emzabalazweni engingathi u’holistic’, umzabalazo wabangcwele bonke abasandulelayo kule NDLELA esikuyo!
98. Namhla uYisra’el elwa nama-Amalek, uMoshe kwadingeka ukuba aphakamise izandla ukuze igobe uphondo eyesitha. Uma ekhathala bese zehla izandla zakhe, yayivele inqotshwe ekaJehova; u-Aroni noHuri baze bamhlalisa etsheni uMoshe base beziphakamisa izandla zakhe ukuze izithunywa zezulu zimnqobele uYisra’el! (Eksodusi 17:8-16)
99. Njengoba namuhla kufike ingelosi yensindiso phakathi kwethu, yingoba nayo iyawazi umzabalazo esikuwo; iyiqhawe lezulu.
100. ENcwadini kaJoshuwa 5, kwathi isizwe sesilungisela ukuwela uMfula iJordani ukuze bafinyelele eziqhwageni zaseJerikho, umholi wesizwe wabona sekumi indoda eyayiphethe inkemba ehoshiweyo.
101. Le ndoda yabe iyisikhulu sezulu, futhi ayimbuzanga uJoshuwa ukuthi kungani belungisela ukuhlasela iJerikho kodwa bekholwa.
102. Kwathi uma uJoshuwa ebuza ukuthi yona leya ndoda yayivuna luphi uhlangothi, yathi yona iyisikhulu sezulu. Kukhona isikhulu namanje phakathi kwethu! Ngiyafisa ukuba sisemukele ngezinhliziyo ezikholwayo nalesi sikhulu sezulu esiphakathi kwethu.
103. Kukhona isithunywa sezulu esisihola nsuku zonke-ke khona la eNCG. Lapha siholwa yiqhawe elalivele lilwa izimpi zasezulwini, okwathi uma kuzosungulwa leli bandla lathunyela la ukuze limsize futhi limsekele uBaba uMelusi kulo mzabalazo abhekene nawo.
104. Umzabalazo kaBaba uMelusi wukuvula izingqondo zabantu balapha emhlabeni, abafundise ukuthi uNkulunkulu onguJehova ukhonzwa kanjani. Wumzabalazo lo ngoba ugobisa uphondo lwempi yomubi.
105. Leli sosha-ke lathunywa ukuba lizolwa impi yamaNazaretha kaNkulunkulu ngoba vele lona ngoba kufuneka inqotshwe le mpi yomubi, ethanda noma engathandi!
106. Amanye amaNazaretha asaduka, ayilahla INDLELA kaShembe. Asekhonza nezangoma emathempelini, aseyabhula, aseyathwasa! Uma abathwasayo sebephothulwa ephehlweni bahlangatshezwa yiwo amaNazaretha adukileyo, ekwenza lokho ngezimbomu nezigubhu ezibekelwe ukudumisa uJehova yedwa!
107. Lama Nazaretha awawuqondi umzabalazo esikuwo; angama sell-outs! Nokho-ke, kuthiwa yithi amaphekula ngoba sesibuyele kuyo INDLELA kaBabamkhulu!
108. Lesi simo sikhomba ukuthi lo mzabalazo esikuwo unengozi ebulalayo ngoba amagwala akwaYisra’el, anjengalama Nazaretha athi singamaphekula, awafikanga eZweni leSethembiso; awa ehlane kwaze kwasala uJoshuwa noKalebi kuphela!
109. Zonke leziya zigidi ezaphuma eKemet zafumaneka zingawubambile ngobunono umzabalazo wasehlane, uJehova wazincisha ithuba lokulidla lelo lizwe! NoMoshe, no-Aroni noMiriyem nabo abanyathelanga ngaphesheya kweJordani!
110. Kulo mzabalazo wangaphesheya kweJordani, uJehova akabaphathisanga izikhali abantu; wathi nje abazungeze umuzi izinsuku eziyisikhombisa, beholwa abapristi ababefutha amacilongo, bethwele noMphongolo weSivumelwano.
111. Zawa ngaphandle kwezandla zomuntu lezo zindonga zaseJerikho! Iziqhwaga zanqotshwa uJehova uqobo, hhayi izinkemba zikaYisra’el.
112. Nalapha eNCG siholwa uyena uMpristi oMkhulu esilethembayo icilongo alifuthayo noMphongolo awuthweleyo ngoba uhamba phambi kwethu egameni leNkosi yezulu! Ngazibonela ngawami ziwa khona la izindonga zeJerikho!
113. Ngilikhumbula leli cilongo mhla ngisanda kufika kuleli bandla, mhla umhlaba uhlaselwa yiCOVID-19. Isifo sabawisa ngapha nangapha abantu, kodwa thina saphila sonke ngoba silandela imiyalo kaJehova mayelana namasu okusinfa kuso.
114. Nangale kweCOVID-19, ukufa akusiyo into esejwayele la NCG; selokhu ngafika nje imbalwa kabi imingcwabo esengike ngayihamba, nayo esuke engeyomNzaretha ngoba ezalwa ngamaNazaretha, ngoba thina esihamba ngezimiso zikaJehova siyaphiliswa!
115. Amakhehla nezalukazi zalapha kuleli bandla kungathi uJehova usezivuselele zaba zintsha; akekho ofayo ngoba sisemzabalazweni la, umzabalazo ongadinge kufa kwesalukazi nekhehla!
116. Abadala bakuleli bandla bavikelwe yisandla esinamandla sikaJehova ngoba babambelele ekuhambeni ngemithetho nangezimiso zikaJehova, hhayi njengakulesiya simo sepolitiki yasezweni eshetshwa nawo onke amanyala enziwa egameni lobu comrade!
117. Imikhuba eyenziwa kuloya mzabalazo wepolitiki yasezweni ayicabangeki! Kuthi osopolitiki befuna inkululeko ephelele, kodwa baphinde bangene ezimweni ezinengekayo kuJehova, njengemikhuba yokuphinga, nobungqingili obuhambisana nohlelo lwe population control, okuluhlelo lomubi! Yipolitiki yama sell-outs le!
118. Siyabadinga osopolitiki abembethwe wuMoya kaJehova, abaholi abazosibuyisela emthethweni kaJehova, basikhuze kule mikhuba yokuhushula izisu nobungqingili ngoba uNkulunkulu uthe isintu masande sigcwalise umhlaba!
119. Kusenamathafa amakhulu angakhe muntu, kodwa kunaleli vangeli lokuncishiswa kwe population, okuyi-agenda kaSathane. Lo mhlaba asikawugcwalisi; asikawubusi siwunqobe uma sisalibele yi-agenda kaLucifer!
120. Namhlanje ake sikhumbuleni ubuholi bukaNehemiya okwathi uma kufundwa iNcwadi yoMthetho wabona ukuthi iyabalahla ngoba bengayenzanga yonke imiyalo elotshwe kuyo!
121. Kule nkulumo-ke ngithi ake siyekeni ukuyengwa abezizwe abangafuni siphikisaneni netulo labo lokusicindezela nxazonke; eyethu ipolitiki yileyo eyaziwa ezulwini ngoba alukho uhlelo lokucindezelwa kwethu emqondweni kaJehova ngaphandle uma sesimhlubukile.
122. Asikwazi-ke ukuba semzabalazweni kodwa sibe sisakhothamela onkulunkulu besitha. Utheni kanti uShembe kithi?
123. Akakhalanga yini kuJehova ngeMpi yaseNcome, njalo ngoDecember 16, ecela ukuba angaphinde avumele izitha zibhubhise uZulu, osenguye uJuda, ngenkemba ngenxa yokona kwakhe na?
INkosi ibusise enikuzwileyo.