Umthetho kaNkulunkulu ubhalwe phansi njengomthetho kahulumeni! Njengoba silapha nje umuntu nomuntu uyazi noma ukhona yini umthetho kahulumeeni oweqile, okuthi uma kuqhamuka amaphoyisa ushawe luvalo lokuthi ungase uboshwe!
Kanjalo nasemthethweni kaNkulunkulu, umuntu nomuntu uyawazi umthetho kaNkulunkulu oweqayo, nowaziyo ukuthi ekufeni kwakhe angase alahlwe ngawo ezulwini!
Isihlabelelo 89.
1.Hlala nathi Nkosi yethu
Leli langa ledlulile
Siyacela ukusizwa
Sesibheke kuwe njalo.
2.Thina asikafiki lapho
Kulelozwe lokwenama
Zimi khona izingelosi
Lapho kungashoni ilanga.
3.Thina sisasithekile
Kulelozwe lokwenama
Lapha kungakhanyisiyo
Leli langa lalomkhathi.
4.Alube kuwe udumo lwakho
Emhlabeni nasezulwini.
Kuma bandla onke akho
Kuwe Baba Nkulunkulu.
THINA KITHI KUSEZULWINI.
1.UDutoronomi 14:1-2: “Ningabantu bakaJehova uNkulunkulu wenu; aniyikuzisika, aniyikugunda amakhanda enu ngenxa yabafileyo. Ngokuba ningabantu abangcwele kuJehova uNkulunkulu wenu.
2.UJehova unikhethile ukuba nibe yisizwe esiyifa lakhe phakathi kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.” Amein!
3.Enkonzweni edlule sakusho ukuthi uma ulikholwa elikhonza uJehova awukwazi ukubuye ulinganise uJehova nabanye onkulunkulu, ngoba uJehova kusho yena encwadini ka-Isaya 43:10-11 ukuthi akakho uNkulunkulu owenziwa ngaphambi kwakhe, futhi akekho oyokwenziwa ngemuva kwakhe, nguYena uMsindisi!
4.Lamavesi AYISIVUMO SENKOLO EBANDLENI elikhonza uJehova Yena yedwa! Yikho esihlabelelweni 119 uMprofethi Isaya Shembe (ukuthula kube kuye) ehlabelela ethi:
5.“Thina siyamtha lo onokusindisa. Isihlangu sethu nguJehova onokusindisa. Sophelela kuJehova onokusindisa! Wena uyamdinga lo onokusindisa. Kuphela uJehova onokusindisa!
6.Alikho nelinye igama esingasinda ngalo, kuphela igama likaJehova esingasinda ngalo! Asinazihlangu esingavika ngazo, asinazikhali esingalwa ngazo, kupheli gama likaJehova esingavika sibuye silwe ngalo!”
7.AmaNazaretha kaNkulunkulu akanaye omunye unkulunkulu noma into angayikhonza ayidumise ngaphandle kwegama likaJehova! Lokho sakufundiswa nguBabamkhulu, kwavuselelwa yiNgelosi!
8.Asemaningi ke amakholwa angamahlubuks, asezama ukuqhamuka namavesi aphikisa lemfundiso kaJehova ekubeke ngokusobali, literally, ukuthi uNkulunkulu wethu, nonguMdali wezulu nomhlaba, munye, NGUJEHOVA KUPHELA!
9.Okumele sikwazi njengabantwana bakaNkulunkulu ukuthi uJehova uBaba wethu akakhulumi abuye aziphikise! Akusho lutho ukuthi ungazama kangakanani ukufaka amazwi emlonyeni Wakhe! Kwasho Yena ukuthi nguye kuphela uNkulunkulu!
10.Amanye amaKrestu ayaye athi uYeshua unguNkulunkulu, bephikise lokhu Yena okushilo kuJohane 12:49 uma ethi: “NGOKUBA ANGIKUKHULUMANGA NGOKWAMI, KODWA UBABA ONGITHUMILEYO, NGUYE ONGINIKE UMYALO WOKUTHI NGITHINI, FUTHI NGIKHULUMENI!”
11.UYeshua uzisholo yena ukuthi Yena uyisiThunywa sikaNkulunkulu!
12.Kwamanye amaNazaretha ke kubi kakhulu, ngoba abasho nakuMprofethi ukuthi unguNkulunkulu, nakho okuliphutha, kodwa sebevele bazakhela onkulunkulu babo, babakhonza!
13.Uma usuzwa umuntu esephikisa lenkululumo kaJehova eqondile ethi uNkulunkulu munye, eseqhamuka nokunye ukukhuluma, ubovele usuke eduze kwalowo muntu, ngoba usuke eseqhutshwa ngumoya kaSathane!
14.Omunye umthetho okufanele ukuthi uma ungumntwana kaNkulunkulu uhlale ukubusa, ngothi: MESABE UJEHOVA NGOKUGCINA IMITHETHO YAKHE OWASILOBELA YONA NGENCEKU YAKHE UMOSE, UKUZE UKUDUMISA KWETHU UJEHOVA KWAMUKELEKE EZULWINI!
15.Umthetho kaNkulunkulu ubhalwe phansi njengomthetho kahulumeni! Njengoba silapha nje umuntu nomuntu uyazi noma ukhona yini umthetho kahulumeeni oweqile, okuthi uma kuqhamuka amaphoyisa ushawe luvalo lokuthi ungase uboshwe!
16.Kanjalo nasemthethweni kaNkulunkulu, umuntu nomuntu uyawazi umthetho kaNkulunkulu oweqayo, nowaziyo ukuthi ekufeni kwakhe angase alahlwe ngawo ezulwini!
17.Mina njengamanje awukho umthetho kaNkulunkulu engisaweqayo, ngaphandle uma ngingathethelelwanga kwengaweqa ngaphambili!
18.Njengoba sesihlale nengelosi isikhathi eside kangaka, ingelosi sonke isikhathi iyasiyala ukuthi puma sifuna ukuya ezulwini siphile impilo yobungcwele, singasenzi isono!
19.Kunabantu abazothi akekho umuntu ongenasono, kodwa leyo imfundiso nje engelona iqiniso. Ngisho eBhayibhelini kuyashiwo ukuthi kwakunabantu abanganasono!
20.Uma ngaso sonke isikhathi uhlale ulwela ukungabi nasono, uyakuvuna lokho, ngoba isenzo esiyisono uyasazi, ngoba Zonke izono zilotshwe phansi eBhayibheli! Njengokwenza icala, uma wenza isono usuke wazi ukuthi okwenzayo kuyisono!
21.SONKE ASILWELE UKUBA SINGABI NASO NESISODWA ISONO! NGOKUGCINA UMTHETHO KANKULUNKULU SIBA NGABANGCWELE, SIBE NGABANTWANA BAKANKULUNKILU NGOKUPHELELEYO!
22.Umthetho kaJehova uqondile, wonke utholakala kuyiTorah, okuyizincwadi ezinhlanu zokuqala kuyiTestamente Elidala!
23.Lezi zincwadi zaziwa ngokuthi zabhalwa nguMose, ngakho ke zivama ukubizwa ngokuthi YIMITHETHO KAMOSE!
24.Imithetho kaNkulunkulu yehlukaniswe izigaba ezimbili. Imithetho emine yokuqala emithethweni elishumi IYIMITHETHO NGAYO ESIDUMISA UJEHOVA ilusiko lwasezulwini!
25.Imithetho eyisithupha elandelayo ibekelwe ukuthi IQONDISE INHLALONHLE YABANTU BONKE!
26.Wonke umuntu uyafuna ukuba igcinwe imithetho eyisithupha, ngoba iqinisa inhlalonhle nokuthula emphakathini!
27.Ngakho ke awusoze wezwa noma yimuphi umuntu ethi asisaphili ngaphansi komthetho othi ungabulali, ungebi, njalo njalo!
28.Kodwa abantu abangamkhonzi uJehova abayigcini imithetho emine yokuqala. Bayaye baqhamuke nezaba eziningi zokuchitha lemithetho! Bathi abasaphili ngaphansi komthetho odumisa uJehova!
29.Abantu abangamkhonzi uJehova abanaye uNkulunkulu oyedwa, kodwa baba nonkulunkulu abaningi abathembele kubo!
30.Abantu abangamkhonzi uJehova baba nezithombe abazikhonzayo, bazakhe qede bazikhonze!
31.Umuntu ongamkhonzi uJehova umuzwa ngoba ekhuluma noma yini ngoJehova, engesabi ukuliphatha noma kanjani igama likaJehova, esho noma yini ngoJehova, kungabi ndaba zalutho!
32.Umuntu ongamkhonzi uJehova akaligcini iSabatha. Wenza noma msebenzi muni ngesabatha, abase nomlilo ngeSabatha, okuyisenzo esiphambene nomthetho kaNkulunkulu! Ayikho into ehlonishwa njengeSabatha ezulwini!
34.Ngaphandle kwemithetho elishumi, miningi eminye imithetho yokudumisa uJehova ESENCWADINI YOMTHETHO.
35.Noma zonke izincwadi zomthetho zikuTorah, kodwa kuLevitikusi kulapho esithola khona imithetho eminingi ebekelwe ukudumisa uJehova!
36.Ngenxa yokuthi lemithetho ngeyokudumisa uJehova, iningi labantu abayingeni indaba yayo, ngoba abantu abaningi abamthandi uNkulunkulu!
37.Uwubona kanjani umthetho ukuthi UNGOWOKUDUMISA UJEHOVA?
38.Uma uJehova ethi kumele gcina umthetho othize, uma ukungawugcini lowo mthetho kuhlukumezeka umphakathi, lowo ngumthetho oqinisa ukuphepha komphakathi!
39.Isibonelo: Uma uJehova ethi ungabulali, noma ungebi, uma ubulala noma weba kuhlukuzemeka umphakathi.
40.Ngakho ke wonke umuntu ulwela ukuthi ugcinwe umthetho wokuthi ungabulali, ungebi, ngoba ngumthetho ovikela inhlala kahle yomphakathi!
41.Kodwa uma uJehova ethi GCINA ISABATHA, UNGAYIDLI INGULUBE, UNGALIGUNDI IKHANDA, abantu abangamkhonzi uJehova abayingeni leyo, lomthetho usuke ungabathinti bona, ngoba ungumthetho olusiko lobungcwele, ULUSIKO LWEMPILO YASEZULWINI!
42.Ibandla lama Nazaretha ka Nkulunkulu ngelikaMenzi wezulu nomhlaba, lasungulwa yiNgelosi lapha emhlabeni!
43.Ngakho ke kubalulekile kulo ukuthi ngaso sonke isikhathi ligcine umthetho kaNkulunkulu, ngoba libandla elingcwele, elihamba ngokosiko lwasezulwini!
44.Ithi ingelosi umthetho wokudumisa uJehova uwusiko ezulwini, yikho abantu abangamdumisi uJehova bewuchitha lomthetho!
45.UNkulunkulu udunyiswa ngokugcina umthetho wakhe, okungukulandela usiko lwasezulwini!
46.UYeshua uthi umbuso kaNkulunkulu awube semhlabeni, nomthetho wakhe ugcinwe emhlabeni njengoba ugcinwa ezulwini!
47.Uma ke uzwa amakholwa angamdumisi uJehova ethi AKASAPHILI NGAPHANSI KOMTHETHO, ubokwazi ukuthi le inkulumo efinqiwe ethi THINA ASIHLANGANISE LUTHO NOMTHETHETHO OLUSIKO LWASE ZULWINI, NGOBA SINGABASE MHLABENI!
48.NJENGOBA SESICHAZILE, UKUKHONZA UJEHOVA KUSHO INTO EYODWA, OKUNGUKU GCINA UMTHETHO KAJEHOVA OWASILETHELA WONA NGOMOSE!
49.Leli yiSabatha lokugcina LOMKHOSI KAJEHOVA!
50.Kodwa futhi lesi isikhathi sezinsuku zokwahlulela kukaJehova emhlabeni wonke! Sonke sibhekene nolaka lukaNkulunkulu!
51.KuyiZaga 1:22-33’ uJehova uthi: “Kuyoze kube nini ziwula ndini nithanda ukusolwa, nani zideleli nithokoziswa ukweyisa?
52.Buyani ngenxa yokusola kwami! Lalelani uma nginithululela okusemoyeni wami!
53.Ngimemezile, nenqaba, ngininike isandla sami, kodwa anizange ninake, anikwamukelanga ukusola kwami!
54.Ngakho ke nami ngiyonihleka usulu ngenkathi nehlelwa yinhlekelele, nginiklolodele lapho senigcwele uvalo.
55.Lapho kufika isiphepho esibhubhisayo, nokwesaba kwenu sekufana nembubhiso, nalapho inhlupheko nosizi kunehlela!
56.Khona bayakungibiza, kodwa angiyikuphendula, bayakungifunisisa, kodwa ngenke bangifumane, ngenxa yokuba bazonde ulwazi, bakhetha ukungamesabi uJehova!
57.Ngakho ke bazovuna lokho abakutshalile, basuthiswe yizithelo zobuqili babo!
59.Ukweduka kwabangenamqondo kuyakuba bulala, nokudebesela kweziwula kuyozibhubhisa!
60.Kodwa ongilalelayo uyohlala ephephile, angabi naluvalo lokwehlelwa ngobubi!”
61.Angiprofethi, ngoba angisiye uMprofethi, kodwa kophela u2025 bonke abantu sebeluzwile ulaka lukaNkulunkulu, sebekwazi nokumbiza, kodwa kutholakale ukuthi angenke esasabela!
62.Abanye onkulunkulu basazonyamalala njengasesikhathini se Covid 19, kuzosala kuphela labo abebehamba ngomkhondo wezwi likaJehova!
63.Baningi abaprofethi nonkulunkulu-mbumbulu abasazoncibilika! Balekani zidindi, uyeza uJehova!
64.Sisazobhekana nezikhukhula ezingazange zabakhona emhlabeni; nama- earthquakes angakaze abe khona, angaphezu kwa level 10, kanti ukuzamazama komhlaba okukhulu kuba ko level 7!
65.Sisazoba nezimpi zomhlaba ezingazange zabakhona, iWorld War III, esingazi noma sobhubhisana ngama nuclear bomb yini?
66.Lapha ngikhuluma ngezinto ezizokwenzeka mhlawumbe ungakapheli u2025!
67.Njengoba lezi zimpi, nokuningi okuzokwenzeka, kuzosithinta sonke, uma ungafanga empini, kodwa uzobulawa yindlala! Usazoke ungadli amasonto mningi, ugcine ufile!
68.Manje ke kufanele nina nime isibindi! Ithi ingelosi, uma kwenzekile ukuthi lesi simo esizayo sedlulile nawe, kodwa jabulela ukuthi ukusuka kwakho lapha, uya kini, ngoba uselapha emhlabeni umkhonzile uJehova ngokweqiniso!!
69.Lesi sekuyisikhathi sokuba ISIHLUNGO SIZIHLUNGE, abadumisa uJehova ngeqiniso bazobonakala! Lesi isikhathi sokwehlukanisa inhloko nesixhanti!
70.Ukushumayela amanga ukhohlisa abantu sekuphelelwe yisikhathi! Lesi sekuyisikhathi sikaNkulunkulu OYEDWA, UMDALI WEZULU NOMHLABA!
71.Sizobona ukuthi indima yini labonkulunkulu nalaba baprofethi abazoyidlala kulesi simo esizayo!
72.Kodwa thina asihlale silindile, sithathe lokho esikutshelwa yingelosi, SENZE KHONA, NGOBA SILIBANDLA LOPHEZUKONKE!
73.Kunesihlabelelo somthandazo wokuvuka esithi:
Vuka nathi Sokhanyiso
Ngalemini yakho
Khanyisela amehlo ethu
Ne’nhliziyo zethu.
74.Hamba nathi endleleni
Esizohamba ngayo
Usivikele emazinyweni
Alezo zitha zethu.
75.Owasinikela ebuhlwini bazo
Ngenxa yezono zethu
Mabukhishwe ubuhlungu bazo
Ngaleli gama lakho.
76. Ibusise Nkosi Baba
Imisebenzi yezandla zethu
Singadinga singasweli
Thina bantu bakho.
Singalibali ngalemini
Ukukudumisa wena
Ngemizuzu nezikhathi
Masidumise wena!
77.Kusukela namuhla woke umuntu ongumNazaretha kaNkulunkulu lesi sihlabelelo akasazi ngekhanda!
78.Njalo ekuseni umuntu nomuntu asihlabelele! Engabi bikho umuntu oya emsebenzini engasihlabelelanga!
79.Uma ngezizathu ezithile ungakwazi ukusihlabelelo, kodwa sisho njengesilandela, ikakhulu kazi amavesi amabili okugcina athi:
Ibusise Nkosi Baba
Imisebenzi yezandla zethu
Singadinga singasweli
Thina bantu bakho.
Singalibali ngalemini
Ukukudumisa wena
Ngemizuzu nezikhathi
Masidumise wena!
80.Lesi sihlabelelo yisona esizosisiza ekunqobeni izinkinga eziningi!
81.Kade silindile inyanga yonke, sihleli noJehova. Manje njengaba ntwana bakhe sicela ukuthi uma siphuma kulomhlangano uJehova ayibusise yonke imisebenzi yezandla zethu.
82.Engabi bikho phakathi kwethu odingayo noswelayo. Abangasebenzi basebenze, abanemisebenzi yabo, ithuthuke imisebenzi yethu ingawiswa ngomubi!
Asibheke eNkosini!