Uma usuthathe isifungo sokuthi usuyohlala endlini kaJehova kuze kube sekupheleni kwezinsuku zakho, usuke usungene kuyisi vumelwano noNkulunkulu sokuthi usuzophila ngosiko lwasezulwini usekhona lapha emhlabeni!
Usuke usuvumelane nesicelo sikaYeshua sokuthi wena usuphila ngaphansi kombuso kaJehova uselapha emhlabeni.
Isihlabelelo 115.
1.Ngivukile ngezwi lakho
Mina ebengilele
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Abafile njengami.
2.Abafile ngezwi lakho
Bosinda ngani na.
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Basinde ngezwi lakho.
3.Ngenhlanhla engiyiphiwe
Ngalowo musa wakho
Ngivumele Nkosi ngibatshele
Abangayiphiwanga.
4.Bename kanye nabo
Abavela emafini
Abangubo zahlanzwa
Zenziwa mhlophe.
5.Inanelo yabangcwele
Yabathanda ukulibona
Siyethemba bayokulibona
Lelozwe elizayo.
UNkulunkulu wethu akalinganiswa ngabanye onkulunkulu.
1.Encwadini kaLevi 20:26 uJehova uNkulunkulu wethu wathi: “Niyakuba ngcwele kimi, ngokuba mina Jehova ngigncwele, nginehlukanisile kwabezizwe ukuba nibe ngabami.”
2.Enkolweni kaMose umuntu ngaso sonke isikhathi ohamba ngezimiso zikaJehova kuthiwa ungcwele.
3.Kodwa kulesi sikhathi samanje, ngaphandle kwasebandleni lamaNazaretha, igama elithi “ngcwele” alisasetshenziswa, esikhundleni salo amakholwa asebenzisa ukuthi “usindisiwe.”
4.Nokho anginayo incazelo eqondile echaza umuntu osindisiwe, kodwa ukuthi ungcwele kusho ukuthi uhamba ngokwezimiso zikaJehova, ugcina umthetho kaNkulunkulu. Lokhu kusho ukuhlanzeka ngokukaNkulunkulu!
5.Uma ke uJehova ethi yiba ngcwele, usho ukuthi yiba ngophelele ekukholweni, ungabi sesimweni esenza uNkulunkulu angakwazi ukuhlangana nawe.
6.Uthi uJehova usahlukanisile nezinye izizwe ukuba sibe ngabakhe. Lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu ubheke ukuba singayiphili impilo ephilwa ngezinye izizwe, ngoba singabasezulwini, siphila impilo yokuhlanzeka ngokwasezulwini!
7.Impilo yobungcwele isho izinto eziningi, ngisho ekudleni, sikhethelwe ukudla ukudla okumele abantu basezulwini bakudle, awudli noma yini edliwa ngabantu abangazi lutho ngobungcwele!
8.Abasemhlabeni bayayidla ingulube, ngoba kubo inyama enempilo, kodwa ngokwasezulwini ingulube isilwane esiyisinengiso kuJehova, okungamele usithinte ngisho ngesandla!
9.Uma ke sithi uJehova akalingalinganiswa nabanye onkulunkulu, sichaza ukuthi ngaso sonke isikhathi okuthinta uJehova ungakuhlanganisi nezinto zasemhlabeni, noma nezinto ezenzeka kwabanye onkulunkulu!
10.NjengomNazaretha, sakhula singazenzi izinto eziningi ezenziwa ngowethu abangakholiwe, kodwa ukuba nengelosi phakathi kwethu kungifundise izinto eziningi ngokuthi umuntu ophila impilo yobungcwele kumele aphile kanjani.
11.Kusifundise ukuthi ubungcwele lusiko lwasezulwini okumele ngaso sonke isikhathi uma usuluthathile ungabuye ugudluke kulo!
12.Uthi uShembe kuyimithandazo emithathu yakhe: “Khumbula ukuthi namuhla usuwenze isivumelwano noJehova uNkulunkulu wakho sokuthi uyohlala endlini kaJehova kuze kube sekupheleni kwezinsuku zakho!”
13.Lokhu kusho ukuthi uma uguqa enkonzweni uphakamisa isandla uthi NGIYAYIKHETHA INKOSI YASEKUPHAKAMENI, usuke wenza isivumelwane noNkulunkulu sokuthi kusukela ukhetha iNkosi, usuzibophezele ukuthi usuyehlukana nokulandela amasiko asemhlabeni, kodwa wena usuyomkhonza uJehova uNkulunkulu wakho ngenhliziyo yakho yonke, ngomoya wakho wonke, nangengqondo yakho yonke uze ufe!
14.Ingelosi ke yasibuyisela kulokho kukholwa okwacelwa nguYeshua mhla ethi, UMBUSO WAKHO NKULUNKULU AWUBE SEMHLABENI, NOMTHETHO WAKHO UGCINWE EMHLABENI NJENGOBA UGCINWA EZULWINI!”
15.Lokhu kuba ukukhuluma nje uma kushiwo ngamanye amakholwa, ikakhulukazi la ahlale esho umthandazo omkhulu!
16.Kodwa thina ingelosi yafike yasifundisa konke ngosiko lwasezulwini, nanokuthi usiko lwasezulwini lungaphezulu kosiko lwasemhlabeni kulabo asebekhethe iNkosi!
17.Ngenxa yokuthi abantu basemhlabeni lenkolo kaJehova bayifanisa nezinye izinkolo, bayaye bafune ukuthi uma benza imikhuba yasemhlabeni, nakulenkolo kaMenzi wezulu nomhlaba sibazwele, bese sixegisa umthetho kaNkulunkulu ngenxa yokwenza kwabo, in order to meet them half way, kumele siwuxegise umthetho kaNkulunkulu, kuthiwe asicabangele bona, kube sengathi uJehova uyingxenye yonkulunkulu babo!
19.Uma usukhethe ukuba ngumntwana kaJehova, hlukana nanoma yini eyenziwa emhlabeni ephambene nenqubo yokukholwa koPhezukonke!
20.Ukuqonda umehluko phakathi kwebandla likaJehova namabandla asemhlabeni, sakufundiswa nguBabamkhulu, kwafika kwagcizelelwa yingelosi!
21.Ngakhula ngingumNazaretha, kithi sasingasondeli isangoma. Le kwakuyimfundiso yabazali bethu ababeyithathe kuMprofethi. Uma besibona isangoma singabantwana besisibalekela, naso futhi besingangeni emzini yomNazaretha ophelele ekukholweni!
22.Ngelinye ilanga, sesikhulile nje, kwakune sangoma esasingu makhelwana wethu, sisejwayele nje. Sabona ekuseni lesi sangoma sihleli esangweni ekhaya.
23.Umama waya kuso wafika wabuza ukuthi lesi sangoma sihlaleleni esangweni, asingeni ngani ekhaya? Sathi isangoma sithe siyangena kwavela izwi, lathi singangeni kulomuzi ngoba singcolile!
24.Nempela konke esasizokusho sakusho singaphandle komuzi, ngoba senqatshelwa yizwi ukuthi singene ekhaya!
25.Kodwa ukuba sangena, angikholwa ukuthi thina ngokwethu sasiyosikhipha, nomama, noma wayengumuntu owayengagudluki emthethweni wokukholwa, angiboni ukuthi wayeyokwazi ukusikhipha ekhaya, ngoba kwakungu makhelwane! Kodwa uNkulunkulu akanendaba nalokho!
26.Ingelosi ke ifike yavusa umthetho kaNkulunkulu njengoba wawufundiswa ngumprofethi. Nayo ingelosi into eyafike yalwa nayo kakhulu ukuzihlanganisa nezangoma, nokuhlabela abaphansi, noma amadlozi!
27.Sesikhulume kakhulu ukuthi uBabamkhulu wathini ngokuhlabela amadlozi, nokuthi walwa kangakanani nokuzihlanganisa nezangoma, angizulokhu ngikuphinda lokho!
28.Ukuzi hlanganisa nezangoma, nokuhlabela abaphansi kuthinta izinto eziningi ezingamukelekile emthethweni kaNkulunkulu!
29.Uma ngaphambi kokuba uhlabe isilwane, uqale ukhulume ubike kwaba phansi ukuthi lesi silwane usihlabelani, lokho KUNGUKUHLABELA AMADLOZI, ngoba isizathu sokuhlaba lesi silwane awusazisanga uNkulunkulu, kodwa wazise abakini abangasekho!
30.Ngaleso senzo usuwephulile umthetho othi ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami!
31.Noma imuphi umoya(spirit) okhuluma ubhekise kuwo, ngokukaNkulunkulu lowo moya usuke usungomunye unkulunkulu!
32.Noma ubiza umama wakho, noma uyihlo ongasekho, noma uyihlomkhulu, noma ngukhokho wakho, ukumbiza kwakho uthi akwenzele into ethize; noma ukuthi uyabonga ngoba ukwenzele enye into, lowo mzali wakho kumuntu okholiwe usuke esethathe indawo kaNkulunkulu, ngakho ke USENGOMUNYE UNKULUNKULU! Kodwa hhayi ukuthi idlozi liyidimoni!
33.Ngake ngachaza ukuthi ingelosi isanda kufika, ngabikela u-aunti wami owabe engumkhokheli, kodwa futhi owabe enomoya wobungoma.
34.Ngabuza kuye ukuthi lesi simo sokuvakashelwa yingelosi kumele ngisenze njani? Ngaleso sikhathi wathi umkhokheli le yingelosi yakwaMpanza okumele ngiyikhunge ngembuzi!
45.Ngathi lapho ngisafuna imbuzi, yafika ingelosi yangibuza umbuzo onzima, yathi: “UBANI OWANIFUNDISA UKUTHI IKHONA INTO ONGAYIHLABELA NGAPHANDLE KWAJEHOVA KUPHELA, NGINGU JEHOVA YINI MINA?”
36.Ingelosi yabe isingivulela incwadi ka-Eksodusi 22:20, lapho kuthi: “OWENZELA ABANYE ONKULUNKULU UMHLATSHELO, ENGENZELI UJEHOVA YENA YEDWA, UYOBHUJISWA!”
37.Ithi ke ingelosi: “THINA SIDLA IPHUNGA LAMANONI OMHLATSHELO OSUKE UHLATSHELWE UJEHOVA, SIKHANGEZWA NGUYE UJEHOVA NGOBA SINGABANTWANA BAKHE!”
38.Kusukela lapho ke ingelosi yaphumela obala, isibuza ukuthi siwuthathaphi umkhuba wokuhlabela abanye onkulunkulu singamaNazaretha, ngoba uBabamkhulu wanenqabela ukwenza lokho, neBhayibheli liyanenqabela ukuba nihlabele abanye onkulunkulu?
39.Ukuhlabela, noma ukukhonza amadlozi kwenzeka ngezindlela eziningi. Akusho ukuthi uma ulikholwa awuhlabi, kodwa AWUWAHLABELI NOMA AWUWAKHONZI AMADLOZI!
40.Pho uma ungumNazaretha uhlaba kanjani? Uma ungumNazaretha uzobulala isilwane, uthatha amanzi uwafake endishini, ufake imali emhlophe lapha endishini.
41.Bese ugqoka ingubo emhlophe, uguqe, ubeke isandla sakho phezu kwalamanzi, bese uthandaza ubhekise kuNkulunkulu, umbikele ukuthi lesi silwane ufuna ukusibulalelani, ucele umphefumulo waso, ucele nokuthi ukufa kwaso kungakudali ukufa lapha ekhaya! Ukusibusisa ke lokho!
42.Lomthandazo ubalulekile ngoba abantu benza yonke imikhuba engadala ukuthi ukukhipha igazi kudale yonke inhlobo ocushwe ngayo ngabathakathi!
43.Leso silwane ke asihlatshelwe amadlozi, ngoba akukho nkulumo oyiqondise kwaba phansi ngaphambi kokusibulala!
44.Uma isilwane sibulawa kungumshado, ayenziwa lemikhuba eyenziwa zintombi zamabhinca yokuthi “ayize ngafa eyethu inkomo!”
45.Yonke into eyenziwayo kumele ihambe ngokosiko lwasezulwini, hhayi ngokosiko lwesizulu, ngoba ayizukudliwa ngabaphansi, kodwa uyenzele abantu abaphilayo!
46.Kwejwayelekile ukuthi uma abantu beshintsha inxiwa kube nemininingwane yokushintshana kwezimbuzi ezibika umuzi.
47.Lokho ingelosi yakuvala, yathi umuzi kumele ubikwe kuNkulunkulu, hhayi kwabaphansi ngembuzi, kodwa ngomnikelo obhekiswe kuNkulunkulu!
48.Ungacela amakholwa noma umgcotshwa ezokwenza inkonzo yokubika umuzi kuNkulunkulu!
49.Obika umuzi, njengobulala isilwane, uyobusisa amanzi ethandaze bese echela ngawo umuzi wonke ebika kuNkulunkulu ukuthi lomuzi usungowo mNazaretha, ngakho ucela ukuthi izingelosi ziwubheke, kuwo kwehlele izibusiso, kuzalwe abantwana baphile, kungabi bikho ukufa.
50.Kugcinwe umthetho kaNkulunkulu! Engasho noma yikuphi okushoyo okuyisibusiso! Umuzi wekholwa awubikwa kwabaphansi, kodwa ubikwa kuNkulunkulu!
51.Noma ngabe uthenge imoto, noma yintsha, noma iyi sekeni, kumele ngaphambi kokuyisebenzisa uyibike kuJehova!.
52.Ucele isibusiso kuNkulunkulu ngokubika kubaphathi bebandla ukuba imoto yakho ibusiswe, ingafi kalula, futhi ingazidali izingozi!
53.Akukho mcimbi wokuhlaba ekubikeni umuzi, noma ubikani ke nje, ngaphandle kokuthi uma uthanda ungakhipha umnikelo wokubonga!
54.Ingelosi yanquma ukuthi uma inkosazana icelwa ayikho lemicikilisho eyenziwa emabhinceni!
55.Umuntu ofuna ukuganwa uqala ngokukucela kuNkulunkulu ukuganwa esenkonzweni, engakakhombi ntombi ezomgana; ecele ukuthi intombi ezomgana akayinikwe nguNkulunkulu!
56.Esekwenzile lokho usengabheka intombi oseyibonile. Uma sebevumelene nayo ebese bebika lokho kumfundisikazi!
57.Emva kwalokho bobabili basayina ibhuku elibonisa ukuthi bavumelene ukuganana.
58.Emva kwalokho inkosazane iyalotsholwa ngo R16000, intombazane engasaphelele ngo R15000.
59.Uma kolotsholwa ayenziwa lemikhuba eyenziwa ngamabhinca, kodwa kuyafikwa nje kukhulunywe kuvunyelwane.
60.Uma abasemzini befuna izinkomo ezeqile kulezi ezinqunywe enkonzweni, lokho sekuphakathi komkhwenyane nabasemzini, kodwa uma intombazane isineminyaka engaphezu kwa 18, ingayofuna isitifiketi somshado kuHome Affairs, bese ishadiswa enkonzweni!
61.Akushadwa ekhaya, kodwa kushadwa enkonzweni, umshado uba ngumsebenzi webandla!
62.Umshado osesontweni uphelele, sebengazihlelela asebeshadile umshado omkhulu, kodwa ozohamba ngendlela yokukholwa, nozohanjelwa ngama Nazaretha kaNkulunkilu!
63.Ayikho into ngosiko lwasezulwini ewukukhulisa umntwana, ngoba ngaso sonke isikhathi umntwana wakho uyamnikelela umbonga kuNkulunkulu, umcelela nokuphila.
64.Ngosuku lokuzalwa kwakhe uyamnikelela kuNkulunkulu ubonga ukukhula kwakhe esaphila, kodwa ayikho osikweni lwasezulwini into eyi Birth Day!
65.Uma usuthathe isifungo sokuthi usuyohlala endlini kaJehova kuze kube sekupheleni kwezinsuku zakho, usuke usungene kuyisi vumelwano noNkulunkulu sokuthi usuzophila ngosiko lwasezulwini usekhona lapha emhlabeni!
66.Usuke usuvumelane nesicelo sikaYeshua sokuthi wena usuphila ngaphansi kombuso kaJehova uselapha emhlabeni.
67.Usuke usunqume ukuthi uzolandela lokhu okwashiwo nguJehova ku Levi 18:30, lapho kuthi: “Ngalokho gcinani umyalezo wami, ukuba ningenzi nalinye lalawo masiko anengekayo, ayenziwa ngaphambi kwenu, ningazingcolisi ngawo, nginguJehova uNkulunkulu wenu!”
KuMathewu 15:15 uYeshua uthi: “Nani yini ukuba neqe umyalo kaNkulunkulu ngenxa yesiko lwenu na?”.
68.Nengelosi ifike yasifundisa ukuthi umyalo noma umthetho kaNkulunkulu ungaphezulu kosiko lwabantu!
69.Lokho kusho ukuthi uma usiko lwabantu luphambana nomthetho kaNkulunkulu, uma ulikholwa uyaluyeka usiko lwabantu, ulandele umthetho kaNkulunkulu!
70.Maningi ke amasiko abantu abaye bacabange ukuthi uma ungawalandeli kukhona okuzokuvelela!
71.Akukho okungakuvelela ngokuthi ukhethe usiko lwasezulwini kunosiko lwabantu, ngoba umyalo kaNkulunkulu ungaphezulu kosiko lwabantu!
72.Kujwayelekile ukuthi umuntu abe nezinkinga eziningi, bese ethola ukuthi lezi zinkinga zidalwa ukuthi ubizwa ngesibongo okungayiso isibongo sakhe.
73.Nengelosi yavuma ukuthi isimo esinjalo siyakudala lokho. Kodwa asikho Isidingo sokuthi uma usushintsha isibongo bese uhlaba izimbuzi nezinkomo zokwazisa abaphansi ukuthi usushintsha isibongo.
74.Okungenzeka ukuthi amadlozi alapho usuka khona nawalapha oya khona ekubange! Uma ubangwa ngamadlozi ke, wena awukwazi ukuwalamula ngaphandle kokuthi akuhluphekise!
75.Okwesibili, ngokubikela abaphansi ngokuthi usushintsha isibongo, leso senzo sesingukukhonza abanye onkulunkulu, lokhu okudala ukuba uJehova akubeke icala!
76.Ithi ke ingelosi kulungile ukuba isibongo usishintshe, kodwa isibongo sasekhakonyoko kuseyiso isibongo sakho, ngakho ke akukho mashwa angakuvelela ngokuthi ubiza isibongo sasekhakonyoko!
77.Uma ushintsha isibongo, kumele uye kwa Home Affairs uyoshintsha ipasi lakho. Kodwa unikele ucele kuNkulunkulu ukuthi usuyasishintsha isibongo, ngakho ucela ukuthi ngokushintsha isibongo kungabi bikho into embi ekuvelelayo!
78.Akukho lutho olubi oluzokuvelela, ngoba wena yonke impilo yakho isiphethwe nguNkulunkulu!
79.Abanye abantu bayaye bekhulelwe, bese izisu ziphuphuma, abantwana bezalwe sebeshonile, abanye bezalwe bephila, kodwa beshone besanda kuzalwa.
80.Labo bantwana ngokwejwayelekile bayaye benzelwe imisebenzi, beqanjwe amagama.
81.Kodwa ingelosi isifundise ukuthi uma umuntu ezale umntwana, washona, kumele agezwe lowo mzali, kodwa ayisifundise lutho yokuthi umntwana oseshonile kukhona okunye okumele anzelwe khona ngaphandle kokunikelelwa. Awukho umthetho wokuhlabela umuntu ngoba ethi uzalwe embethe!
82.Yathi ingelosi asikho kangako isidingo sokuthi uma unikelela abangasekho ubabize ngamagama. Okumele ukwenze ukuba unikelele umndeni wakini nowasekhakonyoko.
83.Kodwa akwenqatshiwe ukuthi unikelele umuntu othize uma unesizathu sokuthi umnikelelani, njengokuthi umcelela intethelelo, ikakhulukazi ngesono owaziyo ukuthi kufunze wafa enaso!
84.Ukuzila kowesifazane ekufeni kwendoda akulona usiko lwasezulwini, sobuye sikuchaze kabanzi lokho!
85.Baningi ke abantu, namakholwa, abayaye bacabange ukuthi ibandla likaJehova liyafana namabandla abo, kanti akunjalo, ibandla likaJehova ngokunye ukukholwa okungasatholakali emhlabeni.
86.Kwabuyiswa nguShembe. Kodwa nasebandleni lamaNazaretha akusalandelwa.
87.Nathi sikulandela ngoba kwafika ingelosi ivela ezulwini, yahlala nathi, yasifundisa lokhu kukholwa okungasatholakali emhlabeni!
88.Lokhu kukholwa okunezingelosi kwagcina esizweni sakwa-Israel, naso sisahamba noNkulunkulu!
89.Emva kwalokho uNkulunkulu nezingelosi nabaprofethi baphela emhlabeni.
90.Abaprofethi kwa-Israel bagcina ngoYeshua, emva kwakhe akabuyanga waba khona umprofethi, izingelosi azibuyanga zahlala noma zavakashele abantu.
91.Yikho uma ukhuluma ngengelosi kuyaye kube sengathi ukhuluma ngento engenzeki, ngoba vele ingelosi ayibuyanga yaba khona enkolweni yabezizwe!
92.Umprofethi kaJehova owaba khona emva kwaYeshua, nguShembe uBabamkhulu. Angisho ukuthi uMprofethi uMahumed wayengesiye uMprofethi, kodwa wayengaveli endlini ka-Israel!
93.Ngisasebenza kuhulumeni, ngake ngabizwa ngenye inkosi eyayingungqongqoshe emnyangweni yamakhosi. Ithi ke lenkosi, kungani amaNazaretha engangcwabi ngesabatha, ngoba nabo bayangcwaba ngeSonto?
94.Ithi ke lenkosi, izotshela abantu bayo ukuthi nabo bengawelekeli amaNazaretha ukungcwaba ngeSonto, ngoba nabo iSonto usuku lwabo lokukhonza!
95Ngokwalenkosi iSonto liyalingana neSabatha, ngoba bona elabo isabatha yiSonto! Vele kumaKrestu amaningi iSonto liyalingana neSabatha!
96.Kodwa iSabatha lusuku lukaNkulunkulu elinomthetho onzima ngisho eBhayibhelini.
97.lSonto lusuku lwabantu abahlubuke uNkulunkulu! Ngokwabo ke nathi kumele simhlubuke uNkulunku sivumelane nabo ngokungaligcini iSabatha ukuze sizwelane nokuhlubuka kwabo!
98.Njengamanje ziningi izinto ezingamanyala nesinengiso kuJehova, osekuthiwa asizihloniphe, sizenze izinto ezivumelekile ekukholweni ukuze sivikele osaziwayo abangabahlubuki!
99.Enkulu yazo ubungqingili! Kwasho uJehova ukuthi umuntu otholakala elala nesilwane, akabulawe kanye naleso silwane, abantu abatholakale belalana bewubulili obufanayo, labo bantu ababulawe!
100.Ngisho kuyiTestamente Elisha uPawuli wakhuluma kabanzi ngalokho kwabaseKorinte bokuqala isahluko 6:9-11 lapho ethi:
101.“Kanti anazi yini ukuthi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na?
102.Ningayengeki, ngokuba izifebe, abakhonza izithombe, iziphingi, abahlobongayo, abaphangi, ABALALANAYO BENOBULILI OBUFANAYO, amasela, abanomona, izidakwa, abathuka inhlamba nabaphangi abayikulidla ifa likaNkulunkulu?
Abanye benu babenjalo, kodwa senahlanzwa nangcweliswa, nalungiswa ngegama leNkosi uJesu Krestu nangoMoya kaNkulunkulu!” Amein!
103.Manje ke ngoba ongqingili sekungosoziwayo nezikhulu eziphethe izwe, akusafanele kukhulunywe ngalesi sono, kodwa uNkulunkulu usibalile!
104.Kulentshumayelo ngifisa ukuxwayisa isizwe ngesiprofetho sikaSister Celestial esithinta ngqo iSouth Afrika. Lomprofethikazi usiqala kanje lesi siprofetho:
105.“Yizwani amazwi eNkosi: ‘Amaqembu ezixuku zabadlwenguli kuyovumbuka kuyo yonke iNigeria nakuyo yonke i-Afrika, amaqembu amadoda azithathela ucansi ngempoqo!
106.Lokhu kuyokwenzeka kwabesilisa nakwabesifazane, ikakhulukazi kwabesifazane. Abasebancane nabesifazane abangahambi namuntu omdala bayoba abagilwa, kodwa nabesifazane abayobe bephelezelwa bayohlaselwa!
107.Uma ningacopheleli ukuthi nihambaphi, niyoxinwa naphakathi kwabantu, nidlwengulwe!
108.Bayothatha ubuntombi bakho uphakathi kwabantu, nasemigwaqeni, phambi kwabanye abantu!
109.Ekushonenini kwelanga uyodlwengulwa ngepoqo ngenxa yenkanuko nobudlova okoba kubantu baseNigeria nabakwezinye izindawo zase-Afrika.
110.ICameroon ingenye yazo, iKenya ingenye yazo, iSouth Africa ingenye yazo. Kuyokwenzeka kanjalo kulezi zindawo, kodwa futhi niyobona kwenzeka kwezinye izindawo!
111.Onke amadoda azinikela emikhubeni yezono njengokuhlobonga ne masturbation, yiwo ayoqala angenwe yilo moya. Ayokwakha amaqembu ayosebenza ngaphakathi ezitolo nasema bhizinisini amancane!
112.Ngenxa yendlela abesifazane abagqoka ngayo manje, amadoda ayoguquka ngendlela eyethusayo! Umfowenu noma umyeni wakho uyokubuka sengathi uliqatha nje lenyama, enze izenzo zesihluku kuwe khona endaweni okungafanele kwenzeke kuyo, njengasendlini kayihlo noma embhedeni womshado wakho okwakufanele ube yindawo yokuphepha!
113.Abesifazane bayohlaselwa kakhulu babandlululwe ngale ndlela kuyo yonke i-Afrika, futhi ngiyaphinda ngithi kini kuyoba yinjwayelo ukuthola owesifazane enesibibithwane eceleni kwendlela njengalokhu amadoda ayobe ephezu kwakhe eqeda ngaye!
114.Okubi kunakho konke ukuthi amalungu omphakathi ngeke eze kuye size sifezwe isenzo esenziwa kuye ngoba amanye amaqembu ayobe ehlomile futhi ezimisele ukungena ezenzweni zodlame noma aze abulale abantu abayozama ukubanqanda!
115.Kungukuhlanya ngokomoya, ukuhlaselwa ngamadimoni, futhi UMTHANDAZO NOKULINDA KUPHELA OKUYOVIKELA OWESIFAZANE KANYE NENHLAKANIPHO AYOYISEBENZISA NGRNKATHI NJE EPHUMA ENDLINI YAKHE KUZE KUBE YISIKHATHI ABUYELA NGASO EKHAYA!
116.Ungadlali ngokuphepha kwakho futhi ungawedeleli amazwi okuyala kwami! Zwanini amazwi eNkosi!” Amein!
117.Lesi siprofeto ngisifinqile, kodwa sona side kakhulu! Ngikhuluma ngaso ngoba lento lomprofethikazi okhuluma ngayo izokwenzeka, futhi isiqalile ukwenzeka lapha eSouth Afrika!
118.Umbuzo wami uthi lesi simo sizosigwema kanjani njengesizwe, ngoba ubungqingili, ukudlwengula nemikhuba enjalo into ephambene nemvelo, kodwa kuphume umoya womubi, kuphume amadimoni ukuzosibhubhisa!
119.Uthi ke uCelestial: “Kungukuhlanya ngokomoya, ukuhlasela kwamadimoni, futhi wumthandazo nokulinda kuphela okuyovikela owesifazane kanye nenhlakanipho ayoyisebenzisa ngenkathi ephuma endlini yakhe!”
120.Umbuzo enginawo ukuthi lamakholwa esinawo ayakwazi ukulinda, nokuthi umthandazo yini yona leyo?
121.Engazi ukuthi kuzokwenzeka ukubona abafundisi bebambene, noma bethwele isiphambano beshaya itoyitoyi! Angazi ke ukuthi uma umuntu ehlaselwe ngomubi, ekhwelwe idimoni lokumdlwengula, umfundisi ulivimba kanjani ngetoyitoyi?
122.Kuzoba nomsindo omkhulu kusolwa amaphoyisa, namaqembu ezombusazwe esolana, lowo nalowo ethi ukuba bekuyimi engiphethe, bengizokuvimba lokhu!
123.Nasi lesi simo sisazoba simbi kakhulu eSouth Afrika. Manje likhambi lini amaqembu ezepolitiki analo? Ngisho unganezela amaphoyisa abe mahlanu kubantu abalishumi, kodwa ngenke bekwazi ukuvimba ukudlwengula okungakazenzi!
124.KuyiziKronike zesibili isahluko 7:13-15, uJehova uthi: “Uma ngivala izulu, imvula ingani, noma ngiyala isikhonyana ukuba sidle okusezweni, noma ngithumela ubhubhane kubantu bami, abazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi!
125.Ngiyakuzwa ngisezulwini, ngithelele isono sabo, ngiphilise izwe labo!
126.Manje amehlo ayovuleka, izindlebe zami zilalele umkhuleko owenziwa kulendawo!” Amen! NguJehova kuphela ongasinqobela lezi zigigaba ezisohlela!
127.Umbuzo wokuqala ukuthi SIYIBO YINI ABANTU BAKANKULUNKULU, siyazi yini ukuthi umuntu uba ngokaNkulunkulu kanjani?
128.AmaNazaretha kaNkulunkulu ingelosi
iwafundisile ukuthi ukuze uthi ungumntwana kaNkulunkulu, kumele uziphathe kanjani!
129.Okokuqala kumele sihambe ngokwezimiso zikaJehova njengokusho kukaShembe kuvesi 16 womthandazo wokulala!
130.Okwesibili kumele singalususi loluphawu olwanikwa abantwana bakwa-Israel mhla uJehova ebakhipha eGibhithe!
131.Njengaku Nehamiya 9, asizahlukanise nabantu abangazi lutho ngendaba ka Nkulunkulu, singazi hlanganisi nezangoma kanye namakholwa akhonza abanye onkulunkulu uma silindile, sithandazele ukuthi uJehova asifukamele, avikele nemindeni yethu!
132.UShembe wasifundisa ukuthi alikho elinye igama esingasinda ngalo, ngaphandle kwegama likaJehova! Thina silwa ngoJehova, sivika ngoJehova, alikho futhi elinye igama!
Isihlabelelo 119.
Thina Siyamthanda lo
Onokusindisa
Isihlangu sethu nguJehova
Onokusindisa.
Thina Siyamthanda lo
Onokusindisa
Sophelela sonke kuJehova
Onokusindisa.
Wena uyamdinga lo
Onokusindisa
Kuphela kwakhe uJehova
Onokusindisa.
Alikho nelinye igama
Esingasinda ngalo
Kuphela igama likaJehova
Esingasinda ngalo.
Asinazihlangu
Esingavika ngazo
Kuphela igama likaJehova.
Esingavika ngalo.
Asinazikhali
Esingalwa ngazo
Kuphela igama likaJehova
Esingalwa ngalo.
INkosi ibusise enikuzwile.