Bantwana baseKuphakameni ngisho ukuthike uma ngabe nathi sikhona lapha, uNkulunkulu akathokoze ngathi, athokoze noma sisemzini yethu, ake athokoze noma esifica emakhaya ethu, afike athokoze uNkulunkulu abone ukuthi lakhekile ibandla engangifungile ukuthi libe khona emhlabeni ngoba uSathane ulwa nayo yonke into ekuthiwa ngekaJehova.
Intshumayelo kaMfundisikazi Nomcebo Nxumalo Mpanza mhlaka 12 October 2024 ekuseni ngeSabatha eNqobizitha.
ISIHLABELELO 25.
1 Nkosi yamkela ithemba lami
Nakhu sengiguqe phambi kwakho.
Woza-ke mntanami,
Ngokwamukelisa ngethemba.
2 Ungazibheki izono zami
Uma ngiza kuwe,
Woza-ke mntanami
Ngokwamukelisa ngethemba
3 Ukuza kwami phambi kwakho
Akusange namisanga,
Woza-ke mntanami
Ngokwamukelisa ngethemba.
4 Wozake masinyane
Singakacimi isibani sakho
Woza-ke mntanami
Ngokwamukelisa ngethemba
1.Ngiyababingelela abangcwele, ngibabingelela ngibonga, ngibonga ukuthunywa, kuye kube kuhle ukuthi uma uthunywa lowo msebenzi uwenze ngobukhulu ubunono ngoba osuke ekuthumile usuke elindele okuhle ngokukuthuma kwakhe.
2.Ngiyazicelela nami phambi kwaNkulunkulu ukuthi kube kuhle phambi kwakhe ukuguqa kwami phambi kwabangcwele. Isihloko “umphumela wokungawugcini umthetho kaJehova.”
3.Bantwana baseKuphakameni njengoba ngihlabelela lesi sihlabelelo, uyajabula umuntu oyakuguqa phambi kwaNkulunkulu, amukele ithemba lakhe kuphela, kungekho izono ayobe eseyacela ukuthi ungazibheki lezi zono.
4.Kodwa oyoguqa nje kuphela ebese uNkulunkulu eyamubusisa ngoba emthola engcwele, emthola efanele ukuthi aguqe phambi kwakhe.
5.Babusisiwe abantu abanjalo, abanganakukusho lesisisho esilapha kulelivesi lesibili ngoba kukhuluma umuntu othi noma eguqa phambi kwaNkulunkulu ebese ezicelela yena ukuthi uNkulunkulu akalamukele ithemba lakhe uma eseguqe phambi kwakhe.
6.Kodwa futhi emva kwalokho useyakhumbula ukuthi kulona lelithemba enginalo kodwa lembozwe yifu lokona kwami, lezono zami.
7.Useyazicelelake ukuthike ungazibheki lezi zono, kodwake futhi asazi ukuthi uNkulunkulu uzohlala kanjani engazibheki izono ngoba nokuhle, nabasebenze kahle, noyoguqa phambi kwakhe eguqa ngemisebenzi emihle enganakukusho ukuthi Nkosi ungazibheki izono zami, kodwake uyoyibheka imisebenzi yakhe.
8.Nazoke izono uzazibheka njengoba kufanele amukele ithemba, kodwa futhi uzozibheka nazo izono.
9.Ngalawomazwi bantwana baseKuphakameni kufanele wonke umuntu abe lapha ngoba ezozicelela kuNkulunkulu ukuthi mhlazane sengiguqe phambi kwakho, ngiguqe sengimuhle.
10.Ngingabe ngisaguqa ngimbeswe ngamathunzi ezono, ngingabe ngisasho ukuthi Nkosi ungazibheki izono zami ngoba zobe sezingekho.
11.Uthike uShembe uma efika lapha kulelizwe, kweminye imibhalo emthandazweni weSabatha uthi masizazi izindlela zoMkhululi wethu.
12.Kodwa kuyo yonke leminyaka uShembe afika, esizweni esimnyama, wafika wakhuluma indaba yokona kuNkulunkulu nendaba yokwenza kahle kuNkulunkulu ukuthi uma wenze kahle uphelela kuphi, uma ungenzanga kahle uphelela kuphi.
13.Kodwa uShembe wawatshela amaNazaretha, washiya ewatshelile amaNazaretha ukuthi mawazazi izindlela zoMkhululi wabo.
14.Kodwa kuze kube namuhla asazi ukuthi bangaki asebazaziyo izindlela zaloMkhululi uShembe asitshela ngaye ukuthi kufanele sazi izindlela zakhe, wayeshoke uNkulunkulu waseKuphakameni lona onguJehova ukuthi asizazi izindlela zakhe.
15.Ukwazi izindlela zikaJehova uShembe wabe esesitshelile kwamanye amavesi ukuthi kuwukugcina umthetho kaNkulunkulu, kuwukwesaba uJehova, kuwukuthanda uJehova ngenhliziyo yakho yonke, nangawo wonke umphefumulo wakho.
16.Ngithike maNazaretha lelibandla lakhiwe laba ibandla, kodwa futhi eceleni kwaso kwaba khona isikole sokufundela ukuphila lapha emhlabeni, ukuphilela uJehova. ngoba ziningi izindlela ekuphilwa ngazo, imithetho.
17.Kuningi okukhona lapha emhlabeni, uthatha okufunayo ukuthi ufuna ukuphila ngalokhu, njengoba sihleli lapha kukhona abazikhethela ukuthi bona abakwazi ukuzohlonipha uJehova balahlekelwe ilungelo labo lokuntanta nokuphuma bengena, elokuthi babase umlilo noma beyozula emalwandle, abanye bayokosa izinyama ema-parking.
18.Kodwa bagcina sebephuza utshwala, bagcine begwazana, kodwa baphume ekuseni kukuhle, uzwe kuthiwa kukhona ogwaziyo omunye afe kukho khona lokho.
19.Kodwa thina uShembe wasikhethela lemini, wathi usizigcine, ekuzigcineni kwethu, wathi udumo asilubuyisele kuye uJehova uMdali wezulu nomhlaba, wathi lingelokudumisa yena yedwa.
20.Uma uke wenza umcimbi ngalolusuku, ithike ingelosi awunakuxoshwa umuntu ngoba uJehova uyokubona ukuthi wangena ngephutha lapha nokuthi awuzazi izindlela zakhe, uzokubona njengesigebengu esigqoke ingubo emhlophe esiyigqokele ukuphikisana naye.
21.Ngoba kuwukuphikisana noJehova uthi ukholwa uwumNazaretha kaNkulunkulu noma ngayiphi indlela kodwa utholakale wenza idili eliqondana nawe ngosuku lukaJehova.
22.Akekhoke oyothi hamba, kodwa kuyosho yena lona owephula umthetho wakhe, uyokusha ngemini enye okungeyona leyo, athi bopha amasakana akho, phuma uphele kulelibandla awukufanele ukuba lapha.
23.Ithike ingelosi akufanele ukuthi kunihluphe nina, noma abantu bomhlaba kungabahlupha bona ngoba bangabantu ababheke udumo lwalwapha emhlabeni.
24.Kodwa kungabonihlupha uma nibabili nibathathu ngoba abakhona lapha, ilabo ababiziwe, abakhethiwe ukuthi bangaba ibandla likaNkulunkulu, ilaba uNkulunkulu abakhethele ukuthi bazomdumisa.
25.Uma ungena lapha ungabizwanga uyophinda uphume futhi ungaxoshwanga, njengokufika kwakho ungabizwanga.
26.Ithike ingelosi, ikhuluma ngokubizwa ngomnikazi wezulu nomhlaba, umnikazi wemithetho egcinwayo, umnikazi wabaprofethi abathunyelwa ukuba basinikeze imithetho kaNkulunkulu, umnikazi wezinto zonke.
27.Konke okukhona emabandleni kaNkulunkulu kukhonela yena, nabaprofethi nabaholi basuke bephathele umnikazi wayo lento, ayikaze ibe ngeyomuntu, uma ingeyomuntu ayisiye ekaNkulunkulu.
28.Ngalawomazwi bantwana baseKuphakameni njengoba silapha sikhethiwe uNkulunkulu kodwa akusho ukuthi akekho okhethiwe futhi nguSathane ngoba uma uNkulunkulu ekhetha abantu abazokumdumisa, naye uSathane futhi uyabakhetha abakhe ukuba bangene kulelelobandla likaNkulunkulu bazodumisa yena.
29.Akafuni ukwakha elakhe liphumele eshashalazini, aqhudelane noNkulunkulu esebandleni lakhe, ufuna kulo leli likaNkulunkulu, akafuni ukuthi azakhele into yakhe, ufuna ukungena ngoba uyazi ukuthi uma elapha akazikukwazi ukuhliphiza kahle umthetho kaNkulunkulu.
30.Ngoba ithike ingelosi uSathane usebenzisa bona laba abadumisayo, uma uke wamvulela wangena, wamnikeza isihlalo enhliziyweni yakho, uyakusebenzisa wena ukuba uhliphize umthetho kaNkulunkulu, ekugcineni uma usuya ekubhujisweni ahlehle ekushiye wedwa.
31.Engathi bantwana ukukholwa besingakucabanga noma sihlezi emzini wethu, sibonge kuNkulunkulu waseKuphakameni ukusiqoka ukuba sibe ngabantwana bakhe ngeSabatha nangelanga lemigidi.
32.Kodwa sibe ngabantwana bakhe sibe ifa lakhe noma kungelona iSabatha, nasemzini wethu noma zifika izingelosi zezulu, zihambela imizi yamakholwa zikuthole ungumntwana kaNkulunkulu.
33.Zithole udumisa uNkulunkulu, ukukhuluma kwakho konke, kube ngokudumisa uNkulunkulu. Zikuthole ukhonza, noma uyacula noma awuculi, kodwa inhliziyo yakhe athole ukuthi uyamubabaza uNkulunkulu.
34.Noma uma usebenza njengoba eshilo uMprofethi kaNkulunkulu emthandazweni wokuvuka wathi njena noma libalele, linda ulime, ngoba awusazi isikhathi uNkulunkulu ayonisa izulu ngalo.
35.Kodwa uma ngabe uwumuntu wasemhlabeni angeke umuzwe uShembe uma esho njena, kodwa uma usulemukele lelivangeli, langena lajula enhliziyweni yakho, likunikeza ukukhanya.
36.Liba inkanzimulo emqondweni wakho, lenza uzwe ukuthi uShembe wayethini, lenza ukuthi ukwenamele ukwazi izindlela zoMkhululi wakho. Lenza ukuthi kube igugu kuwe ukufuna indlela kaJehova, kube igugu kuwe ukuhlala njalo usinela uJehova.
37.Kube igugu kuwe ukulahlekelwa yiyo yonke into kusale uJehova, kube igugu kuwe ukuthi noma ngabe ungagqoka amanikiniki kodwa uJehova yena angakulahlekeli, umbathe yena ngezikhathi zonke.
38.Ngithike bantwana baseKuphakameni ekuhluphekeni kwethu, ngaso sonke isikhathi siyavama ukusho ukuthi angazi ukuthi ngimone ngani uNkulunkulu.
39.Kodwa eqinisweni lonke uma ungahlehla, uhlehlise inhliziyo yakho, uzifune wena ukuthi kusukela, ungayi ekuqaleni kokuzala kwakho, kodwa uye lapho owaqala khona ukuyikhetha iNkosi yaseKuphakameni, ebese uzihlola wena, uzibuka wena, ngoba leyonto into nawe ongayibona ngoba yenziwa nguwe.
40.Uke ubale wena ukuthi uhambephi naphi naphi, wenzeni, ikuphi uNKulunkulu akubhale phansi okweqile, kuphi okugcinile phambi kwaJehova. Mingaki imithetho oyibambe ngezandla, oyofakaza ngayo phambi kwaJehova uthi noma ngabe ungiphunyukile owesikhombisa nowesishagalombili kodwa lona oyisithupha ngiwubambile kusukela ngangena lapha Nkosi angizange ngize ngiwuphule.
41.Ungahlehla ubheke ukuthi wenzene, ungabe usuyathola ukuthi uNkulunkulu ukushayelani, sikhuluma nokuthi nje sivele sithi asazi ukuthi Senzeni kuJehova ingoba singafuni ukuhlehla sibheke siqale nje lapho esathi siyayikhetha iNkosi, siyobe sesiyathola ukuthi sishayelwani.
42.Ithi iNgelosi uma ungawugcini umthetho kaNkulunkulu, ithi uJehova uyakusuka kuwe, uma esesukile kuwe, ngisho umthakathi nje ongebani, uyothi uyakuloya uloyeke, noma esebaloyile abanye bangaloyeka afunde ngawe, kwenzeke konke akufunayo ngoba uhambile okuvikelayo.
43.Usho njalo, uthi ukugcina umthetho kaNkulunkulu kwenza ube lukhuni njengetshe, ngisho abantu behlomile bethi bazokubulala, kodwa uba idwala elingangenwa yinhlamvu ngoba uJehova useduze kwakho, uyokhipha amabutho ongenakuwabona, kodwa ayobona ilowo ohlaselwayo awachithe phambi kobuso bakho.
44.Uyoba idwala noma bathi bayakushaya bayoshaya itshe ngezibhamu zakhe ngoba uJehova ukubiyele, bangaki asebezazi izindlela zoMkhululi wabo.
45.Selokhu uShembe asho ukuthi masizazi izindlela zoMkhululi wethu, sebebangaki manje kuleminyaka abazaziyo izindlela zoMkhululi.
46.Ngithike bantwana baseKuphakameni ingelosi ihlala njalo isho ithi ngabe kuphelile namuhla, ngabe kuthiwa kwake kwaba khona umuntu okuthiwa uShembe, owake wakhuluma ngoNkulunkulu.
47.Uthi ngoba uma sekuphelile bebezolikhuluma iqiniso ngoShembe, bebezokusho beshiso ukujabula ukuthi kuphelile lento uShembe athi uthunywe ukuthi azoyivuselela, isiphinde yacima, yaphela nakuye njengoba yaphela kubaprofethi basemandulo.
48.Nakuye futhi iphelile ebe ehleli esizweni esilikhuni ngendlela eyisimangaliso, kodwa wakwazi ukuthi asithobise, asibuyisele kuJehova.
49.Akekho umuntu owazi isizwe sakithi ukuthi silikhuni kanjani kodwa kwaba njena ngumlando ukuthi uma esefika uShembe, lesisizwe kube isona sokuqala esimzwayo ukuthi uthini, sivume ukubeka izinduku phansi, sivume ukuthatha uhambo olunoJehova Phakathi.
50.Ngithike batwana baseKuphakameni, ithike iNgelosi, uma sekuhambe izithunywa, uma uJehova esezithathile, yonke imibiyelo yakhe ebekubiyele ngayo, konke kwehlela phezu kwakho, nemvula ena kancane, kodwa kuwe, ubonakala umanzi unethile.
51.Konke okubi noma kukuncane kufike kube kukhulu kuwe ngoba konke obekukuvikela, kuthathiwe kuwe.
52.Uthike kodwa ngenxa yalelibandla, ngenxa yokwakheka kwemvuselelo yebandla likaJehova elafike lavuselelwa nguye uMprofehi kaNkulunkulu uShembe, ukuthi bese liba khona lelibandla.
53.USathane nanxa engakhathali, kodwa uphatheke kabi ukuthi ubesesebenzile eseqedile, esewanikile amaNazaretha utshwala, ewanikile ugwayi.
54.Ewanikile amadlozi ukuthi akhonze wona kunoNkulunkulu, ebanikile ukuthi akagaye utshwala bekhumbule oyisemkhulu esikhundleni sokukhumbula uJehova mhla ebakhipha eGibhithe, esikhundleni sokukhumbula uShembe mhla ebahluphekela, eyohlala eNhlangakazi bese bekhumbula oyisemkhulu, walihlwitha uSathane ibandla likaNkulunkulu.
55.Ithike iNgelosi walihlwitha emini, wathi lingamane libe ngelamadlozi kunokuthi kube ngelikaJehova, khonzani oyihlomkhulu, uShembe wayedlala ngani ezonikhipha emasikweni anisizayo.
56.Uthi wathi uSathane nalwa izimpi eyinkulu nanqoba abamhlophe nibanqoba ngezinto ngoyihlomkhulu, namhla sekuthiwa musani ukubakhonza.
57.Wabavusela zonke izinto okunye owayekufakelela, uthi labuyela ibandla kuSathane lapho uShembe ayekade elikhiphe khona, ngoba uSathane uyathokoza lapho okunotshwala khona, uyazi ukuthi abakhe balapho, iwayini lakhe lelo aphuzisa abantu bakhe ukuba baphuze badakwe bese beyabulala, bese beyobamba inkunzi.
58.Bese behamba beyokwenza izinto ezingekho emthethweni, balahlekelwa unembeza, balahlekelwe isihawu, balahlekelwe ubuntu, baphenduke izilwane, baphenduke yonke into embi.
59.Ebese eyathokoza umnikazi wenkolo ajabule ngoba uma ubulala umuntu usuke udumisa yena, uma ngabe ukhuthuza umuntu usuke udumisa yena, uma ngabe ugqekeza usuke udumisa yena, abakhe bamdumisa kanjalo.
60.Ngoba uthi uJehova ungebi, uthi uJehova ungaphingi, uthi ungakwenzi okubi komunye umuntu, uSathane abakhe madumisa kanjalo, bathi uma esephuzile leliwayini elifakwe yonke into, bese begijima beyobulala abantu, beyobamba inkunzi.
61Befice umuntu emotweni yakhe, bayithathe imoto, bamdubule bamushiye, bengamucabangeli abantwana ukuthi noma sengimthathele imoto, noma sengimephuce konke, kodwa abantwana bamubone uyise, nokuthi nje babe noyise, bangamucabangeli nonina wengane ukuthi uzosala enzenjani.
62.Bavele bamuphuce konke, maqede lapho bamudubule bamushiye efile. Linjaloke ibandla lakhe uSathane, udunyiswa kanjalo uSathane, udunyiswa ngokwenza izinto ezimbi.
63.Uma wenza izinto ezinhle, uyakubona ukuthi awukaba nguye owakhe ngoba izinto ezinhle zifunwe nguJehova.
64.Bantwana baseKuphakameni ngisho ukuthike uma ngabe nathi sikhona lapha, uNkulunkulu akathokoze ngathi, athokoze noma sisemzini yethu, ake athokoze noma esifica emakhaya ethu, afike athokoze uNkulunkulu abone ukuthi lakhekile ibandla engangifungile ukuthi libe khona emhlabeni ngoba uSathane ulwa nayo yonke into ekuthiwa ngekaJehova.
65.Njengoba ebonile nje ukuthi ubesesebenzile eqedile, uyabuza ukuthi baqhamukaphi laba, baphumelani laba.
66.Ithike iNgelosi uSathane uyafuna ukubuyela lapha, noma beyizinkulungwane, beyizigidi, uthi abaphelele uma ningekho nina, akamnandi, ufuna ukuthi siqoqe amasakana ethu siyoguqa sishweleze kuye, sithi siyaxolisa ukuphuma, ukuphuma kuwe ngoba wena unikana konke.
67.Ithike ingelosi, uyabuza ukuthi baqhamukaphi laba, ngoba bese ngiqedile ngalelibandla, bese ngimshaye uShembe ngamnikiza, ukuthi wathi uma efika lapha wayezomelana nami, ngoba wafika yena wathi abantu abakhonze uJehova.
68.Wafika wavuselela inkolo wathi abantu ababuyele kuJehova, wabanikeza zonke izithombe zokudala kwabo uNkulunkulu, wathi abadumise yena, akwangamphatha kahle.
69.Ithike ingelosi ubejabule uma ebona amaNazaretha kusale igama, kodwa umthetho kaJehova uphela, ebona amaNazaretha ephenduka, ebe ngamabutho, ebona amaNazaretha engena emkhosini yezwe, ephethe imikhonto, lapho akhishwa khona ukuthi angaphinde ayiphathe, lapho amaNazaretha ehamba khona engena ezipotini ephuza.
70.Ebese ejabula, ebona kudliwa nokudla okungadliwa kuwumhlangano, nokudla okungadliwa ngamaNazaretha. Ebese ejabule ebona amaNazaretha esegunda, ebona amaNazaretha esebuyela kuye, esesuka kuNkulunkulu waseKuphakameni lapho uShembe awashiya khona.
71.Kodwa akeneme ngalelibandla ukuthi lisale kanjani uma ngabe esefika, eseyokulwa, elwe noNkulunkulu, leli lasala kanjani, lakheka kanjani, ubekuphi yena.
72.Ngithike bantwana baseKuphakameni engathi singathi uma sifika phambi kwaShembe, sifike singasasibo abantu abazothi ungazibheki Nkosi izono zethu.
73.Sifike sesithi Nkosi lamukele ithemba lethu, kungekho sici esizokhuluma ngaso kuNkulunkulu ngoba thina sikhethiwe, sakhethwa empini enkulu, sakhethwa esinyokothweni, sakhethwa khona kukubi.
74.Akekho umuntu ongashaywa uvalo ukuthi kwakungakheka ibandla elingasekho phansi kwakwaShembe, lakheke khona lapha eThekwini lapho okwakheka khona lelibandla.
75.Ngoba uJehova wayenathi, asizange siphele, sathi uma ngabe sesiqalile sibuyela kuMprofethi, sibuyela emazwini amadala, sibuyela endabeni endala uShembe akhuluma ngayo, kwanyakaza umhlaba, kwanyakaza amabheshu, kwanyakaza izidwaba, kwanyakaza yonke into.
76.Ashaywa uvalo amadoda, andinda, angabe esasonta, andindiswa yithi nje sibabili, sibathathu, ahlupheka, ehla enyuka.
77.Basho yonke into, sabahlula, bathi laba uma sebefuna ukukhombisa uJehova ukuthi abasekho kuye, bavele beza nomlilo bafike bashisa ithempeli, babecabanga ukuthi bashisa izinhliziyo zethu, kodwa ukukholwa, kwakhula kakhulu, kwakhula.
78.Kwathi noma uSathane esebatholile abakhe, kodwa uNkulunkulu ongumnikazi walelibandla, wathi phumani, nishiye abangidumisayo, nani niye kuloyo esenimkhethile, okufanele niyomdumisa, anikamdumisa lapha, ngoba konke okubi kuvela enkosini yakho.
79.Wathi akusale labo abangabami, labo abasemi ezwini loMprofethi wami owabatshela ukuthi mesabeni uJehova, samusaba uJehova ngisho sekushiswa ithempeli, samusaba lo Nkulunkulu azange simlahle ngisho sebephethe izingadlangadla zezibhamu.
80.Sibuya kude makholwa, uma nisibona sinjena, abafike sinjena, bangacabanga ukuthi bekunjena nayizolo, sesake sashiselwa ithempeli, sishiselwa ukuthi sibuyela kuMprofethi kaNkulunkulu, sibuyela emazwini akhe athi asidumise uJehova yedwa.
81.Sacishe safa sibulawela ukuthi siphuma phansi kokudumisa amadlozi, sithi sibuyela kuNkulunkulu owasidala njengoba asho njalo uMprofethi owasungula lelibandla.
82.Uthe uSathane uma esebazuzile, into aqala ngayo, waqala ngokubakhipha ekukhumbuleni uNkulunkulu, wazisusa izinhliziyo zabo, njengoba namanje kungasafuneki kwazeke ukuthi ibandla laqaleka ngaye, njengoba manje kungasakhulunywa lutho ngaye, sekuyicala ukuthi ukhulume ukuthi lelibandla laqaleka kanjani.
83.Sekufuneka ukuthi uthathe lamanga afike noSathane, ebese ukhuluma wona kubantu abasha, abafikayo bangalazi iqiniso, ngani, ngoba uSathane uhleli, uqhiyeme, akahlushwa ilutho.
84.Namhlanje bayagiya, kugiya ngisho abagcotshwa, begiya Phakathi ethempelini, kukhomba khona ukuthi bayibandla elingasekho phansi kwaJehova, elinonkulunkulu walo, owalwa noJehova wayesehlela lapha emhlabeni.
85.Bayabusa, bayabusa abantu bakhona, nalowo wenza akuthandayo, nalowo wenza akuthandayo, nalowo udayisa into ayifunayo, namakhosi ezizwe afika nemithetho, abantu bafika nemithetho yezigodi zabo befuna ukuthi igcinwe ngamaNazaretha.
86.Njengalokhu nje okwaqala ukwenzeka sikhona, sathi sikhona kwathiwa awusemukelekile uma ungazange uchambuse, ungakekanga, kwathiwa angeke ungene ezulwini.
87.Kodwa lokhu kwashiwo ngabantu ababekugcina lokhu kungumthetho wamakhosi ezigodi abakuzona, ukuthi bafika kulelibandla benezindlebe ezaziphephezela, zisikiwe ngakwezigodi nangomthetho waleyonkosi, angishoke ukuthi kubi lokho ngoba bafanele ukuthobela amakhosi.
88.Kodwa ke sebefike lapha kuJehova babe sebedonsa abantu, kwathiwa nabo abaphephezelise izindlebe, kwase kuthiwa angeke ungene ezulwini.
89.Kuningi okwasekugcinwa, okusagcinwa nanamuhla, kugcinwa imithetho yezigodi, kodwa lena eyashiwo uShembe ukuthi ningaphuzwa utshwala, kungagundwa, kungabulawana, kwesatshwe uJehova.
90.Ngalesisikhathi kusekhona uNkulunkulu kwakungamenyezwa ngisho ukumenyezwa, kwakunophawu lokukhulumisana kwamaNazaretha ngoba kwakwazeka ukuthi indawo enoNkulunkulu umsindo wawungafuneki.
91.Ngisho ingane yakho wawungeke uyishaye, uyishaye kulowa muzi, umuzi kaNkulunkulu, wawungeke uyishaye kuyiSabatha, ngoba kwakuyiSabatha, wawuye udlulise iSabatha, uyisole ingane yakho.
92.Kodwa namhla kuchitheka igazi ngalo iSabatha, kube amafutha, kube ngamaqhawe endaweni kaNkulunkulu.
93.Ileso sizathu esenza ukuthi uBabamkhulu engafuneki, nalezizihlabelelo ikhona imvunge yokuthi kufanele zishintshwe, kufanele ukuthi kuxoshwe uBabamkhulu ngoba nguye olwa nazo zonke lezizinto esezenzeka la.
94.Uma ufunda izinkulumo zikaBabamkhulu ulwa nayoyonke lento esikhona namhlanje, kungakhoke sekumele akhishwe la, kufakwe labonkulunkulu abasha abavumela yonke into.
95.Useyakhishwa lona owayekhuluma indaba kaNkulunkulu, sekufakwa onkulunkulu besi modern, onkulunkulu be fashion esebekhona manje, kuthiwa akaphume lona ngoba uwunkulunkulu wakudala, uphethe uNkulunkulu wakudala okungasezukukwazeka ukuthi kugcineke umthetho.
96.Bathi washo njalo omunye umholi wolunye uhlangathi, ishumayela intombi endala, ichaza umthetho kusukela kuBabamkhulu kuze kuzofika kuBaba iNyangayezulu ukuthi kwakuhamba kanjani, nokwembatha nakho konke.
97.Kuthiwa wasukuma yena uqobo lwakhe, wathi lezo zinto lezo ezikaBabamkhulu, azisakwazi ukuba zigcineke manje ngoba manje sekwenziwa okwamanje, kusho umuntu obizwa ngenhloko yebandla, aphinde abizwe ngegama elikhulu engisaba ngisho ukulibiza ukuthi mhlawumbe uNkulunkulu engagcina nami esengijezisa ukuthi nakhu sengilibiza.
98.Ngithike bantwana baseKuphakameni noma siphila noma sifa, noma sisatshiswa, kodwa iqiniso kufanele silikhulume, njengoba eshilo uShembe, athi ningakuvumi esingakuvumanga thina.
99.Siyilelobandlake bantwana baseKuphakameni, silelibandla elabuyiselwa, elaba nenhlanhla Phakathi kwesizwe sonke.
100.Bakhona abantu abafisayo nabo ukuthi kwangazuthi uNkulunkulu nabo uyabathanda ngoba angeke uziphumele wena, njengoba uShembe athi besethweswe thina yiNkosi, ijokwe lemiphefumulo, athi noma siphila noma sifa singephinde silethule. Ukhuluma ngabantu abasuke bethweswe.
101.Kodwa kulelibandla uma ungathweswanga lelijokwe uShembe akhuluma ngalo, uyophuma uqhasha, ngoba vele awukwaze uthweswe lelijokwe, uma uthwele lelijokwe, noma ngabe ungahlupheka, awusuki kulona, noma ngabe ungafelwa, awusuki kulona, noma ngabe ungaxoshwa emsebenzini, noma ngabe ungaphelelwa umuzi, kodwa lelijokwe alisuki kuwe, ngoba uthwesiwe awuzithwesanga wena.
102.Kodwa uma ulithathile wazibeka wena, kuyothi uma kukhona okuvelayo, uyophuma ubaleke ngoba awunasifungo, awunasivumelwano, akukho okwesabayo, akukho okukhumbulayo ukuthi ezinkalweni la engiyakhona, uJehova uyothi uma esengibuza, uyothi uma esengibona esengibuza ukuthi ngangitheni ekuqaleni kuwe, uyothi wayetheni.
103.Kodwa uma uJehova engashongo lutho kuwe, ungazange uthweswe nguye lelijokwe, uyophuma kulo ngoba vele bewungathwele ijokwe likaNkulunkulu, bewuthwele ijokwe lakho ozikhandele lona, kulula ukuthi into ozikhandele yona uyisuse kuwe uma ungasayifuni ngoba ikhandwe nguwe.
104.Kodwa abathweswe lelijokwe, kwathi noma sekusha ithempeli, lasha, basala ngoba babengazibekanga, babekwa lelijokwe, babekwa umnikazi walo, abazange babuye baphume kulo.
105.Lashiswa ithempeli, ngenhloso yokuthi abantu bahlehle, kodwa abazange bahlehle ababekhethiwe, ababethweswe lelijokwe, kodwa ababezikhandele lona, bahlehla, ngoba babezikhandele, kwakulula ukuthi bazikhumule balibeke phansi.
106.Ngisho inkabi eyidinsayo ayikwazi ukuzikhumula, noma ngabe kunganzima, uyishaye kanjani, noma ingezwa ubuhlungu kanjani, akekho umuntu owake wabona inkabi ebekwe ijokwe ikwazi ukuzikhumula ngoba isuke ibekwe umuntu, iboshelwa umuntu, ayibophe enzela ukuthi noma ihamba ayikwazi ukuphuma, ayikwazi, iyolinda olibekile ijokwe alisuse kuyo, nentambo ayikhumule kuyo, ayikhulule.
107.Kodwa ngithi uma ngabe ulapha mNazaretha oyingcwele wazikhandela ijokwe, wabona abantu bephansi kwamajokwe, wase uzikhandela uthi nawe uzokhanda elakho, uzophinda futhi uzisuse wena, uyibekele wena lapho owawukade ulithathe khona, nalapho owawukade uliikhndela khona.
108.Asifune ijokwe elizobekwa uMenzi wezulu nomhlaba ngoba ngeke sikwazi ukulisusa kithi. Uthike uShembe noma siphila noma sifa, singephinde silethule, kodwa igama lithi, sethweswe.
109.Asike sibuyele, sithole amazwi esikhulumela phezu kwayo, ngicela nje amazwi amafishane, AmaHubo 25, sizofunda nje evesini lika 7.
111.Amahubo 25 verse 7
7 “Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami; ngikhumbule ngokomusa wakho ngenxa yobubele bakho, Jehova.”
112.Uthi uShembe ungazibheki izono zami, kodwake lapha uthi, kukhuluma uDavide uthi “Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami; ngikhumbule ngokomusa wakho ngenxa yobubele bakho”
113.Uyazi ukuthi kunezono anazo, useceleka umusa kuNkulunkulu ukuthi ngikhumbule ngokomusa wakho, ngoba ngeke asho ukuthi ngikhumbule ngokomsebenzi wami.
114.Ngeke akhulume njengoHezekhiya, uHezekhiya wathi Nkosi uyazi ukuthi ngenzile okuhle ebusweni bakho, kodwa lona uthi ungazikhumbuli izono zobusha bami, uthi ngikhumbule ngokomusa wakho.
115.Engathi iNkosi ingenza ukuthi ukuthi singaba yibo abantu esisazophinda sikhunjulwe ngokomusa, kodwa engathi singakhunjulwa ngoba sesikholwa, sibenjengo Hezekhiya, sikhulume indaba yokukholwa.
116.Ake ngiphinde ngifunde u-Isaya, ngifunda laphana ku 12 ngiphelela futhi ku-13, ku Isaya 59.
117.Isaya 59.
12 “Ngokuba iziphambeko zethu zandile phambi kwakho, nezono zethu ziyafakaza ngathi; ngokuba iziphambeko zethu zikithi, nokona kwethu siyakwazi:
13 ukuphambuka nokumphika uJehova, nokumhlubuka uNkulunkulu wethu, nokukhuluma ukucindezela nokwambuka, nokucabanga nokukhuluma amazwi amanga aphuma enhliziyweni.”
118.Uma ngithi umphumela wokwephula umthetho kaJehova, lapha kukhulunywa ngokuthi, ngokuba iziphambeko zethu zandile phambi kwakho, kukhuluma umuntu ukhuluma noJehova, nezono zethu ziyafakaza ngathi; ngokuba iziphambeko zethu zikithi, nokona kwethu siyakwazi.
119.Ukuphambuka nokumphika uJehova, nokumhlubuka uNkulunkulu wethu, nokukhuluma ukucindezela nokwambuka, nokucabanga nokukhuluma amazwi amanga aphuma enhliziyweni.”
120.Izoke bantwana baseKuphakameni leziphambeko, ezenza ukuthi uJehova ngesinye isikhathi angasiphenduli lapho sifuna izimpendulo khona.
121.Lona okhuluma lapha uthi izono zethu ziyafakaza phambi kwaJehova, njengamanje sonke sibahle, ngisho nalona obeqeda ukwenza nje isono khona izolo kodwa namuhla muhle. Kodwake lapha kuthiwa zona izono zethu zifakaza ngathi phambi kwaJehova.
122.Ithi ingelosi ngenye imini, abanye baye bathi bayanikela, bese kusho ingelosi eyabekwa kumuntu ebhala umsebenzi wemihla ngemihla ithi “Nkosi ungamniki!” akhiphe iheheba lephepha, ithi nawu umsebenzi wakhe, akakufanele ukunikezwa isibusiso.
123.Ngithike bangcwele engathi uNkulunkulu engaba nathi uJehova ake asikhumbule, asenze sesabe yena njengoba umholi wethu washonjalo, sizazi izindlela zakhe ngezikhathi zonke, simdumise ngazo zonke izikhathi.
124.Singesabi ukubhekana nempi kaSathane, ngoba uJehova uyosinqobela njengoba asinqobela lapho okwakufanele ukuba sivuthe, kodwa uJehova akazange avuthe, nanamuhla futhi uzokuba nathi.
125.Singavumi ukuba ibandla likaSathane noma sesihlupheka, singavumi ukuncengwa uSathane athi asibuyele kwakhe siyodalwa, sisuke kuJehova, sizohamba siyoba ngamabutho.
126.Thina asitshelwe lutho ngezulu lamabheshu, ngezulu lezidwaba, sitshelwe ngezulu elihleli uJehova, elilindele ukuthi ungene ngomsebenzi omuhle.
127.UNkulunkulu asikhumbule nabantwana bethu, bakhule bazi ukuthi uJehova ufunani kubo, hhayi ukuthi obabamkhulu bafunani kubo.
128.Ngoba konke kufanele ukuthi kufuneke kuMenzi wezulu nomhlaba, akukho okufanele kufuneke kuwe, udaliwe nawe waba ngumuntu njengalona othi kukhona ozokuthola kuye.
129.Ngalawo mazwi bantwana baseKuphakameni awazibuthe izinhliziyo zethu sonke, asenze sikhumbule uShembe mhla ehluphekile, asenze sikhumbule uJehova mhla esikhipha eGibhithe.
130.INkosi ibusise enikuzwile.