Njengoba ngike ngasho nasekuqaleni, ungawahambela onke amaNazaretha, uzowabona enza konke akwenzayo, kodwa uzothi uma ufika lana ebandleni lamaNazaretha kaNkulunkulu, usifice senza lokhu esakufundiswa uBabamkhulu, ngoba siyisibuko sokuthi ubunazaretha buhle kanjani
Inkonzo yeSabatha ebesiyiphathelwe uMfundisi S Msane 30/08/24
1. Ngiyabonga bantwana baseZulwini ithuba engilitholayo livela esihlalweni saseZulwini ukuba ngiphathe inkonzo.
2. Sizovula ngesihlabelelo 66
Thixo wam uyamangalisa,
Ubukhulu bakho buya khazimula
Yeka ubuhle besihlalo somusa,
Ekujuleni kokukhanya okuvuthayo.
3. Sekuphelile iminyaka engaphezulu kwekhulu 100 lenkolo yobunazaretha yabakhona lapha eMhlabeni. Njengoba sonke sazi ukuthi lenkolo yobunazaretha yafika noMprofethi Isaiah Shembe. kuleminyaka engaphezulu kwekhulu lenkolo yabakhona, kubantu abaningi abangaphakathi kulenkolo nabangaphandle, akukabacaci kahle ukuthi lenkolo iyisima kanjani.
4. Into evame ukwenzeka kuyekuthi uma umuntu ekhuluma ngalenkolo yobunazaretha, ebese ebabaza imisebenzi kaShembe kuphela, ebese ethi uShembe uwuNkulunkulu. Nasenkolweni yobuKrestu nabo bavele bethi uJesu wenza lokhu nalokhu, bese bethi uJesu uwuNkulunkulu. ebese kuba sengathi sekuyaqhoshelwana ukuthi ubani owuNkulunkulu omkhulu phakathi kukaShembe noJesu!
5. Kodwa kulelibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu sesidlulile kuleso sikhathi sokuthi uma kufanele sikhulume ngendaba yobuNazaretha ebese sikhuluma ngemisebenzi kaShembe kuphela ebese sthi uShembe uwuNkulunkulu!
6. Kodwa sesikhuluma indaba yokuthi uShembe yini ayifundise abantu. Wathi uNkulunkulu ukhonzwa kanjani. Ukuze kungagcini engathinje lenkolo yobuNazaretha eyabantu abahluphekile noma oya kuyo ngoba uswele, ozofika kuyo uthole ingcebo yasemhlabeni.
7. Kowa abantu kumele bazi ukuthi bengaba amaNazaretha bebe bengahluphekile benayo yonke into abayidingayo, bengaswele lutho. nabantu abazifundiswa nabo bazi ukuthi bengaba amaNazaretha. Ngoba uma befika lana bazofike bafundiswe ngoNkulunkulu!
8. Bazothi uma befuna indaba kaNkulunkulu bethi angiye laphana ebandleni lamanazaretha kaNkulunkulu ngoba khona ngizofike ngifunde ngoNkulunkulu!
9. Ngoba abazukutshelwa ukuthi uma ufuna izinhlanhla noma ufuna ukuceba woza kuShembe, kube sengathi uma ukholwa ingoba usuke uswele, kanti ukukholwa akusikho okwabantu abahluphekile kuphela.
10. Noma ungahluphekile ungaswele lutho uNkulunkulu ekubusisile wakupha ingcebo yasemhlabeni, kodwa ikhona into osuke uyiswele. Kusihlabelelo 147 uthi uShembe wozani webadingi wozani webasweli, lizofika lelo langa, uzodinga umpefumulo. Kukhona lengubo yokwembesa umpefumulo. Kuzothi ngokuhamba kwesikhathi uyidinge, akufanele sifundise abantu ukuthi abeze kuShembe ukuze bezothola imali nezimoto, singabatsheli ngokuthi uShembe wayezofundisa abantu indlela yokuya kuNkulunkulu, nokuthi yini okufanele siyenze ukuze uNkulunkulu ezothokoza ngathi.
11. Ikuleli bandla kuphela lana oyufike khona kufundiswa ukuthi uShembe wafundi ukuthi uNkulunkulu ukhonzwa kanjani. Yikho ngithathe isihloko esithi ibandla lamanazaretha kaNkulunkulu liyisibuko sobuhle bobuNazaretha.
12. Abantu bengabona amanazaretha enza zonke lezi zinto azenzayo, kodwa uma befuna ukubona ukuthi ubunazaretha buhle kanjani kufanele babuke lana eNCG!
13.UBaba uMelusi uvame ukukhuluma ngendaba eyenzeka eku TRC lapho athi khona wabuzwa uBhishobhi Tutu ukuthi yini into uShembe akwazi ukuyenza ngempumelelo ukwedlula amanye amabandla.
14. Uthi uBaba uMelusi, uShembe wathi uma efika wathi amaNazaretha awangakuphuzi utshwala, onke amaNazaretha awakuphuzi utshwala. Onke amabandla ayathanda ukuthi abantu bawo bengabuphuzi utshwala, kodwa awazange akwazi ukwenza abantu bawo ukuthi bengabuphuzi utshwala.
15. Ngokuthi uShembe wakwazi ukuthi amaNazaretha awangabuphuzi utshwala, amanazaretha akwazi ukuthi ahlale ndawonye inyanga yonke engaxabani ngoba akekho phakathi kwabo obanenqondo emlahlekelayo.
16. UShembe wakwazi ukutshela amanazaretha ukuthi angawubhemi ukugwayi, wathi nina uma niqala manje ukuthi abantu abangawubhemi ugwayi, kodwa kusukela ngo 1910 uShembe wakwazi ukutshele amaNazaretha ukuthi awangawubhemi ugwayi ngoba ugwayi uyingozi. Ngenkathi nina niqala nihlupheka nithi abantu abangawubhemi ugwayi, thina maNazaretha asinankinga, ngoba uShembe wasitshela kudala ukuthi ugwayi asingawubhemi ngoba uyingozi empilweni yethu.
17. UShembe wathatha abantu ababezixhwanguxhwangu, abantu abazi ukulwa, wakwazi ukubafundisa ukuhlonipha. Wabafundisa ukuba basabe uNkulunkulu. Abekho abantu abasaba uNkulunkulu njengamaNazaretha.
18. Ngisho ungaya kubantu bakwaZulu, angeke ubathole abantu abahlonipha njengamaNazaretha. UShembe wathatha abantu ehlathini wabafundisa ukuthi abangahlabeleli bethi: “Ikhalaphi induku zempi ikhalaphi sizwa ngosi ikhalaphi!” Kodwa wabafundisa isaga saseZulwini esithi, ‘YIZE UMOYA, YIZE UMOYA UJEHOVA UNKULUNKULU UTHIXO WETHU UZICHITHILE IZITHA ZETHU WAZIQEDA NYA!”
19. UShembe umuntu wokuqala owafundisa ukuthula kubantu! Wahlanganisa amadoda akwaZulu wathi awathathe amahhawu angabe esawenza abe makhulu, awenze abemancane athi esema ncane lamahawu, uShembe wasethi ‘bantabami lamahhawu akusewona awokulwa, kodwa lamahhawu seku awokusinela uNkulunkulu!’
20. Senothi umanisina nithi ‘duma besabe abasemhlabeni abaseZulwini balifezile idinga!’ Wathi uShembe konke ukusina kwenu nokuviva kwenu akusekhona ukuviva kwempi yasodwendweni, kodwa seniqala impi yosindiso!’ Wathi lezi zimboko zenu ezicijile zinqindeni zingabe zisacija, ngoba akusezona izimbolo zokugwaza abantu befe, kodwa sekuyizimboko zokuphilisa abantu! Senothi uma nifica umuntu egula ebese nimthinta ngalezimboko, ebese eyasinda! Amein.
21. Kodwa okubuhlungu wathi uma ehamba uShembe emhlabeni, kwasala kwaphela yonke lento owayeyifundise amaNazaretha. Namhlanje amaNazaretha awasenayo inhlonipho, namhlanje sekunamaNazaretha aphuza utshwala! AmaNazaretha asebhema ugwayi, asebhema ngisho insangu, kanye nezinye izidakamizwa. Amanazaretha aseyalwa, amanazaretha awasamesabi uNkulunkulu uMdali weZulu noMhlaba!
22. Amanazaretha aseyizangoma, aseyabhula phakathi emzini kaNkulunkulu, amanazaretha asezitabane asengonqingili, yonke lento uShembe ayengasifundisanga yona!
23. Njengoba ngike ngasho nasekuqaleni, ungawahambela onke amaNazaretha, uzowabona enza konke akwenzayo, kodwa uzothi uma ufika lana ebandleni lamaNazaretha kaNkulunkulu, usifice senza lokhu esakufundiswa uBabamkhulu, ngoba siyisibuko sokuthi ubunazaretha buhle kanjani. Yasho iNgilosi ukuthi kuyohamba kuhambe kube nabantu abayothi ‘thina sesibuyela emthethweni kaBabamkhulu!” Lalingakabikho lelibandla, sasiseseBuhleni! Namhlanje ithina esesibuyele emthethweni kaBabamkhulu!
24. UBaba uMelusi uyayesho ukuthi uma sifuna ukubona ukuthi umuntu ongcwele uphila kanjani, kufanele sibukele kuyena. Ngaso sonke isikhathi kumele sibukele kubaholi bethu ukuthi abantu abangcwele baphila kanjani. Konke abasifundisa khona sikugcine.
25. Ikhona enye indaba aye ayikhulume uBaba uMelusi ethi omunye umlungu wathi mhla uShembe akha ibandla lamanazaretha wayethi wakha ibandla labantu abangcwele kodwa wehluleka! Amazwi abuhlungu lawa, ngoba thina siyazi ukuthi uShembe wayevela rzulwini, ezokwakha lelibandla! Uma sekuthiwa wahluleka ukwakha ibandla labantu abangcwele, Juba yinkinga leyo!
26. Uma uzoya kulamanye amabandla amaNazaretha, uzofike ubone izinto abazenzayo, ebese nawe uthi uShembe wahluleka ukwakha ibandla labantu abangcwele.
27. Kodwa ngathi thina esiyisibuko sokuthi ubunazaretha buhle kanjani, kufanele simuprove wrong lomlungu owathi uShembe wahluleka ukwakha ibandla labantu abangcwele, thina sibeni ngcwele, ukuze uma umuntu ethi ufuna ukuba ngcwele azi ukuthi kumele eze kuleli bandla. Levi 19 vesi 26 ‘Niyakuba ngcwele ngokuba mina Jehova nginahlukanisile nabezizwe ukuba nibe ngabami!’
28. Thina lana kumele sikwenze lokhu okwashiwo uNkulunkulu ukuthi asibeningcwele, ukuze kuzobonakala ukuthi nampa abantu abafike bafundiswa uShembe ukuthi ababe ngcwele. sibe ubufakazi bokuthi uShembe walakha ibandla labantu abangcwele, futhi lokho wakwenza ngempumelelo. Singafani nalamaNazaretha athi angaka Shembe, kodwa ebe engakwenzi okwafundiswa uShembe.
29. Thina ngoba siyisibuko sokuthi ubuNazaretha buhle kanjani; kufane sibonakale nalapho esihamba khona ukuthi asifani nalamanye amaNazaretha.
30. Ngoba nabaholi bethu basifundisile ukuthi ngisho siyoshumayela kwezinye indawo ukushumayela kwethu kumele kuqonde, kungabadidi abantu. Ungashumayeli into abantu abazothi ayimina angikudingi lokhu, ungashumayezi abantu ngokuthi kumele beyoqhoyisa, kufanele bakhe amaqhugwane emizini yabo, bese behamba beqoqa zonke ipoki ezigcwele emhlabeni bezozifaka emzini wabo khona uzoba yikholwa eliphelele. Leyonto izomdida omunye umuntu. Uhambe utshela abantu ngezulu lomndeni ungabatsheli lutho ngeZulu likaNkulunkulu.
31. Thina uShembe wasifundisa ngezulu likaNkulunkulu, wathi uma sifa siyoya kulo. Abantu kumele sibatshele ngento efunwa uNkulunkulu, ngoba uma singabatsheli ngento edingwa uNkulunkulu, abazukusibona isindingo sokuthi bakholwe. Kodwa uma uzotshela umuntu ukuthi akayeke utshwala ayeke izono, uzobona ukuthi umtshela ngento efunwa uNkulunkulu, ngoba asikwazi ukuthi siyakholwa kodwa sibuye senze izinto eziphambene nomthetho kaNkulunkulu, sigunde amakhanda, singaligcini neSabatha, kodwa sithi silandela uNkulunkulu!
32. Abaholi bethu basifundisile konke okwakufundiswe uShembe, ngoba inhloso yethu enkulu ukuthi uma sifa siye Ezulwini sifike simbone uMprofethi ukuze uma sifika phambi kwakhe, aziqhenye ngathi, athi nangu umtanami wakwenza konke engashiya ngikufundisile emhlabeni.
33. Uma ubheka njengamanje uBabamkhulu uyathokoza yini la ekhona ngalamaNazaretha alana emhlabeni? Ukube lelibandla alikho ngabe uyaziqhenya yini uBabamkhulu ngalamaNazaretha akhona njengamanje. Yize sibancane singaka, uyakwazi ukuthi uBabamkhulu aziqhenye ngathi, athi ngaya emhlabeni ngafike ngafundisa abantu ukugcina umthetho kaNkulunkulu, ngabafundisa iSabatha. Noma ehlubuka amanye amaNazaretha, kodwa uyakwazi ukuziqhenya ngathi!
34. Uyesho uBaba uMelusi ukuthi ngisho nezikhulu zeZulu ziza lana zizothamela inkonzo, uma silana kusuke kukhona uBaba Ilanga, uBabamkhulu, uBaba INyangayezulu. NoMose uma befuna ukulalela inkonzo beza lana. Kufanele sihlale sizilungisile, ngoba sihlanganyela nabantu baseZulwini, akungabi bikho isono kuthina, sihlukaniseke kwamanye amaNazaretha, singafani nabo ngoba siyisibuko!
35. Ngisho nasezinhliweni zethu sikuthande ukukholwa, kube into esezinhliziweni zethu ukuthi liyoshaya nini iSabatha ngiye Ephilangezwi ngiyoba phambi kukaJeheva! Uyoshaya nini u 14,
23, no 25! Kube inhiziyo yethu esihola phambili ekuthandeni indaba kaNkulunkulu!
36. Ngizokhuluma ngendaba eyenzeka ngesikhathi sikaBaba ILanga yomama wangapha emaMpondweni okuthiwa uMaMnyende. Kwathi uma kushaya isikhathi somhlangano kaJuly naye waqoqa imithwalo yalungisela ukuya Ekuphakameni.
37. Wahamba lonkosikazi waya esiteshini sesitimela eyogibela isitimela esiza eThekwini. Ngenxa yokuthi lomama wayephethe amabhodwe akhe angcolile nemithwalo yakhe engaboshiwe nakahle, sathi uma sifika isitimele wathatha lemithwalo yakhe naye wazama ukuyogibela. Bamthethisa abantu bethi yini wena nalamabhodwe angcolile, uyaphi uzoze usingcolise, bamphushela emuva salayisha isitimela samshiya.
38. Wahlala walinda esilandelayo naso sathi uma sifika kwaphinda esifanayo bamthethisa bathi uyaphi uzosingcolisa ngalamabhodwe, wathi ngiyagibela nami ngiya kuShembe Ekuphakameni. Bathi hhayi suka, uShembe wani loyo, engani uShembe wandiza!’ Sasuka samshiya futhi isitimela.
39. Wase ebona lonkosikazi ukuthi ngoba bayangivimba lapha esitimeleni kuncono ngiye emgwaqeni ngiyozama izimoto cishe bazongithatha. Wahamba waya emgwaqeni, nakhona wafike wama, ithi uma iqhamuka imoto akhombe ukuthi uya ngaseThekwini. nangampela imoto yehlise ijubane ukuze izoma imthathe, kodwa yayithi uma isondela ibona lamabhodwe ancolile ivele imdlule ngoba besaba ukuncoliswa ilamabhodwe.
40. Kodwa ngoba inhiziyo yalonkosikazi yayisiphambili Ekuphakameni, wathi uma ebona ukuthi azimgibelisi izimoto, kanti nasesitimele bebemphusha, wasebona ukuthi akavele ahambe ngezinyawo esuka emaMpondweni eya Ekuphakameni.
41. Wabe esethatha imithwalo yakhe wangena indlela eya Ekuphakameni. Yayithi uma iqhamuka imoto ethi uyayimisa ingami. Washo lana ngaphakathi kuye wathi, ‘namhla mina ngithelile ngalishiya izwe lakithi, ngingeze ngabuyela emuva sekuseduze Ekuphakameni!’ esho kube kuseduze ekhaya ukuthi usangajika abuyele ekhaya, kodwa ngoba inhliziyo yakhe yayikuShembe yayisemhlanganweni kaJuly, akaze abuyela ekhaya.
42. Kwakuthi uma ifika enye imoto, nayo imdlula ingamthathi. Wathi ‘suka nkungu emehlweni ami ngiphinde ngiyibone leyonsika yalomlilo eyangilanda emazweni akithi!’
43. Wahamba lonkosikazi cishe wafika Ekuphakameni emuva kwezinsuku ezintathu noma ezine, elokhu esuke emaMpondweni nemithwalo yakhe waze wafika Ekuphakameni. Wafika Ekuphakameni esegula eguliswa ukukhathala nobude bendlela ayihambile ehamba ngezinyawo ethwele nemithwalo.
44. Wathi uma efika Ekuphakameni esegula, wafike wangena eDokodweni lakhe elaliseduze neDokodo likamama kaMfundisi uMngomezulu. Umama kaMfundisi uMngomezulu benomnye uMkhokheli base beya kulenkosikazi sebefika beyibuza ukuthi hawu MaMnyende kwenzenjani? Wabe esebalandisa ngohambo lwakhe esuka emaMpondweni ngezinyawo yaze yazofika Ekuphakameni.
45. Babe sebesuka uMkhokheli nomama kaMfundisi uMngomezulu beya ENkosini ILanga beyobika lonkosikazi, bafike bayicazela INkosi nangohambo lwakhe lonkosikazi. Yabe isibaphendula INkosi ILanga yathi ” Hambani nifike nimtshele lonkosikazi ukuthi aze angabazondi laba bantu ebebemphusha esitimeleni bethi uzobancolisa ngalemithwalo yakhe, nalaba abangamgibezanga ezimotweni zabo aze angabazondi ngoba bebemuvulela isango leZulu.”
46. IZwi lesibili lathi hambani nifike nimtshele lonkosikazi ukuthi “Uma efa kumthatha lokhu kugula, uyosifica sikhona Ezulwini”
47. Base behamba bebuyela kulonkosikazi bafike bamtshela ukuthi INkosi ithe uze ungabazondi laba bantu abakushiyile nalaba ebekuphusha ukuthi ungagibeli esitimeleni, ngoba bebekuvulela umnyango weZulu.
48. Okwesibili ithe INkosi uma lokhu kugula kukuthatha uyoyifica ikhona Ezulwini, bathi wezwakala egquma uMaMnyende watabalasa ngodonga ezama ukuvuka wathi “halala Nkosi yamaKhosi. Amein!
49. Lonkosikazi wayeholwa inhliziyo ukube inhiziyo yakhe yayingekho Ekuphakameni wayezothi uma ebona ukuthi akakwazanga ukugibela esitimeleni nezimoto azimgibezi abese ejika ephindela ekhaya!
50. Uma sesilana kumele singafani namanye amaNazaretha ukuze nabantu bengezosho ukuthi amaNazaretha ayefana ngisho ungaya eGinyezinye, Ekuphakameni, EBuhleni naseThembezinhle uye ePhilangezwi, uzobafica benzinto efanayo, kodwa thina kumele sibe nomehluko, inhliziyo yethu kube iyona ehamba phambili ekutheni silandele umthetho kaNkulunkulu!
51. Thina ngisho indlela yethu yokuhlala umasise sontweni iyindlela eyamukelekile kuzo zonke izizwe ngoba inhloso yeZulu ukuthi bonke abantu bakwazi ukuba amaNazaretha, umuntu angathi ngeke ngikwazi ukuba yiNazaretha ngoba amaNazaretha ahlala eziceshini uma esesontweni amaNazaretha agqoka izidwaba, akhonza amadlozi.
52. Kodwa umuntu kumela azi ukuthi uma ngifuna ukukhonza uNkulunkulu kumele ngiye laphana ngoba ngizofica kukhulunywa ngoNkulunkulu.
53. Ngisho ngabe kufika umuntu osuka eRussia, sizomfundisa ukugcina iSabatha, ukungaligundi ikhanda, ukungayidli ingulube kanye nokunye okuzomenza abangcwele, bese uyabona ukuthi ngingaba ngumNazaretha ngoba ngitshelwe into efunwa uNkulunkulu!
54. Thina asikwazi ukuthi singahlala nezangoma lapha!. Izolo ngike ngagibela itekisi ngiya eThekwini, ngezwa isangoma sikhulluma nomunye umuntu obesifonela efuna ithambo lembongolo. Sithi lesi sangoma asinalo ithambo lembongolo saligaya sakhanda ngalo umuthi. lomuthi owakhandwa ilesi sangoma sasiwukhandela ukuthi udliwe abantu, kodwa siwukhande ngethambo lembongolo. Sikhuluma phambi kwantu ukuthi imithi yaso siyenza ngethambo lembongolo. Kodwa abantu uzobathola beya kuso lesi sangoma beyofuna umuthi, bazonikwa umuthi owenziwe ngethambo lembongolo kuthiwe abahambe bayowukhotha lowomuthi.
56. UNkulunkulu wasigeza thina wasisusa konke ububi, wazosibeka lana, wathi asibe isibuko sokuthi ubuNazaretha buhle kanjani. Ngisho sisemgidini asisini izitayela, sishaya low mgidi wokuqala owafika noBabamkhulu!
57. Sekuno Shembe manje abangakwazi ngisho ukusina. Angazi ukuthi umuntu kuba kanjani ukuthi umholi engakwazi ukwenza into okumele kube nguye oyifundisa abantu!
58. Yake yathi INkosi ILanga ithe ilele ebusuku yabona ihamba eNhlangakazi, yase ihlangana nenye insizwa yakwa Mthembu eyayingakwazi ukuhamba, ihamba ngezandla. Uthi uBaba ILanga ngibe sengiyibuza lensizwa ukuthi iyaphi? Yathi: “Baba ngizekuwe!” Ngase ngithi: “Pho awuceli ngani laba abakwazi ukuhamba kahle bakubelethe?” Yathi lensizwa: “Baba bebefuna ukungibeletha, kodwa nginqabile!” Yathi INkosi: “Hawu unqabile?” Yathi lensizwa: “Baba ngicela ukubelethwa nguwe.”
59. Thina kuyasehlula ukunamathela kuShembe siye sibheke imindeni yethu, sithi ngeke sikwazi ukuhlala singayi ukuyohlanganyela nayo uma yenza imicimbi, silahlekelwa ukukholwa ngenxa yemindeni yethu.
60. Sengathi nathi singafana nalonkosikazi okwathi kuseduze ukuthi abuyele kwakhe, kodwa wakhetha ukuhamba uhambo olwamthatha izinsuku ezine! USathane wayethi useqedile ngalo nkosikazi, ethi ngeke abekhona Ekuphakameni!
61. Ngijwayele ukubuka laba bantu abagijimayo imarathon bagijima ngisho ubona ukuthi sebekhathele, agijimela ukuthi kumele ngiyofika eThekwini ngoba uyazi ukuthi uma esefikile uzothola medal. nathi kufanele sifane nabo sibekezele uma silana ekukholweni noma kunzima singayeki. kumele nathi sikulwele ukungena Ezulwini
62. Laba bantu abagijimayo kuye kuthi noma omunye esekhathele bafike bamxhake bagijime naye baze bayoqeda. Uma sebeqedile ubafica sebexoxa sekumnandi bexoxa ngohambo lwabo.
63. Nathi kumele sikhuthazane njengoba nabaholi bethu bayasikhuthaza ukuthi asingakwenzi lokhu, asenzeni lokhu nathi ukuze kuthi uma sesifika ezulwini kube mnandi ngoba sobe sesixoxa ngezinto ezazenzeka sise lapha emhlabeni. Nathi asibambane sikuzane sodwa ukuze sizongena sonke ezulwini.
64. Kwesinye isikathi siye size nabantwana lana esontweni, ngoba singeke sibashiye bodwa emakhaya, kanti labantwana uma belana bafike balalele, uthi ususe khaya ubezwe sebekhuluma into ebikhulunywa uMama Mfundisikazi noma uBaba uMelusi. Ngike ngezwa uMfundisi uMtolo exoxa ethi lomfana wakhe uSimu ubexoxa ethi uthe uBaba uMelusi izitabane zidla amakaka zihlala etoilet.
65. Ngake ngakhuluma lana ngiphethe inkonzo ngendaba yabafana ababili abanikwa amaqhude ukuthi beyowabulala, kodwa bengabonwa umuntu. Lomunye walibulala omunye wabuya nalo, wathi ubone iso likaJehova limbuka. Kwathi ngihleli nje ekhaya ngelinye ilanga sekuza lomfana wami omncane, wafike wathi kimi ucela ngimfundele leyandaba yomfana owabona iso likaJehova. Yangethusa lento ukuthi laba bantwana kanti bayalalela uma kushunyayela esontweni.
INkosi ibusise izwi layo