Ngithike bantwana baseKuphakameni sengathi uNkulunkulu engaba nathi simusabe njalo. Nabantwana bethu sibafundise ukuthi besabe uNkulunkulu!
Abantwana bethu sicele nakuNkulunkulu ukuthi bangahawukeli lutho, ngoba uma sebesukile kithi, sebehambile sebesezikhungweni ezinkulu, bafike bathole lapha ukuthi bona engathi bayahlazeka ngoba abekho phakathi kwezinkulungwane, engathi bengehawukela lutho, engathi bengalangazelela uNkulunkulu!
Intshumayelo kaMfundisikazi Nomcebo Nxumalo Mpanza ngeSabatha ekuseni mhlaka 27 September 2024 eNqobizitha.
237. ISIHLABELELO. 18
J.G SHEMBE
1. Ngiyathanda mina ukukhonza
Inkosi yezulu,
Inhliziyo ayivumi
Ukukhulula umphefumulo wami.
3. Jabula wena ongaboniyo
Umhlaba nengcebo yawo
Vula amehlo omphefumulo
Abone ikhaya labaNgcwele.
1.Ngibonge nina beNkosi, ngimukele ukuthunywa, ngimukele umusa kaNkulunkulu, ngibabingelele abangcwele. Laphahlaka iqanda elisezandleni ezingaphephile!
2.Sisenkonzweni bantwana baseKuphakameni, ingene izolo inkonzo yeSabatha, siyimukele kusihlwa ngaphambi kokuba silale, sahalalisa sadumisa.
3.Sesiya ngasemaphethelweni alenkonzo yeSabatha, lapho uJehova azicelela yena ngokwakhe ukuthi akadunyiswe ngalo ngoba usuku lwenjabulo yakhe, lapho athi uma eseqedile ukwenza zonke izinto wase eya uyajabula.
4.Wabe esecela ukuthi bonke abamudumisayo nabamesabayo balingcwelise lolusuku, kube usuku lokudumisa yena kuphela.
5.Asazike ukuthi sidumise yena kuphela yini njengoba silapha, khona nje izolo, khona kuwo lonyaka, asazi ukuthi sidumise yena kuphela yini ngobunye, ngoba kuye kube kuningi uNkulunkulu angakuthandi.
6.Kodwa ngenxa yokuphila emhlabeni ophithizelayo, uthuke usuthinta lapho okungafanele khona ukuba uthinte, kwingxenye uye uthinte ngephutha, kodwa uma iqanda seliphahlakile, awuze wathinta ngaphetha, uye uthi kunani, kuzoba nani uma ngabe ngikwenzile lokho ngoba liphahlakile iqanda ebeliqukethe konke.
7.Izandla ezingaphephile azilibambi iqanda, bese liyaphahlaka, liphahlakela kumnikazi walo, sekuhlangana nobekungafanele kuhlangane bese kukhanda umkhokha kuye.
8.Bantwana baseKuphakameni kusho umuntu wasezulwini, kusho uMqondisi uma esezosiqondisa ekhuluma ngenkolo kaJehova, ekhuluma ngezinto ezikhona emhlabeni, ezidukisa abantu.
9.Ekhuluma ngezinto ekufanele zithandwe inhliziyo yomuntu okholwayo, ekhuluma ngamadili angamukelekile kuJehova, ekhuluma ngokuxhasa amadili enziwa ngabantu ababukela phansi uJehova.
10.Uthike inkolo kaJehova uyifananisa neqanda, ukuthi uma uphethe iqanda, usuke wazi ukuthi uma like lawa lizophahlaka, ngakhoke kufanele ulibambisise ngezndla eziphephile ukuthi lingafi leliqanda. Ngoba liphethe yonke imvumelwano kaJehova, liphethe konke obekufanele ukuthi ukwenze.
11.Uthike umuntu wasezulwini, uma ngabe leliqanda seliphahlakile, kuye kuthi umuntu noma eyinsizwa yalelibandla elulekiwe yisifungo iwazi umthetho ukuthi uma ngabe seyifuna ukuganwa kufanele ukuthi yenzenjani.
12.Nentombi yesifungo intombi ka-25 iyawazi umthetho ukuthi uma isuka ezintombini kufanele ishonephi, iyazi futhi ukuthi uma usuka lapha izothatha umqhele wayo wokuziphatha kahle, uphawu lwakhona okuyaye kube isembatho esibuhlaza ebese ibizwa ngonkosikazi.
13.Uthi kodwa uma seliphahlakile leliqanda, intombi iyakukhohlwa ukuthi iyintombi yaseKuphakameni, ivumele abantu bomhlaba bakhulume nayo, ime noma imiswa ime ibe nezindlebe ezinde zokulalela umuntu womhlaba ongakhulumi ngokuganwa, okhulunywa ngokuqonywa.
14.Kodwa ebese iyalalela, ebese lendaba iba mnandi ngoba iqanda liphahlakile, ngoba ilona ebelimthusa, ilona ebeliphethe konke, ebelizokwenza ukuthi angavumi ukuma emiswa umuntu ongazihlanganisile noJehova.
15.Noma engema uma emuzwa ukuthi usekhuluma izindaba zaphansi kwesihlahla avele ashingile ahambe, ngoba yena uyintombi yokukholwa, akanazo izindlebe zokulalela abantu bomhlaba abafuna ukuthi bacekele phansi ikusasa labantu.
16.Nensizwa kanjalo, nayo iyaye ibe seyithi pho kuzoba nani, kufanele uNkulunkulu azi ukuthi ngizalwa isoka mina, uma ngabe kuqhamuka uyise wayo eyisoka, ebese izincoma ngalokho.
17.Kodwa ifike yona ekukholweni yakuthola ukuthi ubusoka abuvumelekile phambi kwaNkulunkulu, awekho amasoka lapha, kodwa kunabantu abathi uma sebefuna ukuganwa, bese beyaganwa.
18.Ngithike bantwana baseKuphakameni uma seliphahlakile iqanda, nasenkosikazini liyaphahlaka iqanda, ebese ifanisa zonke izinto, ithi kuyafana, ebese ihawukela izinto eziwukubhubha komphefumulo wayo, izibone seyi-rich uma seyiphumile lapha ihawukela kubantu engabazi ukuthi laba bantu namuhla asebethi bazimele, bazoqala benzeni, baqala ngani, baqalaphi.
19.Abone naye ukuthi nje uzovele naye abe njengaloya mngani wakhe ozimele! Ngithike bengisabeka izihloko zokuphahlaka kweqanda.
20.Kodwa namhlanjena liSabatha, leliSabatha linezigaba ezintathu namhlanjena uma ngabe zingezine.
21.Isabatha likaJehova elihlale likhona njalo, sihlala sincenga ukuthi singalejwayeli, singabali nokuthi sesiligcine kangakanani.
22.Kodwa namhlanjena iSabatha futhi lapho esilinde khona ukuthi uJehova azosivulela umhlangano wakhe njengokusimema kwakhe.
23.Kulo leliSabatha futhi sihlangene sonke sizakukhumbula isisebenzi sikaNkulunkulu uMphethi wembenge, owakhuluma ngoNkulunkulu kwaze kwafika isikhathi sokuphela kwezinsuku zakhe, engakaze asitshele okunye esitshela ngoNkulunkulu, ngalokho akayikuba yize nanini kithi.
24.Ngithike bangcwele, ngibuyela emhlanganweni, lapho uNkulunkulu esibize ukuba azosivulela wona, lapho okuzothi uma usuvuliwe lo mhlangano, uNkulunkulu ehlise indlebe yakhe, ayisondeze kubo bonke abantu abathi basebenzela uNkulunkulu.
25.Abanye bazibiza ngabaprofethi, abanye vele bayibo abaprofethi, kodwa uzoyisondeza indlebe emabandleni wonke, efuna ukwazi ukuthi bangaki abakholelwa kuye, nabadumisa yena yedwa.
26.Uma umuntu uNkulunkulu efuna ukwazi usondela kumuntu oyinhloko yalelobandla amuzwe ukuthi puma eqala esephakama phakathi kwabantu uthini, ubafundisani abantu bakaNkulunkulu, uyawaqaphela amazwi akhulunywa ngumuntu obizwa ngomuntu omkhulu ebandleni.
27.Akekho umuntu ongaba mncane uma ngabe kuthiwa umuntu ophethe izwi likaNkulunkulu, namhlanjena isizukulwana, sezizukulwana ngezizukulwana uMose ahamba emhlabeni, kodwa ubukhulu bakhe abunakuphela ngoba wayephathiswe indaba kaNkulunkulu, kukhulunywa ngaye nanamhlanjena.
28.Usho njalo uShembe, wathi uNkulunkulu umthetho wakhe wawunikeza iNceku yakhe uMose, mingaki iminyaka uMose ahamba emhlabeni!
29.Kodwa namuhla kukhuluma thina izizukulwana esingazi izizukulwana zesinngaki ezizukulwaneni, ngoba wayephethe indaba kaNkulunkulu, waba isitsha uMose, waba isistha sokuphakela izwi likaNkulunkulu ukuba lihambe lisabalaliswe umhlaba wonke.
30.Alikho ibhayibheli elingenaye uMose, ngoba uMose wayephethe indaba kaNkulunkulu, nezizukulwana ngezizukulwana ezizayo ziyakufike zikhulume ngalendaba kaMose, ngoba uMose wayengaphethe indaba yomuntu wayephethe indaba kaNkulunkulu.
31.Ngithike uNkulunkulu usazowahambela wonke amabandla amakhulu, usazihambela zonke izinhloko zamabandla efuna ukuzwa ukuthi abahleli ezihlalweni ezikhazimulayo bathini ngaye uma sekukhona abantu.
32.Noma ngabe abazona izigidi, noma ngabe bathathu, kodwa bathini kulaba bantu abathathu abafikile bezothamela, bezocosha, bezofuna ukwazi ukuthi kufanele bayekeni, yini okufanele bayiyeke ukuze babone umbuso wezulu.
33.Bakulindele ukuthi bakuthole kumuntu oyinhloko yebandla ukuthi abatshele ukuthi uNkulunkulu utheni kuye eze eme phambi kwabantu, uNkulunkulu umphathise ini, noMose wakusho akuthunywa uJehova, noJesu wakusho akuthunywa uJehova, noMprofethi kaNkulunkulu uShembe, (ukuthula kube kuye), wakusho akuthunywa uNkulunkulu.
34.Bathini abantu abantu uma sekubuthene abantu, bathini ngoNkulunkulu lona uShembe akhuluma ngaye, lona uJesu akhuluma ngaye, lona uMose akhuluma ngaye, bathini abantu?
35.NoNowa wahamba wawela imifula nemifudlana ephathisiwe ukuthi akabatshele abantu, babengatshelwake nangezinto ezinzima, kodwa babetshelwa ngokuphepha kwemiphefumulo yabo ukuba babalekele isikhathi esinzima, esizayo ebathandile uJehova, wathi ngenani emkhunjini ngoba kuza impi yamanzi!
36.Wathumela uNowa, abantu abazange baze bamlalele kodwa babuka uNowa ukuthi ubekade eyini angatshela thina lokho, abakaze bamubuka uJehova.
37.Kodwa lo Nkulunkulu onothando oluneqiniso, ongabheki ubuso bomuntu, obheka inhliziyo yakhe, akamlahlanga uNowa emlahlela ukuthi abantu abezwanga uma ngabe ekhuluma nabo, akazange amlahlele ukuthi abantu abavumanga ukwenza lokhu uNkulunkulu abekushilo.
38.UNkulunkulu wamuthanda uNowa eyedwa, wathi kulungile, wayese emtshela ukuthi akaqoqe abantwana bakhe, nemfuyo yakhe nezilwane, wabatshela ukuthi athathe ngambili, ebese engena kulomkhumbi, wase uyavalwa.
39.Kodwa bangcwele kwathi uma izimvula sezingasadlali, baqala abantu bamfuna lo Nowa, bathi Nowa sivulele, kodwa uNowa wayengeke avule ngoba uJehova wayesevalile, sase sedlulile isikhathi sokuba umkhumbi ugitshelwe noma kungenwe kuwo.
40.Kusenjalo nanamuhla, sizakudlula isikhathi somkhumbi, kusayakuphinda kwenzeke lokhu okwenzeka ngesikhathi sikaNowa ethunywa uJehova abantu bengafuni ukumlalela ngoba abantu babuka umuntu.
41.Abantu uma sekufike isikhathi bazi ukuthi uNkulunkulu uyothuma izigwili phambi kwabo, abantu bahlale bazi ukuthi uNkulunkulu uyothuma umlungu kubo.
42.Abantu bahlala bazi ukuthi umuntu okhuluma ngendaba kaNkulunkulu kufanele afike ngengadlangadla yemoto eze kubantu, abantu bazi lokho!
43.Kodwa abaprofethi basezulwini, bonke akekho owayehamba ngengadlangadla yemoto, owayehamba ebatshazwa ngemoto, babebatshazwa ngento ababeyikhuluma kubantu, bebatshazwa ngamandla uNkulunkulu ayebanike wona wokufundisa.
44.Noma sekubasindile abantu babebahudula bebahudulela kuNkulunkulu bebatshela ukuthi Dumisani uJehova.
45.Ngithike bantwana baseKuphakameni ngiyacela ukuthi ngike ngibuyele ngoba iSabatha namuhla, leliSabatha liqukethe izinto eziningi namhlanje, alifani namanye amaSabatha ajwayelekile, kodwa leli lanamuhla, liqukethe izinto ezizimele.
46.Ngiyafisa ukuthi sike siphinde sibuyele kulencwadi yeviki eliphelile, uHosiya, ngiyafisa ukuthi sibuye sibuyele kuye uHosiya 14 kusukela kuvesi 1.
47.Hosea 14 verse 1-3
“Buyela kuJehova uNkulunkulu wakho, Israyeli, ngokuba ukhubekile ngobubi bakho. Thabathani amazwi, nibuyele kuJehova, nithi kuye: “Susa konke okubi, wamukele okuhle, sinikele ngemilomo yethu njengangezinkunzi. I-Asiriya aliyikusisindisa, asisayikukhwela amahhashi, singasasho kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi ngonkulunkulu bethu, ngokuba intandane iphiwa umusa kuwe.”
48.Ngisabuza lowo mbuzo wokuthi Bantwana baseKuphakameni njengoba neNkosi iLanga sizwa lapha iluleka ithi ubovama ukwenza izinto ezinhle.
49.Umbuzo uthi njengokuba lithi izwi uNkulunkulu akangathathi okubi, akathathe okuhle. Uma-ke lokhu okuhle ungenakho, uNkulunkulu uyothathani kuwe?
50.Uma ngabe ingekho into enhle oyenzile ezinsukwini zokuphila kwakho, wena bayothi uma befika abantu noma mina bayothi uma befika abantu phambi kwaNkulunkulu, bathi Nkosi siyabuya kuwe, singcolile sinje, kodwa Nkosi thatha okuhle esike sakwenza!
51.Njengami nawe uyothi uNkulunkulu akathathe ini uma ngabe ungakaze wayenza into enhle, ikuphi khona lokho oyofakaza ngakho phambi kwaJehova?
52.Ngoba ngisho uHezekiya wafakaza ngento eyiqiniso, wathi uma ekhala athi Nkosi ngihambile emva kwakho, ngikwenzile lokhu, uNkulunkulu wakuqalaza wakuthola ukuthi kunjalo.
53.Uma-ke kungekho okwenzile okuhle wena uyofika uthi uNkulunkulu akabheke ini kuwe, umbuzo lowo wokuqala?
54.Ngithike bantwana baseKuphakameni kuwumnqansa omkhulu ukungabanakho okuhle oyofika ucele intethelelo ngakho phambi kwaJehova, oyofika umbeswe ngakho, kuthiwa noma ebonile kuthangi nayizolo kodwa namuhla ekuseni kukhona akwenzile okuhle, uma-ke kungekho uyofike uthi uJehova akathatheni kuwe?
55.Ithi iNkosi iLanga nibovama ukwenza izinto ezinhle eziyothandwa nguJehova, namhla-ke bantwana baseKuphakameni, sesiya emaphethelweni lapho ebekungamaSabatha nje kuphela, kodwa uJehova uzofika azosivulela umhlangano wakhe asimemele kuwo ngoba akusithina esibize uJehova, kodwa ithi ingelosi, uJehova onomhlangano nathi.
56.Ngithike bantwana baseKuphakameni, ngiyafisa ukuthi engakafiki uJehova ukusivulela umhlangano, sisesenkonzweni yeSabatha, ngiyafisa ukuthi abangcwele uma sebebuthene, noma ngabe bayazi, kodwa umthetho uthi abantu abohlale bekhunjuzwa ukuthi uNkulunkulu wayefunani, wayeqondeni, nokuthi umuntu ophambi kwabo abntu kufuneka bazi ukuthi bamunikwa ubani.
57.Kufuneka bazi abantu ukuthi lo muntu ophambi kwabo, uthunywe ngubani, wamthuba wathi akazokwenzani phambi kwabantu. Ake sibuyele laphana sifunde uZakariya wesithathu, sigcina evesini lesithupha.
58.Zakaria 3 verse 1-6.
1 “Wayesengibonisa uJoshuwa umpristi omkhulu emi phambi kwengelosi kaJehova, noSathane emi ngakwesokunene sakhe ukumelana naye. 2 UJehova wathi kuSathane: “UJehova uyakukukhuza, Sathane, yebo, uJehova olikhethile iJerusalema uyakukukhuza; lo akasiso isikhuni esophulwe emlilweni na?”
59. (3) UJoshuwa wayembethe izingubo ezingcolileyo; wayemi phambi kwengelosi. 4 Yathatha yasho kwababemi phambi kwayo, yathi: “Mkhumuleni izingubo ezingcolileyo.” Kuyena yathi: “Bheka, ngidedisile kuwe ububi bakho; ngiyakukwembathisa ezobukhosi.”
60.(5) Wayesethi: “Mababeke isigqoko esihlanzekileyo ekhanda lakhe.” Base bebeka isigqoko esihlanzekileyo ekhanda lakhe, bamembathisa izingubo, ingelosi kaJehova isemi khona.
61. (6) Ingelosi kaJehova yagomela kuJoshuwa, yathi: 7“Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine inkonzo yami, uyakwahlulela endlini yami, ugcine namagceke ami; ngiyakukunika ukuba uhambe phakathi kwalaba abemi lapha.”
62.Ngithike bantwana baseKuphakameni kunjalo lapha kulelibandla likaNkulunkulu ukuthi nomuntu okhona ozothamela inkonzo ehlanganela nathi kufanele azi ukuthi umuntu ome phambi kwethu osiholayo, kwakusuke kanjani ukuthi aze abe umholi.
63.Ngithike bantwana baseKuphakameni siyezwa sonke, ingelosi ivame kakhulu ukukhuluma ngalencwadi ithi, lelivesi elithi Bheka, ngidedisile kuwe ububi bakho; ngiyakukwembathisa ezobukhosi.”
64.Ithike uNkulunkulu uma ekukhumulile izingubo ezingcolileyo wadedisa konke okubi kuwe, uthi uyaye ebese uyabheka ukuthi uma sewushayela lenqola yakhe, isigcwala isiba nabantu abaningi, ukuthi uyakhumbula yini ukuthi uthena udedisile kuwe ububi bakho, wathi khunyulwa izingubo ezingcolileyo, wakumbesa izingubo ezihlanzekile?
65.Wacela engelosini yakhe wathi bekani isigqoko phezu kwakhe sobukhosi. Lesisigqoko sobukhosi kudinga ukuba usazi ukuba lesisigqoka akusona esakho, kodwa sinomnikazi waso, ubekade ebeka uphawu lokuthi wena ukhulumela yena, wena uyisisebenzi sakhe, wena ufundisa abantu ngaye!
66.Ngalokhoke bangcwele, uma uzohola ibandla ulibiza ngokuthi ibandla likaNkulunkulu, kodwa zingakhunyulwanga izingubo ezingcolile kuwe.
67.Ungazange uthweswe nasigqoko sobukhosi, uzithengele wena wazembathisa wena ezingenawo umlayezo, kodwa uthi umnikazi wezinto zonke, esekwenze konke lokhu, uthi uma wenzile kahle uyakubese ngiyakubeka, uyakuhamba, uyakubusa, uyakuhamba phambi kwalaba bantu bami abemi lapha.
68.Kufanele bazi abantu ukuthi ohamba phambi kwabo, ubekwe ngubani, uphi umlayezo womuntu ombekile, uthini umlayezo womuntu obekiwe!
69.Ngithike bangcwele siyibandla elinjalo, siyibandla elihlala njalo likhunjuzwa ngoba uma ngabe uNkulunkulu esekuthumile, kufanele ukuthi ube njengesikhwebu sombila ngoba asidliwa namakhasi, noma ungasipheka nawo, kodwa uma sesiyodliwa, ayasuswa amakhasi alahlwe, kudliwe umbila, kulahlwe ihleza.
70.Ngithike bantwana baseKuphakameni, kwangazathi sonke sibe ngabantu abahlubekile kanye nalabo ababekiwe uNkulunkulu.
71.Ngoba lelilizwi nangxa lalibheke kumuntu ohola abantu, kodwa libheke kuwo wonke umuntu othi ungaphansi kwaJehova.
72.Uma uphakamisa isandla, uthi uyayikhetha iNkosi enkulu eyadala izulu nomhlaba, kufanele ukuthi uyifune indlela yokuhlutshwa, asuke amakhasi amadala.
73.Kufanele ukuthi uyifune indlela yenhlambuluko ukuthi ngelinye ilanga ungabuzwa ukuthi ngubani lona ophakathi kwabantu.
74.Uyazi ukuthi uma kukhona abantu, usumenyiwe umndeni mhlampe, ebese kuyenzeka lo mndeni usuthi usuyaphaka isidlo somndeni kuphela, abantu abayigazi bese ubona umuntu ongamazi ukuthi ungowakwabani, kuyiphi indlu futhi ebese kuthiwa ngubani lowo. Ngoba abamazi futhi akambethe njengabo, bona bazile bona bamenyiwe ukuthi kufuneka bembethenjani.
75.Yasho njalo indodana yeNkosi, yathi ungene kanjani lapho ungayembethe ingubo yedili, konke kunesembatho sakho, yakhishwa indoda phakathi kwedili, nayo isihleli nezichukuthwane, ithi nayo izakuba njengalaba.
76.Kodwa wathi uma engena uJehova, wayibuza ukuthi ungene kanjani la ungayigqokile ingubo yedili.
77.Ngithike bangcwele engazathi ngoba namhlanjena uzofika umnikazi womhlangano azowuvula, sengathi singaba nazo izingubo zedili kulomhlangano.
78.Athi uma esefika umnikazi womhlangano, angasho ukuthi ngubani lona, angasho ukuthi ungene kanjani lana ngoba siphansi komgomo.
79.Umuntu olapha kulelibandla uphansi komgomo kaNkulunkulu, akekho ongathi akazi lutho, ngisho ingane yalapha ngeke isho ukuthi angazi lutho.
80.Ngalokhoke bantwana baseKuphakameni asiyifune ingubo yedili, ukuba nathi sambathe sifaneleke uma umnikazi wedili eselivulile.
81.Asikufune ukuba izinhliziyo zethu zihlutshwe, kungakho ingelosi yathi nalabo ababethakatha, nalaba bantu ababakleke bebalekela umphakathi, ngoba bakhona ababalekele umphakathi obubagijimisa ngezitswebhu, ngoba betholakala ukuthi bayasolakala bese bebalekela lapha.
82.Kodwa noma ngabe kwakukhona lokho kuthakatha, kodwa uma ngabe wathi ekubalekeni kwakho inhliziyo yakho yase iyamkhumbula uJehova ukuthi ingakwazi ukucasha kuyo. Kufanele uma sewufika phansi kwakhe uJehova ebese ukhumula, ukhumule izingubo ezimbi obewuzigqoka, unyonyobela umphefumulo wabantu.
83.Ufune izingubo ezinhlanzekile zembatheke nasenhliziyweni yakho, kube buhlungu kuwe uma ngabe kuhlupheka omunye umuntu, kube buhlungu kuwe uma ngabe omunye umuntu ephelelwa umsebenzi.
84.Kodwa uma ungazange uyikhumule leyongubo, iyosebenza naphakathi ebandleni ngoba awuzange uyikhumule, umbathe ingubo yokukholwa phezu kwengubo owawuyimbathiswe uSathane, ethi qeda abantu ngayo.
85.Uyothi uma usulapha, izingane zabantu zithi uma sezifundile, ziphasile sezithwele umyezane wazo, sekufanele ukuthi zithole umsebenzi, uthi ngiyoke ngibone ukuthi bazowuthola lo msebenzi ngikuphi mina.
86.Kusebenza izingubo zedili leli owawukade ulihamba ungakafiki lapha kulendawo, kusebenza yona ngiyoke ngibone ulapha.
87.Ngithike bangcwele, bengichaza indaba yokuthi uma ngabe unikezwa umsebenzi, noma iyiphi ikhampani inezigaba ezihlukene, inakhokonke, inabaqondisi, inanezinduna, inakho konke, kodwa umnikazi uyena obeka laba bantu, ubanikeza umthetho bawehlisele ngezansi kuzo kuyofika ekugcineni.
88.Kodwake wena uma ungasukuma, uyaluze phambi kwabantu noma ngabe bathathu, kodwa uma ungenayo indaba, ungenawo umlayezo, ungasho ukuthi ongithumile uthi, futhi umusho ukuthi ngubani, ngoba baningi abantu abathumanayo!
89.Akukwazi ukuthi uma ngabe ngempela umqondo wakho usebenza ungahlalela izwi elithi ongithumile, ungamazi ukuthi lona onganagama ubani, uma kuwuJehova usabani ukusho ukuthi uJehova ungithumile, yini kuphelele ekutheni ongithumile, ubani ongathumani ngoba nami ngingamuthuma nje umuntu.
90.9Kufanele ubuze ukuthi umuntu owakuthuma ngubani, noShembe wafike washo ukuthi uthunywe uJehova, nabaphambili bafike basho.
91.Ngithike bangcwele le ncwadi ka-Zakariya iqinisekisa ngesambatho sikaJehova, ukuthi akekho umuntu ongathi uma wembathiswa nguJehova, bese kuvela omunye umuntu ethi lengubo oyembathiswe nguJehova uyembatheleni ngoba awusiye usibanibani!
92.Umuntu ukuthi uyisimo sini kusho uJehova, nakuMose wafika bekhona bonke abantu, wakhetha uMose, wathi kusukela namhlanje uyiNceku yami, wamunikeza konke.
93.NguNkulunkulu oshoyo uma ezoqoka abantu abazomsebenzela, ebese ebambathisa lokho yena afuna ukuthi bakwembathe!
94.Kodwake ngilapha endabeni yokuthi njengoba namuhla sekunalabochithisaka babaprofethi abangangezihlabathi zolwandle bamabandla wonke.
95.Ngithi kungakuhle ukuthi thina esingabalandeli babo, siyifunde lencwadi, abantu bafunde ukuthi abantu ababehola amabandla angaphansi kwaJehova, babekhethwa nguye uJehova!
96.Bukani nje ukhunyulwa, lithi izwi akakhulunywe izingubo ezingcolile, ngoba wayengalinde lutho, wayengumfana nje njengezinye izinsizwa, kodwa lamuqoka izwi embethe izingubo ezingcolile!
97.Leligama elithi wayembethe izingubo ezingcolile, aligunyazi ukuthi ngoba wawungcolile, umbathe izingubo ezingcolile, ngalokho usazophinda umukeleke ukuthi ungcole noma uNkulunkulu esekususile lapho!
98.Ngoba kukhona abantu abagaba ngalokho bathi, hhayi ulokhuzana wakhethwa, uNkulunkulu wamukhetha enjalo, kodwa asizwa ukuthi uJoshua owakhethwa, wathi uma esekhethiwe watholakala yini enza into ephambene noNkulunkulu!
99.Ngoba angeke kubhekwe into oyenze emumva, kodwa kubhekwa into oyenza endaweni kaNkulunkulu, usuthunyiwe uNkulunkulu, kulapho okubukwa khona ukuthi uhamba kanjani, ilapho oqala ukubonakala khona ukuthi awunawo umlayezo!
100.Uma ngabe ungathunywanga awusabi lutho, wenza noma yini, ngoba vele uzithume wena, wenza okuthandayo, noma uzolahlwa, kodwa wenza okuthandayo, ngoba uzakhele into yakho, obusa wena kuyo, owakha umthetho ovuna wena, ukuchitha umthetho ngoba usentweni yakho!
101.Kodwa kuJoshua akabanga kuyo into yakhe, ngoba kwafika yena uJehova wamukhetha, wathi hhau, wathi mkhumuleni ezingcolileyo, nimembese okuhlanzekile! Wathi muthweseni isigqoko sobukhosi!
102.Ngalokhoke wayenendaba kaNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu akagcinanga lapho, wamutshela ukuthi uma ngabe enze kahle, wathi uzamunikeza ukuthi abuse noma ahambe phambi kwalabantu ayekade enikezwe bona.
103.Unomlayezo, angema naphezu kwesicongo sentaba, athi ngabekwa uJehova lapha, angibekwanga umuntu, washo uJehova wathi ngingakwenzi ukuthi nokuthi!
104.Kodwa uma ngabe ungazange wabekwa uJehova, awunayo indaba ongakhuluma ngayo, nasezicongweni zentaba ngeke umemeze uthi uJehova uyavumelana nawe, ngoba uyazi ukuthi wazibeka wena, yonke imithetho, umthethosisekelo webandla, wakhiwa nguwe, lingelakho ngoba uzenzela into yakho!
105.Kodwa laba bantu esifunda ngabo lapha, babengeke bayenze into yabo ngoba ababanga abaholi ngokwabo, kodwa bathunya bakhethwa, kwathiwa wena usuzoba ngumholi wezimvu zikaJehova, nakhu uJehova athi kwembathe, nakhu uJehova ethi thwala isigqoko sobukhosi bakhe, umphathele lobu bukhosi phambi kwabantu bakhe!
106.Ngithike bangcweleke, kunjalo indaba kaNkulunkulu uma ngabe uphakathi kwabantu, abaze baba ngabakho, ngoba uyamazi owakuthuma ukuthi wathini, uyamazi uJehova ukuthi utheni kuwe, uyabazi nabaphambili kwakho ukuthi bafike bathi uJehova utheni!
108.Ngithike bantwana baseKuphakameni sengathi uNkulunkulu engaba nathi simusabe njalo. Nabantwana bethu sibafundise ukuthi besabe uNkulunkulu!
109.Abantwana bethu sicele nakuNkulunkulu ukuthi bangahawukeli lutho, ngoba uma sebesukile kithi, sebehambile sebesezikhungweni ezinkulu, bafike bathole lapha ukuthi bona engathi bayahlazeka ngoba abekho phakathi kwezinkulungwane, engathi bengehawukela lutho, engathi bengalangazelela uNkulunkulu!
110.Lapha kulelibandla, kuwo lomhlangano siphinde sibe nenkonzo, le nkonzo eyokukhumbula amaQhawe afele ezwini likaNkulunkulu, bonke abantu abahambela isifungo okungesikaJehova ngisho sebebuya emndenini nasemakholweni abakhulumi ngotshwala, abakhulumi ngokuhlaba, abakhulumi lutho ngemisamu, kodwa bakhuluma ngoNKulunkulu, kodwa bakhuluma ngoJehova!
111.Uthi uMvangeli uNgiba ezinganeni zakhe, uthi uma ezibona ukuthi zixakekile, uthi hambani niyonikela, kulawamaviki, kuleliyaviki leliya eliphelile, zafika izingane zakhe, ifika nayo inendaba ukuthi ubaba wathi angithathe umnikelo ongango R200 ngihambe ngiyonikela.
112.Kusho umuntu owahamba wathi uma efa waya kuNkulunkulu, ongayanga ezulwini lomndeni, ukhuluma into ebeyikhuluma eselapha.
113.Akusikho okokuqala uMvangeli uNgiba etshela izingane zakhe ukuthi azize zizonikela, uma ixakekile nje ingane yakhe, uyafika athi hamba uyonikela, ucele kuNkulunkulu uzokusiza! Sinabantu abanjaloke kulelibabdla, abathi uma besuka la, baye kolinda lapha abalindiswa khona uNkulunkulu, lapho okukhulunywa khona ngoJehova!
114.Asinabo abantu abavuka basitshele ngezimpongo nangamaqhude, ngoba bahamba emhlabeni sebekhishiwe kuzo zonke lezo zinto!
115.Ngithike bangcwele, kukhona ngisho incwadi efundwayo uma sesikhumbula lemindeni eyafa isesiphambanweni, wathi uShembe nisifele isithembiso enasethenjiswayo, sikhulumake ngalawomaqhawe!
116.Ngelinye ilanga uthi uMkhokheli Khuzwayo esengasekho emhlabeni: “Anithandazi ngani, niyamubona ukuthi uBaba akaphilile, yini ningathandazi nimcelele kuShembe ukuthi aphile, aniceli ngani?” Kusho abantu abathi besuka lapha baya kuNkulunkulu. Ngoba wayephila ngalomthandazo, wayazi ukuthi umuthi walapha umthandazo!
117.Ngezinsuku zakhe zokugcina uthi: “Ngicela ungicelele kuBaba uMelusi. Angazi noma kwakuyizinsuku zakhe zokugcina, mhlawumbe angibeki kahle uma ngithi zokugcina, kodwa wayengesaphilile kahle!
118.Ezihambela nje, engalele phansi, uthi ngicela ungicelele kuBaba uMelusi ukuthi akangicelele kuBaba iLanga ukuthi ngicela angithathe!” Kwalikhuni kimi ukuthi ngidlulise lento.
119.Wabona ukuthi ayi ngeke, wazidlulela yena waya kuBaba, kuBaba naye kwaba likhuni ukuyidlulisa kuBaba iLanga ukuthi kodwa singasho kanjani lo muntu esimthanda kangaka, lo muntu okholwa kangaka, kusengaba khona abantu abangafunda into enhle kuye, singasho kanjani ukuthi akahambe!
120.Wabelesela, wathi ngicela angithathe, wabona ukuthi asikusho, wazisholo yena uMkhokheli Khuzwayo ukuthi usecela ukuhamba. Lo muntu owayefika lapha, akazange awubukele umuzi wakhe owakhiwe ongaphelanga, akazange ababuke nabazukulu bakhe, kodwa wabona ukuthi ukuphumula kwakhe kukuNkulunkulu!
121.Wathi simcelele ukuthi iNkosi iLanga, ayingithathe!” Mhla esho njalo kwaba isililo sodwa layikhaya, ngaqala lapho ukumbona ukuthi kanti uyagula, noma ehamba kanti uyagula, ngaqala nami manje ngaphela manje sengibona ukuthi nangu ecela ukuhamba.
122.Ngithike bantwana baseKuphakameni ngelinye ilanga siyakhala, sikhalele umuntu enqoba, sikhalela umuntu ethola umvuzo omuhle, sikhalele umuntu obonisiwe ukuthi lomhlaba uzobhujiswa!
123.Sikhalele umuntu olangazelelayo, othi Nkosi mangihambe manje ngize kuwe, wena ulikhaya lami lokuphumula, angidingi ukubona lokhu ongibonisa khona okusazofika, lolusizi, athi ngifuna luthi lufika ngibe sengihleli phansi kwamaphiko akho!
124.Ngithike bantwana baseKuphakameni, uNkulunkulu kaShembe asikhumbule, njengoba silapha, sicele ukuthi iNkosi isihlube ngoba sibuya emazweni ahlukene, besithakatha, besintshontsha, besibamba inkunzi, sibamba abantu inkunzi, besiqhatha abantu nangamanga.
125.INkosi ayisihlube njengesiqwanga, sibe zinqwangezinhle eziyobukeka kahle esitsheni, embengeni kaJehova.
126.INkosi ibusise enikuzwile.