Ithike ingelosi uma kukuthi ushilo ukuthi Jehova ngazise ukuphela kwami, uma uJehova ewuzwile umkhuleko wakho, ucele ukwazisa isilinganiso sezinsuku zokuphila kwakho, uyoxwaya, awuyikuya lapho uJehova engafuni khona.
Uthi konke lokhu akufundiswa emabandleni abantu, ngoba uma ufundisa lezifundo, kuthiwa abantu bazohamba, abantu abazikuqhubeka ngoba bayasatshiswa.
Intshumayelo yangeSabatha ekuseni mhlaka 05 October 2024 siyiphathelwe uMfundisikazi Nomcebo Nxumalo Mpanza ekhaya eNqobizitha.
ISIHLABELELO 201.
Danyeli 12:1-4
Isambulo 20:11-15
1 Anginazikhali anginazihlangu
Zokuvikela umoya wami
Nanti igama lami seliyahlangulwa
Encwadini yokuphila.
2 Shwele Baba shwele nkosi
Ngivikele wena Baba.
Lingahlangulwa igama lami
Encwadini yokuphila
1.Ngiyayikhetha iNkosi yaseKuphakameni, ngicela ukungasiqedi isihlabelelo, ngime khona lapha ngenxa yesikhathi. Bantwana baseKuphakameni namuhla kuyimini enkulu eyahlonishwa nguBaba wethu onguMenzi wezulu nomhlaba.
2.Isihloko sithi MPHEFUMULO WAMI KHUMBULA IKHAYA LAKHO.
3.Bantwana baseKuphakameni uNkulunkulu usivulele umhlangano lona asimemile ukuba sonke size kuwo, engathi uNkulunkulu engenza ukuthi singakoni lokhu kumenywa, singakujwayeli futhi.
4.Kodwa siphakamise loludumo nokubonga silubhekise kuye ofanelwe ukubongwa nokudunyiswa. Kufanele ukuthi sazi bangcwele ukuthi sinalo ikhaya lethu esilungiselelwe kulo uma kukuba senze kahle.
5.Kuhle sikhumbule ukuthi nangxa singamaNazaretha kaNkulunkulu, kodwa uJehova akasifihlelanga utho, neNceku yakhe uShembe asho njalo, yasinikeza amazwi okukhumbula ukuthi sinalo ikhaya lethu, ekuyothi uma ngabe senzile kahle siyongena kulona.
6.Asazike bangcwele ukuthi kusukela uJehova aqalile ukwenza umhlangano nathi, kukhona yini esikufundile, kukhona yini esikucelile ngaphandle kokucela imali namadlelo aluhlaza.
7.Kodwa sicelile yini ukuthi uma sisuka lapha siye ekhaya, singahlali othulini lomhlaba kodwa siye ekhaya lethu esavela kulo.
8.Sikuwelile yini lokho ngoba engathi siphelela lapha emadlelweni aluhlaza, sonke uma sifika lapha, sifike sicele ukuthi uNkulunkulu akasibusise siphile impilo enhle, singadingi singesweli.
9.Kodwa sikucelile yini ukuthi uma sisuka lapha siye ekhaya lethu, lapho esasuka khona sibahle, siyicelile yini ingubo yokwembesa lomphefumulo.
10.Siyakufuna yini khona ukwazi, siyakucela yini khona emthandazweni ukuthi Nkosi uze ungikhumbule uma ngabe isikhathi sesisondela ebese uyangazisa, ngiqoqe nami njengomuntu osebuyela kubo, ngiqoqe njengezivakashi zonke. Ngibonge nokubonga lapho ebengivakashe khona sengibuyela ekhaya.
11.Ngithike bantwana baseKuphakameni uma kube asizange sikukhumbule lokhu engikushoyo, kuzokwenza ukuthi sihlupheke, sihlupheke phambili lapho ekufanele sibuse khona.
12.Kuzokwenza ukuthi uhambo lwethu lube mahixihixi, kuzokwenza ukuthi singaba yibo abantu abanethemba lokuthi uNkulunkulu uphethe iminyango yonke yasezulwini.
13.Sikujabulele konke okukhona okuhle, kodwa sikubuke okuhle kithi, kodwa okungekuhle kuJehova. Sikujabulele konke okusiphilisa kahle, kodwa singakhohlwa ukuthi impilo enhle ilena engunaphakade, silifune ingunaphakade lethu ukuthi linjani, sizohlala kanjani phambili.
14.Njengoba lapha emhlabeni uma ngabe kunemicimbi emikhulu, sekuyaye kuhlukaniswe izihlalo, kube khona isihlalo, izihlalo lapho ekuzohlala khona izigwili ngoba zona zinemali, ziyazibhukwa izihlalo, ngisho nakulo ibhanoyi kunendawo lapho okuhlala khona omtakabani ngoba basuke benemali.
15.Ngithike nathi engabe siya-book yini ukuthi uma sifika sithole izindawo ezinhle lapho othi uma uhlezi khona unethezeke ungakhumbuli lutho.
16.Njengoba sengizibalile lezizihlalo, uyaye uthi uma usuhleli kuzo, ubabuke abantukazana bedlula, abantu abanganalutho bahambe bayominyana lapho ekuminywana khona, ngoba abanayo imali yoku-book ama seats, babhukhela ngisho izingane ezineminyaka emithathu.
17.Ngithike engathi uNkulunkulu engasisiza ukuthi lokhu ku-book kungapheleli kumabhanoyi, kungapheleli ezinkundleni zamabhola, nasemicimbini ethile, kodwa sikhumbule ukuthi kusekhona ibhanoyi eliyofika libonwe nguwe wedwa.
18.Uthi uma usungena kulo uyobe uyiphethe yini inombolo yakho ekubhukhele i-seats singakafiki ekhaya, ufike uhlale kahle, noma wehla wehle kahle.
19.Uma ubhukhelwe ibhanoyi kuleyihlalo, uhamba nabantu abazohamba phambi kwakho, awuhlupheki, bahamba bekubhalisela bekwedlulisa udlule ngoba u-book i-seats ebizayo wabhukhela ukuthi uhlale kahle ungaminyani uze uyofika la ofika khona.
20.Ngithike bantwana baseKuphakameni sesikhulumile ngobumnandi, sesicelile kuNkulunkulu waseKuphakameni ukuthi asibusise, abanye bethu babusisekile. Sikucelile esikucelayo, nemisebenzi sayicela abanye bethu bayithola.
21.Kodwa angikezwa ukuthi sesicelile yini kuNkulunkulu waseKuphakameni ukuthi, sesibhukhile yini sabhukhela ibhanoyi, eliyofika libonwe yithi, libonwe umhambi yedwa, akanakulibona omunye umuntu ongamenyelwa kulolohambo.
22.Ngiyacela ukuba ngidlule kunanka amazwi kumaHubo 39 verse 4-6 kuze kungachitheki isikhathi.
23.AmaHubo 39 verse 4-6.
24. (4) “Jehova, ngazise ukuphela kwami, nesilinganiso sezinsuku zami ukuba siyini; mangazi ukuthi ngingodlulayo. 5 Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla; imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe; impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela*
25. (6) “Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje; impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.”
26.Ngithike bantwana baseKuphakameni lamazwi avela kumholi wokuhlabelela ihubo likaDavide, lona owayebuza, wayecela ukuba uJehova amazise ukuphela kwakhe, emazise isilinganiso sezinsuku zakhe.
27.Ngoba wayefuna ukuthi akwazi lokho ukuthi abhukhelwe ibhanoyi, ahlale ezihlalweni anethezeke engakafiki ekhaya lakhe, ahlale khona ngoba ukulungiselele ukuhlala kulezihlalo zohlobo oluphambili, njengoba sengichazile ukuthi kuyabhukhwa.
28.Njengamanje sesiya ekupheleni konyaka, wonke umuntu uhlelile, kulamaholidi ezayo, lawa esiwaphathelwe uDisemba, bahlelile abantu, bawabhukhile amawotela abazokubusa banethezeke kuwo.
29.Amanye baya emazweni aphesheya, labo abangasweli lutho, babhukha amawotela aphesheya abizayo, bayonethezeka khona, abanye babhukha kulo lona lelizwe,
30.Ngoba bafuna ukuthi uma sekufika lezinsuku zamaholidi, basuke nje baqonde bangafanani nathi thina esimpofana esiqhamuka sesiphethe amasenti esigcwalisa ngawo sifune ama room angasho lutho sesiyophumula nje.
31.Ngithike bantwana baseKuphakameni bonke aba-book lamawotela abanalo ithikithi lebhanoyi eliyakufika ngesikhathi abangasaziyo eliyobonwa yibo bodwa kodwa babhukhile.
32.Uma ngathi uyalapha eThekwini nje uthi uyobhukha manje, angeke usayithola indawo sekugcwele, kufanele engabe uqale ngabo February, noma mhlawumbe uqale sekuza ngaphakathi nonyaka, ubhukhele udisemba ngoba kuyagcwala.##
33.Abantu babhukhela ukubusa, bezobusa isikhashana, akekho othanda ukubhukhela lapha ayobusa khona ingunaphakade.
34.Kunjalo bantwana baseKuphakameni, noma uNkulunkulu esefikile kithi, noma engasho ukuthi uma ungahamba namuhla mtanami zingebalwa izono zakho, kodwa ungahamba kahle uze uyongena emzini oyingcwele.
35.Kodwa abantu bayala, nami ngiyazibala phakathi kwabo, bayenqaba kuJehova, bathi akunandaba nami ngiyohamba njengabanye abantu, uNkulunkulu eseshilo ukuthi uma uhamba namuhla awunakubuzwa nasinye isono, uzofika uhamba nami, awuzewahamba ngisho nanezingelosi, uzofika uhamba nami, bahlehla abantu, siyahlehla sonke.
36.Bakhethe uhambo olubuhlungu, uhambo olumnyama, uhambo olujumanayo, uhambo oluhlwithanayo, olukuhlwitha njengokhozi.
37.Kodwa uthe uNkulunkulu asambe mtanami, uma uhamba manje angeke ubalelwe lutho, uyakungena nami, uyakuhlala emadlelweni amahle, uyakubusa nezikhulu zasezulwini. Kodwa sithi cha asinendaba, noma ngingebuse, sohamba njengabanye abantu.
38.Uma kungavulwa amahhovisi, umhlaba wonke kuthiwa abantu abeze bazobhukhela uhambo, ngeke kuye ngisho oyedwa kulawomahhovisi, akekho ongaya.
39.Noma ngabe kungehliswa izithunywa zezulu kuthiwa abantu abeze bozobhukhela amabhanoyi ohambo olufihliweyo, ngeke abantu baye lapho, nami futhi ngizibala lapho ukuthi nami ngeke ngiye.
40.Abanye bethu benqabela ukwazi ukuthi uNkulunkulu uzothini, ngizongena kanjani kulelibhanoyi elihle, nginjena, ngoba uyazazi ukuthi uhamba alukhabathise aze ayofika kuphi.
41.Uyazi ukuthi uhambe kangakani lapho uJehova athena engahambi khona, yikhoke engafuni ukongena kuleliyabhanoyi ngoba wazi kahle ukuthi vele izikhulu eziqaphile zizamdiliza, engakafiki ezulwini, engakafiki phambi kwamahluleli.
42.Abanye noma bengone lutho, noma bebengangena, kodwa umthwalo abawuthwele wasemhlabeni ukuthi ngisafuna ukubukwa, nginezimali zami, ngisafuna ukuhamba ngezimoto ezinkulu, ngisafuna ukuba bangibone abantu, akukwazi ukuthi ngingahamba manje.
43.Akhethe ukuthi uzobalwa nabantu abanezono ubenganaso isono, kodwa nje ufuna ukubukwa, ukuthi abangibone abantu ukuthi nginemali, ngisazokushintsha imoto.
44.Lithi izwi asambe mtanami, uma kuba uhamba namuhla ngeke ubalelwe nasinye isono sakho, cha kulungile ngizohamba njengabanye abantu.
45.Umuntu owala umbuso waphakade awalele isikhashana esincane azosihlala lapha, akhalele lombuso ozomphelela engakafiki lapho athanda khona.
46.Ngithike bantwana baseKuphakameni uyabuza lapha umuntu, ubuza uyacela, esehamba kulomhlaba, ekubona okuhle, eyibona imibuso yonke ekhona, akasho ukuthi ngicela ukuthi ungenze ngibe mkhulu kwabanye abantu, ngicela ukuthi ungiphe ulwazi nami ngazi Nkosi njengawe.
47.Kodwa uthi Nkosi ngazise ukuphela kwami, nesilinganiso sezinsuku zami ukuba siyini, uthi mangazi ukuthi ngingodlulayo, bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla; imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe; impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje; impela uzikhathaza ngokuyize nje”
48.Ngake ngafunda enye indaba, nanxa ngikhohlwa ukuthi uMatewu noma uLuka, ngafunda ngomuntu ongaswele lutho, lapha abanolwazi olukhulu ngebhayibheli bazomazi lo muntu uma sengikhuluma ngaye.
49.Ithi le ncwadi wabona emasimini akhe, amasimi akhe amkhiqizela ukudla konke ezinsukwini zakhe. Wayesehlala phansi wathi njengoba kukuningi kangaka ukudla kwami kufanele ukuthi ngenze kanjani.
50.Lithike ibhayibheli wafika umcabango iNkosi imphendulo imiphendule umcabango wakhe.
51.Wayesethi hhayi angihluphi ngizokwakha izinqolobane bese ngibuthela khona ukudla kwami konke ngikufaka lapha.
52.Nanxa ngikukhuluma, kodwa uma usukufunda, kukhona engikushiya emumva ngoba ngisho ukuthi sengilibele kodwa bayazi, izinqapheli ziyazi, ezabantu abazi ibhayibheli.
53.Ngithike wathi uma esekusho konke lokhu, kodwa kwa khona othi hawu siwulandini, uzoqoqa ukudla kwakho ukufake laphayana nini, ngoba namuhla iyaphela imihla yakho, wathi imihla yakho seyiphelile.
54.Ecabanga konke anakho ukuba akazikukwenza lutho kodwa uzokuqoqa akubekele inhlali, angimuzwa ethi uzokwaba okuthile abele abampofu, uthi ngizokwakha izinqolobane ngikufake khona.
55.Wabala izinto eziningi engingasazikhumbuli, kodwa lafika izwi lathi siwula ndini, konke lokhu uzokwenza nini ngoba imihla yakho iyaphela namhlanje.
56.Ya-expire i-date yakhe, ya-expire i-date yokuphila kwakhe kulomhlaba njengeyokudla, njengoba uthi uma uthenga ukudla uyifune idate ukuthi ukuphepha kwalokudla noma umsoco wakho, uphela mhla zingaki.
57.Uke uthi uyakuthatha, uthi uyabuka, uthole ukuthi iphela kusasa, unqandeke, kodwa asiyazi i-date yoku epire kokuba kwethu lapha, amathikithi ethu ukuvakasha kwethu la.
58.Uke uthathe ithikithi ngezikhathi zezitimela umbuso ungakaphathwa abantu abamnyama, wawuhamba uyo-book ithikithi elingangesikhathi osifunayo.
59.Kodwa uma kuke kweqa, wawuthi uyafika amabhunu akutshele ukuthi liphelile, ngalokhoke ungaya kothatha elinye noma bakubhalele elinye ulikhokhele manje ngoba li expired leliya, li expire nemali yakho obukade uyikhokhile, wangabe usahamba.
60.Ngithike bantwana baseKuphakameni njengoba singamaNazaretha kaNkulunkulu, ithike iNgelosi kufanele sifunde impilo, sifunde ukucela impilo enhle siselapha, siphinde sikucele nathi ukuthi uJehova asazise, zingakafiki izinsuku, asazise isilinganiso sezinsuku zethu.
61.Le ncwadi ngiyinikezwe yiyo ingelosi emva kokungichazela lokhu, uthike ukwazi ukuthi isilinganiso sezinsuku zakho zingaki, ziyini, ziyokwenza ukuthi uqoqe njengomuntu ozovuka ahambe.
62.Kuyokwenza ukuthi ugeze ube muhle ngoba uyazi ukuthi uzothatha ukuhamba, kuzokwenza ukuthi uxwaye ukwenza izinto uJehova angazifuni, ngoba sona kangaka nje izinto ezibekwa phambi kwethu ukuba zisikhohlise, zenza silibale ukuthi amathikithi ethu azo-expire.
63.Konke okukhona okungekuhle kuJehova kudukisa imiphefumulo yethu, kwenza singakhumbuli ukuthi lizofika ibhanoyi, angeke likushiye, noma ungenalo ithikithi.
64.Uma leli lokufika kwakho seliphelile, uzolayishwa lapho okulayishwa khona abanjalo, ufike uchithwe lapho okuchithwa khona abanjalo.
65.Njengoba siyibandla likaNkulunkulu, ithi ingelosi abantu kufanele bayifunde impilo yalapha emhlabeni besaphila, bacele kuNkulunkulu, bacele ukuthi bangahlupheki, uthi kodwa njengabandla likaNkulunkulu esichazeliwe ukuthi kukhona uhambo.
66.Kufanele ukuthi nezingane zethu zifunde ukuthi njengoba sinalamandla, kodwa kuzofika isikhathi lamandla azophela enyameni yethu. Kuzofika isikhathi lapho okuyofuneka khona ukuba sigibele ibhanoyi eliya lapho esingazi khona.
67.Ithike ingelosi uma kukuthi ushilo ukuthi Jehova ngazise ukuphela kwami, uma uJehova ewuzwile umkhuleko wakho, ucele ukwazisa isilinganiso sezinsuku zokuphila kwakho, uyoxwaya, awuyikuya lapho uJehova engafuni khona.
68.Uthi konke lokhu akufundiswa emabandleni abantu, ngoba uma ufundisa lezifundo, kuthiwa abantu bazohamba, abantu abazikuqhubeka ngoba bayasatshiswa.
69.Kodwa kufanele abantu banikezwe amathoyizi okudlala khona lapho ethempelini kukhulunywe indaba abazoyithanda baphinde bayifakaze, ngoba basuke bekhulume ngendaba yabo, basuke bekhuluma ngomhlaba, basuke bekhuluma ngezinto abazaziyo kodwa bengafuni ukwazi lokhu abangakwazi.
70.Uthike uShembe, lemiyalo iwudondolo oluhle, lolu okufanele silufune ukuba singalutholi udondolo oluzophuka, sithole oluhle.
71.Ithike iNgelosi ngiqinisile ngithi, niyoba ibandla likaNkulunkulu naphambili, niyofika nibahle, niyofika nilungiselelwe, ngoba niqale nilapha nayifuna imihla yenu nacela ukuthi uJehova anazise isilinganiso sezinsuku zenu.
72.Konke uJehova akubekile phambi kwethu ngeNceku yakhe, akukho okuyize, namuhla siyamdumisa uJehova, simdumisa ngenxa kaShembe owasitshela ngoJehova.
73.Kufanele uma ungumntwana kaNkulunkulu, ungumNazaretha kaNkulunkulu, konke okwashiwo nguShembe, ngisho uShembe owayethunywe nguNkulunkulu, ngoba wayengakhulumi ngomuntu wayekhuluma ngoJehova, konke, ukugcine.
74.Kukhona izinsuku ezibekiwe, kwathiwa usuku luka -14, lolusuku lwendlalelwa usuku lwamhlaka 13, wonke umuntu oyinkosikazi uyazi ukuthi lolusuku ngolwakhe, kufanele alingcwelise, kufanele aye phambi kwaNkulunkulu njengoba esinikile ukuba sibe ngabantwana abasuke behleli bodwa, uNkulunkulu efuna ukusibona ukuthi uma singekho phambi kobaba siyakwazi yini ukumdumisa.
75.UNkulunkulu waseKuphakameni owakhuluma noShembe, uShembe wazibeka izinsuku ezibizwa ngo-23 ekufanele ukuthi umnumzane walelibandla ngalezinsuku ahambe ayolalela ababekiwe ukuthi uShembe wathi akuyokwenziwani khona.
76.Kodwa ngoba sekwaba khona amaNazaretha eyinsuku zokugcina, ngesinye isikhathi umuntu uyaye azikhethele yena athi angizukuya kulo-14 lona, sengizoya kulona olandelayo.
77.UShembe ubeke imihlangano angashongo ukuthi imihlangano yakhe, akuchazile ukuthi umhlangano kaJehova, wabeka usuku lokuthi kuyothi uma kuwumhlangano bese kuyasinwa kusinele uJehova.
78.Kodwa kukhona abashoyo ukuthi angizukusina kulomhlangano, angizukusina kuleliviki, ngosina kwelizayo.
79.Lo mhlangano akawenzi kube okaJehova uwenza kube umhlangano wakhe, ukuthi ngoba uJehova ethe akusinwe uma usuvuliwe, ishilo iNgelosi ukuthi abantu sebengasina.
80.Kusho ukuthi uphikisa uJehova ukuthi bekungamele kusinwe ngaloluyasuku, kufanele kusinwe ngalesisikhathi kukhona yena.
81.Ngithike bantwana baseKuphakameni omunye uye athi angizukuya, ngoba angikabi nayo imvunulo, kodwa mningi kabi umsebenzi kaNkulunkulu ongabusiseka ngawo, ube khona nawe uzitholele izinhlanhla uvunule.
82.Engathike uNkulunkulu engasisiza alahle inkani nokuzazisa kithi, sazi ukuthi uShembe owathi umgidi kaJehova, sengikhuluma ngokukhonzwa kwakhe bantwana baseKuphakameni.
83.Ukuthi lona obekiwe ukuthi alawule umgidi, kufanele wazi ukuthi uma sewenza ngokwakho ngoba uzitshela ukuthi angeke ngikwazi ukutshelwa ilona, awusabhaliwe ukuthi ukhona kulowomgidi, kodwa ubhalwe njengegciwane elingena ekudleni abantu bedla, awusabaliwe njengomNazaretha kaNkulunkulu.
84.Nokusina kwethu, ithi iNgelosi akube ukusina kokukhumbula uJehova, ithike iNgelosi kuke kube khona abantu okuthi uma kulapha emgidini, uma sekuhlatshelelwa, uma sekukhalela yonke into yokunandisa umgidi nokudumisa uJehova.
85.Bese abantu bevukwa usinga bekhumbula amabutho akade bekuwo, bekhumbula ubunsizwa basemabuthweni, ashaye izaga ezingahambelani noNkulunkulu.
86.Uthike kufanele kungenziwa lokho ebandleni likaNkulunkulu, babekhona abaqaphi abakunakayo lokho ukuthi into kaNkulunkulu akukwazi ukuthi ngelinye ilanga ibe into yomuntu, ingekaNkulunkulu kuze kube phakade, ayikwazi ukuthi ngelinye ilanga ibe ngeyomuntu.
87.Ithike ukusina, kufanele abantu basine, kodwa uNkulunkulu abeseduze kwabo, bakhumbule izinsuku zesethembiso, bakhumbule mhla uJehova ebakhipha, ebakhipha esandleni sikaFaro, mhlazane uJehova emisa ulwandle elwenza lube isihlabathi.
88.Bakhumbule uShembe, mhlazane esuke ngezinyawo ephikelele entabeni yomhlangano. Bakhumbule isivumelwane ayesenzile noJehova.
89.Ithi enye inkulumo, uShembe wabona ubisi, wabona into emhlophe njengobisi lungena kuye lwehla ngemithambo, kodwa ikhona inkulumo ekhulunywa angabantu abazi umlando. Bathi uJehova wathi akusilona ubisi kodwa amaNazaretha.
90.Kufanele umuntu akhumbule leso sikhathi, sikhumbule uShembe, singakhumbuli amakhehla, lawa afika athi senzenjani njengoba sinjena, sigqoka amabheshu, ngiyabona ukuthi namabhulukwe ayevele engekho.
91.Ithike iNceku kaNkulunkulu ngenani nawo, ithike ingelosi kukhonake abakhumbula lawomakhehla, ebeseke begxila lapho, ukusina kwabo, basine bakhumbule lamakhehla lawo.
92.Engathike singakhumbula uShembe mhla ehlupheka ehluphekela lobubuNazaretha, sikhulume nangezinhliziyo sithi Nkosi iNceku yakho yafika kulelizwe, ingakho ngisina.
93.Inceku yakho yafika kulelizwe, iNceku yakho yakulalela, yadonsa konke yakuletha kithi, namuhla nathi siyisizwe sikaNkulunkulu ngenxa yayo.
94.Usine, usinele lokho, uthi ngiyabonga ngibonga lokho ukuthi mina ngibe nayo inhlanhla yokuthi ngizwe izwi leNceku kaJehova uma ngabe isho njalo ithi.
95.“Liyamema bonke abantu”
(Isihlabelelo 153)
96.Ukhumbule lokho usine, uze ubuke phezulu, ubuke uJehova owathuma uShembe, uthi Nkosi yathi uma ithi liyamema alikhethi namuntu.
97.Nami ngase ngiyalizwa, nami ngase ngiyasukuma ngiya lapho iNceku yakho isho khona, ngiyacela Nkosi ukuthi ungikhumbule ngezinsuku zami ezifihliweyo.
98.Ungikhumbule Nkosi uma sengisina Nkosi ngikhumbula uShembe, ngikhumbula wena, ngoba asikwazi ukungamkhumbuli uShembe ngoba nguye odonse yonke imithetho kaThixo, wayiletha kithi, wasifica sihlakazekile, sizula emahlane, wasiqoqa, wasiqoqa ngezwi likaJehova.
99.Ithike iNgelosi kungaboba khona kithi umuntu oyothi uma esesina ashaye izaga ezanqandwa, ashaye izaga ezibuyisela abantu emumva, akhumbule amabutho ebulala abantu, ekhumbule amabutho edla izintelezi zokuthi uma sebehamba baphelelwe unembeza, baphelelwe isihawu, bagwaze ngisho izingane ezingazi lutho uma sebehamba sebedle izintalezi.
100.Ithi khumbulani uShembe, khumbulani iNceku kaNkulunkulu mhla iyokhongozela njengomuntu ekhongozela ubisi inkomo isengwa.
101.Engathike bantwana baseKuphakameni kungaba njalo, kodwa into enhle, lapha ebandleni likaNkulunkulu abahlali abanjalo, sabanabo abantu ababesina baze baqholoshe bekhumbule amakhehla bekhumbula amakhehla atholakala, bekhumbule oyisemkhulu, bengakhumbuli uNkulunkulu, bengamkhumbuli uShembe.
102.Ngithike bantwana baseKuphakameni sakhethwa thina, savuma ukuba sibe ngabantwana bakaNkulunkulu, ngisho noma sisina sisina ukusina kwethu, sikubhekise kuNkulunkulu.
103.Ukusina kwethu kukusina kokudumisa uJehova, asinakho okokukhumbula, okuyisikhumbuzo samabutho, asinakho.
104.Nangapha koMama asinakho ukusina kwalamakhosikazi ayekikiza ehamba namabutho, ekikiza noma sekuwe umuntu phansi, egwaziwe kungazeki ukuthi ugwazwelani.
105.Asinalo lelosinga, usinga lweethu, siye sithi Nkosi wafika umuntu, yafika iNceku kithi, kungakho Nkosi silapha, njengoba sisina, sichaza Nkosi phambi kwakho, ukuthi yafika iNceku yakho, yafika yasebenza, yafika yashumayela, yafika yasitshela ngawe.
106.Kungakho Nkosi sizoshiswa ilanga, sishiselwa ukuthi uShembe wafika, wathi uma esefikile wangayikhuluma indaba yabantu bakubo, oMzazela, akashongo lutho ngabo, wakhuluma ngawe, kwaze kwadlula isikhathi sokuba abe khona lapha emhlabeni, wayefakaza ngawe
107.Wayesitshela ukuba kufanele ukuba sesabe wena Nkosi, uze wabhala phansi wathi lolusuku lweSabatha kube usuku lokudumisa wena wedwa.
108.Nalomgidi wawubhala phansi, wathi lezizihlabelelo zingezokusinela uJehova, wathi umgidi kaJehova, akusiwona umgidi oyingoma yezwe, akuwona umgidi lona lapha kulelibandla likaNkulunkulu okungaba umgidi wokuthi umuntu asinelwe ukujikijelelwa izimali, asinelwe ugugqagwelwa ngomlomubomvu beza kuye.
109.Ngoba bemubona esina kahle, esina ukusina komhlaba, esina ingoba engumaskandi, kodwa esina ngengoma zokudumisa uJehova.
110.Lapha kulelibandla akukho lokho, ngoba lelibandla liyalawulwa umnikazi walo othume iNgelosi, into enhle bayaxoshwa abantu bexoshwa nguye umnikazi webandla, ebakhipha uma ebabona ukuthi laba bantu abasezile ukuzokhumbula iNceku kaNkulunkulu eyaletha lokhu kukholwa.
111.Abasezile ukuzokhuluma noma ukuzobonga kuJehova, kodwa manje sebeze ngezinto zabo, sebeze ngapha bazovusa inkolo yamabutho lapha ukuze ngisho izingane zingazi ukuthi kuyini.
112.Ngithike bantwana baseKuphakameni uNkulunkulu waseKuphakameni akahlale nathi ngezikhathi zonke bantwana baseKuphakameni sikwazi ukuthi nabantwana bethu, sibafundise nanokuthi nathi sazi ukuba sibuze kuJehova ukuthi Nkosi, sicele ukuthi Nkosi sazise izinsuku zokuphila kwethu.
113.Ngithike bantwana baseKuphakameni kuhle ukukhumbula imini ezayo.
114.Lapho imihla yami
Incipha emhlabeni.
Mangikubone Nkosi
Ngikhuphukele kuwe.
Chorus: Ungikhumbule Nkosi yami
Ungikhumbule Nkosi yami
Ungikhumbule Nkosi yami
Ungikhumbule Nkosi yami
115.Ilawomazwi uNkulunkulu waseKuphakameni ebengiphathise wona.
INkosi ibusise enikuzwile.